Isicelo lenombolo yokubhalisa imoto

Ngosizo 
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe 
Kubiza malini 
Amafomu okumele agcwaliswe 
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lenombolo yokubhalisa imoto

Inombolo yokubhalisa imoto yiyona nombolo engumazisi eyamukelwayo lapho kwenziwa izinto ezithinta izimoto emgwaqweni ku-eNatis kubantu bakwamanye amazwe kanye nezinhlangano ezingazimele ngokomthetho.

Uma ungowakwelinye izwe futhi ungakabhalisi ku-eNatis; futhi ufuna ukuthenga noma ukubhalisa imoto eNingizimu Afrika, kumele ulethe umazisi wakho wakwelinye izwe ukuze ufakwe ku-eNatis.

Uma ungenawo umazisi wakwelinye izwe, kuyodingeka ukuba ufake isicelo senombolo yokubhalisa imoto (i-TRN), lokho kungenzeka uma ngabe unayo iphasipothi esebenzayo, izincwadi zokushayela noma incwadi yokuhamba amazwe enikeza ubufakazi bokuthi unemvume yokuba seNingizimu Afrika.

Uma kuyinhlangano engazimele ngokomthetho, isib. ibhizinisi elihlanganyelwe, ibhizinisi lomuntu oyedwa, inhlangano kamasipala/kahulumeni wesifundazwe/kahulumeni kazwelonke, isonto/ibandla/inhlangano yezenhlalakahle, inhlangano yezokungcebeleka, inhlangano yezemfundo, inkampani enezimali ezisisiwe noma ibhodi eliphathelene nomthetho nalo kumele lifake isicelo senombolo yokubhalisa imoto ukuze ibhalise izimoto eNingizimu Afrika. Inhlangano kumele futhi ihlonze ummeleli egatsheni ngalinye noma ekhelini elihlukile lebhizinisi / lenhlangano.  Lo muntu uba ngumuntu okungaxhunyanwa naye ngezinto eziphathelene nokubhaliswa kwemoto.

Ngaphezu kwalokho, kumele kumiswe umbambeli ngencwadi yobubambeli.  Incwadi yobubambeli igunyaza umuntu oshiwo kuyo ukuba enze izinto egameni lenhlangano, futhi ibopha inhlangano ngezinjongo zoMthetho Olawula Imigwaqo Kazwelonke(i-NRTA) neZiqondiso eliLawula Imigwaqo Kazwelonke (i-NRTR).

Umbambeli kanye nommeleli ngesikhathi esithile kungaba ngumuntu oyedwa.  Umbambeli kanye nommeleli kumele balethe izincwadi zikamazisi ezifanele:

  • umazisi waseNingizimu Afrika okhishwa nguMnyango Wezasekhaya (i-DoHA) uma umuntu eyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma engesona isakhamuzi sakuleli kodwa ehlala khona eNingizimu Afrika ngokugcwele
  • isitifiketi sikamazisi wesikhashana esikhishwe yi-DoHA uma umuntu eyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma engesona isakhamuzi sakuleli kodwa ehlala khona eNingizimu Afrika ngokugcwele
  • iphasipothi yaseNingizimu Afrika okungatholakala kuyo inombolo kamazisi
  • umazisi okhishwe ngelinye izwe, uma umuntu engesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika futhi engahlali kuleli ngokugcwele
  • isitifiketi se-TRN esikhishwe yiGunya elifanele lokuBhalisa uma umuntu engesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika futhi engahlali kuleli ngokugcwele, futhi engenawo umazisi wakwelinye izwe, kodwa enephasipothi noma incwadi yokuhamba amazwe.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya kwabeGunya Elibhalisayo (RA eliseduze nawe noma kwa-DLTC bese ugcwalisa ifomu leSicelo nesaziso mayelana ne-TRN (i-ANR).
  2. Uma ufaka isicelo se-TRN ungumuntu wakwelinye izwe ofuna ukuthenga noma ukubhalisa imoto eNingizimu Afrika, kumele ulethe lokhu okulandelayo:
    • ikhophi eqinisekisiwe yephasipothi noma ikhophi eqinisekisiwe yezincwadi zakho zokushayela kanye nemvume yokuhlala yesikhashana noma incwadi yokuhamba amazwe
    • izithombe ezimbili zikaMazisi zombala omhlophe nomnyama (qinisekisa ku-RA noma ku-DLTC ukuthi kudingeka izithombe ezingaki).
  3. Uma ufaka isicelo se-TRN ngoba ufuna ukufaka izinhlamvu zokubhalisa imoto enizikhethele zona emotweni yenhlangano, kumele ulethe lokhu okulandelayo:
    • isitifiketi sokubhalisa ibhizinisi (esikhishwe ngumbhalisi wezinkampani)
    • ikhophi kaMazisi waseNingizimu Afrika yombambeli noma ummeleli.
  4. Ukhokhe imali ebekiwe.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha isikhathi esingafika emavikini ayisithupha ukusebenza isicelo sakho.

Kubiza malini

Thintana nabeGunya Elibhalisayo langakini noma i-DLTC ukuze uthole ukuthi sibiza malini isitifiketi se-TRN.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu leSicelo kanye nesaziso uma ufuna i-TRN liyatholakala Egunyeni Lokubhalisa noma ku-DLTC.

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact your local department of transport

Share this page