Inkulumo KaMongameli U-Cyril Ramaphosa Emcimbini Wokugcotshwa KukaMongameli Wezwe

Inkulumo Kamongameli U-Cyril Ramaphosa Emcimbini Wokugcotshwa Kukamongameli Wezwe Ezindlini Zombuso, E-Tshwane

Ebukhosini, Amakhosi Nezindlovukazi,

Abahlonishwa, Izinhloko Zombuso Nohulumeni,

UMongameli Waphambilini uThabo Mbeki no-Nkk Mbeki,

UMongameli Waphambilini u-Kgalema Motlanthe no-Nkk Motlanthe,

Zonke iZinhloko Zombuso noHulumeni waphambilini,

Ngokukhethekile abamele amazwe ahlukene kanye nezinhlangano zamazwe ngamazwe,

USomlomo weSigungu Sikazwelonke,

USihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe,

IJaji Eliyinhloko Yezwe,

ONdunankulu, oNgqongqoshe kanye neziMeya,

Amalungu ePhalamende,

Abaholi bamaqembu epolitiki,

Abaholi bezenkolo nabendabuko,

Amanxusa kanye noKhomishana Abakhulu,

Omakadebona bomzabalazo,

Izihambeli Ezikhethekile, 

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika, 

Namuhla, njengoba sihlangene ngaphansi komthunzi welanga e-Highveld endaweni kahulumeni wethu, eZindlini Zombuso, ukuzozibonela mathupha phambi kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nezihambeli zethu ezihloniphekile ezivela emazweni ahlukahlukene ezwenikazini lethu nasemazweni akude indlela yethu yentando yeningi labantu.

Ngokwehlukahlukana kwethu, sihlangene ukuzoqinisekisa ukuthi leli lizwe lingelethu sonke esihlala kulona, njengokusho koSomqulu Wenkululeko cishe eminyakeni engamashumi ayisikhombisa eyedlule.

Sihlangene lapha, njengabantu ababunjwe nganhlabathi yinye kuzona zosishiyagalolunye izifundazwe ezakhe iNingizimu Afrika ebumbene, sizimisele ukuthi esikwenzayo kuzopholisa amanxeba esikhathi esidlule, sinqobe izinkinga zokungalingani kanye nobunzima esibhekene nabo njengamanje.

Wonke umuntu kufanele azi ukuthi akukho ukungazwani nokuphikisana okuzodala ukuthi sishaye indiva lokho okusidinga ukuthi sakhe isizwe esibumbene, esikhululekile, esilinganayo nesiphumelelayo.

Ngalolu suku, siqinisekisa intando yabantu bakuleli lizwe ngokuthatha isifungo.

Siqinisekisa ukwethemba okungenakuthandabuza kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, owesekelwe phezu kombono nezimiso zoSomqulu Wenkululeko.

Njengobuholi besizwe esehlukahlukene, sinomsebenzi omkhulu wokubumbanisa abantu baseNingizimu Afrika. 

Siqinisekisa ukuthi umlando ubeke emahlombe ethu umsebenzi wokuguqula izwe lethu libe ngelingacwasi ngokobuhlanga nangokobulili. 

Siqinisekisa ukuzimisela kwethu ukwakha isizwe esilinganayo nesinakekelayo.

Siqinisekisa intshisekelo yethu yokwakha umnotho okhulayo nobandakanya wonke umuntu ohlinzeka ngamathuba kanye nezindlela zokuziphilisa kubo bonke abantu. 

Siyaphinda siyazinikela emsebenzini wokuvuselela intando yeningi labantu kanye nokuguqulwa kwenhlalo nomnotho ukuze kungabi namunye ozosala ngemuva.

Ngakho-ke, njengoba siqala esinye isikhathi empilweni yesizwe sakithi, ukuqina kwentando yeningi labantu kuphinde kwanyakaziswa futhi abantu bakuzwakalisile ukuthi bona bafuna ukuthula nentando yeningi labantu hhayi izindlela zodlame, ezingayi ngentando yeningi labantu futhi ezingalandeli umthethosisekelo. 

Ngobuningi babo, nangokwehlukahlukana kwabo, abantu baseNingizimu Afrika bavotile futhi badlulisa lokhu abakufisayo, ukukhathazeka kwabo kanye nalokho abakulindele. 

Siyayemukela futhi siyayihlonipha imiphumela yokhetho futhi siyaphinda sithi abantu sebekhulumile. Intando yabo mayenzeke ngaphande kokuthandabuza nokubuza imibuzo. 

Abavoti baseNingizimu Afrika abanikanga iqembu elilodwa igunya eliphelele lokubusa lodwa izwe. 

Basiyalele ukuthi sisebenze ngokubambisana ukuxazulula usizi lwabo futhi sifeze izifiso zabo. 

Badlulisile ukubonga kwabo ngenqubekelaphambili ezingxenyeni eziningi zempilo yabo eminyakeni engama-30 yenkululeko eyedlule. 

Abazange futhi babe nokungabaza ekudluliseni ukungagculiseki nokungamukeleki ngendlela esenze ngayo kwezinye izingxenye lapho singabenzelanga kahle.

Bafuna umnotho oguqukile, okhulayo nobandakanya wonke umuntu osungula amathuba emisebenzi kwizigidi zabantu abafuna imisebenzi futhi ohlinzeka ngamathuba okuvula amabhizinisi kubobonke osomabhizinisi bakuleli lizwe lethu – abesifazane namadoda, abancane nabadala.

Abantu bakucacisile ukuthi bafunani.

Bafuna iNingizimu Afrika lapho wonke umuntu ezovikeleka kuMthethosisekelo wentando yeningi labantu futhi bathole nokuvikeleka ezinkantolo zethu.

Bachaze izwe lapho wonke umuntu angakhula ngale kwezimo abazalelwe kuzona, benakekelwa imindeni enothando, besizwa umbuso onakekelayo futhi benikwa amandla ukuqala izinto ezintsha, ukuphikelela kanye nokusebenza kanzima.

Ngamavoti abo bakucacisile ukuthi bafuna izidingonqangi zempilo ethokomele, enenjabulo, enempilo nephephile.

Ngamavoti abo baqinisekisile ukuthi bafuna ukudla okwanele abazokudla. Amanzi ahlanzekile. Ugesi ongambi eqolo otholakala zikhathi zonke. 

Bafuna amakhaya ahloniphekile angangenisi umoya, imvula namakhaza. 

Bafuna imigwaqo enakekelwayo kanye namalambu omgwaqo akhanyayo.

Abantu baseNingizimu Afrika bacele ukunakekelwa ngendlela efanele uma begula, bafuna izingane zifundiswe kahle, abadala banakekelwe, nalabo abangasebenzi ukuthi bathole imisebenzi.

Abantu baseNingizimu Afrika sebekhulumile ngomhlaba abawufunayo ukuze bezolima, ngamabhizinisi abafuna ukuwaqhuba, ngezinto nangemikhiqizo abafuna ukuyenza, ngamakhono abafuna ukuwafunda.

Bashilo ukuthi isifiso sabo ukuthi baphephe emakhaya abo, emigwaqeni, emadolobheni abo, ezigodini nasemapulazini abo.

Abantu bafuna kuphele ukwebiwa kwezimali zomphakathi kanye nokuthunjwa kwamandla ombuso.

Ngaphezu kwakho konke, abantu baseNingizimu Afrika bagcizelele ukuthi ngeke babekezelele ukuxabana ngokwepolitiki kanye nomdlalo wenkombankombane phakathi kosopolitiki namaqembu epolitiki. 

Bafuna ukuthi thina sibeke phambili izidingo nezifiso zabo futhi bafuna ukuthi sisebenze ngokubambisana senzele izwe lethu. 

Namuhla ngime phambi kwenu ngokuzithoba okukhulu ngizothi sinizwile. 

NjengoMongameli weZwe, ngizosebenzisana nawowonke umuntu futhi ngisebenze nawowonke amaqembu epolitiki nomkhakha ozimisele ukufaka igalelo lokuthola izisombululo kulezi zinselele ezibhekene nezwe lethu njengoba singena eminyakeni eyishumi emisha yenkululeko.

Iminyaka engamashumi amathathu idlulile selokhu saqeda ngokunqubuzana ngokobuhlanga samukela umphakathi ovulelekile nonentando yeningi labantu.

Sesenze umsebenzi omkhulu ekwakheni umphakathi omusha owakhelwe phezu kwezikhungo zentando yeningi labantu enamandla kanye nenkululeko yomhlaba wonke.

Sesiguqule ezemisebenzi kahulumeni, amajaji azimele, uhlelo lwezokhetho oluncintisanayo, umnotho othuthukile, abezindaba abanomdlandla nenkululeko, kanye nomphakathi onamandla.

Ngale kwale nqubekelaphambili, kusalokhu kukhona ukungalingani emphakathini wakithi kanye nokwahlukana okukhulu. Kunoqhekeko olubi kanye nokuhlukana komphakathi okungavele kuqede kalula uzinzo. 

Umgoqo owabekwa ngumlando wethu, phakathi kwabamnyama nabamhlophe, phakathi kwamadoda nabesifazane, phakathi kwamadolobhakazi nezindawo ezingamalokishi, phakathi kwamadolobha nezindawo zasemakhaya, phakathi kwezimpunyela nabadla imbuya ngothi, usalokhu unomaka ezweni lethu.

Kwezinye izindawo, lo maka kungenzeka usuyafiphala, kodwa awukapheli.

Siyizakhamuzi zezwe elilodwa kodwa sihlala emihlabeni eyehlukene, sihlukaniswe izindonga ezinde namabanga amade.

Sehlukaniswe phakathi kwalabo abasebenzayo nalabo abangasebenzi; phakathi kwalabo abanendlela yokwakha nokuthokozela ukunethezeka kwempilo kanye nalabo abangakwazi.

Ngakho-ke namuhla akulona usuku olwejwayelekile.

Ngumzuzu womphumela obalulekile empilweni yesizwe sakithi. 

Ngumzuzu lapho kufanele sikhethe ukuthi ngabe siya phambili ngokubambisana noma sizibeka engcupheni yokulahlekelwa yikho konke esesikwakhile.

Kulo mzuzu kufanele sikhethe ukuya phambili; ukuvala igebe phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika futhi sakhe umphakathi olinganayo; ukufeza isithembiso soMthethosisekelo wethu futhi sifezekise inhlosonqangi yoSomqulu Wenkululeko kubobonke abantu.

Lo mzuzu udinga isibindi nobuholi obuyisimanga.

Udinga inhloso eyodwa yokuvikela ubumbano lukazwelonke, ukuthula, uzinzo, ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu, ukungacwasi ngokwebala nangokobulili.

Ngokuvota kwabo, abantu baseNingizimu Afrika bacacise lokho abakulindele ukuthi abaholi babo kufanele basebenze ngokubambisana.

Bayalele labo ababamele ukuthi babeke eceleni inzondo nokungaboni ngaso linye, bayeke ukuba ngogombela kwesabo, kanye nokusebenzela kuphela lokho okuzosiza isizwe.

Njengabaholi, njengamaqembu epolitiki, siyacelwa ukuba sisebenze ngokubambisana ekwakheni umnotho okhulayo, amathuba angcono emisebenzi, imiphakathi ephephile kanye nohulumeni osebenzela abantu bawo.

Kuwona wonke umkhakha wepolitiki, amaqembu asabelile uma ebizwa.

Ukuqonda ukuthi alikho iqembu elingabusa lodwa futhi lishaye nemithetho lodwa, la maqembu avumile ukusebenza ngokubambisana, ukusebenzisa amakhono awo ukwenzela izwe lethu okuhle kanye nenqubekelaphambili yabantu.

Ngokubambisana, bakhethe ukusungula uhulumeni wobumbano lukazwelonke ukuqhuba uhlelo olulodwa lokuletha uguquko olubalulekile noluzohlale lukhona.

Ukubunjwa kukahulumeni wobumbano lukazwelonke ngumzuzu obalulekile kakhulu. Kuyisiqalo sesikhathi esisha.

Njengoba abaholi baleli lizwe bahlangana kuhulumeni wobumbano lukazwelonke eminyakeni engama-30 eyedlule ukusebenzela ikusasa elifanayo kanye nokwakha isizwe esibumbene, amaqembu akuhulumeni wobumbano lukazwelonke wanamuhla avumile ukusebenza ngokubambisana ukulwa nezinselele ezibhekene nesizwe sakithi.

Amaqembu amukele i-Statement of Intent, lapho ezinikele ukusebenzela ukukhula komnotho osheshayo, obandakanya wonke umuntu nosimeme; ukubhekana nobubha ngokuvikela amalungelo abasebenzi; ukuletha uzinzo kuhulumeni kanye nokwakha amakhono ombuso.

Amaqembu athembise ukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika ngokuhlinzeka ngemfundo esemgangathweni kanye nokunakekelwa ngokwezempilo; ukulwa nobugebengu nenkohlakalo; ukuqinisa ubumbano lomphakathi nokwakha isizwe esibumbene; kanye nokusungula inqubomgomo yamazwe angaphandle ehambiselana namalungelo abantu, ubumbano nokuthula.

Njengabantu baseNingizimu Afrika, kufanele omunye nomunye enze lokho angakwazi ukukwenza ukufeza lo msebenzi.

Sizomema wonke amaqembu, umphakathi, umkhakha wabasebenzi, amabhizinisi nezinye izinhlangano eziNgxoxweni Zikazwelonke mayelana nezinselele ezinzima ezibhekene nesizwe. 

Njengoba senzile esikhathini esiningi esedlule, sizoqhuba isivumelwano somphakathi ukuze sizofezekisa uHlelo Lwentuthuko Kazwelonke. 

Ngabanye ngabanye, njengemindeni, njengomphakathi nasezinhlanganweni zethu eziningi, masithathe wonke amandla esinawo ukufeza iphupho lethu lokuba neNingizimu Afrika engcono.

Noma sibumbene ngokwehlukana kwethu, singabantu abanokholo olujulile nolungapheli. 

Sikhulekela isizwe sethu, ukuthi imimoya yethu iphakanyiswe, futhi kubuyiswe nengcebo yethu.

Kufanele sibe nesibindi ukwenza lo msebenzi.

Kufanele sibe nesibindi futhi siqine.

Lolu guquko olusha lubiza inqubekelaphambili noshintsho olujulile nolubalulekile.

Sibheke lolu guquko ngokuzethemba nangethemba elikhulu. 

Kufanele siyinqabe yonke imizamo yokusihlukanisa noma yokusiphazamisa, ukutshala ungabazane noma ukugxeka, noma ukuthi sijikelane.

Labo abafuna ukusivimba, labo abafuna ukubhebhethekisa ukungezwani, ngeke bephumelele, ngoba abantu baseNingizimu Afrika banamandla.

Labo abafuna ukubukela phansi izikhungo zethu bazokwehluleka, ngoba intando yeningi labantu iphila ngaphakathi ezinhliziyweni zabantu bakithi futhi lokho ngeke kuphele.

Akukho okuzosiphazamisa ekusebenzeleni abantu nokubenzela lokho abakufunayo.

Manje sekuyisikhathi sokuqhubekela phambili. Ngokubambisana, singenza okuningi futhi kangcono.

Manje sekuyisikhathi sokuhlanganisa wonke amakhono siphinde sithathe amandla ethu wonke sisebenzele abantu baseNingizimu Afrika.

Angeke nje sisonge izandla, ngeke siphumule, kuze kube ngukuthi sesisungule imisebenzi kulabo abayidingayo; kuze kube sinokudla okwanele kuwona wonke amakhaya; kuze kube wonke umuntu kuwona wonke amadolobha, amadolobhakazi, amakhaya kanye nasemapulazini bathola izidingonqangi abazidingayo ukuze baphile impilo ehloniphekile.

Ngeke siphumule kuze kube abesifazane eNingizimu Afrika bakhululekile kwizingqinamba zenhlalo, zamasiko nezomnotho ezibambezela inqubekelaphambili yabo.

Ngeke sikwazi ukuphumula kuze kube izigebengu ziphelile emigwaqeni yethu nezidakamizwa ziphelile emiphakathini yakithi; kuze kube amadoda awasalubhebhezeli udlame kwabesifazane nakubantwana; kuze kube labo abantshontshela abantu bayaphendula.

Ngeke siphumule uma imiphakathi yakithi isaqedwa izikhukhula, umlilo nesomiso.

Ngokubambisana, sizobhekana nobungozi bamazinga okushisa komhlaba.

Siyawamukela umsebenzi wokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu ngendlela yempumelelo, enganukubezi imvelo nebandakanya wonke umuntu.

Lokhu sikwenzela lesi sizukulwane nazo zonke ezisazolandela.

Sizokwakha uhulumeni onamakhono nothembekile.

Ngokubambisana, sizosebenza ukugqugquzela ukusebenzisana kwamazwe amaningi ukuze sizoba nomhlaba osebenzela wonke umuntu, lapho wonke umuntu elingana, onemvelo ehlanzekile kanye nonobubele, owakhiwe phezu kobumbano namalungelo abantu emhlabeni jikelele.

Sizohlanganyela nabafowethu nodadewethu ezwenikazini i-Afrika ukuthi sithole ukuthula, silethe uzinzo kanye nentuthuko.

Ngokusebenzisa iNkundla Yokuhwebelana Mahhala e-Afrika, ngokwakhiwa kwemigwaqo, ojantshi bezitimela, amafemu kanye neziteshi zikagesi, i-Afrika izoqala ukusebenza esikhathini esisha sokukhiqiza nentengiso.

Namuhla, ngiyafunga ukuba uMongameli wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika;

ukuvikela uMthethosisekelo wethu nokuvikela intando yeningi labantu; ukusebenzisana nabo bonke abanephupho elifanayo lempilo engcono yabo bonke abantu; ukunakekela abahlwempu nababuthakathaka, kanye nokweseka bonke abaswele nokwakha izwe lethu ukuthi liqine, libe namandla, kube nokulingana nobumbano.

Leli iphupho elichazwa imbongi uSandile Dikeni enkondlweni yakhe ethi ‘Love Poem for my Country’:

My country is for health and wealth

See the blue of the sea

And beneath the jewels of fish

Deep under the bowels of soil

Hear the golden voice of a miner’s praise for my country

My country is for unity

Feel the millions

See their passion

Their hands are joined togetherInkulumo Kamongameli U-Cyril Ramaphosa Emcimbini Wokugcotshwa Kukamongameli Wezwe Ezindlini Zombuso, E-Tshwane

Their hands are joined together

And there is hope in their eyes.

Ngalolu suku, sibambene ngezandla. Sibumbene. Siphuphuma ithemba.

Engathi uNkulunkulu angabusisa iNingizimu Afrika futhi avikele nabantu bayo.

Nkosi Sikelel’ i-Afrika.

Morena boloka setjhaba sa heso. 

God seën Suid-Afrika. 

Mudzimu fhatutshedza Afurika.

Hosi katekisa Afrika.

Ngiyabonga.

Issued by
More from
More on

Share this page

Similar categories to explore