Inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana nokushona kwezingane ngenxa yezifo abazithole ekudleni eyethula eziNdlini Zombuso, e-Tshwane
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
Ntambama nje ngifisa ukuthula inkulumo yami mayelana nengqinamba ezwisa ubuhlungu obukhulu futhi ekhinyabeze kabi isizwe sakithi.
Ezweni lonke jikelele, sekube nokwenyuka kwezigameko ezibikiwe zokushona nezifo ezitholakala ekudleni.
Iningi labantu ligula ngokwedlulele futhi abanye bagcina beshonile emva kokudla ukudla okunoshevu.
Kutholakale ukuthi okunye kwalokhu kudla kuthengwe eziphaza kanye nakulabo bantu abathengisa emgwaqeni.
Selokhu kwaqala uMandulo wezi-2024, izigameko sezizonke ezibikiwe zokugula okutholakala ekudleni zingama-890 kuzo zonke izifundazwe.
Izifundazwe zase-Gauteng kanye nesaKwaZulu-Natali yizona zifundazwe ezikhahlamezeke kakhulu, ne-Limpopo, i-Freyistata kanye neMpumalanga nazo zibika izibalo eziphezulu zalezi zigameko.
Emavikini ambalwa nje adlulile, ukugula okutholakala ekudleni sekuthathe izimpilo zezingane zezwe lakithi ezibalelwa kuma-22.
Ngenyanga edlule nje yodwa kube nesigameko lapho kushone izingane eziyisithupha ngenxa yokugula abakuthole ekudleni endaweni yase-Naledi eSoweto.
Encane kunazo zonke kulezi zingane ibineminyaka eyisithupha kuphela.
Asinamazwi okuchaza ukuphatheka kabi kwethu kanye nobuhlungu esibuzwile njengesizwe.
Sizoyibeka emthandazweni imindeni elahlekelwe njengoba besezinhlungwini futhi bekhahlanyezwe kabi ngukulahlekelwa yizingane zabo.
Ukulahlekelwa yingane kungubuhlungu okungekho namunye umzali okumele ukuthi akubekezelele.
Lezi zingane ezincane ezidlule emhlabeni beziyizingane emndenini yazo. Beziyizingane zethu.
Abantu bakithi bafanele ukuphatheka kabi futhi bathukuthele bagane unwabu ngenxa yalezi zehlakalo.
Esikhathini esifana nalesi, kufanele sibumbane njengezwe futhi sisebenze ngokubambisana ekunqandeni ukushona kwabantu bakithi.
Kumele senze noma yini esemandleni ukuqinisekisa ukuthi lezi zehlakalo aziphinde zenzeke ezweni lakithi.
Kuthe uma kuzwakala nje ngokushona kwabantu bakithi, kube sekusungulwa amathimba amikhakhaminingi kuhulumeni ngenhloso yokubhekana nalezi zigameko.
Lai mathimba abandakanya abaseshi bezoPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, abasebenzi bezempilo, abanakekeli bezemvelo, abasebenzi boMnyango Wezolimo kanye nabasebenzi beKhomishana Yabathengi kuZwelonke.
IKhabhinethi ihlale phansi amahlandla amathathu ukuze yemukele imibiko yalezi zigameko zakamuva nje kule minyango eyahlukene.
Yilolu lwazi esinalo okwamanje.
Isikhungo Sezifo Ezithathelanayo kuZwelonke sicelwe ukuthi senze ucwaningo lwezesayensi futhi sibe sesithola ukuthi ukushona kwezingane eziyisithupha endaweni yaseSoweto e-Naledi kumataniswa nekhemikhali eyingozi kakhulu esetshenziswa ukubulala izinambuzane eyaziwa nge-Terbufos.
Le khemikhali yokubulala izinambuzane i-Terbufos ingadala umonakalo omubi kwezempilo, noma ngabe isetshenziswe kancane kangakanani.
I-Terbufos iwuhlobo lwekhemikhali lwe-organophosphate ebhaliswe ngokusemthethweni eNingizimu Afrika ukuze isetshenziswe kwezolimo.
Ayivumelekile neze ukuthengiswa ngenhloso yokusetshenziselwa imisebenzi eyejwayelekile yasemakhaya.
