IQOQWANA LIKAHULUMENI LOMKHAKHA WEZOMNOTHO ELENGAMELE UKUVULWA KWAMATHUBA OMSEBENZI KANYE NOKUTHUTHUKISWA KWENGQALASIZINDA ISITATIMENDE SABEZINDABA

BoNgqongqoshe kanye namaPhini Ongqongqoshe  
Abaqondisi-Jikelele
Amalungu Omkhakha Wabezindaba
Manene namanenekazi

Ngiyanibingelela nonke futhi ngiyanemukela kulesi sithangamu sabezindaba seQoqwana Likahulumeni Lomkhakha Wezomnotho Elengamele Ukuvulwa Kwamathuba Omsebenzi kanye Nokuthuthukiswa Kwengqalasizinda (ESEID).

INingizimu Afrika ilwamukelile uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye neNhloso-mbono yowezi-2030 ukuze kulethwe impilo engcono kuzo zonke izakhamuzi zakuleli, futhi lokhu kwenzeke emphakathini obandakanya abantu bonke. Sekuphele isikhathi esingaphezu konyaka kwaqaliswa uhlelo lwe-NDP, emgudwini wokusheshisa ukukhuliswa komnotho kanye nokulwisana nezinselelo ezintathu, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi, ububha kanye nokungalingani emphakathini.

Nizokhumbula ukuthi uMongameli Jacob Zuma, eNkulumweni yakhe Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) ayethula mhla ziyi-11 Nhlolanja 2015, wamemezela uHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye okuhloswe ngalo ukokhela inhlansi yokukhula komnotho futhi kuvulwe namathuba omsebenzi. Kwisithangamu saPhakathi Nonyaka sokuhlinzeka abezindaba ngolwazi lwakamuva mayelana nalokho osekwenziwe ukufezekisa izinto akhuluma ngazo kwi-SoNA, esabanjwa mhla ziyi-11 Ncwaba 2015, uMongameli Zuma wahlinzeka futhi ngombiko wenqubeleka-phambili eseyenziwe oHlelweni Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye.

Uhlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye, okuwuhlelo olunezinqubo zokungenelela ezibekwe eqhulwini yiQoqwana Likahulumeni Lezomnotho, lwenzelwe ukusheshisa ukukhula komnotho kanye nokuvula amathuba omsebenzi, futhi lokhu kuzokwenziwa ngokuletha uguquko kwezomnotho futhi kukhuliswe nokutshalwa kwezimali, phakathi kokunye okuningi. Izinqubo ezintathu zokungenelela – okuyinqubo yokukhuthaza ukukhula kwemikhakha evula amathuba omsebenzi amaningi, nemikhakha eyenza kube nesimo esikahle futhi esikulungele ukuvulwa kwamathuba omsebenzi kanye nenqubo yokunciphisa izindleko – zenziwe ngendlela ezokwenza ukuthi zikwazi ukusebenza ngokubambisana ngenhloso yokukhulisa umnotho.

Enye into esemqoka kakhulu ebandakanya imikhakha ehlukahlukene futhi ebekwe eqhulwini oHlelweni Olunamaphuzu Ayisishiyagalombili ukwakha ubambiswano oluqinile futhi oluzoqhubeka isikhathi eside phakathi kukahulumeni nomkhakha wabamabhizinisi azimele.

Lesi sithangamu sabezindaba sichaza kabanzi ngombiko kaMongameli ophathelene nenqubekela eseyenziwe, ngokuthi sihlinzeke ngolwazi oluthe xaxa futhi sihlinzeke abezindaba ngethuba lokubuza imibuzo kanye nokufakana imilomo nohulumeni mayelana nokuqaliswa kwezinqubo zokungenelela zoHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye.

ISIMO SEZOMNOTHO

Umnotho womhlaba uyaqhubeka nokuhlangabezana nobunzima obukhulu. Umnotho womhlaba ukhule ngama-3.4% ngowezi-2014. Amazwe ahwebelana kakhulu neNingizimu Afrika akhombise ukukhula komnotho okuhlukahlukene. Umnotho wamazwe angamalungu eNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Yurophu (i-EU) ukhule kuphela ngo-0.9% kanti umnotho wezwe lase-Japan unciphe ngo-0.1%. Kepha-ke umnotho wamazwe esifunda se-Afrika esiseNingizimu Yogwadule i-Sahara wona ukhule ngama-5% kanti umnotho waseMelika ukhule ngamandla njengoba ukhule ngama-2.4%. Umnotho wezwe lase-China uyaqhubeka nokuphelelwa yisivinini njengoba wehlele kuma-7.4% kodwa-ke noma kunjalo leli kuseyizinga lokukhula komnotho elihle kakhulu. Amanani entengo yezimbiwa, ezinjengelitshe okuxetshulwa kulona insimbi, (i-iron ore) amalahle, iplatinamu kanye nowoyela ongahluziwe asengaphansi kakhulu uma eqhathaniswa namanani aphezulu owezi-2008. Ukwehla kakhulu kwenani lentengo kawoyela ongahluziwe emhlabeni jikelele kubahlomulisile abantu baseNingizimu Afrika kepha lokhu kuzonciphisa ukukhula komnotho wamazwe ase-Afrika akhiqiza uwoyela, okungamazwe asemqoka kakhulu kwiNingizimu Afrika ngoba phela yiwona athenga kakhulu izimpahla ezikhiqizwe kuleli.

Kusenongabazane olukhulu uma kubhekwa izilinganiso zesimo somnotho emhlabeni esikhathini esizayo, njengoba isibikezelo sezilinganiso zeSikhwama Sezimali Samazwe ngamazwe (i-IMF) zesikhathi esizayo zomkhiqizo ophelele wamazwe omhlaba sikhombisa ukuthi lokhu kuzoba ngaphansi kwalokho obekulindelekile. INingizimu Afrika akumele ithembele kuphela ekukhuleni komnotho wamazwe omhlaba ngethemba lokuthi lokhu kuzokhuthaza ukukhula komnotho kuleli. Ungabazane olukhona njengamanje oluphathelene nesimo somnotho wamazwe omhlaba selulethe ukudikibala nokuphelelwa yithemba kwezebhizinisi futhi kwehlisa nokwethenjwa komnotho wakuleli ngabathengi.

INingizimu Afrika iyaqhubeka nokubhekana nezingqinamba zomnotho. Kepha-ke uhulumeni unalo ithenjana lokuthi umnotho uzobuyela esimweni sawo futhi ukhule ngendlela efanelekile, ikakhulu njengoba kunethemba lokuthi isimo sokuphakelwa kukagesi sizoba ngcono kakhulu esikhathini esizayo, kubandakanya nemizamo kahulumeni enohlonze yokukhulisa amazinga okutshalwa kwezimali.

Uhulumeni uthokoze kakhulu futhi ngoMbiko Wezokuncintisana Wamazwe Ngamazwe okhishwe yiNhlangano Yezomnotho Emhlabeni (i-WEF), okhombisa ukuthi iNingizimu Afrika isikhule ngamaqophelo ayisikhombisa, njengoba isikleliswe endaweni yama-49 ohlwini lwamazwe ayi-140 kwiNkomba Yamazwe Ngamazwe Yezokuncintisana.

NgoNcwaba wezi-2015, uMongameli Zuma wamukela umbiko weSimo Sabesifazane Emnothweni waseNingizimu Afrika. Lo mbiko uhlonze isidingo sokungenelela ngendlela ecacile ukuze kwenziwe ngcono ukufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane ezweni lonkana, futhi kulindeleke ukuthi lokhu kuqale ngokusetshenziswa koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye kanye nomkhankaso we-Operation Phakisa.

Lo mbiko uyisisekelo sokugqugquzela ukufukulwa nokuthuthukiswa kwenhlalo nomnotho yabesifazane kanye nokulingana ngokobulili, nokuthuthukisa nokuqhubekisela phambili amalungelo abo.

Uhulumeni ukubeke eqhulwini ukusetshenziswa kwamathuba ahlinzekwa wutshalo-mali lomkhakha wabamabhizinisi azimele ohlelweni lokwakhiwa kwengqalasizinda, nasemkhakheni wezokukhiqiza kanye naseMnothweni Wasolwandle, ngokwesekwa wumkhankaso we-Operation Phakisa.

Umkhankaso we-Operation Phakisa yindlela yesimanjemanje futhi eyingqayizivele yokuguqula izinhlelo ezinohlonze zibe yimiphumela ephathekayo ngokusebenza ngokuzikhandla kanye nokubambisana. Ngokusebenzisa umkhankaso we-Operation Phakisa, uhulumeni uhlose ukuziqalisa kangcono izinhlelo ezibekwe eqhulwini, futhi uhlose ukuthi lokhu kwenziwe ngokushesha futhi ngendlela efanelekile, ezoletha imiphumela ebonakalayo.

ULWAZI LWAKAMUVA MAYELANA NENQUBEKELA-PHAMBILI ESEYENZIWE EKUQALISWENI KOHLELO OLUNAMAPHUZU AYISISHIYAGALOLUNYE

Uhulumeni usebenza ngokuzikhandla ukuletha isimo sokuphakelwa kukagesi ngendlela efanelekile ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kukagesi ngaso sonke isikhathi, njengamanje kanye nasesikhathini esizayo, okuyinto ezoletha isimo esizinzile futhi esizokwenza kube lula ukukhulisa umnotho.

  • Mhla zingama-30 Ncwaba 2015, uMongameli Zuma wavula ngokusemthethweni enye yamayunithi ayisithupha aphehla ugesi eSiteshini Sikagesi saseMedupi eLephalale esifundazweni saseLimpopo, okuyiyunithi efaka ugesi ongamamegawathi (ama-MW) angama-800 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke.
  • Uma usuphothuliwe umsebenzi wokwakhiwa kweSiteshi Sikagesi saseMedupi, lesi siteshi sizokwengeza ugesi ongamamegawathi ayizi-4 764 kwisikhungo sikagesi sakwa-Eskom, futhi lesi siteshi sikagesi sizoba yisiteshi esiphehla ugesi ngamalahle esikhulu kunazo zonke emhlabeni. Futhi sizoba ngesinye seziteshi ezine ezihlinzeka ugesi ngokuqhubekayo futhi ezipholiswa ngomoya, ezakhiwe ngabakwa-Eskom kule minyaka engama-20 edlule, emva kwe-Kendal, Majuba kanye neMatimba.
  • Umklamo waseKouga, odle imali engamarandi ayizigidigidi ezimbili, uzohlinzeka ngogesi ovuselelekayo ozophakela ugesi kwizindlu ezingafinyelela kwizi-50 000, futhi lokhu kuzokwengeza emandleni kagesi amasha futhi amakhulukazi afakwa wugesi welanga kanye nogesi womoya kwisikhungo sikagesi sikazwelonke. Uqhubekile futhi nokukhula umthamo kagesi ophakelwa yimiklamo engama-37 yoHlelo Lwabakhiqizi Bagesi Ovuselelekayo Abazimele (i-REIPPP) futhi le miklamo ifaka ugesi ongaphezudlwana nje kancane kwamamegawathi ayizi-1 500 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke. Emzamweni wokukhuthaza ukukhula kwesibalo sezikhungo zakuleli eziKhiqiza Ugesi Welanga Ngokusebenzisa Izibuko Nezingilazi Ezidonsa Imisebe Yelanga (i-CSP) ngaphansi kohlelo lwe-REIPPP – njengesinyathelo sokuqala sokufezekisa lokhu – uMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe (i-DST) ususungule isikhungo sokulinga salolu hlobo esizokhiqiza ugesi welanga, okuyisikhungo esinesimo esikhethekile futhi esingafani nezinye, esisebenzisa imishini kanokusho futhi emincane enezibuko nezingilazi ezidonsa ugesi welanga, ukuze kuncishiswe izindleko.
  • Esikhathini esifushane esedlule, siphothule inqubo yokuqokwa kwalabo okumele bacatshangelwe kangcono ngenkathi kukhethwa izinkampani ezizosebenza ngaphansi koHlelo Lwemiklamo Emincane Yabakhiqizi Bagesi Abazimele (ugesi ongamamegawathi angu 1 – 5 MW), okuhloswe ngalo ukulekelela abakhiqizi abancane ukuthi bakwazi ukuthola ulwazi nesipiliyoni somsebenzi ekuthuthukisweni kwemiklamo futhi kwenziwe nemizamo yokuqoqa izimali zokuxhasa imiklamo efana nalena.
  • Kamuva nje, ayizi-21 284 amakhaya axhunywe kwisikhungo sikagesi sikazwelonke futhi ayizi-2 761 amakhaya afakelwe ugesi osebenzisa ubuchwepheshe bukagesi obungaxhumene nesikhungo sikagesi sikazwelonke.
  • UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe umatasatasa uphothula ishadi likagesi wemvelo elikhombisa ugesi ongaphehlwa ngokusebenzisa izinsalela zezitshalo/amahlathi/isigayo sezingodo kanye nemfucuza yemvelo ezweni lonkana. Le nqubomgomo kanye nethuluzi lokusekela isinqumo sotshalo-mali kuhloswe ngayo ukuqinisekisa ukutholakala kukagesi owanele kuleli kanye nokukhulisa amazinga okutholakala kukagesi, futhi lokhu kuzokwethulwa ngaphambi kokuphela kwalo nyaka wezimali. Leli shadi lihlinzeka ngemininingwane ephathelene nokuthi izinsiza zikagesi wemvelo zisondele kangakanani kwingqalasizinda yamandla kagesi kanye nemininingwane yezindawo ezingakwazi ukuthola ugesi ngendlela efanelekile. Leli shadi lihlinzeka futhi ngenkomba yamathuba omsebenzi angavuleka emsebenzini wokuvuna nokuguqula imfucuza yezitshalo ibe wugesi.  
  • Umsebenzi wokwakhiwa kweZikhungo ezimbili Zikagesi Odidiyelwe (ama-IEC) endaweni yase-Bushbuckridge kanye naseNkomazi esifundazweni saseMpumalanga usesigabeni sokuhlela futhi kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoNdasa wezi-2016.
  • Ngokujwayelekile, iSikhungo Sikagesi Odidiyelwe siqasha abantu abasebenza ngokugcwele abangafinyelela kuma-30, futhi abalekelelwa ngabasebenzi betoho. Abasebenzi betoho kanye nalabo abaqashwe ngokugcwele ngesikhathi sokwakhiwa kwalezi zikhungo bazothola ithuba lokuqeqeshwa, okuyinto ezobalekelela ukuthi bakwazi ukuthola umsebenzi kwezinye izinkampani ngaphansi kwalo mkhakha.

Sekwenziwe inqubekela-phambili ebonakalayo ekuvuselelweni kwezolimo, nasemkhakheni wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo kanye nezinguquko kwezomhlaba.

  • Uhlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezolimo lubuyekeziwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lukhuthaza ukuvulwa kwamathuba omsebenzi, futhi lugqugquzela ukukhula komnotho, nemali engenayo ezindaweni zasemakhaya, notshalo-mali, nomkhiqizo wezolimo, nomkhiqizo othunyelwa emazweni angaphandle kanye nokuthuthukiswa kwezifunda zase-Afrika.
  • Uyaqhubeka umsebenzi wokuthuthukiswa kwamaPaki Ezolimo angama-44 kuzo zonke izifundazwe zakuleli eziyisishiyagalolunye. Esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga kunePaki Lezolimo elilodwa eselikulungele ukwethulwa. Sekuthuthukiswe izinhlelo zokukhiqiza, eseziqalile ukusebenza ezweni lonkana ngenhloso yokuqinisekisa umkhiqizo ophakeme emikhakheni esekela amaPaki Ezolimo. UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe umatasatasa wenza ucwaningo lokulinga nokuhlola ukuthi zingaba yimpumelelo yini izizinda zokuvundulula ulwazi olusha kanye nezindlela zokusebenza ezintsha kwezolimo, ezizolekelela ukuthuthukiswa nokusatshalaliswa kobuchwepheshe obufanelekile obuzosetshenziswa emaPaki Ezolimo.
  • Kusukela noMbasa kuya kuNhlangulana ngowezi-2015 kunabakhiqizi abancane abayizi-12 221 abasekeliwe, abahlinzekwe ngezeluleko, ukuqeqeshwa, ulwazi lokwenza umsebenzi kanye nengqalasizinda. Ngaphezu kwalokho, kunamapulazi angama-36 ahlinzekwe ngosizo ngaphansi koHlelo Lokuhlinzeka Kabusha Ngosizo Lwezimali kanye Nokuthuthukisa.
  • UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe umatasatasa usungula isithangamu sokukhiqizwa kukakolweni ngenhloso yokusekela ukuthuthukiswa kanye nokusetshenziswa kwezindlela zobuchwepheshe ezintsha ekukhiqizweni kwezitshalo, ezizohlomulisa abalimi abasafufusa kanye nabalimi asebethuthukile. Kunezinhlobo zezitshalo ezintsha ezizokhiqizwa ngaphambi kokufika kowezi-2020 ngenhloso yokusekela ukutholakala komkhiqizo omuhle kanye nokuqinisekisa ukutholakala kokudla okwanele. UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe usekela futhi nomklamo obizwa nge-Eucalyptus Genome Project, okuwumklamo wocwaningo lokuqonda ubunjalo nokwakheka kwezihlahla eNingizimu Afrika. Lo mklamo ugxile ekuhlonzweni kwezici nezimpawu eziwusizo ezisheshisa futhi zilekelele ukukhiqizwa kwezihlahla ngendlela ezoletha imiphumela emihle. Lo mklamo unawo amandla okukhulisa ukuncintisana kule mboni ngenxa yesimo sokwakheka kwezihlahla kanye nesimo samakhemikhali ezihlahla kanye nekhono lezihlahla lokumelana nezifo, ngenhloso yokusekela imboni yezamahlathi neyomkhiqizo wokhuni kanye nephepha, futhi kanjalo kukhuliswe umnotho, kuvulwe namathuba omsebenzi.
  • Isu Lokugunyazwa Kabusha kwezindawo zamahlathi zaseNtshonalanga Kapa lwamukeliwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umhlaba wombuso ongamahekthare ayizi-22 000 wokutshala amahlathi uyasetshenziswa ukutshala amahlathi azongenisa inzuzo. Lokhu sekube nemihlomulo ehlukahlukene, njengokuvulwa kwamathuba omsebenzi, ukuthuthukiswa komnotho wendawo kanye nokuphuculwa kokuhlinzekwa kwezingodo esikhathini esizayo.
  • Ngokocwaningo lwe-LHA olwagunyazwa nguMnyango Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba kanye neNkampani Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC), ukugunyazwa kabusha kwamahlathi aseNtshonalanga Kapa kuzohlinzeka ngamathuba omsebenzi kubantu abangama-350 abazosebenza ngokugcwele esikhathini esiyiminyaka emihlanu. Lesi sibalo sizokhuphuka sifinyelele kubantu abaqashiwe abayi-1 500 uma umsebenzi wokukhiqizwa kwamahlathi sewenziwa ngokugcwele.
  • Njengomzamo wokwenza ngcono ukuncintisana emkhakheni wezolimo, ngokusebenzisa ucwaningo, intuthuko kanye nokuvundululwa kwezindlela ezintsha zokusebenza, uhulumeni – ngokubambisana nomkhakha wabamabhizinisi azimele – usetshale imali engaphezu kwamarandi ayizigidi eziyi-100 ezinhlelweni zokuqhamuka nezindlela ezintsha zokusebenza emkhakheni wezezithelo nemifino, ukufuywa kwezinhlanzi nokulinywa kwezitshalo zasemanzini, nowezewayini, nowezitshalo ezisawolintshi kanye nowezamahlathi. 
  • Ngenhloso yokukhulisa ubungako bomhlaba oniselwa ngenkasa, ngekota yokuqala yonyaka-mali ophezulu kuvuselelwe umhlaba ongamahekthare angama-74.6 futhi kukhishwe amalayisense amahlanu okusebenzisa amanzi, anikezwe abantu ababencishwe amathuba phambilini, okusho ukuthi kunomthamo wamanzi angamakhubhikhi-litha ayizigidi ezingu-3.79 azosetshenziselwa ukunisela ngenkasa. Kusekelwe futhi nabalimi abayi-15 abangenazo izinsiza-kusebenza ezifanelekile, ukuze bakwazi ukuthola amanzi okukhiqiza.
  • Mhla zingama-30 Nhlangualana 2015, iKhomishana Yokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba Kubanikazi Bawo (i-CRLR) bese iphothule izicelo zokubuyiselwa umhlaba ezingama-78 138, futhi lokhu kuhlomulise abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-1,9 abavela emindenini eyizi-385 691, ababuyiselwe umhlaba ongamahekthare ayizi-3 231 787 othengwe ngemali engamarandi ayizigidigidi ezingu-18.7. Kuze kube manje i-CRLR seyikhokhe imali engaphezu kwamarandi ayizigidigidi ezingu-9.1 enikezwe abantu abafake izicelo zokubuyiselwa umhlaba abaqoke ukunikezwa isinxephezelo semali engukheshe esikhundleni sokubuyiselwa umhlaba wabo. Kunemali eyengeziwe engamarandi ayizigidigidi ezingu-4.1 okuxhase ngayo abantu abafake izicelo zokubuyiselwa umhlaba abaqoke ukuthatha umhlaba kodwa abadinga usizo lwezimali zokuthuthukisa umhlaba ababuyiselwe wona.

INingizimu Afrika ithuthukisa ukulungiswa kwemikhiqizo yezimbiwa ngaphakathi kuleli ngenhloso yokuhlomulisa abantu bakuleli; okuwuhlelo olukhuthaza ukuvulwa kwamathuba omsebenzi emnothweni wakuleli.

  • Umkhankaso we-Operation Phakisa embonini yezezimayini wenzelwe ukuvula amathuba okutshalwa kwezimali, nokwenza ngcono amandla okukhiqiza aleli lizwe kanye nokukhuthaza ukubamba kwabantu iqhaza emsebenzini wokumba izimbiwa nokuzilungisa kanye nokuzithengisa.
  • Sekusungulwe izinhlelo zokuvikela imisebenzi kanye nokuthola ezinye izindlela ezizosetshenziswa esikhundleni sokudilizwa kwabasebenzi emkhakheni wezezimayini. Bonke ababambiqhaza abathintekayo basayinda isivumelwano mhla zingama-31 kuNcwaba 2015 sokuvikela imisebenzi kanye nokunciphisa umthelela wokulahleka kwemisebenzi embonini yezezimayini.
  • UMnyango Wezohwebo Nezimboni uhlinzeke ngosizo ekwakhiweni kwesikhungo sikagesi esizophakela ngogesi ongamakhilowathi ayi-100 ophehlwa ngeplatinamu negesi yemvelo, esakhiwe emahhovisi eNhlangano Yezezimayini eGoli.
  • Ziyaqhubeka izingxoxo zokubonisana, eziphakathi kukahulumeni nabomkhakha wabamabhizinisi azimele ngenhloso yokugqugquzela ukuthuthukiswa kwezimakethe, nokufukanyelwa kusenesikhathi kwezikhungo zezobuchwepheshe kanye nezokukhiqiza zaseNingizimu Afrika.
  • Ngokubambisana phakathi kukahulumeni nabomkhakha wabamabhizinisi azimele, i-DST ihole futhi yalawula umsebenzi wokwakhiwa kwezikhungo ezintathu zikagesi wehayidrojini ongamakhilowathi amahlanu ezikoleni ezintathu esifundeni sase-Cofimvaba eMpumalanga Kapa kanye nesinye isikhungo sagesi wehayidrojini ongamakhilowathi amahlanu esakhiwe emtholampilo wase-Windsor East, eGoli, esifundazweni saseGauteng. Ngaphandle nje kokuhlinzeka ngogesi osekela ukuhlinzekwa kwezinsizakalo zezemfundo nezempilo, lobu buchwepheshe bubeka isisekelo sokukhula kwemboni entsha esekelwe phezu kwezimbiwa zaseNingizimu Afrika zeplathinamu.

Siphokophele ekuqalisweni koHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (IPAP) ngendlela ezoba nomthelela omkhulu.

  • Kwisithangamu saPhakathi Nonyaka sokuhlinzeka abezindaba ngolwazi lwakamuva mayelana nalokho osekwenziwe ekufezekiseni izinto akhuluma ngazo kwi-SoNA, uMongameli wamemezela ukuthi kunenqubekela-phambili eseyenziwe ekuqalisweni kwe-IPAP, okungolunye lwezinhlelo ezikhuthaza ukuvulwa kwamathuba omsebenzi emnothweni wakuleli.
  • Uhulumeni uyaqhubeka nokwakha isimo esikulungele ukuheha abatshali-zimali bakuleli kanye nabakwamanye amazwe. Lokhu kuzofezekiswa ngokunikezwa kosizo lwezimali zokuxhasa izimboni, olubandakanya ukuhlinzekwa kosizo oluqondiswe kulawo mabhizinisi azovula amathuba omsebenzi futhi awagcine isikhathi eside mathuba omsebenzi.
  • Ngokusebenzisa uHlelo Lokuphucula Ukuncintisana Emkhakheni Wezokukhiqiza, uhulumeni ukwamukelile ukuxhaswa ngezimali kwamabhizinisi ayi-161 ngemali engamarandi ayizigidigidi ezingu-5.8, okuyisenzo esiholele ekuvulweni nokuvikelwa kwamathuba omsebenzi ayizi-28 212.
  • Uhlelo Lwesibonelelo Semboni Yokwakhiwa Kwezimoto lwamukele ukuxhaswa ngezimali kwamabhizinisi ayi-13 ngemali engamarandi ayizigidigidi ezingu-1.5.
  • Uhulumeni uzibophezele ekuletheni uguquko emnothweni wakuleli ngokuqinisekisa ukuthi abantu ababencishwe amathuba phambilini badlala indima enkulu emnothweni wezwe. Lokhu sekuholele ekuhlanganisweni koHlaka Lwenqubomgomo Yezezimboni, olwethulwe phambi kweQoqwana le-ESEID kanye neKomidi leKhabhinethi ngoNtulikazi 2015.
  • Kunenqubekela-phambili enkulu eyenziwayo ekuheheni utshalo-mali oluzofakwa kwiZizinda Zokuthuthukiswa Kwezimboni (ama-IDZ). Isibonelo, kwi-IDZ yase-Coega IDZ, kusayindwe abatshali-zimali abasha abayi-12 abatshale imali engaphezu kwamarandi ayizigidigidi eziyisishiyagalombili, kanti kwi-IDZ yaseMonti khona kusayindwe abatshali-zimali abahlanu abatshale imali engaphezu kwamarandi ayizigidi eziyi-140 futhi kwi-IDZ yase-Richards Bay kusayindwe abatshali-zimali abasha abahlanu abatshale imali engaphezu kwamarandi ayizigidigidi ezingu-2.8.

Uhulumeni ufaka isandla ekuxazululeni ukungqubuzana phakathi kwabasebenzi nabaqashi.

  • Nizokhumbula ukuthi iPhini likaMongameli, u-Cyril Ramaphosa, lihola izingxoxo zokubonisana phakathi kwabamabhizinisi kanye nabasebenzi ukuze kulethwe uzinzo kubudlelwane obuphakathi kwalezi zinhlaka ezimbili.
  • Emkhandlwini Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye Nezabasebenzi (i-Nedlac) kwafinyelelwa esivumelwaneni mayelana nencazelo efanelekile yoMholo Kazwelonke Oyisisekelo.
  • Ezinye izindlela zokunciphisa ukungqubuzana phakathi kwabasebenzi nabaqashi zibandakanya iMigomo Yokuziphatha ephathelene neziteleka nokuvalelwa kwabasebenzi ngaphandle kanye nenqubo yokulamula ephoqelekile okumele yenziwe ngokusebenzisa iKhomishana Yokubuyisana, Ukuxazululwa Kwemibango kanye Nokwahlulela (i-CCMA).
  • Esikhathini esiningi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zingabantu abathanda ukuthula noxolo futhi abawuhloniphayo umthetho. Kumele siwuyeke lo mkhuba wokwenza izenzo zobugebengu nodlame ngenkathi kuqhubeka iziteleka zabasebenzi nemibhikisho.
  • Ngithanda ukugcizelela ukuthi izingxoxo ezibanjwa ngokuthula ziyisixazululo esihle kakhulu sokubhekana nemibango kanye nezinkinga.

Ukuhlinzekwa kwamabhizinisi asafufusa (ama-SMME), imifelandawonye, amabhizinisi asemalokishini kanye nawasezindaweni zasemakhaya ngethuba lokubonakalisa ikhono lawo, njengoba engamabhizisini avula amathuba omsebenzi amaningi.

  • Bangama-620 abanikazi bezipaza ezifundazweni zakuleli eziyisishiyagalolunye abathole ukuqeqeshwa ngaphansi komklamo kazwelonke olingwayo wokuFukulwa Nokuthuthukiswa Kwezipaza ngokubambisana noPhiko Lwezemfundo Nokuqeqesha Ngaphansi Komkhakha Wezitolo Ezithengisa Impahla Ngobuningi kanye Nalezo Ezithengisa Impahla Ngayinye (i-W&RSETA). Ukuqeqeshwa bekugxile kwezokusungulwa nokuphathwa kwebhizinisi, ukukhangiswa kwebhizinisi, ukunakekelwa kwabathengi, ukuphathwa kwezimali, amakhono okuthenga impahla nezinsizakalo, ukuthotshelwa kwemithetho elawulayo kanye nemithetho kamasipala, inhlanzeko, ukuphepha kokudla, ukukhangiswa kwemikhiqizo kanye nendawo lapho umthengi ekhokhela khona impahla ayithengile.
  • Angama-489 amabhizinisi kanye nemifelandawonye eyahlinzekwa ngosizo ngaphansi kwezinhlelo zemikhakha yokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, ezemvelo kanye nezokuvakasha. Sekusungulwe imakethe yokuthengisa imifino nezithelo ngaphansi kukaMasipala Wesifunda sasoThungulu, KwaZulu-Natali.
  • Ngenhloso yokusekela ukuthuthukiswa komkhakha womnotho wemvelo onohlonze futhi onomdlandla kwezezimboni, iSikhungo Sokuthuthukiswa Kwezimboni Zemikhiqizo Yemvelo esasungulwa eMkhandlwini Wocwaningo Lwezesayensi Nolwezimboni, manje sekusekela amabhizinisi asafufusa ayi-17 asebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje.
  • Ngenhloso yokusekela ukuthuthukiswa kwemboni yokusungulwa nokusetshenziswa kwezinhlelo ezintsha kwezokuxhumana ngamaselula futhi kukhuthazwe nokuncintisana, kusungulwe i-mobile solutions lab (mLab Southern Africa) kwiSizinda Sokuvundululwa Nokusetshenziswa Kwezinhlelo Ezintsha (Innovation Hub) futhi njengamanje isekela amabhizinisi asafufusa ayi-11 kulo mkhakha.
  • Njengengxenye yokulekelela ama-SMME nemifelandawonye ukuze ikwazi ukuthola ukuxhaswa ngezimali, uHlelo loMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane lokuThuthukiswa Kwamabhizibisi Abamnyama Ahlinzeka Ngempahla Nezinsizakalo lwasekela amabhizinisi angama-376, ngemali engaphezu kwamarandi ayizigidi ezingama-95. Lokhu sekusekele ukusungulwa nokuvikelwa kwamathuba omsebenzi ayizi-10 399.
  • Uphiko Lokuxhaswa Ngezimali Kwamabhizinisi Amancane (i-SEFA) lwabele ama-SMME ayizi-24 711 imali engamarandi ayizigidi ezingama-344. Futhi lolu phiko luxhase ngezimali amabhizinisi entsha ayizi-5 305, namabhizinisi abantu abamnyama abayizi-22 296, namabhizinisi abesifazane ayizi-21 940 kanye nama-SMME nemifelandawonye eyizi-22 620 ezifundazweni ezibekwe eqhulwini. Kusemqoka ukuphawula ukuthi izabelo zemali ezingama-43% zenziwe emikhakheni ebekwe eqhulwini – njengomkhakha wezokwakha, ezobuchwepheshe bolwazi nokuxhumana (i-ICT), ezezimayini, ezokukhiqiza, ezolimo kanye nezokuvakasha – njengoba kuchaziwe eMgudwini Omusha Wokukhuliswa Komnotho kanye nohlelo lwe-IPAP.
  • Kuyakhuthaza ubona ukuthi usizo olungama-98% lunikezwe isipaza. Lokhu kuyahambelana noHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye olwamenyezelwa nguMongameli kwi-SoNA yowezi-2015. Kusemqoka futhi ukuphawula ukuthi asidingeki isibambiso ezinhlelweni eziningi zemali ebolekisayo ye-SEFA.
  • Izizinda Zosizo Lwezebhizinisi zoPhiko Lwezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ezingama-48 zisekela amabhizinisi ayizi-2 236. Kunabantu abaqashwe ngokugcwele abayizi-535 abathole umsebenzi kulawa mabhizinisi amancane ahlinzekwe ngosizo lwezebhizinisi, ikakhulukazi emkhakheni wezolimo nowezokwakha.

Kunenqubekela-phambili eseyenziwe futhi nasemikhakheni ehlukahlukene yokuletha uguquko emnothweni wakuleli kanye nokuwusimamisa nokuqinisekisa ukuthi umnotho awugxili nje kuphela ekukhiqizeni imikhiqizo embalwa kodwa ugxila emikhiqizweni eminingi, ehlukahlukene. Lokhu kwenzelwe ukusekela ezinye izinqubo zokungenelela eziyisishiyagalolunye ezibekwe eqhulwini.
Ezokuxhumana ngezingcingo

  • Umnyango Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi usuqalise inqubo yokuhlinzeka nge-inthanethi esheshayo ezifundeni eziyisishiyagalombili kulezo zifundazwe lapho kulingwa khona uHlelo Lukazwelonke Lomshwalense Wezempilo (i-NHI), kubandakanya nokuqashwa kwezinkampani ezizokwenza umsebenzi wokuxhuma i-inthanethi esheshayo. Ngaphezu kwalokhu, kuyaqhubeka ukuthuthukiswa kohlelo lokuxhuma i-inthanethi esheshayo ezikoleni kulezi zifunda eziyisishiyagalombili.
  • Kunezikole ezingama-380 esezifakelwe i-inthanethi esheshayo ngaphansi kohlelo Lwezibopho Sokuhlinzeka Izinsizakalo Kumuntu Wonke ngokuphoqelelwa Yisikhungo Esizimele Sezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa). Le nqubo izobandakanya ukuhlukaniswa kwezikole ngokubheka ibanga isikole ngasinye esiqhele ngalo kwingqalasizinda yezokhuxhumana ekhona njengamanje. Izikole eziyizi-1 938 zihlinzekwe ngobuxhakaxhaka bezokuxhumana kanye namagumbi ekhompyutha, futhi kuneminye imiphakathi yasezindaweni zasemakhaya eyi-131 ehlinzekwe ngobuxhakaxhaka be-ICT nezinsizakalo eziphathelene nalokhu. Ukuxhunywa kwe-inthanethi esheshayo kanye nobuxhakaxhaka be-ICT kuzokhuthaza ukuthuthukiswa komnotho wendawo futhi kugqugquzele amathuba ezomnotho aqondiswe entsheni.

Amanzi nokuthuthwa kwendle

  • Esikhathini esifushane esedlule kunamakhaya ayizi-27 200 afakelwe amanzi okuphuza aphephile. KuMasipala Wendawo yaseMasilonyana esifundazweni saseFreyistata, kunemiklamo yamanzi emibili ephothuliwe, ngaphansi kohlelo lweSibonelelo Sokuxhaswa Ngezimali Kwengqalasizinda Yezamanzi Esifundeni futhi kuneminye imiklamo eyi-15 yokufakwa kwengqalasizinda yamanzi esezigabeni zokwakha ezihlukahlukene.
  • Sesiphothuliwe iSigaba sokuqala somklamo we-Mokolo Crocodile Water Augmentation Project futhi lo mklamo uhlangabezana nazo zonke izidingo zamanzi zesikhathi esifushane endaweni yase-Waterberg namaphethelo. Lokhu kuzofaka isandla emizamweni yokuhlangabezana nesidingo samanzi seziteshi zikagesi, iMedupi kanye neMatimba.
  • Esikhathini esifushane esedlule amakhaya ayizi-3 978 ahlinzekwe ngengqalasizinda yokuthuthwa kwendle ngaphansi kohlelo lweSibonelelo Sokuxhaswa Ngezimali Kwengqalasizinda Yokuthuthwa Kwendle Emakhaya Asemaphandleni futhi kunamakhaya ayizi-3 822 abethuthelwa indle ngamabhakede asefakelwe ingqalasizinda efanelekile yokuthuthwa kwendle.

Ezokuthutha ngezitimela kanye nezimoto

  • Ingqalasizinda yezokuthutha izisekela zonke lezi zinqubo zokungenelela ezibekwe eqhulwini eziyisishiyagalolunye futhi iyinto esemqoka kakhulu eyenza kube nesimo esivumela ukukhula komnotho.
  • Luyaqhubeka uHlelo Lokuvuselelwa Kwezitimela loPhiko Lwabagibeli Bezitimela lwaseNingizimu Afrika (i-Prasa), futhi esinye sezitimela ezakhiwayo njengamanje kwelase-Brazil sizothuyelwa kuleli mhla zingama-30 Lwezi 2015.  
  • Emzamweni wokugcina imigwaqo yezifundazwe isesimweni esihle, sekufakwe itiyela emigwaqeni yakuleli engamakhilomitha ayi-19.24, kwafakwa futhi itiyela kabusha emigwaqeni engamakhilomitha angama-62, kwafakwa uthobolo emigwaqeni engamakhilomitha ayi-18, kwalungiswa imigwaqo yebhuqu engamakhilomitha angama-821 futhi kwavalwa imigodi ebangeni lemigwaqo elingama-227 628 m². Imigwaqo yezifundazwe ixhaswe ngezimali ngaphansi kweSibonelelo Sokuxhasa Ngezimali Umsebenzi Wokulungiswa Kwemigwaqo Yesifundazwe (i-PRMG). Uhla lwale migwaqo luhlinzekwe kwiThebula B5 yoMthetho Wezokwabiwa Kwemali Kahulumeni: Imiklamo Yengqalasizinda Yemigwaqo Yezifundazwe exhaswe ngezimali ngaphansi kohlelo lwe-PRMG.
  • Usezigabeni ezihlukahlukene umsebenzi wokwakhiwa kwamabhuloho amathathu eMbombela nase-Bushbuckridge kanye naseNkomazi esifundazweni saseMpumalanga (umsebenzi wokwakhiwa kabusha kwamabhulohlo acekelwa phansi yizikhukhula).
  • Uhlelo Lwamabhasi Asheshayo luyaqhubeka nokusebenza emadolobheni ahlukahlukene aseNingizimu Afrika:
    • Edolobheni laseKapa, uhlelo lwe-MyCiTi luthwala abagibeli abalinganiselwa kwizi-42 522 emkhawulweni obekiwe wabagibeli abayizi-50 000 ngosuku, kusukela ngoMsombukulo kuya kuLwesihlanu.
    • Edolobheni laseGoli, uhlelo lwe-Rea Vaya luthwala abagibeli abalinganiselwa kwizi-33 670 emkhawulweni obekiwe wabagibeli abayizi-40 000 ngosuku, kusukela ngoMsombukulo kuya kuLwesihlanu.
    • Edolobheni lasePitoli, uhlelo lwe-A Re Yeng luthwala abagibeli abalinganiselwa kwizi-3 000 emkhawulweni obekiwe wabagibeli abayizi-10 000 ngosuku, kusukela ngoMsombukulo kuya kuLwesihlanu.
    • Edolobheni lase-George, uhlelo lwe-Go George luthwala abagibeli abalinganiselwa kwizi-7 630 emkhawulweni obekiwe wabagibeli abayizi-10 000 ngosuku, kusukela ngoMsombukulo kuya kuLwesihlanu.
  • Umsebenzi wokwakha uyaqhubeka futhi usabalalela nasezingxenyeni ezintsha emadolobheni ahlukahlukene, ngokwezidingo zokufakwa nokwelulwa kwalolu hlelo lwezokuthutha futhi ngokwezimali ezikhona zokuxhasa lolu hlelo.
  • Uphiko lwezemigwaqo, i-South African National Roads Agency Limited, lumatasatasa lwenza imidwebo eyandulelayo kanye nomsebenzi wokulungiselela ukulungiswa nokwelulwa komgwaqo i-Moloto Road.
  • Selwamukeliwe ucwaningo lokuhlola nokucubungula ukuthi ungenzeka ngempumelelo yini umsebenzi wokwakhiwa kwefemu yezitimela Ekurhuleni. Le femu izokhiqiza amakalishi ezitimela angama-580 futhi lokhu kuzovula amathuba omsebenzi alinganiselwa kwizi-33 000.
  • Sekuya ngasemaphethelweni ukuthuthukiswa kwenqubomgomo ezolawula ukuhamba kwemikhumbi yezohwebo ngaphakathi kuleli, ezosekela uhlelo lwezoMnotho Wasolwandle lomkhankaso we-Operation Phakisa.
  • Sekuthuthukiswe uhlaka lwenqubo yokubandakanywa komkhakha wabamabhizinisi azimele, emikhakheni yezamachweba nezokuthutha ngezitimela futhi lolu hlaka luzophothulwa khona maduze nje.

Izinqubo zokungenelela zoHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye zenzelwe ukusimamisa umnotho ngokwezigaba ezahlukene esikhathini eside esizayo. Inqubo yokungenelela ngayinye ayisebenzi ngayodwana kodwa iyingxenye yomzamo kazwelonke odidiyelwe. Lona ngumzamo kazwelonke wokuletha ukukhula komnotho okuhlomulisa abantu bonke. Ukufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho kusemqoka kakhulu ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukuthuthukisa nokukhulisa komnotho ngokweqiniso. Lezi zinqubo zokungenelela zoHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye zizoletha imiphumela emihle ngokweminqamulajuqu ehlukahlukene ebekiwe, okuwumnqamulajuqu wesikhathi samanje, nowesikhathi esimaphakathi kanye nowesikhathi eside.

Sinethemba lokuthi lezi zinqubo zokungenelela ezibekwe eqhulwini zizolekelela ekukhulisweni komnotho waseNingizimu Afrika futhi zilekelele ekulwisaneni nenselelo yokuntuleka kwamathuba omsebenzi, ububha kanye nokungalingani, uma sonke sisebenza ngokubambisana. Umnotho uwumthwalo osemahlombe ethu sonke.

Sisonke masiqhubekisele izwe lethu phambili.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore