Isitatimende sabezindaba sikaNgqongqoshe wezeMpilo, u-Dkt Zwelini Mkhize, ngemiphumela yocwaningo lokusebenza komgomo

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

NgoMsombuluko, mhla ziyi-08 kuNhlolanja 2021, Mina Ngqongqoshe Wezempilo, uDkt Zwelini Mkhize – ngachazela iKomidi LoNgqongqoshe Elibhekele Umgomo eliholwa usihlalo oliPhini likaMongameli waseNingizimu Afrika, uMhlonishwa uMnu David Mabuza ngokusebenza kahle komgomo i-AstraZeneca ekulweni negciwane elisha i-501Y.V2 legciwane le-Corona, eselibhebhetheke eNingizimu Afrika. Ngakolunye uhlangothi, esinye isitatimende sethulelwa UMkhandlu Kazwelonke Olawula Impi Yokulwisana Negciwane le-Corona i-NCCC ngesikhathi Ikomidi loNgqongqoshe Lezinqumo i-IMC yethula imibiko yayo mayelana nomgomo. 

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uzinikele ekuqinisekiseni ukuthi sisebenzisa amathuba angcono kakhulu nezindlela ezingcono ukuvikela abantu bakithi ekusulelekeni ngezifo, okubandakanya ne-COVID-19. INingizimu Afrika inezindlela ezithuthuke kakhulu zokuqinisekisa ukusetshenziswa ngokuphepha kwayo yonke imikhiqizo emisha yezempilo futhi siyathokoza ukuthi uhlelo lwethu locwaningo lusebenza kahle kakhulu, hhayi nje kuphela ekuqinisekiseni ubukhethelo bomkhiqizo, kodwa futhi nangokuhola umsebenzi wocwaningo lomhlaba wocwaningo lwegciwane le-Corona.

Ososayensi nabacwaningi baseNingizimu Afrika baqala ngezifundo zocwaningo lokusebenza kahle kwemigomo eyehlukene ngonyaka wezi-2020. Bagxila kakhulu kwimithelela yemigomo egciwaneni i-501Y.V2 ekupheleni konyaka kanye nasekuqaleni kukaMasingana kowezi-2021. Imiphumela yalolu cwaningo yatholakala ngoLwesihlanu, mhla zi-05 kuNhlolanja 2021 yaphumela emphakathini ngeSonto, mhla ziyi-07 kuNhlolanja 2021. Lokhu kungumphumela walo msebenzi, uhulumeni azinikele kuwo ngqo, ukuthi kutholakale ukuthi umgomo i-Astra Zeneca awusivikeli isifo segciwane le-501Y.V2. Lokhu okutholakele ngesikhathi kuqinisekise ukuthi zonke izinyathelo ziyathathwa ukusebenzisa umgomo osebenza ngempela kwiqhingasu lethu lokugoma.

Yonke imigomo yasungulwa ngokusekelwa kwemvelaphi yegciwane i-SARS-COV-2 elalibhebhetheke emhlabeni jikelele. Ukuthenga kukahulumeni imigomo kwaba ngaphambi kokutholakala kwegciwane le-501Y-V2 kanye namanye amagciwane. Ngaphambi kwemiphumela yokusebenza kahle komgomo, iNingizimu Afrika yayingeke ibambezele ukwamukelwa kwezilinganiso zomgomo ukuze kulindwe imiphumela yabacwaningi nososayensi bethu, ngoba lokho bekuzobuyisela izwe emuva kulayini wokuthenga imigomo njengoba kunokweswelakala kwemigomo emhlabeni wonke.  

Kunokukhathazeka okukhulu emiphakathini ngokuphelelwa isikhathi kwezilinganiso zomgomo otholakele i-AstraZeneca (mhla wama-30 kuMbasa 2021). Imigomo ayikaphelelwa isikhathi. Ukwengeza kulokho, ukuqhubeka nohlelo lwasekuqaleni lokugoma, uma uMnyango Wezempilo kumele uqhubeke nokukhishwa komgomo i-AstraZeneca, imigomo ibizosetshenziswa ngaphambi kosuku lokuphelelwa isikhathi. Okunye, usuku lwangoMbasa lokuphelelwa isikhathi alutholakalanga nje ngephutha kodwa ngokuqalisa kokusebenza kwezindlela zethu zokuqinisekisa nokulawula ubukhethelo bemikhiqizo.

Ngokubuka imiphumela yocwaningo, uMnyango Wezempilo uzoqhubeka nesigaba sokuqala sokugoma esihleliwe usebenzisa umgomo wakwa-Johnson & Johnson esikhundleni somgomo i-AstraZeneca. Umgomo wakwa-Johnson & Johnson ugunyazwe njengosebenzayo ekulweni negciwane i-501Y.V2 futhi nemigudu efanele yokugunyazwa kokusetshenziswa kwawo iyaqhubeka. Ukuqaliswa kokukhishwa komgomo kuzoqhubeka ngendlela yokuqalisa ucwaningo ngokubambisana noMkhandlu Wezocwaningo Kwezokwelashwa kanye nezikhungo zokugoma zoMnyango Wezempilo Kuzwelonke kulo lonke izwe. Lokhu kuzohlinzeka ngolwazi olucebe kakhulu ngobhubhane emphakathini emva kokugonywa futhi lokho, kuzoqinisekisa ukusheshe kubonakale ukubheduka kokusuleleka uma kungaba khona phakathi kwabasebenzi bezempilo asebegomile.

Ukwengeza kulokhu, izwe selithenge izilinganiso zomgomo kwa-Pfizer ezizosebenza esigabeni sokuqala sokugoma. Ososayensi bethu bayaqhubeka nokuhlolisisa eminye imigomo futhi nathi sikhathi sinye siyaxoxisana nabakhiqizi. Sisemazingeni athe thuthu okuhlolisisa nokuxoxisana nabakhiqizi bomgomo i-Sputnik-V. Izingxoxo nabakwa-Sinopharm nazo ziyaqhubeka nesicelo sokusithengisela esenziwe i-China naso njengamanje sidlelwa amathambo engqondo. Isivumelwano Sokungadaluli Imininingwane sesisayiniwe nokugunyazwa kwaso e-SAHPRA kuyaqhubeka. Ngokufanayo, izingxoxo zethu nabakwa-Moderna ziyaqhubeka futhi sizokwenza ezinye izimemezelo, njengoba sihlale senza, uma sesikulungele ukwenza njalo.

Ngakolunye uhlangothi, ososayensi bethu bazoqhubeka nokucwaninga ukusebenza komgomo i-AstraZeneca eNingizimu Afrika, ngokuthembela eselulekweni sabo, umgomo uzobe sekushintshiswene ngawo ngaphambi kosuku lokuphelelwa isikhathi. Ngokushintshisana ngemigomo engasebenzanga ngaphambi kosuku lokuphelelwa isikhathi, uMnyango Wezempilo uzoqinisekisa ukuthi imigomo i-AstraZeneca etholakalayo ayibi yize futhi kungabi izindleko eziyize leze.

Okwamanje, sifisa ukukhumbuza izakhamuzi zakithi ukuthi insika yokugwema i-COVID-19, kuze kube izwe lifinyelela ezingeni lapho abantu abaningi sebegomile, kusalokhu kungukuqhubeka nokuthobela imithethomgomo yezempilo yokuhlamba izandla ngensipho noma ngesibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%, ukugqoka izifonyo uma usemphakathini, kanye nokuqhelelana ngegebe eliyimitha nesigamu.

Sikhishwe: UNgqongqoshe Wezempilo
MLO: uDkt Lwazi Manzi
Cell: 082 678 8979

Share this page

Similar categories to explore