Noma kunjalo, i-Terbufos ithengiswa noma kanjani njengento ebizwa ngokuthi 'umuthi wokubulala izinambuzane emgwaqweni' esetshenziswa emalokishini nasemijondolo ukubulala amagundane.
Amasampula athathwe ezitolo eziyiziphaza ezingama-84 endaweni yaseNaledi. Kulezi, ezintathu zazinobufakazi be-Terbufos.
Ngemuva kokuhlolisisa, iphakethe lama-chips elitholakale kwenye yezingane ezishonile belinezinhlayiya ze-Terbufos ngaphakathi kanye nangaphandle kwephakethe.
Njengengxenye yophenyo ngokushona kwezingane eNaledi, abaseshi bashaqe inqwaba yezibulali-zinambuzane ezithengiswa ngokungekho emthethweni ezitolo eziyiziphaza.
Kwezinye izitolo bathole ukuthi ukudla bekubekwe eduze kwezibulali-nambuzane kanye nezibulali-magciwane.
Kuphinde kwatholakala futhi ukuthi lezi zitolo eziyiziphaza azinayo indawo ephephile yokugcina ukudla, indawo yokugeza izandla kanye nezitsha, lokho okwenyusa izinga lokuthi ukudla kungenwe amagciwane.
Yize uphenyo lwethu lusaqhubeka, kubalulekile ukuqondisisa ukuthi le nkinga ebhekene nezitolo eziyiziphaza kanye nabanye abathengisi abangahlelekile kuphela.
Ukusetshenziswa kwezibulali-zinambuzane ezingagunyaziwe ngokungemthetho emiphakathini yakithi kuyinkinga ekhulayo, enemiphumela emibi.
Emalokishini amaningi enye ikhemikhali i-Aldicarb, okuyi-organophosphate eyaziwa ngokuthi yi-Galephirimi ijwayele ukuthengiswa ngabathengisi basemgwaqeni njengomuthi wokubulala amagundane.
I-Aldicarb seyavalwa ukusetshenziswa eNingizimu Afrika kusuka ngonyaka wezi-2016.
Ngonyaka owedlule, izingane ezintathu zase-Ekurhuleni kanye nezinye ezintathu eSoweto ziye zadlula emhlabeni ngemva kokuthola i-Aldicarb.
Ukuphendula kulezi zehlakalo, kudingeka ukuthi siqondisise ukuthi le nkinga idalwa yini emphakathini yakithi.
Esinye zezizathu esenza abantu basebenzise izibulali-zinambuzane ngukuzama ukulwisana nezinga eliphezulu lokwanda kwamagundane.
Ukwanda kwamagundane kwenziwa ngukwehluleka komasipala abaningi ukulawula ukuthuthwa kukadoti emiphakathini yakithi.
Udoti awulandwa njalo njengenjwayelo, imigwaqo ayihlanzwa, lokhu okwenza isimo samagundane kanye nezinye izinambuzane kwande.
Ngokujwayelekile, imiphakathi yakithi ehlwempu yiyona ekhinyabezeke kakhulu, futhi esikhathini esiningi kusetshenziswa imithi engambi eqolo yokulwa nezinambuzane enobungozi obukhulu efana ne-Terbufos kanye ne-Aldicarb.
Enye inkinga ukuthi umsebenzi wokuqinisekisa ezempilo kwimvelo okumele wenzeke emiphakathini yakithi ngumsebenzi kahulumeni wasekhaya.
Omasipala abaningi abanawo amandla kanye nezinsiza zokuhlolisisa la mabhizinisi kanye nokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithethonqubo.
Ukuphendula kwethu kumele kube kunguxazulula zonke izinto ezingumthelela wale nkinga.
Kumele futhi sinqande ukubhebhethekisa ulwazi okungelona.
Uphenyo olwenziwe alubonisi ukuthi kunomkhankaso okuhloswe ngawo ukufakela izingane ushevu ezweni lakithi.
Futhi abukho ubufakazi bokuthi le nkinga igxile ezitolo eziyiziphaza zabantu bokufika kuphela.
Le mikhiqizo kungenzeka ithengiswe ezitolo zabantu baseNingizimu Afrika.
Sonke sinomsebenzi obalulekile - njengoHulumeni, njengomphakathi, njengabazali kanye nemindeni - wokuvikela labo abaphila nathi nababuthakathaka kakhulu.
Emva komhlangano okhethekile weKhabhinethi, sibe sesinquma ukuthatha lezi zinyathelo zokungenelela ezilandelayo:
Isinyathelo sokuqala ukususa izibulali-nambuzane eziyingozi emigwaqeni.
Isinyathelo sesibili esibalulekile ukuvikela izingane ekuthinteni lob ubuthi.
Isinyathelo sesithathu esibalulekile ukuvimbela ukuqubuka kwezifo zalolu hlobo esikhathini esizayo.
Lezi zinyathelo ezilandelayo zizoqaliswa ngokuphazima kweso.
Ukuze sisuse izibulali-zinambuzane eziyingozi emigwaqeni:
Iziphaza ezithintekayo ekushoneni kwezingane zizovalwa thaqa ngokuphazima kweso.
Zonke iziphaza nezinye izikhungo ezisebenza ngokudla kumele zibhaliswe komasipala ezisebenza ngaphansi kwabo zingakapheli izinsuku ezingama-21 kusukela namhlanje. Noma isiphi isitolo esingabhalisiwe ezinsukwini ezingama-21 futhi esingekho ezingeni elidingekayo lezempilo kanye nalokho okudingekayo uma uthengisa sizovalwa.
UPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanye nezinye izinhlaka zomthetho kuzodingeka ukuthi ziphenye, zibophe futhi zishushise labo abaphula umthetho. Lokhu kuzobandakanya ukusebenza ngokubambisana nabo bonke abakhiqizi ababhalisiwe kanye nalabo abasabalalisa impahla.
Amathimba aphenyayo amikhakhaminingi azoqalisa ukuhlolwa kwezikhungo ezisebenza ngokudla, abakhiqizi, abasabalalisi, izitolo ezinkulu kanye nezitolo. Lokhu kuzobandakanya iziphaza nezitolo ezijwayelekile.
Amabhizinisi angayithobeli imithetho kanye nezitolo ezixhumene nanoma yiziphi izigameko zokusetshenziswa kukashevu noma ezitholwe zigcina amakhemikhali ayingozi ngokungemthetho zizovalwa thaqa.
Kuzokwenziwa umkhankaso omkhulu wokuhlolwa kwesitolo nesitolo kuzo zonke iziphaza, izitolo nabanye abadayisi basemgwaqeni, ozoqala e-Gauteng kanye naKwaZulu-Natali.
Lokhu kuzokwenziwa ngamathimba amikhakha-miningi ahlanganisa uMbutho Wezempilo Wezempi waseNingizimu Afrika, abezempilo yemvelo, uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, uMkhandlu kaZwelonke Wabathengi, abahloli bezabasebenzi kanye nabanye.
Isigaba sokuqala sokuhlola kuzodingeka ukuba siphothulwe ingakapheli inyanga.
Bonke abakhiqizi ababhalisiwe be-Terbufos bazohlolwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi ayikho imikhiqizo ephambukiselwa emakethe okungeyona eyezolimo. Inqubo yezokukhiqiza kanye nokusabalalisa kanye nokuthengiswa kwe-Terbufos izophenywa ukuze kuqinisekiswe ukuthi imikhawulo ebekiwe iyalandelwa nokuthi kukhona ukuziphendulela kokuthi ithengiselwa bani.
Kuzoqiniswa imithetho-nqubo nemithetho yokulandela umkhondo, ukupakishwa kabusha, ukucekelwa phansi kanye nokudayiswa kwezibulali-magciwane, izibulala-zinambuzane nokudla.
Isinyathelo sesibili simayelana nokuvikelwa kwezingane ekuthinteni lobu buthi:
UMnyango wezeMfundo Eyisisekelo ngokushesha uzokhipha isekhula eMinyangweni Yezemfundo Yezifundazwe nakuzo zonke izikole mayelana nezinqubo ezingcono kakhulu zokuvikela nokulawula izifo ezitholakala ngokudla ezikoleni.
Ngokuqala konyaka omusha, uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo kanye Nesigungu Esengamele Isikole, bebambisene noMnyango Wezempilo, bazobuyekeza futhi benze kangcono imigomo yezikole emayelana nokuphathwa nokuhlinzekwa kokudla ezikoleni zikahulumeni. Lokhu kuzofaka phakathi izitolo ezithengisa ngaphakathi kwalezi zikole.
Kuzokwethulwa umkhankaso wokufundisa umphakathi oqondiswe ezinganeni, abazali, abanakekeli bezingane kanye nomphakathi ngobuningi mayelana nokuphepha kokudla kanye nokuthi amakhemikhali anobungozi uwabona kanjani, aphathwa kanjani futhi agcinwa kanjani. Lo mkhankaso uzobandakanya uPhiko lukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS), iminyango kanye nezinhlaka zikahulumeni, izinhlangano zezimboni kanye nezinhlangano zomphakathi wakithi.
Lokhu kuzohambisana nomkhankaso wokufundisa umphakathi oqondiswe emiphakathini, ezitolo eziyiziphaza, ezitolo ezidayisa ukudla, abadayisi basemgwaqeni nezinye izitolo ngemithetho yezempilo, ezokuphepha nenhlanzeko, ukwazi ukubona imikhiqizo eyingozi, imithetho-nqubo esebenza emikhiqizweni eyingozi kanye nemiphumela yomthetho.
ONgqongqoshe Bezemfundo Eyisisekelo kanye Nezempilo kanye neminye iminyango kahulumeni bazohlukanisa izibulali-magciwane kanye nezibulali-zinambuzane ezingafanelekile ukusetshenziswa ekhaya “njengezinto eziyingozi” okungafanele zilethwe noma zisetshenziswe emagcekeni esikole. Lokhu kuzokwenziwa ngokweMithetho-nqubo Yezinyathelo Zokuphepha Ezikoleni Zikahulumeni.
Isinyathelo sesithathu kuzobe kuhloswe ngakho ukuvimbela ukuqubuka kwalokhu esikhathini esizayo:
Ngiyalele ukuthi kusungulwe iziNhlaka Zobunhloli eziSebenza Ngokubambisana ezingeni likazwelonke kanye nelezifundazwe ukuze zizobhekana ngqo nale nhlekelele.
Omasipala bethu basekhaya kuzodingeka ukuthi bathathe izinyathelo eziphuthumayo zokubhekana nenkinga yokulwisana nezinga eliphezulu lamagundane ngokuhlanza amadolobhakazi namadolobha kanye nokususa imfucuza. Zonke izindawo zikamasipala zokulahla imfucuza kuzodingeka ukuthi zithobele uMthetho kaZwelonke Wezemvelo Wokuphathwa Kwemfucuza. Ukwehluleka ukuthobela lokho kuzoholela ezijezisweni eziqinile ezihlanganisa iziqondiso, izaziso zokuthobela umthetho kanye nokufakwa komthetho ngempoqo.
IKomidi Longqongqoshe Lezokweluleka Ngezempilo liyasungulwa ukuze lizoqhamuka nezindlela zokuvimbela izifo zesikhathi esimaphakathi kanye neside. Leli Komidi lizoba nongoti abafana nodokotela abahlola izifo ezihambisana noshevu ama-toxicologists, odokotela bezingane ezincane (paediatricians), odokotela bezifo zamakhemikhali (chemical pathologists), odokotela bezifo eziwubhubhane (epidemiologists), odokotela abahlola izidumbu (forensic pathologists) ukuze bathole isisusa sokushona kanye nabanye.
Konke ukushona kweziguli ezineminyaka eyi-12 nangaphansi kuzodluliselwa ku-Notifiable Medical Condition Surveillance System.
Kuzosungulwa uhlelo lwezobuchwepheshe lwezitifiketi zokushona oluzovumela uMnyango Wezempilo kuZwelonke ukuthi uthole ulwazi lwembangela yokushona ngokushesha ngemva kokuqinisekiswa kokushona.
Umsebenzi weThimba Lezokuphepha Kwemvelo i-Biosecurity Hub uzoqiniswa ukuze kulawulwe kangcono ukungena kwemikhiqizo, izinto eziphilayo kanye nemikhiqizo yezemvelo eyingozi emachwebeni okungena.
UMnyango Wezolimo usohlelweni oluqhubekayo lokubuyekeza kanye nokuvuselela yonke imithetho efanelekile mayelana nokulawulwa nokugunyazwa kwezibulali-zinambuzane zezolimo ezizosetshenziswa eNingizimu Afrika.
Isikhwama esihlanganyelwe esibalelwa kwizigidi ezingama-R500 sizosungulwa nguMnyango Wezohwebo, Izimboni kanye Nokuncintisana kanye Nokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ukuze kusekelwe amabhizinisi asemalokishini nawasezindaweni ezisemakhaya, okuhlanganisa nezitolo eziseduze nomphakathi. Uxhaso lwezimali luzoba elokuvuselela amabhizinisi kanye nosizo olungadingi izimali olumayelana namakhono ezobuchwepheshe, ukuthotshelwa kwemithetho kanye nokwakhiwa kwamakhono.
Njengoba senza lezi zindlela zokungenelela kanye nezinyathelo, kuningi esingakwenza njengabazali ukuvikela izingane zethu.
Njengabathengi kanye nabazali, uma sithenga ukudla noma sithuma izingane zethu ukuba ziyothenga ukudla, kufanele kube zithengwa kuphela ezindaweni ezinelayisensi yokuthengisa ukudla futhi ezigcina imithetho yokuphepha kokudla.
Kufanele sihlole ukuthi ukudla kulungiselelwa endaweni esesimweni esikahle kanye nehlanzekile.
Kufanele siqinisekise ukuthi ukudla okuthengiswayo kunegama elibhalwe ngokugqamile namalebuli acacile, nokuthi akukadluli usuku lwakho lokuthi kuthengiselwe abantu.
Kufanele sifundise izingane zethu ngokuphepha kokudla futhi sizifundise ukubheka amalebuli ekudleni.
Noma ngubani obona ukudla okungumbombayi nokudla osekuphelelwe yisikhathi kudayiswa emiphakathini yethu, kufanele abikele iKhomishana Yabathengi kuZwelonke.
Inombolo yeKhomishana Yabathengi kuZwelonke ithi: 012 065 1940.
Kufanele sinakekele kakhulu ukugcinwa, ukusetshenziswa kwezibulali-zinambuzane kanye namakhemikhali ayingozi.
Kufanele sithenge kuphela izibulali-zinambuzane ezisezitsheni zazo zempela futhi ezinamalebuli agqamile ukuthi zisetshenziswe ekhaya.
Wonke amakhemikhali ayingozi kufanele ukuthi agcinwe lapho izingane zingafinyeleli khona.
Izitolo eziyiziphaza nalabo abathengisa emgwaqeni kungumsebenzi wabo ukuqinisekisa impilo nokuphepha kwamakhasimende abo.
Kudingeka basebenze ngokuzibophezela futhi nangokulandela umthetho.
Kudingeka balandele imikhuba ethile eyisisekelo uma benza izinto.
Isibonelo, akumele basebenzise izitsha zokufaka ukudla ezifanayo nezisetshenziswa ukufaka amakhemikhali kanye nokudla.
Yizibulali-zinambuzane kanye namakhemikhali abhaliswe ngokusemthethweni kuphela angathengiselwa ukuthi asetshenziswe emakhaya.
Kumele ibe namalebuli agqamile futhi ifakwe kwiphakethe okuyilonalona lalowo nalowo mkhiqizo.
Izindawo ezithengisayo ezitholakala nezibulali-zinambuzane ezingavumelekile ngokwemikhawulo noma ezingavumelekile ukusetshenziswa zizobhekana nengalo yomthetho.
Futhi, abantu baseNingizimu Afrika bayacelwa ukuthi basebenze ngokubambisana ukuthi banqobe lobu bunzima esibhekene nabo.
Kodwa asikapheli amandla. Kuningi esingakwenza.
Omunye nomunye wethu kudingeka ukuthi azi kabanzi ngobungozi bezibulali-zinambuzane neminye imikhiqizo eyingozi.
Omunye nomunye kudingeka ukuthi azibophezele kwezokuphepha kanye nokuphila kwalabo abasondelene nathi, ikakhulukazi izingane zesizwe sakithi.
Ngokusebenza ngokubambisana, ukuqinisa ezomthetho, ukuhlala siqaphe ngeso lokhozi kanye nokuzibophezela, sizokwazi ukuqeda nya lezi zehlakalo.
Ngiyabonga.