Faka isicelo semvume yokuvukuza

Mayelana
Okumele ukwenze
Kuthatha isikhathi esingakanani
Kubiza malini
Amafomu okufanele agcwaliswe
Kuthintwe bani

 

 

Mayelana nokufaka isicelo semvume yokuvukuza

Uma ufuna ukwenza imisebenzi yokuvukuza kudingeka uthole imvume yokuvukuza evela kuMnyango Wezimbiwa Phansi (i-DMR).

Imvume yokuvukuza yiphepha elinikezwa yi-DMR nelikunikeza imvume yokwenza umsebenzi wokuvukuza. Akekho umuntu ovunyelwe ukuvukuza emayini ngaphandle kwemvume yokuvukuza.

Izimvume zokuvukuza azibolekisi.

Imvume yokuvukuza isebenza isikhathi esinqunyiwe, kodwa esingedlule eminyakeni emibili. Kodwa-ke ingavuselelwa ezinye izikhathi ezintathu ezingengaphezu konyaka isikhathi ngasinye.

Imvume yokuvukuza inganikezwa kuphela uma:

  • Isimbiwa leso sikwazi ukumbiwa ngaphandle kwezihibe iminyaka emibili
  • Indawo yokuvukuza ingeqile ebangeni eliyi-1.5 ha.

Okumele ukwenze

  1. Faka isicelo ku-inthanethi
  2. Khokha ku-inthanethi imali edingekayo nengeke ibuyiswe.
  3. Isistimu izokwamukela isicelo uma zonke izidingo ziphothuliwe.
  4. Uma isicelo sesamukeliwe, imenenja yesizinda izocela ukuthi ulethe ipulani yakho yokunganyelwa kwendawo, kanye nokubonisana nomnikazi wendawo kanjalo nohlezi kuyo ngokusemthethweni nabanye abathintekayo.
  5. Letha imiphumela ebhalwe phansi yokuxoxisana kumenenja wesizinda zingakapheli izinsuku ezingama-30.
  6. Uma zonke izinto ezidingekayo ziphumelele uNgqongqoshe Wesimbiwa Phansi uzokunikeza imvume yokuvukuza.

Kuthatha isikhathi esingakanani

Uhlelo Olwengamele Ezokumbiwa Phansi eNingizimu Afrika lizokwazisa ngokushesha ukuthi isicelo sakho semukelwe na (lokhu kuchaza ukuthi ukwazile ukuhlangabezana nazo zonke izidingo).

Kubiza malini

Maleyana nezindleko, thintana noMnyango Wezokumbiwa Phansi.

Amafomu okufanele agcwaliswe

Zonke izicelo kufanele zenziwe ku-inthanethi.

Kuthintwe bani

 

Share this page