INkulumo Ngesimo Sezwe (i-SoNA) eyethulwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa

INkulumo Ngesimo Sezwe (i-SoNA) eyethulwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa, 6 kuNhlolanja 2025 eHholo Ledolobha laseKapa

USomlomo Wesigungu Sikazwelonke, uNkz. Thoko Didiza,
USihlalo Kazwelonke woMkhandlu Wezifundazwe (i-NCOP), uNkz. Refilwe Mtshweni-Tsipane,
IPhini likaMongameli u-Shipokosa Paulus Mashatile,
INhloko Yamajaji uMandisa Maya noMongameli Wamajaji,
UMongameli Waphambilini uThabo Mbeki,
UMongameli Waphambilini u-Kgalema Motlanthe,
IPhini likaMongameli Waphambilini u-David Mabuza,
USomlomo Waphambilini Wesigungu Sikazwelonke, uNkz. Baleka Mbete,
IPhini likaSomlomo Waphambilini weSigungu Sikazwelonke, uMnu. Lechesa Tsenoli,  
USihlalo Waphambilini we-NCOP, uMnu. Amos Masondo,
USodolobha weDolobha laseKapa, uMnu. Geordin Hill-Lewis,  
INhloko Yenhlangano Yamanxusa, Izinhloko Zesifunda kanye Nezinhloko zamaMishini,
Amalungu ePhalamende,
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika.  

Sihlangene lapha njengesizwe sizilele isibhicongo nokulahlekelwa kabuhlungu ngamasotsha aseNingizimu Afrika ayi-14 abeyingxenye yomsebenzi wokuletha ukuthula empumalanga ye-Democratic Republic of the Congo (i-DRC).  

Sigebisa amakhanda ethu sihlonipha laba abalandelayo: 

•    Staff Sergeant William Eddie Cola 
•    Staff Sergeant Molahlehi Ishmael Molahlehi 
•    Staff Sergeant Shwahlane Theophilus Seepe 
•    Corporal Matome Justice Malesa 
•    Corporal Rinae Nemavhulani 
•    Lance Bombardier Itumeleng Macdonald Moreo 
•    Lance Corporal Tseke Moffat Molapo 
•    Lance Corporal Metse Stansly Raswiswi 
•    Rifleman Sebatane Richard Chokoe 
•    Rifleman Derrick Maluleke 
•    Rifleman Tshidiso Andries Mabele 
•    Rifleman Calvin Louis Moagi 
•    Rifleman Mokete Joseph Mobe 
•    Private Peter Jacobus Strydom. 

Kanye namanye amasotsha asuka emazweni aseNingizimu ye-Afrika, bashone ngesikhathi belwela ilungelo eliphambili labantu base-Congo lokuthi baphile ngokuthula nangokuvikeleka.  

Balahlekelwe izimpilo zabo bengalweli umhlaba noma amandla. 

Balahlekelwe izimpilo zabo belwela ukuqeda nya izimpi ezwenikazini lethu. 

Siwethulela isigqoko amasotsha akithi angamaqhawe.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,  

Le SoNA yenzeka ngesikhathi lapho sibungaza iminyaka engama-70 selokhu samukela uSomqulu Wamalungelo eNgqungqutheleni Yabantu e-Kliptown. 

USomqulu Wamalungelo uyinsika yoMthethosisekelo wentando yeningi labantu. 

Ucacisa umbono weNingizimu Afrika ebumbene, engacwasi ngokwebala, engacwasi ngokobulili, enentando yeningi labantu nephumelelayo.  

Ucacisa umbono wezwe lapho uhulumeni akhiwa ngentando yabantu, lapho umhlaba ungowabantu bonke abasebenza kuwo, lapho abantu babelana ngengcebo yezwe futhi bonke belingana ngaphambi komthetho. 

Lona ngumbono oqhubekayo nokusihola njengoba sakha isizwe esifunwa yithina sonke.   

Ngumoya weNhlangano Yabantu osikhuthazayo njengoba silungiselela iNgxoxo Kazwelonke lapho abantu baseNingizimu Afrika bezophinde bacelwe ukuthi bahlahle indlela entsha izwe lethu okumele ihambe kuyo.  

Kufanele sihlahle le ndlela emhlabeni oguquka ngokushesha.  

Lona ngumhlaba lapho omunye encike komunye futhi kunokuncintisana, ukusebenza ngokubambisana futhi kunezingxabano. 

Lona ngumhlaba owabelana ngamandla lapho amazwe amasha ephakama ukuze adlale indima enkulu ezindabeni ezithinta umhlaba. 

Sibona ukuncintisana okukhulu kwezohwebo, ubuchwepheshe kanye namandla kwizikhungo zomhlaba. 

Kunoguquko lomhlaba oluqhubekayo oluthinta zonke izingxenye zempilo yomuntu – kusuka ekukhuleni komphumela wokuguquguquka kwesimo sezulu kuya ekuthuthukeni koBuhlakani Mbumbulu (i-AI), ukudonsisana kwezombusazwe kanye nezingxabano ezinodlame.  

Kuzona zonke lezi zinselele, sibhekene nokukhula kwezindaba zobuzwe nokuvikeleka, ukujaha lokho okufunwa yidlanzana kanye nokwehla kwalokho okufunwa ngumuntu wonke.  

Lona ngumhlaba thina, njengezwe elinomnotho othuthukayo, kufanele sizungeleze kuwo.  

Kodwa asinaluvalo. Akukho okungasivimba.  

Singabantu abanamandla. Angeke sixhashazwe.  

Sizobambana njengesizwe esibumbene. 

Sizokhuluma ngazwi linye sivikele lokho okudingwa yizwe lethu, amandla ethu kanye nentando yeningi labantu yomthethosisekelo. 

Ngokuma ezimisweni zethu, ngokuma siqinise amandla ethu neziphiwo zethu futhi nangokulwela inhloso eyodwa, singaziguqula lezi zimo ezinzima zisebenzele thina siphinde sise izwe lethu phambili.  

Njengabantu baseNingizimu Afrika, simele ukuthula nobulungiswa, ukulingana nobumbano. Simele ukungacwasi ngokwebala nentando yeningi labantu, ukubekezelelana nokuzwelana. Simele amalungelo alinganayo kwabesifazane, kubantu abaphila nokukhubazeka nakumalungu omphakathi we-LGBTQIA+. Simele ukwabelana ngobuntu, hhayi ukuthi kuyosinda labo abanamandla.  

Ngakho-ke, kusihlwa nje, ake sikhulume ngesizwe esisifunayo, asikhulume ngomsebenzi okufanele siwenze – kanye nomsebenzi esiwenzayo – ukuze sakhe leso sizwe. 

Sifuna isizwe esibumbene ngokwehlukahlukana kwaso.  

Ezikhathini eziningi ezinzima ezedlule, sasebenza ngokubambisana ukufeza iphupho elilodwa.  

Ngokubambisana, saletha ukuthula nentando yeningi labantu ezweni lakithi. 

Sanqoba ubandlululo, okwakungubugebengu obulwa nobuntu obabunqabela abantu amalungelo abo, obabubancisha umhlaba wabo nezindlela zokuziphilisa futhi okwakuhlose ukubahlwitha isithunzi sabo. 

Ngokubambisana, sanqoba ubhubhane olubi kakhulu saphinde sakha kabusha izwe lethu emva kokubanjwa kombuso ngobhongwane. 

Ngokubambisana, sikwazile ukwakha izikhungo ezibalulekile ezeseka intando yeningi labantu, ezivikela amalungelo ethu ahamba phambili futhi ezikhuthaza inhlala-kahle yabantu baseNingizimu Afrika. 

Sesakhe ubudlelwano obuhle phakathi kukahulumeni namabhizinisi, umkhakha wezabasebenzi, umphakathi kanye nabalingani kwezenhlalo ukuqhuba ukukhula komnotho nentuthuko; lokhu kuyizindlela zokusebenza ngokubambisana emhlabeni jikelele. 

Abantu baseNingizimu Afrika bayaqhubeka nokusebenza ngokubambisana ukubhekana nezinselele ezibhekene nezwe kanye nokwakha isizwe esisebenzela wonke umuntu.  

Ngokuqhutshwa izifiso zabantu abazibonisa okhethweni lwangonyaka owedlule, sasungula uHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU) ukubonisa ukuthi siyakwazi ukusebenza ngokubambisana.  

Njengamaqembu epolitiki, sibeke eceleni ukungaboni ngaso linye savuma ukusebenza ngokubambisana okuzosiza abantu baseNingizimu Afrika.  

Ngesonto eledlule, samukela uHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi (i-MTDP), ecacisa ngohlelo lweminyaka emihlanu ezayo. 

Izinyathelo eziqukethwe ku-MTDP zizothuthukisa izinto ezintathu esizibeke eqhulwini:  

Okokuqala, ukuqhuba ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu nokusungulwa kwamathuba emisebenzi;  

Okwesibili, ukunciphisa inhlupheko nokubhekana nezindleko eziphezulu zokuphila;  

Okwesithathu, ukwakha umbuso onekhono lokusebenza, osebenza ngobuqotho nothuthukayo.  

Umsebenzi wethu ophuthuma kakhulu ngukukhulisa umnotho wethu ukuze sizokwazi ukusungula amathuba emisebenzi, sinciphise inhlupheko futhi senze ngcono izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.  

Ukuze siqale lo msebenzi, sidinga uhulumeni osebenzela abantu.  

Sidinga umbuso onekhono futhi okwaziyo ukusebenza, owesekelwe phezu kwezimiso Zokusebenzela Umphakathi.  
Abantu baseNingizimu Afrika bafuna uMbuso ophatha bonke abantu ngesithunzi, ubuntu nangenhlonipho.  

UMbuso onabaholi abakulungele ukusebenzela abantu bawo ngokuzinikela ngokuphelele, kanye nabasebenzi bakahulumeni abaqotho, abanamakhono nabaneziqu ezifanele.  

Ukuphumelela kulokhu, siqinisa umsebenzi wethu kwiKhomishini Yemisebenzi Yomphakathi ekuqashweni kwabantu ababalulekile abaphethe izindaba zombuso wethu, abafana naBaqondisi-Jikelele (o-DG), Amaphini o-DG, aBaphathi Abakhulu (ama-CEO) ezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni (ama-SOE), amalungu ebhodi kanye nezinye izikhundla eziphezulu.  

Sizokwethula uhlelo lokuqashwa kwabaneziqu ukuze sizoheha abantu abahlakaniphile emkhakheni kahulumeni.  

Umbuso onamakhono kufanele uqale lapho abantu behlala futhi besebenza khona.  

Emadolobhenikazi nasemadolobheni amaningi ezweni lonkana, imigwaqo ayinakekelwa, amanzi nogesi kuyaphazamiseka, udoti awulandwa kanti nendle iyazigelezela ezitaladini. 

Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi omasipala abaningi abanawo amakhono obuchwepheshe nezinsiza ezidingekayo ukuhlangabezana nezidingo zabantu. 

Omasipala abaningi abazange baphinde batshale kabusha izimali kwinzuzo abayitholile ezinsizakalweni ukuze bezonakekela ingqalasizinda.  

Kusukela kulo nyaka, sizosebenza nomasipala ukusungula izinsiza ezilawulwa ngendlela efanele zamanzi, kanye nogesi ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi kunemali eyanele kanye nokunakekelwa.  

Izinselele eziningi komasipala zidalwa indlela ohulumeni basekhaya abakheke ngayo.  

Ngakho-ke sizoqalisa izingxoxo ezibanzi ukuze sizoqala ukubuyekeza UMthetho Odingidwayo koHulumeni Basekhaya ozocacisa inhloso yamanje nelungele uhlelo lohulumeni basekhaya.  

Sizobuyekeza indlela yoxhasomali lomasipala, njengoba abaningi babo bengenayo imali ekhona. 

Sizoqhubeka sisebenze nabaholi bendabuko ekuqalisweni kwezinhlelo zokuthuthukiswa kwezindawo. 

Sizoqhubeka seseke omasipala abadinga usizo, sithathe isifundo kwi-Presidential eThekwini Working Group.  

Sibona inqubekelaphambili enkulu eThekwini, njengoba siqalisa uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda, oluvumela bonke ababambiqhaza kuhulumeni, amabhizinisi, ezabasebenzi nasezinhlanganweni zomphakathi ukuthi basebenze ngokubambisana. 

Njengoba sisebenza ukuguqula iZinsizakalo zikahulumeni siphinde sakhe amakhono oMbuso, sizoqinisa ubuchwepheshe obuzoguqula indlela uhulumeni asebenza ngayo.  

Sizotshala izimali kwingqalasizinda yedijithali yomphakathi ukuze abantu baseNingizimu Afrika bezokwazi ukufinyelela ezinsizakalweni zikahulumeni noma nini, noma kuphi ngokusebenzisa inkundla eyethulwe kabusha i-gov.za.  

Kulolu guquko, sizoqalisa uhlelo lomazisi abayidijithali. 

Lezi zinyathelo zizoguqula ubudlelwano phakathi kwezakhamuzi nohulumeni; kanye nokusungula uhulumeni owodwa okwaziyo ukufinyelela kubo bonke abantu kalula.  Sifuna isizwe esinomnotho okhulayo osebenzela bonke abantu.  

Ukuze sizoqhuba lolu tshalomali oluhle, ukukhula komnotho nemisebenzi, kufanele sifukule ukukhula komnotho ube ngaphezu kwama-3%.  

Ukukhulisa umnotho ngamazinga aphezulu, siqalisa utshalomali olukhulu kwingqalasizinda entsha, ngesikhathi silungisa futhi sinakekela ingqalasizinda esinayo.  

Sisungula izindlela ezintsha zokuxhasa ngezimali ingqalasizinda.  

Sixoxisana nezikhungo zezimali zalapha ekhaya nezamazwe ngamazwe kanye nabatshalizimali ukuze sithole izigidigidi eziyi-R100 ezizoxhasa ingqalasizinda. 

Isikhathi sokufakwa kwezicelo zomklamo sesivuliwe ukuze kuzosheshiswa ukulungela utshalomali. 

Lokhu kubandakanya imithethonqubo ebuyekeziwe yokusebenzisana kukahulumeni nomkhakha ozimele, okuzoletha ubungoti bomkhakha ozimele kanye noxhasomali. 

Uhulumeni uzochitha ngaphezu kwezigidigidi ezingama-R940 kwingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo. 

Lokhu kufaka phakathi izigidigidi ezingama-R375 ezizosetshenziswa kuma-SOE. 

Lolu xhasomali luzovuselela imigwaqo yethu namabhuloho, lwakhe amadamu nemigudu yamanzi, lushintshe amachweba ethu nezikhumulo zezindiza zibe ngezesimanjemanje, luphinde lunike amandla umnotho wethu. 

NgoXhasomali Lwengqalasizinda, imiklamo yezezimali yenani elicishe libe izigidigidi ezingama-R38 igunyaziwe ngonyaka owedlule. 

Lena yimiklamo yamanzi nokuthuthwa kwendle, izindawo zokuhlala abafundi, ezokuthutha, ezempilo kanye nogesi.  

Ukwakhiwa kwebhuloho i-Mtentu Bridge kuyaqhubeka.  

Leli bhuloho lizoba ngaphezu komfula phakathi kwe-Port Edward neLusikisiki; futhi lizoba yilona bhuloho elidekazi e-Afrika. 

Idamu i-Polihlali Dam lizophakela amanzi angama-cubic metres ayizigidi ezingama-490 ngonyaka asuka e-Lesotho Highlands aye e-Vaal River, nokuzoqinisekisa ukuthunyelwa kwamanzi ezifundazweni eziningana iminyaka eminingi ezayo. 

Sisebenzisana nababambiqhaza bamazwe ngamazwe, sivuselela amachweba amancane futhi sivula amathuba omnotho emiphakathini esogwini. 

Kancane kancane siyayisusa imigoqo sibheke ekukhuleni komnotho okusheshayo. 

Izinguquko kwezomnotho esiziqalisayo ngomkhankaso we-Operation Vulindlela sezakhe ithemba elisha nokuzethemba emnothweni wethu. 
 
Sesenze inqubekelaphambili ekwakheni kabusha nasekumiseni kabusha izimboni zenethiwekhi eziningi.  

Sibona imiphumela emihle ekusebenzeni kangcono kwezimboni zethu zenethiwekhi kanjalo namathuba otshalomali avulekayo futhi asetshenziswa ngabatshalizimali, okuholela ekusungulweni kwamathuba emisebenzi.  

Ngokusebenzisana namabhizinisi, umkhakha wezabasebenzi kanye nababambiqhaza emphakathini kufanele manje siwuphothule lo msebenzi.  

Enyakeni ozayo, sizoqalisa isigaba sesibili soguquko nokuzovula okunye ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu.  

Okwamanje esisagxile kukho ukuvumela i-Eskom, i-Transnet namanye ama-SOE abalulekile emnothweni wethu ukuthi asebenze ngendlela efanele.  

Sihlela kabusha lezi zinkampani ukuze zizohlinzeka ingqalasizinda esezingeni lomhlaba ngesikhathi ivumela ukuncintisana ekusebenzeni, kungaba ekuphehlweni kukagesi, ekuthuthweni kwempahla noma kumachweba. 

Siyaqhubeka noguquko olubalulekile lwama-SOE ethu ukuqinisekisa ukuthi ayakwazi ukugcwalisela igunya lawo lezenhlalo nelezomnotho. Lokhu kubandakanya umsebenzi oqhubekayo wokumisa ngomumo indlela entsha yokuqinisa ukulawulwa nokwenganyelwa kwezinkampani zikahulumeni.  

Sizoqinisekisa ubunikazi bukahulumeni kumasu engqalasizinda ukuze kuzozuza umphakathi ngesikhathi sithola izindlela ezintsha zokuheha utshalomali oluzimele oluzokwenza ngcono izinsizakalo futhi luqinisekise ukuthi imali kahulumeni igxile ekuhlinzekeni izidingonqangi zomphakathi. 

Siyaqalisa sisungula i-SOE Reform Unit ezinikele ezolawula ukuqhubeka kwalo msebenzi.  

Izinyathelo esiziqalisile ngoHlelo Lukagesi sezinciphise ubunzima nobuningi bokucimakonga kukagesi, nosekube izinsuku ezingaphezu kwezingama-300 kungenakucimakonga kusukela ngoNdasa 2024. 
 
Ngesikhathi ukubuya kokucimakonga kwezinsuku ezimbili ngesonto eledlule kwakuyisikhumbuzo sokuthi ugesi wethu usalokhu uthwele kanzima, sisalokhu sisemgudwini omuhle.  

Manje sidinga ukuthi siqede nya ngokucimakonga ngokuthi siqedele izinguquko esizenza ohlelweni lukagesi ukuqinisekisa ukuthi ugesi uyatholakala isikhathi eside.  

UMthetho Ochibiyela Ukulawulwa Kukagesi, owaqaliswa mhla lu-1 kuMasingana, usho ukuqala kwesikhathi esisha.  

Kulo nyaka, sizobeka ngomumo izinto zokwakha imakethe encintisanayo kagesi. 

Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kuzovumela izinkampani ezehlukahlukene eziphehla ugesi ukuthi siqhamuke futhi zincintisane. 

Sizonxenxa utshalomali lomkhakha ozimele kumanethiwekhi wethu athumela ugesi ukuze kuzofakwa omunye ugesi omningi ovuselelekayo kwigridi.  

Njengoba senza izinguquko ohlelweni lethu lukagesi, siyaqhubeka nokwakha ubudlelwano namazwe amaningi emzamweni womhlaba wokunqanda umphumela omubi wokuguquguquka kwesimo sezulu. 

UHlelo Lwethu Lokuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo luthola umfutho. 

Angaphezu kwezigidigidi eziyi-13 amadola aseMelika asethenjiswe ngumphakathi emhlabeni jikelele kanye noxhasomali lomkhakha ozimele olufakwa lapha ekhaya.  

Sizimisele ukufeza izethembiso zethu zokunciphisa ikhabhoni futhi sizokwenza lokho ngezinga nangesivinini izwe lethu elizolimela. 

Sivuselela kabusha amachweba nojantshi bezitimela ngohlelo loMhlahlandlela Wezothuthwa Kwempahla, nokuzosiza uxhasomali lomkhakha ozimele ukuthi luwavuselele abe sezingeni lomhlaba.  

Ukusebenza kwe-Transnet sekuzinzile futhi kuya ngokuba ngcono. 

Sakhipha iSitatimende seNethiwekhi ngoZibandlela 2024, okuzoba ngokokuqala ukuthi sivumele abashayeli bezitimela abazimele basebenzise ojantshi bezitimela. 

Ukuvuleleka kojantshi bezitimela kuzovumela izinkampani zezitimela ukuthi zenyuse inani lezimpahla ezithuthwa ngezitimela, ngesikhathi ingqalasizinda yethu yenethiwekhi isalokhu ingaphansi kukahulumeni. 

Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izimbiwa zabantu baseNingizimu Afrika, izimoto nemikhiqizo yezolimo kuyafinyelela ezimakethe zomhlaba, kusungule amathuba emisebenzi futhi kungenise imali edingekayo ezimalini zezwe. 

Ama-crane amasha neminye imishini yasechwebeni kuyathengwa ukuze kuzoshesha ukulayishwa nokwehliswa kwempahla futhi kunciphe izikhathi ezilindwa yimikhumbi emachwebeni ethu. 

Uma siqhubekela phambili ngohlelo lokuletha izinguquko, okubalulekile okuseqhulwini ngukuqinisekisa ukuthunyelwa kwamanzi okuthembekile ezweni lonkana.  

Abantu abaningi emadolobheni nasemakhaya babhekene nokushoda kwamanzi izikhathi eziningi ngenxa yengqalasizinda yamanzi engasebenzi kahle.  

Akuphileki ngaphandle kwamanzi futhi akwenzeki ukuthi umnotho ukhule ngaphandle kwamanzi. 

Ngakho-ke sithatha izinyathelo zokuxazulula inkinga yamanzi, ukuze sizokwazi ukuthi abantu bakithi bathole amanzi lapho behlala khona, kungaba semalokishini noma ezindaweni ezisemakhaya.  

Sisebenza kakhulu ekukhuliseni imithombo yethu yamanzi. Uma sivakashela izindawo eziningi, sithola ukuthi abantu abadala bakhalaza ngokuswela amanzi. Basitshela ngokuthi amanzi ayindlala kanjani ezindaweni abahlala kuzo. Bacela uhulumeni ukuthi abalethele amanzi. Yebo, sizokwenza konke lokho. Yazini ukuthi amanzi azofika kunina noma yikuphi lapho nihlala khona. Nizowathola.

Kuze kube manje, iSikhwama soXhasomali Lwengqalasizinda sesithole izigidigidi ezingama-R23 zemiklamo emikhulu eyisikhombisa yengqalasizinda yamanzi.  

Sikuqedile ukusilela emuva emiklamweni emikhulu yengqalasizinda yamanzi njengeSigaba sesiBili soMklamo Wamanzi we-Lesotho Highlands naseMkhomazi Dam.  

Umsebenzi uyaqhubeka ukulungiselela ukwakhiwa kwe-Ntabelanga Dam eMzimvubu River ukuze kuzothunyelwa amanzi engeziwe azosetshenziswa emakhaya kanye nokunisela eMpumalanga Kapa. 

Ngonyaka ozayo, sizophothula ukusungulwa kwe-Ejensi Kazwelonke Yengqalasizinda Yemithombo Yamanzi ezovula amathuba amaningi otshalomali lwemiklamo yamanzi.  

Ngokusebenzisa uMthethosivivinywa Ochibiyela Izinsizakalo Zamanzi, sizokwethula uhlelo lwamalayisensi kubahlinzeki bezinsizakalo zamanzi siphinde sithathe amalayisensi uma abahlinzeki bengahlangabezani nemibandela yokuletha amanzi aphuzwayo ahlanzekile. 

Njengengxenye yohlelo lwenguquko, sizoqhubeka nokuthuthukisa uhlelo lwethu lwe-visa ukuze kuzoba lula ukuthi abantu abanamakhono batshale izimali ezweni lethu nokuthi sikhulise umkhakha wezokuvakasha.  

Kulo nyaka, sizokwethula uHlelo Lobuchwepheshe Lokugunyaza Ukuvakasha oluzoletha inqubo yokufaka izicelo zama-visa edijithali ephephile.  

Lolu hlelo luzosebenzisa i-AI nomshini ozenzelayo ukunciphisa ukukhwabanisa futhi luvumele isikhathi esisheshayo sokugunyazwa kwama-visa ezivakashi.  

Sesiqede ukusilela emuva okungama-90% kwezicelo zama-visa angaphezu kwezi-300 000.  

Lezi zinguquko zithumela umyalezo oqinile wokuthi iNingizimu Afrika ivulelekele amabhizinisi nezokuvakasha. 

Sifuna isizwe lapho impumelelo namathuba abantu bonke babelana ngawo. 

Iminyakashumi eminingi umnotho wethu ububuyiselwa emuva ngokukhishwa inyumbazana kweningi labantu baseNingizimu Afrika.  

Abantu abamnyama baseNingizimu Afrika babencishwe umhlaba, imali yokuqala amabhizinisi, amakhono kanye namathuba.  

Umnotho wethu bewuncishwe ithuba lokuthi abantu babonise amakhono abo, futhi kungakho sidinga ukuguqula umnotho wethu siwenze ubandakanye bonke abantu.  

Yingakho sigxile ekuthuthukiseni abantu abamnyama, abesifazane nabantu abaphila nokukhubazeka ngoba babekhishelwe eceleni ngamabomu ekudlaleni indima ebalulekile emnothweni wezwe labo.  

Sizovula isikhwama soxhasomali lwenguquko oluzoba yizigidigidi ezingama-R20 ngonyaka iminyaka emihlanu ezayo, ukuze kuzoxhaswa amabhizinisi abantu abamnyama namancane.  

Sizosheshisa inqubo yoMthetho Wokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo Zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi aphethwe ngabesifazane, intsha nabantu abaphila nokukhubazeka athola amathuba alinganayo kwizinkontileka zikahulumeni. 

Sizoqhubeka nokuqeqesha osomabhizinisi besifazane ukuze bezokwazi ukuncintisana kumathenda kahulumeni.  

NgoLwezi ngonyaka owedlule, sethula uHlelo Lukazwelonke Lwesikhwama Soxhasomali Lwabantu Abaphila Nokukhubazeka. 

Esigabeni sokuqala, lolu hlelo luzothuthukisa abantu abaphila nokukhubazeka abayizi-10 000 ngezinhlelo zokuqeqeshwa ezenzelwe bona, imadlana ezobasiza kanye namathuluzi akhethekile. 

Le ngxenye yomsebenzi kufanele siyenze njengamabhizinisi, uhulumeni, umkhakha wezabasebenzi kanye nomphakathi ukuze sizovumela abantu abaphila nokukhubazeka ukuthi badlale indima ebalulekile emnothweni wezwe lethu. 

Ngalezi zinhlelo, asilungisi nje kuphela okonakele, kodwa siveza lokho okungenziwa umnotho wethu ukuze ukhule ngokusimeme. Sifuna isizwe lapho wonke umuntu enomsebenzi, lapho wonke umuntu ezophila kahle futhi bazi amakhono abo.  

Lapho amalungelo abasebenzi evikelwa futhi nezimo zokusebenza zenziwa ngcono, lapho abesifazane nabesilisa bekhokhelwa ngokulingana ngomsebenzi olingene inkokhelo. 

Sidinga ukuqinisekisa ukuthi ukukhula komnotho kusungula amathuba emisebenzi awowonke umuntu, ikakhulukazi abantu abasha. 

Impumelelo yoHlelo Lukamongameli Lokusungula Amathuba Emisebenzi ibonisa ukuthi izinhlelo zikahulumeni zokusungula imisebenzi zingasungula kanjani imisebenzi engcono eletha inzuzo futhi efaka igalelo kwimisebenzi esimeme.  

Uhlelo lokusungula amathuba emisebenzi selusungule imisebenzi ecishe ibe izigidi ezi-2.2 nezindlela zokuziphilisa ngezindlela eziletha umsebenzi osezingeni eliphezulu.  

ISikhwama Sokusungula Imisebenzi Emphakathini sesisungule imisebenzi engaphezu kwezi-80 000 kulo nyaka. 

Sesisize abantu abangaphezu kwezi-12 000 ukuthi benze imisebenzi yezamabhizinisi. 

Ngonyaka owedlule, abantu abasha bathola amathuba emisebenzi ayizi-235 000 ngohlelo lwe-National Pathway Management Network, olusebenza ngenkundla ye-SAYouth.mobi.  

Manje sesidinga ukwakhela phezu kwalezi zinhlelo ezintsha ukuze sizosungulela intsha imisebenzi ngobuningi.  

Ukuze kusungulwe amathuba emisebenzi, kufanele sisebenzise amandla ethu ahlukile kanye namakhono afihliwe ukuze sizokwakha izimboni zakusasa – ukukhiqizwa kwemikhiqizo enganukubezi imvelo, ugesi ovuselelekayo, izimoto zikagesi kanye nomnotho wedijithali. 

Kulo nyaka, sizophothula inqubomgomo yezimboni zesimanje nephelele ezoqhuba ukukhula komnotho. 

Sizokufeza lokhu ngokuthi sigxile emathubeni okuthuthukisa imikhiqizo yakuleli, ukukhulisa amabhizinisi, ukuguqukela kudijithali kanye nokunciphisa ikhabhoni. 

Sisebenza ukuqalisa ngokuphelele iNkundla Yase-Afrika Yokuhwebelana Mahhala, ezoqeda imigoqo yokuhweba ezwenikazini lethu. 

Njengezwe elihamba phambili elinomnotho othuthukisa izimboni e-Afrika, sizibeka ethubeni lokuba phakathi kule makethe entsha ekhulayo. 

Sisebenzisa ilanga nomoya ukwenza izwe lethu ukuthi lihambe phambili kwezamandla avuselelekayo nokukhiqiza imikhiqizo enganukubezi imvelo.  

Ngezindathane zikagesi oshibhile, nonganukubezi imvelo, singakhiqiza imikhiqizo ekwaziyo ukuncintisana noma ikuphi emhlabeni futhi sisungule amakhulu nezinkulungwane zemisebenzi emihle.  

Sisebenzisa ngendlela esimeme ukunotha komhlaba waseNingizimu Afrika.  

Ngokweseka abalimi bakithi, ukuthuthukisa izindlela zokuthuthwa kwempahla nezokuhambisa impahla ezindaweni zasemakhaya, nokuvula izimakethe ezintsha ezizothumela imikhiqizo kwamanye amazwe, singakhulisa kakhulu umkhakha wethu wezolimo.  

Sifuna ukuthi iNingizimu Afrika ihambe phambili ekukhiqizeni imikhiqizo yokudayisa yensangu.  

Sihlela kabusha imboni yethu yezimayini, esalokhu ingenye yezipho zethu ezibalulekile futhi eziyigugu.  

Sisaqhubeka kahle ngokuqalisa indlela yamalungelo amasha, esimanje nasobala ezimayini, azovula utshalomali ekuhlolisiseni nasekukhiqizeni.  

Sizolungisa inqubomgomo evumela isimo kanye nohlaka lokulawula izimbiwa ezibalulekile. 

Ngokuzuzisa lezi zimbiwa lapha eNingizimu Afrika, singasebenzisa ingcebo emangalisayo esemhlabathini wethu ukuze kuzuze abantu bakithi. 

Okuligugu okudlula izimbiwa zethu ukwehlukana, umdlandla nethalente labantu baseNingizimu Afrika.  

Umkhakha wezinsizakalo manje usuyingxenye enkulukazi yomnotho wethu, kusuka kwizinsizakalo zezimali kuya ezitolo, ekuphathweni kwezivakashi, ezokuvakasha kanye nemboni ekhulayo yobuciko.  

Imboni yezokuvakasha ikhula ngesivinini, nabavakashi abacishe babe yizigidi eziyisishiyagalolunye abavakashele izwe lethu ngonyaka owedlule. 

Sizokhulisa ezokuvakasha ngezinguquko zama-visa, ngokwandisa inani lezindiza eziya ezindaweni ezibalulekile, kanye nokukhangisa iNingizimu Afrika njengezwe elihamba phambili emhlabeni elivakashelwayo.
 
Siphinde sabona ukukhula ngamandla kwizinsizakalo zedijithali nokusizwa ngokuqhutshwa kwamabhizinisi, okuholele ekusungulweni kwemisebenzi kubantu abasha.  

Ukweseka lokhu kukhula komnotho, sibheke kakhulu ukuthuthukiswa kwamakhono ezimbonini zakusasa.  

ISikhwama Sokufukula Imisebenzi sesisungule indlela entsha exhumanisa uxhasomali lwamakhono adingeka kakhulu ukuze abantu abasha bezofakwa emisebenzini.  

Sandisa ukwesekwa kwamabhizinisi amancane naphakathi kanye nomnotho ongahlelekile, okuyiwona osimamise imisebenzi eyizigidi nezindlela zokuziphilisa ezweni lonkana.  

Lokhu kubandakanya ukumisa ngomumo uxhasomali lwamabhizinisi amancane, ukukhipha izimali zokuqala amabhizinisi, kanye nokwakha isimondawo sokusebenza esivumela amabhizinisi angahlelekile kunokuwavimbela.  

Ukuze sakhe umnotho omusha, uMnyango Wesayensi, Ubuchwepheshe Nokuqamba Kabusha uzosungula iSikhwama Sokuqanjwa Kwezinto Ezintsha esizohlinzeka ngemali yokuqala amabhizinisi kulabo abasuka ezikhungweni zethu zemfundo ephakeme.  

Sicela amabhizinisi ukuthi asebenzise inkundla i-SA Youth.mobi, enabantu abasha abayizigidi ezi-4.5 ababhalisile, ukuze baqashwe. 

Sicela amabhizinisi ukuthi eseke i-Youth Employment Service kanye nokwenyusa amathuba okufunda ikhono lomsebenzi kulo nyaka ozayo.  

Sifuna isizwe lapho kungekho noyedwa olambayo.  

Iminyaka engama-30, kusukela ekuqaleni kwentando yeningi labantu, besisebenza ngokubambisana ukunciphisa inhlupheko.  

Namuhla, sisebenzisa cishe ama-60% esabelomali sikazwelonke ezimalini ezikhokhelwa umphakathi, ezempilo, imfundo, ukuvikelwa komphakathi, ukuthuthukiswa komphakathi kanye nezinhlelo zokusungula imisebenzi emphakathini.  

Abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-28 abangasebenzi nababuthakathaka bathola izibonelelo zikahulumeni.  

Abafundi abangaphezu kwezigidi eziyi-10.5 bafunda ezikoleni zikahulumeni lapho befunda khona mahhala.  

Ngonyaka owedlule, abafundi abangaphezu kwezi-900 000 abaphuma emakhaya ahluphekayo nawalabo abasebenzayo bathola uxhasomali lokuyofunda emanyuvesi nasemakolishi.  

Ngalezi zinhlelo, siqeda ubunzima obudalwa ukuhlupheka.  

Sihlinzeka ngezindlela abantu baseNingizimu Afrika abanganqoba ngazo inhlupheko esilokhu idluliselwa kubo ngesizukulwane ngesizukulwane.  

Kodwa kufanele senze okuningi uma sifuna ukuqeda inhlupheko. 

Kufanele senze okukhulu ukuqinisekisa ukuthi abesifazane ikakhulukazi, abasabhekani nobunzima bokondla nokugqokisa abantwana babo. 
 
Ngesikhathi uhulumeni ebhekele kakhulu ukweseka abantu abahluphekayo nabangasebenzi, lezi zinhlelo zihlukene kakhulu futhi ngezinye izikhathi kunzima ukufinyelela kuzona.  

Ngakho-ke sakha uhlelo oluhlanganisile lokweseka abantu abahluphekayo nabangasebenzi.  

Siqinisa izinhlelo ezikhona kusuka ekuthungatheni umsebenzi kuya ekuqashweni komphakathi nasekuqinisekiseni ukuthi zizonke lezi zinhlelo zihlinzeka abantu ngezindlela zokuphuma ekuhluphekeni.  
Kunokuthi silindele labo abadinga usizo ukuthi kube yibo abaya kuma-ejensi kahulumeni ahlukahlukene ngayedwana, isakhamuzi kufanele sikwazi ukuya endaweni eyodwa sithole lonke usizo esiludingayo.  

Ukuvikela lokho esakuzuza kusukela ngowe-1994 ekuthuthukiseni amalungelo ezingane, maduze sizoqalisa iQhingasu Likazwelonke Lamalungelo Ezingane, elizogxila kumaphuzu abalulekile ayi-10 kufaka phakathi nokunciphisa inhlupheko, ukuvikelwa kwezingane kanye nokungondleki kwezingane. 

ISibonelelo Senhlalo siyindlela ebalulekile yokulwa nenhlupheko. 

Sizosebenzisa lesi sibonelelo njengesisekelo sokwethula indlela esimeme yokusiza ngemali engenayo kubantu abangasebenzi.  

Okungummongo wemizamo yethu ngukuthi siqede inhlupheko futhi sithuthukise umnotho wethu nokunikezela ngemfundo efanele, esezingeni kuwona wonke umuntu osemusha eNingizimu Afrika. 

Siyazigqaja ngempumelelo yabafundi bakaMatikuletsheni bangowezi-2024, abaphase ngezinga elingaphezulu emlandweni wezwe.  

Abafundi abangamaphesenti angamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa ababhale izivivinyo zabo zikamatikuletsheni baphasile.  

Kungokokuqala ngqa emlandweni waleli lizwe, ukuthi cishe isigamu salaba bafundi baphase ngo-Bachelor.  

Akukho okuzofipheza ukuziqhenya kwethu ngomsebenzi omkhulu walaba bafundi kanye nosizo lothisha babo, abazali nomphakathi wonkana.  

Sigxile kakhulu ekutheni zonke izingane zikwazi ukufinyelela ohlelweni lokuthuthukiswa kwabantwana (i-ECD). 

Lokhu sizokwenza ngokuthi zonke izikhungo ze-ECD ezikhona zibhaliswe futhi kuqinisekiswe ukuthi zinezindawo, ukuqeqeshwa kanye nezinsiza ezizidingayo ukuze zizohlinzeka ngokufunda okusezingeni. 

Sizogxila ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantwana bayakwazi ukufunda eSigabeni Sokuqala ukubalungiselela impumelelo eminyakeni ezayo. 

Ukuze sizophumelela kulokhu, siqalisa ukufunda ngezilimi ezimbili okunolwimi lwebele ukuze sizokwenza ngcono imiphumela yokufunda nezibalo kanye nokuhlelwa kwezifundo, ukufundwa kwezincwadi kanye nezinye izingenelelo osekubonakele ukuthi ziyasebenza. 

UMfundaze we-Funza Lushaka uzoqhubeka nokubeka phambili abafundi abafuna ukuqhubeka nezifundo zobuthishela eSigabeni Esiyisisekelo. 

Ngonyaka owedlule, sasayina uMthetho Ochibiyela Imithetho Yemfundo Eyisisekelo, obaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi imfundo iyatholakala futhi ngeyawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika.  

Kulo nyaka, uNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo uzokwethula inqubomgomo kazwelonke, izimiso nezindinganiso kanye nemithethonqubo ezonika amandla ababambiqhaza kwezemfundo eyisisekelo ukuze kuzokwesekwa ukuqaliswa koMthetho. 

Ukuqinisekisa ukuthi umnotho unamakhono owadingayo, senyusa ukukhiqizwa kwezingcweti zamakhono ngokusebenzisa amakolishi Aqeqesha Amakhono Nemisebenzi Yezandla (ama-TVET). 

Lena yingxenye yoguquko esiluthathayo ekuthuthukiseni imfundo namakhono okuhlanganise ukufunda nokuqeqeshelwa umsebenzi. 

Ngokususela kwizindlela esezifakazeliwe ukuthi ziyasebenza kwamanye amazwe, sicela umkhakha ozimele ukuthi unikeze abantu abasha amathuba okufunda umsebenzi ngesikhathi besaqhuba izifundo zabo. Siqalisa iSigaba Sokuqala soHlelo loxhasomali Lwabafundi Emfundweni Ephakeme ukuze kuzobhekanwa nezidingo zalabo "abebeshiyeke ngaphandle".  

Lolu hlelo luzosiza cishe abafundi abayizi-10 000 abenza unyaka wokuqala. 

Sifuna isizwe esinokunakekela kwezempilo okulinganayo kubantu bonke.  

Kulo nyaka, sizoqhubeka nomsebenzi wokulungiselela ukusungulwa koMshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI). 

Lokhu kubandakanya ukusungulwa kwesigaba sokuqala sokugcinwa kwemininingo ngobuchwepheshe be-elekthronikhi, umsebenzi wokulungiselela ukusungulwa kwamaKomidi Eluleka uNgqongqoshe ngobuchwepheshe bezempilo kanye nezinzuzo zokunakekelwa kwezempilo, kanye nohlaka lokugunyaza abahlinzeki bezinsizakalo zezempilo. 

I-NHI izonciphisa ukungalingani kwezokunakekelwa kwezempilo ngokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola ukwelashwa okuyikho.  

I-NHI izosindisa izimpilo zabantu abaningi ngokuthi ibe nezinhlelo zezinsizakalo ezifaka, isibonelo, impilo yomama abakhulelwe nokunakekelwa kosana kanye nezinsizakalo zabantu abaphila ne-HIV ne-AIDS, isifo sofuba (i-TB) kanye nalabo abaphethwe izifo ezingamahlalakhona ezifana nesifo senhliziyo, umdlavuza nesifo sikashukela. 

Esikubeke eqhulwini ngukuqinisa uhlelo lwezempilo nokuthuthukisa izinga lokunakekela. 

Ingxenye ebaluleke kakhulu ngukuguqula izikhungo zezempilo ezikhona zibe ngezesimanjemanje, zisebenze kangcono futhi zinakekelwe kanye nokwakhiwa kwezibhedlela ezintsha nemitholampilo.  

Iningi lezibhedlela ziyakhiwa noma ziyavuselelwa. Singabala i-Limpopo Central Hospital kanye ne-Siloam District Hospital e-Limpopo, i-Dihlabeng Regional Hospital eFreyistata, iBambisana District Hospital neZithulele District Hospital eMpumalanga Kapa, kanye ne-Bophelong Psychiatric Hospital eNyakatho Ntshonalanga. 

Eminye imiklamo isezigabeni ezehlukene zokudwetshwa nokuqaliswa. Singabala ukwakhiwa kabusha kwezibhedlela ezindala ezintathu, izibhedlela ezintsha ezintathu ezisenkabeni yedolobha, izibhedlela ezintsha zesifunda ezinhlanu, izikhungo zezempilo zomphakathi ezinhlanu kanye nesibhedlela esisha sabagula ngengqondo.  

Ukwenza ngcono ukuphatheka kweziguli, sibhekele kakhulu ekunciphiseni izikhathi ezilindwa yiziguli, ukuhlanzeka kanye nokuziphatha kwabasebenzi ezikhungweni zezempilo zomphakathi. 

Sikhuthazwa yinqubekelaphambili enkulu esiyenziwe yizwe ekuqedeni i-HIV ne-AIDS njengento ebeka engcupheni ezempilo zomphakathi. 

Ngokuphela kukaNdasa 2024, ama-96% abantu abaphila negciwane le-HIV bebesazi isimo sabo, ama-79% abo laba bantu bebethatha imishanguzo bese kuthi ama-94% alabo ebebethatha imishanguzo igciwane likwazile ukutheneka amandla. 

Ukuqinisekisa ukuthi siyafinyelela kwisilinganiso esizibekele sona sika-95-95-95, kulo nyaka sizokwethula umkhankaso omkhulu wokubheka abanye abantu abayisigidi esi-1.1 abangakaqali ukuthatha imishanguzo. 

Sikhathazekile ngomphumela ongadalwa yisinqumo sikahulumeni waseMelika sokunqamula ingxenye yoxhasomali layo lwezinhlelo ze-HIV ne-TB emazweni ase-Afrika izinsuku ezingama-90. Lolu xhasomali lubhekelele ama-17% emali esetshenziselwa i-HIV kuleli lizwe. Besilokhu sikwazi ukuxhasa izinhlelo ze-HIV ne-TB ngezimali zethu eminyakeni edlule. Sibheka izingenelelo ezehlukahlukene zokubhekana nezidingo zamanje kanye nokuqinisekisa ukuqhubeka kwezinsizakalo ezibalulekile.

Ukubhekana nendaba yokungalingani, sidinga ukulungisa uhlelo lobandlululo lokuhlaliswa kwabantu, olwashiya amadolobha ethu nesilonda futhi lwaphoqa abantu abaningi ukuthi bahlale kude nasezindaweni zomsebenzi namathuba.  

Sesakhe izindlu eziyizigidi kusukela ngowe-1994, saletha ukuphepha nesithunzi emakhaya ahluphekayo, kodwa ukwakhiwa kwezindlu ezindaweni zasedolobheni kugqugquzele ukungalingani kanye nokukhula kwenani labantu elithutheleka emadolobheni.  

Ukuya phambili, sizokwakha izindlu eziningi ezinkabeni zamadolobha naseduze kwezindawo zomsebenzi namathuba amabhizinisi.  

Sihlela kabusha uxhaso lokwelekelela abathenga izindlu siphinde sifake kakhulu uxhasomali ezinhlelweni ezivumela abantu ukuthi bathenge noma barente amakhaya ezindaweni ezithandwa yibona.  

Sizokhipha ezinye izakhiwo zikaHulumeni ezingasetshenziswa ukuze kuzokwakhiwa izindlu zokuhlala ezingambi eqolo. 

Sisebenzisana nezifundazwe namadolobha amakhulu ukubuyisa amabhilidi ayethathwe ngodli ezinkabeni zamadolobha bese siwalungisa kabusha ukuthi asetshenziswe ngumphakathi. 

Sizohlinzeka ngezitende ezilungele ukwakha eziyizi-300 000 kulabo abafanelekile ukuze bezokwakha amakhaya emiphakathini ehlelwe kahle, exhumene kahle nemigudu ebalulekile eletha intuthuko.  

Sizoqeda ukusilela emuva kwamatayitela ezindlu zomxhaso, okuzokwenza amakhaya abe yimpahla eyigugu ebalulekile.  

Sizobuyekeza ukusetshenziswa komhlaba, ukwakha neminye imithethonqubo ukuvumela ukwakhiwa kwezindlu okungambi eqolo, kubandakanya nokwakhiwa kwamagumbi ngemuva emakhaya.  

Lokhu kusho ukucabanga ngokuthi uhulumeni uziletha kanjani izindlu ngesikhathi eguqula amadolobha ukuthi abe izinjini zokukhulisa umnotho nokuletha amathuba.  

Ekwenzeni ukuthi amadolobha ethu asebenzele abahlali, sizolungisa ojantshi bezitimela abasele kanye neziteshi ukuthi zisebenze ngokuphelele. Bangaphezu kwama-80% ojantshi bezitimela asebesebenza ngokuphelele.  

I-Ejensi Yabagibeli Bezitimela yaseNingizimu Afrika (i-PRASA) seyethule izitimela ezingaphezu kwama-200 zesimanjemanje, ezakhiwe kuleli ukuze zizohlinzeka ngezokuthuthwa komphakathi okungambi eqolo.  

Eminyakeni emihlanu ezayo, sizolungisa uhlelo lwezimpawu lwaka-PRASA ukuze sizokwazi ukufaka zonke izitimela zethu ezintsha zisebenze nokuthi abagibeli baqinisekiswe ukuthi bazofika emisebenzini bephephile, nangesikhathi ngamanani aphansi. 

Sifuna isizwe lapho kuphephe khona wonke umuntu. 

Amaphoyisa ayaqhubeka nokusebenzisana namanye ama-ejensi ezokuthotshelwa komthetho ukuhlakaza amaqembu ezigebengu nokuqeda ubugebengu bezezimali nobunodlame. 

UPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika asebenzisana namaphoyisa kamasipala kanye nemiphakathi ukulwa nobugebengu ezifundazweni ezihamba phambili lapho ubugebengu budlange kakhulu khona. 

Siqinisa umkhankaso we-Operation Shanela, obe nempumelelo ekuboshweni kwabasolwa, kwatholakala nezibhamu kwaphinde kwashaqwa nezimoto ezebiwe. 

Kufanele sisiqede isihlava sodlame lwezibhamu esesihlasele imiphakathi yethu iminyakanyaka. 
Ngicele uNgqongqoshe kanye noKhomishana Kazwelonke Wamaphoyisa ukuthi babeke phambili ukuncishiswa kobugebengu nodlame oluhlobene nezibhamu, lokhu kubandakanya ukugwema ukudluliselwa kwezibhamu ngokungekho emthethweni kanye nokuthi kutholakale izibhamu ezingekho emthethweni ezisabalele emphakathini. 

Siyazi futhi sinobufakazi futhi sizibonele ukuthi lena yiyona ndlela esebenzayo yokunciphisa udlame nobugebengu. 

Izinsizakalo Zabaphenyi, ezibaluleke kakhulu ekuxazululweni kwamacala, zizokwengezwa ngabaphenyi abayizi-4 000 ngenqubo yangaphakathi yokuqasha. 

Sisebenza ukuthi sithole izindlela zokuphenya amacala zokugada, zokuhlaziya nezobuchwepheshe ezizosetshenziswa kwezokuthotshelwa komthetho. 

Sikubonile ukubaluleka kobuchwepheshe ekulweni nobugebengu. 

Ngokusebenzisa i-AI ekutholeni ukukhwabanisa nokuqinisekisa umsebenzi, uMnyango Wabaqoqintela eNingizimu Afrika usugweme ukuputshuka okungaphezu kwezigidigidi ezingama-R95 emalini okumele ibuyiselwe emuva ebingagunyaziwe, wabuyisa izigidigidi ezingama-R20 emalini yentela yaphinde yahlakaza uhlelo lobugebengu logwayi womgunyathi negolide. 

Siyaqhubeka nokusebenza emiphakathini yonkana ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane. 

Sigunyaze uMkhandlu Kazwelonke woMthetho Wodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane, okuholela ekusungulweni kwenhlangano kazwelonke ezobhekela indlela ehlanganisiwe yokubhekana nale nkinga. 

Sizoqinisekisa ukuthi umkhandlu usebenza ngokuphelele futhi unakho konke okudingayo. 

Sizoqhubeka siqinise ukwesekwa kwabagilwa bodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile (i-GBV). 

Njengamanje sinama-Thuthuzela Care Centre angama-65 ezweni lonkana. 

Ezifundeni ezingama-52 kuleli lizwe, ezingama-44 zinezikhungo zokukhosela abagilwa be-GBV.  

Iziteshi zamaphoyisa kuleli lizwe zinezinhlelo zokusiza abagilwa, kanye nezinkantolo eziyi-16 eziqula amacala ezocansi zizosungulwa kunyakamali olandelayo. 

Sifuna isizwe esingenayo inkohlakalo. 

Ngonyaka owedlule, sasungula UPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala Enkohlakalo njengophiko oseluzoba khona unomphela ngaphakathi kuPhiko Lokushushisa Lukazwelonke, olubhekelele ukuphenya nokushushisa amacala aphezulu enkohlakalo.  

Sizoqinisekisa ukuthi lolu phiko lunazo zonke izinsizakusebenza futhi luyakwazi ukuthola yonke imininingo eyidingayo ukuze lushushise amacala okubanjwa kombuso ngobhongwane futhi lwenze ukuba bonke abathintekayo bayaphendula.  

Sisungula ilebhu esezingeni lomhlaba ehlaziya ngokwedijithali ezosiza ekuphenyeni inkohlakalo enzima nobugebengu bezezimali ezoba namathuluzi ezinga eliphezulu nobungoti.  

Kancane kancane siya phambili ngokuqaliswa kwezincomo zeKhomishini Ephenya Ngokubanjwa Kombuso Ngobhongwana, kanye nokusayinwa kwezinguquko zomthetho eziningana zibe ngumthetho.  

UPhiko Oluphenya Amacala Akhethekile noPhiko Lokushaqwa Kwempahla lubike ukuthi kubuyiswe izigidigidi ezingaphezu kwe-R10 emacaleni ahlobene nokubanjwa kombuso ngobhongwane. 

Kulo nyaka, uMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo uzokwethula umbiko ngokubuyekezwa kohlaka lokulwisana nenkohlakalo loMkhandlu Kazwelonke Onikeza Izeluleko Zokulwisana Nenkohlakalo.  Lokhu kulindeleke ukuthi kwelule umthetho, kuqede ukuphindaphindeka kwamagunya futhi kuqinise ukusebenzisana phakathi kwama-ejensi okuthotshelwa komthetho. 

Sizophothula uHlaka Lokuvikelwa Kwezingede nokwethula uMthethosivivinywa Wokuvikelwa Kwezingede ePhalamende kuwo lo nyakamali. 

Kulo nyaka, sizoqinisa uhlelo lweNingizimu Afrika lokulwa nokuhlanzwa kwemali kanye nokuxhasa ngezimali izenzo zokuvukela umbuso ngokuletha eminye imithetho nokwenza ngcono uhlelo lokusebenza.  

Ukuqinisekisa ukukhishwa kwethu ohlwini lwamazwe angenzi kahle kwezezimali yi-Financial Action Task Force, sesenze inqubekelaphambili ebonakalayo ekuxazululeni izinkinga ezatholakala ohlelweni lwethu lwezokuthotshelwa komthetho, lapho izinyathelo eziyi-16 kwezingama-22 sezenziwe ngokuphelele. 

Sifuna isizwe esinokuthula nomhlaba wonke.  

Ngobudlelwane bethu namazwe ngamazwe, siyaqhubeka nokulwela inhlalakahle yabantu baseNingizimu Afrika njengoba silwela inhlalakahle yobuntu.  

Sizosebenza ukuqinisa ubudlelwano bohwebo emhlabeni jikelele nokuthola ubudlelwano obunamandla nobehlukene emhlabeni okuzokwenza ukuthi umnotho wethu uqine. 

Izinhlaka ezibalulekile kwinqubomgomo yamazwe angaphandle kusalokhu kungukugqugquzela amalungelo abantu, ukuthula nobudlelwano kanye nokuqinisa ukuhwebelana kahle notshalomali namanye amazwe. 

Lezi yizimiso ezibonisa indlela ubumongameli bethu be-G20 kulo nyaka. 

Sikhethe ingqikithi ethi “Ubumbano, Ukulingana Nentuthuko Esimeme”, ukugcizelela isidingo sokusebenza ngokubambisana phakathi kwamazwe omhlaba. 

Kungokokuqala ngqa emlandweni, ukuthi i-G20 isingathwe ezwenikazini i-Afrika kulandela ukwamukelwa kweNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) njengelunga. 

Kuyithuba lokubeka izidingo ze-Afrika nezeNingizimu yomhlaba yonkana ohlelweni lwentuthuko yomhlaba. 
 
Isikhundla sethu sobumongameli be-G20 yithuba eliyingqayizivele leNingizimu Afrika lokuthi ithuthukise imizamo ekhulisa umnotho womhlaba kanye nentuthuko esimeme. 

I-Afrika isalokhu ibekwe phambili kwinqubomgomo yokusebenzisana namanye amazwe. 

Siyaqhubeka nomsebenzi wokuqinisa i-AU ukuze izokweseka imizamo yokuletha ukuthula, intuthuko kanye nokuhlanganiswa komnotho ezwenikazini. 

Siyazi ukuthi impumelelo yekusasa lethu ime empumelelweni yezwekazi i-Afrika. 

Ukuze i-Afrika iphumelele, kufanele siqede nya izimpi ezwenikazini. 

Selokhu sathola intando yeningi labantu, sisebenzile ukugcina uzinzo emazweni afana ne-Côte d’Ivoire, i-Burundi, i-South Sudan ne-Lesotho. 

Ikakhulukazi kamuva nje, sibe yingxenye yomsebenzi wokuletha ukuthula eMazweni Athuthukayo aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC) e-Mozambique nokulethe ukwehla kwemimoya nozinzo esifundazweni sase-Cabo Delgado. 

Ukuba yingxenye yalabo abaletha ukuthula kweNingizimu Afrika empumalanga ye-DRC kungubufakazi bokuzinikela kwethu okuqhubekayo ekutholeni izixazululo ezinokuthula ezingxabanweni ezinkulu zomhlaba, esezithathe izimpilo zabantu eziyizigidi futhi kwalahleka nabantu abayizigidi.

Sicela wonke amaqembu ukuthi amukele imizamo yamanxusa akhona yokuthola izixazululo ezinokuthula, kubandakanya nokuhlonishwa kweNqubo yase-Luanda.  

Sizoba yingxenye yeNgqungquthela Ehlanganisile phakathi kwe-SADC Namazwe aseMpumalanga ye-Afrika okulindeleke ukuthi ibe se-Tanzania kule mpelasonto, lapho sizogcizelela ikhwelo lethu lokubeka phansi izikhali kuphinde kuqhutshekwe nezingxoxo zokuthola isizombululo esifanele nesiqinile. 

Besihlezi sikholelwa ukuthi inkululeko esayithola – kanye nobumbano lomhlaba esaluthola – luletha umsebenzi emahlombe ethu wokweseka umzabalazo walabo abaqhubeka nokubhekana nobuqonela nengcindezelo. 

INingizimu Afrika iyaqhubeka nokubumbana nabantu base-Palestine, abebebhekene nokuthathelwa umhlaba ngendluzula, manje sebebhekene nokuhlupheka okungachazeki.  

INingizimu Afrika ithathe isinyathelo esifanele esihambisana nezibopho zayo ngaphansi kweSivumelwano Sokubulawa Kwabantu ngokuyisa enkantolo i-Israel eNkantolo Yomhlaba Yobulungiswa. 

Sizinikele ngokuphelele kulokho okubhalwe kuSomqulu weNhlangano Yobumbano Lwamazwe (i-UN), kanye nezimiso ezithi wonke amalungu kufanele axazulule izingxabano zawo ngezindlela ezinokuthula.  

Siyaweseka umgomo wokuhlonipha imithetho evikela amazwe negunya lawo wonke amazwe nabantu. 

Siyaqhubeka nokuba yingxenye ekuletheni ukuthula okuhloswe ngakho ukuletha ukuthula kwesikhathi eside e-Ukraine.  

Amathimba aseNingizimu Afrika abelokhu esebenza ekuqhamukeni nohlaka lwezingxoxo zokuletha ukuthula e-Ukraine olususelwa kuSomqulu we-UN nomthetho wamazwe ngamazwe. 

INingizimu Afrika iyaqhubeka nokuqhubela phambili inhloso yayo yokusebenza ngokubambisana nokubambisana namazwe ahlukahlukene e-UN, i-AU, i-Non-Aligned Movement namazwe eqembu le-BRICS. 

Njengoba ubuntu bubhekene nezinselele esingakaze sazibona, sizimisele ukuthi i-UN ebunjwe kabusha kufanele ibe phambili ezindabeni zomhlaba. 

Sizoqhubeka nokuphushela phambili inqubekelaphambili ekuguqulweni koMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN ube inhlangano ebandakanya wonke umuntu, futhi esebenza kahle ekwaziyo ukuqinisekisa ukuthula nokuvikeleka.  

Umsebenzi esiwenzayo nalokho esikholelwa kukho kufanele sikuchaze kubabambiqhaza abaningi, ikakhulukazi labo esihwebelana nabo kanye namazwe amaningi nabaholi esixhumana nabo enkundleni yomhlaba.  

Ngokuchaza ngezikhundla eziningi esizithathile, ikakhulukazi izinjongo esifisa ukuzifeza ngesikhathi sisesesikhundleni sobuMongameli be-G20, nginqume ukuthumela ithimba likahulumeni nabanye abaholi ukuthi baye emadolobheni amakhulu ehlukene ezwenikazini lethu nasemhlabeni jikelele.  

Leli thimba lizoxoxisana nababambiqhaza abahamba phambili ezindabeni ezehlukahlukene ezithinta iNingizimu Afrika. 

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika, 

Zonke lezi zinto esikhuluma ngazo ziyenzeka.  

Njengabantu baseNingizimu Afrika, siyawazi amandla okusebenza ngokubambisana, ukuthi yini engenzeka uma abantu abaphuma ezindaweni ezehlukene, ibala, amasiko, izilimi, uhlanga kanye nezinkolo behlangana ngenhloso eyodwa.  

Ukubunjwa kwe-GNU kwasilethela ithuba lokubonisa futhi ukuthi yini esingayizuza ngokusebenza ngokubambisana.  

Nginxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika, ababumbene ngokwahlukahlukana kwabo, ukuthi bahlangane eZingxoxweni Zikazwelonke ukubeka umbono wokuthi izwe lethu lizobanjani eminyakeni engama-30 ezayo.  

IZingxoxo Zikazwelonke kufanele zibe yindawo lapho wonke umuntu enezwi khona. 

Kufanele kube yindawo yokuthola izixazululo eziletha umehluko ezimpilweni zabantu. 

IZingxoxo Zikazwelonke kufanele zigcizelele ukuthi omunye nomunye unendima okufanele ayidlale ekwakheni isizwe esisifunayo. 

Singaphikisana ezintweni eziningi, kodwa siyavumelana entweni eyodwa: ukuthi sidinga ukwakha iNingizimu Afrika engcono nokwenza ngcono inhlalakahle yabantu bakithi.  

Ngakho-ke, njengoba siqala isikhathi esisha emhlabeni nasezweni lethu, masikhulume ngozwelo nangokuzwelana esinakho komunye nomunye.  

Masikhulume ngokuzigqaja esinakho ngezwe lethu nangakho konke esesikuzuzile.  

Masikhulume ngokuzimisela okwasizuzela inkululeko nokusiholela phambili ekusaseni elingcono.  

Ngaloku kuzimisela, sizosebenza ngokubambisana ukwenza lesi sikhathi kube yisikhathi sokukhula komnotho, inqubekelaphambili noguquko.  

Sizosebenza ngokubambisana ukwakha isizwe esisifunayo. 

Sizosebenza ngokubambisana ukwakha isizwe esisebenzela wonke umuntu.  

Ngiyabonga. 

#servicedeliveryza   #GovZAupdates

Issued by
More from

Share this page

Similar categories to explore