A. Ezisematheni
1. Umnotho
1.1 Izinkomba Ezinhle Zomnotho
1.1.1 IKhabhinethi lamukele izinkomba ezinhle zomnotho ngokwemininingwane ekhishwe abeZibalo eNingizimu Afrika (i-StatsSA).
1.1.2 Mhla zi-3 kuMandulo 2024, i-StatsSA samemezela ukunyuka ngephesenti elingu-0.4 kwiSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) ngekota yesibili yangowezi-2024. Lokhu kunyuka kube ngumphumela womkhakha wezokukhiqiza onyuke ngephesenti elingu-1.7 unyaka nonyaka.
1.1.3 Ukwenza kangcono emkhakheni wokukhiqiza kwenziwe izingxenye eziyisihlanu kweziyishumi zokukhiqiza, okungezokukhiqiza ukudla neziphuzo, insimbi, imikhiqizo engeyona insimbi, imikhiqizo yensimbi kanti umkhakha wemishini ubonise ukukhula ekukhiqizeni.
1.1.4 Ukuvuselelwa komkhakha wokukhiqiza kuyimpumelelo ebalulekile ekuguqulweni kwezimboni eNingizimu Afrika.
1.1.5 Ngaphezu kwalokhu, i-Headline Consumer Price Index yazo zonke izindawo zasemadolobheni ibonise ukuthi amandla emali onyaka ngoNcwaba 2024 abengu-4.4%, okwehle kusuka ku-4.6% ngoNtulikazi 2024. Izinga lokukhuphuka kwamandla emali ngonyaka lezimpahla belingu-4.4%, okwehle kusuka ku-4.6% ngoNtulikazi 2024, ngokufanayo izinga lokukhuphuka kwamandla emali ezinsizakalweni kwakungu-4.5%, okwehle kusuka ku-4.7% ngoNtulikazi 2024. Sekube nokwenza ngcono ku-CPI kusukela ngoNdasa 2024.
1.2 Ukuvuselelwa kweZinkampani Zikahulumeni (ama-SOC)
1.2.1 IKhabhinethi lamukele inqubekelaphambili esiyenziwe ekuvuselelweni kwama-SOC kanye nokusebenza kangcono kwama-SOC okuzofaka igalelo elihle emkhankasweni weNingizimu Afrika wokuthuthukiswa kwezimboni.
1.2.2 Ngenxa yalokhu, kubalulekile ukubalula ukuthi i-Denel yenze inzuzo eyizigidi ezingama-R390 kungakafakwa inzalo nentela ngonyakamali wezi-2023/24, kwehla izindleko ngamaphesenti angama-98. I-PRASA isebenza kanzima ukubuyisa ukusebenza kwezitimela zabagibeli njengoba sekusebenza imizila yezitimela engama-31 kwengama-40, noHlelo Lokuvuselelwa kuka-Eskom luyaqhubeka nokuthela izithelo ezinhle, njengoba ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kusamile izinsuku ezingaphezu kwe-175 kuze kube ngumhla we-18 kuMandulo 2024.
2. Ukulwisana Nobugebengu Nenkohlakalo
2.1 I-Operation Shanela
2.1.1 IKhabhinethi yamukele inqubekelaphambili esiyenziwe ekulweni nobugebengu ngomkhankaso i-Operation Shanela. Phakathi komhla wesi-2 nesi-8 kuMandulo 2024, ama-ejensi ezomthetho abophe abasolwa abayizi-13 691 ngobugebengu obunzima obufana nokubulala, ukudlwengula, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nokuphangwa kwamabhizinisi. Selokhu yethulwa ngoNhlaba 2023, i-Operation Shanela isiholele ekuboshweni kwabasolwa abayizi-850 375, nokushaqwa kwezibhamu ezingekho emthethweni ezingama-824 nezinhlamvu ezingaphezu kwezi-17 282. Ngaphezu kwalokhu, kwashaqwa izidakamizwa zenani elingaphezu kwezigidi ezi-R13 e-OR Tambo International Airport ezinyangeni ezimbili ezedlule, kwaphinde kwatholwa nezintambo zekhopha ezibiza ngaphezu kwezigidi ezingama-R20 ezatholwa endaweni yokukhanda izimoto duzane naseThekwini nalapho okwaboshwa khona umsolwa oyedwa.
2.1.2 Ngemikhankaso yemikhakha eminingi nezobunhloli, ama-ejensi ezomthetho agxile ekuhlakazeni amaqembu abaphangi ezweni lonkana. Emasontweni amabili edlule, kwaboshwa abaphangi abayi-14 ezifundazweni ezehlukene.
2.2 Ukubuyisa Isithunzi Samaphoyisa
2.2.1. Ngokusebenzisana kwemikhakha eminingi, ama-ejensi ezomthetho asebophe abasolwa abayi-14 eMpumalanga ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo ngokukhipha izincwadi zokushayela ezingekho emthethweni, kanti amaphoyisa omgwaqo ayi-11 nawo aboshiwe ngokuthatha intshontsho kubashayeli emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 eLimpopo.
2.2.2 Amaphoyisa amathathu abengekho emsebenzini nelunga lomphakathi baboshiwe eThekwini, KwaZulu-Natali ngokufuna intshontsho eliyizi-R100 000 kusomabhizinisi ukuze bezokhulula impahla yakhe ebishaqiwe, amanye amaphoyisa amane azinikele wona ku-SAPS ngecala elifanayo.
2.2.3 Ngaphezu kwalokhu, abasolwa abayisishiyagalombili baboshiwe ngokusolwa ngokubandakanyeka emacaleni okukhwabanisa nenkohlakalo yamathenda abiza izigidi ezingama-R850 eDolobheni laseKapa, eNtshonalanga Kapa.
3. Ezemfundo
3.1 IKhabhinethi licele bonke abafundi abafanelekile abaya nalaba asebevele besezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi bafake izicelo zomfundaze nemalimboleko yoXhasomali Lukazwelonke Lwabafundi (i-NSFAS) zonyaka wezi-2025 uma kuvulwa isikhathi sokufaka izicelo nge-inthanethi ngoLwesihlanu, mhla wama-20 kuMandulo 2024.
Ukufaka isicelo, abafundi kufanele bavakashele ku: my.nsfas.org.za.
3.2 UMthetho Wokuchibiyela Imithetho Yemfundo Eyisisekelo (i-BELA)
3.2.1 IKhabhinethi lamukele ukusayinwa koMthethosivivinywa we-BELA waba ngumthetho nguMongameli u-Ramaphosa, nokube nguphawu lwesinyathelo esibonakalayo sokuletha uguquko nokuthuthukisa uhlelo lokusebenza lwemfundo eyisisekelo. Lo mthetho udinga ukuthi izinhlangano ezilawula izikole zicabangisise izidingo zolimi zomphakathi ngokubanzi ukuqinisekisa ukubandakanywa kwawo wonke umuntu kwezemfundo.
3.2.2 Njengesinyathelo sokuqinisa imfundo yasenkulisa, uMthetho we-BELA wenza ukuthi iBanga R libe ibanga elisha eliyimpoqo lokuqala isikole. Uphinde ubeke abazali icala lobugebengu uma behluleka ukuqinisekisa ukuthi abantwana babo baya esikoleni.
3.2.3 IKhabhinethi liphinde lamukela isinqumo sikaMongameli u-Ramaphosa sokuvumela isikhathi esiyizinyanga ezintathu sokuxoxisana ngezahluko ezimbili ezimayelana nokwamukelwa esikoleni kanye nolimi, njengengxenye yokuqinisekisa ukubumbana kwesizwe.
4. Ezempilo
4.1 Isifo se-MPOX
4.1.1 Ukuqeda ukusabalala kwesifo se-Mpox, bonke abantu abaseNingizimu Afrika bayagqugquzelwa ukuthi balandele izindlela okungezona ezokwelashwa. Lezi zindlela zibandakanya ukuhlanza izandla zikhathi zonke ngensipho namanzi noma ukusebenzisa isibulalimagciwane ezandleni.
4.1.2 Yize ubungozi bokubhebhetheka kwe-Mpox kusalokhu kuphansi, kuqinisekiswe omunye ohlaselwe i-Mpox nokwenze isibalo sabahaqekile sibe ngama-25 eNingizimu Afrika selokhu saqubuka ngoNhlaba wezi-2024.
4.2 Ukuqubuka kweSichenene – eSifundeni saseMopani eLimpopo
4.2.1 IKhabhinethi litshelwe ngokuqubuka kweSichenene e-Greater Tzaneen eMopani (Limpopo) lapho abantwana abayi-150 kutholakale ukuthi baneSichenene.
4.2.2 Uhulumeni wesifundazwe saseLimpopo wasungula iThimba Lesifundazwe kanti nemizamo iyaqhubeka yokunqanda lesi sifo esitholakala emanzini, ukubhekana nokuqubuka kwesifo kanye nokuhlolwa kwamanzi ezindaweni ezihaqekile.
4.2.3 ISichenene sidluliseka ngokuthinta amanzi anegciwane. IKhabhinethi linxusa umphakathi ukuthi uqinisekise ukuthi abantwana ababhukudi noma badlale emanzini okungenzeka anegciwane.
4.2.4 Abazali nabanakekeli babantwana kufanele bathathe ngokushesha abantwana okusolakala ukuthi bathole igciwane babayise esikhungweni sezempilo esiseduzane ukuze bezokwelashwa.
4.3 Ukuqubuka kweSifo Samatele e-Sarah Baartman, eMpumalanga Kapa
4.3.1 IKhabhinethi licele abafuyi bemfuyo ukuthi banciphise ukuhanjiswa kwezilwane kulandela ukuqubuka kwesifo samatele komasipala base-Kouga nase-Koukamma eSifundeni i-Sarah Baartman eMpumalanga Kapa.
