A. Ezisematheni
1. Ubudlelwane Bamazwe Ngamazwe
1.1. Isikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli Beqembu Lamazwe Angamashumi Amabili (i-G20)
1.1.1. Isikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli be-G20 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ubumbano, Ukulingana Nokusimama”, siqale ngomfutho omkhulu ngokuthi kuphothulwe ngempumelelo umhlangano Wokuqala Wongqongqoshe Bezezimali be-G20 obuseGoli kusuka mhla wama-20 kuya kuma-21 kuNhlolanja 2025, futhi nomhlangano Wokuqala woNgqongqoshe Bezezimali be-G20 kanye noNdunankulu Bamabhange Amakhulu uyaqhubeka eKapa kusuka mhla wama-26 kuya kuma-27 kuNhlolanja.
1.1.2. Umhlangano wokuqala woNgqongqoshe Bezezimali be-G20 ube lithuba loNgqongqoshe Bezezimali be-G20 ukuthi babuke izinselele ezibhekene nezombusazwe emhlabeni nokudingida izindlela i-G20 engafaka ngayo igalelo ekutholeni izixazululo kulezi zinkinga. Umhlangano ubonisa ukweseka indlela iNingizimu Afrika elawula ngayo izinkinga zezombusazwe, ilokho ekubeke phambili kulesi sikhundla soBumongameli be-G20 nezinsizakalo okumele zihlinzekwe, futhi iqinisekise indima ezodlalwa yi-G20 njengenkundla enkulu yokusebenzisana kwezomnotho womhlaba.
1.1.3. Ngaphezu kwalokhu, iNingizimu Afrika isingathe ngempumelelo imihlangano elandelayo Yamaqembu Asebenzayo:
1.1.3.1. Umhlangano Wokuqala Wethimba Lezemfundo (12-13 kuNhlolanja 2025, nge-inthanethi). Inhloso yomhlangano bekungukwabelana nokuthola izivumelwano ezintweni ezintathu ezibekwe eqhulwini yiQembu Elisebenzayo, okuyilezi: (a) Okokuqala Okubekwe Eqhulwini: Ukufunda Okunesisekelo Esisezingeni: indima edlalwa Yimfundo Yasenkulisa ukwenza ngcono izinga lokufunda okuyisisekelo; (b) Okwesibili Okubekwe Eqhulwini: Ukwamukelwa Kweziqu ngendlela efanayo Emhlabeni Jikelele; okweSithathu Okubekwe Eqhulwini: Ukuthuthukiswa Komkhakha Wezemfundo ukuze uhambisane nomhlaba oguquguqukayo.
1.1.3.2. Umhlangano Wokuqala Wethimba Elithuthukisa Abesifazane (17-18 kuNhlolanja 2025, nge-inthanethi). Ababambiqhaza kuleli Qembu Labasebenzi beseke konke lokho okubekwe yiNingizimu Afrika phambili okuphinde kuhambisane nalokho okubekwe yizwe phambili ngamalungelo abesifazane, futhi okwakhela phezu kwezinhlelo nokubekwe phambili nguMongameli wase-Brazil.
1.1.3.3. Umhlangano Wokuqala Wethimba Elibhekele Umnotho Wedijithali (17-19 kuNhlolanja 2025, nge-inthanethi). Umhlangano ube yinkundla yokuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukwabelana nokuthola izivumelwano ezintweni leli Qembu labasebenzi elizibeke eqhulwini. Izinto ezine ezibekwe eqhulwini yilezi: (a) Ukuxhumana kokuthuthukiswa kwedijithali okubandakanya wonke umuntu; (b) Ingqalasizinda yomphakathi yedijithali noguquko; (c) Izindlela ezintsha zedijithali: nokuzoveza amakhono amabhizinisi amancanyana, amancane naphakathi; kanye (d) nobuhlakani mbumbulu obunokulingana, obubandakanya wonke umuntu nobunobulungiswa.
1.1.3.4. Umhlangano wokuqala Wethimba Labasebenzi be-G20 (18-21 kuNhlolanja 2025 e-Gqeberha). Kulo mhlangano weQembu Labasebenzi kudingidwe ngokukhula komnotho obandakanya wonke umuntu, ukuqashwa kwentsha emisebenzini, ukulingana kwezobulili, ukungalingani kwemiholo kanye nomthelela wokuguqukela kudijithali esikhathini esizayo.
1.1.3.5. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Ezamasiko (20-21 kuNhlolanja 2025, nge-inthanethi). Izinto ezibekwe eqhulwini yiQembu Labasebenzi ezesekelwe yibo bonke ababambiqhaza yilezi: (a) Okokuqala Okubekwe Eqhulwini: Ukuvikelwa Nokuxazululwa Kwezindaba Zamasiko ukuze kuzovikelwa Amalungelo Abantu; (b) Okwesibili Okubekwe Eqhulwini: Ukuhambelanisa Izinqubomgomo Zamasiko kwizinhlelo zenhlalo-mnotho ukuze kuzoqinisekiswa intuthuko ebhekelele Amalungelo abantu futhi ebandakanya wonke umuntu; (c) Okwesithathu Okubekwe Eqhulwini: Ukulawula Ubuchwepheshe Bedijithali ukuze kuzoVikelwa futhi Kugqugquzelwe Amasiko Nomnotho Osimeme; kanye (d) noKwesine Okubekwe Eqhulwini: Ukuhlangana Kwamasiko Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu: Okuyikona Okunomthelela Ekuphenduleni Komhlaba.
1.1.4. Abaqembu Abasebenzi e-G20 alandelayo nemihlangano Yamathimba Abasebenzi izobanjwa kusukela namuhla kuze kuphele uNdasa 2025:
1.1.4.1. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Ezokuguquka Kwezamandla: 27-28 kuNhlolanja 2025 – nge-inthanethi.
1.1.4.2. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Ezolimo: 3-4 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
1.1.4.3. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Ukulwa Nenkohlakalo: 3-5 kuNdasa 2025 – eKapa.
1.1.4.4. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Ezokuvakasha: 5 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
1.1.4.5. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Ukuncishiswa Kwezinhlekelele: 5 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
1.1.4.6. Umhlangano Wokuqala Wethimba Elibhekele Ukuqinisekisa Ukutholakala Kokudla: 5 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
1.1.4.7. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Uhwebo Notshalomali: 18-20 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
1.1.4.8. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Ukukhula Komnotho Okubandakanya Wonke Umuntu, Ukuthuthukiswa Kwezimboni, Ukusungulwa Kwemisebenzi, Nokunciphisa Ukungalingani: 17 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
1.1.4.9. IThimba Lesibili Elibhekele Ezempilo: 26-28 kuNdasa 2025 – eThekwini.
1.1.4.10. Umhlangano wokuqala Wethimba Elibhekele Isimo Sezulu Nokongiwa Kwemvelo: 25-28 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
1.1.5. Iminingwane mayelana nemihlangano ye-G20 eyehlukahlukene yeNingizimu Afrika nemiphumela yakhona ingatholakala ku: www.g20.org NOMA www.g20.org.za
1.2. INkulumo-ngxoxo yePolitiki yeNingizimu Afrika ne-European Union (i-EU)
1.2.1. IKhabhinethi lamukele ukwesekwa yi-EU ezinqumweni zeNingizimu Afrika zepolitiki emhlabeni kanye nalokho okubekwe eqhulwini kwesesikhundla soBumongameli be-G20 kulandela iNkulumo-ngxoxo yePolitiki yoNgqongqoshe ye-16 ebe yimpumelelo phakathi kweNingizimu Afrika ne-EU ebibanjwe eKapa mhla we-19 kuNhlolanja 2025.
1.2.2. Le nkulumo-ngxoxo ilethe ithuba lokuthi i-EU neNingizimu Afrika bavumelane ngokusebenzisana nokuzinikela kwabo ekugcineni ubudlelwano bamazwe amaningi, umyalelo wamazwe ngamazwe osekelwe phezu komthetho, kanye nokubekwa phambili koSomqulu weNhlangano Yamazwe Abumbene (i-UN). La mazwe amabili aphinde avumelana ngesidingo sokuguqula uMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN (i-UNSC), ukubona isidingo esiphuthumayo sokuwenza umele abantu, ubandakanye wonke umuntu, usebenze ngokuyiko, ngokukhululeka futhi uziphendulele.
1.2.3. I-EU neNingizimu Afrika baphinde badingida ngokusebenzisana kwabo kwiforamu yamazwe ehlukene nasesifundeni, okuzogxila, ikakhulukazi, emizamweni yabo ehlangene yokukhuthaza amalungelo abantu nentuthuko esimeme kanye nokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu. Baphinde babuyekeza amathuba azokwenza ngcono ukusebenzisana ekukhiqizweni kwemikhiqizo eyehlukahlukene, kufaka phakathi izimpahla eziseluhlaza ukuze zizofakwa esigabeni sokuncintisana, ukwakha umnotho kanye nemizamo yokunciphisa ikhabhoni.
1.2.4. Umhlangano uphinde waba yinkundla yokulungiselela iNgqungquthela ezayo ye-EU neNingizimu Afrika ezobanjwa mhla we-13 kuNdasa 2025 eNingizimu Afrika. Kule ngqungquthela kuzodingidwa ngokwenza ngcono ubudlelwano kwezomnotho, ukuguqukela kwezamandla ahlanzekile, ezokuvikeleka nokuvikela, ukusimama kokukhiqizwa kwemikhiqizo kanye nokusebenzisana kwamazwe ehlukene. I-EU indawo ephambili lapho iNingizimu Afrika ithola khona utshalomali futhi iNingizimu Afrika iyizwe elikhulu elihwebelana ne-EU e-Afrika eku-Sub-Sahara.
1.2.5. Kulo mhlangano kuphinde kwagcizelelwa ukubaluleka kokusingatha uMhlangano Wongqongqoshe be-EU neNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) kanye neNgqungquthela ngowezi-2025.
1.3. UMkhandlu Wezokuthula Nokuvikeleka (i-PSC) kanye Nezinqumo ze-UNSC ngesimo esisempumalanga ye-Democratic Republic of Congo (i-DRC)
1.3.1. IKhabhinethi lamukele futhi leseka i-AU PSC neZinqumo ze-UNSC mayelana nesimo esisempumalanga ye-DRC.
1.3.2. I-AU PSC igunyaze izinqumo zomhlangano woBumbano Lwamazwe aseMpumalanga ye-Afrika (i-EAC) neNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC) eziyalele ukuba kubekwe phansi izikhali, ukulawulwa kwemigudu ephephile nengaphazamiseki yokuletha usizo kubantu, ukususwa kwayo yonke imikhosi yezempi engabizwanga empumalanga ye-DRC, ukuhlonipha isithunzi se-DRC kanye nokuba yingxenye kwawo wonke amazwe ezingxoxweni zepolitiki ngaphansi kwenqubo yoBumbano lwe-Luanda ne-Nairobi.
1.3.3. Isinqumo se-UNSC sinxusa wonke amaqembu (angaphansi kombuso nangekho ngaphansi kombuso) empumalanga ye-DRC ukuthi abeke phansi izikhali, njengokomyalelo wabaholi be-EAC ne-SADC.
1.3.4. ISinqumo siphinde sifune ukuthi amaqembu amavukelambuso e-M23 asuke ezindaweni azishaqile empumalanga ye-DRC futhi sicela ukuthi uMbutho Wezokuvikela e-Rwanda uyeke ukweseka amaqembu ahlomile futhi asuke ezindaweni zase-Congo “ngokungenamibandela”.
1.3.5. IKhabhinethi lifisele ukwelulama okusheshayo wonke amasotsha (10) alimele abuyile athola ukwelashwa ekhaya, eNingizimu Afrika.
1.4. ISivumelwano se-AU Ngokuqedwa Kodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane (i-AU-CEVAWG)
1.4.1. IKhabhinethi likwamukele ukuthi i-AU igunyaze i-AU-CEVAWG, okuyithuluzi elisemthethweni lokuvimba nokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane e-Afrika.
1.4.2. Ukusungulwa kwe-AU-CEVAWG kusukela kwisinqumo esenziwa yiZinhloko Zombuso we-AU ngoNhlolanja 2023 ngesikhathi seNgqungquthela ye-AU.
1.4.3. Isivumelwano kuhloswe ngaso ukuhlinzeka ngohlaka olucacile futhi lomthetho lokuvimba nokuqeda lonke uhlobo lodlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane e-Afrika yonkana. Lokhu kuzoba yimpumelelo ngokuthi kubhekanwe ngqo nomsuka nezimbangela zalolu dlame, ukuqiniswa kwezindlela zomthetho nezikhungo, kanye nokukhuthaza usikompilo lokuhlonipha amalungelo abantu, ukulingana ngokobulili kanye nesithunzi sabesifazane namantombazane.
1.4.4. Sizophinde siqinisekise ukuthi Amaqembu Ezombuso nawo alandela le ndlela efanayo yokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane.
2. Umnotho
2.1. Ukuhlehliswa kokwethulwa kweSabelomali Sikazwelonke.
2.1.1. IKhabhinethi lifisa ukugcizelela ukuthi ukuhlehliswa kokwethulwa kweSabelomali Sikazwelonke kusuka mhla we-19 kuNhlolanja 2025 kuya mhla we-12 kuNdasa 2025 kungumphumela wemizamo yeKhabhinethi yokuxazulula ngokubambisana izinselelo zezimali zesizwe kulesi simo esinzima sezimali.
2.1.2. IKhabhinethi liqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi izingxoxo ngaphakathi kwiKhabhinethi ezimayelana neSabelomali Sikazwelonke sowezi-2025 ziyaqhubeka ukuze kuzotholakala izindlela ezingcono zokuxhasa imisebenzi kazwelonke ebekwe eqhulwini kanye nokuqinisekisa ukuthi isabelomali sibonisa lokho okufiswa yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
2.1.3. Ukuhlehliswa okungokokuqala emlandweni waseNingizimu Afrika, kodwa okungesiyo into esingayeshwama kweminye imikhakha, kusengaphansi kwesahluko soMthetho Wokulawulwa Kwezimali Zikahulumeni, we-1999 (Umthetho woku-1 we-1999).
2.2. UCwaningo Lwekota Lwezabasebenzi
2.2.1. IKhabhinethi lamukele ukwenyuka ekusungulweni kwemisebenzi kulandela ukwehla kwesibili kulandelana kwesilinganiso sabantu abangasebenzi, okubonisa izinga eliphansi kakhulu kusukela ngekota yesithathu yowezi-2023.
2.2.2. Izibalo zabantu abangasebenzi kuleli lizwe zehle zaya kuma-31.9% kwikota yesine zisuka kuma-32.1% kwikota eyedlule. Inani labantu abasebenzayo lenyuke ngezi-132 000 laba yizigidi eziyi-17.1 ngesikhathi inani labantu abangasebenzi lehle ngezi-20 000 laba yizigidi eziyisishiyagalombili (8) kwikota eyodwa.
2.2.3. Inani labantu abasebenzayo ngekota lenyuke ezimbonini ezine kwezilishumi ezicwaningwe abeZibalo eNingizimu Afrika, kubandakanya umkhakha wezezimali (232 000), walandelwa umkhakha wezokukhiqiza (41 000), amakhaya azimele (18 000) nezokuthutha (17 000).
2.2.4. IKhabhinethi ligcizelele ngokuzinikela kukahulumeni ukusungula amathuba emisebenzi ngokugxila kakhulu ezinhlelweni zokuqasha intsha. NgoHlelo lukaMongameli Lokusungula Imisebenzi, amathuba emisebenzi cishe ayizigidi ezi-2.2 asesungulelwe abantu abasha.
2.3. Uhwebo Notshalomali phakathi kweNingizimu Afrika neShayina
2.3.1. IKhabhinethi lamukele ukuxoxisana okuyimpumelelo phakathi kukaSihlalo woMkhandlu waseShayina Ogqugquzela Ukuhwebelana Kwamazwe Ngamazwe (i-CCPIT) u-Ren Hongbin nePhini likaMongameli u-Paul Mashatile okumayelana nokuthola ukusebenzisana okungcono kwezohwebo notshalomali phakathi kweNingizimu Afrika neShayina.
2.3.2. Lolu hambo lulandela Ukuvakashela eShayina okwaba yimpumelelo kukaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngoMandulo 2024. Ikakhulukazi, lwakhela kwimiphumela yezingxoxo zamabhizinisi noMongameli, kubandakanya iForamu Yamabhizinisi Yomongameli waseNingizimu Afrika nowaseShayina, izingxoxo zangasese phakathi kukaMongameli noBuholi babatshalizimali baseShayina abangama-20 abaphezulu, kanye noHlelo lukaMongameli Lwamabhizinisi e-Shenzhen olugxile kubatshalizimali ababalulekile kwezobuchwepheshe obuphambili nasekuqambeni kabusha eShayina.
2.3.3. INingizimu Afrika inxenxe amabhizinisi aseShayina ukuthi abe yingxenye yemihlangano ye-G20 yamabhizinisi eyehlukahlukene kuleli lizwe kulo nyaka ngesikhathi i-CCPIT imeme iNingizimu Afrika ukuthi ibe yingxenye yoMbukiso waseShayina Wamazwe Ngamazwe wesi-3 Wemikhiqizo ozoba se-Beijing ngoNtulikazi 2025.
2.3.4. Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neShayina buphinde baqiniswa ngokufika kweqembu lokuqala labavakashi abasuka eShayina ngokusebenzisa uhlelo lwethu olusha lwe-Trusted Tour Operator Scheme (i-TTOS). I-TTOS ivumela izinkampani zezivakashi ukuthi zifake izicelo zokuvakasha zamaqembu abavakashi abasuka eShayina naseNdiya ngokusebenzisa inkundla ephephile yedijithali futhi bathole impendulo ngokwedijithali emahoreni ambalwa.
3. Ezempilo
3.1. Isifo Sezilonda Ezandleni, ezinyaweni Nasemlonyeni (i-HFMD)
3.1.1. IKhabhinethi lamukele ukungenelela okusheshayo kwezikhulu kulandela ukuqubuka kwakamuva kwe-HFMD KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa, okudala izimpawu ezifana nezomkhuhlane njengezilonda ezibuhlungu nezandla ezivuvukele. Lesi sifo sehlukile kwisifo samatele esihlasela izilwane futhi asibulali.
3.1.2. Izigameko eziniki zaleli gciwane elithelelanayo zabikwa ezikoleni eziningana zamabanga aphansi nasezinkulisa ezifundazweni zombili.
3.1.3. Othishanhloko bezikole bayanxuswa ukuba bahlole isimo nsuku zonke ezikoleni zabo bese bebika ngezigameko ze-HFMD.
3.2. Ukugula Okudalwa Ukudla
3.2.1. Umnqamulajuqu wokubhaliswa kwezitolo eziyiziphaza nezinye izitolo eziphatha ukudla komasipala bendawo ungoLwesihlanu, mhla wama-28 kuNhlolanja 2025. Iziphaza ezingabhalisile futhi ezingalandeli imigomo nezimiso zezempilo zizovalwa.
3.2.2. Uhulumeni wethule lezi zinyathelo ngoLwezi 2024 njengengxenye yemizamo yokulawula izitolo eziyiziphaza nokuvimba ukushona kwezingane ngenxa yokugula okudalwa ukudla okunamagciwane abakuthenga ezitolo ezifana nalezi. Amathimba ahlanganise abahloli bemikhakha eyahlukahlukene ayaqhubeka nokuhlolisisa ukuthi iyalandelwa yini imithetho ezweni lonkana ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi zonke izitolo zokudla zisebenza ngokuthobela umthetho futhi zilandela nezimizo nemigomo yezempilo nokuphepha.
3.2.3. IKhabhinethi licela abathengi, abazali nabanakekeli babantwana ukuthi bathenge kuphela ukudla ezindaweni ezinelayisensi yokuthengisa ukudla futhi ezilandela imithethonqubo yokuphepha. Amalungu omphakathi nawo ayakhuthazwa ukuthi alandele izindlela zokuphepha kokudla ezifana nokugeza izandla ngensipho namanzi ngaphambi kokuthinta ukudla noma kokudla.
4. Inhlalakahle yomphakathi
4.1. I-Ejensi Yezezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (i-SASSA)
4.2. Umnqamulajuqu wokuthi labo abahlomulayo ku-SASSA bashintshe amakhadi Asagolide e-SASSA basebenzise Amakhadi Amnyama ase-Postbank welulelwe umhla wama-20 kuNdasa 2025.
4.3. Bangaphezu kwezi-716 900 abahlomulayo asebeshintshele emakhadini amnyama ase-Postbank futhi izindawo ezikhipha amakhadi zengeziwe ezweni lonkana ukunciphisa olayini abade ukuze abantu bezothola amakhadi amasha duzane nalapho behlala khona. I-Postbank yengeze inani lothela ezindaweni lapho kukhishwa khona amakhadi obekungothela ababili manje sekungothela abahlanu ngokuya ngemisebenzi kuleyo ndawo.
4.4. Abahlomulayo bayakhuthazwa ukuthi bavakashele izitolo eziseduzane nabo zakwa-Checkers, Shoprite, Pick n Pay, Usave, noma e-Boxer ukuze bezolanda Amakhadi Amnyama ase-Postbank. Kufuneka umazisi waseNingizimu Afrika noma uMazisi wesikhashana. Amahhovisi angomahambanendlwana azoba khona ezindaweni zasemakhaya ukuze kuzosizakala abantu. Ngaphezu kwalokhu, i-Postbank isebenzisana ne- Spar Group, ezosebenzisa izitolo zayo ezingama-200 njengezindawo lapho abantu bezosizakala khona ezweni lonkana.
4.5. IKhabhinethi likhumbuza abantu ukuthi Amakhadi Asagolide e-SASSA amadala azoyeka ukusebenza mhla wama-20 kuNdasa 2025 futhi labo abangawashintshanga amakhadi abo ngaleso sikhathi kuzofanele bavakashele igatsha lasePosini ukuze bathole imali yabo.
5. Ukulwisana Nobugebengu
5.1. IKhabhinethi lamukele umbiko Wezibalo Zobugebengu obonisa ukwehla emikhakheni yobugebengu obehlukene ezibalweni zakamuva zobugebengu kuleli lizwe. Ikota yesithathu yonyakamali wezi-2024/25, ibonise ukwehla ngama-9.8% ekubulaweni kwabantu, ukwehla ngo-3.3% ekudlwengulweni, nokwehla ngo-3.2% emacaleni okuzama ubugebengu bezocansi. Kube khona nokwehla okubonakalayo ekudunweni kwezimoto nasekubambeni inkunzi.
5.2. Yize wonke amazinga obugebengu eqhubeka nokuba phezulu ngokungamukelekile, ukwehla kwezibalo kubonisa ukuthi izingenelelo zoPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika ukwenza iNingizimu Afrika iphephe ziyawenza umehluko.
5.3. Ukulwa nobugebengu ngumsebenzi odinga ukubambisana phakathi kwamaphoyisa, umphakathi nomkhakha wamabhizinisi. IKhabhinethi licela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi badlale indima yabo ekulweni nobugebengu ngokuthi babike noma yiziphi izenzo zobugebengu esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ngokushaya inombolo ye-Crime Stop ethi: 08600 10111.
6. IMiklomelo Yabezindaba ye-SADC
6.1. IKhabhinethi licela izintatheli zaseNingizimu Afrika ukuthi zifake izicelo zabo zokungenela umncintiswano weMiklomelo Yabezindaba ye-SADC. Ukungenela umncintiswano kuvalwa ngoLwesihlanu, mhla wama-28 kuNhlolanja 2025.
6.2. Izintatheli ezifisa ukungenela zingathola eminye imininingwane ngomncintiswano ku: www.gcis.gov.za. Umklomelo wophume phambili emkhakheni ngamunye kuzoba izi-US$2500 bese kuthi omlandelayo athole i-US$1000. Abaphume phambili bazothola imiklomelo yabo nezitifiketi eNgqungqutheleni ye-SADC yeZinhloko Zombuso ezobanjwa ngoNcwaba 2025.
B. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Izinyathelo Zokuqeda Ukucimakonga Kukagesi
1.1. IKhabhinethi lithole laphinde lemukela imizamo yakamuva ye-Eskom yokuletha uzinzo ekuthunyelweni kukagesi kulandela izigameko ebezingalindelekile eziteshini eziningi zikagesi eziholele ekuqalisweni kokucimakonga ukuze kuzovikelwa igridi kazwelonke.
1.2. Lezi zigameko ezingajwayelekile nezingahlobene ezenzeke mhla wama-22 kuNhlolanja 2025 ziholele ekupheleni kogesi obuwongiwe. Zifake phakathi ukungasebenzi kukagesi eSiteshini Sikagesi eMajuba, ukulahleka kwamaphampu amanzi apholisayo eSiteshini Sikagesi e-Camden kanye nokuwa kweyunithi eSiteshini Sikagesi e-Medupi.
1.3. IKhabhinethi likushayele ihlombe ukuphendula masinya kwethimba labasebenzi bakwa-Eskom ukubuyisa ugesi oyizi-4 800 megawatts (MW) kumayunithi amane kwamahlanu ayewile eMajuba kanye namayunithi amabili kwamane ayewile e-Camden ngehora lesi-8 mhla wama-23 kuNhlolanja 2025.
1.4. Ekuqaliseni uhlelo lokubuyisa ugesi, kulindeleke ukuthi kwehle izigaba zokucimakonga. Ngale mizamo kugxilwe ekulungiseni iziteshi zikagesi zezimo eziphuthumayo, ikakhulukazi ukuba khona kukadizili, ukuletha uzinzo ezinsukwini ezizayo.
1.5. Ngaphandle kokuphazamiseka okukhona, kukhona inqubekelaphambili eyenziwayo ekwenzeni ngcono ukuphehlwa kukagesi kanye nokugcina ukuthunyelwa kukagesi ngokungaphazamiseki. Kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2024 kuya mhla wama-20 kuNhlolanja 2025, ukucimakonga kwamiswa izinsuku ezingama-323, uma kuqhathaniswa nezinsuku ezingama-32 esikhathini esifanayo ngonyaka owedlule. Ukuthunyelwa kukagesi kwakukhona ngesilinganiso esiyisikhathi esingama-99% uma kuqhathaniswa no-9.8% wangonyaka owedlule.
1.6. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi ugesi owengeziwe ozayo oyi-1 600 MW ozofakwa e-Kusile Unit 6 mhla wesi-9 kuNdasa 2025 nase-Medupi Unit 4 ngokuphela kukaNdasa 2025 uzonika amandla ukuthunyelwa kukagesi ezweni lonkana.
C. Izinqumo zeKhabhinethi
1. UHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi (i-MTDP) 2024-2029
1.1. IKhabhinethi ligunyaze i-MTDP yesikhathi sowezi-2024-2029, ecacisa lokho okubekwe eqhulwini kuHulumeni Wehlandla Lesikhombisa. I-MTDP yakhela phezu koHlelo Lwentuthuko Kazwelonke, isitatimende Senhloso sikaHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU), kanye nezivumelwano okufinyelelwe kuzona ngesikhathi se-Lekgotla yeKhabhinethi ebibanjwe mhla wama-29 kuya kuma-30 kuMasingana 2025.
1.2. Ngaphezu kwalokhu, i-MTDP ihlanganise amaqhingasu amathathu abekwe eqhulwini achazwa nguMongameli u-Ramaphosa eNkulumweni yakhe Yokuvula iPhalamende mhla we-18 kuNtulikazi 2024. Lolu hlelo lubonisa indlela imizamo kahulumeni yokwakha izwe elibandakanya wonke umuntu okholelwa ekuzinikeleni kwe-GNU. Luhlose, phakathi kokunye, ukuqinisekisa ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukunciphisa ukungasebenzi, ukuqeda inhlupheko, kanye nokunciphisa izindleko ezikhulayo zokuphila ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi sinombuso onamakhono, othuthukayo futhi oqotho.
2. UHlaka Lweqhingasu Lukazwelonke Lwezokuxhumana (i-NCSF) 2024-2029
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kwe-NCSF kuzozonke izinhlaka zikahulumeni. I-NCSF iyingxenye yomsebenzi oqhubekayo wokuhlanganisa nokuthuthukisa uhlelo lokuxhumana lukahulumeni ngokubanzi, ngokweseka ukuqaliswa kwe-MTDP 2024-2029 njengokusho kweNqubomgomo Kahulumeni Yezokuxhumana, eyagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2018, okuyimanje isabuyekezwa.
2.2. I-NCSF iphendula kulokho okulindelekile kokuthi ezokuxhumana kuhulumeni kufanele kuhlangane, kwakhe ukwethenjwa ngabantu futhi kuthembakale kubatshalizimali, kulethe ubumbano nobunye bomphakathi futhi kunxenxe izakhamuzi ukuthi zibe yingxenye njengoba kunemizamo eqhubekayo yokukhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise ulwazi ukuthuthukisa izimpilo zabo futhi basebenzise amathuba okuthuthukisa inhlalo-mnotho ukuze bezofaka igalelo ekuthuthukisweni kwaleli lizwe lethu.
3. Ukugunyazwa kweNqubo yeNkundla Yokuhwebelana Mahhala Kwamazwe ase-Afrika (i-AfCFTA) yaBesifazane Nentsha Kwezohwebo
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa kweNqubo ye-AfCFTA yaBesifazane Nentsha Kwezohwebo ePhalamende ukuze izogunyazwa.
3.2. Inqubo ihlose ukwenza ngcono ukubandakanywa kwabesifazane nentsha kwezohwebo ngaphansi kwe-AfCFTA, futhi icacisa izinhloso ezithile ezifana nokusiza abahwebi besifazane nentsha ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ezimakethe. Iphinde futhi ibheke ukwengezwa kwemikhiqizo kanye nempahla evela kwamanye amazwe nethunyelwa kwamanye amazwe ngabesifazane nentsha, kanye nokubandakanywa kwabo emikhiqizweni yesifunda neyezwekazi.
3.3. Inqubo iphinde ibhekelele izinyathelo zokuqeda ukucwasa, ukugqugquzela ukulingana nokubandakanywa kwabantu bonke ukuqinisekisa ukuthi abesifazane nentsha bayahlomula emathubeni ohwebo. Okunye okubalulekile okuhlinzekwa yile nqubo kubandakanya ukuqeda ngemigoqo evimbela ukuhweba namanye amazwe ethinta abesifazane nentsha kwezohwebo, nokuzokhuthaza ukubandakanyeka kwabo ekusungulweni kwezinqubomgomo, kanye nokuthuthukisa indlela yokufinyelela kwezezimali.
3.4. Inqubo kulindeleke ukuthi yeseke abesifazane nentsha kwezohwebo ukuthi basebenzise amathuba alethwe yi-AfCFTA baphinde babe yingxenye yokuhweba ngaphakathi e-Afrika.
4. Ukugunyazwa Kwenqubo Yenqubomgomo Kwezokuncintisana ngaphansi kwe-AfCFTA
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa kweNqubo Yenqubomgomo Kwezokuncintisana ngaphansi kwe-AfCFTA ePhalamende ukuze izogunyazwa. Le nqubo iyisivumelwano samazwe angamalungu e-AU sokuqinisekisa ukuthi ukuncintisana ezwenikazini kufaka igalelo kwezohwebo, ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nokuthuthukiswa komnotho osimeme.
4.2. Inqubo igxile ekugwemeni izindlela zokusebenza ezingenako ukuncintisana ngokuthi ihlinzeke ngohlaka olubhekelele ukugcwala kwemakethe, ukuhlukunyezwa kwamandla kanye nezinye izinkinga ezihlobene nokuncintisana.
4.3. I-AU iyakuvuma ukuthi ukungabikho kwezinqubomgomo zokuncintisana ezwenikazini kuholela ezindleleni zokusebenza ezingenakho ukuncintisana ezifana nokuba namanani aphezulu kakhulu kanye nokulawulwa kohwebo okuhlukumeza isimo sabo sezimakethe.
4.4. Inqubo izosebenza kuyoyonke imisebenzi yomnotho ngaphakathi emakethe ye-AfCFTA futhi izobheka ngqo izindlela zokusebenza ezingenakho ukuncintisana ezifaka phakathi amaqembu ezinkampani ezinyusa amanani emikhiqizo ezingalawulwa ngendlela, kanjalo nezindlela zokusebenza ezinokuncintisana ezasungulwa yizinkampani ezinkulu ezisebenza ngaphandle kwezwekazi.
5. Imiphumela yokubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kwiNkulumo-ngxoxo Jikelele yeSeshini yama-79 yeSigungu Esiphezulu se-UN (i-UNGA 79)
5.1. IKhabhinethi licubungule laphinde lagunyaza imiphumela ye-UNGA 79 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Asishiyi muntu ngemuva: sisebenza ngokubambisana ukuthuthukisa ukuthula, intuthuko esimeme kanye nesithunzi somuntu manje nangesikhathi esizayo”.
5.2. Ukuzibandakanya kweNingizimu Afrika kwiNgqungquthela Yekusasa ye-UN kugxile ethubeni lokuqhuba isivumelwano somhlaba nokwenza inqubekelaphambili ezintweni ezibekwe eqhulwini ezifana neZinjongo Zentuthuko Esimeme nokuthi emazweni ase-Afrika, iNgqungquthela kufanele igxile esinyathelweni somhlaba sokweseka uhlelo lwentuthuko lwezwekazi, okuluHlelo lwangowezi-2063.
D. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.
1. Slz. John Lamola uqashwe esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu we-South African Airways iminyaka emibili.
2. Slz. Busani Ngcaweni njengoMqondisi-Jikelele (i-DG) kuMnyango Wesikole Sikahulumeni (ukwelulwa kwenkontileka ngeminyaka emihlanu).
3. Mnu. Lindelwa Simphiwe Hamilton njenge-DG kuMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana.
4. Mnu. Tebogo Seokolo njengePhini le-DG (i-DDG): Afrika kuMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokusebenzisana.
5. Nkz. Angela Sizakele Magangoe njenge-DDG: Kwizinsizakalo Zenhlalakahle kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi (i-DSD).
6. Nkz. Thandeka Gloria Ngcobo njengoMphathi Omkhulu Wezimali e-DSD.
7. Abaqondisi Abangebona Abaphathi eBhodini lesikhashana le-Ejensi Yombuso Yobuchwepheshe Bokuxhumana (i-SITA)
(i) Nkz. Sedzani Mudau (uSihlalo);
(ii) Mnu. Willie Vukela (omele uMnyango Wezinsizakalo Zomphakathi Nokulawula);
(iii) Mnu. Willie Mathebula (omele uMgcinimafa Kazwelonke);
(iv) Ummeli Johannes Collen Weapond; kanye
(v) noMnu. Omega Shelembe (uMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali).
E. Imicimbi Ezayo
1. INyanga Yamalungelo Abantu
1.1. INingizimu Afrika ngoNdasa izobungaza iNyanga Yamalungelo Abantu ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Siqhuba imizamo yokuthola ubulungiswa kwezenhlalo obesekelwe phezu kwamalungelo abantu”. Umlando weNyanga Yamalungelo Abantu wesekelwe esiBhicongweni sase-Sharpeville sangomhla wama-21 kuNdasa 1960, lapho amaphoyisa obandlululo abulala abantu abangama-69 ngesikhathi bebhikisha ngokuthula.
1.2. Ubuhlungu bezinqubomgomo ezingaqondile zombuso wobandlulo buyaqhubeka nokuba nomthelela kokwenzeka esikhathini samanje futhi sekuholele ekutheni abantu abaningi babhuqabhuqwe inhlupheko nokuswela imisebenzi. UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996, oyisisekelo somphakathi okhululekile nonentando yeningi labantu, weseka imizamo yokuthuthukisa ubulungiswa bezenhlalo ngokuthi ulungise ukungabi nobulungiswa kwesikhathi esedlule.
1.3. UMthetho Wokudliwa Komhlaba osanda kugunyazwa, wezi-2024 (Umthetho we-13 wezi-2024) ubeka phambili inqubo esemthethweni egunyazwe ngumthethosisekelo evumela uhulumeni ukuthi alungise lokho okwenziwa ngesikhathi kuhlwithwa umhlaba nesimo senhlupheko ngokuthi asize ukulinganisa izinto ukuze izakhamuzi eziningi zizokwazi ukuthola amathuba kwezomnotho, izinsizakalo eziyisisekelo kanye nomhlaba.
1.4. Umcimbi wokubungazwa kukazwelonke koSuku Lwamalungelo Abantu mhla wama-21 kuNdasa 2025 uzoba se-Constitution Hill eGoli, okuyilapho iNkantolo yoMthethosisekelo yaseNingizimu Afrika ikhona.
2. INgqungquthela Yezamandla e-Afrika yangowezi-2025
2.1. INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yezamandla e-Afrika yangowezi-2025 kusuka mhla wesi-4 kuya mhla wesi-6 kuNdasa 2025 e- Cape Town International Convention Centre. Le Ngqungquthela ngumcimbi omkhulu ezwenikazini njengoba ihlanganisa abaholi embonini futhi ibonisa izisombululo ezizosebenzela umkhakha wezamandla.
2.2. Ingqungquthela iza esikhathini lapho umkhakha wezamandla eNingizimu Afrika ukhula ngamandla njengoba izwe lisebenza kanzima ukuze lizoba nokuthunyelwa kukagesi esikhathini esizayo. Ngonyaka owedlule uhulumeni wagunyaza uMthetho Wokuchibiyela Ukulawulwa Kukagesi, ngowezi-2024 (Umthetho wama-38 wezi-2024) ukuze kuzokwakhiwa umkhakha wezamandla osimeme ozokwazi ukuhlangabezana nezidingo ezikhulayo zezamandla ezweni lethu.
2.3. Ukuqinisekisa ukuthunyelwa kukagesi esikhathini esizayo, imiklamo kagesi ongama-11 gigawatts ihlelwe ukuthi iqale eminyakeni emithathu ezayo. NgoZibandlela 2024, kamenyezelwa abafakizicelo abayisishiyagalombili abakhethwa ku-Bid Window 7 yoHlelo Lokukhethwa Kwabakhiqizi Abazimele Bogesi Ovuselelekayo ohambisana nomthamo kagesi ongama-1 760 megawatts.
F. Imilayezo
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
- UNgqongqoshe uNomakhosazana Meth ngokukhethwa kwakhe njengoSihlalo we-African Regional Labour Administration Centre.
- Nkz. Lerato Mataboge ngokukhethwa kwakhe esikhundleni sokuba yiKhomishana Yengqalasizinda Nezamandla ye-AU.
- Nkz. Tyla Laura Seethal, owaziwa ngelika-Tyla, umculi waseNingizimu Afrika ongumculi waseNingizimu Afrika wokuqala wesifazane ocula yedwana ingoma yakhe ethi “Water” esilalelwe izikhathi ezidlula isigidigidi esisodwa ku-Spotify.
- Mnu. Wouter Kellerman, i-flautist yaseNingizimu Afrika kanye no-Nkz. Eru Matsumoto no-Nkz. Chandrika Tandon, abawine i-Grammy Award ngecwecwe labo, i-Triveni.
2. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini:
- kaNkz. Suthukazi Arosi (64), umculi osewine izindondo, umqambi wamaculo, nomlingisi. Ubaziwa kakhulu ngokuba ngumhlabeleli ohamba phambili e-Afrika nomlingisi ophumelele osedlale emidlalweni eminingi yaseNingizimu Afrika.
Imibuzo:
Nkz. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
Sikhishwe: uPhiko lukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)