Isicelo selayisense yokufunda ukushayela

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lelayisense yokushayela

Ilayisense yomuntu ofundayo ikuvumela kuphela ukuthi ushayele uma usuphavayizwa umshayeli onelayisense. Uma isigaba semoto eshayelwayo sidinga iphemithi yokushayela yephrofeshinali, umshayeli onelayisense kufanele naye abe nephemithi yokushayela yephrofeshinali.

Ilayisense yomuntu ofundayo iphemithi efakazela ukuthi unalo ulwazi oluyisisekelo lwemoto kanye nemithetho yomgwaqo. Ilayisense yomuntu ofundayo isemthethweni izinyanga ezingama-24 futhi angeke sikwazi ukwelulwa.

Amalayisense omuntu ofundayo ahlukene akhishelwa izigaba ezahlukene zezimoto:

  • Ikhodi 1: Lesi yisithuthuthu esinenqola eceleni noma esingenayo, isithuthuthu esinamasondo amathathu noma esinamasondo amane. Kufanele ube neminyaka eyi-16 noma ngaphezulu ngosuku lokuhlolwa ukuze ukuze ufake isicelo uma injini ingedluli ku- 125 cc futhi ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu uma idlula ku-125 cc.
  • Ikhodi 2: Lena ngeyemoto, kubandakanya ibhasi encane, ibhasi kanye nemoto yezimpahla, enesisindo semonto sesisonke esingeqi ku-3 500kg. Kufanele ube neminyaka yobudala eyi-17 noma ngaphezulu ngosuku lokuhlolwa ukuze ufake isicelo.
  • Ikhodi 3: Lena ngeyemoto enesisindo sesisonke esedlula u-3 500kg. Kufanele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezudlwana ngosuku lokuhlolwa ukuze ufake isicelo.

Okufanele ukwenze

  1. Yana esikhungweni sokuhlolelwa ilayisense yokushayela esiseduze nawe (DLTC) uyobhuka usuku lokuhlolwa futhi ukuqinisekise ukubhuka.
  2. Hamba nalokhu okulandelayo:
    • incwadi kamazisi (ID)
    • izithombe ezine ezifanayo ezinombala omnyama nomhlophe
    • imali yokubhuka.
  3. Gcwalisa isicelo sefomu lelayisense yomuntu ofundayo (LL1) etholakala e-DLTC. Uma uneminyaka engama-65 noma ngaphezulu, kufanele ugcwalise ifomu lesitiufiketi sokwelashwa (MC), nalo elitholakala e-DLTC.
  4. Uzoyohlolwa amehlo esikhungweni sokuhlola noma okukanye, amehlo akho angahlolwa udokotela wezibuko zamehlo bese uhambisa ifomu esikhungweni sokuhlola.
  5. Ngaphambi kokuba ubhale ukuhlolwa kwelayisense yomuntu ofundayo, kufanele ufunde izimpawu zomgwaqo, izindawo zokulawula imoto kanye nemithetho yomgwaqo ukuze ube nolwazi oluyisisekelo lwemoto nezimpawu zomgwaqo.
  6. Ngosuku lokuhlolwa kufanele ulethe okulandelayo:
    • irisidi lokubhuka
    • i-ID yakho.
  7. Uma uphasa ukuhlolwa kufanele ukhokhe imali.

Isikhathi esinqunyiwe

Ilayisense yomuntu ofundayo ikhishwa ngalelo langa uma uphasile futhi ukhokhe imali efanele.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

  • Isicelo sefomu lelayisense yomuntu ofundayo (LL1)
  • Umuntu ofaka isicelo ongaphezu kweminyaka ewu-65 noma ngaphezulu udinga ifomu lesitifiketi soKwelashwa (MC).

La mafomu ayatholakala kunanoma yisiphi isikhungo samalayisense okushayela naku eNatis.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page