Bhalisa ku-UIF ukuthi ungumqashi

UMthetho udinga ukuthi ubhalise ku-UIF futhi unikele kulesi Sikhwama uma uqashe abantu isikhathi esingaphezu kwamahora angama-24 ngenyanga.

Imali oyinikela ku-UIF ngama-2% womholo ongakasuswa lutho womsebenzi wakho ngenyanga. Kumele uthathe i-1% emholweni ongakasuswa lutho womsebenzi wakho ngenyanga bese nawe njengomqashi unikela nge-1%.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokubhalisa komqashi kwi-UIF noma thintana nabakwa-UIF.

 

Share this page