Isiphandla Sezwe

Coat of Arms

Indima

Isiphandla Sezwe wuphawu olubonakalayo, olukhulu kwedlula zonke izimpawu ezweni.

Isiphandla Sezwe yinxenye ephakathi nendawo yesisicilelo esikhulu, ethathwa ngokosiko, ngokuthi iyisibonakaliso esiphakeme kunazozonke ezweni. Iphepha elinesibonakaliso esiphakeme linikezwa amandla amakhulu ngoba loku kusho ukuthi livunyelwe nguMongameli waseNingizimu Afrika.

Isiphandla Sezwe saseNingizimu Afrika sethulwa esizweni ngoSuku Lwenkululeko, lika 27 April 2000. Lokhu kukhombisa inhloso kahulumeni yokugqamisa ushintsho lwentando yeningi eNingizimu Afrika kanye nothando elisha lezwe lethu.

Umklamo

Isiphandla Sezwe yinxenye yezinto ezilandelanayo ezihlelwe zakha isiyingi somumo weqanda esibekwe ngendlela yokuthi okunye kuphezu kokunye.

Isifanekiso esithi asifane neqanda esingaphansi sifanekisa umsuka wesisekelo

Isangqumo sokuqala yisaga esingumgomo esiphakathi kwendingilizi enguhafu eluhlaza. Kubekwe ngokufanana nxazombili, amazinyo endlovu amabili abheke phezulu, ukuze kugcwaliswe uhafu wendingilizi. Esifanekisweni esithi asifanane neqanda esakhiwa ngamazinyo endlovu, kunezindlebe ezimbili zikakolweni ezakhela ihawu legolide eliphakathi nendawo.

Umfanekiso wehawu uphathelene nesigubhu kanti unabantu ababili abadalwe ngobuciko bamatshe babantu bohlanga lwamakhoisan. Lababantu bavezwe bebhekene, bebulisana ngokuzwana.

Ngaphezu kwehawu, kunomkhonto kanye newisa zibekwe zakha isiphambano. Lezangqumo zibekwe ngokufanelana ukuze kuqondiswe ehawini kugcwaliswe umfanekiso wesisekelo ongaphansi ofana neqanda.

Umfanekiso ofana neqanda wokwenyuka

Ngaphezu komfanekiso wesisekelo ofana neqanda yisenta ebonakalayo yesiphandla, oyihlathi elihlala liluhlaza. Amagcebe ezimbali zalezihlahla zalelihlathi amiswe ngomfanekiso ongunxantathu okuyinkumbulo yomsebenzi wobuciko waseAfrika.

Inyoni yemilenze emide ibekwe ngaphezu kwehlathi eliluhlaza, izimbali zakha isifuba salenyoni. Inyoni yemilenze emide imise izimpiko zayo ngendlela yobukhosi. Izimpawu ezibonakalayo zalenyoni ziyimbathise ikhanda eliqinile ungathi ngumqhele. Ilanga eliphumayo ngaphezu kwesibhakabhaka libekwe ngaphakathi kwezimpiko zenyoni enemilenze emide ukuze igcwalisele umfanekiso ofana neqanda wokwenyuka.

Inhlanganisela yemifanekiso efana neqanda yangaphezulu nangaphansi ihlangana yakhe umzila omude ongenasiphetho kanti nokuhlelek a kahle phakathi kwezingqumo ezingumsusa kwakha umklamo onamandla, omuhle kakhulu nongafanani neminye. Kanti-ke ugcina ukusimama, nobuzotha, nobunzima abudingwa yisiphandla sezwe.

Ukufanekisa ngezimpawu

Umfanekiso wesisekelo ofana neqanda

Isiqubulo

Isiqubulo - !ke e: /xarra //ke, sibhalwe ngolimi lwabathwa besizwe sabantu okuthiwa i-/Xam. Lesiqubulo sichaza ukuthi: ukubumbana kwabantu abahlukahlukene. Lokhu lowo nalowo mzamo wokuhlanganisa isenzo nomcabango kube yinto eyodwa. Kubiza isizwe, kuthi masihlangane sonkana sibe nomqondo ofanayo wokuzwana futhi sibe nokuziqhenya ngobuzwe baso. – ubumbano ekwahlukahlukaneni kwethu.

