Ukushintsha umnikazi noma imininingwane yomuntu imoto ebiza ngegama lakhe

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokushintsha umnikazi noma imininingwane yomuntu imoto ebiza ngegama lakhe

Noma yiluphi ushintsho olumayelana nomnikazi wemoto noma lowo muntu imoto ebiza ngegama lakhe kumele luyiswe Egunyeni Lokubhalisa elifanele zingakapheli izinsuku ezingama-21 ngemva kwalolu shintsho olunjalo. Sebenzisa ifomu lokwazisa ngoshintsho lwekheli noma ngemininingwane yomuntu okanye inhlangano (i-NCP).

Lapho udayisa imoto yakho, kumele wazise igunya lakho lokubhalisa efomini leSaziso sokushintshwa kobunikazi/Sokuthengiswa kwemoto (i-NCO). Umnikazi wemoto omusha kumele ayibhalise egameni lakhe.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya Egunyeni Lokubhalisa eliseduze nawe.
  2. Uma ushintsha ikheli lakho, kumele uphathe lokhu okulandelayo:
    • Ikhophi kaMazisi (i-ID) wakho uma uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika. Uma uyisakhamuzi sakwelinye izwe, kumele ulethe uMazisi wakho uqobo lwawo okhishwe yizwe lakini kanye nekhophi yawo eqinisekisiwe kanye nemvume yokuhlala ezweni yesikhashana.
    • Ubufakazi bekheli leposi kanye nelendawo isib. incwadi ye-akhawunti kamasipala. Uma leyo akhawunti ingabhalisiwe ngawe, umnikazi waleyo akhawunti kufanele ukuthi akwenzele incwadi efungelwe esho ukuthi uhlala kulelo kheli othi uhlala kulo kanti incwadi ye-akhawunti kamasipala kufanele ukuthi nayo ibe khona ihambisane nale ncwadi efungelwe.
  3. Uma uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, kumele ugcwalise futhi uhambise i-NCP kuphela. Uma uyisakhamuzi sakwelinye izwe, kumele ugcwalise ifomu i-NCP kanye nefomu leSaziso se-TRN (i-ANR).
  4. Uma uthengisa imoto:
    • Umthengisi kumele agcwalise ifomu i-NCO futhi alihambise Egunyeni Lokubhalisa.
    • Umthengisi kumele anikeze umthengi isitifiketi sokubhalisa.
    • Umthengi kumele agcwalise ifomu leSicelo sokubhalisa nokuthola ilayisense yemoto (i-RLV) elizohanjiswa.
    • Umthengi kumele ahambise isitifiketi sokubhalisa imoto, uma imoto yayibhaliswe eNingizimu Afrika.
    • Alethe isitifiketi sokulinganisa isisindo semoto uma isisindo semoto sashintshwa.
  5. Umthengi wemoto kumele ahambise amafomu Egunyeni Lokubhalisa zingakapheli izinsuku ezingama-21 ethenge imoto, kanye nefomu lokubhalisa alithole kumthengisi futhi imoto kufanele iphinde iyohlolwa ukuthi iyafaneleka ukuba semgwaqweni (yisibopho somthengi ukuqinisekisa ukuthi imoto iyafaneleka ukuba semgwaqweni).
  6. Uma imoto ibhaliswe ngenkampani ethile, kumele ulethe isitifiketi sokungeniswa noma ukushintshwa kwegama njengoba kukhishwe ngokuvumelana noMthetho Wezinkampani noma i-founding statement.
  7. Igunya lokubhalisa lihlola isicelo sakho futhi kumele ukhokhe imali ebekiwe ngokulayezwe isifundazwe sakini.
  8. Uma igunya lokubhalisa likudinga lokho, kuyomele unikeze ubufakazi belungelo lokubhaliswa njengomnikazi waleyo moto, isib. I-invoyisi noma isivumelwano sokuthengiselana. Uma ungenabo, fonela isikhungo sezingcingo esiseduze noma igunya lokubhalisa ukuze uthole ukuthi bayayamukela noma bayayidinga yini noma iyiphi enye incwadi engasetshenziswa njengobufakazi.

Isikhathi esinqunyiwe

Izicelo zisetshenzwa zize ziqedwe ngalo lolo suku.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi lamalayisense langakini ukuze uthole ukuthi kubiza malini.

Amafomu okumele agcwaliswe

  • ISaziso sokushintsha imininingwane (i-NCP)
  • Isicelo sokubhalisa nokuthola ilayisense (i-RLV)
  • ISaziso sokushintsha kobunikazi/Sokuthengiswa kwemoto (i-NCO)
  • Isaziso senombolo yokubhaliswa kwemoto (i-ANR)

Amafomu ayatholakala egunyeni lokubhalisa noma ungawathola kwisizindalwazi se-eNatis.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page