Ukufaka isicelo selungelo lokuhlwaya

Mayelana
Okumele ukwenze
Kuthatha isikhathi esingakanani
Kubiza malini
Amafomu okufanele agcwaliswe
Kuthintwe bani

 

 

Mayelana nokufaka isicelo selungelo lokuhlwaya

Uma ufuna ukufaka isicelo selungelo lokuhlwaya kumele ufake isicelo ku-inthanethi ngokuvakashela isizindalwazi soMnyango WezokuMbiwa Phansi: http://portal.samradonline.co.za

Ilungelo lokuhlwaya yimvume ekuvumela ukuba wena noma inkampani yakho ihlole noma iphenye umhlaba lowo ngenhloso yokuhlonza ukuthi kukhona okungaba noma okungumgodi womcebo wezimbiwa phansi.

Ilungelo lokuhlwaya lisebenza iminyaka emihlanu, emva kosuku lokuphelelwa yisikhathi ungacela ukuvuselelwa kwelungelo lokuhlwaya isikhathi esiyiminyaka engevile kwemithathu.

Ilungelo lokuhlwaya lizonikezelwa uma izidingo ezilandelayo kuhlangatshezwene nazo uma:

  • wena:
    • unazo izinsiza zezimali kanye nolwazi lokuqhuba umsebenzi lo wokuhlwaya ngokupheleleyo
    • unepulani lezimali elihambisanayo nomsebenzi wokuhlwaya wesikhathi leso
    • ukwazi ukuthobela UMthetho WezokuPhepha Nokuvikeleka Ezimayini wangowe-1996 (UMthetho wama-29 wangowe-1996)
    • ungeqi UMthetho Wokuthuthukiswa Kwezinsiza Zezokumbiwa Phansi Nephethroliyamu, wezi-2002 (UMthetho wama-28 wezi-2002)
  • kungekho omunye umuntu onelungelo lokuhlwaya, ukuvukuza, imvume yokuvukuza noma imvume yokugcina isimbiwa leso kanye nomhlaba
  • akukho kungcoliswa noma ukulinyazwa kwendawo okuzokwenzeka ngenxa yalokhu kuhlwaya.

Okumele ukwenze

  1. Faka isicelo ku-inthanethi.
  2. Khokha imali edingekayo nengeke ibuyiswe khona belu ku-inthanethi.  
  3. Uma isistimu isemukela isicelo sakho, uzocelwa ukuba ulethe ipulani yakho yokwengamela ukuphathwa kwendawo kanye nokuxoxisana nomnikazi wendawo, ohleli kuleyo ndawo kanye noma umuntu ohlezi kuleyo ndawo ngokusemthethweni noma-ke nanoma iyiphi ingxenye ethintekayo.
  4. Letha imiphumela yokuxoxisana ,kumenenja wesizinda ezinsukwini ezingama-30.
  5. Uma zonke izinto ezidingekayo ziphumelele, imenenja yesizinda izohambisa isicelo kuNgqongqoshe ukuba asibuke.

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Uma Uhlelo Olwengamele Ezokumbiwa Phansi eNingizimu Afrika:
    • Lungasemukeli isicelo sakho, uzokwaziswa ngaleso sikhathi ngo-inthanethi
    • Lwamukela isicelo sakho, uyokwaziswa ezinsukwini eziyi-14 ukuba ulethe uhlelo lwakho lokunganyelwa kwendawo, kanye nokubonisana nomnikazi wendawo kanjalo nohlezi kuyo ngokusemthethweni nabanye abathintekayo nabathikamazekayo.
  • Kufanele ulethe umphumela obhaliwe mayelana nokubonisana kumenenja wesizinda kungakapheli izinsuku ezingama-30.
  • Uma izidingo sezifeziwe, imenenja yesizinda kufanele ithumele isicelo kuNgqongqoshe ukuze asicubungule  .

Kubiza malini

Izindleko zibalwa ngokubuka isimbiwa leso ofake isicelo saso.

Amafomu okufanele agcwaliswe

Izicelo kufanele zilethwe ku-inthanethi.

Kuthintwe bani
 

Share this page