Inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana neZenzo Zodlame Nokucekelwa Phansi Kwempahla

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngikhuluma nani kusihlwa nje ngenhliziyo ebuhlungu.

Kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, kube nezenzo zodlame lomphakathi zohlobo olungavamile neze ukubonakala emlandweni wezwe lethu elibuswa ngentando yabantu.

Kucekelwe phansi impahla. 

Kwaphangwa izitolo.

Zasongelwa futhi zasatshiswa lezo zakhamuzi zakuleli eziwuthobelayo umthetho.

Abasebenzi banovalo lokuthi kungenzeka bangabe besakwazi ukubuyela emsebenzini.

Abantu bashonile. 

Ngikhuluma nje kunemindeni eminingana esemanzini ezweni lethu.

Ngikhuluma ngemindeni enjengomndeni kaNkosikhona Chiza, uNdumiso Shezi, uKhaya Mkhize, uZethembe Ndwandwe, uLindani Bhengu kanye nomndeni kaLindokuhle Gumede e-Gauteng.

Ngikhuluma ngemindeni enjengomndeni kaBhekani Ndlovu, uThemba Mthembu, u-Aphiwe Gama kanye nomndeni kaCebo Dlamini KwaZulu-Natali.

Nakuba sizazi kahle kamhlophe izindleko eziphakeme zalolu dlame lokucekelwa phansi kwempahla, nokucekelwa phansi kwezindlela zokuziphilisa kanye namabhizinisi, ukulahleka kwemiphefumulo yabantu kona kusho izindleko eziphakeme kakhulu kunazo zonke ezinye.

Njengesizwe, imicabango nemithandazo yethu siyiqondise kule mindeni.

Kulesi sikhathi, abantu abaningi baseNingizimu Afrika babala izindleko abangene kuzona ngenxa yokulahlekelwa yizindlela zokuziphilisa, ukucekelwa phansi kwempahla yabo nezitolo namabhizinisi kanye nokuphazamiseka kokuphepha kwabo nokuvikeleka.

Abanye futhi abantu baseNingizimu Afrika abaningi bakhathazekile futhi banovalo.

Izingxenye ezithile zezwe zikhahlamezeke kakhulu ngenxa yodlame lomphakathi oseluqhubeke izinsuku eziningana, emini nasebusuku, nokucekelwa phansi kwempahla kanye nezenzo zokuzitapela ezitolo, okuwuhlobo lwezenzo olungavamile neze ukubonakala emlandweni wezwe lethu elibuswa ngentando yabantu.

Lokhu kuqale ngokushiswa kwamaloli e-Mooi River KwaZulu-Natali ngoMgqibelo odlule, futhi kulandelwe wukuvinjelwa kwezithuthi nokuvalwa kwemigwaqo ezingxenyeni zesifundazwe ezisenyakatho kanye nokuphangwa kwezitolo eThekwini naseMgungundlovu. 

Kulezi zinsuku ezimbili ezedlule, i-Gauteng ikhahlanyezwe yizigameko zokuvinjelwa kwezithuthi emgwaqeni, ukuphanga, ukulinyazwa kwempahla kanye nokushiswa kwamaloli.

Ngenxa yomsebenzi omuhle owenziwe ngabomthetho bayi-166 abasolwa asebeboshiwe KwaZulu-Natali futhi bangama-323 asebekhalelwe ngamasongo kasiGonyela e-Gauteng maqondana nalezi zigameko.

Kepha-ke nakuba kunjalo luyaqhubeka udlame ezindaweni eziningi.

Abanye lokhu bakubiza ngohlobo oluthile lwemibhikisho yezepolitiki.

Kuyiqiniso impela ukuthi kungenzeka ukuthi umsuka walolu dlame usezinkulumweni ezivusa uhlevane nezenzo zabantu abathile abafuna ukufezekisa inhloso yabo ethile yezepolitiki, futhi kungenzeka ukuthi lolu thuthuva luqale njengomzamo wabantu wokubonisa ukunengeka kanye nentukuthelo yabo.

Ekuqaleni kwalolu thuthuva, kungenzeka ukuthi kunabantu abathile abebehlose ukususa udlame lobuzwe nenxushunxushu. Siyazi ukuthi iningi labantu bakithi liyenqaba ukufakwa umoya wezikhova ophathelene nalokhu.

Kodwa-ke, lokhu esikubonayo manje sekuyizenzo zobugebengu, lapho kunabantu abangosomathuba abagqugquzela inxushunxushu, kuphela nje ngenhloso yokugqiba nokufihla izenzo zabo zokuphanga nokweba.

Asikho neze isikhalazo noma umzabalazo wezepolitiki ongasetshenziswa njengesizathu esizwakalayo nesiphusile sodlame nokucekelwa phansi kwempahla esesikubone ezingxenyeni ezithile zaKwaZulu-Natali kanye nase-Gauteng.

UMthethosisekelo wethu uyaliqinisekisa ilungelo lomuntu wonke lokubhikisha, ukuhlela, ukukhuluma ngokukhululeka kanye nokuhlangayela ngokukhululeka nanoma ngubani afuna ukuhlanganyela naye. 

Unikeza wonke umuntu ilungelo elilinganayo lokuvikelwa ngumthetho, futhi wethwesa wonke umuntu isibopho sokuhlonipha nokuvikela amalungelo abanye abantu.

UMthethosisekelo wethu uyisisekelo somgomo wokukhonya komthetho ezweni lethu.

Yilo mgomo wokukhonya komthetho ovikela abantu ekuxhashazweni kwamandla okuphatha, ovikela abantu abahlwempu nabasengcupheni, owenza umphakathi ukwazi ukusebenza kahle futhi ovumela ukuthi uthuthuke umnotho wethu.

Akukho neze okubi ezikwenzile izisulu zodlame oluqhubekayo njengamanje –okungabasebenzi, abashayeli bamaloli, abanikazi bamabhizinisi, abazali kanye nemindeni yalabo abalahlekelwe yimiphefumulo yabo.

Nakuba kunokwenzeka ukuthi lezi yizenzo zosomathuba ezibhebhezelwa yinhlupheko nobubha, abantu abampofu kanye nalabo abancishwe amathuba yibona ekugcineni abakhahlamezeka kakhulu ngenxa yalezi zenzo zokucekelwa phansi kwempahla. 

Ziphangiwe izitolo futhi nengqalasizinda icekelwe phansi. 

Lokhu kusho ukuthi abantu bakithi abagulayo abakwazi ukuthola imithi emakhemese, ukudla akufinyeleli emasuphamakethe, futhi abasebenzi bezempilo abakwazi ukuya emsebenzini. 

Uhlelo lwethu lokugoma luphazamiseke kakhulu ngesikhathi nje lapho seluqala ukuqhubeka ngomfutho nesivinini. Lokhu kuzoba nomthelela wesikhathi eside emandleni ethu okuqinisa nokwengeza phezu kwenqubekela phambili esesiqalile kakade ukuyibona ekusimameni komnotho wethu.

Lezi zinxushunxushu eziphazamisayo zizodlula nemiphefumulo yabantu ngoba phela zinqamula inqubo yokuphakelwa kwempahla nezinsizakalo okuyiyona esekela izinhlelo zethu zokudla, ezempilo kanye nokukhiqiza. 

Umgudu wodlame, ukuphanga kanye nesiphithiphithi uholela nje kuphela kolunye udlame nembubhiso.

Uholela kobunye ububha, okunye ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokunye ukulahleka kwemiphefumulo engenacala.

Lokhu akubonisi neze isithombe salokho esiyikona thina njengabantu.

Kaninginingi, sikwazile ukuqoka umgudu ohlukile, umgudu woxolo nentando yabantu.

Siqoke ukulandela umgudu wokubonisana kanye nokubhikisha ukuzwakalisa izikhalazo zethu esikhundleni sodlame nenxushunxushu.

Omunye nomunye wethu, kungakhathalekile ukuthi ukusiphi isikhundla noma isimo emphakathini, kumele afake isandla ekugcinweni nokuvikelwa komgomo wokukhonya komthetho.

Ngakho-ke kuyinto esemqoka kakhulu ukuthi sibuyisele ngokushesha ukuthula nozinzo kuzo zonke izingxenye zezwe.

Kusemqoka ukuthi sinqande ukufa noma ukulimala kwabantu abangaphezu kwalaba asebeshonile nabalimele.

Kusemqoka ukuthi sivikele impahla futhi sivikele nengqalasizinda yomphakathi neyomnotho.

Ngakho-ke sihlanganisa zonke izinsiza ezikhona namandla esinawo ukuze sibuyise uzinzo nokuthula.

NjengoMkhuzi OMkhulu woMbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika, namuhla ngigunyaze ukutshalwa kwamasosha ukuze asekele imisebenzi nemikhankaso yoMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.

Uhlaka Lukazwelonke Lokusebenza Ngokuhlanganyela kanye Nezobunhloli – olwaziwa nge-NatJOINTS – selukuqinisile ukutshalwa kwamalungu alo ezindaweni ezikhahlamezekile KwaZulu-Natali nase-Gauteng.

UMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika wenza amalungiselelo okubiza wonke lawo maphoyisa abethathe umhlaba-khefu nezinsuku zokuphumula ukuze abuyele emsebenzini ngenhloso yokukhulisa isibalo sabomthetho abasebenzayo emphakathini.

I-NatJOINTS ithola ukwesekwa okuvela eKomidini Elilawulayo Lezobunhloli, elibandakanya uphiko lwe-SAPS Lwezobunhloli Bokulwisana Nobugebengu, uBunhloli Bezokuvikela kanye nophiko lweZokuvikelwa Kombuso.

Ngaphezu kokukhuliswa kwenani lamalungu abomthetho abonakalayo emphakathini kanye nokutshalwa kwezikadalawana ezindaweni lapho, ngokolwazi lwezobunhloli olutholakele, okungenzeka khona kuqubuke ngamandla izigameko zokuphulwa komthetho, sizokubeka eqhulwini ukushushiswa kwalabo abasolwa ngokubandakanyeka kulolu dlame.

UMkhandlu Kazwelonke Wezokuvikela, engingusihlalo wawo njengoMkhuzi Omkhulu, uzobamba imihlangano kabili ngosuku ngenhloso yokulawula nokuhlanganisa zonke izinyathelo ezidingekayo ukubuyisa uzinzo. 

Mangikucacise lokhu: sizothatha izinyathelo zokuvikela wonke umuntu kuleli lizwe ezenzweni zodlame, ukwesatshiswa, ukweba kanye nokuphanga.

Ngeke neze singabaze ukubopha nokushushisa labo abenza lokhu futhi sizoqinisekisa ukuthi babhekana nengalo yomthetho ngokuphelele.

Sizolubuyisa uzinzo nokuthula ukuze siqhubekele phambili nomsebenzi wokwakha kabusha leli lizwe futhi sakhele abantu balo impilo engcono.

Ukudlula kwesikhathi akukasenzi sikhohlwe yizenzo ezazenzeka ngezinsuku zobumnyama nengcindezelo kuleli lizwe lapho kwakunesandla esinoboya esabe sibhebhezela udlame emiphakathini yethu njengomzamo wokwenza ukuthi siklwebhane sodwa. Namanje sisakukhumbula konke lokho futhi kusahleli ezingqondweni zethu.

Kodwa-ke futhi sisakhumbula nokuthi ngenkathi silungiselela uguquko lwentando yabantu – sabambana ngezandla njengabantu bakuleli ukuqeda udlame olwabe ludlangile emiphakathini eminingi.

Njengoba sithatha izinyathelo zokubhekana nale nselele, kumele sikhumbule ukuthi – esikhathini esithile emlandweni wethu, ngenkathi silungiselela uguquko lwentando yabantu – sahlangana kanjani njengabantu bakuleli ukuqeda udlame olwabe ludlangile emiphakathini eminingi.

Sabambana ngezandla – njengabaholi bezenkolo, abaholi bendabuko, izinyunyana zabasebenzi, amabhizinisi, izinhlangano zomphakathi, izinhlangano zepolitiki, izinhlangano ezingenzi nzuzo (ama-NGO) kanye nabanye – ngenhloso yokuletha ukuthula esizweni sethu.

Manje kumele siphinde futhi sibambane ngezandla, ukuze omunye nomunye wethu adlale eyakhe indima ekubuyiseni uzinzo kulezo zindawo ezikhahlanyezwe wudlame; ukuze omunye nomunye wethu abhukule avikele umgomo wokukhonya komthetho kanye nokuxazululwa kodweshu ngokuthula.

Ntambama namhlanje, oNgqongqoshe kanye nezikhulu zeqoqwana lezomnotho nezokuvikela bebebambe umhlangano ne-Business Unity South Africa ngenhloso yokubukisisa kabanzi lesi simo nokuqhamuka nezinyathelo ezihambelanayo ezizosetshenziswa. 

Sivumelene ukuthi sizosebenzisana ukuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli, abashayi besisefo semali (cashiers), iziguli kanye nabathengi.

Sivumelene ukuthi sizokwabelana ngolwazi kanye nezinsiza-kusebenza ukuze siqinisekise ukuthi siyibuyisela esimweni sayo esijwayelekile imisebenzi esemqoka yokuphakelwa kwempahla nezinsizakalo.

Senza amalungiselelo okuthi abaholi bakahulumeni kanye nabameleli bomphakathi njengengxenye yomsebenzi wabo nesibopho bahlangane nabaholi emiphakathini ehlukahlukene ukugqugquzela uzinzo.

Njengengxenye yezingxoxo eziqhubekayo nemikhakha esemqoka yomphakathi, ngizohlangana nabaholi bamaqembu ezepolitiki ngenhloso yokubhunga nabo ngalesi simo esibhekene naso kuleli njengamanje.

Siyanxuswa ukuthi – noma kuphi lapho sikhona – sehlise imimoya, sizithibe futhi singayivumeli nanoma yimiphi imizamo yokubhebhezela udlame, ukufaka itwetwe kubantu kanye nokubhebhethekisa uqhekeko.

Noma ngabe singabaholi bezepolitiki, izinhlangano zamatekisi, izinhlangano zamabhizinisi noma izinyunyana, kumele senze konke okusemandleni ethu ukuletha uzinzo nokuthula kulesi simo esikhona.

Kumele sikugweme ukuthumela nokusabalalisa imiyalezo evusa uhlevane ezinkundleni zokuxhumana, kanye nokusabalalisa amahemuhemu noma imibiko engamanga okungenzeka idale okunye ukwesaba novalo kubantu.

Akekho okumele azithathele umthetho ezandleni zakhe.

Esikhundleni salokho kumele sihlanganyele nalabo bantu nemiphakathi esebenzisana namaphoyisa ukunqanda izenzo zokuphanga nokuzitapela ezitolo, futhi sibambisane nalawo malungu omphakathi alume abomthetho indlebe futhi ahlinzeka ngolwazi oluphathelene nezigameko zobugebengu. 

Ngithanda ukuwabonga wonke amaphoyisa nabakhuzi be-SAPS kanye nezinye izimpiko zokugcinwa komthetho ngokusukumela phezulu ukubhekana nezenzo zodlame nokususa uthuthuva, okuyinto elekelelile ekutheni kugwenywe ukuchitheka kwegazi futhi enciphise nokulahleka kwemiphefumulo.

Sithanda ukuwafisela ukwelulama okusheshayo amalungu ombutho wamaphoyisa amane alimale kulolu dlame: okungu-Constable Sangweni, odutshulwe walimala e-Alexandra; ozakwabo ababili uSayitsheni Maraheni kanye no-Lieutenant Colonel Nefolovhodwe, abashaywe ngezitini; kanye no-Constable Seloane, odutshulwe walimala e-Daveyton.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Lolu dlame nokucekelwa phansi kwempahla kwenzeka esikhathini lapho sibhekene nobhubhane oseludale umonakalo omkhulu.

Kunengozi yokuthi lezi zigameko ziholele ekubhebhethekeni okukhulu kokutheleleka kwabantu, okuyinto ezobeka izimpilo zabantu abaningi engcupheni futhi kukhuphule umthwalo omkhulu osemahlombe ezikhungo zethu zezempilo nabasebenzi.

Kunengozi yokuthi uhlelo lwethu lokugoma luphazamiseke kwezinye izindawo ngesikhathi lapho kudingeka ukuthi silwelule kakhulu ukuze lufinyelele kubantu abaningi.

Asikwazi ukuvumela ukuthi lokhu kwenzeke.

Ngeke sikuvumele lokhu ukuthi kwenzeke.

Lesi sikhathi esikusona sesikucacise kahle kamhlophe lokho okuyinto esiyaziyo: ukuthi izinga lokuntuleka kwamathuba omsebenzi, ububha kanye nokungalingani emphakathini wethu kuyinto engenakuqhubeka nokwenzeka.

Asinakulindela ukuthi kube nokuthula okuzoqhubeka isikhathi eside uma singadali amathuba omsebenzi futhi sakhe umphakathi onobulungiswa, ongachemile futhi olinganayo lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika bezobamba iqhaza ngokukhululeka futhi ngokulinganayo.

Ngakho-ke kumele sizibophezele, hhayi nje kuphela ekuletheni ukuthula, kodwa futhi kumele sizibophezele nasekuletheni amathuba ezomnotho angcono kumuntu wonke.

Manje sesiqala ukusimama emva kwesikhathi eside songabazane nokungaqiniseki kanye nokuma ndawonye.

Siyibonile imithelela yenkohlakalo nokucekelwa phansi kwamandla ombuso okufezekisa imisebenzi yawo nezibopho, nemiphumela emibi kakhulu yokuxhashazwa kwamandla okuphatha kanye nokushaywa indiva kwemisebenzi nezibopho.

Sesiqale inqubo yokulungisa isimo, ukwakha kabusha kanye nokuvuselela.

Sesibeke izwe emgudwini wenqubekela phambili nokusimama.

Asikwazi ukuvumela abantu abayingcosana phakathi kwethu ukuthi babeke engcupheni lo mzamo wethu sonke.

Sizowuvikela umbuso wethu wentando yabantu osekelwe phezu komthethosisekelo, ukuze sikuqinise futhi sikukhulise lokho esesikuzuzile.

Sizoluchitha udlame nesiphithiphithi, ukuze siqhubekele phambili.

Mangiwaphinde amagama ami: siyakha, asivali.

Njengabantu baseNingizimu Afrika akukho neze okuzosivimbela futhi kusithene amandla ekwenzeni umsebenzi osihlalele.

Njengalokhu kwenzekile nasesikhathini esedlule, sizithola sibhekene nomzuzu wenselele enkulu kanye nethemba lempumelelo enkulu ezokwenzeka ngomuso.

Masiqoke umgudu wokuthula nokuvuselela kabusha.

Masizibambe ziqine futhi siphume kulesi simo esinamandla amakhulu.

Ngokuhlanganyela sizobanqoba futhi sibehlule labo abafuna ukudala udweshu nesiphithiphithi ezweni lethu, abafuna ukucekela phansi impumelelo esesiyizuzile.

Sizoma ndawonye njengabantu abamunye abayimbumba, ababumbene ekulwisaneni nodlame, futhi sizokhuluma ngazwi linye ekuzibophezeleni kwethu ukweseka ukuthula nomgomo wokukhonya komthetho,

Ngiyabonga.
 

Share this page

Similar categories to explore