Ukuvuselela ilayisense yokushayela

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokuvuselela ikhadi lezincwadi zokushayela

Kufanele uvuselele ikhadi lelayisense yokushayela emasontweni amane ngaphambi kokuba liphelelwe yisikhathi. Uma ulivuselela emva kokuba seliphelelwe yisikhathi, kuzofanele ukuthi ufake isicelo selayisense yokushayela yesikhashana ngezindleko ezengeziwe ngesikhathi ulindele ilayisense yakho yokushayela ukuthi ikhishwe.

Khumbula: akudingekile ukuhlolwa emgwaqeni uma uvuselela, uhlola amehlo kuphela noma ulethe incwadi kadokotela wamehlo esikhungweni sokubhalisa. Uma amehlo engasaboni kahle,uzoshayela ngaphansi kwemibandela.

Okufanele ukwenze

  • Vakashela isikhungo sokuhlolela ukushayela uphethe lokhu okulandelayo:
    • incwadi kamazisi (ID) kanye nekhophi ye-ID yakho, ikhadi lelayisense yokushayela endala noma ipasiphothi yaseNingizimu Afrika
    • izithombe ezine zikamazisi ezinombala omnyama nomhlophe
    • imali elinganisiwe.
  • Gcwalisa ifomu i- DL1, Isicelo sokuvuselela ikhadi lelayisense yokushayela.
  • Uzohlolwa amehlo noma uzohlolwa udokotela wamehlo bese uletha imiphumela esikhungweni sezimoto.

Isikhathi esinqunyiwe

Ikhadi lezincwadi zokushayela litholakala emasontweni amane kuya kwayisithupha.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ukufaka isicelo sokuvuselela ilayisense yokushayela, DL1. Ifomu liyatholakala esikhungweni sokuhlolelwa ilayisense yokushayela.

Imininingwane yokuxhumana 

 

Contact the relevant municipality

Share this page