Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyisi-9 Ntulikazi 2014

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi ikhumbuza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahloniphe futhi bakhumbule uMongameli wethu waphambilini u-Nelson Mandela ngale Nyanga kaMandela ngokuthi babambe iqhaza ngomdlandla eMkhankasweni othi “Hlanza iNingizimu Afrika”. Ngosuku luka-Nelson Mandela mhla ziyi-18 kuNtulikazi futhi ikakhulu ngale nyanga yonkana abantu kumele basebenzise okungenani imizuzu engama-67 esikhathini sabo ukuhlanza iNingizimu Afrika kulandela ikhwelo elashaywa nguMongameli Jacob Zuma eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe. UMongameli Waphambilini u-Nelson Mandela wasifundisa ukuthi nanoma yimuphi umuntu angaba negalelo elihle emphakathini wakhe. Sonke sinomsebenzi osemahlombe ethu wokuhlonipha nokukhumbula impilo yakhe ngokuthi sihlanze, siphucule futhi sihlobise imiphakathi yethu, siyenze ibukeke kahle.

1.2. IKhabhinethi iyalwamukela uhlelo olukhulukazi lweNhlangano yabakhweli beZitimela zeNingizimu Afrika (PRASA) lokuvuselelwa kwezitimela. Njengengxenye yalolu hlelo, uNgqongqoshe Wezokuthutha wethula umfanekiso wokugcina wesitimela se-PRASA esithwala abagibeli, esisha ceke, okungesesimanjemanje futhi esiphephile esinobuxhakaxhaka bezobuchwepheshe bukanokusho obuhlinzekwa yimboni yezitimela emhlabeni wonke jikelele esikhathini samanje. Lesi ngesinye sezigameko ezikhethekile eziyingqophamlando esikhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekwakheni ingqalasizinda egqugquzela ukukhula komnotho kanye nokusekela uhlelo lokuthengwa kwezimpahla ezakhiwe ngaphakathi kuleli lizwe. Isitimela sokuqala se-PRASA kulindeleke ukuthi siqale ukusebenza ngowezi-2015. Ukwenziwa kohlelo lwezitimela lube ngolwesimanjemanje kuzophucula futhi kuvuselele uhlelo lokuthuthwa kwabantu ngezitimela emalokishini nasemadolobheni – ‘okuyinto ezoletha uguquko olukhulu kwezokuthuthwa komphakathi eNingizimu Afrika’. I-PRASA izosebenzisa imali eyizigidigidi ezingama-R51 kule minyaka eyi-10 ezayo ukuthenga nokwakhela abantu baseNingizimu Afrika izitimela zikanokusho ezingama-600 zezinga eliphezulu. Kulezi zitimela, zingama-580 ezizokwakhiwa eNingizimu Afrika efemini entsha ezosungulwa e-Dunnotar ngaphandle kwase-Nigel, Ekurhuleni, ezodla imali eyisigidigidi samarandi. Lesi sikhungo sokukhiqiza esinobukhulu obungama-600 000 m2 sizoba nefemu yezokukhiqiza, isikhungo sokuqeqesha kanye nesizinda esiphelele sezimboni. Lo mklamo uzovula amathuba emisebenzi ayizi-8 088 kubantu abazosebenza ngqo ngaphansi kwawo, okuyingxenye yamathuba emisebenzi ayizi-33 000 kubantu abazosebenza ngqo ngaphansi kwalo mklamo kanye nabanye abazosebenza ngaphansi kwezinye izinhlelo ezeseka lo mklamo esikhathini esiyiminyaka eyi-10, futhi lokhu kulingana nomsebenzi ongama-65% ozokwenziwa ngabantu bakuleli lizwe kulo mklamo. Ngenkathi kuqhubeka lo mklamo i-PRASA izoqeqesha abantu abayizi-19 527 (onjiniyela, abasebenzi abaqeqeshelwe imikhakha ehlukahlukene ngaphansi komsebenzi wokwakhiwa kwezitimela, abashayeli bezitimela, kanye nabasebenzi bezobuchwepheshe, phakathi kwabanye abaningi). Uhlelo Lokuvuselelwa Kwezitimela, alugcini nje kuphela ngokuthengwa nokwakhiwa kwezitimela, kodwa futhi luphathelene nezinsika ezintathu ezizobuyisa udumo lwale mboni lwesikhathi esedlule, luvuselele umkhakha wethu wezobunjiniyela bezitimela futhi lufake isandla ekuthuthukisweni komnotho kanye nasohlelweni lokuthengwa nokukhiqizwa kwempahla ngaphakathi kuleli lizwe ukuze kuhlomule abantu bakuleli.

1.3. IKhabinethi iyakwemukela ukwethulwa kwefemu eyakha izimoto i-First   Automotive Works (FAW) South Africa esungulwe kwiSizinda Sezimboni (IDZ) sase-COEGA okwenziwe nguMomgameli Jacob Zuma namhlanje kuMasipala Wedolobha i-Nelson Mandela Bay, eBhayi, esifundazweni saseMpumalanga Kapa. Le femu eyakha izimoto ezingamaloli esungulwe ngemali eyizigidi ezingama-R600, etholakala kwiSizinda 2 se-COEGA IDZ ixhaswe ngezimali ngokubambisana phakathi kwenkampani yase-China i-FAW Group Corporation kanye neSikhwama Sentuthuko se-China namazwe ase-Afrika. Lona ngomunye wemiklamo emikhulukazi yokutshalwa kwezimali eyenziwe yinkampani yase-China. Le femu izoba negalelo elikhulu kwizinjongo zikazwelonke zokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho ngokulayela koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (NDP), noMgudu Omusha Wokuthuthukiswa Komnotho kanye noHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni. Imihlomulo ezotholwa yi-Nelson Mandela Bay kanye nesifunda saseMpumalanga Kapa sonkana ibandakanya ukutshalwa kwezimali ezivela kwamanye amazwe okuzovula amathuba emisebenzi asimeme futhi kuhlinzeke ngamathuba okuthuthukiswa kwamakhono nokuqeqeshwa.

1.4. IKhabhinethi isigxeka kakhulu futhi isihlava sokwebiwa kwamakhebuli kagesi emizileni yezitimela, nasezikhungweni zengqalasizinda kagesi kanye nezikamasipala.  Ukuntshontshwa kwamakhebuli kuphazamisa ukuqhubeka komnotho waleli lizwe futhi kwezinye izimo kubeka izimpilo zabantu engozini. Izikhungo eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho zizoqinisekisa ukuthi labo ababoshiwe babhekana nengalo yomthetho ngokuphelele. IKhabhinethi iyaphinda futhi iyagcizelela ukuthi izobhekana ngqo nezinkampani eziqoqa izinsimbi ezingamasekeni eziphila ngalobu bugebengu futhi ezibubhebhethekisayo. Imiphakathi iyanxuswa ukuthi isebenzisane nohulumeni ngokuthi ibike lobu bugebengu eMbuthweni Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.

1.5. IKhabhinethi ikhuthaza abakhokhi bentela ukuthi bathumele amafomu abo entela ngalesi sikhathi sokuqoqwa kwentela sowezi-2014, esiqale mhla lu-1 Ntulikazi 2014. Intela yenza ukuthi uhulumeni akwazi ukuxhasa ngezimali izinhlelo zentuthuko zaleli lizwe. Wonke umkhokhi wentela othumela ifomu lentela elinemininingwane eyiqiniso ngesikhathi esibekiwe udlala indima yakhe ekuqhubekiseleni iNingizimu Afrika phambili. 

1.6. IKhabhinethi iyakwamukela ukusayindwa kweSichibiyelo Somthetho Wokubuyiselwa Kwamalungelo Ezomhlaba nguMongameli Jacob Zuma, okuyisiqalo sokuvulwa kabusha kohlelo lokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba olwenzelwe labo abangakwazanga ukufaka izicelo zabo ngaphambi komnqamulajuqu wesikhathi esedlule futhi lokhu kuhlinzeka abafakizicelo ngelinye ithuba leminyaka emihlanu lokufaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba. Nakuba zilinganiselwa kwizi-80 000 izicelo zokubuyiselwa umhlaba ezafakwa ngaphambi komnqamulajuqu wonyaka we-1998, kucatshangwa ukuthi kungenzeka ziliphindaphinde kahlanu leli nani izicelo ezifanelekile zokubuyiselwa umhlaba uma abantu abasuswa ngenkani emhlabeni wabo ngesikhathi sobandlululo bengafaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba wabo. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bawuhlabe bawulawule umlayezo wokuphasiswa kwalo mthetho ukuze kuqinisekiswe ukuthi labo abayizisulu zokuphucwa umhlaba, abangakwazanga ukufaka izicelo zabo ngaphambi komnqamulajuqu wonyaka we-1998, bafake izicelo zabo zokubuyiselwa umhlaba kusukela mhla lu-1 Ntulikazi 2014 kuya mhla zingama-30 Nhlangulana 2019.

1.7. IKhabhinethi ihalalisela  i-Square Kilometre Array (SKA) exhaswe yiNingizimu Afrika ngezimali ngocwaningo lwabo abalwenzile lapho bethole khona ukuthi emkhathini kunezinhlelo zemigodi emikhulukazi emithathu emnyama. Lokhu kuwubufakazi obuqanda ikhanda bokuba khona komkhakha onohlonze eNingizimu Afrika wezesayensi yomkhathi yokuqoqwa kolwazi ngegagasi lomoya, futhi lomkhakha uthuthuka ngesivinini esikhulu . Lokhu okutholwe kulolu cwaningo kuyakhombisa futhi ukuthi iNingizimu Afrika inalo ikhono kanye nobuchwepheshe bezesayensi obungayenza ibe yisikhondlakhondla emhlabeni emkhakheni wezesayensi yomkhathi yokuqoqwa kolwazi ngegagasi lomoya. Lolu cwaningo olwamukelwe ngamazwe omhlaba jikelele luyisikhumbuzo samathuba ayingqayizivele ahlinzekwe iNingizimu Afrika ngenxa yesicelo sethu esaba yimpumelelo, ukuze kwakhiwe futhi kuthuthukiswe amakhono akuleli lizwe ngokuthi kugqugquzelwe intsha yelizwe lethu ukuthi ibe nothando nentshisekelo kwezesayensi nobunjiniyela. Futhi kuhlinzeka leli lizwe ngesisekelo sokuqaliswa kokukhiqizwa kososayensi abazofaka isandla ekufezekisweni kweNhloso-mbono yowezi-2030 ye-NDP. Lokhu okutholwe kulolu cwaningo kuyisiqalo sezinto eziningi ezisazotholakala ngenkathi kuqhubeka ucwaningo oluzokwenziwa ngosizo lwesibonakude i-SKA. Futhi isicelo sethu esibe yimpumelelo sesivule amathuba amaningi kuleli lizwe, ikakhulu izinkulungwane zamathuba emisebenzi emkhakheni wezokwakha, nowokuqhutshwa komsebenzi owenziwayo kanye nowezokulungisa eNyakatho Kapa lapho kwakhiwa khona ingxenye enkulu yesibonakude se-SKA.

1.8. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubantu abasha lokuthi kumele bazifake njengamanje izicelo zokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme kulandela umkhankaso woMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha onesihloko esithi Faka Isicelo Njengamanje!. Kulo mkhankaso abafundi bahlinzekwa ngolwazi olufanelekile oluzobasiza ukuthi bakwazi ukuthatha izinqumo ngomsebenzi abazowufundela, sebenolwazi lwemisebenzi enhlobonhlobo futhi ukuze bafake izicelo kusenesikhathi. Lokhu kuzogwema nengcindezi abafundi ababhekana nayo ekuqaleni konyaka.  Bayakhunjuzwa futhi abafundi ukuthi basebenzise Isikimu Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali, oluhlinzeka usizo lwezimali kubafundi abathole imiphumela emihle kepha abangenayo imali yokuqhubeka nemfundo yabo.

1.9. IKhabhinethi iyayamukela imiphumela yoMhlangano Ojwayelekile wama-23 Wesigungu Senhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (iNgqungquthela yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika ) obanjwe esikhathini esifushane esedlule ngaphansi kwengqikithi ethi: "Unyaka wezi-2014 Ngunyaka Wezolimo Nokutholakala Kokudla Okwanele e-Afrika" lapho uMongameli Jacob Zuma abe ehola khona ithimba lezithunywa ezisezingeni eliphezulu. Okuphawulekayo ngale Ngqungquthela yizinqumo ezathathwa eziphathelene nezindaba ezibalulekile mayelana nentuthuko, uxolo nokuvikeleka, ukuguquka kwesimo sezulu kanye nokugqugquzelwa nokuhlanganiswa kwezinsiza kanjalo nokuphothulwa koHlaka Lwezwekazi lwe-Ajenda yowezi-2063, njengengxenye yenhloso-mbono ye-Afrika kule minyaka engama-50 ezayo kanye noKuvumelana Kwamazwe ase-Afrika ngeSimo Esifanayo Se-ajenda Yentuthuko Ezolandelwa Emva kowezi-2015.

1.10. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nakubangani bePhini likaMongameli Wophiko lukaKhongolose Lwabesifazane futhi owabe enguSotswebhu Omkhulu waphambilini kaKhongolose eMkhandlwini Kazwelonke Wezifundazwe, uNksz. Nosipho Dorothy Ntwanambi. Ukudlula kwakhe emhlabeni kushiye isikhala esikhulu emzabalazweni oqhubekayo wokulwela umphakathi ongachemile futhi ogcizelela ukuphathwa kwabantu ngendlela efanayo lapho zonke izakhamuzi zithokozela izinkululeko, amalungelo kanye namathuba ngokulinganayo.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi yahlinzekwa ngamanqampunqampu aphathelene neMiphumela Yomhlangano we-11 Wengqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza (COP 11) ngaphansi kweSivumelwano Senhlangano Yezizwe Sokulwisana Nokucekelwa Phansi Kwezitshalo Okuholela Ekutheni Umhlaba Uphenduke Ugwadule (UNCCD), eyabe ibanjwe mhla ziyi-16 kuya kumhla zingama-27 Mandulo 2013 e-Windhoek, kwelase-Namibia. Le ngqungquthela yabe igxile ikakhulu ezindabeni zamazwe ngamazwe eziphathelene nesimo semvelo esingenawo umswakama noma esinomswakama omncane noma esomile esingenawo umswakama owanele. Ezinye zezinqumo okwavunyelwana ngazo kule Ngqungquthela wukuphucula ikhono lokusebenza kanye nokusebenza ngendlela efanele kwezinhlaka ezihola imisebenzi eyenziwayo eziFundeni nokuthi iziMpiko ezihola imisebenzi eyenziwayo eziFundeni zenze umsebenzi wazo ngendlela efanele. Ingqungquthela yavumelana futhi ngokuthi kususwe iziNhlaka Zamazwe Omhlaba ngaphansi kweSikhwama Samazwe Ngamazwe Sentuthuko Yezolimo esise-Rome zithunyelwe edolobheni lase-Bonn lapho zonke zizofakwa khona ngaphansi kwehhovisi likanobhala we-UNCCD. Lezi zinqumo zizosekela ukuqiniswa kwekhono lokubhekana nezinselelo eziphathelene nokucekelwa phansi kwezitshalo okuholela ekutheni umhlaba uphenduke ugwadule kuleli zwekazi.

2.2. IKhabhinethi yakwamukela ukusayinda kweNingizimu Afrika iSichibiyelo Sokuvinjelwa Kwemfucuza Enobungozi ngaphansi kweSivumelwano sase-Basel Sokulawulwa Kokuphuma Nokungena Kwemfucuza Enobungozi Emingceleni Yamazwe Ngamazwe kanye Nokulahlwa Kwayo. Isivumelwano sase-Basel yisivumelwano samazwe ngamazwe esilawula ukuphuma nokungena kwemfucuza enobungozi emingceleni yamazwe ngamazwe. Nakuba Isichibiyelo Sesivumelwano Sase-Basel Sokuvimbela Imfucuza Enobungozi senzelwe ukuvikela amazwe asathuthuka ekwamukeleni imfucuza enobungozi evela emazweni asethuthukile. Ukusayindwa kwalesi Sivumelwano Sokuvimbela Imfucuza Enobungozi kuzoqinisekisa ukuvikeleka kwempilo yabantu nemvelo ukuze kuhlomule nezizukulwane zangomuso, futhi ukuze ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho kugqugquzelwe ngendlela esimeme. Lokhu kuzoba negalelo elikhulu ekunciphiseni izinkinga zokulahlwa kwemfucuza enobungozi kwizwekazi lase-Afrika.

3. Imicimbi ezayo

3.1. UMongameli Jacob Zuma, uzohola ithimba eliyomela iNingizimu Afrika kwiNgqungquthela yesithupha yombimbi lwe-Brazil, Russia, India, China, South Africa (BRICS), ezosingathwa yilizwe lase-Brazil mhla ziyi 15-16 Ntulikazi 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: “BRICS: Ukukhula Komnotho Okubandakanya Umuntu Wonke, Izixazululo Ezisimeme". Ngenkathi iNingizimu Afrika ibambe  njengoSihlalo we-BRICS, kunenqubekela phambili enkulu eyenziwa ekuqiniseni izinhlaka nezinhlelo ezintsha ze-BRICS ezethulwa kwiNgqungquthela Yesihlanu ye-BRICS, okusho, uMkhandlu we-BRICS Wezebhizinisi kanye noMkhandlu Wongoti Nochwepheshe Abahlinzeka Ngezeluleko, futhi kuzokwethulwa imibiko kubaHoli be-BRICS mayelana nomsebenzi owenziwe yilezi zinhlaka.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika sewuluqalise ngokuphelele uHlelo Lokusebenza Okwavunyelwana Ngalo Kwingqungquthela yaseThekwini, olwamukelwa kwiNgqungquthela ye-BRICS yokugcina eyabe ibanjelwe edolobheni laseThekwini, eNingizimu Afrika, futhi uhulumeni uzokwethula umbiko ohambisana nokudluliswa kwamandla okuphatha ophathelene nokubambisana kwemikhakha ehlukahlukene okwenzeka ngesikhathi iNingizimu Afrika ibambe njengoSihlalo we-BRICS, futhi lo mbiko uzohlinzeka ngemininingwane yenqubekela phambili eyenziwa yiNingizimu Afrika ngenkathi inguSihlalo we-BRICS mayelana nezinqumo eziqukethwe kwiSimemezelo saseThekwini kanye Nohlelo Lokusebenza.

3.2. NgeSonto mhla ziyi-13 Ntulikazi 2014 uMnyango Wezokuthutha uzohlinzeka imiphakathi kaMasipala waseNkangala kanye noMasipala we-Dr JS Moroka ngombiko wakamuva ophathelene noMklamo Wokulungiswa Komgwaqo uMoloto kanye Nokwakhiwa Komzila Wesitimela. Umklamo Wokwakhiwa Komzila Wesitimela Kumgudu weMoloto uzoba wuhlelo lwezokuthuthwa komphakathi oludidiyelwe oluzoba nomzila wesitimela njengomgogodla wezokuthutha kanye nezinye izinhlobo zezokuthutha – ikakhulu amabhasi kanye namatekisi – azohlinzeka ngomsebenzi wokuhambisa nokulanda abantu eziteshini zesitimela futhi alekelele ukufinyelela lapho isitimela singeke sifinyelele khona. Abaholi baseMpumalanga, eGauteng kanye naseLimpopo kanye nezimeya zomasipala bezifunda nabendawo bazohlanganyela noNgqongqoshe ohambweni lwakhe lokuvakashela kuleya ndawo. Kusukela manje kuya phambili lo mklamo usuzoholwa yi-PRASA, okuwuphiko lukahulumeni olungaphansi koMnyango Wezokuthutha.

3.3. Ngeviki elizayo iminyango kahulumeni izokwethula Amavoti Ezabelomali zayo ePhalamende. ONgqongqoshe bazochaza ngokulandela inqubo yePhalamende ukuthi zime kanjani izinhlelo zabo zokusetshenziswa kwezimali ezabelwe iminyango yabo futhi babonisane nemiphakathi ehlukahlukene ngezinhlelo zabo.
3.4. IKhabhinethi ibafisela impumelelo abadlali nabasubati bethu abazobamba iqhaza emqhudelwaneni wama-Commonwealth Games, ozobanjwa kusukela mhla zingama-23 kuNtulikazi kuya kumhla zi-3 Ncwaba 2014 edolobheni lase-Glasgow, kwelase-Scotland, futhi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babaseke.

4. Abaqashiwe

4.1. IKhabhinethi yakuphawula ukuqokwa kwamalungu oMkhandlu Kazwelonke Ohlinzeka Ngezeluleko Eziphathelene Nokusungulwa Kwezinhlelo Ezintsha Kanye Nokusetshenziswa Kwazo Ngendlela Ephusile  azoba yingxenye yalo mkhandlu isikhathi esiyiminyaka emine:
a) Adv. Louisa Zondo
b) Mnu. Garth Strachan (omele i-dti)
c) Slz. Jennifer Thomson
d) Nksz. Clare Busetti
e) Nksz. Zanele Monnakgotla
f) Dkt. Azar Jammine
g) Slz. Cheryl de la Rey (uSihlalo)
h) Dkt. Andile Ngcaba
i) Nksz. Nonkululeko Nyembezi-Heita
j) Dkt. Sibusiso Sibisi
k) Slz. Olive Shisana
l) Mnu. Dhesigen Naidoo
m) Dkt. Albert Van Jaarsveld
n) Slz. Glenda Gray
o) Slz. Roseanne Diab
p) Dkt. Shadrack Moephuli
q) Mnu. Kevin Nassiep
r) Mnu. Sim Tshabalala
s) Dkt. Khotso Mokhele
t) Slz. Anton Eberhard

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore