INkulumo Ngesimo Sezwe eyethulwa nguMongameli uCyril Ramaphosa

INkulumo Ngesimo Sezwe eyethulwa nguMongameli uCyril Ramaphosa eHholo Ledolobha laseKapa

USomlomo Wesigungu Sikazwelonke (i-NA), Nkz. Thoko Didiza;
USihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP), Nkz. Refilwe Mtshweni-Tsipane; 
UMongameli Waphambilini waseNingizimu Afrika, uMnu. Kgalema Motlanthe;
USihlalo Waphambilini we-NCOP, uMnu. Amos Masondo; 
USihlalo Waphambilini we-NCOP, uDkt. Naledi Pandor; 
USodolobha Wedolobha laseKapa, u-Alderman Geordin Hill-Lewis,
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko Nabathwa, uKgosi Thabo Seatlholo; 
Isithwalandwe Seaparankoe, Mam’ Sophie de Bruyn;
UMongameli weContralesa, uKgoshi Mathupa Mokoena;
Amalungu ePhalamende;
ONdunankulu bezifundazwe;
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika

Eminyakeni engamashumi ayisikhombisa eyadlula, izinkulungwane zabesifazane bazo zonke izinhlanga bamashela eZindlini Zombuso - izinhliziyo zishaya mkanye. 
Behlome ngamakhono nokuzimisela, laba besifazane behlula ukuseshwa nokuhlukunyezwa ngamaphoyisa.

Ngezwi elizwakalayo nelicacile, bathi:

“Ngeke siphumule size sinqobele izingane zethu ilungelo lazo elibalulekile lenkululeko, ubulungiswa nokuvikeleka.”

Sikhumbula imifanekiso enamandla kaLilian Ngoyi, uHelen Joseph, uSophie de Bruyn noRahima Moosa bephethe izikhalo beyozibeka emnyango kaNdunankulu owayengafuni nokulokotha ukuhlangana nabo.

Isikhalazo ngasinye esadluliswa sasinamandla obulungiswa, isiginesha ngayinye kwayizi-100 000 kwababewaqoqile yayibonisa ukulangazelela inkululeko nokulingana.

Imizuzu engama-30, abesifazane bama ezitebhisini ze-Amphitheatre bethule, bengahlabeleli, bengakhulumi.

Umfanekiso onamandla walaba besifazane bemile bethule wabonisa ukuzimisela kwabo kanye nokuzibophezela kwabo ekuletheni ushintsho.

Ukuthula kwabo kwabonisa umuzwa ojulile wobuhlungu kanye nokukhathazeka okwakudalwa ukucindezelwa nguhulumeni wobandlululo.

Ukuthula kwabo kwabonisa usizi nentukuthelo ababeyizwa ekulweni kwabo belwela ubulungiswa nokulingana.

Bathula isikhathi eside kwaze izikhulu zobandlululo azangahlaliseka ngesikhathi zibabuka.

Kulowo mzuzu wokuthula cwaka, babonisa umhlaba ukuthi akusikho ukumemeza ngesankahlu, kodwa ukuthula ngokuzimisela, okwenza umehluko omkhulu.

Emva kokuthula kwalandela ukuhlabelela kwesiqubulo esesidume kakhulu emlandweni womzabalazo wethu, esiluphawu lweqhaza elinamandla eladlalwa ngabesifazane ekulweni nobandlululo.

“Wathint’ abafazi, wathint’ imbokodo. You strike a woman; you strike a rock”.

Kuthiwa isiqubulo sabesifazane senanela emagcekeni eZindlu Zombuso, saphendula isihlalo samandla ombuso saba yinkundla yombhikisho, lapho isibindi sasibhekene nabasemagunyeni.

Kusihlwa nje, sihlonipheke kakhulu ukuthi phakathi kwethu sibe noMam’ Sophie de Bruyn, omunye wabaholi baleyo mashi kanye neqhawe lomzabalazo wenkululeko.

Yena nabanye besifazane abanikela ngokukhulu emzabalazweni wethu wenkululeko basikhumbuza ukuthi abesifazane bebehlezi behamba phambili ekuletheni ushintsho, belungele ukuma, bakhulume futhi bangahlehleli emuva ekulweleni ubulungiswa.
Ukugubha le minyaka, ngicela ukuba nisukume nishayele izandla abesifazane abamasha eZindlini Zombuso ngowe-1956 nabo bonke abesifazane bezwe lethu abasaqhubeka nokulwela amalungelo ayisisekelo senkululeko, ubulungiswa kanye nokuvikeleka.

Kwakuyiminyaka engama-50 eyedlule, ngalowo moya ofanayo wokulwa nokuzabalaza, intsha yaseSoweto yaphuma esikoleni yamasha yabheka e-Orlando Stadium ukuyophikisana nokubekwa kwesiBhunu njengolwimi lokufundisa kanye nohlelo ababengalufuni lweBantu Education.

Isibindi sabo bebhekene nombuso ocindezelayo ononya sasabalalela emhlabeni wonke futhi sadonsa amehlo abheka emzabalazweni wethu.
Ukuzimisela nokuzidela kwentsha yangowe-1976 kanye nezizukulwane zentsha ezazizolandela, kuyaqhubeka nokusikhuthaza.

Eminyakeni engamashumi amathathu edlule, ngowe-1996, iSigungu Somthethosisekelo samukela umbhalo oyisisekelo sesizwe sethu sentando yeningi labantu.

UMthethosisekelo wethu ubonisa umoya wabesifazane abamasha baya eZindlini Zombuso ngowe-1956, intsha yangowe-1976 kanye nabantu abaningi baseNingizimu Afrika abavela kuzo zonke izinkalo abalwela inkululeko yethu.

NguMthethosisekelo obonisa izifiso zabantu baseNingizimu Afrika ezweni elibumbene nelinokuthula; isizwe esilahle ukucindezelwa nesikhathi esedlule esinoqhekeko.
NguMthethosisekelo osibiza sonke ukuthi singabhekani nje kuphela nokungabikho bobulungiswa esikhathini esedlule, kodwa siphinde siphumelelise ilungelo labo bonke abantu baseNingizimu Afrika lokuba nezindlu, ukunakekelwa kwezempilo, ukudla, amanzi, ukuvikeleka kwezenhlalo, imfundo kanye nempilo engcono nempumelelo kubo bonke abantu.

Namuhla, kufanele sifeze lezi zifiso emhlabeni oguquguquka ngokushesha. Umhlaba lapho ukuzicabangela kuthathe indawo yokwenza okuhle. Umhlaba lapho ukuhweba kusetshenziswa njengethuluzi lokuphoqelela ukwenza okuthile.
Umhlaba lapho omkhulu kunguyena olungile nabanamandla bezibeka ngaphezu kwalabo ababuthakathaka. Ukuze sihambe kulo mhlaba, kufanele sisebenzise amandla ethu njengesizwe.
Amandla ethu avela kwizimiso zethu. Izimiso zesithunzi nokulingana, ukungabandlululi ngokobuhlanga kanye nokungabandlululi ngokobulili, ukuhlukahlukana kanye nokubaluleka komuntu ngamunye.

Kuvela kubantu bakithi, ukubekezelelana, ukuphana, umusa kanye nokubumbana.

Kuvela ekuzibophezeleni kwethu okuqinile, ekwesekeni amalungelo nokuqinisekisa isithunzi sabantu emphakathini wethu ababhekene nokubandlululwa nokucwaswa, okubandakanya abantu abaphila nokukhubazeka namalungu omphakathi we-LGBTQI+.

Amandla ethu avela nasempokopholweni yethu. Avela ebucikweni nasentshisekelweni yethu.

Amandla ethu avela ezintweni zethu zemvelo, izimbiwa emhlabeni wethu kanye nokuceba komhlabathi wethu, kusuka ebuhleni bezintaba zethu kanye nogu lolwandle.

Amandla ethu avela ezikhungweni zethu, ezinamandla futhi ezizimele, kanye nomoya wentando yeningi labantu nenkululeko ephila ngaphakathi kithi.

Amandla ethu avela komunye nomunye. Avela kulokho esukuzuzayo uma sisebenza ngokubambisana.
Amandla ethu avela ekuhloniphaneni omunye nomunye, noma singahluka ngokwemibono ezintweni ezehlukene.

Amandla ethu avela nakubadlali bezemidlalo abaqhubeka nokuphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika emhlabeni wonke futhi balethe udumo esizweni sakithi.

Njengoba sibheka isimo sezwe sethu, singasho ukuthi sinamandla kakhulu namuhla ukudlula unyaka owedlule.

Umnotho wethu uyakhula, futhi ukhula ngamandla.

Yize sibone ukukhula komkhiqizo wasekhaya amakota amane elandelana, siyazi ukuthi kufanele ukhule ngokushesha kakhulu ukuze uhlangabezane nezinselele zethu zenhlalo nezomnotho.

Siqoqe imali engaphezulu kwesabelomali izikhathi ezimbili zilandelana.

Isilinganiso sethu sezikweletu sibe ngcono, isilinganiso senzalo siyehla futhi ukukhuphuka kwamanani entengo kusezingeni eliphansi kakhulu eminyakeni engama-20.

Indlela yethu iyakhanya ekuletheni uzinzo esikweledini sethu sikazwelonke. IRandi linamandla uma liqhathaniswa neDola.
IJohannesburg Stock Exchange, indawo enkulukazi yokuthengiselana kwamasheya ezwenikazini i-Afrika, yenze kahle kakhulu onyakeni odlule.

Lokhu kukhula kubonisa ukuvuka komnotho okubanzi, ukuzethemba kwabatshalizimali kanye nentshisekelo ekhulayo kumasheya aseNingizimu Afrika.

Izindleko zethu zokuboleka zehlile.

Ngohlelo lwe-Operation Vulindlela, senze inqubekela-phambili ebonakalayo ekusheshiseni izinhlelo zokuguqula umnotho nokuvula indlela yokuletha utshalomali nokuncintisana.

Siqede ukucimakonga kukagesi saphinde sakha uhlelo lokusebenza lukagesi olunamandla noluqinile.
Senze inqubekela-phambili ekuthuthukiseni ukusebenza kwamachweba ethu nojantshi bezitimela, nokuye ngokuya kwenyusa umthamo wezimpahla ezingenayo neziphumayo ezweni lethu.

Silungise izitimela zabagibeli, njengoba abagibeli abaningi sebekwazi ukuya emisebenzini ngezitimela ezintsha – nokwehlisa ngokubonakalayo izindleko zabo zokugibela izithuthi.

