Bhalisa isikebhe sokudoba

Maqondana
Okumele ukwenze
Kuthatha isikhathi esingakanani
Zwi ita vhugai
Amafomu okumele agcwaliswe
Kuxhunyanwa nobani

 

 

Maqondana nokubhalisa isikebhe sokudoba

Ukusebenzisa isikebhe sokudoba eNingizimu Afrika, kumele uhambise isikebhe oPhikweni Lwezokuphepha Olwandle lwaseNingizimu Afrika (samsa) ukuze sihlolwe isikebhe kutholakale ukuthi ingabe sisakulungele na ukuhamba olwandle. I-Samsa izoqhuba inqubo yokuhlola bese ikhiphe iSitifiketi Sokuphepha.

Uma sowunesitifiketi, ungafaka isicelo kuMnyango Wezolimo, Amahlathi Nezokudoba eKapa ukuze uthole ilayisense yesikebhe sokudoba.

Isikebhe sokudoba yisikebhe noma umkhumbi olungiselwe noma osetshenziselwa:

  • ezokuphatha
  • ukuvuna, kanye
  • nokudoba izilwane zasolwandle noma ukweseka imisebenzi ehambisana nalokho.

Lokhu kubandakanya noma esiphi isikebhe esihlenga noma esisiza isikebhe esisodwa noma ngaphezulu olwandle ukuze sikwazi ukwenza noma omuphi umsebenzi ovumelekile ohambisana nokudoba, kodwa ongagcini ngokulungisa, ukuhlinzeka, ukulondoloza, ukugcina esiqandisini, ukuthutha, noma ukuqhuba ukusetshenziswa kokudotshiwe noma okuvuniwe.

Kumele ube nelungelo lokudoba kanye nemvume ukuze uzibandakanye emisebenzini yokudoba. Asikho isikebhe sokudoba esizobhaliswa ngaphandle kwelungelo lokudoba kwelungelo lokudoba kanye nemvumo yokuzibandakanya emisebenzini yokudoba.

Okumele ukwenze

  1. Hlela ukuthi isikebhe siye kohlolwa ngokwenqubo yokuhlolela ukufaneleka ukuba solwandle ye-Samsa.
  2. Thola Isicelo selayisense yokusebenzisa isikebhe olwandle oluseduze, olwandle olusekudeni nasendaweni engaphandle kwakuleli eSikhungweni Sosizo kuMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba eKapa e-Ground Floor, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore.
  3. Gcwalisa ifomu ubhale ngokuhlukanisa, usebenzisa ofeleba kuphela.
  4. Namathisela:
    • Elokudoba olwandle oluseduze
      • Ifomu lesicelo eligcwalisiwe
      • Isitifiketi se-Samsa Esisebenzayo
      • Isitifiketi se-ICCASA, uma sisebenza
      • Uma ungumnikazi wesikebhe omusha, amakhophi aqinisekisiwe emibhalo yenkampani esibhalisile noma umazisi
    • Ulwandle Olusekudeni
      • Kuyefana nakwisicelo sokudoba olwandle oluseduze, kodwa iSitifiketi se-Samsa kumele siveze ukuthi isikebhe singakwazi ukuya kudoba olwandle olusekudeni
    • Indawo Engaphandle Kwakuleli
      • igama nemininingwane yomnikazi wesikebhe (okubandakanya ubunikazi bezabelo)
      • ubude besikebhe
      • amandla kanye nobungako kokungaqukathwa esikebheni
      • Ifulegi Lezwe isikebhe esibhaliswe kulo (uma siqashiwe noma ubunikazi baso buhlanganiswe nezakhamizi ezingasizo ezaseNingizimu Afrika)
      • ubungako besikhathi kanye nomkhakha wezokudoba isikebhe esizothunyelwa ngaphansi kwawo.
      • isitifiketi sokubhalisa sezwe lefulegi
  5. Khokha inani elimisiwe ngokobude besikebhe ku-akhawunti elandelayo:
    Ibhange: First National Bank
    Inombolo ye-akhawunti: 62123256382
    Ihlobo Lwe-akhawunti: Current
    Igama Le-akhawunti: Marine Living Resources Fund
    Igama Legatsha: Corporate Account Services Cape Town
    Ikhodi Yegatsha: 204-109
  6. Shayela isikhungo sosiza ngocingo ku-021 402 3911 ukuze uthole inombolo yerefirensi
  7. Ungakhokha nangokheshi noma ngendlela esebenza ngogesi, i-EFT. Sicela uqaphele ukuthi uma i-EFT ayenziwanga e-FNB (First National Bank) kuzoba nokubambezeleka kwamahora angama-24
  8. Thumela ngefeksi ubufakazi bokukhokha Esikhungweni Sosizo – ku: 021 402 3362/ 021 402 3081/ 021 402 3670 bese ucele bakunike ubufakazi bokukhokha.
  9. Thumela isicelo kuMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba: Private Bag X2, Roggebaai, Cape Town, 8012 noma uthumela ngesandla kuForetrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Cape Town.  

Kuthatha isikhathi esingakanani

Isicelo singathatha izinsuku ezintathu zokusebenza noma ngaphezulu, kuncike ekutheni isicelo sifakwe ngendlela eyiyona yona.

Kubiza malini

Amanani

Xhumana nehhovisi le-SAMSA ukuze uthole ulwazi ngamanani esitifiketi sezokuphepha.   

Amafomu okumele agcwaliswe

Thola Isicelo selayisense yokusebenzisa isikebhe olwandle oluseduze, olwandle olusekudeni nasendaweni engaphandle kwakuleli eSikhungweni Sosizo kuMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba eKapa e-Ground Floor, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore.

Kuxhunyanwa nobani

Isikhungo Sosizo Sophiko Lwezokudoba:
Ucingo: 021 402 3911  / 086 000 3474
Ifeksi: 021 402 3362

Ikheli lendawo: Ground Floor, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Cape Town 8000
Ikheli Leposi: uMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba: Private Bag X2, Roggebaai, Cape Town, 8012
Isizindalwazi: www.dalrrd.gov.za/

Imininingwane yokuxhumana ye-SAMSA

Share this page