Isicelo selayisense yesikhashana yokushayela

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

Okufanele ukwenze

Le layisense isemthethweni izinyanga eziyisithupha kuphela futhi ingakhishwa esikhungweni sokuhlolelwa amalayisense okushayela.

  1. Qonda esikhungweni sokuhlolwa kwabashayeli nalezi zinto ezilandelayo:
    • Ikhophi eqinisekisiwe yomazisi wakho (i-ID) noma yomazisi wesikhashana
    • Ubufakazi bekheli leposi kanye nelendawo isib. incwadi ye-akhawunti kamasipala. Uma leyo akhawunti ingabhalisiwe ngawe, umnikazi waleyo akhawunti kufanele ukuthi akwenzele incwadi efungelwe esho ukuthi uhlala kulelo kheli othi uhlala kulo kanti incwadi ye-akhawunti kamasipala kufanele ukuthi nayo ibe khona ihambisane nale ncwadi efungelwe. 
    • Uma uhlala endaweni eyimijondolo, kufanele ukuthi uze nencwadi enesigxivizo esisemthethweni esinosuku evela kwikhansela lewadi ohlala kuyo neyobe iqinisekisa ikheli lakho leposi nelendawo
    • Izithombe ezine ezifanayo ezingenambala. Kuyofanele ukuthi uqinisekise ne-DLTC ukuthi zingaki izithombe abazidingayo ngaphambi kokuba uyoshutha izithombe.
    • Imali enqunyiwe.
  2. Gcwalisa ifomu Lesicelo selayisensi yokushayela (i-DL1). 
  3. Gcwalisa isaziso sokushintshwa kwekheli noma kwemininingwane yomuntu noma yenhlangano (i-NCP).
  4. Uyohlolwa amehlo esikhungweni sokuhlowla noma-ke amehlo akho angahlolwa wudokotela wamehlo oqeqeshiwe bese uletha ifomu esikhungweni sokuhlolwa kwabashayeli.

Isikhathi esinqunyiwe

Ilayisense yokushayela yesikhashana ikhishwa ngalo lelo langa.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

Isicelo selayisense yokushayela, DL1. Gcwalia ifomu lesicelo elitholakala  esikhungweni sokuhlolelwa ilayisense yokushayela.

 

Share this page