BEKA UVO LWAKHO! Isimemo Sokuthi Umphakathi Ulethe Izethulo Nokuphawula

Ikomidi LoMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke elibhekele EzoHwebo NeziMboni, Ezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuthuthukiswa KwamaBhizinisi Amancane, Ezokuvakasha, Ezokuqashwa Nezabasebenzi  limema ababambe iqhaza kanye nezinhlangano ezinentshisekelo ukuthi zilethe izethulo ezibhaliwe mayelana noMthethosivivinywa Kazwelonke Wokuchibiyela AmaBhizinisi Amancane [B16B – 2023] (isig sama- 76).

UMthethosivivinywa Kazwelonke Wokuchibiyelwa Kwamahizinisi Amancane [B16B – 2023] (isig sama- 76) ifuna uku:

•    Ukuchibiyela uMthetho WezamaBhizinisi Amancane Kazwelonke we-1996, ukuze kuchtshiyelwe, kususwe, kufakwe, futhi kufakwe esikhundleni sezincazelo ezithile;
•    Ukuhlinzeka ngombiko Womkhandlu Olulekayo (Advisory Body);
•    Ukuhlinzeka ngokusungulwa kwe-Ejensi Yokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Ezezimali (Small Enterprise Development Finance Agency);
 
•    Ukuhlinzeka ngemisebenzi ye-Ejensi; ukuhlinzekela ngemisebenzi yosizo lwezimali nolungadingi imali kumabhizinisi amancane
•    Ukukhuthaza ukuthuthukiswa okusimeme kwezokubhankwa kwezimali kwimifelandawonye; 
•    Ukuhlinzeka ngokusungulwa kweHhovisi Lomlamuli Wezikhalazo Zamabhizinisi Amancane (Office of the Small Enterprise Ombud); 
•    Ukunika amandla nendawo yokuhweba elinganayo emabhizinisini amancane ngokuhlinzeka ngokufinyelela kwezobulungiswa nangempumelelo; 
•    Ukunika uNgqoqngqoshe amandla okumemezela izinguquko ezithile eziphathelene namabhizinisi amancane ukuthi zinqatshelwe njengezinqumo zokuhweba ezingalungile;
•    Ukuhinzeka ngezinhlelo zesikhashana ezidingekile ngokusungulwa kwesiKhungo; 
•    Ufaka izichibiyelo ezidingekayo noma ezingadingeka kuMthetho Wamabhangi Emifelandawonye,wezi-2007 kanye noMthetho  Wemifelandawonye wezi- 2005; kanye 
•    Ukuhlinzekela ngezindaba ezihlobene nalokho.

Abantu abentshisekelo kanye nababambe iqhaza abafisa ukuphawula bayacelwa ukuthi bathumele iziphakamiso ezibhaliwe eKomidini kungakadluli ihora -12:00 ntambama, ngoLwesihlanu, 16 kuNhlolanja, wezi-2024. Labo abafuna ukwenza izethulo zabo emihlanganweni bukhoma, kufanele benze izicelo, kufanele kuqashelwe ukuthi amandla okugunyaza lokho aphethwe iKomidi. 

Amakhophi oMthethosivivinywa ayatholakala kwiwebhusayidi yasePhalamende ethi: www.parliament.gov.za 

Ungaqondisa yonke imininingwane ku-Mnu M Rayi, USihlalo: SC on Trade and Industry, Economic Development, Small Business Development, Tourism, Employment and Labour.. Izethulo zingathunyelwa kulama-imeyili: mkoff@parliament.gov.za naku ndinizulu@parliament.gov.za.  

Imibuzo ingaqondiswa ku-Nksz M Koff, kule selula: 083 709 8527, noma kwi-imeyili: mkoff@parliament.gov.za, noma ku-Nksz N Dinizulu kule selula: 083 709 8393, noma nge-imeyili: ndinizulu@parliament.gov.za

Sikhishwe nguMnu  M Rayi, Usihlalo, WeKomidi LoMkhandlu Wezifundazwe KaZwelonke LezoHwebo Nezimboni, Ezokukuthuthukiswa Komnotho,Ezokuthuthukiswa KwamaBhizinisi Amancane, Ezokuvakasha, Ezokuqashwa Nezabasebenzi. 

Share this page

Similar categories to explore