Imvuselelo noma sokukhansela ubhaliso yemithi yezolimo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokubhalisela ukuvuselela ikhambi lezolimo

Kufanele ubhalisele ukuvuselela noma ukucisha ikhambi lezolimo njalo emva kweminyaka emithathu. Isicelo sakho kufanele sihanjiswe ku Mbhalisi womthetho wamashumi amathathu nesithupha kunyaka ka 1947 kusikhungo sezolimo ngaphambi kukamhla wamashumi amathathu ku Mashi wonyaka wokugcina isicelo sakho esiphela ngawo.

Uma ikhambi lezolimo ofuna ukulivuselela selubhaliswe omunye umuntu, kufanele uthole imvume kulowomuntu ngaphambi kokuba uvuselele.

Faka ikhambi esigujini esihlanzekile bese uyasivala. Awuvumelekeile ukusebenzisa isigumbu kabili uma usukhiphe ikhambi. Uma kuyikhambi eliwuketshezi, qiniseka ukuthi isigubhu asichithi ikhambi uma usithulula. Isigubhu kufanele sihambisane nomthetho wezinga lase Ningizimu Afrika elibizwa nge 10229.

Ihhovisi likambhalisi likhipha izincwadi zokuvuselela kanye namafomu okubhalisa kubobonke ababhalisele kungagapheli iminyaka emithathu.

Okufanele ukwenze

  1. Umbhalisi womthetho wamashumi amathathu nesithupha usokuthinta bese ekuthumelela amafomu.
  2. Ukuvuselela:
    • Gcwalisa amafomu esicelo (ifomu A) elibhalwe kathathu bese ubhala ngesandla esikhulu kuphela. 
    • Hambisa isicelo ku Mbhalisi. 
    • Usuku lokuvalwa kokuvuselela umhla zingamashumi amathathu ku June. 
  3. Ukucisha:
    • Gcwalisa ifomu B kathathu bese ubhala ngamagama amakhulu kuphela. 
    • Hambisa isitifiketi esingakopeliwe sokubhalisa. 
  4. Imininingwani yokufaka isicelo:
    • Gcwalisa ifomu C lokuvuselelwa isicelo ukuvuselela imininingwano yokuxhuma, njenge kheli, inombolo yocingo, kanye nemininingwano yokufaka isicelo. 
    • Khokha inani elifanele.
    • Faka ikhophi elilodwa lemininingwano yezemfundo.
    • Khokha inani elifanele lokubhalisa.
  5. Uma uposa isicelo sakho, kufanele ukhokhe inani elifanele eposini ukhokhela u Mqondisi jikelele wezolimo. Uma uzihambisela isicelo, kufanele ukhokhe inani elifanele khona lapho.
  6. Thumela ifomu kuMbhalisi
  7. Yenza amakhophi amathathu bese uyawaposa ku: Mbhalisi: Umthetho wamashumi amathathu nesithupha kunyaka ka 1947, Private Bag X343, Pretoria, 0001 noma uzihambisele mathupha: ku Mbhalisi: Umthetho wamashumi amathathu nesithupha kunyaka ka 1947, Indawo yezolimo, 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo siphumelela uma kutholakala ngokugcwele ukubhalisela ukuvuselela kwefomu  A elikathathu, Ifomu B kanye nefomu C elikabili kanye nenani lokubhalisa ikhambi ngalinye. 

Kubiza malini

Imali ekhokhwayo yowezi-2024/25

Amafomu okumele agcwaliswe

Ihhovisi lika Mbhalisi likhipha izincwadi zokuvuselela nokubhalisa ukuba nguMnini kungakapheli iminyaka emithathu.

Imininingwane yokuxhumana

 

Directorate Agriculture Inputs Control

Tel: 012 319 7103/7847
E-mail address: AICHelpdesk@daff.gov.za
Physical address: 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria
Postal address:  Department of Agriculture, Land Reform and Rural Development, Private Bag X343, Pretoria 0001

 

Share this page