ISitatimende Somhlangano Wekhabhinethi Wangomhla ziyi-18 Nhlolanja 2015

1. Ukuqaliswa kokusebenza kweziNhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi iyayamukela Inkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) kaMongameli uJacob Zuma, enikeze abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuzwa Uhlelo Lokusebenza Lukahulumeni. Uhulumeni unxusa bonke ababambiqhaza ezweni lonkana ukuba Basebenzisanee ohlelweni olunamaphuzu ayisishiyagalolunye ukuze babhebhezele ukukhula komnotho futhi basungule imisebenzi. Ukuqinisekisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baluqonda kangcono Uhlelo Lokusebenza Lukahulumeni, ngemuva kwe-SoNA kuye kwenziwa izinhlelo zokuxhumana ukuze zihlinzeke ngemininingwane maqondana nezimemezelo ezenziwe nguMongameli. Lezi zimemezelo zibandakanya imihlangano Yamaqoqo oNgqonqoshe Nabezindaba ebanjwe kusukela ngomhla ziyi-15 kuya kumhla zingama-24 Nhlolanja 2015.

Ngaphezu kwalokho, Inkulumo yeSabiwomali yonyaka wezi-2015/16 ehlelelwe umhla zingama-25 Nhlolanja 2015 izoqhakambisa ukwabiwa kwezinsizakusebenza ezinhlelweni ezahlukahlukene zikahulumeni njengoba zigcizelelwe nguMongameli.

IKhabhinethi iyakugxeka kakhulu ukuziphatha okunobudlova nokungahambisani nokuba sephalamende kwamanye Amalungu ePhalamende okwenzeke ngenkathi Kuvulwa iPhalamende.
Kuyadumaza kakhulu ukuthi laba bantu abaqokwe ngumphakathi ukuthi bawumele ePhalamende bakhethe ukuthela ngehlazo ukuzidela kanye nomzabalazo owenziwa ukuze kuzuzwe intando yeningi labantu yethu esayilwela kanzima.

1.2 IKhabhinethi iye yachazelwa kafushane maqondana nenqubekela phambili esiyenziwe ngoHlelo lwe-Operation Phakisa Lomnotho Wasolwandle. I-Lab noma isigaba sokuhlela senziwa e-Durban ngoNtulikazi noNcwaba wezi-2014 futhi saholela ekukhiqizweni ‘kwezinhlelo zokuhlukaniswa ’  komsebenzi ube yizindinyana ezingafezekiswa kalula ukuze kukhuliswe umnotho wasolwandle.  Lolu Hlelo (i-Operation Phakisa)  selungene esigabeni sokuqaliswa kokusebenza, okubandakanya ukuqapha kanye nokuphatha umklamo wokuqaliswa kokusebenza. Amayunithi okudilivela asesunguliwe kanti futhi izindlela zokuqapha kanye nokukhulisa umnotho kanjalo nezinqubo sezibekiwe.

Ukuchazelwa kafushane kweKhabhinethi kuphinde kwahlinzekwa maqondana ne-Operation Phakisa yesibili eholwa nguMnyango Wezempilo, egxile Kwisibalo Semitholampilo Esezingeni Elifanelekile eyakhiwayo futhi eyethulwa nguMongameli mhla ziyi-18 Lwezi 2014.

1.3 IKhabhinethi igunyaze Iqhinga Likazwelonke Lohlaka Lokusebenza Lamalungelo kanye Nempilo Yezocansi Lwabantu Abasha kanye Nokuzalana.   Iqhinga ligxile ekuthuthukisweni kanye nokukhuthazwa kwemiphumela yezempilo nokuyilapho impilo yezocansi lwabantu abasha kanye nokuzalana iwumongo khona.   Iqhinga lizophinda liqinisekise ukudidiyelwa okwenziwe ngcono, ukuxhunyaniswa kanye nokuhanjelwaniswa nohlelo lukahulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nokubanjiswene nabo kwezentuthuko oseluvele lusebenza endimeni yempilo yezocansi lwabantu abasha kanye nokuzalana. Ikomidi loNgqongqoshe Abahlukahlukene leNqubomgomo Yezakhamuzi lizokwengamela ukuqaliswa kokusebenza, ukuqapha kanye nokuhlolwa kwaleli Qhinga.

1.4 IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kohlaka lweNqubomgomo Yokuthuthukiswa Kwezingane Kusenesikhathi eMqulwini Kahulumeni. Lokhu kuyingxenye yoHlelo Lokusebenza Oludidiyelwe lwaseNingizimu Afrika Lokuthuthukiswa Kwezingane Kusenesikhathi – Oluqhubekela phambili ohlelweni lonyaka wezi-2013 ukuya kowezi-2016, olwagunyazwa yiKhabhinethi mhla ziyi-18 Mandulo 2013. Inqubomgomo ihlinzeka ngohlaka lokusebenza lokuziphendulela kukahulumeni ekuhlinzekeni ngesithungo esibanzi sezinsizakalo eziseqophelweni eliphezulu Zokuthuthukiswa Kwezingane Kusenesikhathi ezizotholakala ezweni lonke ngamanani agculisayo futhi zibe seduzane nemiphakathi ukuze zonke izingane zizothola ithuba elilinganayo lokufinyelela kuzona.

Inqubomgomo iphinde yethule inqwaba yezinsizakalo ezintsha ezizogcwalisa izikhala ezihlonziwe ezinsizakalweni ezinhlobonhlobo ezitholakalayo njengamanje ikakhulukazi ezinsukwini zokuqala eziyi-1 000 zempilo yengane.

IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukusungulwa kweKomidi loNgqongqoshe Abahlukahlukene (i-IMC), elizoqinisekisa indlela yokusebenza ebumbene nedidiyelwe. USihlalo walo kuzokuba wuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi.

1.5 IKhabhinethi igunyaze ukukhishwa kombiko Wezwe Owuhlaka Lokuqala Oluyizikhawu maqondana neNgqungquthela yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene (i-UN) ephathelene Namalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka, ukuze umphakathi uphawule ngawo isikhathi esiyizinsuku ezingama-20. Umbiko ukhuluma ngesikhathi esiphakathi kukaMbasa wezi-2012 kuya kuNdasa wezi-2013.

1.6 IKhabhinethi igunyaze ukuthi iNingizimu Afrika ibambe iqhaza Onyakeni Webalazwe Lamazwe Omhlaba ngowezi-2015 nowezi-2016 ngokuhlela imicimbi ezingeni likazwelonke ngenhloso yokukhulisa izinga lokuqwasha ngebalazwe kanye nokukwazi ukufunda nokubhala eNingizimu Afrika.  Amabalazwe asiza ukukwazi ukuqonda izinkinga kanye namathuba, njengokuhlinzekwa kwezindlu, ukulondolozwa kwemithombo yezemvelo, ukuphatha ubungozi kanye nokugqugquzela ingqalasizinda yezokuthutha eyenziwa ngesikhathi futhi ephelele. Ukuqonda ulwazi lokuklanywa komumo womhlaba kugqugquzela ukuhlela kanye nokuthathwa kwezinqumo ezimayelana nokuthuthukiswa kweNingizimu Afrika.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi igunyaze Umyalelo omaqondana nokuqaliswa kokusebenza kokuhlolwa okugxiliswe olwazini lomsebenzi kumalungu Emisebenzi Yabaphathi Abaphezulu (i-SMS), okhishwe ngokweSahluko 4 Ingxenye II (d) neSahluko 4, Ingxenye VI Sezimiso Zemisebenzi Kahulumeni, zonyaka wezi-2001.

Umyalelo ochitshiyelwe ukhuthaza ukuhlonzwa ngokuzimele kwezikhala zokuthuthukiswa kweLungu le-SMS, wethula ukusetshenziswa kwemisebenzi enobuchule obuthile futhi uhlinzeka ngomhlahlandlela wokuthi iminyango ingayisebenzisa kanjani imiphumela yokuhlolwa kolwazi lomsebenzi ngokuhlanganyela nazo zonke ezinye izinqubo zokuqashwa kanye nokuqokwa kwabasebenzi.

2.2 IKhabhinethi igunyaze ukusingathwa kweSonto Eligxile kwiMbizo Kazwelonke kusukela mhla ziyi-7 kuya mhla ziyi-12 kuMbasa ngaphansi kwendikimba ethi “Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili”.

Leli Sonto lizogqanyiswa ukuhambela umuzi ngomuzi kuthathwa imininingwane ngezimpilo zabantu bakhona; ukudlula noma ukuhanjelwa kwemiklamo; izinkulumo-mpendulwano zababambiqhaza; kanjalo nokuxoxisana nemiphakathi yabemithombo yezindaba. Lokhu kuhlinzeka izikhulu eziphethe ngesithangami sokuxoxisana ngqo nabantu baseNingizimu Afrika, zizizwele ngokwazo izinkinga zomphakathi futhi ziqaphe inqubekelaphambili yezinhlelo zikahulumeni.

3 IMithethosivivinywa

3.1 IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuvikelwa, Ukukhuthazwa, Ukuthuthukiswa kanye Nokuphathwa Kwezinhlelo Zolwazi Lomdabu owuhlaka lokuqala eMqulwini Kahulumeni kanjalo nenqubo yokuxoxisana nomphakathi. Injongo enkulu yalo Mthethosivivinywa ukugqugquzela ukuvikelwa Kolwazi Lomdabu kanye nokubuyiswa nokwamukelwa kolwazi Lomdabu oluhlobene noluphethwe yimiphakathi yomdabu kanye neyendawo eNingizimu Afrika.  Ugqugquzela ukubuyiswa kwamalungelo kanye nemihlomulo imiphakathi yomdabu kanye neyendawo eyayiphucwe yona.

3.2  IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukulawulwa Kwezibhamu, wonyaka wezi-2015 eMqulwini Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokulawulwa Kwezibhamu, wonyaka wezi-2000 futhi uphendule kwiNhlosombono Yohlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) ngokufuna ukwenza ngcono uhlaka lokusebenza olusemthethweni nolulawulayo oluzobusa ukuphathwa kwezibhamu. Ukulawulwa kwezibhamu kuyingxenye ebalulekile yendlela kahulumeni yokulwisana nobugebengu.

4 Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Ezisematheni

4.1 IKhabhinethi inxusa imiphakathi kanye nezinhlaka ezihlelekile ukuba zisebenzisane nohulumeni, ngaphansi kobuholi beHhovisi likaNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana kanye Nezendabuko, ukuqinisekisa ukuthi izingqinamba ezizungeze indawo yase-Malamulele e-Limpopo ziyaxazululwa.  IKhabhinethi iyakugxeka kakhulu ukuphazanyiswa kokufunda ngamanye amaqembu njengendlela yokuzwakalisa izikhalazo zawo. Lokhu kuphuca izingane ilungelo lazo lokufunda futhi kuncishe ezinye ilungelo lokubhalisela izivivinyo zazo zokuchibiyela iBanga le-12. Ukusungulwa kukamasipala e-Malamulele kumele kwenziwe ngaphakathi kwemingcele yomthetho njengoba kunqunywe yiBhodi Lokuklanywa Kwemingcele.

4.2 IKhabhinethi iyakugxeka kakhulu ukuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli njengesenzo sobugebengu futhi iyagcizelela ukuthi izikhungo zokuqiniswa komthetho ngeke zinqikaze ukuthatha izinyathelo ngokushesha kunoma ubani otholwe ebhebhezela lolo dlame olunjengalelo. Alikho inani lobunzima kwezomnotho kanye nokungagculiseki elingabekwa njengesizathu esizwakalayo sokwenza  ubugebengu obuhlobene nalokhu kuhlaselwa. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe acikica Isivumelwano saseGeneva esiqondene Nabakhoseli bakwamanye amazwe futhi izinikele ukuvikela bonke abantu bokufika abakuleli lizwe. Njengelinye lamazwe acikica lesi Sivumelwano, futhi njengezwe eliqhakambisa amalungelo abantu, sizowavikela amalungelo ayisisekelo abantu bonke abangaphakathi kwelizwe lethu, kubandakanya nabantu bokufika kuleli.

4.3 IKhabhinethi igunyaze ukubekwa ezithebeni zePhalamende kweSivumelwano Esisungula Isikhwama Esizobhekelela Izigameko Zokulahlekelwa Ebezingalindelekile zeBRICS ukuze kuthathwe isinqumo sokuthi lesi sivumelwano kumele sicikicwe yini noma cha kanye Nesivumelwano maqondana Nebhange Lezentuthuko Elisha. Ukuhlelenjwa Kwezingodla Zemigwamanqa kuyasungulwa ukuze kusabele ezingcindezini zesikhashana zokuzinzisa izinkokhelo. Ngaphezu kwalokho, kuzosebenza njengesinyathelo sokuvikela ukusiza amazwe e-BRICS avimbele izingcindezi zesikhathi esifushane zokuphelelwa imali, kuzohlinzeka ngoxhaso oluhlanganyelwe futhi kuqinise ukuphepha kwenzuzo yezezimali yomhlaba wonke.

4.4 IKhabhinethi iyakuqaphela ukudluliswa kukaSihlalo wengxenye yaseNingizimu Afrika woMkhandlu Wezamabhizinisi e-BRICS kusuka kuMnu. Patrice Motsepe kuya kuMnu. Brian Molefe. UMnu. Motsepe waba ngusihlalo wokuqala ngqa wakho kokubili ingxenye yaseNingizimu Afrika kanye noMkhandlu Wezamabhizinisi e-BRICS wonkana. Ngesikhathi sakhe sokuba sesikhundleni, uMnu. Motsepe waphumelela ekusunguleni lo mgwamanqa obalulekile njengengxenye esemqoka yesakhiwo se-BRICS futhi wasebenza njengosihlalo ngamalengiso. IKhabhinethi iyambonga uMnu. Motsepe ngokusebenza kahle kwakhe futhi ifisela uMnu. Molefe okuhle kodwa njengoba ethatha lo msebenzi obaluleke kangaka.

4.5 IKhabhinethi incoma iqembu Lesizwe Lekhilikithi ngokudlala kahle kwalo emdlalweni Wendebe Yomhlaba Yekhilikithi futhi ibafisela okuhle kodwa njengoba izwe lonke  lizobaxhasa nasemqhudelwaneni oqhubekayo e-Australia nase-New Zealand.

4.6 IKhabhinethi ihalalisela umdlali kamakhweyana u-Wouter Kellerman owaklonyeliswa ngeNdondo ye-Grammy nge-album engungqa-phambili yesikhathi samanje. UMnu. Kellerman uqophe i-Winds of Samsara kanye nomqambi wezingoma waseNdiya u-Ricky Kej, okubazuzele indondo ngokusebenzisana kwabo.

4.7 IKhabhinethi izwakalisa ukubonga kwayo kubona bonke abathengi bakagesi ngokusabela ekhweleni lokunciphisa ukusetshenziswa kukagesi. Uhlelo lokubhekana nezingqinamba zikagesi luthola ukunakwa okuphezulu eqhulwini.  Ithimba Lokuhlela Nokwenza Amasu elasungulwa yiKhabhinethi ngoZibandlela wezi-2014 liholwa yiPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa liyanyakaza ukusheshisa ukuqaliswa kokusebenza kohlelo olunamaphuzu amahlanu ngenhloso yokuguqula isimo samanje sibe ngcono.

4.8 IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo emndenini kanye nabangani bengcithabuchopho kwezokubhala ngesiBhunu uSolwazi André P. Brink. Uzokhunjulwa njengomunye wababhali abasemqoka besiBhunu abasebenzisa ikhono labo lokubhala ukulwisana nombuso wobandlululo.

5 Imicimbi ezayo

5.1 IKhabhinethi igcizelela ikhwela elihlatshwe nguMongameli uJacob Zuma kuzona zona izinhlangano e-Lesotho ukuba ziziphathe ngendlela esungula isimo esigculisayo sokubamba ukhetho olunokuthula, olusobala, oluqotho, kanye nokhululekile futhi olungacwasi muntu, ngaleyo ndlela olubonisa intando yeningi labantu.

IKhabhinethi iphinde izwakalise ithemba layo emsebenzini oqhubekayo wokugqugquzela weNxusa le-SADC Elibhekelele Ukuthula e-Lesotho ngaphansi kobuholi bePhini likaMongameli u-Ramaphosa.  Njengengxenye yezinqumo Zezinhloko Zombuso we-SADC Troika kanye Nohulumeni, iNingizimu Afrika izodlala indima yayo ngokuhola kanye nokuba yingxenye yeNxusa le-SADC Elibhekelele Ukuthula Okhethweni loMbuso wase-Lesotho, ngokhetho oluhlelelwe umhla zingama-28 Nhlolanja 2015.

5.2 Umkhuzi Wamabutho Wombutho Wezempi Kazwelonke waseNingizimu Afrika, uMongameli uJacob Zuma uzokuba yisikhulu esiqavile esingamele Umgubho Wosuku Lwemibutho Yezempi ngaphansi kwendikimba ethi “Umbutho wezempi osemthethweni nonamandla wabantu baseNingizimu Afrika” mhla zingama-21 kuNhlolanja 2015, e-Potchefstroom, eNyakatho Ntshonalanga.  Usuku Lwemibutho Yezempi lugujwa njalo ngonyaka ukuhlonipha amadoda nabesifazane abasembuthweni abasebenzela izwe ngokuzikhandla lapha ekhaya nangaphandle.

5.3 IKhabhinethi igqugquzela bonke abaqashi abathobela uMthetho Wokuqasha Ngokulingana (i-EE) ukuba bangenele Izindondo Zokuqasha Ngokulingana zonyaka wezi-2015 ngaphambi kosuku lokuvala lomhla ziyi-13 kuNdasa 2015.

Lo mcimbi osingathwa yiKhomishana Yokuqasha Ngokulingana, uhlonipha abaqashi abaqalise ukusebenza kwamaqhinga aqinisekisa ukuqasha ngokulingana kanye nokuhlukahlukana kwabantu, ngenkathi beqeda yonke imikhuba yokucwasana okungenabulungiswa.

5.4 UNgqongqoshe Wezokuvakasha u-Derek Hanekom uzokwethula inkulumo yokuvula ye-Meetings Africa ezobanjelwa eSandton Convention Centre kusukela mhla zingama-23 kuya kuma-25 kuNhlolanja 2015 ngaphansi kwendikimba ethi: “Sithuthukisa i-Afrika Ndawonye.  Lena yiNgqungquthela Kazwelonke yaseNingizimu Afrika Yombukiso okhombisa ngamabhizinisi okuhwebelana ahamba phambili, ehlanganisa ndawonye ababukisi base-Afrika kanye namakhasimende akusasa avela emazweni angaphandle.
   
5.5  IKhabhinethi igunyaze ukusingathwa yiNingizimu Afrika kweSithangami Sezomnotho Wezwe (i-WEF) - Afrika, eCape Town International Convention Centre (i-CTCC) kusukela mhla zi-3 kuya mhla zi-5 kuNhlangulana 2015. Indikimba izobe ithi “Kudala Namanje: Ukucabanga kabusha ikusasa le-Afrika”. I-WEF-Africa iyisithangami sezomnotho esigxile esifundeni esithile esihlinzeka ngethuba lokuthi osomabhizinisi bendawo kanye nabesifunda kanye nalabo abanentshisekelo yokutshala izimali esifundeni, ukuba bashintshisane futhi bahlolisise imbala amathuba akhona okusebenza ngokubambisana nohulumeni.

Umhlangano we-WEF-Africa uzohlinzeka iNingizimu Afrika ngethuba elengeziwe lokuxoxisana ngomfutho futhi inxenxe abaholi base-Afrika, osomabhizinisi bendawo nabangaphandle maqondana nemingenelelo engenzeka ukuhlanganisa isifunda kanye nokuthuthukisa ukukhula komnotho eNingizimu Afrika nasesifundeni.

6 Abaqashiwe

IKhabhinethi igunyaze ukuqokwa kwalaba abalandelayo kodwa ukuqokwa kwabo kuzoqinisekiswa uma sebekhombise ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi sebenikeziwe imvume efanelekile:

6.1 Ukwelulwa kwenkontileka yeminyaka emithathu kaDkt Mphathi Philemon Mjwara njengoMqondisi-Jikelele: Umnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe.

6.2 Mnu. Pule Godfrey Selepe njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezokuthutha.

6.3 Inxusa uNonceba Nancy Losi-Tutu njengeSekela Mqondisi-Jikelele: I-Protocol  DIRCO

6.4 Umkhandlu Wamazinga Okubika Ngezezimali:
a) Mnu Suresh Kana (uSihlalo, oqashwe kabusha);
b) Nksz Christine Ramon (oqashwe kabusha);
c) Mnu Johan Brink (oqashwe kabusha);
d) Mnu Garth Coppin (oqashwe kabusha);
e) Mnu Bruce Mackenzie (oqashwe kabusha);
f) Mnu Khaya Dludla (oqashwe kabusha);
g) Mnu Dumisani Manana (oqashwe kabusha);
h) Nksz Dawn Earp (oqashwe kabusha);
i) Nksz Naidene Ford-Hoon (oqashwe kabusha);
j) Nksz Kim Bromfield (oqashwe kabusha);
k) Adv Rory Wayne Voller;
l) Nksz Matshepo Faith More;
m) Nksz Anuradha Sing; kanye no-
n) Nksz Tania Wimberley.

6.5 Mnu Coceko Bambihlelo Johan Pakade njengoMphathi Omkhulu we-Independent Development Trust.

Imibuzo:  Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi, uPhumla Williams ku:083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore