CCMA ukuze kube nokubuyisana noma ukubuyisana-ukuthathwa kwesinqumo sokulamula

Uma ungumsebenzi oxabene nomqashi wakho, noma umqashi oxabene nomsebenzi, ngezindaba ezinjengalezi:

  • ukuxoshwa
  • amaholo nezimo zokusebenza
  • ushintsho emsebenzini, noma
  • ukucwaswa.

Ungacela i-CCMA ukuba yenze ukubuyisana noma ukwahlulela engxabanweni yakho. Inyunyana noma inhlangano yomqashi ingase iqalise lesi sinyathelo. Awudingi imvume yabanye abathintekayo ngaphambi kokuba uthathe udaba uluyise kwa-CCMA.

Lezi zingxabano ezilandelayo ngeke ziyiswe kwa-CCMA:

  • lapho kubandakanyeka khona inkontileka ezimele.
  • lapho udaba lungekho mayelana noMthetho Ophathelene neZabasebenzi (i-LRA) noma uMthetho Wokuqasha Ngokulinganisa (i-EEA). Izindaba ezithinta uMthetho Wezimo Eziyisisekelo Zokuqashwa (i-BCEA) zingase zihlotshaniswe nezingxabano zokuxoshwa ngokungenaqiniso kanye nezokudilizwa ngokungenaqiniso kwa-CCMA.
  • lapho kukhona khona umkhandlu wezingxoxo noma umkhandlu womthetho waleyo mboni.
  • lapho kukhona khona isivumelwano esenziwe sokuxazulula izingxabano (ngokwesibonelo: umxazululi wezingxabano ozimele)

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuyisa ingxabano kwa-CCMA noma thintana nabakwa-CCMA.

 

Share this page