Sitshala izimali ezweni lonkana ekwakhiweni kwemigwaqo, amabhuloho, ojantshi, amachweba, amadamu, iziphehlimandla zomoya nelanga.

Sisungule amathuba angaphezu kwezigidi ezi-2.5 ngoHlelo LukaMongameli Lokusungula Imisebenzi, ikakhulukazi kubantu abasha nabesifazane.

Izinhlelo ze-Expanded Public Works (i-EPWP) neCommunity Work (i-CWP) ziyaqhubeka nokuletha amathuba emisebenzi kubantu abaningi ezweni lonkana.
Ngonyaka owedlule sibone izinga eliphezulu kakhulu lokuphasa kukaMatikuletsheni emlandweni wethu, ngesilinganiso esingaphezu kokubili kokuthathu sabaphase ngeBachelor abavela ezikoleni ezisemiphakathini engenawo amathuba.

Njengoba umnotho ukhula, izinga labantu abangasebenzi liqala ukwehla.

Ngokwandisa uhlelo lwezibonelelo zomphakathi ngokuhlinzeka ngeZibonelelo Zenhlalo Zabaswele (i-SRD), sehlise inani labantu abaswele ukudla.

Siqinisa imithetho yokulwisana nenkohlakalo.

Izwe lethu lisusiwe ngaphansi kohlu lweFinancial Action Task Force lwamazwe ahlanza imali nokuxhasa izenzo zobuphekula.

Umsebenzi esesiwenzile wokwakha kabusha izikhungo ezibalulekile emva kokubanjwa kombuso ngobhongwane ubonisa imiphumela. UPhiko Lwemalingeniso Eqoqwayo LwaseNingizimu Afrika (i-SARS) luphinde lwaba nguphiko lwentela olusezingeni lomhlaba.
UPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala lwenza inqubekela-phambili ekushushiseni amacala abekwe phezulu. Okubaluleke kakhulu, uhlelo lwethu lokusebenza lwentando yeningi labantu luyakhula luba namandla.
UHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU) ibonise ukuthi kuyenzeka ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bahlangane besuka ezinhlanganweni ezehlukene zombusazwe ukuze basebenzisane ngenjongo eyodwa yokukhulisa umnotho nokuya phambili.

Ngonyaka owedlule, sasingatha abaholi bomhlaba kwiNgqungquthela ye-G20 eyaba impumelelo, neyabonisa amandla ezwe lethu enkundleni yomhlaba.

Ukuzethemba kuyenyuka kubatshalizimali, amabhizinisi nabathengi.

Loku kwenza kangcono kungumphumela womzamo wokuphokophelela phambili kuhulumeni wonke nasemphakathini wonke. Kusibonise lokho okungenzeka uma sisebenza ngokubumbana nangenhloso.

Manje, sinethuba elehlukile lokuguqula lezi zinzuzo zibe ngukukhula komnotho okusimeme. Ngaphandle kwale nqubekela-phambili, kufanele sibe neqiniso ngezinselele esisabhekene nazo.
Yize siya phambili, akufanele sithi sinqobe kalula. Sisekude kakhulu nalapho kufanele sibe khona.
Kubantu abaningi, impilo isalokhu inzima. Imisebenzi iyimvelakancane namathuba kunzima ukuwathola. Abantu baseNingizimu Afrika bakhathazekile ngobugebengu nenkohlakalo.
Bakhathazekile ngesimo sikahulumeni wasekhaya kanye nokuhluleka ukuletha izidingonqangi ezingxenyeni eziningi zezwe.

Ngaphezu kwakho konke, balangazelele ukuthola imisebenzi nemali engenayo ukuze bondle imindeni yabo.

Singaba namandla kuphela uma silingana, uma inqubekela-phambili esiyenzile sabelana ngayo sonke njengabantu baseNingizimu Afrika.

UMthethosisekelo ufuna thina sonke ukuthi sisebenzele umphakathi lapho wonke umuntu waseNingizimu Afrika enethuba elilinganayo lokuzenzela impilo engcono; lapho zonke izingane zithola imfundo engcono nethuba lokusebenza ziphumelele.

 

Umphakathi lapho sibuyisa kithi izindawo zomphakathi futhi sihlangane emigwaqeni njengabantu abalinganayo. Lapho umbuso usebenzela abantu nalabo abanenkohlakalo bephendula ngezenzo zabo.
Le Nkulumo Ngesimo Sezwe (i-SoNA) icacisa izinyathelo esizithathile kusukela ngonyaka owedlule kanye nezinyathelo esizozithatha kulo nyaka ukuthuthukisa konke okubekwe eqhulwini ku-GNU.

Okubekwe eqhulwini yilokhu:

Okokuqala, ukuqhuba uhlelo lokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu kanye nokusungulwa kwemisebenzi.

Okwesibili, ukunciphisa ububha nokubhekana nezindleko zokuphila eziphezulu. Okwesithathu, ukwakha umbuso onekhono lokusebenza, osebenza ngobuqotho nothuthukayo.
Kusihlwa nje, sicacisa umsebenzi okufanele siwenze ngokubambisana ukwakha imiphakathi enamandla nesizwe esinamandla.
Sicacisa umsebenzi okufanele siwenze ngokubambisana ukwakha iNingizimu Afrika ephumelelayo, ebandakanya wonke umuntu, enokuthula, ebumbene nenokulingana.

INingizimu Afrika enamandla kufanele iphephe futhi ivikeleke.

Umonakalo wobugebengu siwubona ngokushona kwabantu kanye nokuphela kwekusasa. Uphinde uzwakale emuzweni wokwesaba ogcwele emphakathini wakithi nasekungabazeni kwamabhizinisi ukutshala izimali.
Izingane lapha eNtshonalanga Kapa zivika izimpi zamaqembu ezigelekeqe. Abantu baxoshwa emakhaya abo abambi bemigombi abangekho emthethweni eKagiso eGauteng. Abesifazane babulawa ngabalingani babo emakhaya abo. Izakhiwo zivalwa yizigelekeqe.

Lokhu kufanele futhi kuzoshintsha.

Ubugebengu obuhleliwe manje buyingozi kwintando yeningi labantu, emphakathini kanye nasekuthuthukisweni komnotho wethu.

Kulo nyaka sigxile kakhulu ekuqiniseni impi yokulwa nobugebengu obuhleliwe kanye namaqembu obugebengu sisebenzisa ubuchwepheshe, ubunhloli kanye nokuqiniswa komthetho okuhlanganisiwe.
Sizobhekana nobugebengu obuhleliwe ngokuhlanganisa ezobunhloli ezingeni likazwelonke, sithole amaqembu abalulekile futhi sithumele amaqembu azongenelela emikhakheni eminingi aqokiwe, agxile ekuqedeni amanethiwekhi obugebengu.

Ukuqinisa impi yethu yokulwa nodlame lwamaqembu ezigelekeqe, ngitshala uMbutho Kazwelonke Wezokuvikela eNingizimu Afrika (i-SANDF) ukuthi uyosiza amaphoyisa, njengoba senzile ukulwa nokumbiwa kwezimayini ngokungekho emthethweni.

Ngiyalele uNgqongqoshe Wamaphoyisa kanye ne-SANDF ukuthi basungule uhlelo lobuhlakani lapho amasosha ethu ezotshalwa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo eNtshonalanga Kapa naseGauteng ukuze abhekane nodlame lwamaqembu ezigelekeqe kanye nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho.
Njengoba kusho uMthethosisekelo, ngizokwazisa i-NA ne-NCOP mayelana nezikhathi, indawo yokutshalwa kwamasosha ethu nokuthi kuzobiza malini.

Kumele sithathe isinyathelo ukuqeda udlame lwamaqembu ezigelekeqe ezweni lethu.

Ngasikhathi sinye, siqalisa iqhingasu elididiyelwe lokubhekana nomsuka wobugebengu ngokusebenzisa izingenelelo ezihlanganisiwe emphakathini wonkana, kusukela ekufakweni kwamalambu okukhanyisa imigwaqo kuya ekufinyeleleni kwizinsizakalo zomphakathi.

Sizobhekana nobugebengu bezibhamu ngokuhambisana nemithetho nemithethonqubo ngokukhishwa kwamalayisensi, ukuba nesibhamu kanye nokuthengiswa kwezibhamu nezinhlamvu. Sizonyusa izinga lokuphoqelela ukuthotshelwa kwemithetho yezibhamu ekhona.

Sizofaka amaphoyisa amaningi ngokulandela inqubo yokuqasha amaphoyisa ayizi-5 500 kulo nyaka, azokwengeza esibalweni samaphoyisa amasha ayizi-20 000 esawamemezela kwi-SoNA eyedlule.
Siyaphinda sibhekana nobungozi obulethwa ukugcwala kwezimpahla zomgunyathi nezingombombayi kwimisebenzi nasezimbonini zaseNingizimu Afrika.

Sisungula uhlelo olubizwa ngeNational Illicit Economy Disruption Programme oluzohlanganisa ama-ejensi ombuso abalulekile nabanye ababambiqhaza, kubandakanya nomkhakha ozimele.

Ngokusebenzisa izindlela zokucwaninga idatha kanye noBuhlakani Mbumbulu, sizobhekana nemikhakha eletha ubungozi obukhulu njengogwayi, uwoyela, utshwala nezinye izimpahla ezingombombayi.

Ukulalelwa kobufakazi kwiKhomishana kaMadlanga sekuveze obala inkohlakalo eyenzeka oPhikweni Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) nakweminye iminyango yakwaMetro Police ngokusetshenziswa kabi kwamandla.
Angeke sikubekezelele lokhu. Umthetho ume ekubeni namaphoyisa akwazi ukuziphatha, aphendulayo uma edingeka futhi abeka phambili imiphakathi ayisebenzelayo.

I-SAPS isungule ithimba elizoqinisekisa ukuthi ukuphenywa kwamacala avele kwiKhomishana kaMadlanga kuqala ngokuphazima kweso futhi ngaphandle kokuphazanyiswa.

I-Ejensi Yezokuvikeleka Kombuso izohlolisisa kabusha Abaphathi Abakhulu beminyango ye-SAPS neMetro Police. Ukuhlolisiswa kuzofaka phakathi ukucwaningwa kwendlela yokuphila.

Njengoba sikwenze ngempumelelo ngamanye amakhomishini aphambilini, sizosebenzisa izincomo zeKhomishini kaMadlanga ukwenza izinguquko ezizosisiza isikhathi eside.

Sizimisele ngokuthi okutholakele nezincomo zekhomishini kube yisisekelo soguquko olufunekayo ohlelweni lokuletha ubulungiswa kwezobugebengu.

Siyathemba ukuthi le mizamo izophumelela ngoba iningi lamaphoyisa lizinikele ekulandeleni umthetho nokusebenzela ngobuqotho abantu baseNingizimu Afrika.

Ngokubona impumelelo ye-Operation Vulindlela ekuthuthukiseni ukuguqulwa komnotho, sizosebenzisa indlela efanayo ukusungula uhlelo olusha lokuguqula ubulungiswa kwezobugebengu.

Lokhu kuzolwisana nobugebengu obuhleliwe, inkohlakalo kanye nokuthengiselwana kwezibhamu ngokungemthetho sisebenzisa ithimba elizinikele eHhovisi likaMongameli ukuqinisekisa ukuthi izinguquko ziqaliswa kuyona yonke indawo.

Siyaqhubeka siqinisa ukulwa nenkohlakalo ngokuqinisa imibutho efana noPhiko Oluphenya Amacala Akhethekile, uPhiko Lwezokushushisa Kuzwelonke kanye noPhiko Oluphenya Ubugebengu Obuphezulu (i-DPCI/Oklebe).

Sizophothula indlela kahulumeni yokulandela izincomo zoMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngokulwisana Nenkohlakalo ngokusungulwa kwenhlangano engunomphela, ezimele elwisana nenkohlakalo.

Ngeke samukele ukuthi labo abaphumela obala babike ngenkohlakalo bayahlukunyezwa futhi bayahlaselwa.
UMthethosivivinywa Wokuvikelwa Kwezingede uzokwethulwa ePhalamende. Phakathi kwezinye izinto, lokhu kuzokwenza kube yicala ukuziphindiselela futhi kuhlinzeke izingede ngosizo lwezokululekwa ngokwengqondo, umthetho nangokwezimali.

Kuzogxilwa ngokukhethekile ekuhlelweni kabusha inqubo yokuthengwa kwempahla ngokubhekela ukuthi kuqedwe inkohlakalo.

UMcwaningimabhuku-Jikelele waseNingizimu Afrika (i-AGSA) ubike ukuthi iningi lezigameko zenkohlakalo umsuka wazo uhlelo lwenqubo yokuthengwa kwempahla. Ngeke sisivumele lesi sihlava siqhubeke futhi kufanele sithathe isinyathelo.

Izinyathelo zizofaka phakathi ukusetshenziswa kobuchwepheshe kanye nokuphothulwa koMthetho Wokuthengwa Kwempahla Kahulumeni phakathi kowezi-2026.

Ngeke sikwazi ukulwa nobugebengu obuhleliwe ngokuzitotosa. Kufanele singabubekezeleli futhi sisebenzise umthetho ngokuphelele.
Lokhu kumele kube umyalezo ocacile: ngeke zithethelelwe izenzo zenkohlakalo nobugebengu.

Ngaphezu kobugebengu, amanzi asengenye yezinkinga enkulu kubantu baseNingizimu Afrika, kusuka emadolobheni amakhulu afana neGoli kuya emadolobhaneni amancane afana neKnysna nasezindaweni zasemakhaya ezifana neGiyani.

Sibubonile ubuhlungu abantu bakithi abebekudlulisa ngemibhikisho ezingxenyeni ezehlukene eGauteng. Le mibhikisho isuswa ukukhathazeka ngenxa yokungatholi izidingonqangi ezifana namanzi.

Ngiyalele uNgqongqoshe Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle namaphini akhe kanjalo noNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko ukuthi babhekane nenkinga yokuphela kwamanzi futhi baxoxisane nemiphakathi yakithi.

Balapho njengamanje, bachazela abantu ukuthi uhulumeni uhlele ukuzixazulula kanjani izinkinga abantu bakithi ababhekene nazo.

Bangibikele ukuthi amapayipi amoshekile ayalungiswa nokuthi izigcinimanzi ziyagcwala futhi.

Ukwehluleka ukuhlela nokunganakekeli kahle izinhlelo zamanzi komasipala abaningi yikho okuyimbangela enkulu yezinkinga esibhekene nazo futhi kuyisizathu sokuthi singabi namanzi ezimpompini.
Ayikho indlela elula yokuxazulula le nkinga, umsuka wayo usekwahlulekeni kwezindlela zokusebenza kanye neminyaka eminingi yokunganakekeli ingqalasizinda.

Ukuqinisekisa ukuthi amanzi awapheli esikhathini esizayo, sakha amadamu amasha futhi silungisa ingqalasizinda ekhona.

Sibeke izigidigidi ezingaphezu kwe-R156 zoxhasomali lukahulumeni ukubhekana nengqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle eminyakeni emithathu elandelayo.

Ukwakhiwa kweLesotho Highlands Water Project neminye imiklamo emikhulu efana neNtabelanga Dam, ingxenye yoMzimvubu Water Project eMpumalanga Kapa, uqhubeka kahle, futhi sisemaphethelweni okusungula i-Ejensi Kazwelonke Yengqalasizinda Yemithombo Yamanzi ukuze kuzolawulwa kahle futhi kunxenxwe uxhasomali lwengqalasizinda yamanzi ezweni.

Noma kunjalo, inkinga enkulu ayikho kuphela emanzini, kodwa isekutheni amanzi aphume ezimpompini zabantu.

UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinsizakalo Zamanzi uzosivumela ukuthi senze abahlinzeki bezinsizakalo zamanzi baphendule ngomsebenzi wabo futhi sikwazi nokuhoxisa amalayisensi abo uma behluleka ukwenza umsebenzi.

Uma umasipala ungazimisele noma ungakwazi ukuhlinzeka ngezinsizakalo kubahlali bawo, kufanele lokho kwenziwe ngabanye abakwaziyo ukukwenza lokho.
Lezi zinguquko zizobhekana nomsuka wenkinga yamanzi.

Esikhathini esifushane, kufanele sibhekane nenkinga yamanje yokuphela kwamanzi njengamanje.

Eminyakeni emithathu eyedlule, ngesikhathi sibhekene nokucinywa kukagesi, sasungula iKomidi Likazwelonke Elibhekele Izinkinga Zikagesi (i-NECC) ukuze liqhamuke nendlela yokubhekana nenkinga kuzwelonke.

Sinqobe lokho okwakubonakala kuyinselele enganqobeki ngokwamukela uhlelo olucacile futhi sakufeza.

Ngokusebenzisa indlela efanayo, sizodlulisa phambili indlela esizobhekana ngayo nenkinga yamanzi eKomidini Likazwelonke Elibhekene Nenkinga Yamanzi, engizoba usihlalo walo.
Leli komidi lizohlanganisa yonke imizamo ekhona ibe yinhlangano eyodwa edidiyelwe.

Ngizotshala ongoti bochwepheshe kanye nezinsizakusebenza ezisuka kuhulumeni kazwelonke ziye komasipala ababhekene nezinkinga zamanzi.

Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izinyathelo zithathwa ngokushesha nangempumelelo ukubhekana nale nkinga.

Ukuxazulula izinkinga ngempumelelo ngeke singabaze ukusebenzisa amandla abekwe kuMthethosisekelo nakuMthetho Wezinsizakalo Zamanzi we-1977 ukungenelela komasipala uma kunesidingo.

Sizokwenza ukuthi baphendule labo abanganaki imisebenzi yabo yokuthumela amanzi kubantu.
Uhulumeni usevele ubeke amacala omasipala abangama-56 abahlulekile ukufeza imisebenzi yabo. Manje sesizoqhubeka sibeke amacala Abaphathi Bomasipala bona siqu ngokwephula uMthetho Kazwelonke Wamanzi we-1998.

Inkinga enkulu ukuthi komasipala bamadolobhakazi amakhulu amaningi, nakumadolobha, imali yamanzi isetshenziselwa ezinye izinto futhi incane kakhulu imali esetshenziselwa ukulungisa nokunakekela ingqalasizinda yamanzi.

Ukubhekana nale nkinga, ngokuhambisana nokuzinikela esikwenze ngonyaka owedlule, sesethule inkokhelo entsha yezigidigidi ezingama-R54 komasipala bamadolobhakazi ukuze bashintshe izinsizakalo zabo zamanzi, ukuthuthwa kwendle nogesi.
Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi imali eyenziwe ngokusetshenziswa kwamanzi ibuyiselwa iyosetshenziselwa ukulungisa amapayipi, izigcinimanzi neziteshi zokumpompa amanzi.

Ukuphela kwamanzi kuluphawu lohlelo lukahulumeni wasekhaya olungasebenzi.

Ukulungiswa kuyaqhubeka manje ukuze kulungiswe imbangela enkulu yokungasebenzi kahle komasipala abaningi.

Ezindaweni eziningi, ohulumeni basekhaya babuthaka futhi babuswa ngokuthi baxhaswe ngobani kunokuthi baphathwe ngokwamakhono nangokufaneleka.

Embikweni wabo wakamuva ngohulumeni basekhaya, i-AGSA ithe uhulumeni wasekhaya ubuswa ukungaphenduli ngabakwenzayo, ukwehluleka ukuletha izidingonqangi, ukungaphathi kahle izimali nokungabusi kahle, ukungabikho kwamakhono kanye nokungabikho kozinzo.

Ithi ukuqeda ukungasebenzi kahle komasipala bendawo kuzodinga ukusebenza ngokubambisana, okuyikhona esikwenzayo manje.
Ukufunda kulokho esidlule kukho eminyakeni engama-30 eyedlule, ezinyangeni ezizayo, sizophothula uMthetho Odingidwayo woHulumeni Basekhaya.

Lokhu kuzoza nezixazululo zokusebenza kohlelo lohulumeni basekhaya olusebenzayo. UMthetho Odingidwayo uzochaza kabusha indlela uhulumeni wasekhaya asebenza ngayo.
Uhlelo lokusebenza lwamanje luhlangahlangene kakhulu futhi lungamacozucozu, nomasipala abancane nababuthakathaka balindeleke ukuthi benze imisebenzi eminingi.

Sizophakamisa izinguquko ezinqala ezibheka iqiniso lokuthi abanye omasipala bangathatha imisebenzi eminingi kuneminye, nokuthi sidinga indlela ehlukile ezobhekana namandla nemisebenzi yomasipala.

