Isicelo sobhaliso yemithi yezolimo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo mayelana nokubhalisela ikhambi lezemvelo

Ukungenisa kuleli, ukukhiqiza noma ukudayisa ikhambi lezemvelo e Mzansi Afrika. Kumele ubhalise ne Registrar of Act 36 of 1947.

Uvunyelwe ukubhalisa uma ungowakuleli noma ongowakuleli ngokomthetho.

Uma ikhambi ofuna ukulibhalisela selibhaliswe omunye umintu, kufanele uthole imvumo kulowo muntu ngaphambi kokuba ubhalise.

Kufanele ufake ikhambi ephaketheni elihlanzekile futhi uluvale. Awuvunyelwe ukuthi uphinde usebenzise iphakethe uma usuthulule ikhambi. Uma ikhambi luwuketshezi, Kufanele uqaphelisise ukuthi ikhambi alichitheki uma usulithulula. Iphakethe noma isigubhu sakho kufanele sihambisane nemthetho ye South African National Standards 10229.

Isigubhu noma iphakethe kufanele libhalwe nge:

  • Umaka we Nkampani.
  • Inombolo obhaliswe ngayo. Uma ungenayo inombolo obhaliswe ngayo kufanele ulibhale “Reg. No..Act No.36 of 1947”
  • Uhlobo lobuthi ikhambi oluhlungwe ngalo.
  • Uhlobo lwekhambi nesizathu sokubhaliselwa kwekhambi.
  • Inombolo la ikhambi livela khona kanye nosuku okukhiqizwe ngalo ikhambi. 
  • Isisindo sekhamb.i
  • Igama kanye nedilesi yomuntu okungaxhunywana naye.
  • Inombolo I Nkampani ebhaliswe ngayo uma idingeka.

Okufanele ukwenze

  1. Thola ifomu Application for the registration of an Agricultural Remedy bese uyaligcwalisa.
  2. Yenza amakhophi efomu uwaposele ku: The Registrar: Act No. 36 of 1947, Private Bag X343, Pretoria, 0001 noma zihambisele wena mathupha ku: The Registrar: Act No. 36 of 1947, Agriculture Place, 20 Steve Biko Street, Arcadia Pretoria.
  3. Faka ikhophi eyodwa yezifundo (njenge toxicological data, efficacy data, residue data and physical specifications.) Thola imininingwano nemibandela ngokubhalisela ikhambi lezemvelo.
  4. Khokha inani elibekiwe.
  5. Uma uthumela isicelo sakho ngeposi, Kufanele ukhokhe inani okuyilo nge postal order ukhokhele u Director General Agriculture.Uma uzilethela isicelo sakho mathupha, Kufanele ukhokhe ukheshi.
  6. Uma ufuna ukungenisa ikhambi kuleli, kufanele ufake lokhu okulandelayo:
    • Ichweba ozongenisa kulona 
    • Inani lesikali 
    • Imininingwano yemibandela
    • Indawo yemithetho 
    • Ikhambi elisebenzayo
    • Inani elingeniswayo kuleli.

Isikhathi esinqunyiwe

Kuthatha izinyanga eziyisithupha kuya kweziyishumi nambili.

Kubiza malini

Imali ekhokhwayo yowezi- 2024/25

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for the registration of an Agricultural Remedy (Isicelo sokubhalisela ikhambi lezolimo)

Imininingwane yokuxhumana

 

Directorate Agriculture Inputs Control

Tel: 012 319 7103/7847
E-mail address: AICHelpdesk@daff.gov.za
Physical address: 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria
Postal address:  Department of Agriculture, Land Reform and Rural Development, Private Bag X343, Pretoria 0001

 

Share this page