Isicelo sokufaka izinhlamvu zokubhalisa imoto ezikhethwe nguwe

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo Mayelana nokufaka izinhlamvu zokubhalisa imoto ezikhethwe nguwe

Ungafaka isicelo sokufaka izinhlamvu zokubhalisa imoto ezikhethwe nguwe ezihlanganisa izinombolo noma izinhlamvu ezikhethwe nguwe [uma kuvuma Ungqongqoshe Wesifundazwe, uma lezo zinhlamvu zitholakala futhi zingenayo indelelo.

Igama/inombolo ozikhethile akufanele yeqe izinhlamvu eziyisikhombisa [lungabalwa uphawu lwesifundazwe] futhi kufanele ihambisane nezimfuneko zenombolo yokubhalisa evamile (isib. kumele iveze uphawu lwesifundazwe) futhi ibhalwe ngendlela efanayo neyenombolo yokubhalisa evamile. Igama/inombolo oyisebenzisayo ngeke isetshenziswe ngomunye umuntu.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya Egunyeni Lokubhalisa eliseduze nawe bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo ozolinikezwa khona.
  2. Hambisa:
    • ikhophi eqinisekisiwe kamazisi wakho
    • isitifiketi sokubhalisa imoto.
  3. Khokha imali efunekayo.

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo sisetshenzwa ngalolo suku.

Kubiza malini

Thintana nabeGunya lokuBhalisa engakini ukuze uthole izindleko. Imali iyahluka esifundazweni ngasinye.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala Egunyeni lokuBhalisa.

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact your local department of transport

Share this page