A. Ezisematheni
1. Umnotho
1.1. Izinguquko ezenziwe yi-Eskom zithela izithelo
1.1.1. IKhabhinethi lamukele isimo esingcono esiqhubekayo kwezezimali e-Eskom kanye nokusebenza kahle ezinyangeni eziyisithupha zokuqala eziphela ngoMandulo ngowezi-2025. I-Eskom yenze inzuzo yezigidigidi ezingama-R24.3 sekukhishwe intela, okungama-37% ngaphezu kwesikhathi esifanayo ngowezi-2024.
1.1.2. Esikhathini esifanayo, i-Eskom ithumele ugesi ngaphandle kokuphazamiseka nokube nezinsuku ezine kuphela zokucimakonga. Ukuthunyelwa kukagesi ngokuthembeka bekume kuma-96% ngowezi-2024/25, okuthuthuke kwaya kuma-98% ukusuka ekuqaleni kwalo nyaka kuze kube manje.
1.1.3. Ukusebenza kahle kwe-Eskom kubonisa ukusenza ngempumelelo kohlelo lokuvuselela olwasungulwa ngaphansi kwezinguquko ze-Operation Vulindlela, ukusebenza kahle kwabaphathi be-Eskom nebhodi layo, kanye nobuholi obuqondile bukaNgqongqoshe Wezogesi Nezamandla.
1.2. Umnotho waseNingizimu Afrika usalokhu ume kahle ku-GDP kanye nokukhula kwamathuba omsebenzi
1.2.1. IKhabhinethi lamukele isimo esihle somnotho njengoba kubonakale kwizibalo ze-GDP zeKota yesi-3 ezikhishwe ngabeZezibalo eNingizimu Afrika. I-GDP ikhule ngo-0.5% esikhathini sikaNtulikazi kuya kuMandulo 2025, okubonise ikota yesine yokukhula kulandelana, okubangelwa ukusebenza kahle kwezezimayini, ezolimo kanye nezinsizakalo, kanye negalelo lezezimali, izinsizakalo zikahulumeni, kanye nokukhiqiza.
1.2.2. Ukukhula kwe-GDP kwikota yesi-3 kowezi-2025 kuhambisane nokwanda kwemisebenzi okwande ngemisebenzi eyizi-248 000, kanye nokwehla kwenani labantu abangasebenzi ngezi-360 000 njengoba kumenyezelwe kucwaningo Lwabasebenzi Lwekota.
1.2.3. Ngaphezu kwalokho, uhlelo lweYouth Employment Service (i-YES), oluhlinzeka abantu abasha ngezindlela zokungena emnothweni, manje selufinyelele ekuletheni imisebenzi eyizi-200 000. Kuze kube manje, i-YES ifake intsha yaseNingizimu Afrika engaphezu kwezi-202 558 emisebenzini yokuthola isipiliyoni yezinyanga eziyi-12, futhi yesekwa izinkampani ezingaphezu kweziyi-1 900 ezisebenzisana nayo.
1.2.4. Ngaphezu kwalokho, i-IMF isanda kwenyusa isilinganiso esiqaguliwe sokukhula komnotho eNingizimu Afrika saya ku-1.3% ngowezi-2025 kanye no-1.4% ngowezi-2026, kusukela kwizilinganiso zangaphambilini zika-1.1% no-1.2%, ngokulandelana.
2. Ubudlelwano Bamazwe Ngamazwe
2.1. INingizimu Afrika isebenzisa UbuMongameli be-G20 ukuqondisa abaholi bomhlaba ekugxileni e-Afrika kanye nentuthuko yaseNingizimu yomhlaba wonke
2.1.1. IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli uCyril Ramaphosa ekubongeni bonke abantu baseNingizimu Afrika ngendima yabo ekuqinisekiseni ukuthi uBuMongameli bethu be-G20 buphumelele, okuholele eNgqungqutheleni Yabaholi be-G20 esanda kusingathwa.
2.1.2. Ngesikhathi soBuMongameli bethu be-G20, iNingizimu Afrika yabeka i-Ajenda yentuthuko yase-Afrika ngaphambi kwabaholi be-G20 futhi yanxenxa ukuvumelana ngezinyathelo eziphusile zokubhekana nezinselele ezivimbela iNingizimu Afrika, i-Afrika kanye nentuthuko yeNingizimu yomhlaba wonke. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngalokhu, vakashela isizindalwazi se-G20 yaseNingizimu Afrika ku-www.g20.org.za
2.1.3. IKhabhinethi likuphawulile ukuzizwa kwakamuva kweMelika mayelana nokubamba iqhaza kweNingizimu Afrika emhlanganweni we-G20 SHERPA ozayo kanye nezinhloso eziveziwe zokuvalela ngaphandle iNingizimu Afrika, ilungu elisungule i-G20, ekuhlanganyeleni emihlanganweni ye-G20 ngowezi-2026.
2.1.4. Nakuba lokhu kungekuhle kahle, njengelungu elasungula i-G20, ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ezimisweni ze-G20 kanye nohlaka lokubambisana kusalokhu kumile kungaguquki. INgqungquthela ye-G20 yowezi-2025 ibonise amandla okubambisana kwamazwe amaningi, futhi iKhabhinethi lisaqiniseka ukuthi ukusebenzisana kwamazwe amaningi kanye nokubambisana kuyindlela eya ekuchumeni kwabo bonke abantu emhlabeni.
2.2. Abaholi be-IBSA bayaqhubeka nokweseka i-Ajenda yentuthuko yeNingizimu yomhlaba wonke
2.2.1. IKhabhinethi lamukele ukusingathwa ngempumelelo komhlangano wabaholi be-India-Brazil-South Africa (i-IBSA) ngale kweNgqungquthela yabaholi be-G20. kwi-IBSA, iNingizimu Afrika icele ukuvuselelwa kabusha kokubambisana kweNingizimu-neNingizimu ukuze kuqhutshwe ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, kuthuthukiswe intuthuko esimeme futhi kusheshiswe ukuguqulwa kwezikhungo zokubusa zomhlaba wonke.
2.2.2. Amazwe e-IBSA asesimeni esihle sokweseka izinto eziseqhulwini eNingizimu yomhlaba wonke, okuhlanganisa ukwandisa imali ebhekele isimo sezulu, ukuqinisekisa ukungapheli kokudla nezempilo, ukweseka ukufunda okuyisisekelo kanye nokunxenxa utshalomali ukuze kuncishiswe ubungozi bezinhlekelele.
2.3. Umhlangano weSine weKhomishini Yezizwe Ezimbili (i-BNC) phakathi kweNingizimu Afrika neMozambique ugxile ekusheshiseni ukuqaliswa kwesinqumo se-BNC
2.3.1. UMongameli uCyril Ramaphosa uhole ithimba laseNingizimu Afrika emhlanganweni weSine weKhomishini Yezizwe Ezimbili (i-BNC) phakathi kweNingizimu Afrika neMozambique eMaputo, eMozambique.
2.3.2. I-BNC yeSine ifinyelele esivumelwaneni ngezinqumo ezingama-99 ezinezikhathi zokuqaliswa emikhakheni yokubambisana kwezomnotho nentuthuko, ukubambisana kwamanxusa, ukuphepha nokuvikeleka, kanye nentuthuko yomphakathi.
2.3.3. Bobabili oMongameli uRamaphosa noChapo bahole oNgqongqoshe bamazwe womabili ukuqinisekisa intuthuko ebonakalayo ekuqalisweni kwezinqumo ze-BNC yeSine. Inqubekela-phambili ekuqalisweni kwezinqumo izobikwa emhlanganweni weSihlanu we-BNC eNingizimu Afrika.
2.3.4. OMongameli bobabili baphinde bahola ukwethulwa ngokusemthethweni kweSasol Hydrocarbons Processing Integrated Infrastructure eDolobheni lase-Inhassoro, eSifundazweni sase-Inhambane ngomhla wesi-3 kuZibandlela 2025.
3. Ukuphepha Nokuvikeleka
3.1. Ukunqoba impi yokulwa noBugebengu njengoba izibalo zibonisa ukwehla kuzo zonke izigaba
3.1.1. IKhabhinethi lamukele ukwehla okubikiwe kobugebengu kuzo zonke izigaba zobugebengu ngokusho koPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) olukhiphe izibalo zobugebengu zekota yokuqala neyesibili ngonyakamali wezi-2025.
3.1.2. Izibalo zobugebengu, ezihlanganisa isikhathi kusukela kuMbasa kuya kuMandulo wezi-2025, zibonisa ukwehla okukhulu kobugebengu obukhulu nobunobudlova, kanti amazinga okubulala ehle kakhulu. Ukubulawa kwabantu kwehle ngo-6.5% kwikota yokuqala kanye no-11.5% kwikota yesibili.
3.1.3. IKhabhinethi income izinhlaka zomthetho ngokuqhubeka nokusebenza kanzima ukulwa nobugebengu futhi linxusa umphakathi ukuthi uhlanganyele ekulweni nobugebengu.
A. Izinqumo ZeKhabhinethi
1. Ukuqaliswa kohlelo lokuqhuba Ukukhula Komnotho Nokubandakanywa Kwabantu Bonke
1.1 IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kohlelo lokuqhuba ukukhula komnotho nokubandakanywa kwabantu bonke okwesekwe phezu kwezinto ezibekwe eqhulwini oHlelweni Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi lukaHulumeni Wehlandla leSikhombisa.
1.2 Izinhlelo kuhloswe ngazo ukuqaliswa okuhleliwe nokugxilile kwezingenelelo ezibekwe phambili zokuthuthukiswa komnotho ezazisungulwe ngaphansi kwemizamo eyehlukahlukene.
1.3 Izinhlaka zoHlelo yilezi:
1.3.1 Izinguquko zomnotho ezizolungisa izinto ezibalulekile
1.3.2 Izinguquko zemisebenzi kahulumeni ukwakha uhulumeni oletha usizo kubantu
1.3.3 Izinguquko zeNqubomgomo Yezimboni ukuphishekela imikhakha emisha yokukhula komnotho
1.4 Lokhu kuqaliswa okugxilile nokubekwe phambili kuzonika uHlelo ugqozi olufanayo nohlelo lweZinguquko Zezakhiwo ngaphansi kohlelo lwe-Operation Vulindlela.
2. Uhlelo Lokuqalisa Ukusebenza Lweqhingasu Lezimbiwa Ezibalulekile (i-CMS) laseNingizimu Afrika
2.1 IKhabhinethi ligunyaze uHlelo Lokuqalisa Ukusebenza Lweqhingasu Lezimbiwa Ezibalulekile, oluchaza umhlahlandlela wokusebenzisa amathuba engcebweni yezimbiwa avela ekukhuleni kwesidingo sezimbiwa ezibalulekile ngenxa yokwanda kwezicelo zazo kwezobuchwepheshe bedijithali, ezokuvikela, ezempilo, izinto zikagesi zabathengi, kanye nezimoto zikagesi phakathi kokunye.
2.2 Uhlelo lokuqalisa ukusebenza lugxile ezinsikeni eziyisithupha, okuyilezi: (i) ukuklanywa nokuhlola isayensi, (ii) ukwengeza inani kanye nokuthuthukiswa kwemikhiqizo yasekhaya, (iii) ucwaningo, intuthuko kanye nokusungula izinto ezintsha, (iv) ingqalasizinda kanye nokungapheli kwezamandla, (v) amathuluzi ezezimali, kanye (vi) nokuhambelanisa imithetho.
2.3 Ukuqaliswa kweQhingasu Lezimbiwa Ezibalulekile kuzofaka igalelo ekukhuleni komnotho kanye nokusungulwa kwamathuba emisebenzi.
3. Uhlaka Olubuyekeziwe Lomthetho Odingidwayo Wokuvikela Ubuzwe, Ukufuduka kanye Nokuvikelwa Kwababaleki (i-CIRP)
3.1 IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Olubuyekeziwe Lomthetho Odingidwayo Wokuvikela Ubuzwe, Ukufuduka kanye Nokuvikelwa Kwababaleki (i-CIRP) ukuze kuxoxiswane nomphakathi.
3.2 Lokhu kubuyekezwa kwakhelwe phezu koMthetho Odingidwayo Wokugcina we-CIRP ogunyazwe yiKhabhinethi ngowezi-2024, olubuyekeza iziphakamiso ezithile zenqubomgomo futhi lufaka isiqondiso esinemininingwane ngeziphakamiso eziqukethwe emthethweni wokuqala.
3.3 Ukuthuthukiswa okubalulekile kufaka phakathi ukuhlanganiswa kwezincomo ezivela embikweni we-Operation Vulindlela mayelana nokuguqulwa kwenqubomgomo yama-visa; kanye nokucacisa okwengeziwe kanye nemininingo yokuqalisa ukusetshenziswa kwezinqubomgomo zokufuduka kanye nobuzwe.
3.4 UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe uhlose ukuqinisekisa indlela ehambisanayo, yesimanje yokuvikela ubuzwe, ukufuduka kanye nokuvikelwa kwababaleki eyeseka intuthuko yezwe, kanye nezinhloso zokuphepha kwezwe okuhlanganisa nomgomo weZwe Lokuqala Eliphephile, okhuthaza ababaleki ukuba bafune ukukhosela ezweni lokuqala abafika kulo, elithathwa njengeliphephile.
4. Imibiko Yenqubekela-phambili Yohlelo Lwentuthuko Yesikhathi Esiphakathi Ephuma Kabili Ngonyaka
4.1 IKhabhinethi lamukele futhi lacubungula imibiko yenqubekela-phambili ephuma Kabili ngonyaka mayelana nokuqaliswa koHlelo Lwentuthuko Yesikhathi Esiphakathi lwezi-2024 - 2029 (i-MTDP) kusukela ngoMbasa kuya kuMandulo 2025.
4.2 Imibiko inikeze umbono jikelele wokusebenza kweminyango kahulumeni esikhathini sezinyanga eziyisithupha, igqamisa imikhakha esebenze ngamalengiso, kanjalo nemikhakha lapho ukusebenza kusilela emuva noma kubhekene nezingqinamba. IKhabhinethi lixoxe ngalokhu okuhlonziwe futhi yagcizelela isidingo sokugxila okuqhubekayo ekuqalisweni kokusebenza.
4.3 Ukwaziswa kabanzi okwengeziwe kuzonikezwa nguNgqongqoshe Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola, kanye nosihlalo ababambisene bamaKlasta eKhabhinethi.
5. Iqhingasu Likazwelonke Lokusheshisa Izinyathelo Ezibhekele Izingane (i-NSAAC)
5.1 IKhabhinethi igunyaze iQhingasu Likazwelonke Lokusheshisa Izinyathelo Ezibhekele Izingane (i-NSAAC), okuyisu elihlose ukusheshisa izinyathelo ezibhekele inhlalakahle nentuthuko yezingane nentsha kulo lonke elaseNingizimu Afrika.
5.2 Iqhingasu ligxile ekuvaleni igebe lokudla; ukukhuthaza ulimi nokufunda kuzo zonke izingane ezincane; ukuvikela izingane nentsha ngokunciphisa ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa; ukuhlolwa ngesikhathi kanye nokudluliselwa kwezingane ezinokukhubazeka kokuzwa nokubona kanye nokwakha ukuzazi kanye negunya lezingane.
5.3 Iqhingasu ligcizelela ukubambisana kanye nokwabelana ngomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi ingane ngayinye inethuba lokuphumelela. Amalungu omphakathi angathola leli Qhingasu (i-NSAAC) ku-www.dsd.gov.za.
6. Uhlelo Lwesi-5 Lukazwelonke Lwezinyathelo Ezibhekele Izingane (i-NPAC) lwezi-2025 – 2030
6.1 IKhabhinethi ligunyaze i-NPAC yesi-5 lwezi-2025-2030 eqinisekisa ukuqaliswa kwe-NSAAC. Lolu uhlaka oluhlelekile lokubhekana namalungelo, izidingo kanye nenhlalakahle yezingane ezweni. Lolu hlelo luhambisana nezinhlaka zomhlaba wonke, ikakhulukazi iSivumelwano Se-UN Samalungelo Ezingane kanye nomthetho kazwelonke, okuhlanganisa noMthethosisekelo kanye noMthetho Wezingane wezi-2005.
6.2 Ngokwakhela phezu kwenqubekela-phambili kusukela ngowe-1996, i-NPAC yesi-5 ihlinzeka ngomhlahlandlela ophelele wokuvikela nokukhuthaza amalungelo ezingane, iqaphela izinselelo eziqhubekayo ngesikhathi iqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ekwakheni ikusasa elingcono lezakhamuzi zezwe ezisengozini kakhulu.
6.3 Izingxenye ezibalulekile okugxilwe kuzona zibandakanya ukuhlonyiswa kwezingane zonke njengezakhamuzi ezinalamalungelo, eziyibambe iqhaza; ukuqinisa izindlelakusebenza kanye nokusebenzisana ukuqinisekisa ukuthuthukiswa kwezingane ngokuphelele; kanye nokubhekana nezingxenye ezibalulekile ezibekwe phambili ezithuthukisa ezempilo, ezemfundo, ukuphepha kanye nokubandakanywa komphakathi.
6.4 I-NPAC ibonisa indlela yokusebenzisana phakathi kukahulumeni nabalingani ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane zibhekiwe, zinikwe amandla futhi ziyakwazi ukuphumelela.
7. Uhlelo Lokusebenza Lokubhekana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)
7.1 IKhabhinethi ligunyaze uHlelo Lokusebenza Oluphelele Lokubhekana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF), okuhlanganisa nohlaka lokulethwa kwezidingonqangi kanye namalungiselelo ezikhungo okubandakanya umphakathi wonke ekubhekaneni nalesi sihlava.
7.2 Uhlelo Lokusebenza Oluphelele lugxile ekuqalisweni kwezinto ezinhlanu ezibekwe eqhulwini:
a. Ukugwema nokwakha kabusha ubumbano lomphakathi: Ukugxila ekuqedeni ukwamukelwa kodlame emphakathini kanye nokuxoxisana nababambiqhaza. Kuzokwenziwa umzamo omkhulu wokubandakanya amadoda nabafana ezingxoxweni zokugwema ukuze kuqedwe imikhuba enobungozi kanye nemikhuba engemihla yobudoda.
b. Ukuthuthukiswa kokuvikelwa komthetho, ukuphepha, kanye nobulungiswa: Kuhloswe ngakho ukuqinisa uhlelokusebenza lobulungiswa bobugebengu ukuqinisekisa ukuvikelwa kanye nobulungiswa kwabasindile. Izikhungo ezandisiwe ezilungele izisulu kanye namahhovisi akhethekile e-GBV eziteshini ze-SAPS ziyingxenye yalo mzamo.
c. Ukusekelwa okugxile kwizisulu nabasindile: Kuhlose ukuhlinzeka ngokufinyelela okulinganayo kwezinsizakalo ezisezingeni eliphezulu kuzo zonke izinhlaka zobulungiswa, ezempilo, kanye nezemfundo. Kugcizelelwa izinhlelo zokweseka ezihlanganisiwe ezibeka phambili isithunzi, ukwelapheka, kanye nokunika amandla, okuqinisekisa ukuthi abasindile bathola ukunakekelwa okuphelele ngaphandle kokubandlululwa noma ukubambezeleka.
d. Ukuxhumana kanye nokuzibandakanya kanye nokugqugquzela ababambiqhaza: Kugxile ekuguquleni imitheshwana yomphakathi kuzo zonke izigaba ngemiyalezo eqhubekayo, enobufakazi. Kuhlose ukuphonsela inselele imibono eyingozi, ukukhuthaza ukulingana ngokobulili, kanye nokugqugquzela imiphakathi ukuthi ihlanganyele ngokukhuthala ekuqedeni i-GBVF.
e. Amalungiselelo ezikhungo: Kuqinisekisa ukubusa okuqinile kanye nezindlela zokuziphendulela kuzo zonke izinhlaka zomphakathi. Kubiza ubuholi obuqinile, obuhlelekile kanye nezindima zezikhungo ezicacile zokuqhuba ukuqaliswa, ukuqapha inqubekela-phambili, kanye nokuphoqelela ukuziphendulela.
7.3 Izisulu zobudlova ziyakhuthazwa ukusebenzisa inombolo yocingo yezimo eziphuthumayo yeGender-Based Violence Command Centre esebenza amahora angama-24: 0800 428 428 ukubika ukuhlukunyezwa nokufinyelela kwizinsizakalo zokuthola usizo.
8. Uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yesayensi Evulelekile (i-NOSP)
8.1 IKhabhinethi ligunyaze uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yesayensi Evulelekile (i-NOSP), uhlaka oluhlongozwayo olwenzelwe ukuqondisa indlela yezwe yeSayensi Evulelekile. Isayensi Evulelekile ichaza indlela yokwenza ucwaningo lwesayensi, idatha kanye nezinqubo kufinyeleleke emphakathini kanye nomphakathi wesayensi ngokubanzi.
8.2 Le nqubomgomo ihlose ukukhuthaza ukusebenzela obala, ukubambisana kanye nokusungula izinto ezintsha ocwaningweni lwesayensi, ngesikhathi ibhekana nezinto ezibekwe eqhulwini kuzwelonke futhi ihambisana nezinto ezenziwayo emhlabeni wonke.
8.3 Inhlosongqangi ngukuthuthukisa ukutholakala kwemiphumela yocwaningo okuhlanganisa okutholakele, okushicilelwe, idatha namathuluzi abacwaningi, abenzi bezinqubomgomo, abafundi kanye nomphakathi.
8.4 Le nqubomgomo ikhuthaza ucwaningo oluhlangene, eNingizimu Afrika kanye nemiphakathi yesayensi yamazwe ngamazwe, futhi ikhuthaza ukubambisana komhlaba wonke ngokwabelana ngedatha evulelekile.
8.5 Ngokukhuthaza ukuvuleleka kanye nokubandakanya, i-NOSP egunyaziwe ibeka iNingizimu Afrika endaweni yokuthuthukisa inqubekela-phambili yesayensi kanye nokusungula izinto ezintsha ukuze kuhlomule umphakathi.
9. Umbiko Ngohlelo Lokukhuthaza Intela Yokusebenza Kocwaningo Nentuthuko (i-R&D) Lonyaka Wezimali Wezi-2022/2023
9.1 IKhabhinethi ligunyaze ukuthi umbiko wokusebenza kwe-R&D yezi-2022/23 wethulwe ePhalamende.
9.2 Uhulumeni unikeza isikhuthazo sentela se-R&D ngokweSigaba 11D soMthetho Wentela Yengeniso we-1962 ukukhuthaza imisebenzi ye-R&D yomkhakha ozimele. Lesi sikhuthazo sisekelwe ekuncishisweni kwentela okungama-150% ezindlekweni zokusebenza ezigunyaziwe ezenziwe emisebenzini ye-R&D, okwenza kube ngenye yezikhuthazo zentela ze-R&D ezinkulu emhlabeni jikelele.
9.3 Ngowezi-2022/23, uhlelo lwathola izicelo zomklamo eziyi-188 ezivela ezinkampanini ezingama-77 kanye nezindleko ze-R&D ezihleliwe ezilinganiselwa kwisigidigidi esi-1.5 samarandi. Izicelo eziningi zamukelwe ezinkampanini ezinkulu ezinemali engenayo yonyaka eyizigidi eziyi-R100 nangaphezulu.
9.4 Inani eliphezulu lezicelo zomklamo livela eGauteng, kulandele iNtshonalanga Kapa kanye neKwa-Zulu Natali.
10. Imithethonqubo Esahlongozwa Ehlobene Nezikhungo Ezinjengezikhungo Zocwaningo Zikazwelonke kanye Nemithethonqubo Yesimemezelo Sezikhungo Zocwaningo
10.1 IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kwemibono yomphakathi ngeMithethonqubo Esahlongozwa Yokusungulwa Nokuphathwa Kwezinhlangano Zikazwelonke Zocwaningo (ama-NRF) kanye Nemithethonqubo Esahlongozwa Yokumenyezelwa Kwezikhungo Zocwaningo.
10.2 Le mithethonqubo inikeza uhlaka lokuhlonza izikhungo zocwaningo ezifanelekile ngenhloso yokuxhasa ngezimali, ukuhambelanisa izinto eziza kuqala kuzwelonke, ukwabelana ngedatha kanye nokuqapha.
10.3 Uhlaka luhlose ukuhlonza izikhungo ezinesibopho socwaningo lomphakathi, ingqalasizinda efanele, amakhono, ubuchwepheshe, kanye nezinsizakalo ezithuthukisa Uhlelo Lukazwelonke Lokusungula Izinto Ezintsha, ezisekela i-Ajenda Yocwaningo lukazwelonke, futhi zifeze igunya leNhlangano Kazwelonke Yocwaningo.
10.4 Le Mithethonqubo ehlongozwayo ihlose ukuqinisa ukubusa nokuqinisekisa ukuthi izikhungo zocwaningo zidlala indima ebalulekile ekuqhubeni ukusungulwa kwezinto ezintsha kanye nokweseka izinhloso zentuthuko yaseNingizimu Afrika.
B. Imithethosivivinywa
1. Umthethosivivinywa Ohlongozwayo Wegesi, wezi-2025
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wegesi, wezi-2025 ePhalamende ukuze kuqhutshekwe nokucutshungulwa. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqeda uMthetho Wegesi wezi-2001 futhi wethule uhlaka lwezomthetho oluthuthukisiwe olubonisa intuthuko yezobuchwepheshe yakamuva ekuthuthweni nasekugcinweni kwegesi.
1.2. Lo Mthethosivivinywa uphinde ubhekane nezinselele ezikhona ekusetshenzisweni nasekuphoqelelweni koMthetho wamanje ngokubeka iNingizimu Afrika endaweni yokuphatha kangcono izinsiza zayo zegesi kanye nengqalasizinda ngokuhambisana nemikhuba emihle yomhlaba wonke kanye nezinto eziza kuqala kwezamandla kuzwelonke.
1.3. Lo Mthethosivivinywa unika amandla uMlawuli Wezamandla eNingizimu Afrika ukuthi abeke, aqaphe futhi alawule amanani okusabalalisa, alawule uhlelo lokubhalisa kanye nokunquma isikhathi esifanele samalayisensi.
1.4. Lo Mthethosivivinywa uphinde uhlose ukuhlinzeka ngemibandela yokunika amandla yokuhlela isu elihlanganisiwe maqondana nezikhungo ezintsha zegesi, ikakhulukazi izikhungo zokudlulisa kanye nokuvuselela igesi ezakha umgogodla wokungeniswa kwegesi kanye nokuthuthwa ngobuningi ukuqinisekisa ukuphepha kwezamandla kuzwelonke.
2. UMthethosivivinywa Wobungcweti Besayensi Yemvelo (i-NSP), wezi-2025
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wobungcweti Besayensi Yemvelo, wezi-2025 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Inhloso enkulu yalo Mthethosivivinywa ukuvuselela nokushintsha uMthetho Wobungcweti Besayensi Yemvelo wezi-2003 olawula ubungcweti besayensi yemvelo ezweni.
2.2. UMthethosivivinywa ohlongozwayo wethula uhlaka olubuyekeziwe lwezomthetho lokubhalisa, ukulawulwa, amazinga okuziphatha kanye nobubanzi bokusebenza kososayensi bemvelo ngenhloso yokwenza kube ngcono ukuphathwa kwalo msebenzi, ukuqinisekisa ukuhambisana nemikhuba yesayensi yamanje kanye nezindinganiso zomhlaba wonke.
C. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlola okufanele.
1. IKhabhinethi ligunyaze ukuqashwa kwalaba abalandelayo:
1.1 Mnu. Nkhumeleni Victor Vele njengoMqondisi-Jikelele (i-DG) kuMnyango Wezokuvakasha (ukwelulwa kwenkontileka).
1.2 Mnu. Mbulelo Service Tshangana ngengo-DG kuMnyango Wezokubuza Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko (ukwelulwa kwenkontilela).
1.3 Nkz. Mammetse Masemola njengeNhloko Yengqalasizinda eNingizimu Afrika kuMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda.
1.4 Mnu. Riaan Botha njengePhini lika-DG: Ukunakekelwa Kwezikhungo kuMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda.
2. IKhabhinethi livumelane nokuqashwa kwalaba abalandelayo:
2.1 Mnu. Themba Ngubeni njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) weMzimvubu Tsitsikama Catchment Management Agency,
2.2 Mnu. Nkhetheleni Norman Ngidi njenge-CEO yeFilm and Publication Board
2.3 Mnu. Makgatho Mello njengoMphathi-Mqondisi weState Information Technology Agency,
2.4 IKhabhinethi livumelana nokuqashwa kwala malungu eBhodi alandelayo:
B. UMqondisi weBhodi lakwa-Eskom.
(i) Nkz. Thandeka Zondi-Mthembu
C. IBhodi leNational Radioactive Waste Disposal Institute:
(ii) Nkz. Thuli Mokgele; kanye
(iii) noMmmeli Matefo Joyce Majodina.
D. Abaqondisi abangebona Abaphathi kwiBhodi leSouth African Maritime Safety Authority:
(i) Ummeli Vusumzi Sihawu (uSihlalo),
(ii) Mnu. Mervyn Burton (iPhini likaSihlalo),
(iii) Dkt. Owen Peter Muller Horwood,
(iv) Mnu. Sandile Keswa,
(v) Dkt. Natalie Skeepers, kanye
(vi) noMmeli Nosipho Sobekwa.
E. Amalungu eBhodi leCentral Energy Fund (i-CEF):
(i) Ummeli Lindelwa Nobantu Nziba,
(ii) Mnu. Niel Jansen, kanye
(iii) noMnu. Persely Msingathi Madokwe.
F. Amalungu aphelele nawezikhathi ezithile eNational Energy Regulator of South Africa:
(i) Nkz. Ria Govender (iPhini likaSihlalo),
(ii) Mnu. Willibrod Majola, kanye
(iii) noNkz. Nomfundo Maseti.
G. Amalungu eCompanies Tribunal:
(i) IJaji Mohammed Navsa,
(ii) IJaji Kathleen Satchwell,
(iii) IJaji Robert Nugent,
(iv) IJaji Boissie Henry Mbha, kanye
(v) NeJaji Visvanathan Ponnan.
H. Amalungu eSouth African Council for Space Affairs:
(i) Ummeli Luthando Simphiwe Mkumatela (uSihlalo),
(ii) Dkt. Maria Ria Nonyana-Mokabane (iPhini likaSihlalo aphinde amele i-dtic);
(iii) Ummeli Icho Kealotswe-Matlou
(iv) Mnu. Shafique Amid Dean Allie;
(v) Mnu. Kebeditswe Medupe;
(vi) Mnu. Sydney Linden Petzer;
(vii) Mnu. Vincent Molawa Ngoetjana;
(viii) Dkt. Reshma Mathura;
(ix) Mnu. Nhlanhla Michael Mabaso;
(x) Mnu. Itumeleng Makola (omele i-DSTI);
(xi) Dkt. Sarisha Harrylal;
(xii) Nkz. Yolanda Nxumalo;
(xiii) Mr Flenk Mnisi (omele i-DCDT)
(xiv) UColonel Tamara Thomas-Herwels (omele i-DoD); kanye
(xv) noMnu. Levers Mabaso (omele i-DOT)
I. Amalungu eBhodi leLand Affairs:
(i) Nkz. Lusanda Nomasongo Netshitenzhe (uSihlalo);
(ii) Nkz. Precious Hlengiwe Makoe (iPhini likaSihlalo);
(iii) Ummeli Anthonie Michael Viviers;
(iv) Mnu. Pierre-Jeanne Alexander Gerber; kanye
(v) noMnu. Tsietsi Hamilton Madonsela.
J. Amalungu eBhodi le-Amatola Water:
(i) Dkt. Gaster Sharpley (uSihlalo),
(ii) Nkz. Litha Charlotte Geza (iPhini likaSihlalo),
(iii) Nkz. Noxolo Phoebe Abraham,
(iv) Mnu. Mxolisi Sibam,
(v) Nkz. Siphumezile Thuthuka Songelwa,
(vi) Mnu. Simnikiwe Xawuka,
(vii) Nkz. Nomfundo Princess Douw-Jack,
(viii) Mnu. Bhekuyise Henry Makedama,
(ix) Nkz. Nondumiso Pumela Ngonyama,
(x) Nkz. Sinovuyo Ngumbela, kanye
(xi) noMnu. Trevor Balzer.
K. Amalungu eBhodi leSentech:
(i) Mnu. Themba Phiri (uSihlalo – isikhathi esisele esehhovisi)
(ii) Dkt. Silvia Sathekge,
(iii) Dkt. Lebogang Mphahlele-Ntsasa
L. IBhodi leCompensation Fund Advisory:
(i) Nkz. Dinao Lerutla (uSihlalo)
(ii) Nkz. Unathi Nosipho Mdledle-Mkize
(iii) Mnu. Ernest Thabo Thipa
(iv) Nkz. Nolitha Pietersen
(v) Nkz. Milly Ruiters
(vi) Mnu. Thembinkosi Mkalipi
(vii) Mnu. Mohamed Carrim
(viii) Nkz. Leevendree Pillay
(ix) Mnu. Jan Mahlangu
(x) Nkz. Mulalo Murudi
(xi) Nkz. Mamokete Roseline Mokoena Hadebe
(xii) Nkz. Frieda Monyane Mudau
(xiii) Nkz. Masedi Lonkokile
(xiv) Mnu. Duncan Luvuno
(xv) Mnu. Janek Wilimiec
(xvi) Mnu. Fani Xaba
(xvii) Nkz. Tertia Ndlovu
(xviii) Dkt. Nothando Moyo
(xix) Nkz. Kresantha Pillay
(xx) Mnu. Sudeshan Pillay
(xxi) Dkt. Tshepo Moses Sebibe, kanye
(xxii) noMnu. Kevin Cowley.
M. Ukuqashwa koSihlalo be-SETA neZiphathimandla Zezimali
i. Slz. Puffy Soundy (Agricultural Sector Education & Training Authority-Agri SETA)
ii. Dkt. Ntombana Sekgaphane (Banking Sector Education & Training Authority – Bank SETA)
iii. Nkz. Karabo Mhlongo-Mbele (Culture, Arts, Tourism, Hospitality and Sport Sector Education & Training – CATHS SETA)
iv. Nkz. Tsakani Beatrice Nkambule (Chemical Industries Education & Training Authority - CHIETA)
v. Dkt. Olwethu Siphuka (Education, Training and Development Practices Sector Education and Training – ETDP SETA)
vi. Nkz. Morwesi Ramonyai Thonga (Energy and Water Sector Education & Training Authority – EW SETA)
vii. Dkt. Dala Prittish (Finance & Accounting Services Sector Education & Training Authority - FASSET)
viii. Mnu. Siyabulela Ngcukana (Food & Beverage Manufacturing Industry Sector Education & Training Authority – FoodBev SETA)
ix. Nkz. Theresa Otto (Fibre Processing & Manufacturing Sector Education & Training Authority - FP&M SETA)
x. Dkt. Nomsa Mnisi (Health and Welfare Sector Education and Training Authority – HWSETA)
xi. Nkz. Refilwe Matenche (Insurance Sector Education & Training Authority -InSETA)
xii. Slz. Hoosen Rasool (Manufacturing, Engineering and Related Services Sector Education and Training Authority - MERSETA)
xiii. Nkz. Emma Mphahlele (Media, Information and Communication Technologies Sector Education and Training Authority – MICT SETA)
xiv. Dkt. Nomusa Zethu Qunta (Mining Qualification Authority - MQA)
xv. Dkt. Kenneth Maimela (Public Service Sector Education and training Authority - PSETA)
xvi. Mnu. Chris Setlhako (Safety and Security Sector Education and training Authority - SASSETA)
xvii. Mnu. Themba Dlamini (Transport Education Training Authority - TETA), kanye
xviii. noMnu. Thulani Tshefutha (Wholesale and Retail Sector Education and Training Authority – W&RSETA)
D. Ezakamuva KwiKhabhinethi
1. Ukuqaliswa Kwemiklamo Emibili Emikhulukazi Yokuthuthukiswa Kokuhlaliswa Kwabantu eGauteng
1.1. IKhabhinethi liphawule inqubekela-phambili ekuqalisweni kwemiklamo emibili emikhulu yokuhlaliswa kwabantu eGauteng, okuhloswe ngayo ukwakha amakhaya cishe abe yizi-68 000 eLufhereng (eDolobheni laseGoli) naseMooikloof (eDolobheni laseTshwane).
1.2. Ukuthuthukiswa kweLufhereng kuthathwa njengokungaphezu nje kokwakhiwa kwezindlu, kodwa njengokwakhiwa komphakathi ohlangene onezinsiza zomphakathi nezomnotho okuhlanganisa izikole, izinkulisa, imitholampilo, izindawo zokukhulekela, amapaki, izindawo ezivulekile, izindawo zebhizinisi nezentengiselwano kanye nezindawo zezemidlalo. Kulindleleke ukuthi kwakhiwe inani lezindlu eLufhereng ezilinganiselwa kwizi-32 636. IMooikloof Mega Residential Development kulindeleke ukuthi yakhe cishe amayunithi ezindlu ayizi-50 000.
1.3. Le miklamo kulindeleke ukuthi isungule amathuba emisebenzi ngesikhathi sokwakha nangale kwalokho, ngesikhathi ikhuthaza ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane kanye nokukhula komnotho wendawo, okuyizindlela ezibalulekile zokungenelela ezweni elibhekene nokuntuleka kwemisebenzi okukhulu kanye nokungalingani.
2. Okutholakele kuMbiko Wezinkomba Zesayensi, Ubuchwepheshe Nokusungula Izinto Ezintsha eNingizimu Afrika, ngowezi-2025
2.1. IKhabhinethi likuphawulile okutholakele kuMbiko Wezinkomba Ze-STI wezi-2025 kanye nezinto ezivelele kuwo. Umbiko ukhombisa ukuthi yize iNingizimu Afrika isungule isisekelo esiqinile sohlelo lukazwelonke lwesayensi nokuqamba izinto ezintsha, lolu hlelo luhlala luhlukene phakathi kukahulumeni, izifundiswa, imboni, kanye nomphakathi.
2.2. Lokhu kuhlukana, kuhlanganiswe nokuntuleka kwemali okuqhubekayo, kunciphisa ikhono lezwe lokuhumusha imiphumela yocwaningo ibe yimikhiqizo yezentengiselwano noma izinto ezintsha zomphakathi.
2.3. Umbiko ufuna ukusebenzisana okuqinile phakathi kukahulumeni, izifundiswa, imboni, kanye nomphakathi ukuze kuqhutshwe ukutshalwa kwezimali okuhlelekile kuSayensi, Ubuchwepheshe Nokusungula Izinto Ezintsha (i-STI), ngokuqalisa izindlela ezivumela ukuguqulwa kwemiphumela yocwaningo ibe yizinzuzo ezibonakalayo zomnotho nezenhlalo, ngaleyo ndlela kuthuthukiswe ukuncintisana kweNingizimu Afrika emhlabeni jikelele.
3. Isimo sokulungela iMfundo Nokuqeqeshwa Kwangemva Kwesikole
3.1. IKhabhinethi laziswe kafushane ngesimo sokulungela unyaka wokufunda wezi-2026 emkhakheni weMfundo Nokuqeqeshwa Kwangemva Kwesikole (i-PSET). Umjikelezo wezicelo zowezi-2026 wavulwa ngoMandulo 2025 – okuyisikhathi esingaphambili kuneminyaka edlule - futhi wavala ngomhla we-15 kuLwezi 2025.
3.2. Ukuqinisekiswa kwemininingo ngaleso sikhathi manje sekuhlanganiswe ngokugcwele noMnyango Wezasekhaya, uPhiko Lwemalingeniso Eqoqwayo LwaseNingizimu Afrika (i-SARS) kanye ne-Ejensi Yezezimpesheni eNingizimu Afrika (i-SASSA) ukuze kubhekwe ngokuzenzakalelayo ukuhlolwa kwemali engenayo yasekhaya kanye nobuzwe. Ukuze kuqiniswe ukuvimbela ukukhwabanisa, kuye kwethulwa uhlelo lokuthatha izithupha kanye nokuhlonza siqu.
3.3. Ngaphezu kwalokho, i-NSFAS izoba namandla ngokuphelele esikhungweni ngasinye semfundo ephakeme ngesikhathi sokubhalisa ukusiza izikhungo nabafundi ngezinselele ezihlobene noxhasomali.
3.4. Kuzosungulwa ikomidi elizokwakhiwa ngabameleli abavela kuMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa, i-NSFAS, izikhungo zemfundo ephakeme kanye nezinhlangano zabafundi. Leli komidi lizohlangana masonto onke ukuhlola izinselele kanye nalapho kudingeka khona ukungenelela.
3.5. Ngaphezu kwalokho, i-NSFAS ibuyekeze inqubo yayo yokuxhumana ukuqinisekisa ukuthi abafundi bathola ulwazi ngokushesha nge-inthanethi, ngocingo nangomuntu siqu.
4. Ukusimama KweSikhwama Sikazwelonke Soxhasomali Lwabafundi (i-NSFAS)
4.1 IKhabhinethi lithole umbiko ngesimo soxhasomali lwabafundi kanye nokusimama kweSikhwama Sikazwelonke Soxhasomali Lwabafundi (i-NSFAS). IKhabhinethi lamukele izinselele zohlelokusebenza eziye zaphazamisa ukusimama nokusebenza ngokuthembeka kwalesi sikhwama futhi yagunyaza ukuqaliswa kwezinyathelo eziphuthumayo zokuletha uzinzo, okuhlanganisa nokuqinisa izinhlelo zokuphatha kanye nezinhlelo ze-ICT, kanye nokuthuthukisa izindlela zokwaba imali.
4.2 IKhabhinethi liphinde lamukela inqubekela-phambili ekuxoxisaneni nababambiqhaza ababalulekile kuhulumeni, ezikhungweni zemfundo ephakeme, izinhlangano zabafundi, kanye nabasebenzi. Livumile ukuthi indlela entsha yokuxhasa abafundi eqhubekayo kumele iqedwe ekuqaleni kowezi-2026, kugxilwe ekubhekeni ukusebenza kwesikhathi eside, ukwesekwa okuhlukile kwabafundi baseyunivesithi kanye nabase-TVET, kanye nokusebenza kahle okuthuthukisiwe kwizinqubo zokufaka izicelo, ukwabiwa kwezimali kanye nezikhalazo. IKhabhinethi lizibonile izinqubomgomo eziningana kanye nezikhungo okusacutshungulwa ngazo futhi yaqinisekisa ukubaluleka koxhasomali lukahulumeni ekuthuthukiseni ukufinyelela okulinganayo emfundweni nasekuqeqeshweni kwangemva kwesikole.
5. Uhlelo Lokubambisana Lokukhulisa Ezokuvakasha (i-TGPP) lwezi-2025 – 2030: Ukuqhuba ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu kanye nokusungulwa kwemisebenzi
5.1. IKhabhinethi laziswe kafushane nge-TGPP 2025 – 2030, ecacisa ngohlaka lweminyaka emihlanu lokusheshisa ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, okusimeme okuholwa ezokuvakasha. Lolu hlelo lusebenzisa ukubambisana kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, umkhakha ozimele kanye nezomphakathi ukuze kuthuthukiswe ukufika kwamanye amazwe kanye nezokuvakasha zasekhaya, ukuhlukana kwemikhiqizo, ukusungulwa kwemisebenzi, kuqiniswe ukusimama nokuqinisekisa izinzuzo zomphakathi.
5.2. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi i-TGPP icacisa izinhloso ezinhlanu zamasu, izinhlelo eziyisithupha ezibalulekile kanye nohlelo lokuqalisa ukusebenza olunama-KPIs alinganisekayo, olusekelwa utshalomali oluhlukaniswe ngezigaba kanye nemithombo eminingi yoxhasomali.
5.3. IKhabhinethi liphinde lakuphawula ukuthi ukukhula kwezokuvakasha sekudlule kakade izilinganizo ezibekiwe zowezi-2030, okuhlanganisa ukudlula kwezibalo zezokuvakasha zangaphambi kobhubhane, imisebenzi esunguliwe (kugxilwe entsheni nakwabesifazane), futhi kugxile ekuthuthukiseni ukuthi nemalingena ezindaweni zasemakhaya, ukuthuthukisa ingqalasizinda kanye nokubandakanya imisebenzi ehambisana nesimo sezulu.
3.2. Ingqungquthela Yomhlaba Yezintatheli Zesayensi Ye-13 (i-WCSJ)
3.2.1. IKhabhinethi likuqaphelile futhi lakwemukela ukusingathwa ngempumelelo kweNgqungquthela Yomhlaba Yezintatheli Zesayensi Ye-13 (i-WCSJ), eyenzeka kusukela mhla lu-1 kuya kumhla ziyisi-5 kuZibandlela 2025 ePitoli. Ingqungquthela ebizwe ngokubambisana nguMnyango Wezesayensi, Ubuchwepheshe Nokusungula Izinto Ezintsha (i-DSTI) kanye noMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nezimboni (i-CSIR), igcizelele indima ebalulekile yobuntatheli besayensi ekubhekaneni nokungalingani komhlaba wonke kanye nokuqinisa ukuzethemba komphakathi kwisayensi.
3.2.2. Ingqungquthela iveze imiphumela ebalulekile, okuhlanganisa nokuzibophezela ekuthuthukiseni ubuntatheli obunezimiso zokuziphatha, ukuthuthukisa ukwakhiwa kwamandla kwesifunda, ukukhuthaza ukusungula izinto ezintsha kwezobuchwepheshe kanye nokukhuthaza ubuholi base-Afrika kwezokusebenza kwesayensi.
E. Imicimbi Ezayo
1. Inyanga Yokubuyisana
1.1. INingizimu Afrika izogubha iNyanga Yokubuyisana kuyo yonke inyanga kaZibandlela, okuzoholela ekugubheni uSuku Lukazwelonke Lokubuyisana mhla ziyi-16 kuZibandlela 2025 oluzobanjelwa kwiSigcinamagugu saseNcome eNquthu, KwaZulu-Natali.
1.2. Isikhumbuzo sakulo nyaka sizogujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Kusukela Emlandweni Ohlanganyelwe Kuya Ekusaseni Elihlanganyelwe Ngezindlela Ezintsha Nokusungula Izinto Ezintsha”, kanti uSuku Lukazwelonke Lokubuyisana lwezi-2025 luzogujwa ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukuqinisekisa Ukubuyisana Kwezizukulwane Ezizayo”.
1.3. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bakhele phezu kwezisekelo ezibekwe eminyakeni engamashumi amathathu yentando yeningi labantu ngokuqeqesha intsha, ukweseka amabhizinisi endawo abandakanya wonke umuntu kanye nokuhlanganyela engxoxweni evulelekile nethembekile ekhuthaza ukuqonda kanye nenhloso eyodwa.
1.4. INyanga Yokubuyisana isebenza njengesikhumbuzo esibalulekile sokuthi inkululeko kanye nentando yeningi labantu esikujabulelayo namuhla bekungekho mahhala, kuxhumene ngqo futhi kwakhiwe umlando waseNingizimu Afrika wokungabi nabulungisa nokungalingani, nokho, ikusasa elihlanganyelwe lezwe lincike emizamweni ehlanganyelwe yokwelapheka, ukuhlanganisa kanye nokwenza izinto ezintsha ndawonye.
F. Imiyalezo
1. Isexwayiso Ngezimo Zezulu Ezimbi
1.1. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqaphele kakhulu ngesikhathi sezimo zezulu ezimbi, okuhlanganisa nezimvula ezinkulu, iziphepho kanye nezichotho ezindaweni ezahlukene zezwe. Ulwazi lwesimo sezulu oluthembekile lungatholakala kwisizindalwazi seSouth African Weather Service: www.weathersa.co.za
2. Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kubangani nezihlobo zalaba abalandelayo:
i. OwayenguKhomishana we-SARS uMnu. Oupa Magashula, owahola ukuqoqwa kwemali engenayo ngesikhathi sokwehla komnotho womhlaba wonke ngowezi-2008 okwakunzima. Emsebenzini wakhe wokuqala, uKhomishana Magashula wasebenza njengelungu lenyunyana yabasebenzi ngaphambi kokusebenzela amabhizinisi nokwathi kamuva wasebenzela uhulumeni.
ii. IJaji uLeonora van den Heever, owesifazane wokuqala ukusebenza njengejaji eNingizimu Afrika. Umsebenzi wakhe wavula iminyango yezizukulwane zabesifazane kwezomthetho futhi uhlala uyisibonelo sangunaphakade sobungcweti kwezomthetho.
iii. UMnu. Sunny Singh, omunye wabalweli benkululeko abazinikele kakhulu eNingizimu Afrika, owadonsa isigwebo seminyaka eyi-10 eRobben Island. Ufake igalelo elikhulu ekuthuthukisweni kwentsha futhi wadlala indima ebalulekile ekuletheni uguquko kwezepolitiki eNingizimu Afrika ngesikhathi sokufika kwentando yeningi labantu.
iv. UMnu. Dennis Pather, intatheli ehlonishwayo yaseNingizimu Afrika, umbhali kanye nomhleli wangaphambilini wezincwadi eziningana ezihamba phambili okuhlanganisa neDaily News. Igalelo lakhe ekwakheni umkhakha wabezindaba eNingizimu Afrika uzokhunjulwa ngenhlonipho enkulu.
v. UDkt. Jennifer Glennie, owayengummeli wobulungiswa bezenhlalo futhi wfaka igalelo elingenakulinganiswa ekufinyeleleni ngokulinganayo kwezemfundo kubo bonke abantu kanye nokuguqulwa komphakathi. Uphinde waba negalelo elikhulu ekwakheni nasekuqiniseni inqubomgomo yemfundo ephakeme kanye nokuphatha ezweni lethu ngemisebenzi yakhe njengeLungu Lomkhandlu Wemfundo Ephakeme (i-CHE), iLungu loMkhandlu Weforamu Yoguquko eNyuvesi yaseNingizimu Afrika (i-UNISA) kanye neLungu loMkhandlu weNyuvesi yaseSol Plaatjie.
vi. UFranklin Abraham Sonn, uthisha, inxusa kanye nosomabhizinisi owadlala indima ebalulekile ekuguqukeni kwezwe lisuka obandlululweni kuya entandweni yeningi labantu. Wayeyinxusa lokuqala laseNingizimu Afrika eMelika ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi labantu, wasebenza kusukela ngowe-1995 kuya kowe-1999.
3. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
i. Amabhokobhoko ngokunqoba i-Ireland kuQuilter Nations Series 2025, nangokunganqotshwa kulo lonke uchungechunge lwemidlalo. Amabhokobhoko aphinde aphetha isizini yemidlalo yeCastle Lager Outgoing Tour yowezi-2025 ngokunqoba iWales ngama-73-0 eCardiff, enganqotshwanga unyaka wesibili ilandelana.
ii. AmaProteas ngokoqopha umlando ngokunqoba kwawo kokuqala kweTest Series eNdiya eminyakeni engama-25. Le mpumelelo iqinisekise indawo yeNingizimu Afrika ku-ICC World Test Championship yezi-2025 - 27, lapho abanqobi abavikela isicoco njengamanje bethatha indawo yesibili.
iii. Ibanga likaMatikuletsheni lowezi-2025 ngokuqeda ngempumelelo izivivinyo zabo zokugcina. IKhabhinethi libonga umsebenzi onzima owenziwe uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ekuhlinzekeni izivivinyo ngaphandle kwezehlakalo ezinkulu. Ukumaka sekuqalile ngokusemthethweni kuzo zonke izikhungo ezikhethiwe, njengoba kuqokwe abamakayo abangaphezu kwezi-52 000 kuzwelonke.
iv. I-CSIR ngokugubha iminyaka engama-80 yayo ngomhla wesi-5 kuMfumfu 2025. Sekuyiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, i-CSIR ilokhu ihamba phambili ekusungulweni kwesayensi nobuchwepheshe, ikhipha amalayisense obuchwepheshe kuleli nakwamanye amazwe futhi iletha izixazululo eziqinise ukuthuthukiswa kombuso onekhono. Lokhu kufaka phakathi imishini yokuphefumula eyasindisa izimpilo ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19, izitifiketi zokugoma ezivumela ukuhambela amanye amazwe kanye namakhadi omazisi esimanje asungulwa ngokubambisana noMnyango Wezasekhaya, phakathi kwezinye izinto.
v. Ukukhethwa kabusha kweNingizimu Afrika kuMkhandlu we-International Maritime Organisation (i-IMO), okuvale igebe leminyaka emine kusukela ngowezi-2021. Ukukhethwa kabusha kwenzeke emhlanganweni wama-34 we-IMO Assembly eLondon ngomhla wama-28 kuLwezi 2025, okubeka iNingizimu Afrika ngaphansi kweSigaba C sesikhathi sowezi-2026 - 2027. Lesi sigaba sihlanganisa amazwe anentshisekelo ethile kwezokuthutha olwandle noma ukuzungeza, okuqinisekisa ukumelwa okulinganisiwe kwazo zonke izifunda ezinkulu zomhlaba wonke. INingizimu Afrika izosebenzisa lesi sikhundla ukukhuthaza umbono owakhayo wase-Afrika ekuphathweni kolwandle emhlabeni jikelele.
vi. Iqembu Lebhola i-Orlando Pirates ngokunqoba iCarling Black Label Cup yezi-2025. Amandla ebhola lasekhaya anegalelo elikhulu ekukhuleni kwamandla eqembu lebhola likazwelonke iBafana Bafana elizomela iNingizimu Afrika kwiNdebe Yomhlaba Yebhola Likanobhutshuzwayo ngowezi-2026.
4. Ukubeka Phambili Ezokuphepha, Umsebenzi Wethu Sonke Kulesi Sikhathi Samaholide
4.1. IKhabhinethi lifisela bonke abantu baseNingizimu Afrika isikhathi samaholide esijabulisayo esigcwele uthando, ukuthula kanye nemibungazo ephephile nomndeni nabathandiweyo kanye namalungu amaKhristu uKhisimusi omuhle. IKhabhinethi liphinde licela umphakathi ukuthi ubeke phambili ukuphepha emigwaqeni, emiphakathini, ezindaweni zomphakathi kanye nemicimbi kulesi sikhathi semibungazo.
4.2. UMnyango Wezokuthutha (i-DOT) wethule Isu Elisha Lokuphepha Ngesikhathi Samaholide ukuvikela abashayeli, abahamba ngezinyawo kanye nabagibeli. Amaphoyisa omgwaqo kazwelonke angamakhulu ayisishiyagalombili, ngokusizwa ezinye izikhungo ezahlukene zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, azotshalwa ngesikhathi samaholide ukuqapha ukuthotshelwa kwemithetho yomgwaqo nokugcina ukuphepha. Amanye amaphoyisa amasha aqeda kuqeqeshwa angama-558 azotshalwa ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi kulesi sikhathi esimatasatasa.
4.3. Abasebenza umgwaqo bayakhunjuzwa ukuthi bathobele imithetho yomgwaqo, babambisane namaphoyisa uma kunezivimbamgwaqo futhi bagweme ukuziphatha budedengu, okuhlanganisa ukuphuza utshwala ushayela, ukusebenzisa izidakamizwa ezidunga ingqondo, ukushayela ngesivinini esikhulu nokusebenzisa omakhalekhukhwini ngesikhathi beshayela.
4.4. Abazali, abanakekeli kanye nabaqaphi bezingane bakhuthazwa ukuqinisekisa ukuthi izingane zihlala ziqashiwe futhi zivikelekile ezimweni eziyingozi. Uma uhamba, qiniseka ukuthi amabhande esihlalo aboshwe kahle futhi ezindaweni zomphakathi, qapha ngeso lokhozi izingane ukuze ugweme izingozi noma izigameko zokulahleka noma ukulahleka kwezingane.
4.5. Umphakathi uyaxwayiswa futhi ukuthi uhlale uqaphe labo abakhwabanisayo nabakhohlisayo, abavame ukusebenzisa kabi isikhathi samaholide ukuze bahlasele abantu abangazelele. Bika noma yiziphi izenzo zokukhwabanisa emaphoyiseni noma ezikhulwini ezifanele ngokushesha.
4.6. IKhabhinethi likhumbuza wonke umuntu ukuthi ukuphepha kulijoka lethu sonke. Sonke masibambisane ukugwema izingozi zomgwaqo, ukulimala kanye nokufa kulesi sikhathi esimatasatasa.
Sikufisela amaholide anentokozo nonyaka omusha onenjabulo
Imibuzo:
Mnu. Sathasivan Vandayar (iBamba likaSomlomo kaHulumeni)
Umakhalekhukhwini: 082 444 9092

