Bantu Bakithi baseNingizimu Afrika,
Ngifisa ukukhuluma nani namuhla kusihlwa ngodaba oluthinta abantu abaningi baseNingizimu Afrika.
Ezinyangeni zakamuva, abantu baseNingizimu Afrika abavela kuzo zonke izinkalo bazwakalise ukukhathazeka mayelana nokufuduka okungekho emthethweni.
Lokhu kukhathazeka kuvezwa emiphakathini yethu, ezindaweni zethu zokusebenza, ezikoleni zethu, emitholampilo yethu kanye nasezinkundleni zokuxhumana.
Abantu abaningi baseNingizimu Afrika babuza imibuzo enzima kodwa ephusile.
Babuza ukuthi ngabe imingcele yethu ivikelekile yini.
Bakhathazekile ngemisebenzi.
Abantu baseNingizimu Afrika bazwakalisa lezi zinkinga ngoba bakhathazekile ngengcindezi ephezu kwezinsizakalo zomphakathi.
Bakhathazekile ngokuphepha, ukuvikeleka kanye nokubusa komthetho.
Kuyiqiniso ukukhathazeka kwabo. Kufanele belalelwe. Kufanele sixazulule izinkinga abakhathazeke ngazo.
Abantu baseNingizimu Afrika bayabuza ukuthi ngabe uhulumeni uthatha izinyathelo ezidingekayo yini ukubhekana nalezi zinselele.
Kusihlwa nje, ngifuna ukukhuluma ngalezi zinto ezikhathazayo.
Ngifuna ukuchaza ukuthi uhulumeni wenzani ukuzixazulula.
Futhi ngifuna ukuchaza izimiso okumele zibe ngumhlahlandlela njengoba sizobhekana ngqo nale nkinga ngokubambisana.
Kufanele sibe neqiniso mayelana nokuthi lezi zinkinga ziqala kuphi.
INingizimu Afrika ibhekene namazinga aphezulu okuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi entsheni.
Imindeni eminingi kakhulu ithwele kanzima ukuthi ikwazi ukuziphilisa.
Imiphakathi eminingi kakhulu ibhekene nobumpofu kanye nokungafinyeleli kahle emathubeni.
Ezimweni ezinjalo, ukukhungatheka kungakhishelwa kalula kulabo abathathwa engathi bancintisana nathi ngemisebenzi nezinsizakusebenza.
Kodwa-ke kumele siqaphele ukuthi ukufuduka ngokungemthetho akuyona imbangela yazo zonke izinkinga zethu zomnotho.
Indlela esixazulula ngayo izinkinga kumele ibe ukukhula komnotho okusheshayo, ukutshalomali olukhulu, ukwanda kwezimboni, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye nokusungulwa kwezigidi zemisebenzi emisha.
Siyazi ukuthi ukufuduka kuyinkinga yomhlaba wonke. Kuthinta wonke amazwe.
Izwe lethu – njengamanye amaningi emlandweni – lakekha ngenxa yokufuduka.
Yisona sizathu esenza sibe nokwehlukahlukana futhi kufaka igalelo emdlandleni wethu.
Njengezwe elinentando yeningi labantu, samukele izivakashi ezweni lethu.
Ngokuhambisana nezibopho zethu emhlabeni wonke kanye nezindinganiso zethu zomthethosisekelo, samukela abantu abavela kwamanye amazwe abadinga ukuvikelwa ezimpini, ezingxabanweni, ekubandlululweni nasodlameni.
Njengawo wonke amanye amazwe emhlabeni, sinemithetho enqumayo ukuthi obani abangangena ezweni lethu, ukuthi bangenza ini lapha nokuthi bangahlala isikhathi esingakanani.
Isimiso esiyisisekelo, esivumelana ngaso sonke, ukuthi wonke umuntu ngaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika kufanele abe lapha ngokusemthethweni.
Wonke umuntu osebenza ezweni lethu kumele avunyelwe ngokusemthethweni ukusebenza.
Wonke umuntu oqhuba ibhizinisi lapha kumele avunyelwe ngokusemthethweni ukuqhuba ibhizinisi.
Inkinga esinayo ukuthi abanye abantu bafudukele ezweni lethu ngezindlela ezingafanele futhi balapha ngokungemthetho.
INingizimu Afrika inelungelo lokuqalisa izinqubomgomo nezinyathelo ezivimbela ukufuduka okungekho emthethweni.
INingizimu Afrika izibophezele ekuvikeleni, ekwesekeni nasekuthuthukiseni amalungelo abantu bonke ezweni lethu, kungakhathaliseki ukuthi bayizakhamuzi noma ngabezinye izizwe.
Sizibophezele ekuhlonipheni izibopho zethu zomhlaba wonke.
Umsebenzi wokuphoqelela imithetho yokufuduka usezandleni zombuso kuphela hhayi omunye.
Kube nokuxegaxega endleleni okulawulwe ngayo ezokufuduka.
Kube nokuxegaxega ekuphoqelelweni komthetho okuqinile nokugxilile.
Kube nezimo zenkohlakalo.
Kube negebe ezinhlelweni zethu eziye zadicilela phansi ukuzethemba komphakathi.
Abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokulindela okungcono.
Siyasamukela leso sibopho futhi sithatha isinyathelo esiqinile sokulungisa la maphutha.
Abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokulindela umbuso osebenzayo, onobuchwepheshe futhi okwaziyo ukuphoqelela imithetho yawo.
Uhulumeni uzothatha isinyathelo ngokufanele ukubhekana nokulindelwe ngabantu bakithi ekubhekaneni nenkinga yokwephulwa kwemithetho yethu yokufuduka.
Kumele ngikucacise ukuthi izikhulu zikahulumeni ezigunyaziwe kuphela ezingalwisana nokwephulwa komthetho, okuhlanganisa nokwephulwa kwemithetho yethu yokufuduka.
Akekho omunye umuntu ovunyelwe, isibonelo, ukumisa umuntu emgwaqweni ukufuna ubufakazi bobuzwe.
Siyazi ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abanayo inzondo yabantu bangaphandle njengoba singakwamukeli thina ukuzondwa kwabantu bangaphandle, ukucwasa ngokobuhlanga, ukucwasa ngokobulili, inzondo ebhekiswe kubantu abamnyama base-Afrika noma ezinye izinhlobo zokungabekezelelani eNingizimu Afrika.
Njengomphakathi, akufanele silingeke ukuhlanganyela nalabo abafuna siphendukele abantu abangawona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika futhi esiphila nabo.
Akufanele sivumele amaqembu abantu ukuthi asebenzise ukukhathazeka okuyiko kwabantu baseNingizimu Afrika ngezinhloso zokuphazamisa izwe lethu ngokuthi bathi asinamthetho futhi sinodlame.
Sizothatha isinyathelo sokubhekana nalabo abasebenzisa izikhalazo zabantu bakithi ngokufuduka okungekho emthethweni bazisebenzise ukufeza izinhloso zabo zepolitiki, zabo uqobo noma zobugebengu.
Ngeke sikhohliswe noma sithonywe yimikhankaso esezinkundleni zokuxhumana esabalalisa ulwazi olungamanga, izindaba ezingamampunge namanga ngabantu bakwamanye amazwe.
Kufanele sikhathazeke ngokuthi ukulwisana nabantu bokufika ngezinye izikhathi kuhambisana nokuhlambalaza ngokohlanga nangokobuzwe, ukuthukwa noma ukuhlaselwa okuqondiswe kwabanye abantu baseNingizimu Afrika.
Silindele ukuthi abantu bokufika bahloniphe imithetho yethu. Ngakho-ke sidinga ukubahlonipha thina ngokwethu.
Cishe bonke abantu baseNingizimu Afrika bayaqaphela ukuthi ukufuduka ngokungemthetho kuyinkinga enkulu.
Ukufuduka ngokungemthetho, uma kungalawulwa, kubeka engcupheni ukuvikeleka, ukuzinza kanye nentuthuko yezomnotho yaseNingizimu Afrika.
Siyazi ukuthi ukufuduka ngokungemthetho kuthinta ukulethwa kwezidingonqangi futhi kubeka umthwalo owengeziwe ezinsizakalweni ezibalulekile ezifana nokunakekelwa ngokwezempilo kanye nemfundo.
Imigudu yokufuduka ngokungemthetho ihambisana nobugebengu obuhleliwe.
Amaqembu ezigelekeqe abandakanyeka ekushushumbisweni, ukuphanga, ukumba izimayini ngokungemthetho, izidakamizwa kanye nokuhlanzwa kwemali avame ukusebenzisa abafuduki abangenamaphepha ukuqasha nokufihla izimpahla.
