Ukucela i-CCMA ukuthi ithole isivumelwano ngemitheshwana

Inyunyana yabasebenzi ebhalisiwe ingase igunyaze ukuba amalungu ayo nalabo abawasekelayo batoyitoye ngenjongo yokwenza imashi enokuthula.

Ukutoyitoya kungase kwenzelwe kunoma iyiphi indawo lapho umphakathi ungafinyelela khona. Kungase kube ngaphandle kwamagceke noma ngaphakathi ngemvume yomqashi.

Uma kunempikiswano mayelana nemithetho yokutoyitoya, inyunyana yabasebenzi ebhalisiwe noma umqashi angase acele ukuba i-CCMA yenze kube nesivumelwano phakathi kwabasebenzi nomqashi.

Uma kungekho sivumelwano esifinyelelwe, i-CCMA kumele isungule imithetho yokutoyitoya, icabangela izimo zendawo yalowo msebenzi noma amanye amagceke okutoyitoya kanye nanoma iyiphi ikhodi yemikhuba emihle esebenza lapho.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuthola isivumelwano ngemithetho yokutoyitoya noma thintana nabakwa-CCMA.
 

 

Share this page