Siphinda siphakamisa ukusebenzisana okuhleliwe phakathi komasipala nezikhungo zendabuko nezabaholi bamaKhoi-San ukuze umphakathi ukwazi ukuxoxisana futhi kubanjiswane ekutholeni izixazululo.

Sizoqinisekisa ukuthi izikhulu eziphezulu kohulumeni basekhaya baneziqu ezifanele nokuthi baqashwa ngokulandela inqubo ezimele enganakho ukugxambukela kwepolitiki.

Lapho kuhluleka khona omasipala, sizoqinisa ikhono likahulumeni kazwelonke lokungenelela masinyane nokunikeza izinyathelo zokulungisa isimo ngokubheka ukuthi kusizakale abantu kangcono.

Lezi zinguquko zingaba nzima. Kodwa kumele zenziwe.

Ngesikhathi lezi zinguquko ziqhubeka, sizoqhubeka nokuqalisa izinhlelo zokusiza ukuthi ukulethwa kwezidingonqangi kube ngcono ngokusebenzisana namaThimba KaMongameli aseThekwini naseGoli.

Ngesikhathi ikhona inqubekela-phambili esiyenzile ekuletheni uzinzo eThekwini, nokuholele ekubuyeni kokuzethemba kubatshalizimali, kusekuningi kakhulu okufanele kwenziwe eGoli ukubhekana nokuwa kwezingqalasizinda, ukuxhashazwa kwezimali kanye nokuphazamiseka kukagesi namanzi.

Baningi abantu abazinikele abanamakhono nesipiliyoni abasebenza kohulumeni basekhaya. Kungumsebenzi wethu ukuthi senze kabusha, sihlele kabusha futhi sicijise kangcono omasipala ukuze bezokwazi ukwenza umsebenzi wabo.

Njengezwe, sibuthakathaka kakhulu ezimeni zezulu ezingezinhle.

Emavikini nje ambalwa edlule, izikhukhula ezinamandla eLimpopo naseMpumalanga zidlule nemiphefumulo okungenani engama-45 zaphinde zabhubhisa amakhaya, izikole, imitholampilo nenye ingqalasizinda.
Ukuthathwa kwezikhukhula njengeNhlekelele Kazwelonke kwenze ukuthi uhulumeni kazwelonke nowezifundazwe ubeke phambili uxhasomali lokubhekana nezidingo ezinqala zabantu abakhahlamezekile.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

INingizimu Afrika enamandla incike emnothweni okhulayo.

Iminyaka engaphezu kweyi-15, umnotho wethu ubulokhu ukhula kancane.

Konke esikwenza manje kungenxa yesidingo sokukhula ngamandla komnotho nokubandakanya wonke umuntu ukuze kuzosungulwa imisebenzi eminingi nengcono.
Ukuphumelelisa uHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi (i-MTDP), iKhabhinethi ligunyaze uhlelo olubanzi lokuqalisa ukukhula konotho nokubandakanya wonke umuntu.

Ngalolu hlelo, sisebenzela ukuvuselela ukukhula komnotho ngokusungula izimo zokuthi amabhizinisi atshale izimali ngokulandela uHlaka Lomnotho Wezwe, ukutshala kwezimali kwingqalasizinda esebenzayo, ukusungula uhlaka olulawulayo olweseka ukukhula komnotho noluvumela ukuncintisana, kanye neNqubomgomo Yezimboni egxilile nesebenzela ikusasa.

Isisekelo salolu hlelo utshalomali, ikakhulukazi kwingqalasizinda yomphakathi, kanjalo nemikhakha eqasha kakhulu abantu ezokwazi ukuba negalelo ekukhuleni komnotho esikhathini esizayo.
Lokhu kubandakanya umnotho wedijithali nococekile, lapho abantu abasha bezothola amathuba emisebenzi.

Ingqalasizinda ingaphezu kokutshala izimali ezitinini, odakeni, kukhonkolo noma ensimbini. Kungukutshala izimali emisebenzini, emikhiqizweni nasekukhuleni komnotho.

Iminyaka eminingi, utshalomali oluzinzile belulokhu lwehla. Siyakushintsha lokho manje.

Uhulumeni uthembise ngaphezu kuka-R1 trillion kutshalomali lomphakathi eminyakeni emithathu ukuze kwakhiwe futhi kunakekelwe ingqalasizinda.

Lesi isabelo esikhulukazi esike senzeka emlandweni wezwe lethu. Kuzoba noguquko.
NgeSikhwama Sengqalasizinda nemithethonqubo emisha yokusebenzisana kukahulumeni nomkhakha ozimele, sisebenzisa izindlela ezintsha zokuthola uxhasomali, sinciphisa ubungozi futhi siheha abatshalizimali ukusheshisa imiklamo yengqalasizinda yezamandla, amanzi, ezokuthutha nedijithali.

Sethule ubudlelwano bokuqala ngqa kwezengqalasizinda ukuze sinxenxe uxhasomali lomkhankaso wengqalasizinda, lapho sibone khona inani lababhalisile kubo liphindeka ngaphezu kokubili.

Izingxabano ezivela ngenxa yokuqaliswa kwamathenda zivame ukubambezela ukuqaliswa kokwakhiwa kwengqalasizinda edingekayo.

Ukugwema ukubambezeleka okungenasidingo emiklamweni ebalulekile, sizosungula izinkantolo ezikhethekile ezizobhekana namacala ezentengiselwano ezizoba namajaji afanelekile nezinqubo zenkantolo ezifanele ukuqinisekisa izinqumo ezisheshayo ezithinta umnotho nentuthuko.

Kulo nyaka, sizoqala umsebenzi wokusungula iNkampani Yezakhiwo Zombuso ezoshintsha izakhiwo eziyizi-88 000 nomhlaba ongamahektha ayizigidi ezinhlanu ongaphansi kukaHulumeni ukuthi kusetshenziswe ukwenza imisebenzi ezoletha ukukhula komnotho nentuthuko.

Ngohlelo lwe-Operation Vulindlela, siyasebenza ukuguqula isimo somnotho wethu, ukulungisa ingqalasizinda yethu ukuze imikhakha yethu kagesi, amanzi nezokuthuthwa kwempahla izoncintisana futhi isebenze kahle.

Njengoba sesidlulile esikhathini sokucimakonga, kufanele manje siguqule uhlelo lwethu lokusebenza lwezamandla ukuze siqinisekise ukuthi ugesi uhlezi ukhona esikhathini esizayo.
Amashumi eminyaka, umnotho wethu ukhule ngenxa yokushibha kukagesi.

Kodwa-ke ukubanjwa kombuso ngobhongwane, ukungaphathi kahle, ukunganakekelwa nokwanda kwemikalmo emikhulu kwanyusa izindleko zikagesi emabhizinisini nakwizakhamuzi zakithi.

Manje, ngezinguquko ezizosiza ezintweni eziningi esizenza kulo mkhakha nangeziphehlimandla zelanga nomoya, sizokwazi ukwehlisa izindleko zikagesi.

Izinguquko zokulawula zivulele ukungena kotshalomali olukhulu nolukhulayo emkhakheni wezamandla avuselelekayo.
Ngowezi-2030, ugesi ongaphezu kwama-40% uzobe uphuma kwiziphehlimandla ezingambi eqolo, ezicocekile nezivuselelekayo.

Sisungula inkundla elinganayo yezokuncintisana, ukuze singeke siphinde sibhekane nobungozi bokuthembela kumhlinzeki oyedwa ukuze sihlangabezane nezidingo zikagesi.

Simisa kabusha u-Eskom futhi sisungula inkampani ethumela ugesi ezimele ngokuphelele engaphansi kukahulumeni.

Le nkampani izoba nabanikazi futhi ilawule ukuthunyelwa kukagesi iphinde ibhekele ukusebenza kwemakethe kagesi.
Ngenxa yokubaluleka kwalokhu kumisa kabusha okuzoletha uguquko olubanzi emkhakheni kagesi, ngisungule ithimba elizinikele ngaphansi kwe-NECC ukuze libhekane nezinkinga ezehlukene ezihambisana nenqubo yokumisa kabusha, kubandakanya nokucacisa izikhathi ezibekiwe zokuqaliswa kohlelo ngokwezigaba. Ikomidi lizoletha umbiko kimi ezinyangeni ezintathu.

Ukwengeza kulokhu, kulo nyaka, sizoqala umjikelezo wokuqala wemiklamo ezimele yokuthunyelwa kukagesi ukuze zizovumela utshalomali oluzimele ekunyuseni igridi kazwelonke.

Sizosebenza esifundazweni ngasinye ukubhekana nenkinga yokusindelwa kwamatransfromer athumela ugesi, ukuxhunywa kwezintambo zikagesi ngokungemthetho kanye nokungasebenzi kwemishini kagesi ngenhloso yokuqeda ukucinywa kukagesi ngonyaka ozayo.

Sizinikele kule ndlela esiyithathile yokuthuthukisa uhlelo lukagesi lube ngolwesimanje.
Sesiqalile ukushintsha indlela izitimela namachweba ethu asebenza ngayo, ukuze amabhizinisi ethu akwazi ukuthumela imikhiqizo yawo ezimakethe zomhlaba.

Sesivumele izinkampani zezitimela ezizimele ukuthi zikwazi ukungena ohlelweni lwethu, okuzovumela ukuthi izinkamapni zezitimela ezehlukene zincintisane futhi kususwe imithwalo yempahla emigwaqeni ithuthwe ngezitimela.

Makhathaleni kulo nyaka, sizoqalisa ukusebenzisana phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele emachwebeni nasezitimeleni ngokusebenzisa indlela egcina ubunikazi bukahulumeni ngesikhathi inxenxa utshalomali oluzimele nongoti.

NgoZibandlela wezi-2025, siphothule ubudlelwano bokusebenzisana nenkamapni yamachweba emhlabeni yamazwe ngamazwe ukuze iphathe iTheminali Yeziqukathi eDurban Pier 2, okuyiyona enkulukazi ezwenikazini.
Lobu budlelwano buzoholela kutshalomali olusha lwemishini yokusebenza nengqalasizinda echwebeni futhi luzolibuyisela ezingeni lomhlaba.

Siyaqhubeka namalungiselelo okwethula isitimela esinesivinini esiphezulu eNingizimu Afrika, esizohamba emzileni osuka eGoli uya eMusina, neseThekwini uya eGoli.

Cishe izinkampani ezingama-30 zibonise intshisekelo yokuba ingxenye yokwakhiwa kwalo jantshi ngesikhathi sikhipha iSicelo Semininingwane ngonyaka owedlule.

Silungiselela ukuthumela iZicelo Zeziphakamiso, ezizokwethula isikhathi esisha sesitimela esihambela ezindaweni ezikude eNingizimu Afrika.

Sizimisele ukuncintisana emnothweni womhlaba oguquka ngokushesha.

INqubomgomo Yezimboni igxile ezingxenyeni lapho kunamathuba okuncintisana, lapho sizokwazi ukusungula imisebenzi nalapho sizokwazi ukunyusa imikhizo esiyithekelisa kwamanye amazwe.

INqubomgomo Yezohwebo kuhloswe ngayo ukukhuthaza intuthuko esimeme, ukukhula komnotho kanye nokuqinisa ubudlelwano bamazwe ngamazwe.

Emhlabeni lapho amazwe abheke ukusabalalisa imikhiqizo yawo, sinethuba lokwandisa imikhiqizo yethu esiyithekelisayo emhlabeni jikelele.
Sinomnotho osabalele, izikhungo zokukhiqiza ezisezingeni eliphezulu kanye nezinhlaka zokulawula ezinamandla.

Siqinisa ikhono lethu lokuxoxisana kwezohwebo kanye nokwandisa imisebenzi yethu kwamanye amazwe ukuze sizoqhuba ukusebenzisana namanye amazwe kwezomnotho.

Ezinkingeni ezikhona emnothweni womhlaba, seseka izimboni zethu ezibhekene nesimo esinzima.

Siqhubeke savuselela imboni yensimbi futhi savikela imisebenzi emikhakheni yensimbi, owezimoto neminye eqashe amakhulu ezinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika abanemisebenzi emihle.
Sisebenzisana namabhizinisi nabasebenzi ukuvala igebe lentela nasekusunguleni izinyathelo ezengeziwe zokuvikela nokukhulisa umkhakha wethu wezokukhiqiza.

Njengoba sivikela imisebenzi ezimbonini ezibuthaka, sisalokhu sigxile emikhakheni ezoqhuba ukukhula komnotho.

Siyazi ukuthi singasungula izigidi zamathuba emisebenzi emikhakheni efana neyezolimo, izimayini, izinsizakalo kanye nomnotho ococekile.

Lena yimikhakha esingakwazi ukuthi sincintisane kangcono kuyona. Singahamba phambili emhlabeni. Umkhakha wethu wezolimo ukhula ngamandla.
Kuyimanje, siyizwe lesibili elikhulukazi elithekelisa izithelo ezisawolintshi emhlabeni.

Sivula izimakethe ezintsha zemikhiqizo esiyithekelisayo, kusuka ezithelweni ezisawolintshi kuya ku-avocado kuya empushini, imfuyo, amagilebhisi newayini.

Ngohlelo lwezimali oludidiyelwe iBlended Finance Scheme, olusebenzisana neLand Bank namabhange okuhweba, sesihlinzeke ngezigidigidi eziyisi-R7.8 zoxhasomali lwabakhiqizi abamnyama.

Sizobeka abasebenzi ababizwa ngama-Extension Officers abayizi-10 000 ukuze bezosiza abalimi futhi bathuthukise imikhiqizo yezolimo. Lokhu kuzokwandisa amathuba amaningi abantu abasha ukuthi baqashwe emkhakheni wezolimo.

Ngesikhathi wonke umkhakha wezolimo wenza kahle, imboni yezinkomo namuhla ibhekene nokuqubuka okubi kakhulu kwesifo samatele (i-FMD) izwe lethu elake labhekana nakho.

Lesi sifo sibulala umnotho wethu, okuzoholela ekumisweni kokuthumela inyama kwamanye amazwe, imikhawulo ekuhwebeni kanye nokubhubha kwemihlambi.

Sesinqume ukuthi sigome imihlambi yezinkomo eziyizigidi eziyi-14 kuzwelonke. Lokhu kudinga imigomo eyizigidi ezingama-28 ezinyangeni eziyi-12 ezilandelayo.

Uhulumeni uzobheka ukutholakala kwemigomo ukuze aqinisekise ukuthi sithola umgomo ofanele ozolwisana nohlobo oluthile lwegciwane eNingizimu Afrika.
Sizosebenza ngokubambisana nomkhakha ozimele ukuvumela ukuqalisa kahle futhi okubaluleke kakhulu, sizoqinisekisa ukuthi abalimi abathengisayo, abazimele nabasemiphakathini bayayithola ngokushesha imigomo.

Ngisungule ithimba elakhiwe izinhlangano zabalimi nongoti, abasebenza ngokubambisana noNgqongqoshe Wezolimo nomnyango wakhe, elizoletha umbiko kimi nyanga zonke ngenqubekela-phambili esiyenzayo ekubhekaneni nalolu bhubhane.

Sesithathe isinqumo sokuthi isifo samatele sithathwe njengenhlekelele kazwelonke futhi sizonxenxa wonke amakhono adingekayo kuhulumeni ukuze sibhekane nale nkinga.

Umkhakha wethu wezinsizakalo, kusuka kubuchwepheshe bedijithali kuya kwizinsizakalo zezimali, uyakhula.
Izikhungo zezimali zingezinye ezihamba phambili emhlabeni futhi zinekhono lokuncintisana e-Afrika nasemhlabeni jikelele.

Siheha utshalomali olukhulukazi kwingqalasizinda yedijithali, nosekunezikhungo zedatha ezingama-55 esezivele zakhiwe notshalomali olungaphezu kwezigidigidi ezingama-R50 olulindelekile eminyakeni emithathu elandelayo.

Ezokuvakasha zibaluleke kakhulu ekuqhubeni ukukhula komnotho, njengoba abavakashi abayi-13 abavela emazweni aphesheya bevula ithuba elilodwa lomsebenzi.

Umkhakha wethu wezokuvakasha waqopha umlando ngonyaka owedlule, ngokuba nabavakashi abayizigidi eziyi-10.5 abafika kuleli.
Kufanele manje sikhangise izindawo zethu ezihlukile zamasiko, ezinomlando nezemvelo ezibonisa ubunjalo bezwe lethu.

Lokhu kungabandakanya imicimbi yezamasiko, ubuciko bezandla, izindawo zomlando kanye nezintaba ezweni lonkana kanye nasezindaweni zasemakhaya.

Njengoba siqinisa uhlelo lwethu lobulungiswa kwezobugebengu, sizoletha ukuphepha ezindaweni ezizohanjelwa abavakashi.

Onyakeni ozayo, sizokwelula uHlelo Lwezimvume Zokuvakasha Oluyidijithali kuwowonke amazwe adinga ivisa, ukuvumela izicelo zabavakashi ukuthi zicutshungulwe ngohlelo lwedijithali emahoreni angama-24.

Ithuba eliyingqayizivele lisemnothweni ococekile. Siguqula umnotho wethu ukuze ube umhlinzeki ohamba phambili wemikhiqizo umhlaba wonke ozothembela kuwo emashumini eminyaka ezayo.
Senyusa izinga lokweseka ukukhiqizwa kwemikhiqizo ecocekile ezimakethe zomhlaba, kusuka kwizimbewu kuya kuphethiloli wezindiza, amakhemikhali nensimbi.

Kusuka ngoNdasa kulo nyaka, sizokwethula ukwehliswa kwentela ngama-150% kutshalomali lwezimoto ezihamba ngamandla amasha, ngesikhathi seseka ukukhiqizwa kwamabhethri kuleli lizwe.

Izethembiso zamazwe ngamazwe zoHlelo Lotshalomali Lokuguqukela Kwezamandla Acocekile manje zilinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R250. Lolu uxhasomali lotshalomali olukhulu emkhakheni wokukhiqiza, ingqalasizinda namakhono.

INingizimu Afrika inezindawo ezinkulukazi emhlabeni zokugcina izimbiwa ezibalulekile.
Izindawo zethu ezigcina insimbi engahluziwe zingabiza ngaphezu kwama-R40 trillion, okwenza izimayini zibe imboni ekhulayo.

Emva kweminyaka eminingi yokwehla kotshalomali ekuhloleni, sibeke izimali ekuklanyweni kwebalazwe nasekuhloleni ukusetshenziswa kwezindawo zokugcina izimbiwa zethu ezibalulekile.

Evikini nje, iNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni yamemezela uxhasomali olungaphezu kwezigidi ezingama-R300 oluya kumklamo weFrontier Rare Earths Project eNyakatho Kapa.

Lokhu kungenzeka kube ngomunye wabakhiqizi abasha abakhulukazi emhlabeni nababiza kancane bezimbiwa ezidingekayo ekwakheni amafoni esimanje, amabhethri elithium neminye imikhiqizo.
Ukuzethemba ekusaseni lezimayini zaseNingizimu Afrika kwakubonakala ngesikhathi seNgqungquthela Yezimayini ebibanjwe kuleli viki lapha eKapa.

Kuvulwa izimayini ezintsha zegolide, ikhopha, amatshe angavamile, iplathinamu nelahle.

ENgqungqutheleni Yabaholi be-G20 ngoLwezi ngonyaka odlule, amazwe e-G20 eseka isiphakamiso sethu sokwandisa inzuzo yakuleli yezimbiwa ezibalulekile kanye nokuthekeliswa kwemikhiqizo eqediwe.

Phakathi neZingqungquthela Zotshalomali eNingizimu Afrila zokuqala ezinhlanu, sakwazi ukuthola izethembiso zotshalomali eziyi-R1.5 trillion.

Kuze kube manje, izigidigidi ezingaphezu kwama-R600 zifakwe emiklamweni. Amafemu amasha, izimayini nezinye izikhungo ziyavulwa unyaka nonyaka.

Manje sesizibekele isilinganiso sokuthola u-R2 trillion kutshalomali olusha eminyakeni emihlanu elandelayo.

Ngakho-ke simagange ukuthi sisingathe iNgqungquthela Yotshalomali eNingizimu Afrika yesithupha mhla wama-31 kuNdasa 2026.

Ukwakha umnotho obandakanya abantu bonke, sizokweseka labo abasungula amathuba.

Uma wonke amabhizinisi amancane naphakathi eNingizimu Afrika angaqasha omunye umuntu oyedwa, singasungula imisebenzi emisha eyizigidi ezintathui; kodwa-ke, amaningi kula mabhizinisi, abanikazi bawo okungabesifazane nabantu abasha, awakwazi ukuthola uxhasomali lokuqala noma lokukhulisa ibhizinisi. Abaningi banenkinga yokuthola izimakethe zemikhiqizo nezinsizakalo zabo.

Cishe wonke amabhizinisi amancane naphakathi kufanele alwisane nobunzima bemithetho, imitheshwana, izindinganiso zamalayisensi kanye nezithiyo zikahulumeni.

Siyithathela ekhanda imibono yomphakathi mayelana noMthethosivivinywa osahlongozwa Wamalayisensi Amabhizinisi futhi sizoqinisekisa ukuthi uMthethosivivinywa ozogunyazwa wenza kube lula, kungabi nzima, ukuqala nokuqhuba ibhizinisi elincane eNingizimu Afrika.

Kulo nyaka, sizohlinzeka ngoxhasomali olungaphezu kwezigidigidi ezi-R2.5 kumabhizinisi amancane naphakathi ayizi-180 000, siphinde selule ngesinye isigidigidi kumagaranti.

Sizophinde sigxile emabhizinisini aphethwe ngabesifazane nentsha ukuze sigqugquzele ukuqeqeshwa kwabo.

Sizochibiyela imithethonqubo yoMthetho Kazwelonke Wezikweletu ukuze kuzoba lula ukuthola isikweletu ngezindleko eziphansi.

Uguquko emnothweni wethu luyadingeka ukuze siqhube ukukhula komnotho osimeme, sinciphise ukungalingani futhi silungise ukungabiko kobulungiswa obekwenzeka esikhathi esedlule.

Siqalile siyabuyekela ukuze silungise, siphinde sihambelanise futhi siqinise uhlaka Lokuhlonyiswa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho ukuze siqinisekise ukuthi lweseka uguquko olukhulu nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu.

Zonke lezi zinyathelo zizokwenza umnotho oqinile futhi kulungise izisekelo ezaphuka.
Kuyinkinga kazwelonke ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika basalokhu bengenayo imisebenzi futhi abantu abaningi abasha kunzima ukuthi bathole imisebenzi yabo yokuqala.

Yingakho sakha kabusha umnotho, sisungula amathuba amaningi emisebenzi nezindlela zokuziphilisa ngokuqhamuka nezinhlelo zemisebenzi zikahulumeni nezemiphakathi.

Ezindaweni ezifana naseStanderton eMpumalanga, uHlelo LukaMongameli Lwemisebenzi luletha imisebenzi ebalulekile, izindawo zokulahla udoti ziphendulwa amapaki namagceke anganalutho enziwa izingadi zomphakathi.

Inkundla ye-SA Youth isihlinzeke izigidi zabantu abasha ngemisebenzi namathuba okufunda okokuqala ngqa.

UHlelo Lokuqashwa Kwentsha (i-YES), okungukusebenzisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni, lunikeze abantu abasha abangaphezu kwezi-200 000 amathuba omsebenzi esikhathi esingangonyaka.

Kulo nyaka, sizokwethula izinguquko zomthethonqubo ezizokwenza kube lula ukuthi amabhizinisi abe yingxenye yohlelo lwe-YES nokuthi asungulele intsha imisebenzi.

Onyakeni ozayo, sizokwandisa izinhlelo zethu zemisebenzi, kubandakanya i-CWP, i-EPWP noHlelo LokaMongameli Lwemisebenzi.

Sizoqinisekisa ukuthi zihlelwe kahle ukuze zilethe usizo lwemali engenayo, zithuthukise amakhono kanye nezindlela zokuthola imisebenzi yesikhathi eside, ikakhulukazi kubantu abasha nabesifazane.

Ukuqinisekisa ukuthi akekho oshiyeka ngemuva, siqalisa isinqumo sokunyusa ukuqashwa ngokulingana kwabantu abaphila nokukhubazeka kuHulumeni ngama-7% ngowezi-2030, nokuphoqelela isilinganiso sama-7% kuhulumeni wonkana nezinkampani zikahulumeni.

Ngaphezu kwakho konke, umnotho onamandla ulele kubantu abafundile, abanolwazi namakhono. Manje sigxile ekuqhamukeni nesisekelo esiqinile sokufunda ebuncaneni bempilo yomntwana.
Sandisa ukufinyelela emfundweni yasenkulisa yokuthuthukiswa komntwana (i-ECD) ngohlelo lweBana Pele lokubhaliswa kwezikhungo ze-ECD kanye nokunyusa ukuxhaswa kwabafundi be-ECD. Ngokwenza ukuthi iBanga R libe yimpoqo, bonke abantwana bazoqala kahle.

Siqinisa imizamo yokulungisa uhlelo lwethu lwemfundo eyisisekelo, ngokugxila ekufundeni kwabantwana besebancane, ikhono lufunda nokubhala kanye nezibalo, kanye nokufundisa ngezilimi ezimbili okufaka phakathi nolwimi lwebele.

Sihalalisela iKilasi likaMatikuletsheni langowezi-2025, abaphase ngama-88%.
Leli izinga lokuphasa eliphezulu kakhulu emlandweni wethu, elibonisa ukuzinikela kwabafundi nezingenelelo ezenziwe ukuthuthukisa ukufunda nokufundisa ezikoleni.

Njengoba samukela ukwenza kahle kwabafundi bakaMatikuletsheni, kufanele futhi sibhekane nezinga eliphezulu labafundi abashiya esikoleni sebezoqeda. Abafundi abaningi kufanele bakwazi ukubhala izivivinyo zikaMatikuletsheni futhi bakhethe izifundo ezifana nezibalo nesayensi, ezizobasiza ukuthi baqhubekele phambili.
 

Ukusiza intsha yanamuhla ukuthi ilethe uguquko emphakathini wakithi futhi ibe nekusasa, silungiselela uguquko lwamakhono.

Senza ushintsho oluyisisekelo ohlelweni lokuthuthukiswa kwamakhono ukuze siqalise imodeli yokuqeqesha embaxambili ehlanganisa imfundo nokwenza umsebenzi endaweni yokusebenza.

Sizoguqula futhi sinciphise isibalo seZiphathimandla Womkhakha Wemfundo Nokuqeqesha (ama-SETA) ukuze sizokwenza ngcono ukulawula, ukuqinisa ukubandakanywa kwezimboni, ukunyusa izinga lokuqeqesha nokuhambelanisa kangcono ukuthuthukiswa kwamakhono ngokubheka izidingo zomnotho.
Lokhu kufaka phakathi ukwenza ngcono ukusetshenziswa kwaMakolishi Aqeqesha Amakhono (ama-TVET) njengezindawo ezibalulekile zokuqeqesha nokuthuthukisa amakhono obuchwepheshe.

Ukweseka ukufunda usebenza, sizonyusa isilinganiso sentela yokuthuthukiswa kwamakhono ebuyiselwa kubaqashi, siyibuyisela ezingeni layo ebeliyilo lama-40%.

Sizophinde sishintshe iSikhwama Sikazwelonke Samakhono ukuthi sibe yithuluzi elihambelane nezinguquko, elibheke imiphumela futhi eleseka abantu abasha abangasebenzi ukuthi bathole isipiliyoni somsebenzi nemisebenzi, ngokubheka ezinhlelweni ezibe yimpumelelo ezifana neJobs Boost.

Lezi zinguquko zizoqinisekisa ukuthi izinhlelo ezehlukene zokuqeqesha esinazo kuhulumeni ziholela emathubeni emisebenzi, azipheleli nje emoyeni.

Ukutholela imisebenzi iningi labantu abasha abaphasa uMatikuletsheni, sizosabalalisa amathuba kubantu absha ukuthi bakwazi ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Ngiyalele uNgqongqoshe Wezezimali Nowemfundo Ephakeme ukuze baqhamuke nesethulo sokwakha amanye amanyuvesi namakolishi angama-TVET azogxila ezifundweni ezikhethekile.

Inkinga yamanje kunguswelakala okukhulu kwendawo yokuhlala abafundi ezikhungweni zethu zemfundo ephakeme. Ngiyalele uNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme ukuthi axazulule lenkinga, ngokusebenzisana nezikhungo zezimali baqhamuke nezindlela ezintsha uhulumeni angahlinzeka ngazo abafundi ngezindawo zokuhlala.
INingizimu Afrika enamandla yakhiwa emiphakathini enamandla, futhi imiphakathi enamandla yileyo enakekela abantwana bayo.
Bangaphezu kwekota abantwana abangaphansi kweminyaka eyisihlanu abangakhuli ngendlela efanele, lokho okwenyusa ubungozi bokuthi bagule futhi okuthunaza ikhono labo lukufunda nokukhula. Lokhu kuyakhathaza kakhulu kubantwana nasemindenini yabo futhi konomthelela emphakathini wakithi jikelele.

Kulo nyaka, sizoqala umkhankaso wokuqeda ukungakhuliswa kahle kwabantwana ngowezi-2030 futhi sibhekane nokungondleki kwabantwana, ngokuhambisana neQhingasu Likazwelonke Lokuvikela Abantwana.
Sizogxila ezinsukwini ezibalulekile eziyi-1 000 zokuqala zempilo yomntwana.

Ukusebenzela phezu kosizo olufana neSibonelelo Sabantwana, sizoqalisa izingenelelo ukuze siqinisekise ukuthi abesifazane abakhulelwe nabantwana abazalwe nesisindo esiphansi bathole izakhamzimba nomsoco abawudingayo.

Lena inkinga enkulu edinga ukunakwa nezinsizakusebenza. ISitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esiphakathi sizocacisa ukuhlukana kwezinyathelo okufanele sizithathe.

Imbangela enkulu yokungakhuli kahle kwabantwana ukuphuzwa kakhulu kotshwala, okuphazamisa ukukhula komntwana ngesikhathi unina esakhulelwe.

Ukuphuza utshwala ngokweqile kuholela kudlame, izingozi zomgwaqo nobugebengu.
Ukuze sibhekane nalesi sihlava, sinxusa ohulumeni bezifundazwe ukuthi baqinise imithetho yotshwala ngokunciphisa isibalo sezitolo zotshwala, ukulawula isikhathi sokuthengwa kotshwala kanye nokuqeda ukuthengiswa kotshwala ngeziqukathi ezinkulu.

Njengohulumeni kazwelonke, sesethule izinyathelo zokuqeda ukuphuzwa kotshwala ngokweqile, kufaka phakathi amanani okuthenga utshwala noma intela ephezulu kanye nemikhawulo emikhulu ekukhangisweni kotshwala, okuyimanje sixoxisana ngakho nababambiqhaza.

Selokhu sethulwa ngesikhathi se-COVID-19, iSibonelelo se-SRD sixoshe indlala kwizigidi zabantu baseNingizimu Afrika.

Njengendlela yokuthuthukisa izimpilo zabantu abahluphekayo nababuthakathaka, lesi sibonelelo sizoqhubeka.

Kulo nyaka, sizohlela kabusha isibonelelo ukuthi seseke kangcono izindlela zokuziphilisa, ukuthuthukiswa kwamakhono, amathuba emisebenzi neminye imisebenzi yokukhiqiza.

Siyazi ukuthi imali eningi ekhishwa ngezibonelelo zenhlalo isetshenziswa ukuthenga ukudla nokugibela. Emadolobheni nasezindaweni zangakithi, abantu abaningi bahlala kude nalapho besebenza khona nasezinsizakalweni.
Sakha kabusha amadolobha ethu futhi sinciphisela imindenin esebenzayo izindleko zokuphila ngokwandisa izindlu ezithengekayo nokuvuselela izitimela zabagibeli.
Sethula indlela entsha yezezindlu, lapho abantu benikwa uxhaso lokuthi bathenge futhi barente ezindaweni ezibafanele.

Siyasuka ekwakheleni abantu izindlu siya ekubesekeni ukuthi bakhe, bathenge noma barente izindlu zabo.

Izolo bekuphela iminyaka engama-60 selokhu kwamenyezelwa iDistrict Six njengeNdawo Yabamhlophe.

Ibanga elingamamitha angamakhulu ambalwa ukusuka lapho sikhona, abahlali abangaphezu kwezi-60 000 bakhishwa ngendluzula bayobekwa eCape Flats.
Ukubhujiswa kweDistrict Six kuyisikhumbuzo esibuhlungu sesibopho sethu sonke sokuphinde sibhekane nokungabikho kobulungiswa esiklhathini esidlule kanye nokwakha imiphakathi enempilo nebumbene.

Isicelo sokubuyiselwa komhlaba esafakwa ngowe-1998 saqinisekisa ilungelo elisemthethweni lokubuya ekhaya labahlali bangaphambilini kanye nenzalo yabo. Lokho kubuyiselwa komhlaba kudinge inkantolo, ukuhlela okucacile kanye nokutshalwa kwezimali emphakathini okuqhubekayo.

Amakhaya amaningi aseqediwe futhi azodluliselwa kubafakizicelo abaqinisekisiwe. Ngemali eyizigidi ezingama-R500 ezibekelwe lo msebenzi, siyaqhubeka neSigaba sesi-4 sokwakha. Ukuvuselelwa kweDistrict Six kuliphupho lethu sonke futhi kungumsebenzi okufanele siwuthwale sonke. 
Sisebenzela ukwakha isizwe esinempilo.
Njengengxenye yokulungiselela uMshwalense Kazwelonke Wezempilo, sitshala imali ezikhungweni zempilo, abasebenzi kanye nezinhlelo zokusebenza ukwenza ngcono ukuthi kufinyeleleke ekunakekelweni kwezempilo okusezingeni.

Sizoqalisa utshalomali olukhulu kwingqalasizinda yezempilo, sibeke eqhulwini ukwakhiwa nokuvuselelwa kwezibhedlela zokufunda. Ngesikhathi sokuvakashela eGeorge Mukhari Hospital kamuva-nje eGa-Rankuwa, ngazibonela imiphumela engemihle yokuba nengqalasizinda yezempilo enganele.

Sizoqala ngeGeorge Mukhari Hospital, sizosebenzisana nezikhungo zemali ezehlukene zikahulumeni nezizimele ukuze kuxhaswe ukwakhiwa nokuvuselelwa kwezikhungo zezempilo.

 

Njengesizwe, ekugcineni sesiyakwazi ukuzwa ukuthi kunjani ukuba nezwe elingenaso isifo se-AIDS.
Ukweseka izinhlelo zethu zokugwema nokunqanda iGciwane Lesandulela-ngculazi (i-HIV), sizoqalisa uhlelo olukhulukazi lweLenacapavir, okungumjovo wezinyanga eziyisithupha osekuqinisekisiwe ukuthi usebenza kakhulu ukuvikela ukusuleleka nge-HIV.

Siphinde sibhekane nokuqeda umdlavuza wesibeletho ezweni lakithi ngokunxenxa umphakathi ukuthi uqinisekise ukuthi wonke amantombazanyana aphakathi kweminyaka eyisi-9 ne-15 athola umgomo we-HPV.

Ngonyaka owedlule, sathatha isinqubo sokuthi udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF) luyinhlekelele kazwelonke.
Ngalesi sinqumo, siyakwazi ukuhlanganisa kangcono izindlela zokubhekana nakho futhi sithathe izinyathelo ezizoholela ekungeneleleni okuzoletha umphumela.

Ngokulandela uHlelo Lukazwelonke lwe-GBVF, sizonxenxa yonke imikhakha emiphakathini ngokuxhumana ukuthi iphosele inselele ukuziphatha kabi nezenzo ezimbi.

Sizoqhubeka nokukhuthaza ukucijiswa kwabesifazane kwezomnotho ngokubaqeqesha, besekwe ngokwezimali nokuthi kuthengwe kubona impahla nezinsizakalo.

Sizoqinisa ukuthotshelwa komthetho ngokuthi kuphenywe ngokushesha, senze ngcono ukuphathwa kwamacala, sandise izinkantolo zamacala ocansi futhi sithathele izinyathelo labo abephula umthetho bephindelela.

Sizokwandisa usizo olunikezwa abasindile, ukuqinisekisa ukuthi bayazithola izindawo zokukhosela, izikhungo ezinalolonke usizo, izinhlelo zokusiza umphakathi ezingomahambanendlwana nezisemakhaya kanye nokubekwa koSonhlakahle eziteshini zamaphoyisa.

Abangena kuleli lizwe ngokungemthetho babeka engcupheni ukuvikeleka kwethu, uzinzo kanye nenqubekela-phambili yomnotho.

Sizobhekana nale nkinga ngesikhathi siqinisekisa ukuthi ilungelo elihamba phambili lawo wonke umuntu olapha kuleli lizwe siligadile futhi livikelekile.

Kulo nyaka, sizothatha izinyathelo ezengeziwe ukuvikela imingcele yethu. Uxhasomali lokuqinisa ukuvikeleka kwemingcele luzobekwa eqhulwini, olubhekelela ingqalasizinda, ubuchwepheshe nabantu.
Izikhala ezibalulekile emingceleni zizolungiswa kabusha ngokusebenzisana nomkhakha kahulumeni nozimele futhi kuzodluliselwa uhlelo loKugunyazwa Kwezicelo Zokuvakasha Ngedijithali kuzozonke izikhumulo zezindiza zamazwe ngamazwe nasemachwebeni amatasa kakhulu.

Sesivele sisebenzisa amadroni nobuchwepheshe ukusebenza kahle emingceleni yethu.

I-SAPS, uMnyango Wezasekhaya (i-DHA) naBahloli Bezemisebenzi bazosebenza ngokubambisana ukuhlolisisa ukuphulwa kwemithetho ekhona yokufudukela kuleli lizwe, eyabasebenzi neminye.

Abaqashi abaqashe abokufika ngaphandle kwamaphepha ezimvume ezidingekayo bazobhekana nengalo yomthetho. Ukuqinisa umthetho, sizoqasha abanye abahloli bezabasebenzi abayizi-10 000 kulo nyaka.
Njengoba siqalisa lezi zingenelelo, siyagcizelela ukuthi imithetho yezwe lethu kufanele ithotshelwe ngumuntu wonke.

Ngeke sibekezelele udlame nezinye izenzo zokwephula umthetho eziqondiswe kwabokufika.

Akekho owokufika okufanele anqatshelwe ngokungemthetho ukuthi angene ezikhungweni zomphakathi, okufaka phakathi izikole nezikhungo zezempilo.

Ukwakha iNingizimu Afrika enamandla, sidinga umbuso onobuqotho, onekhono, nothuthukayo.

Umbuso onekhono udinga abasebenzi abazinikele nabathembekile futhi abanamakhono afanele kanye nemfundiso ejulile yokusebenza.
Onyakeni owedlule, sishaye umthetho omusha obalulekile wokuletha ubungoti kwiMisebenzi Yomphakathi.

UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imisebenzi Yomphakathi uzovikela ukuqashwa kwabantu ezikhundleni ezibalulekile ukuthi kungabi nakhu ukugxambukela kwepolitiki futhi uzoqinisekisa ukuthi abantu abanekhono nabaneziqu ezifanele baqashwa ezikhundleni eziphezulu ngokuya ngokufaneleka kwabo emsebenzini.

Ucwaningo lwendlela yokuphila lwenziwe impoqo kubasebenzi bakahulumeni abaphezulu, ngonyaka owedlule okutholakale abangama-93% abalandela umthetho kuyona yonke iminyango.

Sisungula irejista elilodwa lamacala okuqondiswa kwezigwegwe kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni. Lokhu kuzovimbela abantu ababhekene noma abake babhekana nezinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe ekuqashweni kwezinye izindawo kuHulumeni.

Siyaqhubeka nokwenza ngcono ukuphathwa kanye nokusebenza kwamabhizinisi kahulumeni (ama-SOE) afana ne-Eskom, iTransnet, iDenel, iPrasa kanye namanye amaningi.

Lokhu kufaka phakathi ukuqaliswa kwezindinganiso ezicacile zokuqashwa ukuqinisekisa ukuthi abaholi balezi zinkampani baneziqu nolwazi olufanele.

Sizoqhubeka nokusebenza kancane kancane ukuze sibe nendlela eyodwa yokuphatha umsebenzi wama-SOE ukuze sikwazi ukubeka izindinganiso, sithuthukise ukuphathwa futhi siqinisekise ukuzinza kwezezimali ukuze sifeze imisebenzi yawo.
Lokhu kuhlanganisa ukuphothula uMthethosivivinywa Kazwelonke Wezinkampani Zikahulumeni ngokuhambisana nale ndlela.

Sizoqinisa ukuguqulwa kwezedijithali njengendlela yokuqhuba ukukhula komnotho, ukubandakanywa kwabantu bonke kanye nokulethwa kwezidingonqangi.

Kulo nyaka, i-DHA izokwethula oMazisi Abayidijithali ukuvumela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise izinsizakalo zedijithali ngendlela ephephile nevikelekile.

Izincwadi zokushayela, izitifiketi zikaMatikuletsheni nezinsizakalo zeHhovisi likaMabhalane Wenkantolo sizokwenza kube yidijithali. Izakhamuzi zizokwazi ukugcwalisa izitatimende zamaphoyisa nge-inthanethi futhi izibonelelo ezigunyaziwe ze-Ejensi Yezezimpesheni eNingizimu Afrika zingahlolwa nge-inthanethi.

Zonke lezi zinsizakalo zizotholakala enkundleni yeMyMzansi.
Maduze, wonke umuntu waseNingizimu Afrika uzokwazi ukufinyelela kwizinsizakalo eziningi azidingayo ngaphandle kokuya ehhovisi likahulumeni noma ukugcwalisa ifomu ngesandla.

Kulo nyaka nje uwodwa, amakhulu amagatsha ababhange asezokhipha oMazisi namaphasiphothi, okuzonciphisa olayini nezikhathi zokulinda.

Sizophinde sisebenzisane nomphakathi ukuqinisekisa ukuthi ukuvikelwa kwezakhamuzi namalungelo kugadiwe kulokhu kuguqukela kudijithali.

Ukuze iNingizimu Afrika izoba namandla, izwekazi i-Afrika kufanele ibe nokuthula futhi iphumelele.
Ukuze sithuthukise izimiso zoMthethosisekelo wethu, ukuze sikhuthaze intshisekelo yesizwe sethu, sifuna umhlaba ozinzile, onobulungiswa futhi obandakanya wonke umuntu.

Emhlabeni oguquguqukayo, iNingizimu Afrika ibambelele ngokuqinile ezimisweni ezichaza ubuMongameli bethu be-G20 futhi iseka iNqubomgomo yethu Yezangaphandle: Ubumbano, Ukulingana, Ukuzinza.

Ngesikhundla sethu kwiNhlangano Yobumbano Lwase-Afrika (i-AU) kanye neNhlangano Yamazwe Athuthukayo AseNingizimu ye-Afrika (i-SADC), sithuthukisa ukuhlanganiswa kwesifunda, ukuthula kanye nokuzinza.

Sisebenzisa ubudlelwano bethu bamazwe ngamazwe ukusekela izinto eziseqhulwini kwezomnotho wasekhaya, okuhlanganisa ukukhiqiza, ukwengeza inani kanye nokukhula kokuthumela impahla ngaphandle.

Sifaka isandla ekuqalisweni kweNkundla Yokuhwebelana Mahhala e-Afrika ukuze sandise ukuhweba phakathi kwamazwe ase-Afrika, siqhubekisele phambili ukuthuthukiswa kwezimboni futhi sidale imisebenzi.

Izinkampani zaseNingizimu Afrika - amabhange ethu, abalimi kanye nabakhiqizi - bazoba ngabahlinzeki abahamba phambili emakethe yase-Afrika yabantu abayizigidigidi eziyi-1.4 iminyaka yokusebenza yabo ezophindeka kabili eminyakeni engama-25 ezayo.

Sakha ubudlelwano obuhlomulisa wonke umuntu nawo wonke amazwe ngokwemibandela yokulingana nenhlonipho.

Emhlabeni lapho izizwe ezinamandla zivame ukukhombisa ukubusa kwazo kanye nethonya lazo phezu kwezizwe ezingenamandla, ukuzibophezela kwezwe lethu ekubeni namandla nokuzimisela kubaluleke kakhulu. Ngeke siphikisane.

Sizoma siqine emandleni ethu futhi sikhuthaze izintshisekelo zesizwe sethu, amagugu kanye namalungelo abantu bakithi.

Sikucacisile ukuthi sizoqhubeka nokuhlonipha amalungelo kanye namandla ezinye izizwe, kodwa kumele sikucacise ukuthi ngeke sixhashazwe ngelinye izwe.

Sizokwakha ubudlelwano obuqinile namazwe anomqondo ofanayo ukuze sandise amandla ethu okubhekana nokuphazamiseka komhlaba.

Ngokwakhela phezu kwesikhundla sethu soBumongameli we-G20, wonke umuntu okufakazelayo ukuthi kwaba yimpumelelo, siyaqhubeka nokuthuthukisa izinto ezibekwe eqhulwini eNingizimu Yomhlaba.
Lokhu kufaka phakathi ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukuphuma ezikweletini, isinyathelo sokubhekana nesimo sezulu, ukuguqulwa kwezikhungo zokubusa zomhlaba kanye nokuhlomula ngezimbiwa ezibalulekile.

Ngokubheka umsebenzi weKomidi Elikhethekile le-G20 elibhekele Ukungalingani Emhlabeni, sisebenzisana nabalingani bethu bamazwe ngamazwe ekwethuleni iThimba Lamazwe Ngamazwe Elibhekele Ukungalingani.

Lena yinsika ebalulekile yomzamo womhlaba wonke wokunciphisa ukungalingani ngaphakathi naphakathi kwamazwe. Siyaqhubeka nokweseka ukusebenzisana kwamazwe amaningi futhi siqinise izingxoxo zokuletha usizo kubantu.
INingizimu Afrika isalokhu ime njalo ezwini layo elicacile ngomthetho wamazwe ngamazwe, ubulungiswa kanye namalungelo abantu.
INingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka imizamo yokuvimbela izingxabano kanye nokugcina ukuthula yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene (i-UN), i-AU kanye ne-SADC. Siyazigqaja ngokubamba iqhaza kwamasosha aseNingizimu Afrika emisebenzini yokugcina ukuthula ezingxenyeni eziningi zezwekazi i-Afrika selokhu kwafika intando yeningi labantu.

Sicele i-UN ukuthi isivumele sihoxise amabutho ethu kuMkhankaso Wokuletha Ukuthula we-UN eDemocratic Republic of the Congo ngenhloso yokuhlanganisa uMbutho wethu Wezokuvikela.

Asikwazi ukuzithatha ngokuthi sikhululekile uma nje abantu basePalestine, eCuba, eSudan, eWestern Sahara nakwezinye izindawo behlaselwa, becindezelwa futhi bebhekene nezimpi.
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Isizwe sethu sesifike lapho kumele sishintshe khona.

Sishiya emuva isikhathi sokweswela siya esikhathini sokuchuma nokukhula komnotho.

Senze okuningi ukunqoba imiphumela yokubanjwa kombuso ngobhongwane, ubhubhane lwe-COVID-19, izibhelu zangowezi-2021 kanye nezikhukhula zakamuva ezibhubhisayo.

Sibheke ethembeni kanye nobunjalo bekusasa elingcono labo bonke abantu.

Inqubekela-phambili esiyenzile eminyakeni emihlanu edlule isinika ithemba nokusikhuthaza. Ibonisa lokho esingakufeza uma sisebenza ngokubambisana. Manje akusiso isikhathi sokuphumula.

Manje yisikhathi sokuba bonke abantu baseNingizimu Afrika babe yingxenye yokuqhubela izwe lethu phambili.

Ngonyaka odlule, saqala isahluko esisha kwintando yeningi yethu, sethula iNgxoxo Kazwelonke emhlanganweni owahlanganisa abantu baseNingizimu Afrika abavela kulo lonke izwe abamele zonke izigaba zomphakathi.

Kulo nyaka, inqubo yeNgxoxo Kazwelonke izosabalala kulo lonke elaseNingizimu Afrika, ifinyelele kuwo wonke umphakathi, zonke izikole, wonke amanyuvesi namakolishi kanye nazo zonke izingxenye zomphakathi wethu.
Ngokuholwa yiThimba Labantu Abahlonishwayo, eliqukethe abantu baseNingizimu Afrika abavelele nabahlonishwayo futhi eliholwa yiKomidi Eliqondisayo elimele abantu bonke, lezi zingxoxo zomphakathi zizonikeza izakhamuzi zaleli lizwe ithuba lokuveza ukukhathazeka kwazo, izifiso kanye nezinhlelo zesikhathi esizayo.

Lezi zingxoxo zomphakathi zizophetha ngeNgqungquthela Kazwelonke lapho zonke lezi zingxoxo zizohlanganiswa khona ukuze zicacise izinyathelo okumele sonke sizithathe ukwakha iNingizimu Afrika engcono. Lezi zingxoxo zizoholela ekwakhiweni kwesivumelwano sikazwelonke esibanzi kanye nesigaba esilandelayo soHlelo Lwentuthuko Kazwelonke ngale kwezi-2030.

Ekusunguleni lesi sivumelwano sikazwelonke, akufanele sisebenzise kuphela izimiso zoMthethosisekelo wethu, kodwa sibheke amandla ezemidlalo aletha ubumbano kanye nengcebo ehlukahlukahlukene yamasiko ethu.
Njengoba sibungaza labo asebefinyelele esicongweni sempumelelo yomhlaba wonke, kufanele siyibonge indlela ezemidlalo nezamasiko ezakha ngayo umphakathi obumbene.

Ngokulandela umoya wabesifazane bangowe-1956, intsha yangowe-1976 kanye noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996, unyaka wezi-2026 kumele ube unyaka woguquko.

Kufanele kube unyaka lapho senza iNingizimu Afrika ukuthi ibe namandla. Kufanele silungise ohulumeni basekhaya. Kufanele silwe nobugebengu, inkohlakalo futhi sibuyise ukuthembeka kohlelo lobulungiswa bobugebengu. Kufanele sidale imisebenzi kanye nezindlela zokuziphilisa kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, futhi kufanele sakhe umbuso osebenzela abantu.

Ngaphezu kwakho konke, kumele siqinisekise ukuthi le nqola ehambayo ihamba nawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika.

Njengoba umnotho ukhula, kufanele ubandakanye labo abebeshiyeke eceleni amashumi eminyaka.

Ukulwa kwethu nobugebengu kufanele kuzwakale emalokishini nasemikhukhwini kanjalo nasemadolobheni.
Izikole zethu nezibhedlela akufanele zihlukanise ngobani abangena kuzona.

Ngale ndlela, singakha umphakathi onamandla, ozimelele nolinganayo - onokuzethemba ezizweni zomhlaba.

Ngempela sibuya kude. Manje kufanele sibheke phambili futhi siqhubeke ngesivinini.

Ngiyabonga.
 

Issued by
More from

Share this page

Similar categories to explore