Siyazi ukuthi ukufuduka ngokungemthetho kudicilela phansi imizamo yethu yokusungulela abantu bakithi imisebenzi enesithunzi.
Kukhona amabhizinisi ezweni lethu aqasha abokufika abangenawo amaphepha ngoba isimo sabo ngokomthetho sisho ukuthi abakwazi ukumela amalungelo abo.
Abanye abaqashi baqasha abokufika abangenawo amaphepha ngoba babakhokhela amaholo angaphansi kakhulu komholo omncane owamukelekile futhi babenza basebenze amahora amaningi ngaphandle kwenkokhelo efanele.
Sivumbulule izindawo eziningi zokusebenza lapho abokufika abangenawo amaphepha beqashwa ngaphansi kwezimo ezinyantisayo.
Abaqashi abaqasha abasebenzi abangenawo amaphepha ngamabomu futhi bebaxhaphaza ngoba behluphekile bephula umthetho.
Babukela phansi izimiso zezabasebenzi. Babukela phansi ukuncintisana ngokweqiniso.
Futhi babukela phansi amathuba abantu baseNingizimu Afrika.
Ukuziphatha okunjalo kungukuzidonsela izinhlawulo eziningi kakhulu kanye nokuqiniswa komthetho.
Imiphakathi eminingi iveze intukuthelo ngenani labantu bakwamanye amazwe abaphethe izitolo esiyiziphaza, izitolo zokuhweba kanye nezinye izitolo ezingabhalisiwe ngokusemthethweni.
Baveza ukuthi amabhizinisi angaphandle avalela ngaphandle abantu baseNingizimu Afrika ekusebenzeni kulezi zimakethe emiphakathini yabo.
Lokhu kukhathazeka akumelwe kushaywe indiva.
Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bazizwa bekhishwe inyumbazana emathubeni asemiphakathini yabo.
Uhulumeni unesibopho sokweseka amabhizinisi endawo, ukukhuthaza ukuncintisana okuneqiniso nokwenza izimo lapho abantu baseNingizimu Afrika bangabamba iqhaza elibonakalayo emnothweni.
Njengezwe, njengemiphakathi kanye nezwekazi, kufanele sisebenze ngokubambisana - ngokuhambisana noMthethosisekelo wethu, imithetho yethu kanye nezibopho zethu zomhlaba wonke - ukuze sibhekane nokufuduka kwabantu ngokungemthetho.
Kufanele sikwenze lokho ngaphandle kokusebenzisa udlame, ukwesabisa, ukuhlukumeza noma ukucwasa abantu bokufika.
Ngemva kwezimemezelo ezenziwe eNkulumweni Ngesimo Sezwe ngoNhlolanja, uhulumeni uthatha isinyathelo esiqinile sokubhekana nokufuduka okungekho emthethweni.
Ngesonto eledlule, iKhabhinethi yamukele iNdlela Elephelele Yokulawula Ukufukuda.
Le ndlela igunyazwe uMkhandlu Oxhumanisayo Womongameli, ohlanganisa oNdunankulu kanye nama-MEC, abamele ohulumeni basekhaya kanye nabamele iNdlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko kanye namaKhoi-San.
Kusihlwa nje, ngithanda ukunitshela ngezinyathelo ezibalulekile esizithathayo.
NjengoHulumeni inhlosonqangi yethu icace bha.
Sifuna iNingizimu Afrika lapho wonke umuntu ongena ezweni engena khona ngokusemthethweni.
INingizimu Afrika lapho imithetho yokufuduka ihlonishwa futhi iqiniswa khona.
INingizimu Afrika lapho amabhizinisi ancintisana khona ngokweqiniso.
INingizimu Afrika lapho imiphakathi izizwa iphephile futhi ivikelekile.
NeNingizimu Afrika eme njalo ezimisweni zomthethosisekelo wethu nokuzibophezela kwayo ekugcineni isithunzi somuntu.
Sihlose ukufeza lo mgomo ngokuqalisa lezi zinyathelo ezilandelayo, phakathi kwezinye:
Okokuqala, siyaqhubeka nokuqeda ukwephulwa kwemithetho yethu yokufuduka, eyezabasebenzi kanye neminye.
Okwesibili, sizoqhubeka nokuvimbela abantu ukuthi bangene ezweni ngokungalandeli izindlela nangokungemthetho.
Okwesithathu, siyaqhubeka futhi nokuqeda inkohlakalo ohlelweni lwethu lokufuduka.
Okwesine, sizoqinisa imithetho nezinqubomgomo zethu zokufuduka.
Okokugcina, sizoqhubeka nokufakana imilomo namanye amazwe, okuhlanganisa namazwe esikanye nawo ezwekazini i-Afrika, ukuze sibe nesisombululo esibanzi sokubhekana nezinkinga zokufuduka esifundeni sethu sonkana kanye nasezwekazini.
Ingxenye yokuqala yesisombululo ngukuqeda ngokwephulwa kwemithetho yokufuduka ekhona, eyabasebenzi kanye neminye.
UMnyango Wezasekhaya, iZiphathimandla Ezilawula Imingcele, uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanye nezinye izinhlaka zomthetho zilokhu ziqhubekile nokuqinisa inqubo yokuhlonza nokubuyisela abokufika abanganawo amaphepha abahlala eNingizimu Afrika ngokungemthetho.
Onyakeni owedlule kuphela, iZiphathimandla Ezilawula Imingcele zikwazile ukubamba nokuvimba abantu abangaphezu kwezi-450 000 ababezama ukungena eNingizimu Afrika ngokungemthetho.
Sizosungula izinkantolo ezizobhekana namacala okufuduka ukuze zisize ngokushesha ukubuyiselwa kwabokufika abangenawo amaphepha emazweni abo.
UPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, uMnyango Wezasekhaya kanye noMnyango Wezemisebenzi Nabasebenzi bengeza ukuhlolwa okubhekiswe ezinkampanini eziqasha abantu bokufika abangenawo amaphepha.
Njengengxenye yokwakha kabusha amakhono ezabasebenzi, uMnyango Wezemisebenzi Nezabasebenzi wethule uhlelo lokuqasha abahloli abayizi-10 000 ngokwezigaba kulo nyaka wezimali.
Sizokwenyusa izinhlawulo, okuhlanganisa nokuboshwa, kubaqashi abaphula uMthetho Wokufuduka.
Asikwazi ukuba nesimo lapho abaqashi, ngemva kokumangalelwa nokulahlwa yicala lokwephula imithetho yethu, bavele bakhokhe kalula inhlawulo bese beqhubeka nokuqasha abantu bokufika abangenawo amaphepha ababaxhaphazayo.
Ukuze sibhekane nokwephulwa kwemithetho yokufuduka kanye neyabasebenzi emkhakheni wezokuthutha, siqalisa uhlelo olusungulwe nemboni yezokuthutha kwempahla kanye nezinhlangano zabasebenzi.
Ingxenye yesibili ukuvikela imingcele yethu.
Isizwe ngasinye esizimele sinesibopho sokwazi ukuthi obani abangena endaweni yaso, ukuthi kungani bengena nokuthi bavunyelwe ukuhlala isikhathi esingakanani.
Imingcele evikelekile ayichazi ukuthi sizonda amanye amazwe.
Iyimfuneko ebalulekile yombuso ozimele nobuswa kahle.
Ngokunjalo, sithatha izinyathelo ezengeziwe zokuvikela imingcele yethu.
Ngakho-ke sizoqhubeka nokutshala izimali kwezobuchwepheshe besimanje, ingqalasizinda kanye nokuqasha abasebenzi ukuqinisekisa ukuthi imingcele yethu ivikelekile ngesikhathi senza kube lula ukuhweba ngokusemthethweni, ukuhamba kanye nemisebenzi yezomnotho.
Sizoqala ngokususa kancane kancane izikhungo zokubhalisa abokufika emadolobheni siziyise emingcleni, sizoqala ngesikhungo saseTshwane kulo nyaka.
Amanye amazwe amaningi anezikhungo zokwamukela ababaleki eduze nendawo lapho ababaleki bengena khona befuna indawo yokukhosela.
Ukususwa kwezikhungo zokubhalisa ababaleki ziyiswe eduze kwemingcele yethu kuhloswe ukuqinisekisa ukuthi izicelo zokukhosela zicutshungulwa ngendlela ephumelelayo, evikelekile nenobulungiswa.
Lokhu kuzokwenza uhulumeni akwazi ukunquma izidingo zokuvikela lapho bengena ukuqinisekisa ukuthi labo abadinga ngempela ukuvikelwa bathola usizo ngokushesha okukhulu.
Ingxenye yesithathu kuzoba ukuqhubeka nokuqinisa uhlelo lwethu lokufuduka ngokuqeda inkohlakalo nokusebenzisa ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu.
Siyaqhubeka nokuqeda inkohlakalo kanye nokungasebenzi kahle eMnyangweni Wezasekhaya.
Kufanele sikuqaphele ukuthi ukufuduka okungekho emthethweni kuvame ukwenziwa yinkohlakalo.
Izikhulu ezithengisa amaphepha, ezisiza ukungena ngokungemthetho noma ezixhaphaza ihhovisi lomphakathi ukuze zizuze zona zidicilela phansi ithemba labantu baseNingizimu Afrika.
La macala sizowalandelela ngokungaphezi.
Labo abanecala babhekene nokuxoshwa, ukushushiswa kanye nokubhekana nengalo yomthetho.
Sisungula iRejista Labantu Elisebenza Ngobuhlakani Obakhiwe eliqukethe imininingo yesigxivizo seminwe yawo wonke umuntu ezweni, ezoba ukuqala koMzisi Bedijithali.
Ngesikhathi esifanayo, sizoyeka kancane kancane izincwadi zomazisi eziluhlaza, eziholele ekwebiweni kobunikazi ngabokufika abangenawo amaphepha kanye namaqembu ezigebengu.
UMnyango Wezasekhaya uzobeka usuku lapho izincwadi zomazisi eziluhlaza zingeke zisamukeleka.
Sizoqeda ukuxhashazwa koHlelo Lokubhaliswa Kwezimoto, okufanele abofika bakwenze uma bebhalisa noma bethenga izimoto, kodwa oselusetshenziswa njengamaphepha omazisi.
UMnyango Wezokuthutha uzokhipha imithetho emisha ukuze ihambisane nemithetho yomazisi yezwe lethu ezinyangeni ezintathu ezizayo.
Ingxenye yesine ukuvala igebe emithethweni nakwimithethonqubo yethu.
Imithetho elawula ukufuduka eNingizimu Afrika ihlukene futhi ivame ukuphikisana. Ivumela igebe elikhulu kwezomthetho nokwenza kube lula ukuthi ixhashazwe ngabokufika abangenamaphepha.
Sibhekene nokuvala lelo gebe.
Uhulumeni uphothule iNqubomgomo Kazwelonke Yokufuduka Kwabasebenzi, ephakamisa izilinganiso eziphezulu zokuqashwa kwabokufika abanamaphepha, futhi ibhekana nokushushiswa kwabaqashi abaqasha abasebenzi abangenamaphepha.
UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezinsizakalo Zokuqashwa ugunyazwe yiKhabhinethi ukuze wethulwe ePhalamende. Lokhu kunika uNgqongqoshe amandla okubeka izilinganiso maqondana nokuqashwa kwabokufika kunoma yimuphi umkhakha wezomnotho noma isigaba somsebenzi.
UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, usebenzisana neNhlangano Yohulumeni Basekhaya yaseNingizimu Afrika, uzophothula inqubo yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi amancane nangabhalisiwe ngosemthethweni ayabhaliswa kahle. Izophinde yeseke amabhizinisi angakahleleki aseNingizimu Afrika ngoXhasomali Lweziphaza.
Ingxenye yokugcina ukusebenzisana namanye amazwe esifundeni sethu nakulo lonke izwekazi ukubhekana nenkinga enkulu yokufuduka kwabantu.
Sidinga ukubhekana nezinto ezibangela ukufuduka ezwekazini lethu nakwezinye izindawo.
INingizimu Afrika ayikwazi ukubhekana nezinkinga zokufuduka yodwa.
Ukufuduka kuyinkinga yezwekazi kanye nomhlaba wonke.
Ikusasa leNingizimu Afrika alinakuhlukaniswa nekusasa lezwekazi lase-Afrika.
Ingcindezi edalwa ukufuduka ayinakuxazululwa ngezinyathelo zokuphoqelela umthetho kuphela.
Kudingeka ukuthula lapho kunezingxabano, ukukhula komnotho lapho kukhona ukumela ndawonye kanye nethuba lapho kukhona ubumpofu.
NjengeNingizimu Afrika, sizoqhubeka nokusebenza namazwe angomakhelwane ukwakha i-Afrika lapho abantu behamba khona ngokuzithandela hhayi ngenhla yenhlupheko.
Ngokusebenzisana ne-SADC, iNhlangano Yobumbano Lwamazwe Ase-Afrika kanye nobudlelwano bethu namanye amazwe, sizofuna izixazululo eziqhubekayo zalezi zinselele.
Njengengxenye yalo mzamo, ngizothumela izithunywa emazweni amaningana angomakhelwane ase-Afrika ukuze ziyocacisa izinyathelo esizimemezelayo kusihlwa.
IKhabhinethi lizohlala likhathazekile ngalolu daba futhi lizolokhu libuyekeza inqubekela-phambili ekusebenziseni lezi zinyathelo.
IKomidi LoNgqongqoshe Elibhekele Ukufuduka lizoxhumanisa izixazululo zikahulumeni kuyo yonke iminyango nezinhlaka zikahulumeni.
Izinhlaka ze-NATJOINTS kanye ne-NATJOINTS Yezifundazwe ziyalelwe ukuthi ziqinise ukubambisana phakathi kwezikhungo zokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho, ezobunhloli kanye nezokuvikeleka ukuqinisekisa ukuqaliswa kwalezi zinyathelo ngempumelelo.
Njengoba sisebenzela ukubhekana nenkinga yokufuduka ngokungemthetho, sizimisele ukuthi ngeke sivumele noma ubani ukuthi asebenzise le nkinga ukuze aphazamise izwe lethu.
Izikhungo zethu zokuphoqelela ukuthotshelowa komthetho kanye nezinsizakalo zokuvikeleka – ezisebenzisana nezinye izinhlangano zikahulumeni kanye nababambiqhaza ababalulekile – zime ngomumo ukuvikela ukuphepha komphakathi, ukugcina umthetho nokuthula, kanye nokuvikela ingqalasizinda ebalulekile.
Izinguquko esizethule muva nje emithethweni yethu yokufuduka kanye nemithethonqubo zizosivumela ukuthi sihehe izivakashi, abantu abanamakhono emhlabeni kanye notshalomali ngokulandela imigudu esemthethweni.
Kufanele futhi sikhumbule ukuthi abantu bakithi abaningi baya kwamanye amazwe ukuyofunda, ukuyosebenza kanye nokuyothola ulwazi.
Abaningi babuya emakhaya benamakhono abalulekile kanye nobuchwepheshe, benombono ojulile ngomhlaba, futhi besesimeni esingcono sokuthuthukisa izimpilo zabo nezemindeni yabo.
Ukufuduka kuyindlela yomhlaba futhi kufanele silungele ukukwamukela.
INingizimu Afrika iyizwe elingcono lokufuduka. Futhi sisengaba ngcono kakhulu.
Kodwa lokho kusho ukuthi imithetho yethu idinga ukuqiniswa futhi iphoqelelwe ngempumelelo.
Kusho ukuthi kufanele siqede ukufuduka okungekho emthethweni futhi sibhekane nezinkinga ezikhona emphakathini, ezomnotho kanye nezokuphepha ezibangelwa yikhona.
Akufanele sivumele ukuphendukela abokufika noma omunye nomunye.
Kufanele sonke sihloniphe uMthethosisekelo, seseke amalungelo abantu bonke ayisisekelo futhi seseke njalo umthetho wezwe.
Siyazichitha izinkulumo ezithi kufunale sibekezelele ukufuduka okungekho emthethweni.
Singavikela imingcele yethu ngesikhathi sivikela isithunzi sabantu.
Singaqinisa imithetho yethu ngesikhathi sigcina uMthethosisekelo wethu.
Singavikela imiphakathi yethu ngesikhathi silondoloza ubugugu boBuntu obusichazayo thina njengabantu.
Njengazo zonke izinkinga eziningi esike sabhekana nazo ngaphambilini, singayinqoba inkinga yokufuduka okungekho emthethweni.
INingizimu Afrika inqobe izinkinga ezinkulu kakhulu kunalezi.
Sinqobe ukwahlukana. Sinqobe izingxabano. Sinqobe ukungabi nabulungiswa.
Sizoyinqoba nale nkinga.
Masikwenze lokho hhayi ngokwesaba, intukuthelo, inzondo noma udlame, kodwa ngobunye, ukuzimisela kanye nenhlonipho yokubusa komthetho.
Masakhe iNingizimu Afrika ephephile, enomthetho, enesihawu futhi echumayo.
INingizimu Afrika lapho sandisa khona amathuba, sivikele isithunzi sabantu futhi sifeze isithembiso sentando yeningi labantu kuwo wonke umuntu.
Ngiyabonga.

