Isicelo selayisense ethatha isikhundla selayisense yokushayela elahlekile noma eyebiwe (entshontshiwe)

Ngosizo | Okufanele ukwenze | Isikhathi esinqunyiwe | Kubiza malini | Amafomu okumele agcwaliswe | Imininingwane yokuxhumana

Ngosizo lokufaka isicelo sokuthola elinye esikhundleni sekhadi lakho l

Uma ikhadi lakho lelayisense yokushayela lilahlekile, lebiwe noma lonakele, ungafaka isicelo selinye elisha.

Kuzofuneka ufake isicelo selayisense yokushayela yesikhashana ngezindleko ezengeziwe ngesikhathi ulinde ilayisense yakho yokushayela ukuthi ikhishwe.

Ukuze uthole elinye esikhundleni salo kuzodingeka ukuthi uhlolelwe ilayisense yokushayela, kodwa uzohlolwa amehlo kanye nemilobo yeminwe. Okukanye, amehlo akho angahlolwa udokotela wamehlo bese uletha ifomu esikhungweni sezimoto.

Okufanele ukwenze

  1. Qonda e-DLTC eseduzane nawe:
    • Umazisi wakho (i-ID) kanye nekhophi ye-ID noma ipasipoti esemthethweni yaseNingizimu Afrika kanye nekhophi yayo.
    • Ubufakazi bekheli leposi kanye nelendawo isib. incwadi ye-akhawunti kamasipala. Uma leyo akhawunti ingabhalisiwe ngawe, umnikazi waleyo akhawunti kufanele ukuthi akwenzele incwadi efungelwe esho ukuthi uhlala kulelo kheli othi uhlala kulo kanti incwadi ye-akhawunti kamasipala yokukhokhelwa kwezindleko zaleyo ndawo kufanele ukuthi nayo ibe khona ihambisane nale ncwadi efungelwe. 
    • Uma uhlala endaweni eyimijondolo, kufanele ukuthi uze nencwadi enesigxivizo esisemthethweni esinosuku evela kwikhansela lewadi ohlala kuyo neyobe iqinisekisa ikheli lakho leposi nelendawo.
    • Izithombe ezine ezifanayo ezingenambala. Kuyofanele ukuthi uqinisekise ne-DLTC ukuthi zingaki izithombe abazidingayo ngaphambi kokuba uyoshutha izithombe.
  2. Gcwalisa ifomu lesicelo selayisensi yokushayela (i-DL1).
  3. Gcwalisa isaziso sokushintshwa kwekheli noma kwemininingwane yomuntu noma yenhlangano (i-NCP).
  4. Kuyodingeka ukuthi uyohlolwa amehlo. 
  5. Noma ukuhlolwa kwamehlo ungakwenza wena kudokotela wamehlo okhethwe uwena bese uthatha imiphumela yakho uyithumele e-DLTC.

Isikhathi esinqunyiwe

Ilayisense yakho entsha kufanele ilunge emasontweni amane ukuya kwayisithupha.

  • Ilayisense yokushayela yesikhashana ikhishwa ngokushesha.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

Isicelo selayisense yokushayela, DL1 iyatholakala esiteshini sokuhlolelwa ilayisense.

 

 

Share this page