Isicelo sobhaliso (serejistreshini) yemoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nokubhalisa imoto yakho

Uma ungumnikazi wemoto entsha, okwakungeyothile ngaphambilini, eyakhiwe noma eyakhiwe kabusha, kumele uyibhalise kwabeGunya Lokubhalisa langakini ukuze uthole isitifiketi sokubhalisa. Uma imoto uyithenge ngokuboleka imali esikhungweni sokubolekisa ngezimali, ubunikazi baleyo moto kuzoba ngobaleso sikhungo. Uma isibhalisiwe futhi isinelayisense, uyothola idiskhi yelayisense yemoto.

Kumele ubhalise futhi uthole ilayisense yemoto yakho zingakapheli izinsuku ezingama-21 ushintshe ubunikazi. Uma ungayibhalisi, kuyodingeka ukhokhe izinsalelo nenhlawulo. Ukubhaliswa kwemoto kurekhodwa ku-eNatis.

Ukubhaliswa kwemoto yakho ngeke kusebenze uma:

  • idiskhi yelayisense yemoto ingavuselelwanga isikhathi esingaphezu kweminyaka emine
  • imoto ibihileleke engozini futhi kuye kwathiwa ngeke iphinde ifanelekele ukusetshenziswa
  • uyithengisile imoto (ushintshe ubunikazi)
  • imoto yakho isidliwe isikhathi esingaphezu kwezinsuku ezingama-31
  • kukhishwe isitifiketi sokwesulwa kwayo njengengalungele ukuba semgwaqweni.

Okufanele ukwenze

Lokho okumele ukwenze ukuze uBhalise imoto entsha:

  1. Ukuze ubhalise imoto entsha, yiya kwabeGunya Lokubhalisa elifanele uhambise lokhu okulandelayo:
    • uMazisi wakho
    • ubufakazi bekheli leposi kanye nelendawo isib. incwadi ye-akhawunti kamasipala. Uma leyo akhawunti ingabhalisiwe ngawe, umnikazi waleyo akhawunti kufanele ukuthi akwenzele incwadi efungelwe esho ukuthi uhlala kulelo kheli othi uhlala kulo kanti incwadi ye-akhawunti kamasipala kufanele ukuthi nayo ibe khona ihambisane nale ncwadi efungelwe.
    • isitifiketi somkhiqizi esinayo yonke imininingwane efanele yemoto
    • isitifiketi sokuthi imoto iyafaneleka ukuba semgwaqweni, uma imoto kuyimoto ethwala imithwalo esindayo [noma Uhlelo lweSimo Sezithutha Emgwaqweni (i-RTQS)].
  2. Gcwalisa ifomu i-RLV.

Ukubhalisa imoto esike yasebenza:

  1. Ukubhalisa imoto okwakungeyothile ngaphambilini (esike yasebenza), umthengisi kumele aqale agcwalise futhi ahambise ifomu le-NCO, elazisa ngokushintsha kobunikazi.
  2. Hamba uye kwabeGunya Lokubhalisa izimoto elifanele futhi uhambise lokhu okulandelayo:
    • uMazisi wakho
    • isitifiketi sokubhalisa imoto (esisegameni lomthengisi)
    • isitifiketi sokufaneleka ukuba semgwaqweni uma isitifiketi samanje sesinezinsuku ezingaphezu kwezingama-60
    • ubufakazi bokuthenga imoto
    • ilayisense yemoto esebenzayo (qinisekisa ukuthi izimali okufanele zikhokhelwe imoto zikhokhiwe zonke).
  3. Gcwalisa ifomu le-RLV.

Ukubhalisa imoto eyakhiwe ngezingxenye zezinye izimoto:

  1. Ukubhalisa imoto eyakhiwe ngezingxenye zezinye izimoto, yiya kwabeGunya Lokubhalisa izimoto eliseduze nawe futhi uhambise lokhu okulandelayo:
    • uMazisi wakho
    • incwadi efungelwe eqinisekisa ukuthi lezo zingxenye zivelephi nokuthi kwenziweni emotweni (ifomu i-SOA)
    • isicelo sokuhlanjululwa ecaleni ngumthetho (ifomu i-RPC)
    • isicelo sokuba ihlonzwe ngamaphoyisa (ifomu i-RPI)
    • isitifiketi sokwesulwa kwemoto  njengengalungele ukuba semgwaqweni. (uma imoto isuliwe)
    • isitifiketi sokulinganisa isisindo semoto
    • ubufakazi bobunikazi
    • incwadi yegunya (uma ikhona)
  2. Umnyango wosizo wesifundazwe uyobe sewethula amarekhodi ale moto ku-eNatis:
    • kumele kuhanjiswe isicelo sokuhlanjululwa ecaleni ngumthetho (ifomu i-RPC)
    • le moto kumele ihlolwe ukuthi iyafaneleka yini ukuba semgwaqweni.
  3. Gcwalisa ifomu le-RLV.

Ukubhalisa imoto eshintshwe izingxenye:

  1. Ukubhalisa imoto eshintshiwe ezinye izingxenye, yiya kwabeGunya Lokubhalisa izimoto eliseduze nawe futhi uhambise lokhu:
    • uMazisi wakho
    • incwadi efungelwe eqinisekisa ukuthi lezo zingxenye zivelephi nokuthi kwenziweni emotweni (ifomu i-SOA)
    • isicelo sokuhlanjululwa ecaleni ngumthetho (ifomu i-RPC)
    • isicelo sokuba ihlonzwe ngamaphoyisa (ifomu i-RPI)
    • isitifiketi sokwesulwa kwemoto njengengalungele ukuba semgwaqweni. (uma imoto isuliwe)
    • isitifiketi sokulinganisa isisindo semoto
    • ubufakazi bencwadi yobunikazi
    • isitifiketi sokufaneleka ukuba semgwaqweni
    • incwadi yegunya (uma ikhona).
    • isitifiketi somkhiqizi noma isitifiketi sokubhalisa sangaphambilini noma incwadi efungelwe uma isitifiketi sokubhalisa singenakunikezwa.
  2. Gcwalisa ifomu i-RLV.

Isikhathi esinqunyiwe

Lesi sicelo sizothunyelwa emnyangweni wosizo wesifundazwe.

Ukwethulwa kwerekhodi lemoto kungathatha izinsuku ezimbalwa. Ofake isicelo uyothintwa uma irekhodi selifakiwe ohlelweni.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi lamalayisense langakini ukuze uthole ukuthi kubiza malini.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu ayatholakala ku-RA noma ungawathola kwisizindalwazi eNaTIS.

Imininingwane yokuxhumana
 

 

Contact your local department of transport

Share this page