Isicelo sokwenzelwa iduplikhethi yedokhumende yelayisense yemoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokufaka isicelo sombhalo oyiduplikhethi yemoto

Ungafaka isicelo seduplikhethi yemoto njengesitifiketi sokubhaliswa, idiski yelayisense noma omunye nje umbhalo, uma:

  • inombolo ye-chassis noma i-VIN isishintshile, noma
  • inombolo yenjini isishintshile, noma
  • ulahlekelwe noma umoshe umbhalo wemoto yakho.

Kufanele ufake isicelo sesitifiketi sokubhaliswa esiyiduplikhethi wena uqobo.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya Egunyeni Lokubhalisa eliseduze nawe. Phatha umazisi wakho.
  2. Gcwalisa ifomu leSicelo sokukhishwa kwesinye isitifiketi sokubhalisa/Sokwesulwa uma kuyimoto (i-DRC) kanye neSimemezelo uma kuyifomu lezincwadi ezilahlekile (i-DCT).
  3. Khokha imali ebekiwe, futhi lowo obhalisayo uyokunikeza enye incwadi efana neyokuqala.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha isinsuku eziyisikhombisa ukusebenza.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

  • Ifomu DRC (Isicelo Sokubhalisa Iduplikhethi/Isitifiketi Sokwesula maqondana neMoto)
  • Ifomu i-DCT (Isifungo maqondana neMibhalo Elahlekile)

Amafomu ayatholakala kusiphathamandla esibhalisayo noma ungawakhipha kuwebhusayithi ye- eNaTIS.

Imininingwane yokuxhumana

Share this page