Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla we-14 kuNhlaba 2025

A.    Ezisematheni

1.    Umnotho
1.1    ISigaba Sesibili se-Operation Vulindlela
1.1.1    Mhla ziyisi-7 kuNhlaba 2025, uMongameli u-Cyril Ramaphosa wethula iSigaba Sesibili se-Operation Vulindlela (i-OV iSigaba II), okuluhlelo lwezinguquko zokahulumeni okuhloswe ngalo ukuthuthukisa ukukhula komnotho okuzovula amathuba emisebenzi. 
1.1.2    ISigaba II se-OV sizobhekela ukuphothulwa kwezinguquko ezaqala kuhulumeni wehlandla lesithupha emkhakheni wezamandla, amanzi, ezokuthuthwa kwempahla, kanye nezokuxhumana, futhi sethula izingxenye ezintsha okugxilwe kuzo ohlelweni lohulumeni basekhaya ukuze kwenziwe ngcono ukulethwa kwezidingongqangi, kanye nokuhlelwa kwendawo.  

1.2    Ukubambisana Kwamabhizinisi Nohulumeni
1.2.1    IKhabhinethi iyamukele imiphumela yomhlangano wokubuyekezwa kwenqubekelaphambili yezinhlelo zikaHulumeni Zokubambisana Namabhizinisi. Ukusebenzisana kugxile ekusekeleni ukuqaliswa kwezinguquko ezibalulekile kanye nezinhlelo eziseqhulwini okuhloswe ngazo ukuthuthukisa ukukhula komnotho nokudalwa kwamathuba emisebenzi.
1.2.2    Enye yenqubekelaphambili eyenziwe ifaka phakathi ukuthuthukiswa kohlaka lukazwelonke lokuhanjiswa kukagesi, ukuthuthukiswa kokusebenza kwe-Transnet, nokugunyazwa kwama-visa e-elekthronikhi. 
1.2.3    Uhlelo lokusebenza olubalulekile lwezinyathelo ezilandelayo lwamukelwe, futhi imihlangano yamaqembu ahlangene azoqhubeka nokuqapha inqubekelaphambili aphinde axazulule izingqinamba izobanjwa njalo ngemva kwamasonto ayisithupha.

1.3    ISicelo Semibono Ngesikhwama Sezinguquko
1.3.1    IKhabhinethi iyibonile intshisekelo yeSikhwama Sezinguquko futhi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza kwinqubo yokubonisana njengokumemezela koMnyango Wezohwebo Nezimboni Nokuncintisana. 
1.3.2    Ukuqaliswa kokusebenza kweSikhwama Sezinguquko kuzoqhubekisela phambili ukuzibophezela kwethu ngokomthethosisekelo ekulungiseni umnotho kanye noguquko njengengxenye yokubuyisela emuva izinqubomgomo ezingalungile zesikhathi sobandlululo.
1.3.3    Imibono ingathunyelwa kwa-DTIC futhi imininingwane yokuxhumana izotholakala kusizindalwazi sabo esithi: www.dtic.gov.za.

1.4    Ucwaningo Lwezabasebenzi Lwekota
1.4.1    IKhabhinethi iluphawulile Ucwaningo Lwezabasebenzi lwabeZibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA), olukhombisa ukwenyuka kwezibalo zabangasebenzi zaya kuma-32.9% ngekota yokuqala yowezi-2025 zisuka kuma-31.9% ngekota yokugcina yonyaka odlule. 
1.4.2    Izimboni ezinhlanu kweziyi-10 ebezilandelwa ngabakwa-Stats SA zibonise ukwenyuka kwamathuba omsebenzi, ikakhulukazi ezokuthutha nezezimali, nokho, imisebenzi eminingi yalahleka emkhakheni wezohwebo nowokwakha.
1.4.3    IKhabhinethi isazibophezele ekuqhubekiseni ukukhula komnotho okuzovula amathuba emisebenzi.

1.5    INingizimu Afrika: Isizwe Esizigqajayo
1.5.1    INingizimu Afrika yaqokwa njengezwe lesi-7 ongafisa kakhulu ukulivakashela emhlabeni wonke kuma-2024 Wanderlust Reader Travel Awards futhi yaklonyeliswa ngegolide esigabeni sezilwane zasendle nemvelo. 
1.5.2    INingizimu Afrika iphinde yathola isicoco sezwe elinomoya wobungani kunawo wonke emhlabeni ku-Remitly’s Big 5 Personality Test, esigqamisa imfudumalo nangendlela abantu baseNingizimu Afrika abaphatha ngayo izivakashi, kanti iDolobha laseKapa nalo libekwe njengedolobha lesi-5 elifiswa ukuvakashelwa kakhulu emhlabeni jikelele.

2.    Ezamazwe Ngamazwe

2.1    Uhambo lomsebenzi oluya e-Côte d’Ivoire
2.1.1    IKhabhinethi ilwamukele uhambo lokuSebenza lukaMongameli lokuya e-Côte d’Ivoire oluqondane noshicilelo lwe-12 lweForamu yama-CEO ase-Afrika mhla ziyi-12 nomhla ziyi-13 kuNhlaba 2025, ukuze kuqiniswe ubudlelwano obukhona phakathi kwala mazwe amabili. UMongameli Ramaphosa ubambe umhlangano wamazwe amabili noMhlonishwa uMnu. Alassane Ouattara, uMongameli weRiphabhulikhi yase-Côte d’Ivoire ukuze kuxoxiswane ngezindaba ezithinta amazwe womabili futhi bazibophezela ekuqiniseni amaxhama nokwandisa ukuhwebelana phakathi kwala mazwe womabili.

2.2     I-G20
2.2.1    INingizimu Afrika isaqhubeka nokusingatha uchungechunge lwemihlangano yamaqembu e-G20 esezingeni eliphezulu ukulungiselela iNgqungquthela ye-G20 ngoLwezi wezi-2025 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ubumbano, Ukulingana, Nokusimama.” Imihlangano elandelayo ibanjwe ngenyanga kaNhlaba: 
2.2.1.1.1    INgqungquthela ye-G20 Yokubandakanywa Kwezezimali Nokuhlonyiswa Kwabesifazane mhla ziyisi-6 kuya ziyisi-9 kuNhlaba 2025 eNyakatho Ntshonalanga, okuhloswe ngayo ukuba nomthelela kwinqubomgomo ye-G20 yesikhathi esizayo ngokwethula Uhlaka Lwemihlahlandlela Yokuhlanganisa Okubalulekile Kwabesifazane, okuqinisekisa ukuthi ukuhlonyiswa kwabesifazane kwezezimali kuhlala kuyingqikithi yezikhungo zomhlaba kanye nezinguquko zomnotho. 
2.2.1.1.2    ISeshini Yesibili yeQembu eliSebenza ngamaSiko le-G20 ebibanjwe mhla ziyisi-5 nomhla ziyisi-6 kuNhlaba 2025 e-Gauteng kwaxoxisanwa ngokubumba izinqubomgomo zamasiko emhlabeni jikelele ezinemithelela efinyelela kude kwezenhlalo nezomnotho. Igxile ekuqondiseni izinto ezibalulekile ku-Ajenda 2063, Izinjongo Zentuthuko Esimeme ze-UN kanye nokuvikela amagugu njengelungelo lomuntu.
2.2.1.1.3    Umhlangano Wesithathu Wethimba Lezempilo, owawubanjwe nge-inthanethi mhla ziyisi-8 nezisi-9 kuNhlaba 2025, ugxile kakhulu kubasebenzi bezokunakekelwa kwempilo, okuyisisekelo sezinhlelo zezempilo kanye nempumelelo ekuhlinzekweni kwezempilo emhlabeni jikelele, ukutholakala kwezempilo, ukulingana, kanye nokukhula okubandakanya wonke umuntu. 
2.2.1.1.4    Umhlangano Wesibili Wethimba Lezokuvakasha owawubanjwe kusukela mhla ziyi-11 kuya ziyi-13 kuNhlaba 2025 KwaZulu-Natali kudingidwe ngezinto ezibalulekile kwezokuvakasha ze-G20 ukuze kuqhutshekwe nokukhula okusimeme kwezokuvakasha kanye nokuthuthukiswa koHlelo Lokusebenza lweThimba le-G20 Lezokuvakasha.
2.2.1.1.5    Umhlangano Wesibili we-Task Force 1: Ukukhula Komnotho Okubandakanya wonke umuntu, Ukuthuthukiswa Kwezimboni, Ukuqashwa, kanye Nokunciphisa Ukungalingani wabanjwa nge-inthanethi kusukela ziyi-14 kuya ziyi-15 kuNhlaba 2025.

2.3    Ucwaningo lwabakhoseli eMelika
2.3.1    Isinqumo seMelika sokubeka isimo sabakhoseli eqenjini lamaBhunu aseNingizimu Afrika asinaqiniso, ngoba abachazwa njengabakhoseli ngokwencazelo yabakhoseli njengoba kubekwe kwiSivumelwano Sabakhoseli songowe-1951 kanye neZinqubo zayo zangowe-1967. 
2.3.2    IKhabhinethi iphinde yagcizelela ukuthi izinsolo zokucwasa azinasisekelo futhi azihambisani nesilinganiso sokushushiswa okudingekayo ngaphansi komthetho wasekhaya nowamazwe ngamazwe wabakhoseli. 
2.3.3    Ngaphezu kwalokhu, izibalo zoMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika zobugebengu obuhlobene namapulazi azeseki izinsolo zobugebengu obunobudlova noma ukubulawa kwabantu okubhekiswe kubalimi jikelele banoma yibuphi ubuhlanga.
2.3.4    IKhabhinethi iyakuphikisa okushiwo nguhulumeni waseMelika futhi isalokhu ikulungele ukuba nezingxoxo ezakhayo ukuze kuzoba nokuqonda okungcono nokufanayo kulolu daba.

2.4    Ukuhoxiswa kwe-SANDF empumalanga ye-DRC
2.4.1    IKhabhinethi itshelwe ngokuhoxiswa kancane kancane koMbutho Wezokuvikela Kazwelonke waseNingizimu Afrika (i-SANDF) empumalanga ye-Democratic Republic of Congo (i-DRC), ngemva kokuqedwa kwegunya loMbutho Wokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika e-Democratic Republic of Congo (i-SAMIDRC). Lesi sinqumo silandela ukuxoxisana okubanzi kwamanxusa kanye nezinhlelo ze-AU/SADC/EAC zokukhuthaza ukuxoxisana phakathi kwabantu base-Congo. 
2.4.2    IKhabhinethi incoma ukuzibophezela okukhonjiswe ngamalungu e-SANDF asebenze ngenhlonipho, ngokuziqhenya, kanye nokuzibophezela ekukhuthazeni i-Ajenda ye-AU yokuqeda izimpi ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu.

3.    Ukubusa

3.1    UMhlahlandlela Wokuguqukela Kwidijithali kaHulumeni waseNingizimu Afrika
3.1.1    IKhabhinethi ikwamukele ukwethulwa koMhlahlandlela Wokuguqukela Kudijithali kaHulumeni waseNingizimu Afrika oyingxenye yezinhlelo zikahulumeni zokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nokuqhubekisela phambili ukukhula komnotho ngokutshalwa kwezimali ezinhlelweni ezintsha zedijithali.
3.1.2    UMhlahlandlela, oyingxenye yeSigaba II se-OV, ubeka indlela egxilile yokulethwa kwezinsizakalo zikahulumeni kube ngokwesimanje ngokutshalwa kwezimali kwingqalasizinda yomphakathi yedijithali.

4.    Ubulungiswa, Ukunqanda Ubugebengu Nezokuvikeleka 
4.1    IKhomishana Yezobulungiswa Yophenyo izophenya amacala e-TRC
4.1.1    IKhabhinethi ikwamukele ukusungulwa kweKhomishana Yezobulungiswa Yophenyo ukuze kutholwe ukuthi ngabe yenziwa yini imizamo yokuvimbela uphenyo noma ukushushiswa kwamacala esikhathi sobandlululo ayedluliselwe yiKhomishana Yamaqiniso Nokubuyisana (i-TRC) kuPhiko Lwezokushushisa Likazwelonke. Ukusungulwa kweKhomishana Yophenyo kuwumphumela wezingxoxo zokuxazulula zesicelo senkantolo esilethwe imindeni yezisulu zobugebengu besikhathi sobandlululo.
4.1.2    Ngale Khomishini, uMongameli Ramaphosa uzimisele ukuthi amaqiniso avunjululwe futhi udaba lufinyelele esiphethweni.

4.2    Ubugebengu
4.2.1    IKhabhinethi incoma ukuqhubeka kwemisebenzi ye-SAPS obekuhloswe ngayo ukuvimbela kanye nokulwa nobugebengu obuhlobene ne-GBVF nokuholele ekuboshweni kwabasolwa ngamacala okudlwengula abangama-224 kanye nabasolwa abahlanu ngokuzama ukudlwengula. Phakathi kwalabo ababoshelwe amacala okudlwengula kusukela mhla wesi-5 kuNhlaba kuya kowe-11 kuNhlaba 2025, kukhona umqeqeshi we-SAPS, iNkosi yaKwaZulu-Natali kanye nomfana oneminyaka eyi-15 ubudala eMpumalanga.
4.2.2    Ngaphezu kwalokhu, abasolwa abayi-148 baboshelwe ukuzama ukubulala, abasolwa abangama-256 baboshelwe ukudayisa izidakamizwa, abasolwa abayizi-2 841 baboshelwe ukutholakala nezidakamizwa kwatholakala nezimoto eziduniwe nezintshontshiwe ezingama-86. Kwaphinde futhi, amaphoyisa aseNyakatho-Ntshonalanga ashaqa iziqhumane ezingama-74 ezisetshenziswa kakhulu ezimayini ezingekho emthethweni kanye nemali eyebiwe ezimotweni ezithwala imali. I-SAPS iyaqhubeka nokuqinisa imisebenzi yayo yokushaqa izibhamu ezingekho emthethweni ukuze kuqinisekiswe imiphakathi ephephile. Masonto onke, i-SAPS ishaqa izibhamu ezingaphezu kwe-100 ezweni lonkana.

4.3    Ukulwisana ne-GBVF
4.3.1    IKhabhinethi isibonile isinqumo soPhiko Lwezokushushisa Kuzwelonke (i-NPA) sokudlulisa isinqumo sokutholwa kuka-Timothy Omotoso engenacala kanye nabanye ababili ayeboshwe nabo oPhikweni LweNkantolo Ephakeme yaseMpumalanga Kapa eGqeberha. 
4.3.2    IKhabhinethi igunyaze uhlelo lokuqinisa umkhankaso wezinsuku ezingama-90 wokulwa ne-GBVF oqhutshwa yiQoqwana le-JCPS. Lokhu ukungenelela kwesikhashana okuhloswe ngakho ukufaka umfutho ekuqalisweni koHlelo Lweqhingasu Likazwelonke mayelana ne-GBVF. Lolu hlelo luhlonza izindawo okugxilwe kuzo eziyi-19 kanye nezinto ezithile ezibonakalayo okufanele ziqaliswe ezinsukwini ezingama-90 ngenhloso yokuqeda kanye nokunciphisa isibalo se-GBVF kuleli lizwe. 
4.3.3    I-NatJoints isungule iKomidi Elibalulekile elihlanganisa izindlela ezigxilile zokusebenza eziyisishiyagalombili. Ikomidi elisemqoka lithole ukungenelela okuyisithupha okuphuthumayo nokunomthelela okumele kuqaliswe ezinsukwini ezingama-90, okuhlanganisa:
(a)    Ukuvimbela: ukugxila emfundweni nasekuqwashiseni ngokushintsha kokuziphatha kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
(b)    Ukuqinisa, ukunakekela kanye nokweseka okufanele kuqinisekise ukuqiniswa kohlelo lwezobulungiswa kwezobugebengu ukuze abenzi bobubi baphendule.
(c)    Ukulungisa Uhlaka Lwezomthetho Nokulawula ukuze sikwazi ukuzuza imiphumela engcono ohlelweni. 
(d)    Ukuphatha okuqinile nokuphumelelayo kweMininingwane noLwazi ukuze kuqiniswe ukusebenza kahle Ohlelweni Lwezobulungiswa Oludidiyelwe.
(e)    Ukuxhumana, ukubambisana kanye nokuhlanganisa umphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke uhulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nezakhamuzi basebenza ngokubambisana ukuze kube nemiphumela engcono yokulwa nesihlava se-GBVF. 
(f)    Ukusetshenziswa kwezinsiza, ezezimali kanye nabantu ukuqinisekisa ukuthi sihleleke kangcono njengomphakathi ukulwa nesihlava se-GBVF.

B.    Ezakamuva kwiKhabhinethi 
1.    Ukuhlinzekwa kwamanzi ahlanzekile e-Hammanskraal 
1.1.    IKhabhinethi yaziswe ngezinhlelo zokungenelela eziqhubekayo zokuqinisekisa ukuhlinzekwa kwamanzi okuphuza ahlanzekile emphakathini wase-Hamanskraal.
1.2.    UMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle waqoka i-Magalies Water ngowezi-2023 ukuthi yakhe iSiteshi Esiyinhlanganisela esizobhekana nezinselele zokuhlinzekwa kwamanzi endaweni yase-Hammanskraal. 
1.3.    ISiteshi Esiyinhlangaisela sakhiwa ngokwezingxenye ezine, ingxenye yokuqala yaphothulwa ngoLwezi wezi-2024 yabe seyiqala ukuthumela amanzi ezindaweni ezithile. 
1.4.    Kuhlelwe ukuthi kuphothulwe izingxenye ezisele ngokuphela kukaNcwaba wezi-2025 kodwa ngezinsuku ezingafani ngaphambi kwaleso sikhathi.

2.    Izingenelelo zokubhekana nezinselele zamanzi kuMasipala Wendawo yase-Emfuleni 
2.1.    IKhabhinethi ithole umbiko wenqubekelaphambili mayelana nokuqaliswa kwesingelelo seSigaba 63 soMthetho Wezinsizakalo Zamanzi kuMasipala Wendawo wase-Emfuleni. Sekunesikhathi eside kunezinkinga zokuphuphuma kwendle emiphakathini yase-Emfuleni. 
2.2.    UMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle uhlela ukusebenzisa imali engaphezu kwezigidigidi eziyisi-R7 eminyakeni eyisikhombisa ezayo ukubhekana nezinselele zamanzi e-Emfuleni okuhlanganisa nokuthuthukiswa nokuvuselelwa kwezihlanzimanzi ezikhona. 
2.3.    Inqubekelaphambili enkulu isiyenziwe kuze kube manje, okuhlanganisa ukuvulwa kwamapayipi endle abevalekile, ukushintshwa kwamapayipi endle awile, ukulungiswa kweziteshi zokupompa kanye nokusiza umasipala ngezimoto, amaloli, ama-TLB kanye nokuvikela ingqalasizinda yawo yamanzi nokuthuthwa kwendle. 
2.4.    Lo msebenzi uholele ekuncipheni okukhulu kokuchitheka kwendle emiphakathini yase-Emfuleni kanye nokwenza ngcono izinga lokuchitheka kwamanzi kwizihlanzimanzi.  

C.  Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yamaphoyisa (i-NPP)
1.1.    IKhabhinethi iluvumile uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yamaphoyisa, ecacisa izinhlelo ezibanzi zikahulumeni zokubhekana namaphutha kwigunya loMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) lokulwa nobugebengu. I-NPP izobhekana nezinselele ezifana nokungeneli kweziteshi zamaphoyisa, izinkinga zamakhono kanye nokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda isekelwe emithethweni nemigomo efanele.
1.2.    Iziphakamiso ezimqoka zenqubomgomo zihlanganisa ukwakha umsebenzi wamaphoyisa osezingeni eliphezulu, ukuhlinzeka ngemisebenzi yamaphoyisa ngendlela efanele nenempumelelo, ukwenza ngcono ukuba semthethweni kanye nokwethembana phakathi kwemiphakathi namaphoyisa, kanye nokwakha ubuholi obuqinile nobunokuziphatha okuhle, ukulawula kanye nokubusa ngaphakathi ku-SAPS.

2.    Inqubomgomo Ephelele Yezokundiza Komphakathi 
2.1.    IKhabhinethi igunyaze uhlaka lweNqubomgomo Ephelele Yezokundiza Komphakathi ukuze umphakathi uphawule ngayo. 
2.2.    Le nqubomgomo ikhuthaza ukuthuthukiswa kwemboni yezokundiza ephumelelayo nesebenzayo, engaqhudelana enkundleni eguquka ngokushesha emhlabeni. Le nqubomgomo iphakamisa izinyathelo zokwenza ngcono ukuphepha nokuvikeleka, izinsizakalo zezindiza, ingqalasizinda yezikhumulo zezindiza kanye nekhwalithi yezinsizakalo zezindiza, phakathi kokunye ngesikhathi ifaka igalelo ekukhuleni komnotho.

3.    Iqhingasu Lezezimbiwa Ezibalulekile eNingizimu Afrika 
3.1.    IKhabhinethi igunyaze iQhingasu Lezezimbiwa Ezibalulekile eNingizimu Afrika. Leli lisu lihlose ukukhulisa amandla ezwe ezimakethe zomhlaba jikelele zezimbiwa ezibalulekile, ikakhulukazi lezo ezibalulekile ohlelweni lwezwe lokuguqukela emandleni ahlanzekile kanye nalezo izwe elizibeke phambili. Lokhu kufaka phakathi ama-PGM, i-lithium, i-cobalt nezinto ezingavamile zomhlaba, ezibalulekile kubuchwepheshe obufana nezimoto zikagesi, amandla avuselelekayo nezinye izinhlelo ezikhuthaza ukunganukubezi imvelo.
3.2.    Izinsika ezisemqoka zeqhingasu zigxile ekuhloleni nasekuhlomuleni; utshalomali; ukuthuthukiswa kwemikhiqizo yasekhaya; ukuhambelanisa imithethonqubo, ukugqugquzela ukuqanjwa kabusha kwezobuchwepheshe bezimayini; ukwakha amakhono abasebenzi; ukwenza ngcono ingqalasizinda yezokuthutha kanye nempahla, kanye nokukhuthaza ukutshalwa kwezimali. 
3.3.    Leli qhingasu liphinde libone ukubaluleka kokubambisana namanye amazwe ukuthuthukisa ikhono lomkhakha wezokumbiwa phansi waseNingizimu Afrika.

D.    IMithethosivivinywa
1.       UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Ejwayelekile (Yomndeni) wezi-2025
1.1.    IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Ejwayelekile (Yomndeni) wezi-2025. Izichibiyelo zihlose ukuqinisa ukuhambisana nomthethosisekelo kwemithetho yemindeni futhi ziphakamise izichibiyelo zoMthetho Wezehlukaniso, we-1979 (uMthetho wama-70 we-1979), uMthetho Wempahla Yomshado, we-1984 (uMthetho wama-84 we-1984) kanye NoMthetho Wokulamula Ezindabeni Ezithize Zesehlukaniso, we-1987 (uMthetho wama-24 we-1987).  
1.2.    UMthethosivivinywa uhlose ukuvikela amalungelo omthethosisekelo ezinhlangothi ezishadile emishadweni ehlukanise amafa, futhi ikakhulukazi amalungelo abesifazane, ukulingana, ukufinyelela ezinkantolo kanye namalungelo abantwana.

2.    UMthethosivivinywa Wokunikezelwa Kwabasolwa Kwelinye Izwe 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokunikezelwa Kwabasolwa Kwelinye Izwe ePhalamende ukuze ucutshungulwe. 
2.2.    UMthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthetho Wokunikezelwa Kwabasolwa Kwelinye Izwe, we-1962 (Umthetho wama-67 we-1962), osuphelelwe yisikhathi. Umthetho wamanje awuhambisani noMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996, izindlela zesimanje zokunikezelwa kwamanye amazwe futhi awuhambisani nazo zonke izinqubo ezilandelwa emazweni omhlaba.
2.3.    Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqinisa uhlaka lwezomthetho ukuze kuqalise ukunikezelwa kwabasolwa noma abalahlwe amacala obugebengu eNingizimu Afrika, nasemazweni angaphandle kanye nezinhlaka zamazwe ngamazwe. Icacisa indima yezimantshi ekuqulweni kwamacala futhi ihlinzekela ukuboshwa kwesikhashana, ukuzinikela komuntu ofunwa yinhlangano yamazwe ngamazwe mayelana namacala obugebengu bamazwe ngamazwe anjengokubulalana kohlanga, ubugebengu bempi kanye nobugebengu obubhekiswe ebantwini.

3.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukubambisana Kwamazwe Ngamazwe Ezindabeni Zobugebengu, wezi-2025 
3.1.    IKhabhinethi igunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukubambisana Kwamazwe Ngamazwe Ezindabeni Zobugebengu. 
3.2.    Inhloso yalo Mthethosivivinywa ukuchibiyela uMthetho Wokubambisana Kwamazwe Ngamazwe Ezindabeni Zobugebengu (uMthetho wama-75 we-1996) ukuze kwenziwe ngcono ukusebenza kahle kanye nempumelelo yokubambisana kwezomthetho namazwe ngamazwe ezindabeni zobugebengu.
3.3.    Lo Mthethosivivinywa uzoqinisa izinqubo nezindlela zokubambisana kwamazwe ngamazwe ezindabeni zobugebengu, njengokuqoqwa kobufakazi kanye nokukhishwa kwezigwebo, phakathi kweNingizimu Afrika namanye amazwe. Lo Mthethosivivinywa uzophinde ubhekane nezindaba ezisemthethweni eziphathelene nokunikezelwa kwabasolwa kanye nokuthathwa nokudluliselwa kwezimali zobugebengu.

4.    UMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwemithombo Yezimbiwa wezi-2025 
4.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwemithombo Yezimbiwa wezi-2025 ukuze umphakathi uphawule ngawo. 
4.2.    Lo Mthethosivivinywa uhlose ukukhulisa ukuzethemba kwabatshalizimali ngokususa imithetho engenasidingo futhi unikeze isiqiniseko sokulawula ukuheha nokugcina utshalomali. 
4.3.    Lo Mthethosivivinywa uhlose ukubhekana negebe ekulawuleni okubalulekile, ukuqondisa izinqubo zokukhishwa kwamalayisensi, ukuqinisekisa ukusatshalaliswa ngokulinganayo kwezinzuzo zezimayini, ukukhuthaza izimboni zasekhaya zokukhiqiza ngokuqinisekisa ukuthi izimbiwa eziningi ziyaguqulwa zibe yimikhiqizo enenani eliphakeme eNingizimu Afrika. 
4.4.    Lo Mthethosivivinywa wethula uhlelo lokukhipha amalayisensi okusebenza ezimayini ezincane, ngaleyo ndlela kuthuthukiswe ukukhula komnotho. Ngaphezu kwalokho, izichibiyelo zihlose ukuqinisa izinyathelo zokulawula ukulwa nemisebenzi engekho emthethweni ngesikhathi kuqinisekiswa ukwenqatshelwa okucacile kanye nezindlela eziphoqelelayo ezihambisana nokumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni.

E.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.
1.    Dkt. Mlungisi Bhekizizwe Gabriel Cele njengoMqondisi-Jikelele (i-DG) eMnyangweni wezeSayensi, Ezobuchwepheshe Nokuqamba Kabusha.
2.    Dkt. Sabelo Siyabonga Sandile Buthelezi njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wezempilo (ukwelulwa kwenkontileka). 
3.    Mnu. Takalani Lucky Ramaru njengePhini loMqondisi-Jikelele: Civilian Oversight and Strategic Partnerships kuMnyango Wehhovisi likaNobhala Wamaphoyisa. 
4.    Mnu. Patrick Dlamini njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) ye-Public Investment Corporation.
5.    Mnu. Mokgema Mongane njenge-CEO ye-Inkomati-Usuthu Catchment Management Agency.
6.    Mnu. Ofentse Nthutang njenge-CEO ye-Magalies Water.
7.    Ukuqashwa ukuze kugcwaliswe izikhala zabaqondisi abangebona abesigungu esiphezulu kuBhodi yeBhange Lokuthuthukiswa kweNingizimu ye-Afrika: 
(a)    Mnu. Malemolla David Makhura; 
(b)    Nkz. Lynette Milne.

F.       Imicimbi
1.    Izingqungquthela Ezizayo
1.1    Ukusingathwa kweNgqungquthela  yama-27 Yenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yamaphoyisa Obugebengu (i-INTERPOL) Yesifunda sase-Afrika 
a)    IKhabhinethi igunyaze ukuthi i-SAPS isingathe Ingqungquthela Yesifunda Sase-Afrika ye-INTERPOL yama-27 kusukela mhla zingama-27 kuya zingama-29 kuNcwaba 2025. 
b)    Njengamanje i-INTERPOL inamazwe angamalungu ayi-196 futhi ukusingatha Ingqungquthela Yesifunda sase-Afrika kuzosiza iNingizimu Afrika ukwakha ubudlelwano bokusebenzisana nezinye izikhungo zomthetho ezwenikazini.
c)    Ukusingatha le ngqungquthela kunikeza iNingizimu Afrika ithuba lokuxoxisana namazwe asezwenikazini i-Afrika ngezindaba ezibucayi ezibandakanya ubugebengu. Lezi zingxoxo zinamandla okuphuma nesivumelwano mayelana nempendulo yesifunda ekwandeni kwezinsongo zobugebengu obuhleliwe bamazwe ngamazwe kanye nobuphekula. Zilinganiselwa kuma-550 izikhulu eziphezulu zezomthetho ezivela emazweni angama-54 okulindeleke ukuba zihambele lo mcimbi futhi lokhu kuzofaka isandla emisebenzini yezomnotho.

1.2    Ukusingathwa Komhlangano Wonyaka we-INTERPOL (i-AGA) wama-96 eNingizimu Afrika
a)    IKhabhinethi igunyaze ukusingathwa kwe-INTERPOL AGA eNingizimu Afrika ngowezi-2028 kuya phambili.
b)    Ukusingatha le INTERPOL AGA kunikeza iNingizimu Afrika ithuba lokuqinisekisa ubuholi bayo ezifundeni kanye nasemhlabeni jikelele. Ngaphezu kwalokho, ukusingatha i-AGA kuzoba isinyathelo esibalulekile ekuqiniseni ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ekusebenzisaneni kwesifunda kanye namazwe ngamazwe ekulweni nobugebengu. 
c)    Ukusingathwa kwe-AGA kuwubufakazi bokuzibophezela kwezwe ekubeni yisizwe somhlaba esizibophezele ekulweni nazo zonke izinhlobo zobugebengu.

1.3    Isimo sokulungela uMhlangano Wokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika (i-SIDSSA) wezi-2025  
a)    IKhabhinethi ishayelwe ihlombe ngesitatimende sokulungela ukuqalisa i-SIDSSA, okuyingqungquthela yokutshalwa kwezimali kwingqalasizinda ehlanganisa inqwaba yababambiqhaza, okuhlanganisa nezikhungo zezezimali zabatshalizimali, abakhi bezinqubomgomo kanye nabanye ababambisene nabo ababalulekile ukuze baqhubekisele phambili ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda yaseNingizimu Afrika. 
b)    I-SIDSSA 2025 izokhombisa inqubekelaphambili esiyenziwe ekuqalisweni koHlelo Lwengqalasizinda Lukazwelonke lwezi-2050 olugunyazwe yiKhabhinethi, imemezele iMiklamo Ebalulekile Yengqalasizinda eyi-12 kanye nohlu lweminye imiklamo yengqalasizinda yamaqhingasu. I-SIDSSA izobanjwa mhla wama-25 kuya kuma-27 kuNhlaba 2025.

2.    Izingqungquthela Ezibanjiwe
2.1    INgqungquthela Yezitimela e-Afrika
2.1.1    INingizimu Afrika isingathe ngempumelelo Ingqungquthela Yezitimela e-Afrika yama-25 ebibanjelwe eGoli mhla ziyi-13 nezi-14 kuNhlaba 2025, ehlanganise izithunywa ezingaphezu kwezi-5 000 ezivela kulo lonke izwekazi, okuhlanganisa nabasebenzi bezitimela, ohulumeni kanye nabatshalizimali kulo mkhakha.
2.1.2    IKhabhinethi yamukele izingxoxo zokuthuthukisa umkhakha wezitimela wezwekazi, owumgogodla wezokuthutha ezisebenza kahle nezisimeme kubantu nezimpahla, kanye nokugqugquzela ukukhula komnotho ngokuvumela ukuhamba kwempahla nemikhiqizo.
2.1.3    Umkhakha wezitimela eNingizimu Afrika uyaguquka ngokulandela izinguquko ezihlose ukukhulisa ukusebenza kahle, nokuncintisana.

2.2    Ingqungquthela Yesifunda Sezizwe Ezizimele Yezinhloko Zeziphathimandla Ezilwa Nenkohlakalo
2.2.1    INingizimu Afrika isingathe ngempumelelo Ingqungquthela Yesifunda Sezizwe Ezizimele Ye-15 Yezinhloko Zeziphathimandla Ezilwa Nenkohlakalo eKapa phakathi komhla wesi-5 kanye nowesi-9 kuNhlaba 2025. Le ngqungquthela ibihlanganise izinhloko zezinhlangano ezilwa nenkohlakalo ezivela emazweni Azimele e-Afrika.
2.2.2    INingizimu Afrika iqokwe ukuba ngusihlalo weZinhlangano Zezinhloko Ezilwisana Nenkohlakalo Emazweni Azimele e-Afrika ehlandleni lowezi-2025-2026. Isikhundla sezwe sokuba usihlalo sihambisana nesikhundla sezwe njengosihlalo weqembu le-G20 elibhekele ukulwisana nenkohlakalo.

3.    Izikhumbuzo
3.1    INyanga ye-Afrika
INingizimu Afrika ihlanganyele nezwekazi lonkana ekugubheni iNyanga ye-Afrika ngoNhlaba 2025, ngokugcizelela ngokukhethekile uSuku lwe-Afrika mhla zingama-25 kuNhlaba 2025. Lokhu kunikeza ithuba lokuthuthukisa umbono we-Afrika ebumbene kanye nokukhuthaza amazwe ase-Afrika ukuthi asebenzisane ukwenza ngcono izimpilo zabantu bakithi ngokuhambisana nezinhloso ze-Ajenda yoBunye be-Afrika yowezi-2063 ekhuluma ngokuchuma komnotho wezwekazi lase-Afrika.

3.2    INyanga Yokuvikelwa Kwezingane
a)    INingizimu Afrika ibungaza iNyanga Yokuvikelwa Kwezingane ngoNhlaba ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sisebenza ngokubambisana ukuqeda udlame olubhekiswe ezinganeni” njengengxenye yoHlelo Lokusebenza Lwezinsuku ezingama-365 Lokuvikela Izingane oluqhubekayo. Le nyanga izophothulwa ngeViki Lokuvikelwa Kwezingane kusukela zingama-29 kuNhlaba kuya ziyisi-5 kuNhlangulana 2025.
b)    Wonke amalungu omphakathi, abazali, abanakekeli nothisha bayanxuswa ukuthi babike zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa, udlame nesihluku esibhekiswe ezinganeni esiteshini samaphoyisa sendawo noma bashayele ku-08600 10111. Izingane nazo ziyakhuthazwa ukuthi zithinte i-Childline ku-0800 055 555.

3.3    Usuku Lwamazwe Ngamazwe Lwezingane Zabafana
a)    INingizimu Afrika izobungaza uSuku Lwamazwe Ngamazwe Lwezingane Zabafana mhla ziyi-16 kuNhlaba 2025 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Impilo Nenhlalakahle Yabafana” egqamisa ukuthuthukiswa kwabafana ngokomzimba, ngokwemizwa, ngokwengqondo nangokwenhlalo.
b)    UMnyango Wemfundo Eyisisekelo uzohlanganisa izizukulwane ezintathu zabesilisa ukuze kube nenkulumompendulwano ephusile ngaphansi kwengqikithi ethi: "Amaqhawe, Ababhungu Nabafana" ukuze kuxoxwe ngamasu aphathekayo okweseka inhlalakahle yabafana kanye nokuhlanganisa izinsiza zokungenelela okusimeme.

4    Imiyalezo
1.    Amazwi enduduzo
IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo emindenini nakubangani balaba abalandelayo:

  • O-Constable Cebekhulu Linda (24), Boipelo Senoge (24), Keamogetswe Buys (30) abashona kabuhlungu emfuleni i-Hennops. Izidumbu zabo zitholwe kanye nesika-Jan Mzwane, obesebenza esiteshini samaphoyisa e-Lyttleton kanye nomunye umuntu osazodalulwa. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nasemndenini ka-Jan Mzwane.
  • Intatheli u-Aserie Ndlovu nozakwabo, uZodwa Mdhluli abatholakale kulandela ukuthungathwa kusukela ngoNhlolanja.
  • Abantu abayisishiyagalolunye abashone eMpangeni, KwaZulu-Natali kulandela ingozi yeloli neveni ebelinabagibeli futhi ifisela abalimele ukululama ngokushesha.
  • U-Elona Sombulula, umshushisi osemncane weNkantolo yeSifunda, ozinze eNkantolo kaMantshi yaseNgcobo owajoyina i-NPA ngohlelo lokweseka abashushisi ngowezi-2022. Ubengumshushisi weNkantolo yeSifunda ngesikhathi eshona kungazelelwe.

2.    Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

  • Umsubathi u-Akani Simbine onqobe i-100m ngemizuzwana engu-9.98 ku-Shanghai-Keqiao Diamond League e-China. USimbine akakahlulwa kumamitha ayi-100 kulesi sikhathi.
  • U-Akani Simbine uphinde waba yingxenye yeqembu laseNingizimu Afrika elinqobe i-4x100m relay labesilisa elinoBayanda Walaza, Sinesipho Dambile no-Bradley Nkoana. Bayiqembu lokuqala lase-Afrika ukuwina igolide ku-World Relays e-Guangzhou, e-China futhi baqophe isikhathi esisheshayo emhlabeni kulo nyaka.
  • Iqembu laseNingizimu Afrika labesifazane le-4X400m relay - u-Shirley Nekhubuni, u-Miranda Coetzee, u-Precious Molepo, no-Zeney Van Der Walt - ngokunqoba ithusi ku-World Relays e-Guangzhou, e-China nokuqopha umlando omusha kazwelonke.
  • Iqembu laseNingizimu Afrika le-4x400m relay labesilisa - uZakithi Nene, u-Udeme Okon, u-Lythe Pillay, noMthi Mthimkhulu - ngokunqoba igolide ku-World Relays e-Guangzhou, e-China kanye nokuqopha isikhathi esisheshayo emhlabeni kulo nyaka.
  • Ngalokhu kudlala okumangalisayo, amaqembu ethu esizwe e-relay adlulele phambili ku-World Athletics Championships e-Tokyo ngasekupheleni kwalo nyaka.
  • I-Blitzboks ngokunqoba i-HSBC Sevens World Championship e-Los Angeles.
  • Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika labesilisa le-U20 ngokudlulela emidlalweni eyandulela eyamanqamu emqhudelwaneni we-U20 Africa Cup of Nations ngesikhathi liphinde lidlulela phambili ku-U20 World Cup ezoba ngomandulo kulo nyaka.
  • Umdidiyeli wefilimu u-Murena Emmanuel Netshitangani ngokuwina indondo ehlonishwayo ye-Best African Film Award ku-World Film Festival e-Cannes e-France ngefilimu yakhe ethi Lubunyu.
  • IKhabhinethi ihlanganyele noMongameli Cyril Ramaphosa ekuhalaliseleni u-Cardinal Robert Prevost ngokukhethwa kwakhe njengoPapa Leo XIV, uPapa wama-267 weBandla lamaKhatholika.
  • Isishoshovu esidumile nommeli uDuma Nokwe ngokuklonyeliswa ngesicoco se-Silk (Senior Council) nguMongameli Cyril Ramaphosa ebonga umsebenzi wakhe kanye negalelo lakhe elimangalisayo esizweni sakithi.

Imibuzo: 
Nkz. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore