Ilaesense yokudweba ngaphakathi kwezwe

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe 
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokubhalisela umkhumbo wokudoba kuleli

Ukuze usebenzise umkhumbi wokudoba e Ningizimu Afrika, Umkhumbi kufanele ubhaliswe nefulege likahulumeni wase Ningizimu Afrika.  Kufanele ubhalisele isitifiketi sokuphepha kwababhekele ezokuphepha emanzini e Ningizimu Afrika (Samsa) kanye negunya lombkhumbi wokudoba Emnyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi Ekapa.

 Ukuze uphumelele, kufanele ukuthi:

  • Ube ngowase Ningizimu Afrika onomkhumbi noma ube ngophethe umkhumbi, noma
  • Ube sekomidini,  emphakathini noma  ikomidi elibhalise lapha e Ningizimu Afrika la i Ningizimu Afrika iphethe ilungelo lamasheya amaningi .

Umkhumbi wokudoba wakuleli onezimfanelo, amathulizi, ukudla, isikebhe kanye nophethilomu. It may also include anyassisting one or more vessels at sea in performance of any activity relating to fishing.

 Kwenziwa lokhu okulandelayo, kodwa akungcini nje la kuphela:

  • ukulungiselela
  • ukuletha
  • ukubeka
  • ukuqandisa
  • ukuthuthezela noma ukukhiqiza
  • Ukuxhumana  nqo nababhekele ukudoba  ngaphakathi  kokuhweba okuhlukile (EEZ) noma emanzini akwamanye amazwe ngaphansi kwefulege lase Ningizimu Afrika.

Akukho emthethweni ukusebenzisa umkhumbi ongabhalisiwe. Uma ungenawo amalungelo okudoba, kufanele ubenesivumelwano nonelungelo lokudoba ukuze usebenzise umkhumbi wakho.

Umkhumbi obhaliselwe ukwenza imali akuvumelekile ukuba usetshenziswe uma umuntu ezidobela nje ngaphandle kwemvumo yokwenza imali.

Imikhumbi ebhaliswe ngenhloso yokwenza imali ixhumene namalungelo athile okudoba futhi ingasetshenziselwa lokho kuphela.

Isikhathi esibekelwe umkhumbi wokudoba sixhumene nesikhathi esibekwe esitifiketini sakwa Samsa..

Okufanele ukwenze

  1. Lungiselela ukuba umkhumbi uyokohlolwa kwa Samsa ukuba usesimeni sokuba semanzini ukuze uthole isicifiketi sokuphepha.
  2. Thola ifomu lokufaka isicelo semvumo yomkhumbi wokudoba kuleli. Gcwalisa ifomu ngamagama akahulu .
  3. Faka:
    • Ikhophi yesitifiketi sakho sakwa Samsa esinesigxivizo sasemthethweni.
    • Ikhophi egxiviziwe yomnikazi wesikebhe ( idingeka uma ungeyena umnikazi wesikebhe).
    • ikhophi yohlobo lomsakazo elizosetshenziswa ( uma idingeka)
    • Incwadi yegunya ( Idingeka uma kungeyena umnikazi wesikebhe).
  4. Khokha inani elibekiwe esikhwaneni esilandelayo:
    Ibhange: First National Bank
    Inombolo yesikhwama: 62123256382Uhlobo lwesikhwama: Current
    gama lesikhwama: Marine Living Resources Fund
    Igama legatsha: Corporate Account Services CapeTown
    Inombolo yegatsha: 204-109
    Xhumana nabakulenombolo 021 402 3911 / 086 000 3474.
    Ungakhokha mathupha noma ngohlobo lwesimanje lokukhokha.  Uma okhokhe ngohlobo lwesimanje kodwa ungakhokhanga ngesikhwama sakwa First National Bank kuzobakhona ukubambezeleleka okungamahora angamashumi amabili nane.
  5. Thumela isicelo esikhungweni Sezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi, Private Bag X2, Roggebaai, Cape Town, 8012.
  6. Thumela ngesikhahlamezi isiqiniseko sokuthi ukhokhile ku 021 402 3362 noma 3081 noma 3670 bese ucela isiqiniseko sokuthi ukhokhile.
  7. Noma, Vakashela igatsha ku, Ground Floor, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Cape Town ukuze ufake isicelo. Phatha amakhophi anesigxivizo sasemthethweni adingekayo kanye nenani elibekiwe.

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo singathatha izinsuku zokusebenza ezintathu noma ngaphezulu, kusukela ngosuku kuqinisekiswe ukuthi kukhokhiwe, kuya nangokuthi ufake isicelo sakho ngokuyikho.

Kubiza malini

Tariffs for each service is reflected on the application form. 

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for a local fishing vessel licence (Isicelo sokubhalisa isikebhe sokudoka)

Imininingwane yokuxhumana

 

Fisheries Customer Service Centre:
Tel 021 402 3911 / 086 000 3474
Fax 021 402 3362

Physical address: Ground Floor, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Cape Town 8000
Postal address: Department of Agriculture, Forestry, and Fisheries, Private Bag X2, Roggebaai, Cape Town, 8012
Website: https://www.dalrrd.gov.za/

Contact details for SAMSA

 

Share this page