Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyisi-6 Ncwaba 2014

1. Imigubho yeNyanga Yabesifazane/yoSuku Lukazwelonke Lwabesifazane

1.1. IKhabhinethi iyazamukela izinhlelo zemigubho yoSuku Lwabesifazane Lukazwelonke kanye nayo yonke imicimbi ehleliwe ezokwenziwa ngenkathi kuqhubeka inyanga kaNcwaba. UMongameli u-Jacob Zuma uzohola umcimbi kazwelonke ozobanjelwa eNkundleni Yezemidlalo i-King Zwelithini, elokishini laseMlazi, KwaZulu-Natali, mhla ziyisi-9 Ncwaba 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sigubha Iminyaka engama-60 yoSomqulu Wabesifazane Noweminyaka engama-20 Yenkululeko: sisonke siqhubekisela phambili iNingizimu Afrika engacwasi ngokobuhlanga nangokobulili.”

Njengengxenye yemigubho yenyanga yabesifazane, uhulumeni uzosingatha imicimbi eminingana yokuqhakambisa abesifazane abavelele emikhakheni ehlukahlukene futhi kuzoboniswa nangezinto ezinhle esizifezekisile njengelizwe. Eminye imicimbi ehleliwe ibandakanya nomcimbi wokuklomelisa abesifazane ngezindondo ezilandeleyo: IziNdondo Abesifazane Abavelele Emkhakheni Wezokwakha (14 kuNcwaba), IziNdondo Abesifazane Abavelele Emkhakheni Wezesayensi (15 kuNcwaba) IziNdondo Umlimi Wesifazane Wonyaka (22 kuNcwaba) kanye NeziNdondo Abesifazane Abavelele Emkhakheni Wezamanzi (29 kuNcwaba).

Njengengxenye yale migubho, uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu ebambisene noNgqongqoshe Bezifundazwe emhlanganweni okhethekile (i-MINMEC) owabanjwa mhla zizi-4 Ntulikazi 2014, wamukela uhlelo lokwakhiwa kwezindlu eziyi-1 956 esifundazweni ngasinye kweziyisishiyagalolunye zakuleli. Lolu hlelo lwenzelwe ukuhlonipha nokuthulela isigqoko abesifazane abashaya inhlabaluhide eqonde eZindlini Zombuso ngowe-1956 bebhikishela imithetho eyayiphoqelela abantu abamnyama ukuthi baphathe amapasi abo ngaso sonke isikhathi.

Lolu hlelo lwethulwa kokuqala mhla zizi-4 Ncwaba 2014 eLokishini laseRatanda, kuMasipala Wendawo yaseLesedi esifundazweni saseGauteng. Kuzokwakhiwa izindlu eziyizi-17 604, futhi lezi zindlu zizokwakhiwa ngabesifazane. Kulolu hlelo kuzohlomula abesifazane, nabantu abadala kanye namakhaya aphethwe yizingane njengoba lokhu kwashiwo nguNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu uLindiwe Sisulu enkulumweni yakhe yesabelomali ayethule esikhathini esifushane esedlule.

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele futhi babambe iqhaza ezinhlelweni nasemicimbini yeNyanga Yabesifazane ezobanjwa ngenkathi kuqhubeka inyanga kaNcwaba ukuze baqinisekise ukuthi ithola ukuhlonishwa okufanelekile nokuthulelwa isigqoko imisebenzi emihle eyenziwe ngabesifazane. Uhlelo lwemicimbi ezobanjwa ngeNyanga Yabesifazane Kazwelonke lungezansi.

2. Ukuqaliswa kwemiklamo esemqoka

IKhabhinethi iyayamukela futhi iyayithokozela inqubekela phambili eseyenziwe ekuqalisweni kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka, okuyisenzo esikhombisa ukuzibophezela kwethu ukuthi siqhubekisela phambili iNingizimu Afrika.

2.1. Ukuvulwa kweSikhungo Sokulungisa Kabusha Izinqola Zezitimela Zakwa-Transnet esizodla izigidi ezingama-R30 edolobheni lase-De Aar eNyakatho Kapa kuzokhuthaza ukukhula komnotho wendawo futhi kwenze ngcono nezimo zenhlalo yemiphakathi. Lo mklamo sewuvule amathuba emisebenzi eqondile ayi-100 futhi kulindeleke ukuthi kuvuleke amanye amathuba emisebenzi angama-300.

Isikhungo Sokulungisa Kabusha Izinqola Zesitimela siyingxenye yohlelo lwengqalasizinda lwenkampani yakwa-Transnet oluzodla imali eyizigidigidi ezingama-R300 ngenhloso yokuvuselela umkhakha wakuleli wezezitimela, nowamapayipi okuthutha igesi nophethiloli kanye nowamachweba, futhi lolu hlelo luzovula amathuba emisebenzi amasha ayizi-588 000. Abantu abasha bakule ndawo nabo bazohlomula kakhulu njengoba kuzokwakhiwa neSizinda Sokuthuthukiswa Kwentsha Emikhakheni Ehlukahlukene. Lo mklamo uzoba yingxenye yemiklamo eminingana kahulumeni yokwakhiwa kwengqalasizinda eholwa yiKhomishana KaMongameli Yokuqondisa Ingqalasizinda (i-PICC).

2.2. Njengengxenye yombhidlango nomkhankaso wokwelulwa nokwandiswa kwekhono lokwenza umsebenzi lemboni yezokukhiqiza yaseNingizimu Afrika, kanye nokwandisa isibalo sezimboni ezisungulwayo kuleli futhi kuvulwe namathuba emisebenzi adingeka kakhulu, kwethulwe isikhungo esakhiwe ngemali eyizigidi ezingama-R80 edolobheni lase-Epping eKapa. Lesi sikhungo esikhiqiza amaphaneli kagesi welanga esizophehla ugesi ongamamegawathi ayi-120 sivulwe  ngokusemthethweni mhla ziyisi-6 Ncwaba 2014 yinkampani yakwa-Jinko Solar, okuyinkampani yase-China esebenza emazweni amaningi emhlabeni jikelele.

Lokhu kuyingxenye yokuqaliswa koHlelo Lwabakhiqizi Abazimele Bagesi Ovuselelekayo BaseNingizimu Afrika (i-REIPPP). Kulindeleke ukuthi lesi sikhungo sikhiqize amaphaneli kagesi welanga ayi-1 300 ngosuku, futhi kulindeleke ukuthi singenise imali eyizigidi ezingama-R600 ngonyaka. Kusukela ekusungulweni kwalolu hlelo kuze kube manje, abakwa-Jinko Solar sebekhiqize amaphaneli kagesi welanga aphehle ugesi owevile kumamegawathi angama-300, futhi lokhu kulinganiselwa kuma-30% kagesi ophehlwa kulo mkhakha.

Lefemu, okuyifemu entsha kunazozonke uma kuqhathaniswa namafemu ohlobo olufanayo kuleli zwekazi futhi ewadlula wonke ngokuba nobuxhakaxhaka besimanjemanje,  kulindeleke ukuthi ibe isikhiqize ugesi ongamamegawathi ayi-120 uma kuphela lo nyaka. Lokhu kuyingxenye yombhidlango nomkhankaso kahulumeni wokwelula nokwandisa ikhono lokwenza umsebenzi lemboni yezokukhiqiza yaseNingizimu Afrika, kanye nokwandisa isibalo sezimboni ezisungulwayo kuleli futhi kuvulwe namathuba emisebenzi adingeka kakhulu edolobheni lase-Epping.

Umnotho Obhekelela Imvelo uhlonzwe wuHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezezimboni njengomkhakha osemqoka kakhulu okumele kugxilwe kuwona futhi uhlinzeka ngamathuba abalulekile okuvulwa kwemisebenzi, nokukhiqizwa kwezimpahla kulelizwe ukuze kuhlomule abantu bendawo futhi kukhuliswe nomnotho.

2.3. IKhabhinethi iyakujabulela ukwethulwa Kwesikhungo Sobuqabavu Sikagesi Ovuselelekayo  edolobheni lase-Upington, eNyakatho Kapa, futhi lo mklamo ungomunye wemiklamo kahulumeni eyisibonelo sokuthi uhulumeni uzibophezele ekuqhubekiseleni iNingizimu Afrika phambili. Lesi sikhungo siwumphumela wokubambisana okunohlonze phakathi kwezifundiswa, abamabhizinisi azimele, kanye nohulumeni emkhakheni kagesi ovuselelekayo. Lesi sikhungo sizosekela ukwenziwa kocwaningo, ukuthuthukiswa kanye nokusungulwa nokuqanjwa kwezinhlelo ezintsha emkhakheni kagesi, futhi sizodlala indima enkulu ekuthathweni kwezinqumo eziphathelele nenqubomgomo futhi sisekele nokuthuthukiswa kwabasebenzi. Lokhu kuzoba negalelo elikhulu ekwandisweni koMnotho Obhekelela Imvelo, kanye nokuguqula uhlobo lwamakhono atholakala kulesi sifunda kanye nasesifundazweni. Ugesi ovuselelekayo uhlinzeka ngamathuba okutshalwa kwezimali anhlobonhlobo futhi amahle kakhulu, kubandakanya nokuvulwa kwamathuba emisebenzi amaningi.

2.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa komklamo wokuphehla ugesi ngokusebenzisa ubuchwepheshe beZiphehlamandla Zamaseli Egesi Yehayidrojini (i-HFC) mhla ziyisi-5 Ncwaba 2014 futhi lo mklamo ungumphumela wezingxoxo ezinohlonze futhi ezibe yimpumelelo enkulu eziphathelene nokubambisana phakathi kukahulumeni kanye nenkampani yakwa-Anglo-Ballard. Lo mklamo wokuphehla ugesi ngokusebenzisa ubuchwepheshe beziphehlamandla zamaseli egesi etholakala ngokwemvelo ngumklamo wokuqala ngqa emhlabeni jikelele wokulingwa kohlelo lokuphehla ugesi ngokusebenzisa iziphehlamandla ezincane zamaseli egesi etholakala ngokwemvelo.

Okubaluleke kakhulu kulo mklamo yiqhaza elisemqoka lokuthuthukiswa nokusetshenziswa kwalobu buchwepheshe ekuqinisekiseni ukuthi uchungechunge lohlelo lomsebenzi wokuphehlwa kukagesi luyabahlomulisa abantu bendawo, ikakhulu uhlelo lokusetshenziswa kobuchwepheshe beziphehlamandla zamaseli egesi yemvelo njengobunye ubuchwepheshe bokuphehla ugesi obungasetshenziswa esikhundleni sikagesi ojwayelekile. Lo mklamo uzoqinisa uhlelo lokusungulwa kwezimboni emnothweni waseNingizimu Afrika futhi uzokwenza ukuthi sikwazi ukunciphisa ikhabhoni ekhiqizwayo emnothweni wakuleli, uphinde futhi udlale indima enkulu ekuvulweni kwamathuba emisebenzi.

3. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

3.1. IKhabhinethi yasamukela isiphakamiso seNingizimu Afrika sokuqala somkhakha wezokuthutha esenziwe ngaphansi Kwenhlangano Ethuthukisa  Amazwe AseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) Esiphathelene Nezingxoxo Zemisebenzi Yokuhwebelana. Lo mkhakha usemqoka kakhulu ekukhulisweni komnotho waseNingizimu Afrika kanye nokuvulwa kwamathuba emisebenzi, njengegalelo lesikhathi esifushane kwezokuhwebelana ngezimpahla futhi ngokunjalo njengomsebenzi wokuhwebelana ozimele ngokwawo.

Ukudidiyelwa kwemisebenzi yezokuthutha ngaphakathi kwezifunda kungavulela izinkampani zaseNingizimu Afrika ezihlinzeka ngemisebenzi amathuba amahle kakhulu okwenza ibhizinisi ngokunjalo nokutshala izimali kuyo yonke imikhakha yezokuthutha kulesi sifunda. Ngenkathi izinkampani zaseNingizimu Afrika zithola inzuzo emisebenzini yezokuthunyelwa kwezimpahla emazweni angaphandle emikhakheni yochungechunge lokukhiqizwa kwempahla, zizohlomula kwezomnotho futhi zifake nesandla ekuthuthukisweni komkhakha wezokuthutha wesifunda.

3.2. IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi mayelana nemiphumela yohlelo lokubalwa kobhejane lowezi-2013 esiqiwini sezilwane i-Kruger National Park futhi yazamukela izinhlelo zokungenelela eziphakanyisiwe ezizosetshenziselwa ukuvikela obhejane. UNgqongqoshe Wezemvelo uzosingatha esinye isithangamu sabezindaba ngokuhamba kwesikhathi esiqondene nalokhu.

3.3. IKhabhinethi yayamukela inqubo entsha ephathelene nohlelo lokuHlinzekwa Kwabantu  BaseZimbabwe Ngezimvume Zesikhashana Zokuhlala Kuleli. UNgqongqoshe Wezasekhaya uzosingatha esinye isithangamu sabezindaba ngokuhamba kwesikhathi ukuze amemezele imininingwane ephathelene nalolu hlelo.

3.4. IKhabhinethi yakwamukela ukuthi kubuyekezwe ngokuphelele iziKhungo Zezimali Zokuthuthukiswa Kwezifundazwe (ama-PDFI) okusekelwe phezu kwemiphumela nezincomo zocwaningo lokubuyekeza oluqhutshwa uMnyango Wezezimali Kuzwelonke lokuhlaziya nokuhlola isimo esikhona njengamanje sezimali nokuthi izinhlelo zentuthuko zinosizo yini noma cha. Ukubuyekezwa okuphelele kwama-PDFI kuzoqinisekisa ukuthi umsebenzi walezi zikhungo uyahambelana futhi uhanjiswa ngendlela efanele ukuze kusekelwe izinjongo zenqubomgomo kaHulumeni ephathelene nenhlalo yabantu nezomnotho kanye nokuqinisekisa ukuthi izimali zikaHulumeni zabiwa ngendlela efanele futhi zisetshenziswa ngendlela efanele.

3.5. IKhabhinethi yayamukela inqubekela phambili oHlelweni Lokuphuculwa kwesimo nokwakhiwa kabusha koMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kanye noMbiko Wokuphothulwa Nokusongwa Kwesigaba Sokuletha Uzinzo Kulo Mnyango. IKhabhinethi igculisekile ngenqubekela phambili eqoshiwe ekuphuculweni kwesimo kulo mnyango. UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi uzosingatha esinye isithangamu sabezindaba ngokuhamba kwesikhathi ukuze anikeze incazelo ephathelene nemininingwane yalo mbiko.

4. Isimo seKhabhinethi eziNdabeni ezisematheni

4.1. IKhabhinethi iyawamukela uMthetho Wokuqasha Ngokulinganisa ochitshiyeliwe oqale ukusebenza mhla lulu-1 Ncwaba 2014. Lo Mthetho ochitshiyeliwe ugqugquzela uguquko nokuphathwa kwabasebenzi ngendlela engachemile futhi uvikela abasebenzi ekucwasweni ngendlela engafanele. Futhi uqinisa ukusetshenziswa nokuthotshelwa kwawo ngokuthi, isibonelo, kukhushulwe izinhlawulo zokwephulwa kwawo. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubaqashi ukuthi bazithobele izimiso zalo Mthetho futhi basebenzisane nohulumeni ukuguqula indawo yokusebenzela. Ngaphezu kwalokho, uMnyango Wezabasebenzi uzovakashela imiphakathi ehlukahlukene ukuze ufundise abantu ngokulingana emsebenzini kanye nomthelela walokhu.

4.2. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela iQembu LaseNingizimu Afrika ngomsebenzi walo oncomekayo eMidlalweni Yamazwe Angamadlelandawonye (ama-Commonwealth Games) ebibanjelwe e-Glasgow, kwelase-Scotland lapho linqobe khona izindondo zegolide eziyi-13, ezesiliva eziyi-10 kanye nezethusi eziyi-17.

INingizimu Afrika ilale endaweni yesikhombisa ohlwini lokukleliswa kwamazwe anqobe izindondo futhi idle umhlanganiso njengelizwe eliphume phambili emazweni ase-Afrika. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakhombise ukuhlonipha nokubungaza kwabo umsebenzi omuhle owenziwe ngabasubati nabadlali baseNingizimu Afrika ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-8 Ncwaba 2014, njengoba bezobe behamba ngamabhasi avulekile besuka e-Olympic House eGoli ngehora lesi-11.

4.3. IKhabhinethi ihalalisela futhi neqembu lesizwe lezekhilikithi (ama-Protea) ngaphansi kobuholi bukaKaputeni Wemidlalo Yokuvivinya u-Hashim Amla ngokunqoba uchungechunge loMqhudelwano Wezinsuku Ezinhlanu kwelase-Sri Lanka okuholele ekutheni iqembu lesizwe lakuleli libuyele endaweni yalo yokuqala ohlwini lokukleliswa kwamazwe omhlaba abambe iqhaza kwiMiqhudelwano Yezinsuku Ezinhlanu ngaphansi koMkhandlu Wezekhilikithi Wamazwe Ngamazwe.

4.4. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela uZolani "Last Born" Tete ngokunqoba kwakhe isicoco esisindweni samabhantamu ngaphansi kweNhlangano Yezesibhakela Yamazwe Ngamazwe (i-IBF) kwelase-Japan.

4.5. IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nabangani bomlisa olahlekelwe yimpilo yakhe ngenxa yokuzamazama komhlaba ngoLwesibili futhi ibafisela ukululama okusheshayo bonke abalimele. Uhulumeni uzoyihlinzeka ngosizo leyo miphakathi ekhahlamezekeli, ngokusebenzisa uPhiko Lukazwelonke Lokulawulwa Kwezinhlekelele.

5. Imicimbi ezayo

5.1. UMongameli u-Jacob Zuma uzohambela iNgqungquthela Ejwayelekile Yama-34 Wezinhloko Zombuso kanye Nohulumeni Wenhlangano Ethuthukisa Amazwe AseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ezobanjwa mhla ziyi-17 kanye nangomhla ziyi-18 Ncwaba    2014 e-Victoria Falls, kwelase-Zimbabwe. I-SADC iyaqhubeka nokuba yithuluzi leNingizimu Afrika elisemqoka kwezokuthuthukiswa nokudidiyelwa kwesifunda. Kule Ngqungquthela kuzobhungwa ngezindaba ezisemqoka ezibandakanya ukuBuyekezwa Kohlelo Oluyinkomba Yentuthuko Yesifunda, neNhloso-mbono ye-SADC yowezi-2050, neNkantolo ye-SADC noHlelo Lwezokudla Nokondleka Komzimba kanye neNqubomgomo Yesifunda Yezolimo.

5.2. I-Lekgotla Yezezimayini yokuqala izobanjwa mhla ziyi-13 kuya kumhla ziyi-14 Ncwaba 2014 e-Gallagher Estate, eGoli ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sakhela phezu kwendima edlalwe ngezezimayini kusukela ngenkathi kufika intando yeningi labantu: Siyakwamukela okwenzeka ngesikhathi esedlule kepha futhi sakha ingomuso.” I-Lekgotla ihlinzeka ngethuba lokuthi kube nezingxoxo nokubonisana phakathi kwabemboni yezezimayini yaseNingizimu Afrika kanye nabanye ababambiqhaza. IKhabhinethi inxusa bonke ababambisene kulokhu ukuthi basebenzele ukuqaliswa koHlaka Lwesivumelwano Semboni Yezezimayini Esimeme futhi iyagcizelela ukuthi uHulumeni uzokuqapha ngeso lokhozi ukuthotshelwa nokulandelwa koSomqulu Wezezimayini.

5.3. Isikhungo Sokusungula Izinhlelo Ezintsha Emkhakheni wezeMisebenzi Kahulumeni sizobamba iNgqungquthela yesi-8 Yomkhakha Kahulumeni Wezokuqaliswa Nokusungulwa Kwezinhlelo Ezintsha mhla ziyi-19 nangomhla zingama-20 Ncwaba 2014 eKapa ngaphansi kwengqikithi ethi “Sakha Inqubo Enkulukazi Kahulumeni Yokuqaliswa Nokusungulwa Kwezinhlelo Ezintsha ukuze Kuqinisekiswe Ukuthi Ukuhlinzekwa Kwezidingongqangi Zikahulumeni Kuba Nomthelela Omuhle Kakhulu”.

IKhabhinethi ithanda ukufisela izithunywa ezizohambela le ngqungquthela ukubonisana nokuxoxisana okuzoba nezithelo ezinhle njengoba ukuqaliswa nokusungulwa kwezinhlelo ezintsha emkhakheni kahulumeni kubaluleke kakhulu ukuze sikwazi ukufezekisa iNhloso-mbono yowezi-2013 ngokulayela koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe. IKhabhinethi iyabahalalisela futhi bonke labo okuphakanyiswe amagama abo abasethubeni lokuklonyeliswa ngezindondo emcimbini woKuklonyeliswa Ngezindondo Kwalabo Abavelele Kwezokusungulwa Kwezinhlelo Ezintsha Emkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni, okuwumcimbi ohlonipha futhi uklomelise labo abasebenzise ubuchopho babo ngokujulile ukuze baqhamuke nezinhlelo ezintsha ezizophucula izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

6. Abaqashiwe

6.1. IKhabhinethi ikuphawulile ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengabaQondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu beBhodi Yenhlangano yaseNingizimu Afrika Yomshwalense Wezimpahla Ezithunyelwa Emazweni:

a) Nksz. Andiswa Mosai, kanye no
b) Mnu. Lefentse Cuitzen Radikeledi (omele uMnyango Wezezimali Kuzwelonke).

6.2. IKhabhinethi ikuphawulile ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengabaQondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu beBhodi ye-South African Bureau of Standards:

a) Mnu. Jeff Molobela (uSihlalo),
b) Nksz. Doris Elekanyani Ndlovu,
c) Nivashnee Naraindath,
d) Anna-Marie Lotter (omele uMnyango Wezohwebo Nezezimboni ),
e) Dkt. Michael John Ellman (oqashwe kabusha),
f) Nksz. Venete Jarlene Klein (oqashwe kabusha),
g) Mnu. Webster Masvikwa (oqashwe kabusha), kanye no
h) Mnu. Guy Harris (oqashwe kabusha).

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams, Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore