ISitatimende SikaMongameli Jacob Zuma Esigungwini SikaZwelonke Mayelana Nodlame Olubhekiswe Kubantu Abavela Kwamanye Amazwe KwaZulu-Natali

Somlomo Ohloniphekile,
IPhini LikaSomlomo Elihloniphekile,
IPhini LikaMongameli Elihloniphekile,
Malungu Ahloniphekile,
Bantu baseNingizimu Afrika,

Ngeviki eledlule sibone izigameko zodlame ezinyantisa igazi nezingamukeleki ezibhekiswe kubantu abavela kwamanye amazwe ezingxenyeni ezithile KwaZulu-Natali, futhi manje sezidlulele nakwezinye izingxenye zase-Gauteng. Kwakube nezigameko ezifanayo eSoweto ngoMasingana.

Noma ngabe abantu bakhungathekile noma bathukuthele kangakanani, lokho akwenzi kwamukeleke ukuhlasela abantu abavela kwamanye amazwe futhi bazitapele ezitolo zabo.

Siyalugxeka kakhulu lolu dlame. Loku kuhlaselwa kuzenza ize zonke izinto ezibalulekile ezimelelwa yiNingizimu Afrika, ikakhulu ukuhlonipha ukuphila komuntu, amalungelo abantu, isithunzi somuntu kanye nobuntu.

Izwe lethu limelene ngokuqinile nazo zonke izinhlobo zokungabekezelelani njengokucwasa abantu ngenxa yohlanga lwabo, ukubacwasa ngenxa yezwe abavela kulo, nokucwasa abantu abathandana nabobulili obubodwa nokubacwasa ngenxa yobulili babo .

Sithi akwehlanga lungehlanga emindenini yabo bonke abasishiyile emhlabeni futhi labo abalimele sibafisela ukuba basheshe balulame.

Sinxusa ukuba sizole, kuphele udlame futhi abantu bazibambe. Izigebengu akufanele zivunyelwe ukuba zisebenzise izakhamuzi ukuze zihlwanyele imbewu yokulimaza nokucekela phansi abanye abantu.

Noma yiziphi izinkinga noma izinto ezikhathaza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika kumelwe zixazululwe ngokuthula futhi kuxoxiswane.

Amaphoyisa ayalwe ukuba asebenze imini nobusuku ukuze avikele abantu abavela kwamanye amazwe kanye nezakhamizi zakuleli futhi abophe abaphangi nalabo abenza izenzo zodlame.

Sinxusa imiphakathi ukuba isize amaphoyisa futhi iwanikeze imininingwane yezigameko ezenzeke e-Gauteng naKwaZulu-Natali ukuze kuboshwe izigebengu.

Siyababonga abaholi bezenkolo, izinhlangano okungezona ezikahulumeni nabanye ababambiqhaza abanikeza usizo kubantu abangenandawo.

Nakuba sikugxeka kakhulu ukuhlaselwa kwabantu, siyazi ukuthi kukhona izinkinga eziye zaphakanyiswa ezinye izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezithintekile, futhi sizinakile.

Siyaphinda siyawusho umbono wethu ukuthi iningi labantu baseNingizimu Afrika akubona abantu abacwasa abanye ngenxa yezwe abavela kulo. Ukube bekunjalo, besingeke sibe nenani eliphezulu kangaka labantu abavela kwamanye amazwe abaye bahlala kahle emiphakathini kulo lonke izwe, emadolobheni amancane namakhulu nasezindaweni zasemakhaya.
Kunezinto ezithinta ezenhlalo nezomnotho eziye zaphakanyiswa, futhi siphezu kwazo.

Lezi zihlanganisa izikhalo mayelana nabantu abangene kuleli ngokungemthetho futhi abangenazo izimvume, ukwanda kwenani lezitolo noma amabhizinisi amancane aye athathwa ngabantu abavela kwamanye amazwe kanye nombono wokuthi abantu abavela kwamanye amazwe benza ubugebengu noma babuqhubekisela phambili.

Sifisa ukugcizelela ukuthi nakuba bekhona abantu abavela kwamanye amazwe abaye baboshelwa ubugebengu obunhlobonhlobo, kuwumbono odukisayo futhi kubi ukuba kuthiwe bonke abantu abavela kwamanye amazwe bazibandakanye nobugebengu kuleli zwe.

Ukwenezela kulokho, akubona bonke abantu abavela kwamanye amazwe abahlala ezweni lethu ngokungemthetho. 

Abaningi bahleli kuleli zwe ngokusemthethweni futhi bafaka isandla emnothweni nasekuthuthukisweni kwezwe ngokwezenhlalo. Abaningi bafika namakhono ayimvelakancane futhi asisizayo sithuthukise umnotho futhi siyabamukela ukuba bahlale ezweni lethu.

Abanye beza eNingizimu Afrika bebalekela izinxushunxushu nezimpi emazweni abadabuka kuwo, njengoba nje nabantu abaningi baseNingizimu Afrika bake bahamba kuleli zwe futhi bayohlala kwamanye amazwe akuleli zwekazi namanye angaphandle.

Abafowethu nodadewethu bakulo lonke izwekazi lethu basiphatha ngomoya omuhle, ngesithunzi nangenhlonipho. Ngeke size siwukhohlwe lowo moya omuhle nobumbano.

Ukusekela kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika ayesisize emzabalazweni wenkululeko kanye nokweNhlangano Yobunye Be-Afrika kwakubalulekile ekutheni sithole inkululeko nokubusa ngentando yeningi labantu esikujabulelayo namuhla.

Ngenxa yalokho, uHulumeni uzoqhubeka edlala indima yakhe futhi afeze izibopho zethu njengelungu leNhlangano yoBumbano Lwamaze ase-Afrika neNhlangano Yezizwe.

Ababaleki kanye nalabo abafuna ukukhosela bazosekelwa ngokuvumelana nemithetho neziqondiso zamazwe ngamazwe nangokusekelwa i-United Nations High Commissioner for Refugees.

Sinxusa abantu bakithi ukuba babasekele futhi babavikele ababaleki nalabo abafuna ukukhosela.

Ngempelasonto, ngikhiphe uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, Owezokuvikeleka Kombuso kanye noWezasekhaya ukuba basebenzisane nohulumeni weSifundazwe saKwaZulu-Natali babhule umlilo wodlame futhi babuyisele isimo kwesijwayelekile. Benze kahle kodwa le nkinga idinga ukuba kwenziwe imizamo enqala nezohlala isikhathi eside.

Ngenxa yalokho, ngabele lonke uPhiko Lwezobulungisa, Ezokuvinjelwa Kobugebengu Nezokuvikeleka ukuba lusebenze kabanzi ngalolu daba, lujoyinwe uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi,  Owezohwebo Nezezimboni noweZokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane.

Uphiko lwezokuvikela neminyango yezomnotho sebeqalile kakade ukusebenza ngalolu daba, ngemva kwezigameko zaseSoweto ngoMasingana.

Manje sengibanike isiqondiso sokuba basebenze ngokushesha futhi babandakanye nemiphakathi ethintekile, izinhlangano ezimele abantu abavela emazweni angaphandle, amabhizinisi, izinhlangano okungezona ezikahulumeni nabanye ababambiqhaza ukuze babheke izinto ezikhathazayo ezivela nhlangothi zombili.

Injongo yalokhu ukugwema izigameko ezifanayo esikhathini esizayo ngokuthuthukisa ubudlelwano nokugqugquzela ukuhlalisana ngokuthula phakathi kwezakhamuzi nabafowethu nodadewethu abavela kuleli zwekazi, kanye nakwamanye amazwe angaphandle.

Sizofuna nokubambisana nokusekela kwamahhovisi amanxusa amazwe athintekile aseNingizimu Afrika. UNgqongqoshe Wezasekhaya uye wahlangana Namanxusa Amazwe ase-Afrika ngeviki eledlule.

UNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana naye uzoqhubekisela lezi zingxoxo phambili lapho ehlangana Namanxusa Amazwe ase-Afrika kusasa, mhla ziyi-17 ngoMbasa.

Sinxusa amaLungu Ephalamende ukuba nawo asebenzisane nathi, ezindaweni aphethe kuzo, ukuthuthukisa ubudlelwano nokugqugquzela ukuhlalisana ngokuthula phakathi kwabantu bakithi nalabo abavela kwamanye amazwe.

Kukhona izinyathelo ezithathwayo ukuze kuqiniswe ezokuphepha emingceleni futhi kulawulwe kangcono ukungena kwabantu abavela kwamanye amazwe kuleli.

Kulokhu, uHulumeni wenza inqubekela-phambili ngokusungula iNhlangano Yokulawulwa Kwemingcele, ezolawula imingcele nazo zonke izindawo okungenwa kuzo. 

Umnyango Wezasekhaya uzathuthukiswa ukuze ukwazi ukubhekana kangcono nezinkinga zokuthutha kwabantu ikakhulukazi emingceleni.

Ngenxa yalokho, Umbutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) uzodlulisela amasosha angama-350 eMnyangweni Wezasekhaya, ayosebenza njengabalawuli bokungena kuleli emingceleni.

Ngaphezu kwalokho, i-SANDF iye yakhipha amasosha azogada emingceleni ezifundazweni eziyisikhombisa ukuze kuvinjelwe izenzo zobugebengu basemingceleni nokweqa umngcele ngokungemthetho. 

Bantu baseNingizimu Afrika,

Siyaninxusa nonke ukuba nizole futhi nizibambe.

Sinxusa nalabo abasebenzisa izinkundla zokuxhumana, ukuba bayeke ukubasela amalangabi odlame ku-Facebook, ku-Twitter nakwezinye izinkundla.
Sonke sinesibopho sokuthuthukisa ukubambisana, ukuhlalisana ngokuthula nobudlelwane obuhle ezweni.

Abantu abavela kwamanye amazwe bayasisiza sisabalale engqondweni futhi siyakwamukela ukuba khona kwabo. Sifuna nokubona ukwanda kwezibalo zezivakashi ezivela emazweni akuleli zwekazi futhi sihlanganyele amathuba amabhizinisi amaningi njengengxenye yokugqugquzela ukuthuthukiswa komnotho kuleli zwekazi.
Imigubho yeNyanga ye-Afrika ezayo ngoNhlaba isinika ithuba lokuba siqhubeke nokuthuthukisa lokho esiyikho njengama-Afrika nobudlelwane obuhle nabafowethu nodadewethu abavela kuleli zwekazi.

Sibheke phambili kwimigubho yoSuku Lwase-Afrika kuzo zonke izifundazwe mhla zingama-25 ngoNhlaba.

Bakwethu, siyakhuza sithi asehliseni imimoya.
Ukuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli zwe akwemukelekile neze.
Sathola usizo emazweni amaningi ngesikhathi silwela inkululeko. Abazange basixoshe noma basihlukumeze.

Siyazizwa izinkinga ezibekwayo, njengokuthi abanye abangabokufika abanamvume yokuba seNingizimu Afrika.

Kubuye kukhalwe nangobugebengu obenziwa ngabanye bokufika kanye nokuthatha amathuba okuhweba nemisebenzi.
Siyazizwa lezi zikhalazo futhi sizozilungisa. Kodwa siyagcizelela ukuthi akukho okungenza lolu dlame lwamukeleke. Siyalugxeka kakhulu.

Njengohulumeni siyayisebenza indaba yokuqinisa ezokuphepha emingceleni ukuze abantu bangangeni ngokungekho emthethweni ezweni. Sesitshale namasosha ukuze asize umnyango wezasekhaya, kuloludaba.

Malungu Ahloniphekile,

Masisebenze ngokubambisana ukuze sisekele bonke abantu abavela kwamanye amazwe abaye bahlukunyezwa yilolu dlame.

USomqulu weNkululeko  uthi kuyoba nokuthula nobungane. Isibopho sethu ukuthuthukisa leli fa lokuhlalisana ngokuthula futhi siliyise phambili.

Siyaphinda siqinisekisa isibopho sethu sokuba neqhaza kwi-Afrika engcono nomhlaba ongcono.

Masisebenze ndawonye ukuze senze izwe lethu libe yindawo engcono kubo bonke abahlala kulo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore