Isitatimende seKhabhinethi somhlangano wamhla ziyi-13 Nhlaba 2015

1. Izindaba ezisematheni kulezi  zinsuku

1.1. UMongameli Jacob Zuma uzohola imigubho yoSuku lwe-Afrika ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Thina siyi-Afrika – Sivula iminyango yokufunda kanye namasiko kusuka eKapa kuze kuyoshaya e-Cairo” mhla zingama-24 Nhlaba 2015, oPhikweni lwaseMamelodi lweNyuvesi yasePitoli.

Ngokomoya woSuku lwe-Afrika, iKhabhinethi iyabakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulu intsha, ukuthi basebenze ngokubambisana ukuze kuqiniswe iqhaza labo ezindabeni zezwe lethu.

INyanga ye-Afrika iyithuba eliyingqayizivele lokugqugquzela ubumbano phakathi kwezizwe zase-Afrika, kanye nobumbano phakathi kwethu nabafowethu nodadewethu abadabuka emazweni ase-Afrika abahlala eNingizimu Afrika. Ubumbano lwaleli zwekazi luqhutshwa ngokusebenzisa izinhlelo zeNhlangano Yamazwe ase-Afrika ukufezekisa inhloso-mbono yayo, njengokusho kwe-Ajenda 2063. Leli zwekazi, liholwa yizakhamuzi zalo, lizozabalazela i-Afrika edidiyelwe, echumile futhi enokuthula.

USuku lwe-Afrika luhlinzeka futhi ngethuba lokuthi abantu baseNingizimu Afrika baxhumane kabusha, futhi baphinde bazibophezele kabusha ekusekeleni zonke izinhlelo zikahulumeni zokungenelela ukuze kuthuthukiswe i-Afrika engcono kanye nomhlaba ongcono.

Isiqubulo seNyanga ye-Afrika esithi “Thina siyi-Afrika” yisimemezelo sokuzibophezela futhi siyisitatimende sokubungaza ukuziqhenya kwethu okukhuthaza ukubandakanywa kwabo bonke abantu abathintekayo kanye nababambiqhaza. Futhi siyinhlabamkhosi yokuthi bonke abantu kanye namaqembu avela kuyo yonke imikhakha basukume babe yingxenye yomzabalazo wokuletha uguquko.

1.2. IKhabhinethi iwamukela ngezandla ezimhlophe umkhankaso we-Operation Fiela\Reclaim 2015, okuwumkhankaso obandakanya imikhakha ehlukahlukene futhi oqhutshwa yizikhungo zikahulumeni ezahlukahlukene ngenhloso yokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho nezimiselo ezilawula imiphakathi yethu.

Ngalo mkhankaso kuhloswe ukubhekana ngqo nobugebengu obudlangile kulezi zinsuku, njengezikhali ezingekho emthethweni, izidleke zezidakamizwa, izigungu zemigulukudu ezilawula futhi ziqhube umsebenzi wokuthengisa ngomzimba kanye nezinye izenzo ezingekho emthethweni zokwephulwa komthetho.

IKhabhinethi ithanda ukugcizelela ukuthi lo mkhankaso awuqondisiwe kubantu bokufika, kodwa uqondiswe kwizenzo zobugebengu ezweni lethu, njengoba lokhu kuyinto evele ngokugqamile ochungechungeni lwezingxoxo zokubonisana nemiphakathi. Ngakho-ke iKhabhinethi iwuphikisa kakhulu umbono wokuthi lo mkhankaso uqondiswe kubantu bokufika.

Njengezwe eliziqhenyayo ngoMthethosisekelo walo okhululeke kakhulu futhi ophuma phambili emhlabeni, sineqhaza elikhulukazi ezindabeni eziphathelene namalungelo esintu, ngakho-ke ngeke nakancane nje sigunyaze umkhankaso ophula amalungelo anoma imuphi umuntu noma iqembu.

IKhabhinethi iyayithokozela kakhulu inqubekelaphambili eseyenziwe ngaphansi kwe-Operation Fiela, futhi kusukela uqaliwe lo mkhankaso usugasele kaningi ezindaweni ezinothuthuva nobugebengu lapho sekuboshwe khona abantu abaningi. IKhabhinethi ilwamukela ngezandla ezimhlophe ubambiswano oluvela kumalungu omphakathi asebenzisana bamaphoyisa ekuqinisekiseni ukuthi wonke umuntu kuleli uphephile futhi uzizwa ephephile.

Lo mkhankaso, futhi okungumkhankaso oqinisa impi yokulwisana nobugebengu, ulekelela kakhulu ukugqugquzela kanye nokwakha iNingizimu ephephile futhi evikelekile.

IKomidi Longqongqoshe Lezokufuduka Kwabantu lizobamba isithangamu sabezindaba kuleli viki lapho lizobahlinzeka khona ngolwazi lwakamuva mayelana nomsebenzi walo, kubandakanya nomkhankaso we-Operation Fiela.

2. Ukuqaliswa kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

2.1. IKhabhinethi iwamukela ngezandla ezimhlophe amavoti esabelomali eminyango ehlukahlukene futhi igculisekile ngemibiko enohlonze ehlinzekwa ngoNgqongqoshe mayelana nenqubekelaphambili asebeyenzile ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu. Imibiko yoNgqongqoshe iphinde futhi ichaze kabanzi ngezinhlelo zeminyango yabo kulo nyaka wezimali esiwuphethe.

2.2. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kohlelo olubizwa nge-Moetapele Initiative okwenziwe nguMnyango Wezasekhaya emahhovisi awo e-Edenvale mhla ziyi-12 Nhlaba 2015. Ngalo luhlelo kuhloswe ukuguqula amanye alama hhovisi abe ‘ngamahhovisi ayizibonelo ezinhle’ lapho kuzokhonjiswa khona izindlela zokusebenza eziphuma phambili ukuze nezinye izikhungo zifunde kakhulu kula mahhovisi. Lokhu kuzokhuthaza ukuhlinzekwa kwabantu baseNingizimu Afrika ngezinsizakalo ezisemqoka futhi kuzokwenza ukuthi bakwazi ukuthola izinsizakalo zikahulumeni ngendlela efanelekile.

2.3. IKhabhinethi iyawamukela futhi nomcimbi wokuqala ngqa wokuKlonyeliswa Kwabantu Bokufika eNingizimu Afrika lapho kuzohlonishwa khona ngezindondo abantu bokufika abavelele eNingizimu Afrika kanye nabantu baseNingizimu Afrika abenza umsebenzi oncomekayo kwamanye amazwe ase-Afrika. IKhabhinethi inxusa yonke imiphakathi ukuthi iphakamise amagama abantu abasiyisibonelo esihle futhi abakhombisa umoya wobuntu, abazibophezele ekuthuthukisweni kwezwekazi lase-Afrika. Lokhu bangakwenza ngokuthumela i-imeyili kuleli kheli samigrantawards@dha.gov.za

Ukungeniswa kwamagama abaphakanyisiwe kuzovalwa mhla zingama-20 Nhlaba 2015, kanti amagama alabo abadle umhlanganiso azomenyezelwa ngoSuku lwe-Afrika (mhla zingama-25 kuNhlaba). Omunye wemiklomelo ethokozisayo kulo mcimbi uzohlonipha lowo mphakathi waseNingizimu Afrika ophumelelile ukudidiyela abantu bokufika, ngaphakathi kuwona, futhi okwazile ukuhlalisana nabo ngokuthula.

2.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqaliswa nokusatshalaliswa kwamahhovisi okufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba angomahamba-nendlwana ezweni lonkana ngenhloso yokulekelela bonke abantu abafanelekile abafuna ukufaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba. La mahhovisi angomahamba-nendlwana azokwengeza phezu kwamahhovisi okufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba ayi-14, atholakala kuzo zonke izifundazwe zakuleli.

Le nqubo iyingxenye yohlelo lwezokuxhumana lukazwelonke olubanzi okuhloswe ngalo ukuqalisa ukusebenza kweSichibiyelo soMthetho Wokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba sowezi-2014, esisayindwe nguMongameli Zuma ukuze sibe ngumthetho. ISichibiyelo soMthetho Wokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba sihlinzekela ukubuyiselwa komhlaba noma isinxephezelo esifanelekile kubantu noma imiphakathi eyaphucwa amalungelo omhlaba emva komhla ziyi-19 Nhlangulana 1913.

Bonke abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile abangakwazanga ukufaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba ngaphambi komnqamulajuqu wokuqala wangomhla zingama-31 Zibandlela 1998 sebenikezwe ithuba elengeziwe lokufaka izicelo zabo kuze kube ngumhla zingama-30 Nhlangulana 2019.

2.5. IKhabhinethi iyawamukela umhlangano phakathi kukaNgqongqoshe Womnyango Wezimbiwa kanye nababambiqhaza bemboni yezezimayini ukuze kuxoxiswane ngomphumela woMbiko kaSomqulu Wezezimayini wezi-2014 Wokuhlolwa Nokuhlaziywa Kwesimo Semboni Yezimayini. Lo mbiko uhlaziya futhi ukale inqubekelaphambili eseyenziwe mayelana nezinto ezibalulekile eziyisishiyagalolunye ezibekwe eqhulwini kuSomqulu Wezezimayini.

USomqulu Wezezimayini wathuthukiswa ngenhloso yokuqhuba i-ajenda yokuletha uguquko kulo mkhakha osemqoka kakhulu emnothweni wakuleli. Izinto okumele zihlaziywe futhi zikalwe kuhloswe ngazo ukulungisa ukungalingani obekukhona esikhathini esedlule, mayelana nakho kokubili ukwabelana ngomnotho nabantu ababencishwe amathuba phambilini nokuthuthukiswa kwabasebenzi, kanye nobunikazi bezimayini. 

3. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

3.1. IKhabhinethi ivumile ukuthi kusingathwe uMhlangano wama-25 Womkhandlu Wamazwe Ngamazwe Wezokuphepha Kwezitimela ozobanjwa kusukela mhla zi-4 kuze kube ngumhla ziyisi-9 Mfumfu 2015 e-Sandton International Convention Centre, eGoli. Lesi sigcawu samazwe ngamazwe siqoqela ndawonye ochwepheshe nezingcweti zomkhakha wezokuphepha kwezitimela abavela emhlabeni wonke jikelele ukuze babelane ngolwazi, izigameko okudlulwe kuzona, izifundo ezitholakele kanye nezindlela eziphuma phambili zokuphucula ukuphepha kwezitimela.

Ukusingathwa kwalo mcimbi kuzoheha amazwe angaphandle ukuthi atshale izimali kuleli, okuyinto ezokhuthaza ukukhula komnotho futhi isheshise nokutshalwa kwezimali kwingqalasizinda yomphakathi. Lokhu sekuthole umfutho othe xaxa ngenxa yesenzo sakamuva seNingizimu Afrika sokutshala izimali emkhakheni wezitimela ezithutha abantu kanye nezitimela ezithutha impahla, okuyinto eseyenze leli lizwe libe yizwe elihalelekayo kubatshalizimali.

3.2. IKhabhinethi ivumile ukuthi uSomqulu wase-Afrika  Wezokuthutha Zasolwandle wethulwe ePhalamende ukuze kuthathwe isinqumo sokuthi uyamukelwa noma cha. Lesi yisivumelwano samazwe ngamazwe esihlinzekela ukuthi kuqinisekiswe ukuthi izinqubomgomo ziyahambelana, ukuze kugqugquzelwe ukukhula komnotho okusimeme kanye nokuthuthukiswa kwemikhumbi yezohwebo yase-Afrika. Lokhu kuzokhuthaza ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika ukuze kuthuthukiswe inhlalo nomnotho kuleli zwekazi.

