Isitatimende somhlangano weKhabhinethi samhla zingama-29 Mbasa 2015

1. Izigameko zakamuva zokuhlaselwa kwabokufika

1.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukuthula nozinzo oseluqalile ukubonakala emiphakathini ebikhungethwe yizigameko zokuhlaselwa kwabokufika kuleli emavikini ambalwa edlule. IKhabhinethi iyincoma kakhulu iminyango kahulumeni ethathe izinyathelo ezinqala ngokusebenzisa iSikhungo Sikazwelonke Sokusebenza Ngokubambisana ukuze kuqedwe izigameko zodlame ezenzeke KwaZulu-Natali kanye naseGauteng.

1.2. IKhabhinethi ibancomile futhi nabaholi bezifundazwe kanye nabomasipala ezindaweni ebezikhahlanyezwe wudlame ngegalelo labo lokuhlinzeka ngosizo kanye nokuhola inqubo yokubuyiselwa kwabokufika emiphakathini abebehlala kuyona.

1.3. Ngeviki eledlule, uMongameli Jacob Zuma ubize umhlangano wabo bonke abathintekayo, kubandakanya abamele osomabhizinisi, abezenkolo, abasebenzi, izinhlangano zomphakathi ezahlukahlukene kanye nabamele abokufika. Izingxoxo zalo mhlangano bekuyizingxoxo ezakhayo okuhloswe ngazo ukuqhubekisela phambili inqubo yokuqinisekisa ukuthula nozinzo. Bonke ababambiqhaza bavumelene ngazwilinye, bezwakalisa ukuzigxeka kakhulu lezi zigameko zokuhlaselwa kwabokufika futhi bazibophezela ukuthi bazobambisana nohulumeni ukuze kutholakale ikhambi elizoxazulula le nkinga unomphela, ukuze ingaphinde ibuye futhi.

1.4. Ikomidi Longqongoshe Lezokufuduka Kwabantu (i-IMC) elisungulwe esikhathini esifushane esedlule lisebenza ngokuzikhandla okukhulu ukuze kutholakale ikhambi elizoziqeda nya izinkinga eziphakanyiswe yimiphakathi kanye nabantu bokufika.

2. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1. IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi lwakamuva mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe kwiRejista Yomhlaba Nezakhiwo Zikahulumeni Kazwelonke. Kusukela mhla lu-1 Mbasa 2015 sekusungulwe uPhiko Lokubhaliswa Kwezakhiwo Nomhlaba Kahulumeni.  Lolu phiko luzolawulwa ngaphansi kweNkampani Yokuphathwa Kwezakhiwo Nomhlaba Kahulumeni futhi umsebenzi wayo kuzoba ukwengamela nokuqapha uMhlaba Nezakhiwo zoMbuso. Lolu phiko luzosebenza njengomthombo okunguwona kuphela ozogcina futhi uhlinzeke nemininingwane yomhlaba nezakhiwo zoMbuso, futhi luzoba wuhlaka oluzokwengamela, lulawule futhi luqaphe iRejista Yomhlaba Nezakhiwo Zombuso.

2.2. IKhabhinethi ivumile ukuthi kukhishwe uHlaka LweNqubomgomo Yesiko Lokwaluka ukuze umphakathi uphawule ngayo. Ngale nqubomgomo kuhloswe ukuvikela, ukugqugquzela kanye nokulawula isiko lokwaluka, ngokuthi kuphakanyiswe imigomo namazinga amukelekile okuzosetshenzwa ngaphansi kwawo futhi kuhlinzekelwe izinhlaka ezifanelekile emazingeni kazwelonke kanye nawezifundazwe. Le nqubomgomo izoqinisekisa ukuthi ukwaluka kwenzelwa ngaphansi kwesimo esifanelekile futhi esilawulekayo.

Lokhu kuyingxenye yezinyathelo zikahulumeni zokuqinisekisa ukugcinwa kwamasiko ngendlela efanelekile futhi eyamukelekile, futhi kwenzelwe ukubuyisa izinga elamukelekile lokuphendula ngendlela efanelekile uma kwenziwa leli siko, njengoba lokhu kuyiyona into eyenze ukuthi leli siko liqhubeke iminyaka ngeminyaka kusukela ekusungulweni kwalo emandulo.

2.3. IKhabhinethi ilwamukelile uHlelo Lwezokuhlaliswa Kwabantu oluqhutshwa yiminyango kahulumeni ehlukahlukene oluqondiswe kuMasipala i-Nelson Mandela Bay oluzosebenzisa uPhiko Lokuthuthukiswa Kwezindlu ukulawula kanye nokuqhuba umklamo wokwakhiwa kwezindlu kulo masipala.

2.4. IKhabhinethi ikwamukelile ukusingathwa kweNgqungquthela Yombimbi Lwamazwe Ngamazwe Lwezinhlangano Nezikhungo Zemitapo Yolwazi Ebanjwa Njalo Ngonyaka Yolwazi Oluphathelene Nemitapo Yolwazi Yamazwe Omhlaba edolobheni laseKapa kusukela mhla ziyi-15 kuze kube ngumhla zingama-21 kuNcwaba ngaphansi kwengqikithi ethi "Imitapo Yolwazi esebenza ngenkuthalo: Ukufinyeleleka, Intuthuko kanye Noguquko".

2.5. IKhabhinethi yakwemukela ukwethulwa kweSivumelwano Senkambiso Efanelekile Okuhloswe Ngayo Ukuqeda Uhwebo Lwemikhiqizo Kagwayi Olungekho Emthethweni.

Lokhu kuhambisana neSivumelwano Sohlaka Lokulawulwa Kwemikhiqizo Kagwayi SeNhlangano Yezempilo Emhlabeni esasayindwa yiNingizimu Afrika ngoMbasa 2005. Lesi sivumelwano sizolekelela amazwe omhlaba ukuthi akwazi ukuthatha izinyathelo ngokubambisana ukuze kulwisanwe nohwebo lwemikhiqizo kagwayi olungekho emthethweni, ikakhulu kulawo mazwe asayinde iSivumelwano.

3. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

3.1. IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abashone ezingozini zezithuthi zomphakathi ezenzeke esikhathini esifushane esedlule, kubandakanya ingozi yokungqubuzana kwamabhasi amabili eyenzeke eGoli ngeviki eledlule kanye neyokunqgubuzana kwezitimela eyenzeke kuleli viki eSiteshini sase-Denver eningizimu yedolobha laseGoli. IKhabhinethi inethemba lokuthi uphenyo oluqhutshwa yiminyango efanelekile luzoyiveza imbangela yalezi zingozi futhi luqinisekise ukuthi izingozi ezinjengalezi azenzeki futhi esikhathini esizayo.

3.2. IKhabhinethi ithanda ukuhlanganyela noMongameli Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo emndenini, abangane kanye nomkhakha wezebhola likanobhutshuzwayo wonkana ngokudlula emhlabeni kwenkakha yomdlali owayedlalela iBafana Bafana esikhathini esedlule, u-John “Shoes” Moshoeu obekwe endlini yakhe yokugcina ngoMsombuluko mhla zingama-27 Mbasa 2015. Siyohlala simkhumbula njalo njengomdlali webhola likanobhutshuzwayo obenekhono elimangalisayo, owadlala indima ebaluleke kakhulu ngenkathi sinqoba iNdebe Yomqhudelwano Wamazwe ase-Afrika yowe-1996.

3.3. IKhabhinethi ithanda ukuhlanganyela noMongameli Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo kuHulumeni kanye nabantu bezwe lase-Nepal, kulandela ukuzamazama komhlaba okwesabekayo okwenzeke ngoMgqibelo, mhla zingama-25 Mbasa 2015, okudlule nemiphefumulo yezinkulungwane zabantu. IKhabhinethi iyazincoma kakhulu lezo zinhlangano zaseNingizimu Afrika ezingekho ngaphansi kukahulumeni esezithumele usizo lwezenhlakahle kwelase-Nepal.

3.4. IKhabhinethi izwakalisa ukudabuka kwayo okukhulu emndenini ka-Brigadier General Bita oshone kwelase-Tanzania eneminyaka engama-75.  U-Brigadier General Bita ubesebenza njengoNobhala Omkhulu Wekomidi Lokukhululwa Kwamazwe LeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-OAU).  Esikhathini esedlule uhlonishwe ngeNdondo yeGolide ye-Order of the Companions of OR Tambo, okuyindondo ephakeme kunazo zonke iNingizimu Afrika eyinikeza abantu bakwamanye amazwe abavelele.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli Zuma uzohambela uMgubho wama-70 Wokunqotshwa Kwempi Yesibili Yomhlaba ozobanjelwa e-Red Square e-Moscow mhla ziyisi-9 Nhlaba 2015. UMongameli Zuma uzobamba futhi nezingxoxo noMongameli wase-Russia u-Vladimir Putin.

Lolu hambo luzokwakhela phezu kobudlelwano obukhona njengamanje phakathi kwezwe lethu nelase-Russia, ngenhloso yokuqhubekisela phambili ukubambisana emikhakheni ehlukahlukene.

4.2. Njengoba kuzogujwa uSuku Lwabasebenzi mhlalu-1 Nhlaba 2015, iKhabhinethi inxusa bonke abasebenzi ukuthi babumbane futhi bakhe umnotho weNingizimu Afrika, futhi bafake isandla kuleli zwekazi kanye nasemhlabeni jikelele.

Kusukela ngowe-1994 uhulumeni usethuthukise futhi waqhubekisa amalungelo abasebenzi osekwenze ukuthi abasebenzi bahlomule ekusungulweni kwemihlomulo eletha inqubekelaphambili kwezabasebenzi kanye nasekuvikelweni kwamalungelo abo emphakathini.

4.3. Iminyango kazwelonke izokwethula amavoti ezabelomali zayo ePhalamende kusukela mhla ziyisi-5 kuze kube ngumhla zingama-21 Nhlaba 2015 ngenhloso yokuhlinzeka abantu bakuleli ngemininingwane yezinto ezibekwe eqhulwini ngalo nyaka wezimali.

IKhabhinethi iyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bawalandele amavoti ezabelomali kwimithombo yabezindaba ehlukahlukene ukuze baqonde kangcono ngenkathi oNgqongqoshe bechaza izinto ezizokwenziwa yiminyango yabo ngaphansi koHlelo Lokusebenza LukaHulumeni (i-PoA).

4.4. UMnyango Wezokuvakasha kanye neNhlangano Yezokuvakasha yaseNingizimu Afrika bazobamba umcimbi wombukiso we-INDABA 2015 kusukela mhla ziyisi-9 kuze kube ngumhla ziyi-11 Nhlaba 2015 esikhungweni semihlangano Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

Lo mcimbi wamazwe ase-Afrika uyisigcawu esibaluleke kakhulu sokukhangisa imikhiqizo yethu yezokuvakasha, kumazwe ngamazwe. Umbukiso usekela futhi nenhloso-mbono esemqoka yeSu Lomkhakha Kazwelonke Wezokuvakasha lokukhulisa isibalo sabavakashi abahambela kuleli sifinyelele kwizigidi eziyi-15 ngowezi-2020 futhi lokhu kuzovula amathuba omsebenzi amasha ayizi-225 000.

4.5. IKhabhinethi iyakwamukela ukubanjwa kweNgqungquthela yesi-5 Yezobulili yase-Afrika, okungeyokuqala ngqa ukuthi ibanjelwe kwizwekazi lase-Afrika. Le ngqungquthela ebibanjelwe kwisikhungo semihlangano i-Cape Town International Convention Centre, beyisigcawu lapho bekuhlangene khona amaqembu kanye nezinhlangano ezivela kuwo wonke amazinga ocwaningo lwezesayensi ngenhloso yokuzobhunga ngezindaba eziphathelene nezobulili ezithinta la maqembu nezinhlangano. Le ngqungquthela ebeyisingathwe nguMkhandlu Wezocwaningo Oluphathelene Nabantu iqinisa i-ajenda ye-Afrika kwezocwaningo ukuze ezesayensi, ezobuchwepheshe, ingqalasizinda, ukutshalwa kwezimali, amakhono kanye nokuhlinzekwa kolwazi kukwazi ukusekela kangcono ukuthuthukiswa kwaleli zwekazi.

4.6. UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uzoqopha iViki Lezokuthuthwa Kwendle kanye Nokuqinisekisa Inhlanzeko kusukela mhla ziyi-11 kuze kube ngumhla ziyi-15 Nhlaba 2015 ngaphansi kwengqikithi ethi “Akumele kugcine nje kuphela ngokushaya amanzi endlini encane ngenhloso yokuhambisa ukungcola”.
Leli viki, elethulwa okokuqala kwingqungquthela yamazwe ngamazwe i-Global WASH Forum eyabe ibanjelwe e-Dakar, kwelase-Senegal ngowezi-2004, kuhloswe ngalo ukuqwashisa abantu mayelana nokubaluleka kwenhlanzeko futhi ligqugquzela ukulandelwa kwezindlela ezibonakala njengezisebenza kahle kakhulu eziphathelene nenhlanzeko.

Kusukela ngowe-1994 uhulumeni usenze amagxathu amakhulukazi ekuhlinzekweni kwamanzi nokuthuthwa kwendle. Kusukela ngoMandulo 2013, uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle usuphelise ukusetshenziswa kwamabhakede okuthutha indle ayizi-14 386 ezweni lonkana.  Uhulumeni uzibophezele ekuqedeleni ngokuphelele umsebenzi osalele emuva wokuqedwa kohlelo lokuthuthwa kwendle ngamabhakede emiphakathini yethu.

5. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

5.1 Precious Matsotso – Ovuselele inkontileka yakhe ngeminyaka emihlanu njengoMqondisi-Jikelele (DG): woMnyango Wezempilo.

5.2 Mnu Thabane Zulu – Olulelwe iNkontileka yakhe, evuselelekayo, ngezinyanga eziyi-12 njengoMqondisi-Jikelele: woMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu.

5.3 Abaqokwe njengamalungu angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu seBhodi Yezokuvakasha yaseNingizimu Afrika:
a) Mnu Vincent Zwelibanzi Mntambo (oqashwe kabusha);
b) Mnu Graham Ian Wood (oqashwe kabusha);
c) Dkt Ayanda Ntsaluba (oqashwe kabusha);
d) Nksz Charlotte Mary Chichi Machichana Maponya;
e) Mnu Oregan Percival Mark Hoskins;
f) Dkt Tanya Ethel Abrahamse;
g) Dkt Iraj Abedian;
h) Nksz Monhla Wilma Hlahla;
i) Nksz Michelle Julie Constant;
j) Nksz Judy Valerie Nwokedi;
k) Mnu Aloysius Thebeetsile Ikalafeng (oqashwe kabusha);
l) Mnu Colin Geoffrey Bell;
m) Nksz Amor Malan;
n) Nksz Mmaditonki Setwaba

Umkhandlu Wezemisebenzi Yomkhakha Wamasayensi Emvelo waseNingizimu Afrika :
a) Dkt Gerda Botha (oqashwe kabusha);
b) Dkt Stephanus Esias Terblanche;
c) Slz K A Nephawe;
d) Mnu Neale Lance Baartjes;
e) Slz George Johannes Bredenkamp;
f) Slz Robin Michael Crewe;
g) Slz Brian Kevin Reilly (oqashwe kabusha);
h) Dkt Juanita van Heerden;
i) Dkt Jacqueline Suzanne Galpin;
j) Dkt Roelof Coetzer;
k) Dkt Irvy Gledhill;
l) Mnu Khangwelo Desmond Musetsho;
m) Dkt Monde Mayekiso;
n) Mnu Fhatuwani Leonard Ramagwede;
o) Dkt Phethiwe Matutu;
p) Dkt Philia Rixongile Vukea;
q) Slz Mairam Gulumian;
r) Mnu Poobalan Troy Govender;
s) Dkt Wendy Ngoma;
t) Nksz Thulisile Njapa Mashanda; kanye no
u) Nksz Matuloe Pertunia Masemola.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Nksz Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore