Indlela yokufaka isicelo sokwahlukanisa umshado

Uvumeleke ukufaka isicelo sokwahlukanisa umshado inqobo uma:

  • Ungathula ubufakazi enkantolo bokuthi wena noshade naye anisahlali ndawonye futhi engekho amathuba okuxazulula izinkinga eninazo.
  •   Omunye wabashadikazi egula ngokomqondo noma equleke isikhathi eside engaphaphami

Awuyidingi imvume yomyeni wakho ukuze ufake isicelo sokwahlukanisa umshado. Uma oshade naye engazimisele ngokwahlukanisa umshado, singasigunyazwa isicelo sokwahlukanisa umshado sakho ngaphandle kwemvumo yakhe.

Ezimweni ezikhethekile ungakwazi ukufaka isicelo sokuwuchithwa komshado wakho. Ukuchithwa komshado kwehlukile kunokufaka isicelo sokwahlukaniswa komshado ngokuthi akuchithi umshado kuphela kepha amarekhodi omshado asulwa nya.

Ukwahlukanisa ngokomthetho akukho eNingizimu Afrika noma ngabe ungasahlali nomyeni wakho futhi ungawuhlukanisanga umshado. Ngokomthetho, usashadile.

Isicelo sokwahlukanisa umshado ungasifaka eNkantolo yeSifunda yeNkantolo kaMantshi enegunya lokusebenza endaweni ohlala kuyo noma eNkantolo Ephakeme.

Ukuqala inqubo yokwahlukanisa umshado kudingeka uthumele amasamanisi. Isikhonzi senkantolo kumele sinike ummangalelwa amasamanisi okwahlukanisa umshado esandleni.

Kunezinhlobo ezimbili zezicelo zokwahlukanisa umshado, isahlukaniso somshado esiphikiswayo nesingaphikiswa.

Isicelo sokwahlukanisa umshado esingaphikiswanga yiso esihle kakhulu nesingambi eqolo kubo bonke abathintekayo. Singaphothulwa emasontweni amane. Uma isicelo sokwahlukanisa umshado siphikiswa, umdonsiswano waso ungathatha iminyaka emi-2 kuya kwemi-3, kodwa izicelo zokwahlukanisa eziningi eziphikiswayo ziphothulwa ngaphambi kokuba ziye koqulwa enkantolo.

Isinqumo sokwahlukanisa umshado wesilungu wezwe nomshado wesintu kudingeka sithathwe inkantolo.

Qaphela: Ukwahlukanisa umshado ngokuzenzakalela kuyafana nesicelo sokwahlukanisa umshado esingaphikiswa. Lokhu kwenzeka lapho oshade naye engasho lutho nhlobo ngesahlukaniso somshado.

  •  Oshade naye uzothola amasamanisi anosuku okumele aphendule ngalo.
  •  Uma engaphenduli, ungafaka isicelo eNkantolo Ephakeme, sokuthi isicelo sokwahlukanisa umshado sifakwe ohlwini lwamacala azoqulwa.
  • Inkantolo ingangena ezicathulweni zakho, iwuqede umshado wakho.

Izahlukaniso zomshado lapho uzifakela isicelo ngokwakho.

Izahlukaniso zomshado lapho uzifakela isicelo ngokwakho ziqhutshwa ngaphandle kosizo lommeli, ngakho yizo ezibiza kancane. Ukwahlukanisa umshado ngaphandle kommeli kungenziwa ngezindlela ezimbili.

  • Inkantolo kamantshi yangakini ingakunika amafomu adingekayo futhi ikweluleke ngendlela yokuzifakela isicelo sokwahlukanisa umshado ngaphandle kommeli.

Ukuzifakele isicelo sokwahlukanisa umshado ngokwakho kungaba kuhle lapho:

  • isicelo sokwahlukanisa umshado sakho singaphikiswa;
  • isicelo sokwahlukanisa umshado sakho singasiyo indida;
  • ushade isikhathi esifishane;
  • ningenayo impahla eningi okumele niyahlukanise;
  • kungekho zimpikiwano maqondana nezingane; noma
  • uzimisele nokuzenzela yonke imisebenzi yezokubhalisa.

Ukuze uthole olunye ulwazi Xhumana noMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa koMthethosisekelo

 

Published Date

Share this page