Isicelo sokuhlelwa okuyisipesheli maqondana nezimali zelayisense noma ukuxolelwa ekurejisteni

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo kufaka isicelo sokuhlelwa okuyisipesheli maqondana nezimali zelayisense noma ukuxolelwa ekurejisteni

Uma unemoto engahloselwe ukuthutha izimpahla noma abantu emigwaqeni kahulumeni, ungaba nemoto ehlelwe ngokukhethekile futhi waxolelwa ezimalini zelayisense.

Izibonelo zezimoto ezingalungela ukuhlelwa okuyisipesheli kungaba kungaba impahla engumahambanendlwana esetshenziswa abalimi bangempela noma izimoto ezenzelwe imijaho.

Lezi zimoto zezinhloos eziyisipesheli zingabandakanya ugandaganda oziqhuba ngokwawo, umshini wokubhola amanzi, umshini wokuhhesha, isivuni, ihhala, umshini wokugunda utshani, umshini wokwenza amabhele, isikhreyipha, i-leveller, umshini wokufutha, ikhreyini, igeja, ithreyila yezinhloso zangaphambi kokuxuba, imoto e-adapthiwe, eyakhiwe kabusha noma eshintshelwe ukuthi isetshenziselwe kuphela izinhloso zemijaho kanye/noma umbukiso.

Umthetho Wezimoto Emgwaqeni Kuzwelonke uvumela kuphela ukuthi kushayelwe izimoto ezinjalo emigwaqeni kahulumeni isikhathi esincane:

  • ukuya emagcekeni omnikazi ukuze kuthathwe okuyodilivwa
  • ukunqamula umgwaqo kahulumeni ukusuka emagcekeni omnikazi ukuya kwenye indawo eyibanga elingengaphezulu kwekhilomitha elilodwa
  • ukuqhubekela noma mukuvela endaweni lapho okuzolungiswa khona noma okwenziwe khona kuleyo moto.

Okufanele ukwenze

  1. Thintana nehhovisi labaphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe ne mibhalo elandelayo:
  2. Ukugcwalisa Isicelo Sokuhlelwa Okuyisipesheli kweZimoto (ifomu EFL 1) esiphathinimandla sokurejista esiseduze nawe

Isikhathi esinqunyiwe

Ukuhlelwa noma ukuxolelwa ekubhaliseni kungathatha ukufika kumasonto ayisithupha.

Kubiza malini

Lo msebenzi umahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Gcwalisa i- ELFI etholakala emkhandlwini ogunyaziwe noma ku website ethi – eNatis kungathatha  amasonto ayisithupha futhi kumahhala.

Imininingwane yokuxhumana

 

 

 

Share this page