3.3. IKhabhinethi ivumile ukuthi iSichibiyelo Sesivumelwano Senhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezamasathelayithi Okuxhumana Ngezingcingo (i-ITSO) sethulwe ePhalamende ukuze kuthathwe isinqumo sokuthi siyamukelwa noma cha. Le nhlangano ye-ITSO yinhlangano yohulumeni abehlukahlukene eqinisekisa ukuthi inkampani yakwa-Intelsat Ltd, okuyinkampani eqhuba umsebenzi wamasathelayithi, ihlinzeka ngendlela efanele ngezinsizakalo zomphakathi zokuxhumana ngezingcingo – kubandakanya izingxoxo zocingo, ukuthunyelwa kwedatha kanye nokuxhumana ngevidiyo – futhi kuqinisekiswe ukuthi lezi zinsizakalo zihlinzekwa kuwo wonke amazwe omhlaba ngaphandle kokuchema nokucwasa.

Lesi sichibiyelo sivikela ukusimama kanye nokusebenza isikhathi eside kwaMagugu Afanayo Amazwe Abambe Iqhaza, futhi kuyaqinisekisa ukuthi wonke amazwe omhlaba ayaqhubeka nokuthola izinsizakalo zamasathelayithi futhi axhumeke ngendlela efanelekile kumasathelayithi. Futhi ukwamukelwa kwalesi sivumelwano kuyingxenye yezinto eziphathelene namazwe ngamazwe ezibekwe yiNingizimu Afrika eqhulwini ngenhloso yokufaka isandla ekuqinisekisweni komhlaba ongcono kanye nokuthuthukiswa kwe-Afrika.

4. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

4.1. IKhabhinethi izwakalisa ukudabuka kwayo okukhulu ngokudlula emhlabeni kweSithwalandwe, uDkt Ruth Segomotsi Mompati futhi idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe nabangane. UDkt Mompati wanikela impilo yakhe emzabalazweni wenkululeko futhi wabamba iqhaza elikhulu emikhankasweni ehlukahlukene, kubandakanya nokhukhulelangoqo weMashi Yabesifazane  ngoNcwaba 1956 eyaba yingqophamlando.

Wajoyina uKhongoloshe (i-ANC) ngowe-1954, futhi waqokwa ukuthi abe yilungu leKomidi Lesigungu Sikazwelonke Seziphathimandla (i-NEC) oPhikweni Lwabesifazane lukaKhongolose. Ngowe-1962 waya ekudingisweni lapho athola khona ukuqeqeshwa kwezempi futhi wasebenza njengonobhala kanye nenhloko yophiko lwabesifazane lukaKhongolose kwelase-Tanzania.

Njengesikhulu esiyinhloko esabe simele uKhongolose e-United Kingdom waba yingxenye yethimba elaqala izingxoxo nohulumeni waphambilini waseNingizimu Afrika e-Groote Schuur ngowe-1990. NgoNcwaba 1992, wethula inkulumo eKomidini Elikhethekile leNhlangano Yezizwe (i-UN) Lokulwisana Nobandlulo mayelana nesihloko esabe sidingidwa lapho esiphathelene nabesifazane. Lolo suku lwabe selumenyezelwa yiNhlangano Yezizwe ngengoSuku Lwamazwe Ngamazwe Lokuzwelana kanye Nokubambisana Nabesifazane Emzabalazweni Wabo eNingizimu Afrika.

Njengesisebenzi sabantu esizinikele, uyibekile induku ebandla ngegalelo lakhe elingasoze lilibaleke ekuthuthukisweni kwezwe lethu, njengoba esebenzele isizwe njengeLungu Lephalamende, futhi waba yiNxusa leNingizimu Afrika kwelase-Switzerland kusukela ngowe-1996 kuya kowezi-2000, futhi wasebenzela umphakathi njengeMeya yase-Vryburg (iNaledi) esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.

Wanikela impilo yakhe emzabalazweni wenkululeko yezwe lethu futhi wakhombisa ukuzibophezela okukhulu ekusebenzeleni abantu bakhe.

4.2. IKhabhinethi izwakalisa ukudabuka kwayo okukhulu ngokudlula emhlabeni kukasigaxamabhande wombutho wezokuvikela u-Lieutenant General Bongani Isidore Mbatha futhi idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe kanye nabangane.

UJenene Mbatha wajoyina Umkhonto we Sizwe, uphiko lwezempi lukaKhongolose, ngowe-1978 futhi ubambe izikhundla eziningi, kubandakanya nesikhundla sokuba yinhloko yophiko lwezokuthengwa kwempahla nezinsizakalo.

Ngowe-1994, uJenene Mbatha wafakwa ngaphansi koMbutho Kazwelonke Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) lapho athola khona ukuqeqeshwa okunzulu emikhakheni ehlukahlukene.

Wakhuphuka ngokwesikhundla edlula ezigabeni ezihlukahlukene ngaphakathi embuthweni we-SANDF, futhi ubambe izikhundla eziningana ngaphambi kokhushulelwa esikhundleni sokuba nguJenene ophethe uphiko lweZokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo ngowe-2014, okuyisikhundla asibambe kwaze kwafika isikhathi sokudlula kwakhe emhlabeni.

5. Imicimbi ezayo

5.1. UMongameli Zuma uzohambela umcimbi wokubekwa esihlalweni kweNgonyama yamaXhosa, iNkosi uMpendulo Calvin Sigcawu (Ah! Zwelonke) koMkhulu esiGodlweni saseNqadu e-Willowvale, esifundazweni saseMpumalanga Kapa mhla ziyi-15 Nhlaba 2015.

IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela iNkosi uSigcawu ngokugcotshwa kwayo futhi inethemba lokuthi kuzoba khona ukusebenzisana okuhle phakathi kukahulumeni neSizwe samaGcaleka ngenhloso yokwakha imiphakathi yezindawo zasemakhaya ekhuthele futhi esimeme, lapho kubhekelelwa khona abahlali ngokulinganayo.

5.2. IPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa lizokwethamela ingqungquthela yezokuthuthwa kwendle kanye nokuqinisekisa inhlanzeko i-Alternative Sanitation Indaba ezobanjwa  mhla ziyi-15 Nhlaba 2015 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Akumele kugcine nje kuphela ngokushaya amanzi endlini encane ngenhloso yokuhambisa ukungcola”. Futhi le ngqungquthela izonikeza izinkampani ezihlinzeka ngobuchwepheshe obehlukile bokuthuthwa kwendle ithuba lokukhangisa nokubukisa ngemikhiqizo yazo yezobuchwepheshe.

5.3. UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, ngokubambisana noPhiko Lwezezimpesheni LwaseNingizimu Afrika kanye noPhiko Lukazwelonke Lwentuthuko, bazokwethula iViki Lokuvikelwa Kwezingane enkundleni yezemidlalo yase-Franklin e-Kokstad, esifundazweni saKwaZulu-Natali mhla zingama-25 Nhlaba 2015 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sisebenza ngokubambisana ukuze sivikele izingane”. Leli viki lizophothulwa mhla zingama-31 Nhlaba 2015 eGauteng.

Lo mkhankaso wokuqwashisa umphakathi kuhloswe ngawo ukugqugquzela yonke imikhakha yomphakathi ukuthi inakekele futhi ivikele izingane. Ngaphezu kwalokho, lo mkhankaso uhlose ukuqwashisa abantu abadala kanye nezingane mayelana nemithetho ekhona kuleli ephathelele nokuvikelwa kwezingane ngaphansi koMthethosisekelo, imithetho nezinqubomgomo zakuleli ezahlukahlukene, kanye nemithetho yamazwe ngamazwe.

IKhabhinethi inxusa abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuthi ngaso sonke isikhathi babeke phambili ukuphepha kwezingane zabo futhi baqinisekise ukuthi izingane zinakekelwa ngabantu abadala abakwaziyo ukunakekela izingane ngendlela efanelekile. Abazali kanye nabalondolozi bezingane bayakhuthazwa ukuthi bafundise izingane ukuthi zihlale ziqaphile ezimweni okungenzeka zibe nobungozi, kubandakanya nezenzo zokuziphatha kwabantu abadala ngendlela engamukelekile. Kungumsebenzi wabazali kanye nabalondolozi bezingane ukwazi ukuthi izingane zabo zikuphi ngaso sonke isikhathi futhi bathathe izinyathelo ezifanelekile ukuqinisekisa ukuphepha kanye nokuvikeleka kwazo.

5.4. UNgqongqoshe woMnyango Wezengqalasizinda Yezkuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, uDkt Siyabonga Cwele, uzobamba Imbizo kwisigcina-magugu i-Nelson Mandela Museum eQunu, esifundazweni saseMpumalanga Kapa ngenhloso yokugubha uSuku Lwamazwe Omhlaba Lwenhlangano Yezengqalasizinga Yezokuxhumana kanye Nokuhlinzeka Ngolwazi mhla ziyi-17 Nhlaba 2015. Injongo yalo mgubho ukukhuthaza abantu ukuthi bazisebenzise kakhudlwana ezochwepheshe ngenhloso yokwenza ngcono izimpilo zabo.

UNgqongoshe uzohlinzeka ngemininingwane ephathelene nemizamo kahulumeni yokusebenzisa ezobuchwepheshe ukuze kuphuculwe ukuhlinzekwa kwezinsizakalo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulu labo abahlala ezindaweni zasemakhaya. Le mbizo izobanjwa ngokubambisana noHulumeni Wesifundazwe saseMpumalanga Kapa, abaholi bendabuko kanye neNhlangano Yezokuxhumana yaseNingizimu Afrika. Njalo ngonyaka, mhla ziyi-17 kuNhlaba kugujwa usuku lokusayindwa kweSivumelwano sokuqala Samazwe Ngamazwe Sezokuxhumana Ngezingcingo kanye nokusungulwa kweNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezengqalasizinga Yezokuxhumana.

Injongo yalo mcimbi ukuqwashisa ngamathuba angazuzwa yimiphakathi kanye neminotho yamazwe ngokusebenzisa i-inthanethi kanye nobunye ubuchwepheshe bolwazi nokuxhumana, futhi lokhu kungalekelela kakhulu ekuvaleni igebe elikhoba kubantu abancishwe amathuba okusebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Adv Motlatjo Josephine Ralefatane oqokwe njengoSihlalo WeBhodi ye-.zaDNA.
6.2. Dkt Thomas Kwadwo Gyedu-Ababio oqashwe njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) we-Inkomati-Usuthu Catchment Management Agency.
6.3. Dkt GV Andrews oqashwe njengeSikhulu Esiyinhloko Yemisebenzi: eMnyangweni Wezempilo.
6.4. Mnu NM Ratshoma oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (i-DDG) weNqubomgomo Yezomnotho: eMnyangweni Wezezimali Kuzwelonke.
6.5. Mnu KG Sukdev oqashwe njenge-CEO yoPhiko Lokuphathwa Kwezimpesheni Zikahulumeni.
6.6. Mnu AD Mogajane oqashwe njenge-DDG yoPhiko LwezeZimali Zomphakathi eMnyangweni Wezezimali Kuzwelonke.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore