President Jacob Zuma: Release of Marikana report

Ukukhishwa koMbiko WeKhomishana Yophenyo mayelana nezigemegeme ezenzeka eMayini yaseMarikana e-Rustenburg nguMongameli Jacob Zuma, ezindlini zombuso e-Union Buildings, ePitoli

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,

Mhla zingama-26 kuNcwaba 2012, ngaqoka iKhomishana Yophenyo eyabe ijutshwe ukuthi iphenye ngezindaba ezithinta umphakathi, izwe lonke kanye namazwe angaphandle kwakuleli ezasukela ezehlakalweni ezibuhlungu ezenzeka emayini yakwa-Lonmin eMarikana, e-Rustenburg, esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, kusukela mhla ziyi-11 kuya kumhla ziyi-16 kuNcwaba 2012.

Balinganiselwa kuma-44 abantu abalahlekelwa yizimpilo zabo kanti futhi abaningi balimala kanzima.

IKhomishana yayiholwa nguMahluleli Osathatha Umhlalaphansi, uMahluleli u-Ian Farlam, elekelelwa Abameli Abakhulu u-PD Hemraj SC kanye no-BR Tokota SC. Ngifisa ukubabonga kakhulu ngendlela esezingeni eliphezulu, ekhombisa ukukhuthala kanye nokuzimisela abawenza ngayo lo msebenzi weKhomishana.

Ngiphinde futhi ngibonge nemindeni yabo bonke abantu abalahlekelwa yizimpilo zabo, labo abashona ngaphambi komhla ziyi-16 kuNcwaba kanye neyalabo abashona ngalo lolo suku, ngokubambisana kwabo neKhomishana nakuba besezinhlungwini nasebunzimeni obesabekayo, ngenxa yokulahlekelwa yizihlobo zabo kabuhlungu.

Sizwelana kakhulu futhi nemindeni yalabo ababulawa emva komhla ziyi-16 kuNcwaba 2012, ukufa kwabo okungazange kuphenywe yiKhomishana ngoba kungaphandle kwemigomo yokusebenza kwayo.

Sithanda futhi nokudlulisa amazwi okubonga kofakazi, amathimba abameli kanye nabasebenzi abalimala. Ukubamba iqhaza kwabo bonke laba bantu kwenza isiqiniseko sokuthi iKhomishana iba yimpumelelo.

IKhomishana yayinikwe umsebenzi wokuthi iphenye bese futhi yenza izincomo malungana nokuziphatha kwe-Lonmin Plc, uMbutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika (SAPS), i-Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU), i-National Union of Mineworkers (NUM), uMnyango Wezimbiwa (DMR) kanye neminye iminyango kahulumeni, kuhlanganisa nabantu abathile kanye namaqembu. 

Izinto ezisemqoka ezatholakala ophenyweni kanye nezincomo zeKhomishana kungafinyezwa ngamafuphi ngale ndlela elandelayo: 

1. IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NE-LONMIN 

IKhomishana yathola ukuthi i-Lonmin ayizange yenze konke okusemandleni ayo ukusombulula ukungaboni ngaso linye okwakukhona phakathi kwayo kanye nabasebenzi bayo ababebambe iqhaza esitelekeni esingavikelekile kanye nabasebenzi bayo abangazange babambe iqhaza esitelekeni.  

I-Lonmin futhi ayizange ithathe izinyathelo ezifanelekile ukubhekana nezigameko zokusatshiswa kwabasebenzi kanye nokubheduka kodlame. 

I-Lonmin futhi yehluleka ukusebenzisa izindlela nezinqubo zokuphepha ezifanelekile ukuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi bayo. 

I-Lonmin yaphinda futhi yagcizelela ukuthi abasebenzi bayo ababengatelekile mabaqhubeke beze emsebenzini, nakuba yayazi kahle kamhlophe ukuthi yayingeke ikwazi ukubavikela laba basebenzi ekuhlaselweni yilabo basebenzi ababetelekile.

IKhomishana iphinde futhi yagxeka kakhulu i-Lonmin mayelana nokuhluleka kwayo ukuqalisa ukusebenza kwezibopho zayo eziphathelene nezinhlelo Zenhlalo Yomphakathi kanye nezibopho eziphathelene Nabasebenzi.

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NE-AMCU

IKhomishana ithole ukuthi izikhulu ze-AMCU zehluleka ukulawula amalungu nabasekeli be-AMCU ngendlela efanelekile kanye nokuqinisekisa ukuthi ukuziphatha kwabo kusemthethweni futhi akufaki engozini izimpilo zabanye abantu.  

Abalandeli kanye nalabo abeseka i-AMCU babecula amaculo anochuku futhi bekhuluma ngendlela evusa uhlevane, okuyizinto ezasibhebhezela kakhulu isimo esase sivele simanzonzo. 

IKhomishana yakuphawula futhi ukuthi uMongameli we-AMCU, uMnu Joseph Mathunjwa, wenza konke okusemandleni akhe ngaphambi kokudutshulwa kwabavukuzi ukuncenga labo ababetelekile ukuthi babeke phansi izikhali bese besuka futhi entabeni. 

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NE-NUM 

I-National Union of Mineworkers ayizange yenze konke okusemandleni ayo ukusombulula ukungaboni ngaso linye phakathi kwayo kanye nalabo ababetelekile. 

I-NUM yakhipha iseluleko esingafanele yasibhekisa kuBasebenzisi Bemishini Yokuqhekeza Amadwala yathi akukho zingxoxo ezazingaba khona ne-Lonmin ngaphambi kuba kuphele isivumelwano samaholo seminyaka emibili. 

Le nyunyana futhi ayizange yenze imizamo yokuncenga i-Lonmin ukuthi ikhulumisane nabasebenzi. 

I-NUM futhi yehluleka ukulawula ngendlela efanelekile amalungu ayo ekuqinisekiseni ukuthi ukuziphatha kwawo kusemthethweni futhi akufaki engozini izimpilo zabanye abantu. 

Le nyunyana yakhuthaza futhi yalekelela labo basebenzi ababengatelekile ukuthi baye emigodini nakuba kwabe kunesimo lapho kwakunengozi yangempela yokuthi babengahle babulawe noma balinyazwe ngabateleki ababehlomile.

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NALABO ABABETELEKILE

Abantu abathile kulabo ababetelekile kanye nabanye ababengamaqeqebana benza ukuthi kube nesimo sokungqubuzana kanye nokubhekana ngeziqu zamehlo nokwaholela, ngokuqondile noma ngokungaqondile, ekushoneni konogada base-Lonmin kanye nabasebenzi ababengatelekile, futhi kwabeka engozini izimpilo zalabo basebenzi ababengatelekile ababengalimele. 

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NOMNUMZANE U-CYRIL RAMAPHOSA

UMmeli owayemele Labo Abalimala kanye Nalabo Ababoshwa wakhomba ngomunwe uMnumzane u-Cyril Ramaphosa ethi nguyena oyimbangela yesibhicongo saseMarikana futhi kufanele athweswe icala ngokushona kwabavukuzi abangama-34. 

IKhomishana ithole ukuthi abukho ubufakazi bokuthi kuthiwe uMnumzane uRamaphosa waba yimbangela yesibhicongo saseMarikana, futhi izinsolo ezibhekiswe kuyena azinasisekelo.

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NONGQONGQOSHE UNATHI MTHWETHWA

UMmeli owayemele Labo Abalimala kanye Nalabo Ababoshwa wakhomba ngomunwe uMnumzane uMthethwa ethi nguyena oyimbangela yesibhicongo saseMarikana futhi kufanele athweswe icala ngokushona kwabavukuzi abangama-34.

IKhomishana yathola ukuthi Abaphathi BakaHulumeni (oNgqongqoshe) akukho ndima abayidlala esinqumweni samaphoyisa sokuthi asebenzise itulo lawo lobunyoninco bezempi mhla ziyi-16 kuNcwaba 2012, uma abateleki benqaba ukubeka phansi izikhali, nokwaholela ekufeni kwabantu abangama-34.

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NONGQONGQOSHE USHABANGU 

UMmeli owayemele Labo Abalimala kanye Nalabo Ababoshwa wenza izethulo zokuthi uNgqongqoshe uShabangu kumele ashushiswe ngamacala enkohlakalo kanye nokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo. 

Akukho okungalungile okwatholwa wuphenyo okuqondene noNgqongqoshe uShabangu.

IZINTO EZATHOLWA WUPHENYO EZIQONDENE NAMAPHOYISA 

Maqondana nesigameko esibuhlungu samhla ziyi-16 kuNcwaba 2012, iKhomishana ithole ukuthi amaPhoyisa enza uhlelo lokusebenza olwalufaka phakathi ukuzungeleza iqeqebana elincane labateleki, ababezoba segqumeni ekuseni ngalelo langa. 

Icebo lamaphoyisa lalibandakanya nokuzungeleza abateleki ngocingo olunameva, bese kuba nendawo eyisango lokuphuma lapho babezonikezela khona ngezikhali zabo. 

Lesi sigaba sokusebenza sasingenzeka ekuseni kakhulu ngenkathi sisesincane kakhulu isibalo sabateleki. Kukhona futhi neminye imizamo eyenziwa ngamaphoyisa yokuxoxisana nabateleki.

Leli cebo lokuzungeleza abateleki layekwa, esikhundleni salo kwasetshenziswa itulo lobunyoninco bezempi elalinamaphutha amaningi. 

Leli tulo lobunyoninco bezempi lasetshenziswa ngezithuba zabo 15h40 ngalo lelo langa, futhi lokhu kwaholela ekutheni kushone abateleki kwisigcawu soku-1 kanye nakwisigcawu sesi-2.

IKhomishana yathola ukuthi itulo lamaphoyisa kwakungafanele lisetshenziswe mhla ziyi-16 kuNcwaba ngenxa yokuthi lalinamaphutha athile ayezophazamisa ukusebenza kwalo. 

IKhomishana ithole ukuthi kwakungeke kube lula neze ukuphuca abateleki izikhali bese behlakazwa ngaphandle kokuthi kube nokuchitheka kwegazi, ntambama ngalolo suku mhla ziyi-16 kuNcwaba.

Amaphoyisa kwakufanele alinde kuze kube ngakusasa, lapho kwakuzobe sekusetshenziswa khona icebo lasekuqaleni lokuzungeleza abateleki, futhi okwakuyicebo elalingenabo ubungozi kangako.

IKhomishana yathola futhi nokuthi isinqumo sokuthi abateleki basuswe ngenkani egqumeni ngamaphoyisa mhla ziyi-16 kuNcwaba uma bengabeki phansi izikhali ngokuzithandela kwabo, alithathwanga ngabaphathi bamaphoyisa ababelapho egqumeni. 

Esikhundleni salokho, isinqumo sathathwa ngu-Lieutenant-General Mbombo, uKhomishana Wamaphoyisa eNyakatho Ntshonalanga, sasesigunyazwa ngubuholi be-SAPS esithangamini esiphuthumayo Sesigungu Sabaphathi Sikazwelonke.

IKhomishana yathola futhi ukuthi umkhankaso wamaphoyisa kufanele ngabe wamiswa emva kokudubula okwenzeka kwisigcawu soku-1 kanye nokuthi kwakungekho kukhuzwa nokulawulwa kwamaphoyisa kwisigcawu sesi-2. 

IKhomishana yayigxeka futhi indlela abaziphatha ngayo abaphathi bamaphoyisa ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kweKhomishana.

Ubuholi bamaPhoyisa abuzange ekuqaleni budalule kwiKhomishana ukuthi icebo lokuqala lalingeke lisakwazi ukuthi lisebenze ngosuku lokuqala nanokuthi labe selishiywa kanjalo.

Ngaphezu kwalokho, ubuholi bamaphoyisa abuzange buyitshele iKhomishana ukuthi isinqumo sokuthi kuqhutshelwe netulo lobunyoninco bezempi, uma abateleki bengazibeki phansi izikhali bese behlakazeka, lathathwa emhlanganweni Wesigungu Sabaphathi Sikazwelonke mhla ziyi-15 kuNcwaba. Esikhundleni salokho, ubuholi bamaphoyisa batshela iKhomishana ukuthi lesi sinqumo sathathwa mhla ziyi-16 kuNcwaba, futhi emva kokuba isimo sesisibi kakhulu.

IKhomishana yazwakalisa futhi ukukhathazeka okukhulu ngokuthi kwaba khona ukubambezeleka okulinganiselwa esikhathini esiyihora ngaphambi kokuba abavukuzi ababelimele bathole ukunyangwa kwisigcawu soku-1, futhi yagcizelela ukuthi okungenani ngabe umvukuzi oyedwa wasinda ukuba wayethole ukunyangwa kusenesikhathi. 

2. IZINCOMO 

IKhomishana incoma ukuthi ukwehluleka kwe-Lonmin ukufezekisa izibopho zayo zokwakha izindlu ngaphansi Kwezinhlelo Zenhlalo Yomphakathi kanye Nezabasebenzi kufanele ukuthi kubikwe eMnyangweni Wezezimbiwa, nokufanele ukuthi uthathe izinyathelo ukuphoqa i-Lonmin ukuthi ifezekise lezi zibopho.

IKhomishana income ukuthi kuqokwe Ithimba Longoti, elifaka phakathi laba:

  • Izikhulu eziphezulu eMnyangweni Wezomthetho ngaphansi kwe-SAPS;
  • Izikhulu eziphezulu ezinolwazi olunzulu Kwezokugcinwa Kokuthula Emphakathini;

Kanye

  • Nongoti abazimele Bezokugcinwa Kokuthula Emphakathini, abavela kuleli kanye nasemazweni angaphandle, abanolwazi olufanelekile lokubhekana nezixuku zabantu ezihlome ngezikhali ezibukhali kanye nezibhamu, ngendlela okwenzeka ngayo njengamanje eNingizimu Afrika. 

Leli thimba kumele ukuthi, phakathi kwezinye izinto:

  • Libuyekeze futhi lichibiyele yonke imithetho emaqondana Nezokugcinwa Kokuthula Emphakathini;
  • Liphenye ngezindlela kanye nezinyathelo ezingcono ezisetshenziswayo emhlabeni jikelele futhi ezizosetshenziswa ngaphandle kokuthi kudingeke ukuthi kusetshenziswe izikhali ezizishintshayo ezikhafula intuluntulu yezihlamvu, ezimweni lapho izindlela Zokugcina Ukuthula Emphakathini zingagculisi futhi zingenele.

Ezimweni Zokugcina Ukuthula Emphakathini, izinqumo mayelana nokusebenza kwamaphoyisa kufanele ukuthi zithathwe yisikhulu esingusigaxamabhande onamandla negunya lokulawula wonke umsebenzi owenziwayo, futhi kube yisikhulu esinolwazi nokuqeqeshwa kwakamuva kanye namakhono afanelekile kwezokugcina ukuthula emphakathini. 

Konke ukuxhumana ngo-ova kufanele ukuthi kuqoshwe futhi lezo zinkulumo eziqoshiwe kumele zigcinwe. 

Izinhlelo zokwenza umsebenzi Wokugcina Ukuthula Emphakathini kumele ziveze indlela yokuxhumana eyosetshenziswa ngamalungu e-SAPS ngenkathi ethumelelana imiyalezo nemibiko.

Kumele kusungulwe indlela yokuxhumana futhi isetshenziswe ezimweni lapho kwenziwa khona imikhankaso yamaphosiya emikhulu kuhlanganisa nezinye izindlela eziyolandelwa, uma indlela yokuxhumana ngo-ova ingeke ikwazi ukuhlinzeka ngokuxhumana okwanele.

I-SAPS kumele ibuyekeze indlela amalungu ayo aqeqeshwa ngayo ikakhulukazi lawo asemkhakheni wokusebenza ngemishini edinga ubuchwepheshe obuthile, njengezinganono zamanzi kanye nemishini yokuqopha amavidiyo.

Zonke izindiza ezinophephela emhlane ze-SAPS kumele zibe namakhamera evidiyo. 

Imikhankaso yamaphoyisa lapho kunamathuba amaningi okuthi kungahle kusetshenziswe khona amandla nendlakadla, icebo kufanele ukuthi lifake phakathi ukuhlinzekwa ngosizo lokuqala olwanele nolusheshayo kulabo abalimele.

IKhomishana iyagcizelela futhi ukuthi wonke amaphoyisa kufanele ukuthi aqeqeshelwe ukuhlinzeka ngosizo lokuqala oluyisisekelo.

Kufanele ukuthi kube nendlela ecacile eshoyo ukuthi amalungu e-SAPS aqeqeshelwe ukuhlinzeka ngosizo lokuqala, asuke ekhona enkundleni yesigameko lapho kudingeka khona usizo lokuqala, kumele asize labo abadinga usizo lokuqala.

Amaphoyisa aqeqeshelwe ukuba ngongoti ekusebenzeni izibhamu kufanele ukuthi athole ukuqeqeshwa okwengeziwe okuphathelene nekhono lokuhlinzeka ngosizo lokuqala olusuke ludingeka ukubhekana namanxeba okudutshulwa.

IKhomishana yengeza ngokuthi izincomo ezenziwe yiKhomishana Yokuhlela Kazwelonke, zokuthi kuqedwe izikhundla okungathi ngezamasosha emaphoyiseni kufakwe izikhundla ezikhombisa ukufundiseka, kumele zenziwe ngokushesha okukhulu. 

Maqondana nokuthi ngubani okufanele ukuthi aphendule, lapho umkhankaso wamaphoyisa kanye nemiphumela yawo kushiya imibuzo, futhi kudingeka ukuthi kwenziwe uphenyo oluthe xaxa, uNgqongqoshe kanye noKhomishana Kazwelonke kumele baqaphele uma benza izitatimende ezithile esidlangalaleni noma uma bekhuluma namalungu e-SAPS. Kumele baqaphele ukuthi kabasho noma yini okungenzeka ukuthi ibe nomthelela ‘wokuthi amaphoyisa azame ukufihla izenzo zozakwabo’ noma okungenzeka ukuthi ivimbele amalungu anokuthile okungalungile akwaziyo, angabe esakwazi ukuthi akubike lokho akwaziyo.

Imiyalelo emile kumele ukuthi ngokucacile ifune ukuthi kulandelelwe konke ukusebenza kwamaphoyisa okwenzekile futhi kube nokuqoshwa okwanele kwemikhankaso yokusebenza kwamaphoyisa.

I-SAPS kanye namalungu ayo kumele ikwamukele ukuthi banesibopho sokwazisa umphakathi ngabakwenzayo kanye nokukhuluma iqiniso, ngoba uma besebenzisa amandla ngenhloso yokuqinisekisa ukugcinwa komthetho lokho bakwenza egameni labo bonke abantu baseNingizimu Afrika, kusho iKhomishana.

Kumele kubuyekezwe inani labasebenzi kanye nezinsizakusebenza ophikweni oluphenya ngezenzo zamaphoyisa i-Independent Police Investigations Directorate (IPID) ukuze kuqinisekiswe ukuthi lolu phiko luwenza ngendlela efanele umsebenzi walo.

UKUDLULISWA KWALOLU DABA UKUZE LUPHENYWE NGOKWESIGABA 24(1) SOMTHETHO WE-NPA

IKhomishana incoma ukuthi kube nophenyo oluphelele, ngaphansi kweso loMqondisi Wezokushushiswa Komphakathi eNyakatho Ntshonalanga, ngenhloso yokuthi kutholakale ukuthi asikho yini isidingo sokuthi abekwe icala lobugebengu wonke amalungu e-SAPS athintekayo ezigamekweni ezenzeka kwisigcawu soku-1 kanye nakwisigcawu sesi-2.   

Ngokwenhloso yophenyo, kufanele ukuthi kuqokwe ithimba, elizoholwa nguMshushisi Wombuso Omkhulu, ngokuhlanganyela nochwepheshe abazimele ekwakhiweni kabusha kwesithombe sezindawo lapho kwenzeka khona amacala, nochwepheshe bezesayensi yezinhlamvu zezibhamu kanye nokudutshulwa kwazo kanye nongoti bezokucwaningwa komchamo, igazi kanye namathishu omzimba elabholethri kanye nabaPhenyi Abakhulu abavela kwi-IPID, kuhlanganisa nanoma yibaphi abanye ochwepheshe okungenzeka ukuthi badingeke ekuqhutshweni kwalolu phenyo. 

UKUDLULISELWA KOMBIKO KWABEZOKUSHUSHISA

IKhomishana iphinde futhi income ukuthi konke ukubulawa kwabantu nokushaywa kwabantu okwenzeka phakathi komhla ziyi-11 kanye nomhla ziyi-15 Ncwaba 2012, kumele kudluliselwe kuMqondisi Wezokushushiswa Komphakathi, ukuze kuqhutshekwe nophenyo bese kuthathwa nesinqumo sokuthi ngabe kukhona yini okufanele bashushiswe ngalezo zigameko noma cha.

IKhomishana iyasho ukuthi lo mkhuba ovamisile eNingizimu Afrika wokuphatha izikhali ezibukhali kanye nezibhamu kanye nodlame oluhambisana nalokhu, emibhikishweni ephathelene nokuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi, udinga ukuthi unqandwe ngokuthi kuqiniswe ukusebenza komthetho ovimbela ukuziphatha okufuze lokhu.

IKhomishana yakuveza ukuthi abasebenzi base-Lonmin babonakala ngokucacile kumavidiyo kanye nasezithombeni bephethe izikhali eziyingozi emihlanganweni yomphakathi noma ezindaweni zomphakathi. 

Ngakho-ke iKhomishana ibe isinxusa ukuthi kwenziwe olunye uphenyo mayelana nalawa macala, ngokulandela uMthetho Olawula Ukubuthana Kwabantu kanye noMthetho Wokuphathwa Kwezikhali Eziyingozi. 

IZINYATHELO EZIZOTHATHWA NGUMONGAMELI

ONgqongqoshe abathintekayo bazowucubungula futhi bawuhlaziye kabanzi umbiko weKhomishana bese bengeluleka mayelana nokuqaliswa kokusebenza kwezincomo zeKhomishana.

IKhomishana iphinde futhi yancoma ukuthi kufanele kube nophenyo lokuthi ngabe uKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke kanye noKhomishana Wamaphoyisa eNyakatho Ntshonalanga bakulungele yini ukuthi babe kulezi zikhundla abakuzo ngokweSigaba 9 soMthetho Wezomsebenzi Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.

Sengimbhalelile uKhomishana Kazwelonke Wamaphoyisa ngamazisa ngezincomo eziqondene naye.

UNgqongqoshe Wezamaphoyisa uzokwazisa lowo owayenguKhomishana Wamaphoyisa eNyakatho Ntshonalanga mayelana nezindaba ezithinta yena. 

Eminye imininingwane mayelana nalezi zindaba izohlinzekwa ngokuhamba kwesikhathi.

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,

Senginihlinzekile ngemininingwane efingqiwe yalo Mbiko, onamakhasi angama-600 uma usuphelele. 

Ngikhiphe umyalelo wokuthi umbiko ogcwele ushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni kanye nakuwebhusayithi yeHhovisi likaMongameli kanye nakwiwebhusayithi Yophiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS) ukuze wonke umuntu akwazi ukufinyelela kuwona.

Bantu bakithi,

Isigameko saseMarikana yisibhicongo esibi kakhulu, esingenayo nencane indawo embusweni wentando yeningi, lapho zonke izakhamizi zinelungelo lokubhikisha futhi lapho abasebenzi benelungelo lokuteleka ngendlela enokuthula futhi bakwazi ukuthi baxoxisane ngezimo zokusebenza nabaqashi babo, ngokuthula.

Abondli bemindeni bathathwa ngesihluku esesabekayo emindenini yabo, futhi lokhu kuzwise imindeni nezihlobo ubuhlungu nokuhlukumezeka okukhulu.

Isizwe sonke saseNingizimu Afrika sashaqeka kakhulu ngalokhu okwenzeka. Kanjalo futhi nomhlaba wonke washaqeka ngoba akukho namunye owayelindele ukuthi kungenzeka into efana nalena eNingizimu Afrika ekhululekile nebuswa ngentando yeningi. 

Kumele nakanjani, njengesizwe, sifunde kulesi sigameko esibuhlungu kangaka. Kumele sisebenzise lesi sigameko ukwakha umphakathi obambisene, onokuthula futhi oyimbumba.

Udlame alunayo nencane indawo embusweni wethu wentando yeningi esawusebenzela kanzima kangaka.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore