Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-10 kuZibandlela 2014

Zisuka amagqozo nje, iKhabhinethi ithanda ukucacisa lo mbono ongelona neze iqiniso wokuthi uMongameli Jacob Zuma wenqabile ukuphendula imibuzo ePhalamende. Futhi iKhabhinethi iyiphawulile nemizamo yePhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa yokuxoxisana namaqembu ezepolitiki ayingxenye yeNdlu YeSigungu Sikazwelonke, kulandela izinxushunxushu ezenzeke esikhathini esifushane esedlule.

Umthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ukubeka ngokucacile ukuthi uMongameli kumele aphendule ePhalamende. UMongameli ubelokhu eqhubeke njalo nokwenza lo msebenzi wakhe wokuphendula ePhalamende. Futhi ubelokhu eyiphendula imibuzo ebuzwe ngomlomo kanye nemibuzo ebhalwe phansi ayibuzwe ngamalungu azo zombili iziNdlu zePhalamende, okuyiNdlu YeSigungu Sikazwelonke kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP).

Mhla zingama-21 kuNcwaba 2014 uMongameli wahambela iNdlu YeSigungu Sikazwelonke, eyophendula imibuzo ngomlomo. Kodwa ngelishwa aMalungu Ahloniphekile amphazamisa ngenkathi ephendula umbuzo wesithathu emibuzweni eyisithupha ayebuzwe yona. Yiwona aMalungu Ahloniphekile aphazamisa uMongameli ngenkathi ephendula imibuzo, ngokuziphatha kwawo ngendlela engenanhlonipho. Lawo Malungu Ahloniphekile okuyiwona avimbela uMongameli ukuthi aqhubeke nokuphendula imibuzo ngomlomo eNdlini YeSigungu Sikazwelonke awanaso nesincane isizathu esiphathekayo sokuhlanekezela iqiniso, ngokuthi akhombe uMongameli ngenjumbane emsola ngokuthi uyena ongafuni ukuphendula ngomlomo imibuzo yaMalungu Ahloniphekile. Emva kwalesi sigameko iNdlu YeSigungu Sikazwelonke yawagxeka kakhulu lawo Malungu Ahloniphekile aphazamisa uMongameli futhi yawathathela nezinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe.

Ngaphezu kwalokho, iKhabhinethi ayinalo ulwazi oluphathelene nanoma iluphi uHlelo LwePhalamende eNdlini YeSigungu Sikazwelonke lapho bekulindeleke khona ukuthi uMongameli eze azophendula imibuzo ngomlomo emva kokuphazanyiswa kwezimpendulo zakhe ayezethula ngomlomo, okwenzeke esikhathini esedlule. Ngakho-ke akulona neze iqiniso ukuthi uMongameli wenqabile ukuphendula imibuzo eNdlini Yesigungu Sikazwelonke.

IKhabhinethi iyaqhubeka nokukhathazeka ngomthelela ongemuhle wokunqamuka kwamandla kagesi okwenzekayo kulezi zinsuku, okuphazamisa impilo yabantu baseNingizimu Afrika yansuku zonke futhi ikhathazekile ngomthelela walokhu emakhaya abantu kanye nasemabhizinisini ezweni lonkana. IKhabhinethi seyamukele uhlelo olunamaphuzu amahlanu lokuxazulula izinselelo izwe elibhekene nazo kulezi zinsuku. Kuyaqhubeka nokuba yinselelo ukungabikhona kwekhono elanele lokubhekana nezidingo zamandla kagesi kuleli lizwe futhi uhulumeni wenza konke okusemandleni akhe ukuqinisekisa ukuthi siyasinqoba lesi simo esinzima sokushoda kwamandla kagesi. Ukuze kubhekwane nezidingo zesikhathi esizayo zamandla kagesi kuleli lizwe, uhulumeni useqalise uhlelo lokesebenzisa imithombo kagesi exubile, efaka phakathi ugesi wamalahle, ilanga, umoya, amanzi, igesi kanye nowenonzi.

Esikhathini esizayo ugesi ovuselelekayo wezitshalo, womoya, welanga kanye nowamanzi uzofaka ugesi ongamagigawathi ayi-11.4 kwinethiwekhi kagesi yakuleli. Kusukela ngowe-1994, kuxhunywe amakhaya abalelwa kwizigidi ezinhlanu angeziwe kwinethiwekhi kagesi yakuleli. Ngowezi-2004 lesi sibalo sakhula safinyelela kumakhaya ayizigidi eziyi-12. Konke lokhu kweziwe ngaphandle kokwakhiwa kweziteshi eziphehla ugesi ezengeziwe. Lokhu kukhuliswa kwesibalo samakhaya afakelwe ugesi kwenziwe ngokusebenzisa le nethiwekhi kagesi ekhona njengamanje. .

Namhlanje inkampani yakwa-Eskom izosayinda iSivumelwano Sokusebenzisana ne-Strategic Fuel Fund kanye ne-Transnet Ports Authority ukuze kube nesiqiniseko sokuthi leli lizwe lihlinzekwa ngodizili owanele. Kuzogxilwa kakhulu ekwenzeni ngcono ukusebenza kahle kokulungiswa nokuphathwa kwezikhungo zikagesi ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinga lokusebenza kahle liyakhuphuka lisuka kuma-72% lapho lime likhona njengamanje, lifinyelele emkhawulweni ohlosiwe ongama-80%. Inkampani yakwa-Eskom izokwethula uhlelo lwayo olunohlonze lokuphathwa kwemali engenayo kusukela ngowe-2015. Lolu hlelo luzokwethulwa phambi kwe-IMC ingakapheli inyanga kaZibandlela 2014. Futhi kusenjalo uhulumeni uzoxhasa ngezimali uhlelo lokusimamiswa kwesimo sezimali senkampani yakwa-Eskom.

Kuzosetshenziswa nezinye izindlela zokusebenza ngokubambisana ekuphehlweni kukagesi njengoba kuzobanjiswana nemboni kashukela neyephepha ukuze kukhiqizwe ugesi ophehlwa ngemfucuza ongamamegawathi ayi-1 000. Kunamathuba amahle okuthengwa kwegesi ekhiqizwe emazweni angaphandle. Ngaphambi kokuphela kukaMasingana 2015 kuzokwethulwa uhlelo lwabakhiqizi bagesi wamalahle abazimele abazophehla ugesi olinganiselwa kumamegawathi ayizi-2 500. Ngakho-ke sithanda ukunxusa umphakathi ukuthi ulekelele izwe lethu ngokuthi unciphise ukusetshenziswa kukagesi, okusho ukuthi umuntu kumele awucime ugesi ngenkathi engawusebenzisi. Izodamba kancane inkinga yokushoda kwamandla kagesi kusukela mhla ziyi-15 kuZibandlela 2014 njengoba amafemu amaningi ezovalwa ngenxa yamaholidi okuphela konyaka. Sekusungulwe ithimba lochwepheshe elethweswe umsebenzi wokuqalisa lolu hlelo olunamaphuzu amahlanu, futhi leli thimba lizowuqala ngokushesha umsebenzi walo.  Lolu hlelo olunamaphuzu amahlanu lwenzelwe ukulungisa inkinga ebhekene nokuphakelwa kwamandla kagesi kuleli.

Lolu hlelo lubandakanya lokhu okulandelayo:
(I) izinhlelo zokungenelela ezizokwenziwa yinkampani yakwa-Eskom kulesi sikhathi esiyizinsuku ezingama-30 esizayo,
(II) ukusebenzisa ithuba lokuphehla ugesi ngokubambisana ngokuthi kwelulwe izinkontileka ezikhona njengamanje ezisayindwe nabomkhakha ozimele;
(III) ukusheshiswa kohlelo lokusebenzisa igesi esikhundleni sikadizili ukuze kukhushulwe isivinini sokusebenza kwizikhungo eziphehla ugesi ngodizili;
(IV) ukwethulwa kohlelo lwabakhiqizi bagesi wamalahle abazimele; futhi
(V) kulawulwe nokusetshenziswa kukagesi ngokusebenzisa izinhlelo ezithile zokungenelela emakhaya, kwizakhiwo zikahulumeni nezabamabhizinisi kanye nomasipala ngokuthi kusetshenziswe ubuchwepheshe besimanjemanje obungadli ugesi ngokweqile.

IKhabhinethi ikhathazekile ngokungasebenzi kahle kwezinye zezinkampani zombuso (ama-SoC), ikakhulu iNkampani Yezamabhanoyi yaseNingizimu Afrika (i-SAA), iPosi laseNingizimu Afrika (i-SAPO) kanye ne-Eskom. Lezi zinkampani zombuso zineqhaza lentuthuko elibaluleke kakhulu emnothweni waseNingizimu Afrika. UMongameli usenikeze iPhini lakhe u-Cyril Ramaphosa umsebenzi wokuqapha uhlelo lokuguqula isimo salezi zinkampani ezintathu zombuso, okuyiSAA, u-Eskom kanye nePosi laseNingizimu Afrika. Ngokusebenzisana namaHhovisi oNgqongqoshe afanelekile, i-SAA izosuswa ngaphansi koMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni ifakwe ngaphansi koMnyango Womgcinimafa Kazwelonke. IHhovisi likaMongameli lizokuqapha ngamehlo okhozi ukuqaliswa kwezinhlelo zokuguqulwa kwesimo salezi zinkampani zombuso ezibaluleke kakhulu futhi ezinegalelo elikhulu ekuthuthukisweni komnotho.

1. Ukuqaliswa kokusebenza kweziNhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi iyayamukela imiphumela emihle yoHambo lukaMongameli Lokuvakashela ezweni lase-China kusukela mhla zizi-4 kuya kumhla ziyisi-5 kuZibandlela 2014, oluyinkomba ecacile yokuqina kobudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-China, kubandakanya nobudlelwano bezokuhwebelana kanye nokutshalwa kwezimali.

Amabhizinisi aseNingizimu Afrika ayanxuswa ukuthi awabambe ngezandla zombili amathuba amasha ezomnotho ahlinzekwa wubudlelwane obuphakathi kwezwe lethu nelase-China. Ukwamukelwa koHlaka Lweminyaka Emihlanu Kuya Kweyishumi Lokubambisana Phakathi kwe-China neNingizimu Afrika okwenziwe ngeviki eledlule kuqinisa ukuqaliswa kwezivumelwano ezenziwe kusukela kwasayindwa iSivumelwano sase-Beijing ngowezi-2010 futhi kukhulisa uBambiswano Lwemikhakha Ebalulekile Olunzulu olwasayindwa yilawa mazwe amabili.

1.2. IKhabhinethi iwushayela ihlombe uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, iminyango yezemfundo yezifundazwe, othishanhloko, othisha kanye nabafundi ngokuphikelela nokubekezela kwabo njengoba sesiphothula omunye unyaka obumatasatasa kakhulu.

UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo u-Angie Motshekga uzomemezela imiphumela yokuhlolwa kukamatikuletsheni yowezi-2014 mhla ziyisi-5 kuMasingana 2015 bese imiphumela ikhishelwa abafundi mhla ziyisi-6 kuMasingana 2015.

IKhabhinethi iyabakhuthaza abafundi abathole imiphumela ebavumela ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi bawabambe ngazo zombili wonke amathuba enzelwe bona. Labo bafundi abazobe bengakayitholi indawo yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ngenkathi kukhishwa imiphumela yokuhlolwa kukamatikuletsheni kumele basebenzise usizo oluhlinzekwa Isikhungo Okufakwa Kusona Izicelo Zokufunda Kuzo Zonke Izikhungo Zemfundo Ephakeme (i-CACH) ngoMasingana kanye noNhlolanja 2015.  Lesi sikhungo sihlanganisa irejista yabo bonke abafundi abathole imiphumela ebavumelayo ukuthi bakwazi ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi sisebenzisana nazo zonke izikhungo zeMfundo Ephakeme Nokuqeqesha (i-PSET) zaseNingizimu Afrika. Lesi sikhungo sihlinzeka futhi nangezeluleko eziphathelene nemisebenzi abangayifundela abafundi futhi siyabalekelela labo abafake izicelo ukuthi bathole ezinye izindlela zokuqhubeka nemfundo yabo uma bengakwazanga ukungena kulezo zikhungo abebehlose ukufunda kuzona. Lolu sizo lutholakala ngokushaya ucingo kule nombolo: 0800 356 635 noma ngokuthumela i-SMS enamagama omfundi kanye nenombolo kamazisi wakhe ku-49200.

1.3. IKhabhinethi iyakwamukela ukukhishwa kwemiphumela yokuHlolwa Konyaka Kukazwelonke (i-ANA) yowezi-2014 okwenziwe ngesonto eledlule, okukhombisa ukukhuphuka kwezinga lemiphumela yabafundi bamabanga onke ngaphandle kweBanga 9.

I-ANA iyaqhubeka nokuba yithuluzi elinamandla lokuhlola nokuhlaziya isimo sohlelo lwethu lwezemfundo kanye nokuthola ukuthi yimiphi imikhakha edinga ukungenelela okusheshayo, njengoba kubonakele esifundweni sezibalo eBangeni lesishiyagalolunye lapho kutholakale khona imiphumela engagculisi neze.

1.4. IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, izinhlangano zomphakathi wonkana kanye nabezindaba ngokubamba kwabo iqhaza emkhankasweni walo nyaka weziNsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane ngaphansi kwesiqubulo esithi: ‘Nami ngibale: Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika engenalo udlame phambili’.

Ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNigizimu Afrika lokuthi ‘Bazibandakanye nalo mkhankaso’ kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuqhubeka isikhathi eside kokubambisana okukhona njengamanje, ngokuguqula ukukhuthala kwethu ekulwisaneni nodlame oluqondiswe kwabesifazane nezingane kungagcini nje kuphela ngalesi sikhathi kodwa kube yinto eyenzeka nsukuzonke futhi kuqhubeke unyaka wonke ukuze sisiqede lesi sihlava sodlame oluqondiswe kwabesifazane nezingane.

1.5. INingizimu Afrika izogubha Usuku Lukazwelonke Lokubuyisana mhla ziyi-16 kuZibandlela 2014 ngaphansi kwesiqubulo esithi: 'Ukubumbana Komphakathi, Ukubuyisana Nokubumbana Kukazwelonke Eminyakeni engama-20 Yentando Yeningi Labantu' eNdaweni Yokugcina Amagugu yaseNcome kuMasipala Wesifunda uMzinyathi, esifundazweni saKwaZulu-Natali.

1.6. IKhabhinethi idlulisa amazwi okubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nomphakathi wamazwe omhlaba abagubhe isikhumbuzo sokudlula emhlabeni kukaMongameli waleli wokuqala owakhethwa ngentando yeningi labantu uNelson Mandela mhla ziyisi-5 kuZibandlela 2014.

Kufanele sithembeke kukhondolo lukaMadiba ngokuqhubekisela phambili ukuzinikela kwakhe okunohlonze  kwintando yeningi labantu, ukucabangela abanye, ukubuyisana, nokusebenzela abantu kanye nokulwela impilo engcono yabantu bonke. Yile migomo kanye nokuzinikela ekusebenzeleni abantu okwenza sihlale sinogqozi lokuba isizwe esibumbene futhi esiphumelelayo.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukwethulwa ePhalamende kombiko wokusebenza wezi-2013/14 wohlelo Lwemihlomulo Yentela Kwezocwaningo Nentuthuko (i-R&D).

Uhulumeni uhlinzeka ngemihlomulo yentela ye-R&D ngokweSigaba 11D soMthetho Wentela Yemali Engenayo, we-1962, ukuze akhuthaze imisebenzi ye-R&D emkhakheni ozimele. INingizimu Afrika ihlomulisa ngesaphulelo sama-150% emalini yezindleko zokusebenza egunyaziwe ye-R&D futhi ithathwa njengamanye amazwe anomhlomulo wentela omuhle kakhulu mayelana ne-R&D.

Lo mhlomulo osekulokhu waqala ukusebenza kusukela ngoLwezi 2006 usuwenze izinkampani ezingama-810 zabamba iqhaza, kusukela ngoNhlolanja 2014. Kusukela ngonyaka we-2005/06 kuya kunyaka we-2012/13 izinkampani zibike imali elinganiselwa kuzigidigidi zamarandi ezingama-44.1 zemali echithwe ku-R&D, kanti uMnyango Wezezimali Kazwelonke ucabangela ekutheni ingaphedluzwana kwezigidigidi zamarandi ezi-3,2 imali yesaphulelo sentela ye-R&D eyacelwa ku-SARS. Ngonyaka we-2013/14 angama-44.2% Amabhizinisi Amancane Naphakathi Nendawo (Izinkamani ezenza inzuzo yonyaka engaphansi kwezigidi zamarandi ezingama-40) ezabamba iqhaza kumihlomulo yentela ye-R&D.

2.2. IKhabhinethi yaziswa ngezakamuva mayelana ngenqubekelaphambili yephrojekthi ye-MeerKAT, imihlomulo ezuzwe yimiphakathi yendawo kanye neNingizimu Afrika, futhi izingxoxo zamazwe ngamazwe ziyaqhubeka mayelana nokusingathwa kwephrojekthi ye-SKA.

Ukwakhiwa kwesibonisakude i-MeerKAT – isikhombandlela esandulela i-SKA - kuqhubeka kahle, futhi kuletha namathuba abalulekile ezimbonini zaseNingizimu Afrika. Ziningana izinto eziphathelene nobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu eziqhutshwa yiNingizimu Afrika, ikakhulukazi emkhakheni wezamakhompyutha asebenza ngezinga eliphezulu. Imiphakathi yendawo yaseNyakatho Kapa nayo ihlomulile ngokubambisana okunhlobonhlobo kokutshalwa kwezimali emphakathini.

Mayelana nezomhlaba, isivumelwano sokusingatha, uhlelo lokuxhasa ngezimali zokwakha i-SKA kanye nenqubomgomo yokuthengwa kwempahla kuyadingidwa futhi kuyaphothulwa. Izingxoxo nazo ziyaqhubeka mayelana nokusungulwa kwenhlangano yesivumelwano esiphakathi kohulumeni.

IKhabhinethi igunyaze ithimba lokusebenza ngokuhlanganyela phakathi koNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe Nowezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha ngenhloso yokuhlonza abasebenzi abadingekayo kanye nokuqinisekisa ukuthi izikhungo zemfundo nezinye izikhungo zocwaningo ziyahambelana nokuthuthukiswa kanye nezidingo ze-MeerKAT, i-SKA kanye namanye amaphrojekthi afana nalawa.

IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukusebenzisana phakathi koNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe Nowezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uma kwenzeka kuvela amathuba okufukula nokunikeza amandla Amabhizinisi Amancane Naphakathi Nendawo ngenxa yomthelela ongaba khona emnothweni.

2.3. IKhabhinethi igunyaze ukuthi isikhungo Sezibalo eNingizimu Afrika sixoxisane nabo bonke abathintekayo ukulungiselela ukuchitshiyelwa koMthetho Wezezibalo, we-1999 (Umthetho wesi-6 we-1999).

Ukubonisana phakathi kwezinhlaka zombuso kanye nezinye izikhungo ezifanelekile kuyadingeka ekuthuthukisweni kochungechunge lokuqoqwa kolwazi oludingelwa uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

2.4. IKhabhinethi yachazelwa ngokuthotshelwa koHlaka Lokudalulwa Kwemininingwane Ephathelene Nezezimali yaMalungu Esigungu Sabaphathi Abaphezulu (i-SMS), okuyinto eqashwe ngamehlo okhozi yiPhalamende.

Kumalungu e-SMS ayizi-5 425 eminyangweni kazwelonke okudingeka alethe amafomu awo okudalula imininingwane yawo ephathelene nezezimali onyaka wezimali wezi-2012/13, iKhomishana Yezemisebenzi Kahulumeni (i-PSC) yamukela amafomu ayi-4 413 (ama-81%) ngosuku olwalungumnqamulajuqu lwangomhla zingama-31 kuNhlaba 2013.

IKhabhinethi iyakugcizelela ukuthi isiko-mpilo lokungakubekezeleli nakancane ukuphulwa kwemithetho kumele liqiniswe ekusebenzeni kwansukuzonke koMbuso.

2.5. IKhabhinethi yachazelwa ngemiphumela yocwaningo lonyaka wezi-2013/2014 lwezikhungo ezithobela uMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni (i-PFMA) kanye nesimo sokwethulwa kwemibiko yazo yonyaka kanye nezitatimende zezimali.

Kube nobungcono kwindlela izikhungo ezithobela ngayo umthetho  mayelana nokwethulwa ngesikhathi kwemibiko yonyaka wezi-2013/2014 kanye nezitatimende zezimali. Kulo nyaka obuyekezwayo zingama-417 izikhungo ezithobele i-PFMA, obekudingeka ukuthi zethule imibiko yazo yonyaka kanye nezitatimende zezimali mhla zingama-30 kuMandulo 2014, zingama-379 (ama-91%) izikhungo ezahlangabezananga nomnqamulajuqu, okukhombisa ubungcono bama-7 % kusuka kuma-353 ngonyaka odlule.

IKhabhinethi igunyaze ukuthi Iziphathimandla Eziphendulayo kanye Nezikhulu Eziphendulayo zilethe kuZiphathimandla Zesigungu Esiphezulu ezifanelekile izinyathelo zokulungisa isimo ezizothathwa ukulungisa ukukhathazeka okuphakanyiswe emibikweni yazo yocwaningomabhuku.

IKhabinethi isekela isidingo sokuthi Isigungu Esiphezulu siqaphe  inqubekelaphambili eyenziwe ukulungisa ukukhathazeka okuphakanyiswe yiMibiko Yocwaningomabhuku, futhi ihlale yaziswa njalo ngezakamuva mayelana nalokhu.

2.6. IKhabhinethi igunyaze izinyathelo ezihlukahlukene zokuhlela kabusha uhlelo lokuphathwa Kokuthengwa Kwempahla (i-SCM). Lokhu kubandakanya: (a) indlela yokusebenza yokuphatha ukuthengwa kwempahla okumele ifakwe ezivumelwaneni zokusebenza zeZikhulu Eziphendulayo  kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2015; (b) Izikhulu Eziphendulayo zizobuyekeza ikhono lokusebenza labasebenzi be-SCM futhi zithathe izinyathelo zokulungisa isimo lapho kudingeka khona; (c) Izikhulu Eziphendulayo kumele zibikele Isigungu Esiphezulu njalo ngekota yonyaka mayelana nokusebenza kwe-SCM eminyangweni yazo, komasipala kanye nakwizikhungo zikahulumeni.

IKhabhinethi igunyaze ukuthi Ihhovisi Lesiphathimandla Esikhulu Sezokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo lisheshise izinguquko ze-SCM ngokwenza ukusebenza emkhakheni wezemisebenzi kahulumeni kube ngokwesimanjemanje. Ihhovisi Lesiphathimandla Esikhulu Sezokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo seliqalise iqhinga lokuhola lolu hlelo, kusetshenziswe indlela efanayo futhi kusetshenziswe ubuxhakaxhaka besimanjemanje.

UMnyango Womgcinimafa Kazwelonke uzobamba izingxoxo neSikole Sikahulumeni Sikazwelonke ngenhloso yokuthuthukisa uhlelo lwezifundo lokuqeqesha nokwenza kufane iziqu zemfundo.

2.7. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa phambi koMkhandlu Wamalungelo Esintu we-UN koMbiko weNingizimu Afrika Okhishwa Ngezikhathi Ezithile (wezi-2002-2013) weSivumelwano Somhlaba seNhlangano Yezizwe (i-UN) esimayelana nokulwisana noKuhlukunyezwa kanye Nokunye Ukuphathwa Kabi Okwehlisa Isithunzi noma Ukujeziswa Okunesihluku.

Ukubhalwa nokwethulwa kwalo mbiko kubonisa ukuzibophezela kukahulumeni emizamweni yamazwe omhlaba yokuvikela nokukhuthaza amalungelo esintu. INingizimu Afrika ihambisana ngokugcwele nalesi sivumelwano njengoba seyenze kwaba yicala ukuhlukumeza, futhi manje izinkantolo zingashushisa amacala okuhlukumeza ngokulandela izimiso zomthetho oshaywe ephalamende hhayi umthetho osuselwa kwizinqumo zenkantolo ezithathwe emacaleni aqulwe phambilini.
Lo Mbiko uhlinzeka iNingizimu Afrika ngethuba lokuhlola ukuthobela kwayo noma ukuhluleka ukuthobela izibophezelo zomhlaba. Ukulwa nokuhlukumeza kuhambisana nezinto ezibekwe eqhulwini eNingizimu Afrika ngokuqinisekisa ukuba khona kwemiphakathi ephephile nokuyinto ehambisana ne-NDP.

2.8. IKhabhinethi iwuphawulile Umthetho Odingidwayo omayelana Namaphoyisa. Umthetho Odingidwayo omayelana Namaphoyisa we-2014 uvela ekubuyekezweni koMthetho Odingidwayo Wokuphepha Nokuvikeleka we-1998. Uhlelo lokubuyekeza lwahlola kabusha ukuthi ngabe sekuthuthuke kangakanani ukusebenza nokuqonda ukuvinjelwa kobugebengu eNingizimu Afrika kusukela ngowe-1994.

UMthetho Odingidwayo uphendula kuNhloso-mbono yowezi-2030 ye-NDP ngokucacisa isidingo nohlaka lomsebenzi ohlinzekwa ngamaphoyisa osezingeni eliphezulu, nombutho wamaphoyisa ophendulayo ngemisebenzi yawo futhi obeka umphakathi phambili. Ngaphezu kwalokhu amaphoyisa kudingeka ukuthi asebenze ngendlela edidiyelwe ngaphakathi kohlelo lwezobulungiswa ekufezeni igunya lawo lwezomthethosisekelo.

2.9. IKhabhinethi igunyaze ukuthi uhlaka Lwenqubomgomo Yentsha yonyaka wezi-2014-2019 lukhishelwe umphakathi ukuze uphawule ngalo. Uhlaka lwenqubomgomo luyinqubekelaphambili kusuka oHlakeni lweNqubomgomo yokuqala yonyaka wezi-2009-2014. Ukuthuthukiswa kwentsha kungumongo we-ajenda yokuthuthukiswa kweNingizimu Afrika; uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe lubheke intsha okuhloswe ngakho ukukhulisa imihlomulo ngokuhlukahlukana kwabantu.
Inqubomgomo yonyaka wezi-2014-2019 iyaqinisekisa ukuthi imihlomulo yetsha iyafezwa. Ukuqaliswa kokusetshenziswa kwenqubomgomo kuyokwenza ngcono amakhono abantu abasha okuguqula umnotho nomphakathi ngokubhekana nezidingo zabo zokuthuthuka okuphelele, ikakhulukazi labo abangaphandle kwamathuba ezenhlalo, ezombusazwe kanye nezomnotho.

2.10. IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukushicilelwa kohlaka lweNqubomgomo Kazwelonke Yamalungelo Okukhubazeka kusoMqulu kaHulumeni ukuze umphakathi uphawule ngalo. Lokhu kwenzelwa: ubuyekeza Umthetho Odingidwayo omayelana neQhinga Likazwelonke Elididiyelwe Lokukhubazeka, nokuhlanganisa kokubili izibophezelo seSivumelwano SeNhlangano Yezizwe mayelana Namalungelo Abantu Abakukhubazekile nezimiso zoHlelo Lokusebenza Lwezwekazi lweNyakashumi Lase-Afrika  Labantu Abaphila Nokukhubazeka nomthetho, inqubomgomo nemihlahlandlela yaseNingizimu Afrika kanye ne-NDP 2030.

2.11. IKhabhinethi igunyaze inhloso-mbono ehlongozwayo yoPhiko Lwezokuphathwa Kwemingcele yaseNingizimu Afrika njengesisekelo sokufunda ngebhizinisi kanye nomthetho osekelayo njengomsebenzi oqhubekayo.

IKhabhinethi iphinde yamukela ukuthi kusungulwe isizinda sokulinga kanye nohlaka olufanelekile lomthetho.

Kuzosetsheniziswa indlela ezigaba-mbili yokusungula lolu phiko:

  • Isigaba Sesikhashana (kusukela ngoMasingana 2015 kuya kuZibandlela 2016) – esizosetshenziselwa ukuqala ukubhala umthetho nokuphasiswa kwawo kanye nokwenza izinhlelo zikahulumeni endaweni yemingcele zibonakale. Kusazoqhutshekwa nemizamo ekhona njengamanje yokusebenzisana kwiZintuba Zokungena Kuleli ngaphansi kwesivumelwano esisemthethweni esifaka izinhlaka ezihlukene ukuqinisa igunya lokuphatha leKomidi Elilawula Imisebenzi Yokulawula Imingcele.
  • Isigaba Sokusungulwa koPhiko (kusukela ngoMasingana 2017 kuya phambili) – siphathelene nokuqaliswa komthetho ukuze uPhiko luqale ukusebenza ngokusemthethweni njengeSikhungo Sikahulumeni endaweni yezintuba zokungena kuleli kanye nokuhlinzekela ukukhuliswa kwegunya nemisebenzi yalo ukuze ibandakanye ukuhamba emoyeni nasemhlabeni (Onogada Bemingcele) kanye nasolwandle (Onogada Bogu).

Indlela izinto ezenzeke ngayo ngesigaba sesikhashana (kubandakanya nesigaba sokulinga) yikona okuzoba ngumhlahlandlela ongcono weziphakamiso zokugcina okumele zamukelwe.

2.12. IKhabhinethi ikwamukele ukufuduswa kweqhaza lophiko oluphambili lweKomidi Elilawula Imisebenzi Yokulawula Imingcele lisuka ngaphansi kweSars liyofakwa ngaphansi koMnyango Wezasekhaya.

2.13   IKhabhinethi yazisiwe ngemiphumela yocwaningo lokuhlola izinguquko ezikhona, olwenziwe kwiZinhlangano Zikazwelonke Zezemidlalo ezikhethiweyo. Lokhu kwahlinzeka imininingwane yebanga eselihanjwe yizinhlangano zezemidlalo ekuletheni izinguquko eNingizimu Afrika kule minyaka ingamashumi amabili yedlule, kusukela kwabekwa imikhawulo yezinguquko kwezemidlalo okumele ifezekiswe. Imiphumela izosetshenziswa nguMnyango Wezemidlalo Nezokungcebeleka ukuhlinzeka ukweseka okugxilile kulezo zinhlangano ezidinga ukusekelwa kwezokuphatha.

Inhloso yalolu cwaningo kwakuwukubhala umhlahlandlela owuhlaka wokuhlola uguquko oselwenziwe emikhakheni ehlukahlukene kasomqulu wezinguquko; amazinga ukusebenza, ukuhlukana kwabantu, ukufinyeleleka, amakhono kanye nokukwazi ukwenza, ukuphatha, ukulingana emsebenzini nokuthenga ngendlela evunayo.

Ngokusebenzela phezu kwezifundo ezatholakala ocwaningweni lokuhlola lokuqala, isigaba sesibili sokucwaninga saqala ngoNdasa 2014. Umkhawulo walolu cwaningo uhlanganisa zonke izinhlobo zezemidlalo eziyi-16 eziseqhulwini.

2.14  IKhabhinethi isimemezele Usuku Lokungcebeleka Lukazwelonke lonyaka oluzoba ngoLwesihlanu lokuqala kuMfumfu minyaka yonke. Lokhu kuzonika ithuba bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza ngenkuthalo kwezokungcebeleka okuyinto ezokwenza abantu bahlale bengumqemane futhi kwenze ngcono nenhlalakahle yabo.

Izakhamuzi eziphile kahle emzimbeni futhi ezibamba iqhaza kuyinto ebalulekile kakhulu ekufezekisweni kwe-NDP.

Ukuze asetshenziswe ngokugcwele amathuba ahlinzekwa ngezokungcebeleka, Usuku Lukazwelonke Lwezokungcebeleka ludinga ubunye, ukusebenza ngokuhlanganyela kanye nemisebenzi efaka phakathi yonke imikhakha. Ukufezekisa lokhu, iKhabhinethi igunyaze ukusungulwa kweKomidi Likazwelonke Elibhekelele Lokhu.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokulawulwa Komkhakha Wezezimali owuhlaka lwesibili kanye nokwethulwa kwawo ePhalamende kanye nokukhishwa koHlaka Lwenqubomgomo Yokuziphatha Ezimakethe ukuze umphakathi uphawule ngawo. Uhlaka luzokwenza ukuthi umphakathi ube nolwazi olungcono ngenkathi uphawula ngoMthethosivivinywa.

3.1.1. UMthethosivivinywa Owuhlaka Lwesibili Wokulawula Umkhakha Wezezimali, wezi-2014 ulandela imibono yomphakathi eyatholwa ngenkathi kwenziwa uhlaka lokuqala olwagunyazwa yiKhabhinethi ngoZibandlela 2013. Inhloso yalo Mthethosivivinywa ukwenza umkhakha wezezimali uphephe ngokuqalisa ukusebenza kohlelo lokulawula olubizwa 'nge-twin peaks', nokuwuhlelo olunzulu futhi oluphelele lokulawula umkhakha wezezimali, ngokubeka phambili amakhasimende nokuvikelwa kwezimali zawo.

Indlela 'ye-twin peaks' yokulawula ezezimali isekela uhlelo lokulawula oluphelele, olunezinhloso ezimbili: (a) ukuqinisa ukuzinza kwezezimali kanye nokusebenza kahle kwezikhungo zezimali ngokwakha 'Uphiko Lokuphathwa Kahle Kwezimali' (ngaphakathi kwiBhange Lombuso LaseNingizimu Afrika) kanye (b) nokuvikela amakhasimende abeke izimali zawo emabhange kanye nokuqinisekisa ukuthi aphathwa ngendlela enobulungiswa yizikhungo zezimali ngokusungula uPhiko Olubhekelele Ukuziphatha Emkhakheni Wezezimali, futhi oluqaphe indlela abahlinzeki bemisebenzi yezezimali abaziphatha ngayo.

UMthethosivivinywa uzohlinzeka uPhiko Lokuziphatha Emkhakheni Wezezimali kanye noPhiko Lokuphathwa Kahle Kwezimali lokuphatha ngegunya lokwengamela zonke izikhungo zezimali futhi uzihlinzeke ngamathuluzi ahlukahlukene okulawula nokuqapha ukuze zifezekise amagunya azo.

Lokhu kungaphezu kwabalawuli ababili njengoba kwakha uhlelo oluhambelanayo futhi oluyisisekelo lokukhishwa kwamalayisensi, ukuqapha, ukuqinisekisa ukuthotshelwa komithetho, izikhalazo zamakhasimende (kubandakanya nabalamuli), indlela yokudlulisa isinqumo esikhishiwe (inkantolo) kanye nokwelulekwa nokufundiswa kwamakhasimende.

3.1.2. Uhlaka Lwenqubomgomo Yokuziphatha Ezimakethe lulawula ukuphathwa ngendlela enobulungiswa kwamakhasimende emkhakheni wezezimali, nokuyisifundo esibalulekile seNingizimu Afrika esifundwe eNkingeni Yokufadalala Komnotho Womhlaba yonyaka wezi-2008. Nakuba umkhakha wezezimali waseNingizimu Afrika ukhombise ukuqina nokuzinza, uhulumeni ubonile ukuthi lo mkhakha ungakhiqiza imiphumela engcono kumakhasimende ezimali kanye nomnotho.

Kube nokungaziphathi kahle okuningana ezimakethe emkhakheni wezezimali eNingizimu Afrika, futhi uhulumeni ungenelele ngenhloso yokulungisa lokhu. Kodwa izinselelo zokungaziphathi kahle ezimakethe eziqhubekayo kugcizelele isidingo sendlela enzulu futhi ephelele yokubhekana nenkinga yokungaziphathi kahle emkhakheni wezezimali wonkana.

3.2. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Amalungelo Abalimi Bezitshalo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wamalungelo Abalimi Bezitshalo, we-1976 (Umthetho we-15 wonyaka we-1976). UMthethosivivinywa uhlose ukuqinisa ukuvikelwa kwamalungelo obunikazi bempahla ahlobene nezitshalo ezintsha ezinhlobonhlobo. Ukuvikeleka okunjalo kunomthelela ekukhuleni komnotho njengoba kunomthelela omuhle ekuncintisaneni komkhakha wezokulima waseNingizimu Afrika.

Ezinye zeziphakamiso zezichibiyelo ezibalulekile zibandakanya: ukwandiswa kwezinhlobo zezitshalo; ukuxazulula izindaba zokwephulwa kwamalungelo abalimi bezitshalo ngokusebenzisa izinhlawulo nezijeziso ezifanele kanye nokuchaza imikhawulo kanye nabahlomuli ekusetshenzisweni kwamalungelo omlimi; nokunikeza uNgqongqoshe amandla okusungula Ikomidi Labelukeli Bamalungelo Abalimi Bezitshalo ukuze beluleke iSikhulu Esibhalisayo ngezindaba ezihlobene nokuvikelwa kwezitshalo ezahlukahlukene.

3.3. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wokwenziwa Ngcono Kwezitshalo ePhalamende.

Ukwenziwa ngcono kwezitshalo eNingizimu Afrika kulawulwa nguMthetho Wokwenza Ngcono Izitshalo, we-1976 (uMthetho wama-53 we-1976) osuchitshiyelwe izikhathi ezimbalwa, okokugcina okwenziwa ngonyaka we-1996. Izichibiyelo zenza umkhawulo nezimiso zoMthetho zihambisane noMthethosisekelo kanye neminye imithetho efanelekile  emkhakheni wezolimo.

UMthethosivivinywa uhlose ukwenza ngcono ukukhiqizwa kwezitshalo ngendlela esimeme ngokulawula izikhwalithi yezitshalo nembewu.

Ukubaluleka nendima yomthetho yokwenziwa ngcono kwezitshalo kuncike ekwamukelweni kokubaluleka kwempahla yokuqinisekisa izitshalo eziyikhwalithi ukuze kusekelwe ukukhiqiza okusimeme kanye nokubamba iqhaza ezimakethe zomhlaba ngokubeka amazinga ekhwalithi yezitshalo kanye nembewu kanye nezinhlobo zamabhizinisi aqhuba umsebenzi wezitshalo kanye nembewu.

3.4. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ovikela Izilwane Ezisetshenziswa Emibukisweni.

Lo Mthethosivivinywa uchibiyela isigaba sesi-2 kanye nesesi-3 soMthetho Wokuvikelwa Kwezilwane Ezisetshenziswa Emibukisweni we-1935 (uMthetho wama-24 we-1935) ezamenyezelwa njengeziphambene nomthethosisekelo mayelana nokuthatha izinqumo kwezimantshi, eziphathelene namalayisensi kanye nokukhishwa kwawo enikezwa umuntu ohlose ukuqeqesha nokusebenzisa izilwane emibukisweni kanye nomuntu osebenzisa izinja ukuqapha.

UMthethosivivinywa uhlose ukulungisa inkinga ehlonzwe yiNkantolo yoMthethosisekelo ephathelene nokudluliselwa kwemisebenzi yokukhipha amalayisensi ezilwane ezisetshenziswa emibukisweni isuka emaJajini ifakwe ngaphansi kweKhabhinethi.

Lokhu kuhambelana noMthetho Wokuvikelwa Kwezilwane, we-1962 (uMthetho wama-71 we-1962) ohlanganisa imithetho emayelana nokuvinjelwa kokuhlukunyezwa kwezilwane.

4. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

4.1. IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibandakanye empini yokulwisana nesifo se-Ebola ngokuthi babambe iqhaza emkhankasweni weNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika  (i-AU) we-SMS wokuqoqa izimali. Njengamanje iKhomishana (ye-AU) seyiqoqe iminikelo yemali engaphezu kwamadola aseMelika ayizigidi ezingama-20 ngokusebenziswa umkhankaso wayo othi-hashtag "#AfricaAgainstEbola", kodwa-ke iseningi imali edingekayo. Ngokuthumela i-SMS ethi ‘Stop Ebola’ ku-40797 abantu baseNingizimu Afrika bazobe bengagcini ngokunikela nge-R10 nje kuphela kepha bazobe bekhulisa futhi nethemba kanye nokuzibophezela ukuthi singanqobeka isifo se-Ebola futhi nakanjani sizonqotshwa.

4.2. IKhabhinethi ifisela wonke umuntu ukuthula nokuphumula kamnandi ngalama holidi okuphela konyaka futhi iyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babeke phambili inqubo yoBuntu/Botho ngokuthi balekelele labo emiphakathini yethu abangakwazi ukuzondla nokuzinakekela futhi bakhombise uthando njengesizwe esinakekelanayo futhi esihloniphanayo. Bonke abazali kumele banakekele izingane zabo futhi bazibhasobhe ngalesi sikhathi sonyaka. Labo abayizisulu zokuhlukunyezwa kumele bakhulume futhi babike izenzo zokuhlukunyezwa ngokuthi bafonele isikhungo esilwisana nokuhlukunyezwa esitholakala amahora angama-24 kule nombolo: 0800 428 428.

IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele kakhulu ngalesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka, futhi bangaphuzi utshwala ngokweqile, bangaxhaphazi izidakamizwa; futhi bathokozele isikhathi samaholidi ngokuphepha futhi baziphathe kahle. Bonke abantu banendima okumele bayidlale emizamweni yokunqanda izigameko zobugebengu, izingozi kanye nokuxhashazwa kwabantu, okuyizigameko ezivamise ukwanda ngalesi sikhathi sonyaka.

IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi amaphoyisa omgwaqo ngeke akubekezelele nakancane ukuphulwa kwemithetho yomgwaqo ngalesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka. Iyabanxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi bahloniphe umkhawulo wejubane; baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esifanele ukuba semgwaqeni; bangashayeli bedakiwe futhi bafase amabhande okuphepha. Abantu abahamba ngezinyawo bayanxuswa ukuthi baqinisekise ukuthi ngenkathi besebenzisa umgwaqo ababeki izimpilo zabo nezabashayeli engozini.

Uhulumeni uzodlala indima yakhe ngokuthi ahole imikhankaso enhlobonhlobo njengomkhankaso wokunakekela impilo yakho ukuze uHlale Ungumqemane  kanye nomkhankaso woKufika Uphephile  njengomzamo wokubambisana nemiphakathi ngenhloso yokugqugquzela ukuziphatha kahle kanye nokuphepha.

4.3. IKhabhinethi iyadabuka ngokubulawa kabuhlungu kukathisha waseNingizimu Afrika u-Pierre Korkie kwelase-Yemen kanye no-Werner Groenewald nezingane zakhe ezimbili u-Rode kanye no-Jean-Pierre abashone ngenkathi behlaselwa kwelase-Afghanistan. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emindenini yabo nabangani.

4.4. Uyaqhubeka umsebenzi wokuhlonzwa kwezidumbu ebezingakahlonzwa zabantu baseNingizimu Afrika abayi-11 abashona kabuhlungu enhlekeleleni yokubhidlika kwesakhiwo e-Nigeria futhi uhulumeni useyiqinisile imizamo yokuqinisekisa ukuthi izidumbu zabo zilethwa ekhaya ngokushesha.

4.5. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaGigaba ngokushiywa ngubaba wabo, uMfundisi Jabulani Gigaba. Ubengubaba kaNgqongqoshe Wezasekhaya uMnu Malusi Gigaba. IKhabhinethi ithanda futhi nokudlulisa amazwi enduduzo emndenini nabangani bakaSisi Mabe, obenguSomlomo wesiShayamthetho saseFreyistata.

4.6. IKhabhinethi iyalihalalisela iqembu lesizwe likanobhutshuzwayo i-Bafana Bafana kanye nomqeqeshi wabo u-Ephraim “Shakes” Mashaba njengoba lizoba ngelinye lamazwe azobe edlana imilala eMqhudelwaneni Wendebe Yamazwe ase-Afrika yowezi-2015 e-Equatorial Guinea ozoqala mhla ziyi-17 kuMasingana 2015, futhi iKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balisekele iqembu lesizwe njengoba lizobe lindizisela phezulu ifulegi lethu.

4.7. IKhabhinethi yakuphawula ukwethulwa koMbutho Wentsha Wezokuhlaliswa Kwabantu mhla lu-1 kuya kumhla zi-2 kuZibandlela, okwenziwe nguMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu, Nesikhungo Sokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane kanye noPhiko Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwentsha (i-NYDA) kwiNgqungquthela Yentsha Kazwelonke Yezokuhlaliswa Kwabantu.

Le Ngqungquthela yabhunga ngezinhlelo zeminyango kahulumeni zokuthuthukiswa nokufukulwa kwentsha okuhloswe ngazo ukulekelela abantu abasha nokuthi kutholakale ukuthi bangalibamba kanjani iqhaza ekuhlinzekweni kwezindlu. Ngasemaphethelweni eNgqungquthela bonke ababambiqhaza basayinda iSivumelwano Sentsha Sikazwelonke Sokuhlaliswa Kwabantu, okuyisenzo esithathwa njengesitatimende esikhombisa injongo yokwakha indlela edidiyelwe futhi efaka imikhakha yonke ekuhlinzekweni kwezindlu ngokuthi kugqugquzelwe intsha, ithuthukiswe futhi ibambe iqhaza ngokusebenzisa iMibutho Yentsha Yezokuhlaliswa Kwabantu. Injongo yalokhu ukugqugquzela abantu abasha ukuthi bafake isandla emklamweni okuhloswe ngawo ukuthi kuhlinzekwe izindlu ezingu-1.5 wezigidi futhi okuhloswe ngakho ukuthi kuqashwe futhi kuqeqeshwe iMibutho Yetsha eyizi-10 000 kule minyaka emihlanu ezayo.

5. Imicimbi ezayo

5.1. Mhla ziyi-12 kuZibandlela 2014, uMongameli wase-South Sudan, uMhlonishwa u-Salva Kiir Mayardit uzovakashela eNingizimu Afrika ohambweni lwakhe olusemthethweni lapho ezosingathwa khona nguMongameli Jacob Zuma eKapa.

6. Abaqashiwe
IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo, kodwa ukuqokwa kwabo kuzoqinisekiswa uma sebekhombise ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe imvume efanelekile:
6.1.    Abaqokelwe ukuba ngamalungu eBhodi Yomkhandlu Wezocwaningo Lwezesayensi kanye Nolwezezimboni:
a)    Slz Thokozani Majozi (uSihlalo);
b)    Dkt Ramatsemela Masango ;
c)    Slz Mamokgethi Phakeng;
d)    Dkt Philip Hugh Goyns;
e)    Dkt Ayanda Noah;
f)    Dkt Antonio Llobell;
g)    Nksz Phindile Baleni;
h)    Adv Ghandi Badela;
i)    Nkk Mokgadi Maseko; kanye no
j)    Mnu Joel Netshitenzhe.

6.2.    Abaqokelwe ukuba ngamalungu oMkhandlu Wezamalayisensi Okundiza Ngamabhanoyi:
a)    Dkt Malindi Neluheni (uSihlalo);
b)    Nksz Kenosi Selane (iPhini likaSihlalo);
c)    Adv Frans Johannes van der Westhuizen;
d)    Mnu Bheki Innocent Dladla; kanye no
e)    Nksz Sibongile Rejoyce Sambo.

6.3.    Abaqokelwe ukuba ngamalungu oMkhandlu Wamazwe Ngamazwe Wezokundiza Ngamabhanoyi:
a)    Adv Phetole Patrick Sekhule (uSihlalo);
b)    Dkt Xolani David Gwala (iPhini likaSihlalo);
c)    Nksz Deshnee Govender;
d)    Adv Lufuno Tokyo Nevondwe; kanye no
e)    Nksz Fulufhelo Velda Mphuti

6.4.    Abaqokelwe ukuba ngamalungu eBhodi Yebhange Lezomhlaba kanye neBhange Lentuthuko Yezolimo.
a)    Slz Abdus Salam Mohammad Karaan (oqashwe kabusha);
b)    Nksz Susan Ann Lund (oqashwe kabusha);
c)    Mnu Mabotha  Arthur Moloto (uSihlalo);
d)    Mnu Njabulo Zwane; kanye no
e)    Nksz Dudu Hlatshwayo.

6.5. Abaqokelwe ukuba ngamalungu eBhodi ye-Transnet SOC Ltd (njengabaQondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu):
a)    Nksz Linda Carol Mabaso (uSihlalo);
b)    Mnu Stanley David Shane;
c)    Mnu Mogokare Richard Seleke;
d)    Dkt Gideon Mahlalela;
e)    Nksz Potso Elizabeth Bridgette Mathekga;
f)    Nksz Zainul Abedeen Nagdee;
g)    Mnu Vusi Matthew Nkonyane;
h)    Mnu Peter George Williams;
i)    Mnu Brett Gerard Stagman;
j)    Nksz Yasmin Forbes (oqashwe kabusha); kanye no
k)    Nksz Nazmeera Moola (oqashwe kabusha).

6.6. Abaqokelwe ukuba ngamalungu eBhodi ye-Eskom SOC Ltd (njengabaQondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu):
a)    Mnu Zola Andile Tsotsi (oqashwe kabusha futhi onguSihlalo);
b)    Mnu Chwayita Mabude (oqashwe kabusha);
c)    Mnu Norman TinyikoBaloyi;
d)    Dkt Pathmanathan Naidoo;
e)    Nksz Venete Jarlene Klein;
f)    Nksz Nazia Carrim;
g)    Mnu Romeo Kumalo;
h)    Mnu Mark Vivian Pamensky;
i)    Mnu Zethembe Wilfred Khoza;
j)    Dkt Baldwin Sipho Ngubane; kanye no
k)    Nksz Devapushpum Viroshini Naidoo.

6.7. UMnu Geoff Qhena uqashwe kabusha njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) wesiKhungo Sezokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC). Amagama aMalungu eBhodi ye-IDC angakamenyezelwa azomenyezelwa nguNgqongqoshe Patel ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

6.8  Umkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni / Abanye abaqashiwe:
a)   Ukuqashwa kwe-CEO yeBhange Lezomhlaba, uMnu TP Nchocho kusukela mhla lu-1 kuMasingana 2015 ngaphansi kwenkontileka yeminyaka emihlanu, ezophela mhla zingama-31 kuZibandlela 2019.
b) Ukuqashwa kwe-CEO yeSikhungo Sokutshalwa Kwezimali Zikahulumeni (i-PIC), uDkt Daniel Mmushi Matjila, ozoqala ngokushesha emsebenzini, isikhathi esiyiminyaka emihlanu kuze kube ngumhla zingama-30 kuLwezi 2019.
c)  Ukuqashwa kabusha kukaMnu Murray Michell, njengoMqondisi weSikhungo Sezobunhloli Bezezimali (i-FIC), isikhathi esengeziwe esiyiminyaka emibili, kusukela mhla lu-1 kuMasingana 2015 kuya kumhla zingama-31 kuZibandlela 2016.
d)  Ukwelulwa kwenkontileka kaMqondisi-Jikelele woMnyango Wezasekhaya, uMnu Mkuseli Apleni, isikhathi esengeziwe esiyiminyaka emihlanu, kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2015 kuya kumhla zingama-31 kuNdasa 2020.
e)   Ukuqashwa kweSikhulu Esiyinhloko Esilawula Imisebenzi Eyenziwayo eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba uMnu Marks Charles Thibela.
f)  Ukuqashwa koMphathi Omkhulu Wezezimali eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, uNksz Rendani Sadiki.

Isiphetho
IKhabhinethi ithanda ukufisela wonke umuntu amaholidi amnandi, futhi kumele siphumule kahle ukuze sibuye sinomdlandla ngowezi-2015 futhi sisebenze ngokuhlanganyela ngenhloso yokufezekisa umsebenzi osemahlombe kahulumeni. Sisonke, siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Mnu Donald Liphoko
Inombolo yeselula: 082 901 0766

Share this page

Similar categories to explore