Ukuphumisela i: /xarra //ke:

.wav file (170 kb)

Ukolo

Ukolo umele ukunonophala, ukukhula nokuthuthuka okunokwenzeka, ukondleka kwabantu kanye nezinye izinto eziqondene nozolimo.

Amazinyo endlovu

Amele ubuhlakani, amandla, ubumnene kanye nobungunaphakade.

Ihawu

Linemisebenzi emibili: ukukhombisa ubuqobo kanye nokuvikela ngokomoya. Liqukatha uphawu elikhulu lezwe.

Imidwebo yabantu

Ithathwe kwimidwebo esetsheni lika-Linton. Lemidwedo iyisibonelo se-South African Rock Art, njemgamanje lelitshe ligcinwe eMnyuziyamu yaseNingizimu Afrika ese Cape Town. Ngokomlando, isizwe samaKhoyisani saziwa njengesizwe esidala kunazozonke izizwe eNingizimu Afrika. Izithombe zime ngendlela yokubingelela, okukhombisa ubumbano. Lokhu futhi kusho ukuqala koguquko kumuntu nomuntu ukuthi abe nomqondo obanzi wokuba ngowesizwe kanjalo ukuhlangana kweSintu.

Umkhonto newisa

Lokhu kokubili kumele ukuvikeleka kanye nobuphathimandla. Futhi kumele imilenze enamandla okungeyenyoni intinginono. Umkhonto newisa kulele phansi, okumele uxolo.

Umfanekiso ofana neqanda wokwenyuka

Isiqalaba sentaba (imbali yeProtea)

Imbali yeProtea yisibonalakiso sobuhle bezwe lethu kanye nokuqhakaza okunokubakhona ngokwamandla ethu njengesizwe esinakashelele ukuvuselela i-Afrika – ifanekisa ukuhlangana okuphelele kwezinto eziqhamuka enhlabathini, zibe futhi zikhuselekile nangaphezulu. Imibala eyiyona ethandwa ngabantu eAfrika inikezwe ihlathi eliluhlaza – imibala eluhlaza, esagolide, ebovu nemnyama.

Intinginono

Esesimweni sokundiza – ngokwemvelo kukhumbosa ukukhula kanye nesivinini. Lena inyoni enamandla kakhulu omilenze yayo – ibekwe yafanekiswa nomkhonto newisa – eyisiza kakhulu ekuzingeleni kanye nasekuzivikeleni. Iyisithunywa esivela ezulwini futhi yehlisele ubumnene bayo bulapha emhlabeni, ngalowo mqondo-ke ingumfanekiso wobukhosi basezulwini. Izimpiko zayo eziphakeme zibonakalisa ukuphakama kwesizwe sethu, okuhambisana nokusinikeza ukuvikeleka.

Ilanga eliphumayo

Isibonakaliso sokugqama kanye nobukhazikhazi. Kungumfanekiso wesethembiso sokuzalwa kabusha, amandla abhidlangile okucabangisisa, ulwazi, ukuthatha isinqumo esiyiso kanye nokuzimisela okukhulu. Kuyisibonakaliso somthombo wempilo, wokukhanya kanye nokuphelela kweSintu okuphelele.

Isakhiwo esiphelele seSiphandla Sezwe sihlanganisa ingxenye engenhla nengezansi yakhe isiyingi somumo weqanda okufanekisa ingunaphakade. Ukuhlangana konqenqema lombhalo olungezansi, namazinyo endlovu, nokomkhathizwe okuqhamuka kuwo ilanga likhuphuke, kwakha isimo seqanda okuqhamuka kulo intinginono. Lomfanekiso unomqondo osho ukuzalwa kabusha ngokomoya kwesizwe sethu esikhulu futhi esinobuqhawe.

Umsebenzi wokuklama

Ngo-1999, umnyango wezobuCiko, amaSiko, iSayensi nobuChwepheshe, wacela kubantu baseNingizimu Afrika ukuba bathumele imiqondo yesiphandla Sezwe esisha. Imiqondo eyathunyelwa yasetshenziswa, yahlanganiswa nalokho okwabe kufakwe yiKhabhinethi, kwaba sekubhalwa izinto ezizoba ingxenye yaleSiphandla Sezwe. I-Government Communication and Information System [GCIS] yabe isicela abakwa-Design South Africa – okuyinhlangano emele zonke izimpiko ezidwebayo ezweni lonke – ukuthi icele abayishumi babadwebi abaseqophelweni eliphezulu. Kwakhethwa abadwebi abathathu ukuthi bethule imiqondo yabo kwiKhabhinethi. Umdwebo ka Mnumzane u-Iaan Bekker iwona owakhethwa ukuba usetshenziselwe Isiphandla Sezwe esisha. UMnu. Bekker ungumqondisi we-FCB Group futhi usedwebe inqwaba yemidwebo eyizinkombisa yezinhlangano ezizimele kanye nezi kahulumeni.

Isiphandla Sezwe esisha sikhulisa i-Batho Pele

Igama elithi Batho Pele liwumushwana wesiSuthu ochaza ukuthi “Abantu kuqala”, okubophezelela abasebenzi bakahulumeni ukuthi basebenzele bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ukubaluleka nemimiso-migomo ye-Batho Pele uyisisekelo seSiphandla Sezwe. Ngomhlaka 1 Okthoba 1997, abasebenzela uhulumeni baqala umkhankaso we-Batho Pele ababehlose ukuwusebenzisa ukwenza ngcono izinsiza abaziphakela umphakathi.

I-Batho Pele imayelana nokuzinikela kulokhu okulandelayo:

  • Ukubonisana ngezinga nobuqotho bezinsiza
  • Ukumisa amazinga okusebenza achaza ngobunqala bezinsiza okufanele zilindeleke
  • Ukwandisa ukutholakala kwezinsiza ikakhulukazi kulabo abanomlando wokukhinyabezeka
  • Ukuqinisekisa amazinga okuhlonipha asezingeni eliphakeme ngokulandela amazinga abekiwe okuphatha amakhasimende
  • Ukuphakela ulwazi oluningi nolungcono ngezinsiza ukuze amakhasimende abe nolwazi olufanele
  • Ukwandisa ukubonakala nokuphumela obala mayelana nendlela okuwenziwa ngayo leyo misebenzi
  • Ukulungisa amaphutha ukuze izinkinga zixazululwe noma zilungiswe ngendlela eyakhayo
  • Ukwenza umsebenzi omuhle kangangemali nemali ekhokhiwe ukuze amakhasimende abone ukuthi imali yawo yentela isetshenziswa ngendlela eyiyo neyimpumelelo.

I-Batho Pele imayelana nokuthi kukhishwe izindlela zokusebenza ezibiza kakhulu nezimosha imali ezingabeki izidingo zabantu phambili. Iphinde iphathelane nokuthi iqinisekise ukuthi izinhlelo zikahulumeni zokusebenzisa imali zihambelana nezidingo zabantu kanye nokuthi yiziphi ezidingeka masishane.

Iningi lentuthuko efunwa ngabantu ayidingi mali ukuze ibe khona, njengokumoyizela, ukuphatha abantu ngenhlonipho ukwethembeka uma unikeza abantu ulwazi kanye nokuxolisa uma wenze iphutha. Lezizinto azidingi mali – zidinga ukuguqula indlela abantu baziphatha ngayo.

Ukuthuthukisa imisebenzi eyenzelwa abantu wukuhlela kabusha indlela ophatha abantu ngayo. Ukufezekisa uhlelo lwe-Batho Pele akuwona umsebenzi owenziwa kanye ubese uphela, kanti kuwuhlelo oluqhubeka njalo, olunamandla oluzoqhubeka iminyaka eminingi luthola umfutho sonke isikhathi.

Sidinga ukuthi sisebenze ngokuhlanganyela, njengohulumeni nomphakathi, ukuze imimiso-migomo ye-Batho Pele ibe yinto ekhona nesebenzayo esizweni esisebenzela impilo engcono. (Inkulumo ka Mongameli Thabo Mbeki mhla kwethulwa Isiphandla Sezwe eKwaggafontein, eBloemfontein, ngomhlaka 27 April 2000).

Share this page