Qinisekisa okwesikhashana ilayisense yemoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nemvume yemoto yesikhashana noma eyisipesheli

Imvume yemoto yesikhashana isebenza izinsuku ezingama-21 futhi isetshenziselwa imoto ebhalisiwe, enelayisense nefanelekayo ukuba semgwaqweni.
Imvume yesikhashana isetshenziswa ngaphansi kwalezi zimo ezilandelayo:

  • Ukuhambisa imoto kumnikazi ngaphakathi kwaleli Zwe,
  • Ukuhambisa imoto ihanjiswa umthengisi wezimoto noma ihanjiswa kuye ngaphakathi kwaleli Zwe, noma
  • Ngezinjongo zokubhalisa nokwenza ilayisense.

Kukhishwa imvume eyodwa kuphela ngobunikazi bemoto.

Imvume yemoto eyisipesheli isebenza izinsuku ezintathu kuphela.

Imvume yemoto eyisipesheli isetshenziswa ngaphansi kwalezi zimo ezilandelayo:

  • ukuhlola leyo moto
  • ukuya noma ukubuya endaweni engaphakathi kuleli Zwe lapho kuzolungiswa noma lapho bekulungiswa khona leyo moto
  • ukuya kumhloli wezimoto noma umshini olinganisa isisindo semonto, noma
  • lapho kudliwa leyo moto njengoba kucatshangelwe esiqondisweni sama-69.

Kubalulekile ukuqaphela ukuthi imoto enemvume eyisipesheli ngeke ithwale izimpahla noma abagibeli. Akukho mngcele enanini lezimvume ezingakhishelwa umnikazi ngamunye.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya kwabeGunyena Lokubhalisa eliseduze nawe uphathe lokhu okulandelayo:
    • ikhophi kamazisi wakho
    • imali ebekiwe.

2.    Ugcwalise ifomu leSicelo Semvume Yesikhashana/Eyisipesheli (i-TSP1).

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo sisetshenzwa size siqedwe ngalo lolo suku.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi lamalayisense langakini ukuze uthole ukuthi kubiza malini.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu le-TSP1 elitholakalayo ku-RA noma kwisizindalwazi se-eNatis.

Imininingwane yokuxhumana

Share this page