4.3.2 Ukungena nokuphuma kwezilwane esifundeni esihaqekile kuyaqhubeka nokuqashwa ngeso lokhozi ukugwema ukubhebhetheka kwesifo ezindaweni ezingakahaqeki ngokweNqubo Yokulawula Isifo Endaweni.
4.3.3 IKhabhinethi likhumbuze abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ukuhanjiswa kwezilwane zisuka endaweni ziya kwenye kudinga IMvume Yokuhanjiswa Kwesilwane etholwa ehhovisi likadokotela wombuso wezilwane endaweni.
5. Ukuphathwa kwe-GNU
5.1 IKhabhinethi lamukele isinqumo sikaMongameli u-Ramaphosa sokusungula indlela yokuxoxisana ezingeni likahulumeni ngezindaba amaqembu aku-GNU azithola enemibono eyehlukene ngazo.
B. Izinqumo zeKhabhinethi
(I) Ukushicilelwa KoMyalelo Wenqubomgomo Esahlongozwa ngokuqedwa kwezinombolo eziphuthumayo u-10177, 10111 no-107 ukuze umphakathi uphawule ngawo
(a) IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMyalelo Wenqubomgomo Esahlongozwa ngokuqedwa kwezinombolo eziphuthumayo u-10177, 10111 no-107 ukuze umphakathi uzophawula ngawo.
(b) IKhabhinethi liziphawulile izinyathelo ezibekiwe zokuthi iNingizimu Afrika iguqukele enombolweni eyodwa emfushane yezimo ziphuthumayo u-112. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi abantu abangaphansi kwengcindezi akunasidingo sokuthi bakhumbule izinombolo eziningi uma bedinga usizo oluphuthumayo.
(ii) UMthetho Osadingidwa ngokuSungulwa nokuThuthukiswa Kwezokuvakasha eNingizimu Afrika
(a) IKhabhinethi ligunyaze uMthetho Odingidwayo Wokusungula Nokuthuthukiswa Kwezokuvakasha eNingizimu Afrika ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Le nqubomgomo kuhloswe ngayo ukukhuphula igalelo elifakwa ezokuvakasha emnothweni waseNingizimu Afrika ngenxa yobuningi bezivakashi.
(b) Ngowezi-2023, iKhabhinethi lagunyaza ukushicilelwa koMthetho Odingidwayo omayelana nokuThuthukiswa Kwezokuvakasha eNingizimu Afrika, nemibono yamaqembu athintekayo yafakwa kule nqubomgomo. Lo Mthetho Odingidwayo manje uhlinzeka ngohlaka nomhlahlandlela wenqubomgomo ekuvunyelwene ngawo ukuze kusungulwe futhi kuthuthukiswe ezokuvakasha eNingizimu Afrika.
(c) Le nqubomgomo izogqugquzela ukuvulwa kwamabhizinisi emkhakheni wezokuvakasha futhi uqinisekise ukuthi lo mkhakha ufaka igalelo ekusungulweni kwamathuba emisebenzi. Izethulo zeNqubomgomo ziphinde zigxile ekuhambisalaneni inqubomgomo yezokuvakasha kanye nezinqubomgomo zikahulumeni, kanye nokuqinisa lo mkhakha ukuthi ukwazi ukubhekana nezinselele.
(iii) INqubomgomo Yoxhasomali Lwamabhizinisi Amancane Naphakathi Nemifelandawonye (ama-MSME)
(a) IKhabhinethi ligunyaze INqubomgomo Yoxhasomali lwama-MSME neMifelandawonye ukuthi iqaliswe. Le nqubomgomo kuhloswe ngayo ukuqeda ngezinkinga ezivimbela ama-MSME kanye nemifelandawonye ukuthi athole usizo lwezimali. Lezi zingenelelo zizophinde zisize ekuguqulweni kwamabhizinisi angahlelekile ukuthi ahleleke nasemabhizinisini amancane ukuthi abe ngaphakathi.
(b) Inqubomgomo ihlinzeka ngokusungulwa kwesimo soxhasomali kumaqembu akhethiwe afana nentsha, abesifazane kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. Le nqubomgomo iyingxenye yezinye izingenelelo zokusiza amabhizinisa amancane, kubandakanya noHlaka Lukazwelonke Oluhlanganisiwe Lokuthuthukisa Amabhizinisi Amancane olwagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2022.
(c) Uhulumeni ubeke phambili ukwesekwa kwama-MSME nemifelandawonye ngoba amabhizinisi awusizo ekusungulweni kwamathuba emisebenzi futhi anikeza abantu amathuba okuthola imali yokuziphilisa.
(d) Ukuqaliswa kwenqubomgomo kuzoqeda igebe lezikolodo kuma-MSME futhi ivumele ukukhula komnotho, okuyiyonanto eseqhulwini kuhulumeni.
(iv) IQhingasu Lezokuvakashela Emkhathini kanye noHlelo Lokuqaliswa Kwalo lwangowezi-2023-2033
(a) IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweQhingasu Lezokuvakashela Emkhathini noHlelo Lokuqaliswa Kwalo kuze umphakathi uzophawula ngalo.
(b) Leli qhingasu kuhloswe ngalo ukubeka iNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba lendawo yezivakashi kanye nokuvakashela emkhathini, futhi lokhu kuzoqinisa ukuthuthukiswa komnotho kanye namathuba emisebenzi emkhakheni wezokuvakasha. INingizimu Afrika iyizwe lokuqala e-Afrika ukusungula iQhingasu Likazwelonke Lezokuvakashela Emkhathini futhi lokhu kuzoqinisa ukuhlukahlukana komkhakha wezokuvakasha.
(c) Leli qhingasu ligxile ezinhlakeni ezehlukene, okuyilezi: ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukuthuthukisa ezokuvakashela emkhathini, ukusebenzisana komkhakha ozimele nokahulumeni, ezokuvakasha ezibandakanya wonke umuntu kanye nokuletha uguquko.
(d) INingizimu Afrika inezimo ezihlukile eziningana ezenza ukuthi kube yiyona ndawo yezokuvakasha emkhathini. Lezi zimo zibandakanya isibhakabhaka esicocekile ebusuku kanye nesimo esihle sezulu.
(f) UMnyango Wezokuvakasha, ngokusebenzisana noMnyango Wesayensi Nokuqamba Kabusha, bazokwethula iQhingasu Likazwelonke Lezokuvakashela Emkhathini embungazweni woSuku Lukazwelonke Lwezokuvakasha eNyakatho Kapa mhla wama-27 kuMandulo 2024, lapho kukhona umklamo we-Square Kilometer Array.
(v) UHlelo Lokusiza Ukusebenza Komasipala
(a) IKhabhinethi lithole laphinde lagunyaza uSihlalo, amalungu kanye nemigomo yeKomidi Longqongqoshe (i-IMC) emayelana nokuqaliswa kwemizamo yokusiza ohulumeni bendawo abangasebenzi kahle.
(b) Inhlosonqangi ye-IMC ngukubheka ukuqaliswa kwemisebenzi eyahlukahlukene yokusiza ohulumeni bendawo abangenzi kahle ngokusebenzisa izingenelelo ezehlukahlukene emikhakheni elandelayo:
i. Ukusebenza kahle kohulumeni wendawo;
ii. Ukuziphendulela, ukwengamela kanye nemiphumela;
iii. Ukubusa, uzinzo lwepolitiki kanye nokuphatha;
iv. Ukuphathwa kwezimali nemiphumela engcono yokuhlolwa kwamabhuku;
v. Ukulethwa kwezidingonqangi nokunakekelwa kwengqalasizinda;
vi. Ukuthuthukiswa komnotho wendawo nokuhlelwa kwezindawo;
vii. Ubudlelwano bangaphakathi kuhulumeni.
(c) I-IMC izobeka eqhulwini izingenelelo komasipala abathwele kanzima.
(d) IKhabhinethi liphinde layalela ukuba iminyango kahulumeni namabhizinisi kahulumeni kufanele bakhokhe ngokushesha izikolodo zabo abazikoloda omasipala futhi noMgcinimafa Kuzwelonke unikezwe umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka.
(vi) Omasipala abakoloda amabhodi amanzi
(a) IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokukhula kwesikolodo sikamasipala esikolodwa amabhodi amanzi, osekubeka engcupheni ukusimama kwe-Vaal Central Water Board ekolodwa izigidigidi eziyi-R9.9 kanye ne-Magalies Water ekolodwa izigidi ezingama-R300 ngesikhathi sokuphela kukaNtulikazi 2024 nokungenzeka la mabhodi amabili aphelelwe yizimali.
(b) Imali ekolodwa amabhodi amanzi ibeka engcupheni ukuhlinzekwa kwamanzi komasipala bona abakhokha izikolodo zabo zamanzi.
(d) IKhabhinethi ligunyaze ukuthi i-IMC isungulwe ukuze izobheka uhlelo lokusiza omasipala. I-IMC izobeka phambili izingenelelo zokusiza omasipala bakhokhe izikolodo zamabhodi amanzi, ikakhulukazi labo ababhekene nesimo sokuphelelwa yizimali.
C. UMthethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wezobuholi Bendabuko YaBathwa wezi-2024
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wezobuholi Bendabuko Yabathwa wezi-2024 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uyimpendulo yesinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo esamemezela ukuthi uMthetho Wendabuko Wezobuholi Babathwa, wangowezi-2019 (Umthetho wesi-3 wezi-2019) awusekho ngenxa yokuthi umphakathi azange ubandakanywe ngokwanele ePhalamende.
1.2. UMthethosivivinywa unika iPhalamende ithuba lokuthobela umyalelo weNkantolo Yomthethosisekelo. UMthetho Wobuholi Bendabuko Yabathwa wezi-2019 ungene endaweni yoMthetho Wobuholi Nohlaka Lokubusa Lwendabuko, wangowezi-2003 (Umthetho wama-41 wezi-2003).
D. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Imiphumela yoKuvakashela Embusweni wase-China kanye nokubamba iqhaza kwiForamu Yokusebenzisana kwe-China ne-Afrika (i-FOCAC)
1.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngemiphumela yohambo lwakamuva oluya e-People’s Republic of China kanye nomhlangano we-FOCAC obubanjwe e-Beijing, e-China kusuka mhla zi-2 kuya mhla ziyisi-6 kuMandulo 2024. IKhabhinethi liphawule le miphumela ebalulekile elandelayo ezosiza iNingizimu Afrika:
1.1.1. Isivumelwano sokuguqula ukuhweba kufake imikhiqizo eminingi ekhiqiziwe, ikakhulukazi, isivumelwane sokuhwebelana ngohlu lwemikhiqizo eyi-100 esuka eNingizimu Afrika i-China ezothatha isinqumo sokuyithenga.
1.1.2. Ukwengeza kulokhu, iNingizimu Afrika ivumelene ngokusebenzisana ne-China emikhakheni emithathu ehlobene nokuncishiswa kwekhabhoni, ukuguqukela kwidijithali, ezokuthutha nokuthuthwa kwempahla. Lokhu kusebenzisana kuzovula indlela yokugqugquzela utshalomali ezimotweni ezihamba ngogesi, ukukhiqizwa kwamabhethri, ukugcinwa kukagesi ovuselelekayo, kanye neZindawo Zomnotho ezikhethiwe neZindawo Zokuthuthukiswa Kwezimboni.
1.1.3. Abatshalizimali abakhulu base-China abase-Shenzhen nase-Beijing babonise intshisekelo yokwandisa utshalomali lwabo noma utshalomali lokuqalisa amabhizinisi abo eNingizimu Afrika.
1.1.4. IZivumelwano Zokusebenzisana (ama-MoU) zasayinwa ngesikhathi sokuvakasha okuhloswe ngazo ukugqugquzela ukusebenzisana phakathi kwe-China neNingizimu Afrika.
1.1.5 Ama-MoU afaka phakathi isivumelwano sokusebenzisana ngeSifo Samatele (i-FMD) esinciphisa imikhawulo yokuthumela inyama yenkomo ezifundeni ezithintwe yi-FMD kuphela kunokuthi imikhawulo ibekwe ezweni lonkana. Ukusebenza kwale-MoU kuqale ngesikhathi sikaHulumeni Wehlandla Lesithupha.
2. Umbiko Wokuqhubekayo ngokubuyiswa kwamathambo amaqhawe enkululeko e-Zambia nase-Zimbabwe
2.1. IKhabhinethi laziswe ngamalungiselelo okubuyiswa kwamathambo amaqhawe enkululeko aseNingizimu Afrika ayengcwatshwe e-Zimbabwe naze-Zambia. Phakathi kwala mathambo azobuyiswa eNingizimu Afrika kukhona aweqhawe uMmeli Duma Nokwe, uMama Florence Mophosho no-Basil February.
2.2. Ukubuyiswa kwamathambo e-Zambia nase-Zimbabwe kuyingxenye ye-Resistance and Liberation Heritage Route Project (i-RLHR). I-RLHR nguhlelo lukazwelonke lwesikhumbuzo okuhloswe ngalo ukukhumbula, ukubungaza, ukufundisa, ukugqugquzela, ukugcina, ukulondoloza kanye nokunikeza ngobufakazi bendlela esihanjwe ngabantu baseNingizimu Afrika beya enkululekweni.
2.4. UMcimbi Wokubuya Kwamathambo uzoba se-Waterkloof Airforce Base mhla wama-27 kuMandulo 2024 uma kufika amathambo eNingizimu Afrika.
3. Ukusheshiswa kokuqaliswa kohlelo lokuguqulwa komhlaba
3.1. IKhabhinethi lithole laphinde labukisisa umbiko wokuqhubekayo ngokusheshiswa kokuqaliswa kohlelo lokuguqulwa komhlaba kuleli lizwe. Ukusheshiswa koHlelo Lokuguqulwa Komhlaba kuphendula izincomo zePhaneli Eyeluleka uMongameli Ngokuguqulwa Komhlaba Nezolimo nelethula umbiko walo nezincomo kwiKhabhinethi ngowezi-2019.
3.2. Izinhlelo ezehlukahlukene zokuguqulwa komhlaba ziyaqhubeka nokuqaliswa futhi nenqubekelaphambili yabikwa kwiKhabhinethi ngokulandelayo:
i. Ngokulandela uMthetho Wokuguqulwa Kwezindawo Ezithile Zasemakhaya, we-1998 (Umthetho wama-94 we-1998), amahektha ayizi-630 000 adluliswa;
ii. Amanye amahektha ayizi-659 602 omhlaba wezolimo kahulumeni atholakala aphinde abiwa;
iii. Ngomhla wama-31 kuNdasa 2024, izicelo zomhlaba eziyizi-83 205 zakhokhwa;
iv. Umhlaba ongamahektha ayizi-2 895 935 watholwa ngemali eyizigidigidi ezingama-R26.4;
v. Ukunxeshezelwa ngokwezimali kwezigidigidi ezingama-R26 kwakhokhelwa labo abafanele.
vi. Amakhaya ayizi-2 376 976 asizakala ohlelweni lokubuyiswa komhlaba.
vii. IKhomishini Yokubuyiswa Kwamalungelo Omhlaba ihlele ukuphothula izicelo zomhlaba ezingama-339 kunyakamali wezi-2024/2025.
4. Ukuvalwa koMhubhe wase-Lesotho-Highlands ukuze uzonakekelwa
4.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokuvalwa komhubhe we-Lesotho Highlands Water Project ukuze unakekelwe kusuka mhla lu-1 kuMfumfu kuya mhla zingama-31 kuNdasa 2025.
4.2. Ukunakekelwa komhubhe okuhleliwe kubalulekile ukuvikela ingqalasizinda eminye iminyaka engama-20-30 kanti ukwehluleka ukwenza lo msebenzi kuzofaka engcupheni ukuthunyelwa kwamanzi kwi-Integrated Vaal River System (i-IVRS), okuyiyona ethumela amanzi asuka e-Rand Water aye kubantu kubo bonke omasipala e-Gauteng.
4.3. I-DWS ihlolisise kabanzi ukusebenza kwe-IVRS, okufaka amadamu axhunywe kuyo ayi-14. Kutholakale ukuthi umthelela wokuvalwa komhubhe kwi-IVRS ngeke ube mubi kakhulu njengoba amadamu amaningi aku-IVRS agcwele njengamanje.
4.4. IKhabhinethi likuphawulile ukuphazamiseka kokuthunyelwa kwamanzi okukhona njengamanje e-Gauteng nakomasipala abathile eFreyistata okungahlangene nokuvalwa komhubhe, liphinde lakuphawula ukuthi i-DWS isize omasipala ukuthi baxoxisane nababambiqhaza mayelana nokuvalwa kwe-Lesotho Highlands Tunnel.
4.5. IKhabhinethi liphinde lakuphawula ukuthi e-Gauteng, ukukhula masinya kwenani labantu, ukunganakekelwa kwengqalasizinda, ukungathotshelwa kwemithetho kanye nokuthatha isikhathi ukuqaliswa kwesigaba sesibii somklamo we-Lesotho Highlands ikona okuholele ekuphazamiseni ukuthunyelwa kwamanzi okukhona. Noma kunjalo, ukuphothulwa kweSigaba Sesibili somklamo we-Lesotho Highlands kuzokwehlisa umthwalo uma kuhlanganiswa nezingenelelo zokulawulwa kokuthunyelwa kwamanzi, kusetshenziswa ubuchwepheshe obusha bokonga amanzi kanye nokunakekelwa kahle kwezingqalasizinda.
4.6. IKhabhinethi liphawule ukuthi i-DWS isibambe imihlangano yokulungela lokhu kusukela ngoNhlolanja wezi-2022 nomasipala baseFreyistata abathola amanzi e-Liebenbergsvlei River ukuqeda ngokuphazamiseka kwezinsizakalo ngesikhathi sokunakekelwa komhubhe. Noma kunjalo, ukubambezeleka okwenziwa ngomasipala ukulungisa ingqalasizinda yabo kusalokhu kuyinkinga. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi i-DWS izoqapha uma kunesidingo, ingenelele ukusiza labomasipala.
5. Ukuncishiswa kokuthunyelwa kwamanzi e-Gauteng
5.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokuqaliswa kweSigaba Sokuqala sokuncishiswa kwamanzi e-Gauteng. Lokhu kuza emva kokuthi i-Rand Water ifikelele ezingeni lamanzi amaningi esiwakhiphele ku-IVRS.
5.2. Ukudingeka kwamanzi e-Gauteng kuyaqhubeka nokwenyuka ngenxa yokukhula kwenani labantu, amanzi amoshekayo komasipala, kufaka phakathi ukuxhunywa kwamapayipi ngokungemthetho nokungakhokheli amanzi, ukunganakekelwa kwamapayipi okuholela ekuvuzeni kwamanzi okukhulu, okungama-33% komasipala base-Gauteng.
5.3. Njengamanje, amanzi adingwa ngamakhasimende e-Rand Water komasipala asondele kakhulu futhi anokudlula esilinganisweni samanzi athunyelwayo asuka kwisihlanzimanzi nasemathangini.
5.4. Ukugwema ukuncishiswa kakhulu kwamanzi, omasipala base-Gauteng kufanele babeke phambili ukuncishiswa kwamanzi avuzayo emapayipini abo futhi bagcizelele izindlela zokunciphisa ukusetshenziswa kwamanzi.
5.5. I-DWS, i-Rand Water nomasipala base-Gauteng basebenzisana ne-World Bank 2020 Water Resources Group ukuqalisa umkhankaso wokuqwashisa nokuthumela imiyalezo yokusebenzisa amanzi ngokuwonga, ngokusebenzisana nomphakathi nabaholi bamabhizinisi.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisiswe ngokufanele.
(a) Mnu. Captain Rufus Lekala njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) we-South African Maritime Safety Authority iminyaka emihlanu.
(b) Mnu. Luvuyo Xola Ntoyi njenge-CEO ye-Vaal Central Water Board iminyaka emihlanu.
(c) Mnu. Gift Zowa njenge-CEO ye-Broadband Infraco iminyaka emihlanu.
F. Imicimbi Ezayo
1. USuku Lwamagugu
1.1. IPhini likaMongameli uMashatile uzokwethula inkulumo emcimbini wezwe woSuku Lwamagugu ozoba ngoLwesibili, mhla wama-24 kuMandulo 2023 e-Meqheleng Stadium e-Ficksburg eFreyistata, ozobungazwa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sibungaza izimpilo zamaqhawe namaqhawekazi akithi anikela ngezimpilo zawo ukuze sithole inkululeko.”
1.2. Ukubungaza uSuku Lwamagugu, sihlonipha amaqhawe namaqhawekazi anikela ngezimpilo zawo elwela inkululeko yethu, ikakhulukazi lawo maqhawe enkululeko aphoqeleka ukuthi aye ekudingisweni ngumbuso wobandlululo aze ashonela khona ekudingisweni.
1.3. UMcimbi Wokubuya Ekhaya uzoba mhla wama-27 kuMandulo 2024 uma kufika amathambo Amaqhawe Omzabalazo esuka e-Zambia nase-Zimbabwe njengengxenye yoHlelo Lokubuyisa Amathambo Ekudingisweni.
1.4 Njengengxeye yemigubho yeNyanga Yamagugu, uhulumeni uzosingatha iMiqhudelwano Yemidlalo Yesintu phakathi komhla wama-24 nama-29 kuMandulo 2024 eFreyistata ukubonisa imidlalo yesintu, umculo, ukusina, ukudla kanye nomsebenzi wezandla.
2. INyanga Yemisebenzi Kahulumeni (i-PSM)
2.1. Njengoba siqhubeka nokubungaza i-PSM, kuleli sonto uhulumeni ugxile ekubongeni abasebenzi abasiza isizwe sakithi ngokuzigqaja nangokuzimisela. Kuleli sonto, sibonisa nangezikhungo ama-Thusong Service Centres, okuyizona ezenza ukuthi abantu bakwazi ukufinyelela kulwazi nezinsizakalo.
3. ISonto Lokuqwashisa Ngabantu Abangezwa Ezindlebeni
3.1. INingizimu Afrika izohlanganyela nomhlaba wonke ekubungazeni isonto Labantu Abangezwa Ezindlebeni kusuka mhla wama-23 kuya mhla wama-29 kuMandulo 2024 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Iba Yingxenye Yamalungelo Olwimi Lwezimpawu”.
4. INgqungquthela ye-Brazil, i-Russia, i-India, i-China neNingizimu Afrika (i-BRICS)
4.1. Ukulungiselela iNgqungquthela ye-BRICS yezi-2024 ezayo kusuka mhla wama-22 kuya kuma-24 kuMfumfu 2024 ezobanjelwa e-Russia, iNingizimu Afrika iyingxenye yemihlangano eminingi yokuzilungiselela ukuba nezwi ezindabeni ezibalulekile kanye nokugqugquzela lokho okufunwa ngamazwe wonke.
5. INgqungquthela Yomhlaba Yokusebenza Ngokubusa nge-Elekthroniki
5.1. UMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokubusa, ngokubambisana neNyuvesi yase-Witwatersrand School of Governance, bazosingatha iNgqungquthela Yomhlaba ye-17 Yokusebenza Ngokubusa nge-Elekthroniki (i-ICEGOV) mhla lu-1 kuya mhla wesi-4 kuMfumfu 2024 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukwethemba noKubusa Ngokuziphatha ukuze Sizoba Nomhlaba Esiwufunayo”.
G. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
• IQembu laseNingizimu Afrika ngokudlala kahle kakhulu kuma-2024 Paralympics e-Paris lapho abathole khona izindondo eziyisithupha.
• U-Simoné Kruger ngokuthola indondo yegolide ku-discus throw F38 emidlalweni yama-Paralympic.
• Umgibeli webhayisikili u-Nicolas Pieter du Preez ngokuthola indondo yethusi ku-Men’s H1 Individual Time Trial emidlalweni yama-Paralympic e-Paris.
• U-Donald Ramphadi no-Lucas Sithole ngokuthola indondo yethusi emdlaweni webhola lomphebezo lezitulo ezihamba ngamasondo ye-Quad doubles emidlalweni yama-Paralympic e-Paris.
• Oshampeni bomhlaba ama-Springboks ngokwehlula i-New Zealand emdlalweni we-Rugby Championship. Ama-Springboks awakaze ahlulwe emidlalweni ye-Rugby Championship azophinde adlale ne-Argentina emdlalweni olandelayo.
• Umculi waseNingizimu Afrika u-Tyla oqophe umlande ngokuba ngowokuqala owaseNingizimu Afrika ukuthola i-MTV Video Music Award.
• IQembu laseNingizimu Afrika eNgqungqutheleni Yomhlaba Yamakhono yangowezi-2024 e-France ngokubonisa ngamakhono nethalente elihle kakhulu lesizwe sethu.
• IKhabhinethi lihalalisela i-The Douglas Weir eNyakatho Kapa njengoba ithathwa njengeNdawo Yomhlaba Enodonga Lwedamu yiKhomishini Yomhlaba Yezokuchelela namanzi. Kungokokuqala uhlelo lokwakhiwa kodonga lwedamu eNingizimu Afrika luthola umklomelo. Lolu donga lwedamu oseluneminyaka eyi-130 lunakekelwa nguMnyango Wezamanzi Nokuhanjiswa Kwendle futhi luyingxenye yengqalasizinda ye-Lower Orange Vaal Water User Association, ethumela amanzi okuchelela endaweni engama-8 1113 ha.
• iKhabhinethi lihlanganyele noMongameli u-Ramaphosa ekuhalaliseleni uMhlonishwa uMongameli u-Abdelmadjid Tebboune ngokuphinde akhethwe ukuba nguMongameli wase-People’s Democratic Republic of Algeria. IKhabhinethi lizimisele ukuxoxisana noHulumeni nabantu base-Algeria ukuqinisa ubudlelwano bala mazwe omabili.
2. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo:
• Mnu. Pravin Gordhan, obeyingxenye yokulwa nokubanjwa kombuso ngobhongwane, futhi wasebenza ngokungakhathali ukuvikela umthetho nokubusa ngendlela efanele. Emsebenzini wakhe esebenzela abantu, usebenze ezikhundleni ezehlukene zobungqongqoshe waphinde waba ngoKhomishana Wezokuqoqwa Kwentela eNingizimu Afrika. Amagalelo akhe abebalulekile kakhulu ekuthuthukisweni komnotho waseNingizimu Afrika, ukugqugquzela ukwenza izinto obala, ukuziphendulela, nokulwa nenkohlakalo. Ube yisishoshovu esilwisana nobandlululo futhi wanikela ngempilo yakhe elwela inkululeko yesizwe sakithi.
• Nkz. Regina Brookes, isishoshovu esasilwisana nobandlululo esasiphikisana noMthetho Wokuziphatha Kabi ngeminyaka ye-1950 futhi wahlukunyezwa nguhulumeni wobandlululo ngokuthi wayehlala nabantu abaMnyama yena engowesifazane oMhlophe. Ngowe-1955 wacela ukuthi kuguqulwe ubuzwe bakhe athathwe njengeKhaladi ukuze azovumeleka ukuthi ahlale nabantu abaMnyama.
• Umbhali owaziwayo, usonkondlo kanye nesishoshovu, uMnu. James Matthews, OwayeyiLungu Elihloniphekile le-National Order of Ikamanga. Wahlonishwa ngayo ngowezi-2024 ngomsebenzi wakhe omuhle wezincwadi, igalelo lakhe kwezobuntatheli kanye nokuzinikela kwakhe emzabalazweni weNingizimu Afrika engacwasi ngokwebala.
• Iqhawe lomculo we-Kwaito, uMnu. Sandile Ngwenya, obedume ngelika-Mapaputsi, ofake igalelo elikhulu ekuthuthukisweni komculo we-kwaito.
• Abalingisi u-Darlington Michaels, u-Sello Motloung no-Paul Lückhoff, abathe ngomsebenzi wabo, bakwazi ukuthuthukisa ezamafilimu kuleli lizwe kanye nemboni yezobumnandi.
• Usomahlaya, uMnu. Philani Mabanga, obedume ngelika ‘Mfundisi Ntshebe’, obesihlekisa futhi esijabulisa ngomculo wakhe ohlekisayo.
Imibuzo: Nkz. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumneni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485