Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla zingama-25 kuNhlolanja 2026.

A. Ezisematheni

1.1. I-SoNA yangowezi-2026: Silungisa Okufanele Sikulungile ukuze Sonke Sidlondlobale
1.2. IKhabhinethi lizibophezele ekuqalisweni ngokushesha kwezibophezelo ezenziwe nguMongameli uRamaphosa ngesikhathi ethula iNkulumo Ngesimo Sezwe yowezi-2026 kanye nasekunikeni Izimpendulo kwinkulumo-mpikiswano ye-SoNA. nempendulo yengxoxo ye-SoNA.
1.3. I-SoNA yowezi-2026 ibeke phambili ukubhekana nezinselele ezinkulu izwe elisabhekene nazo naphezu kwenqubekela-phambili yezomnotho njengoba kuqinisekiswe yizinkomba zomnotho olokhu uqhubeke njalo nokukhula. Lezi zinselele yilezi: (a) inkinga yamanzi kuzwelonke, (b) Isifo Samatele, (c) Ubugebengu Obuhleliwe nohlelo lwezobulungiswa bobugebengu oluntekenteke, (d) uhlelo lohulumeni wasekhaya oluntekenteke, (e) kanye Nokungabikho kwemisebenzi.
1.4. Enkingeni yamanzi, uMongameli uzohola iKomidi Elibhekele Inkinga Yamanzi elizohlanganisa futhi lihlele zonke izingenelelo okuhloswe ngazo ukuxazulula izinselele zamanzi zaseNingizimu Afrika. Ikomidi Elibhekele Inkinga Yamanzi lizophothula Uhlelo Lokusebenza Lwamanzi oluzogxila ezindleleni zokungenelela zesikhathi esifushane, esiphakathi kanye neside ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi amanzi awapheli emakhaya. Ukuletha uzinzo ekuphakelweni kwamanzi eGauteng, uNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ugunyaze ilayisensi yokusetshenziswa kwamanzi ephuthumayo yeRand Water yokudonsa amanzi engeziwe Ohlelweni Oluhlanganisiwe loMfula iVaal izinyanga ezintathu (3), okuvumela omasipala ukuthi banyuse amazinga amanzi emathangini agcina amanzi.
1.5. Kuqaliswe ukulwa noBugebengu Obuhleliwe kanye nohlelo lobulungiswa bobugebengu oluntekenteke ngokulandela iqhingasu elijulile. Leli qhingasu lihlanganisa ukuqaliswa koHlelo Lukazwelonke Lokulwa Nobugebengu Obuhleliwe oluqiniswa nangokutshalwa kwe-SANDF ezindaweni ezigcwele amaqembu ezigelekeqe, kanye nokukhucululwa kohlelo lobulungiswa bobugebengu ngokuthi kuhlolisiswe kabusha amalungu alo kanye namaphoyisa kamasipala. Ukuhlolwa kabusha kuhlanganisa ukuhlolwa kwendlela yokuphila. Uhlelo Lokuhlola luzothunyelwa eKomidini Elihlangene Lobunhloli. Ngaphezu kwalokho, sekusungulwe ithimba elizinikele le-SAPS ukuze liphenye ubufakazi bobugebengu obubhekiswe kumalungu aphezulu e-SAPS athintekayo kwiKhomishini kaMadlanga. Ukuhlolisiswa kabusha kubandakanya ukuhlolwa kwendlela yokuphila. UHlelo Lokuhlolisisa luzothunyelwa eKomidini Elihlangene Lobunhloli. Ngaphezu kwalokho, sekusungulwe ithimba elizinikele le-SAPS ukuze liphenye ubufakazi bobugebengu obubhekiswe kumalungu aphezulu e-SAPS athintekayo kwiKhomishini kaMadlanga.

2. ISabelomali Sikazwelonke sowezi-2026 (izigidintathu ezi-R2.67)

2.1. IKhabhinethi lamukele iSabelomali sezigidintathu ezi-R2.67 sowezi-2026 esizoxhasa izithembiso ezenziwe nguMongameli kwi-SoNA.
2.2. Ukuze kwesekwe ukulwa nobugebengu, uNgqongqoshe Wezezimali wengeze izigidigidi ezi-R2.7 ngaphezulu kwe-MTEF kwisabelomali seZokuvikela ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kanye nesigidigidi esi-R1 esengeziwe ngasinye esiya ku-SAPS kanye ne-SANDF esivela eSikhwameni se-CARA ukuze kulwiwe nobugebengu obuhleliwe.
2.3. Ukweseka izinguquko zohulumeni basekhaya ukuqinisekisa ukulethwa kwezidingonqangi, uNgqongqoshe Wezezimali umemezele izigidigidi ezi-R27.7 ngaphezulu kwe-MTEF ukuze kube noshintsho oluhambisana nokusebenza kwezinkampani zikamasipala ezihweba ngogesi, amanzi kanye nemfucuza eqinile. Inhloso yalolu shintsho ukuqinisekisa ukuvikela imali engenayo yamanzi kanye nogesi ukuze itshalwe kabusha kwizinsizakalo ngaphambi kokuthi iyosebenza ukuxhasa ezinye izinto.
2.4. Ngaphezu kwalokho, uNgqongqoshe umemezele ukwethulwa kweNdlela Ehlukene Yokulethwa kwesibonelelo sengqalasizinda yomasipala (i-MIG), lapho omasipala abanezinkinga ezinkulu zokulethwa kwezinsizakalo noma ukwehluleka ekubuseni bazoshintshelwa kwindlela yolulethwa kwezinsizakalo engaqondile. Indlela yokulethwa kwezinsizakalo engaqondile, izoholela ekutheni omasipala bezifunda abanekhono kanye nezinye izinhlaka ezigunyaziwe zizoba yingxenye yomsebenzi wabo wokulethwa kwengqalasizinda.
2.5. ISabelomali siphinde sehlisa ubunzima bentela emakhaya kanye namabhizinisi amancane ngokuhoxisa izigidigidi ezingama-R20 zokunyuka kwentela okwabekwa okwesikhashana kwiSabelomali sikaNhlaba ngowezi-2025, ukulungisa isilinganiso sentela yengeniso yomuntu kanye nezaphulelo ngokugcwele ngokuhambisana nokwehla kwamandla emali, kanye nokunyusa isilinganiso sokubhaliswa kwe-VAT okuphoqelelwe kusuka kwisigidi esi-R1 kuya kwizigidi ezi-R2.3.
2.6. IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukuzibophezela kwalo ekuphathweni kwezimali okuhlakaniphile, uhlelo lokuletha izinguquko, kanye nokuqaliswa okusheshayo kwezingenelelo nezinhlelo okuholele ekunciphiseni ukushoda kwesabelomali kanye nokukhula komnotho okuqhubekayo okwenza iSabelomali sowezi-2026 saba impumelelelo.

3. Intuthuko eqhubekayo ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi

3.1. IKhabhinethi lamukele imiphumela yeKota Yesine yowezi-2025, iKota Yesine, njengoba ikhishwe abeZibalo eNingizimu Afrika ekhombisa ukuthi izinga Labantu abangasebenzi lehle ngamaphesenti angu-0.5 laya ku-31.4% kwikota yesine yezi-2025 kusuka ku-31.9% kwikota edlule.
3.2. Inani labantu abangasebenzi lehle ngezi-172 000 laya kwisigidi esiyisi-7.8, kwathi ukuqashwa kwenyuka ngezi-44 000 ku-Q4 2025 kwaya kwisigidi esiyi-17.1 sabantu abaqashiwe.
3.3. Lokhu kubonisa ikota yesithathu elandelana yokukhula kwenani Labantu abasebenzayo, futhi kuyakhuthaza ukuthi imikhakha ebalulekile njengeyokwakha, ezezimali kanye nezolimo ibe nezibalo eziphezulu zabantu abasebenzayo.

4.1. Imigomo Yokuguqulwa Komnotho kanye Nenqubekela-phambili

4.1.1. IKhabhinethi leseke isimemezelo sikaMongameli se-SoNA sokuthi akwamukeleki ukuthi eminyakeni engama-31 yentando yeningi labantu, Abantu Abamnyama base-Afrika, amaKhaladi, namaNdiya bayaqhubeka nokuba namathuba ayingcosana kwezomnotho kunabantu abamhlophe, futhi akwamukeleki ukuthi abesifazane bahola imali encane kunabesilisa.
4.1.2. Imininingwane evela kwabezeZibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) iqinisekisa ukuthi phakathi kowezi-2006 nowezi-2023, amakhaya abantu abamnyama base-Afrika abe nemalingena enyuke ngamaphesenti angama-46, amakhaya amakhaladi ngamaphesenti angama-29 kwathi amakhaya abantu baseNdiya ngamaphesenti ayi-19. Izinga lobumpofu kuBantu Abamnyama lehle lisuka kumaphesenti angama-67 ngowezi-2006 laya kumaphesenti angama-44 ngowezi-2023 kanti izinga lobumpofu kubantu abangamakhaladi lehle lisuka kumaphesenti angama-43 laya kumaphesenti angama-25 esikhathini esifanayo.
4.1.3. Naphezu kwale nqubekela-phambili, iKhabhinethi livumile ukuthi imali engenayo ejwayelekile yemindeni yabamhlophe ihlala ingaphezulu ngokuphindwe kahlanu kuneyemindeni emnyama.
4.1.4. Kulokhu, iKhabhinethi lamukele ukubuyekezwa ngokushesha koHlaka olubanzi Lokweseka Abantu Abamnyama Kwezomnotho ukuqinisekisa ukuthi lweseka izinhlelo ezinkulu eziletha uguquko kanye nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu.

4.2 Amakhaya abantu abamnyama manje asesilinganisweni semalingena ephezulu yama-41%

4.2.1. IKhabhinethi likwamukele lokho okutholwe yiLiberty Institute of Strategic Marketing yaseNyuvesi yaseKapa ngokusekelwe yimininingwane ye-Stats SA, ekhombisa ukuthi inani lemindeni yabantu abamnyama ethola imali engaphezu kwezi-R75 000 ngenyanga likhuphuke laya kuma-41% ngowezi-2024 lisuka kuma-29% ngowezi-2012. Inani laBantu Abamnyama baseNingizimu Afrika abasezingeni lemiholo eliphakathi neliphezulu, abahola ngaphezu kwezi-R22 000 ngenyanga, liphindwe kane laya ngaphezu kwezigidi eziyisi-7 ngowezi-2024. Sekukonke, inani labantu kulawo maqembu emali engenayo likhuphuke lisuka cishe kwizigidi ezi-4 laya kwizigidi eziyi-11, phakathi kowezi-2012 nowezi-2024.
4.2.2. Ukwenyuka kwemali engenayo kubantu abamnyama kuguqula kancane kancane iphrofayili yobuhlanga yabantu abahola kakhulu eNingizimu Afrika. Lokhu kuyinzuzo eqondile yeminyaka engamashumi amathathu nanye yokuguqulwa kwentando yeningi ngezinhlelo ezifana nokulingana kwezemisebenzi kanye nokunika amandla abantu abamnyama kwezomnotho. Le nqubekela-phambili yenziwa ezweni elakhiwe ukungalingani okuhleliwe, lapho iningi labantu abamnyama lalibandlululwa khona ngesikhathi sokubusa kwamakoloni kanye nobandlululo, futhi amaholo ayeya ngokuthi unguluphi uhlanga, ngezinhlelo zikahulumeni zokuletha uguqulo phakathi kwokunye.
4.2.3. IKhabhinethi liyakwamukela futhi ukuthi le nqubekela-phambili ayikahambisani ngokuhlukaniswa kwabantu baseNingizimu Afrika. Inani laBantu Abamnyama baseNingizimu Afrika lisephezulu kakhulu ezibalweni zabantu abahluphekayo nabasebenza kodwa bebe besahlupheka, futhi izigidi zisaphila ngaphansi kobubha.

5. INingizimu Afrika iqalisa ukukhiqizwa kwemithi yokugoma kuleli lizwe ukuze kuliwe nokuqubuka kwe-FMD ukuze izwe lethu lizobuyela esimeni sokungabi nazifo

5.1. Ucwaningo Lwezezilwane lwase-Onderstepoort (i-OVR) loMkhandlu Wocwaningo Lwezolimo (i-ARC) iqalise kabusha ukukhiqizwa kwemithi yokugoma yeSifo Samatele (i-FMD) ezosebenza eminyakeni engaphezu kwengama-20. Iqoqo lokuqala lemithi yokugomela i-FMD ekhiqizwe kuleli ladluliselwa ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-6 kuNhlolanja 2026. Lo msebenzi omuhle ngakanga uzofaka igalelo ezinyathelweni eziphuthumayo zokunqanda ukusabalala kwe-FMD okuyimanje kubhubhisa imfuyo engaphezu kwezigidi eziyi-14 ezweni nokudala umonakalo omkhulu kubalimi.
5.2. IKhabhinethi linesiqiniseko sokuthi ukwakhiwa kabusha kwamakhono okukhiqiza imithi yokugoma kuleli lizwe ngokusebenzisa i-ARC kanye ne-OBP Engaphansi kukaHulumeni kuzophinde kusize ekufezeni inhloso yokubuyisela isimo seNingizimu Afrika sokungabi na-FMD kwiNhlangano Yomhlaba Yempilo Yezilwane (i-WOAH). IKhabhinethi lidlulisa ukubonga kwalo kubalimi, abasebenze ngokungakhathali ukuhlangabezana nemizamo yoMnyango Wezolimo yokunqanda ukusabalala kwe-FMD okukhona njengamanje.

6. Izibalo Zobugebengu Zakamuva zibonisa inqubekela-phambili eqhubekayo ekulweni nobugebengu

6.1. I-SAPS ikhiphe izibalo zobugebengu ze-Q3 2025/26 ngomhla wama-20 kuNhlolanja 2026 nezilethe kuzwelonke isithombe sobugebengu esibonisa ukuthi kunokuqaphelisisa, nobufakazi yize usemningi umsebenzi okusafanele wenziwe.
6.2. Ngokuphathelene nokubulala, ukwehla okuqale ku-Q1 2023/24 kuqhubekile, ngokwehla okurekhodiwe okungu-8.7%, okumele ukushona kwabantu abangama-602 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Eminyakeni emibili edlule, ukubulala kule kota kwehle ngo-17.6%, okuchaza ukuthi bayi-1 359 ababulewe. Ukwehla ngenani elingaphezu kweshumi kokubulala kubalwe ezifundazweni ezinhlanu: KwaZulu-Natali, eGauteng, eMpumalanga, eFreyistata, kanye naseNyakatho-Ntshonalanga. Kube nokwehla okuncane eNtshonalanga naseMpumalanga Kapa, kwaba nokunyuka kancane ezibalweni zaseLimpopo naseNyakatho Kapa. Ezindaweni ezingama-30 ezidlange ngobugebengu kuzwelonke, ziyi-15 ezibe nezibalo ezehlile zobugebengu. Lokhu kuqinisekisa ukuthi yize izibalo zikazwelonke zibonisa ukuba ngcono, izingenelo ezibhekiswe emiphakathini ethile zisabalulekile.
6.3. IKhabhinethi likhathazekile kakhulu ngokwanda okubonakalayo kokubulawa kwamaphoyisa kule kota. Amaphoyisa angama-23 ashonile, kanti cishe angama-80% abulawe ngesikhathi engekho emsebenzini. IKhomishana Kazwelonke YoPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika inikezwe umsebenzi wokuphenyisisa okugcwele ukuvimbela lokhu kubulawa kwamaphoyisa.
6.4. Ubugebengu obenziwa ngokuthinta, obuhlanganisa zonke izigaba zobugebengu obunobudlova, behle ngo-6.7%, okubala amacala ayizi-12 682 ambalwa abikwe ku-SAPS uma kuqhathaniswa nekota efanayo ngonyaka odlule. Eminyakeni emibili, ubugebengu obunobudlova sebubonke kule kota behle ngo-8.3%, noma amacala angyizi-15 763.
6.5. Lokhu kwehla kubangelwe, ngokwengxenye ethile, izindlela ezithuthukisiwe zokusebenza kwamaphoyisa.

7. Umbiko we-SIU ngama-VISA oMnyango Wezasekhaya

7.1. Ngesikhathi uMongameli uRamaphosa esayina iSimemezelo esigunyaza uPhiko Olukhethekile Lokuphenywa Kwamacala (i-SIU) ukuthi iphenye izinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa ezinqubweni zezicelo ze-VISA ngomhla we-16 kuNhlolanja 2024, inhloso kwakungukuvikela ubuqotho bemibhalo esemthethweni yaseNingizimu Afrika kanye nohlelo lokungena kwabokufika kuleli.
7.2. IKhabhinethi lincome i-SIU ngomsebenzi wayo ozosiza uMnyango Wezasekhaya ukuvala igebe elikhona futhi uqinisekise ukuthi bonke abenzi bobubi bayaboshwa.
7.3. IKhabhinethi liphinde lancoma uMnyango Wezasekhaya ngenqubekela-phambili osuyenzile ekuqiniseni uhlelo lokusebenza lwezwe lokungena kwabokufika kuleli lizwe selokhu kwaba nezinsolo zokukhwabanisa nokutholakala kwenkohlakalo.

8. Ukubuya kwamabhungu ayi-15 kwayi-17 ayehehelwe ukuyoba ngamasosha eRussia

8.1. Uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokusebenzisana nohulumeni waseRussia bakwazile ukubuyisa ngokuphepha amabhungu aphakathi kweminyaka engama-20-39 ayehehwe ukuba ayoba ngamasosha empi eRussia. Lokhu kulandela ukuthola izingcingo ezidabukisayo zifuna usizo lokubuyela ekhaya ezivela kumabhungu ayishumi nesikhombisa (17) aseNingizimu Afrika.
8.2. IKhabhinethi lijoyine uMongameli uCyril Ramaphosa ekubongeni uMongameli uVladimir Putin owaphendula kahle esicelweni sikaMongameli uRamaphosa sokusiza inqubo yokubuyisela amadoda aseNingizimu Afrika ayehehelwe ukuyolwa impi phakathi kweRussia ne-Ukraine.
8.3. Wonke amadoda ayishumi nesikhombisa (17) akhululiwe ezivumelwaneni azisayine nabaholi bezempi. Amadoda ayishumi nanhlanu (15) abuyele eNingizimu Afrika kanti amabili (2) asele eRussia, kanti eyodwa isesibhedlela kanti enye kusacutshungulwa izinto zayo ngaphambi kokuphothula amalungiselelo akhe okuhamba.
8.4. Uphenyo luyaqhubeka oluzophenya ngezimo eziholele ekuqashweni kwala mabhungu kanye nokwephulwa kwemithetho yaseNingizimu Afrika.

9. Ingozi yaseMayini i-Ekapa

9.1. UNgqongqoshe Wezimbiwa Nemithombo Kaphethiloli, uGwede Mantashe, kanye noNdunankulu waseNyakatho Kapa uZamani Saul neMeya Ephethe eSol Plaatje uMartha Bartlett, bavakashele imayini yaseKimberley i-Ekapa Minerals Joint Shaft Mine, lapho kwenzeka khona ingozi yokukhukhuleka kodaka ngomhla we-17 kuNhlolanja 2026, okwaholela ekutheni abasebenzi abhlanu bavaleleke ngaphansi komhlaba. Yonke imisebenzi emayini imisiwe njengoba umsebenzi wokuhlenga uqhubeka. Uma umsebenzi wokuhlenga usuqediwe, uMnyango uzokwenza uphenyo olusemthethweni ngokuhambisana noMthetho Wezempilo Nokuphepha Kwezimayini ukuze kutholakale imbangela yalesi sigameko.
9.2. Ithimba le-DMPR, eliholwa nguMhloli Omphulu Wezimayini lizolokhu lisendaweni yesigameko ukuze liqaphe futhi leseke imizamo yokuhlenga. Uhulumeni uncome izinkampani zezimayini kanye noMkhandlu Wezezimbiwa eNingizimu Afrika ngosizo lwabo emizamweni yokuhlenga. Kuyaxhunyanwa nemindeni ethintekayo. Imicabango nemithandazo kahulumeni ikanye nemindeni yabasebenzi abathintekile njengoba imizamo yokubahlenga iqhubeka.

10. Ubudlelwano Bamazwe Ngamazwe

10.1. ISeshini Yama-39 Yomhlangano we-AU
10.1.1. UMongameli uCyril Ramaphosa uhole ithimba eliphezulu laseNingizimu Afrika kwiSeshini Yama-39 Yomhlangano we-AU kusukela mhla ziyi-14 kuya ziyi-15 kuNhlolanja 2026. Kulo mhlangano kuxoxwe ngamanzi nokuthuthwa kwendle ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuqinisekisa Ukutholakala Kwamanzi Okusimeme kanye Nezinhlelo Eziphephile Zokuthuthwa Kwendle Ukuze Kufezwe Imigomo Ye-Ajenda 2063”, lokhu okugxilwe kukho kuhambisana ngqo nezinto eziseqhulwini eNingizimu Afrika kanye nohlu lwe-SoNA lwezinkinga zakuleli lizwe futhi kuqinisa imizamo yezwekazi yokweseka izindlela zokutholakala kwamanzi nezinsizakalo zokuthuthwa kwendle.
10.1.2. UMongameli uRamaphosa uphinde wahambela futhi waba ngusihlalo weKomidi Eliphezulu Lesikhashana le-AU leNgqungquthela ye-South Sudan (C5) Plus. I-C5 idlala indima ebalulekile njengombonisi ekuqalisweni kweSivumelwano Esivuselelwe Sokuxazulula Ingxabano eRepublic of South Sudan.

10.2. INingizimu Afrika njengoSihlalo wesikhashana we-SADC ilungiselela ukusingatha iNgqungquthela yama-46 ye-SADC
10.2.1. INingizimu Afrika, njengoSihlalo Wesikhashana weNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe AseNingizimu ye-Afrika (i-SADC), isiqalile ukulungiselela iNgqungquthela yama-46 ye-SADC ngoNcwaba 2026 ngokubamba imihlangano yemikhakha eyehlukene.
10.2.2. Kulokhu, iNingizimu Afrika yabamba ngempumelelo umhlangano ohlanganise uNgqongqoshe Wezempilo kanye nabanye oNgqongqoshe ababhekele i-HIV ne-AIDS kwi-SADC kusukela mhla zingama-23 kuya zingama-24 kuNhlolanja 2026, kanye nabamele i-WHO, i-UNAIDS, i-UNDP, i-UNESCO, i-UNFPA, kanye ne-UNICEF.
10.2.3. Emhlanganweni kubuyekezwe izinkinga zezempilo kanye nokulawulwa kokuqubuka kwezifo.
10.2.4. Ngaphezu kwalokhu, iNingizimu Afrika izosingatha iMihlangano YoMkhandlu WoNgqongqoshe be-SADC kusukela mhla ziyi-12 kuya ziyi-13 kuNdasa 2026, ezohanjelwa oNgqongqoshe abavela emazweni ayi-15 angamalungu e-SADC, futhi lokhu kuzokwandulelwa yimihlangano yeKomidi Elikhulu elihlangana lezikhulu eziphezulu.

9.3 Ukubambisana kweNingizimu Afrika neChina Kwezomnotho
9.3.1. IKhabhinethi laziswa ngokusayinwa kweSivumelwano Sokubambisana kweNingizimu Afrika NeChina Kwezohwebo ukuze Kwabelwane Ngempumelelo (i-CAEPA) njengengxenye yeSouthern Africa Customs Union (i-SACU) kanye nobudlelwano bezohwebo neChina obuhlanganisa izingxoxo ngeSivumelwano Sokususwa Kwentela esizoholela ekufinyeleleni ngokuphelele ezimakethe ngaphandle kokukhokha intela kumazwe ase-Afrika anobudlelwano bezobunxusa neChina.
9.3.2. Ngaphezu kwalokho, iNingizimu Afrika, mhla zingama-25 kuNdasa 2026, izosingatha iNgxoxo Yesi-13 phakathi kweNingizimu Afrika neChina ezohlinzeka ngenkundla ehlelekile esezingeni eliphezulu yamazwe womabili ukuze abukeze, ahambelanise, futhi athuthukise ukuqaliswa kobudlelwano bamazwe womabili, kanye nokuqinisekisa Ubudlelwano Bokusebenzisana Emikhakheni Yonke ngokuxoxisana njalo namanxusa.
9.3.3. Ngomhla wama-26 kuNdasa 2026, iPhini likaMongameli, uPaul Mashatile uzobambisana ngokuba usihlalo weKhomishini Yamazwe Amabili yesi-9 phakthi kweNingizimu Afrika neChina (i-BNC) ehlose ukubuyekeza nokuthuthukisa ukubambisana phakathi kwamazwe amabili, ukuhambelanisa imikhakha ebaluleke kakhulu, kanye nokuqinisa ukubambisana kwezepolitiki, ezomnotho kanye nobuchwepheshe phakathi kwamazwe amabili.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Inqubekela-phambili ekuqalisweni kweMpendulo kaMongameli ezincomweni zeKhomishini Yokubanjwa Kombuso Ngobhongwane

1.1. IKhabhinethi ligunyaze inqubekela-phambili ekuqalisweni kwezinyathelo ezivela Ezincomweni zeKhomishini Yobulungiswa mayelana Nezinsolo Zokubanjwa Kombuso Ngobhongwane, Inkohlakalo Nokukhwabanisa ukuze zithunyelwe ePhalamende.
1.2. NgoLwezi wezi-2025, izimpahla ezitholiwe maqondana nezinsolo zoKubanjwa Kombuso Ngobhongwane, Inkohlakalo Nokukhwabanisa zaziyizigidigidi eziyi-R16.432: UPhiko Olukhethekile Lokuphenywa Kwamacala = Izigidigidi ezi-R2.89, UPhiko Lokushaqwa Kwempahla = Izigidigidi eziyisi-R8.14, UPhiko Lwemalingeniso Eqoqwayo LwaseNingizimu Afrika = Izigidigidi ezi-R5.4
1.3. Inqubekela-phambili ekuletheni uguquko ibandakanya, (i) uMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemisebenzi Kahulumeni kanye noMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kokuphathwa Komphakathi okusezandleni zikaMongameli ukuze ugunyazwe; (ii) Ijaji eliqondisayo liqokelwe uPhiko Olulwisana Nenkohlakalo (i-IDAC); (iii) INingizimu Afrika isusiwe ohlwini lwe-FATF olungeluhle; (iv) Umbiko wethimba Elibonisana Ngezinguquko Zokhetho wethulwe ePhalamende; (v) UMthethosivivinywa osahlongozwa Wokuvikelwa Kwezingede uzocuthsungulwa yiKhabhinethi maduze-nje, kanye (vi) neRejista Elilodwa labasebenzi Abaxoshiwe kudingidwa ngalo ngenhloso yokuvumelana.
1.4. Kuze kube manje ama-57% (ama-34 kwangama-60) ezenyathelo eziphothuliwe, ama-18% (yi-11 kwangama-60) ezinyathelo ezisaqhubeka, ama-23% (yi-14 kwangama-60) ezinyathelo ezibambezelekile kodwa umsebenzi uyaqhubeka, ama-2% kuphela (li-1 kwangama-60) ezinyathelo ezidinga ukunakwa.

2. Iqhingasu Lokulawula Isifo Samatele (i-FMD)

2.1. IKhabhinethi laziswe ngokusabalala kanye nobunzima besifo samatele (i-FMD) eNingizimu Afrika.
2.2. IKhabhinethi ligunyaze isiphakamiso sokusebenzisa uhlelo lukazwelonke lokugoma izilwane ezinezinselo eziqhekekile njengendlela yokunqanda nokuvikela izilwane.
2.3. Uhlelo lokugoma luzosiza imihlambi yezinkomo kuzwelonke ezingaba yizigidi eziyi-14, ezizodinga imijovo elinganiselwa kuzigidi ezingama-28 ezinyangeni ezingu-12 ezizayo.
2.4. Uhlelo lokugoma luzolandela indlela eyodwa yokuthengwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi kuthengwa umgomo okuyiwona ofanele uhlobo lwegciwane elihlasele.
2.5. Iqhingasu lichaza ngokuthi yiziphi izifundazwe ezibekwe phambili ekutholeni imigomo ngokubhekela ukuba kubi kwesimo sokuqubuka kwesifo.
2.6. IKhabhinethi laziswa ngemijovo eyizigidi ezimbili ekhona ukuqalisa ukugonywa kwezilwane.
2.7. IKhabhinethi linxusa abalimi ukuthi balandele izindlela ezikhona zokulawula ukuthuthwa kwezilwane njengendlela esebenzayo yokunqanda ukusabalala kwesifo.

3.1. Uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yokuhlola lowezi-2025

3.1.1. IKhabhinethi ligunyaze Uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yokuhlola yowezi-2025, olubuyekeza Inqubomgomo Yokuhlola ukuze ihlale ihambelana nesimo futhi ifaneleka.
3.1.2. Uhlaka Lwenqubomgomo lowezi-2025 luqinisa inqubo yokubeka izilinganiso nemiphumela ngesikhathi lubheka ukubuyekezwa kokuhlola iZinhlelo Zokusebenza Zonyaka, futhi luthuthukisa izindlela zokuphatha eziphelele ezibhekele ukungasebenzi kahle, kanye nokuhlomulisa ukusebenza okuhle.

4. Umbiko Wesibili Kazwelonke mayelana nokuqaliswa kwe-Ajenda Yamadolobha entsha

4.1. IKhabhinethi ligunyaze Umbiko Wesibili Kazwelonke mayelana nokuqaliswa kwe-Ajenda Yamadolobha entsha.
4.2. Umbiko unikeza imibono yokubika komhlaba wonke mayelana nokuqaliswa kwe-Ajenda Yamadolobha Entsha:
4.2.1. Inqubekela-phambili kazwelonke kanye nezinselele ezihlobene nokuthuthukiswa kwamadolobha okuqhubekayo ukuze kubandakanywe umphakathi futhi kuqedwe ububha.
4.2.2. Isimo sesizwe mayelana nokuchuma kwamadolobha okusimeme nokubandakanya wonke umuntu.
4.2.3. Ukusimama kwemvelo kanye nentuthuko yamadolobha eqinile okuhlanganisa ukubusa, ukuhlela, izinhlaka zezimali kanye namakhono ezikhungo.
4.3. IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukuthi uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu asungule iqhingasu lokubhekana nokwakhiwa kwemikhukhu ezindaweni eziyingozi, ezisengozini yenhlekelele, okuhlanganisa nezixazululo zesikhathi esiphakathi kuya kweside zamaYunithi Ezindawo Zokuhlala Zesikhashana (ama-TRU).

5. Iqhingasu Likahulumeni Lokuletha Ubulungiswa Kwezobulili Nokuzala (i-SRJ) eNingizimu Afrika

5.1. IKhabhinethi ligunyaze iQhingasu Likahulumeni Lokuletha Ubulungiswa Kwezobulili Nokuzala (i-SRJ) eNingizimu Afrika.
5.2. Iqhingasu lilandela uhlaka lobulungiswa kwezobulili nokuzala olusekelwe emalungelweni kuMthethosisekelo.
5.3. Iqhingasu lihlose ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu, ikakhulukazi abesifazane, intsha kanye nalabo abebeshaywe indiva, banamandla nezinsiza zokwenza izinqumo eziphusile mayelana nemizimba yabo, ubulili, kanye nokuzala.

C. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezimpesheni Ezikhethekile, wezi-2026

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuhanjiswa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezimpesheni Ezikhethekile ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uchitha uMthetho Wezimpesheni Ezikhethekile wama-69 we-1996, ukuze kuhlinzekwe ukugcinwa kwezinzuzo ezinqunywe ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi kwemibandela ethile. Uvumela abantu abafanelekela izinzuzo ezingaphezu kweyodwa ukuthi banikezwe izinzuzo ezizuzisa kakhulu, ukuqinisekisa ukulunga nokungaguquki ekuphathweni kwezimpesheni ezikhethekile.
1.2. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngelungelo lomlingani osaphila noma ohlomulayo ekutholeni isamba uma umlingani wakhe eshonile noma umthetho umthatha njengomuntu oseshonile. Lezi zichibiyelo ziphinde zenzelwa ukuvala igebe ekuphatheni nokunyusa izinga lokufaneleka, ngokuqaphela ukuzidela okwenziwe ngabantu ekusungulweni kohlelo lwentando yeningi Labantu lwaseNingizimu Afrika.

2. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Yezabasebenzi, wezi-2025

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Yezabasebenzi ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukwenza kube yisimanje futhi uqinise uhlaka lomthetho wezabasebenzi waseNingizimu Afrika ngokuchitshiyelwa koMthetho Wobudlelwano Bezabasebenzi wesi-8 wezi-2018, kanye noMthetho Wezimo Eziyisisekelo Zokuqashwa wesi-7 wezi-2018, kanye nokubuyekezwa koMthetho Kazwelonke Weholo Eliphansi wesi-9 wezi-2018 kanye noMthetho Wokulingana Kwabasebenzi wama-55 we-1998. Uhlose ukuthuthukisa ukuvikelwa kwabasebenzi, ukuqinisekisa ukuhambisana namalungelo oMthethosisekelo okulingana nesithunzi, ukuthuthukisa ukuphoqelelwa kwezindinganiso zomsebenzi kanye nokucacisa izindlela zokuxazulula izingxabano.
2.2. Lo Mthethosivivinywa uqinisa ukuvikelwa kwabasebenzi ababuthakathaka nabangaqashiwe ngokugcwele ngesikhathi uhambelanisa nezidingo zomqashi zokusebenza. Lo Mthethosivivinywa unikeza amandla uMthethosisekelo ngokukhuthaza izindlela zokusebenza ezifanele, ubulungiswa bezenhlalo kanye nokuhlanganyela kwezomnotho okubandakanya wonke umuntu.

3. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kobudlelwano Bezabasebenzi, wezi-2025

3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kobudlelwano Bezabasebenzi ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukwenza uhlaka lobudlelwano bezabasebenzi lube ngolwesimanje futhi luqine ngokwethula imithetho ecacile ngezivumelwano phakathi komqashi nezinyunyana, unciphisa ukwelulwa okuzenzakalelayo kwezivumelwano zamaholo ukuqinisekisa imisebenzi emisha kanye nokubeka imithetho kuxhasomali nokubika ngezimali kumkhandlu oxixisana ngamaholo, izinyunyana kanye nezinhlanagno zabaqashi. Izichibiyelo eziphakanyisiwe zihlose ukulinganisa okufanele phakathi kokuguquguquka okukhulu kwabaqashi kanye nokuvikelwa kwabasebenzi.
3.2. UMthethosivivinywa uphakamisa izinyathelo zokwenza lula izinqubo zokuxazulula izingxabano, ukunciphisa isinxephezelo sabasebenzi abahola kakhulu kanye nokulungisa izinqubo zokudilizwa emsebenzini.

D. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kusafanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolisiswa okufanele..

Mnu. Mpumelelo Nconco njengoMqondisi weKhomishini Yokubuyisana, Ukuxazulula Nokwahlulela (i-CCMA).

Ukubekwa kwaBaqondisi beBhodi le-Air Traffic Navigation Services

i. Mnu. Zola Majavu (uphinde wabekwa njengoSihlalo).
ii. Nkz. Doris Dondur (uphinde wabekwa).
iii. Nkz. Zandile Matilda Kabini.
iv. Nkz. Mapela Angelina Serote.
v. MNu. Peter Marais.
vi. Mnu. Badisa Matshego.
vii. Nkz. Boni Patricia Beauty Dibate.
viii. Nkz. Teboho Nokuthula Fihla.
ix. Mnu. Ashley Latchu;
x. Mnu. Mogamat Wasfie Ismail

Ukubekwa kwaBaqondisi beBhodi leSouth African National Roads Agency Limited (i-SANRAL)

i. Mnu. Potas Thamsanqa Phili (uSihlalo).
ii. Nkz. Refilwe Buthelezi (uphinde wabekwa).
iii. Dkt. Ismail Vadi.
iv. Nkz. Orateng Yvonne Motsoai;
v. Nkz. Rochelle Blaauw.

Ukubekwa kwaBaqondisi beBhodi leSouth African Civil Aviation Authority

(i) Ummeli Mpati Mmasechaba Lebakeng (uphinde wabekwa njengoSihlalo).
(ii) Mnu. Mankopane Daniel Tshepo Peege (uphinde wabekwa).
(iii) Nkz. Tshitshi Phewa (uphinde wabekwa njengomele uMnyango).
(iv) Nkz. Lindiwe Mamashela;
(v) Nkz. Gloria Zanele Nkosi.

D. Imicimbi Nezingqungquthela

1. Ukusingatha Umcimbi Wegalofu we-LIV eNingizimu Afrika eSteyn City Golf Course: ngowezi-2026 kuya ngowezi-ku-2028

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa komcimbi weGalofu we-LIV eNingizimu Afrika ozobanjwa kusukela mhla ziyi-19 kuya mhla zingama-22 kuNdasa 2026 enkundleni yegalofu yaseSteyn City eGoli.
1.2. Umdlalo weGalofu we-LIV iwumqhudelwano wabesilisa abangochwepheshe kowegalofu oqukethe abadlali begalofu abaphambili bamazwe ngamazwe abancintisana ochungechungeni lwemicimbi yomhlaba wonke.
1.3. Ukusingatha umqhudelwano weGalofu we-LIV kulindeleke ukuthi kulethe izinzuzo ezinkulu kwezomnotho nakwezenhlalo, okuhlanganisa ukunyuka kwezokuvakasha, kanye nokudalwa kwemisebenzi, ngesikhathi futhi kusiza ekukhuthazeni nasekuthuthukisweni kwegalofu eNingizimu Afrika ngezinhlelo ezizoshiya ifa ezizokwenziwa.
1.4. Lo mqhudelwano kulinganiselwa ukuthi uzoba nomthelela kwezomnotho wezigidi eziphakathi kwezingama-R500 kanye nezigidi ezingama-R800 ngomcimbi ngamunye.
1.5. Uhlelo lweGalofu le-LIV oluhlose ukucijisa intsha ngokufinyelele emathubeni, ukugqugquzeleka kanye nokuthuthukiswa luzoqaliswa ngezigaba ezimbili. Isigaba sokuqala sizoba eSouthern Grounds Golf Club naseSteyn City Gauteng Academy, kanti iSigaba sesibili sizodlulisela uhlelo ukuthi lufinyelele kweminye imiphakathi.
1.6. Kuhlelwe eminye imicimbi yegalofu ye-LIV ngowezi-2027 nowezi-2028, kanye nokwandiswa okungenzeka kube ngowezi-2029 nowezi-2030.

2. Inyanga Yamalungelo Abantu

2.1. INingizimu Afrika izogubha iNyanga Yamalungelo Abantu ngoNdasa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Umshiyalifa Wesibindi: Ukuvikela Amalungelo, Ukulondoloza Ubuntu.” Lo nyaka uphawula iminyaka engama-30 selokhu kwasayinwa uMthethosisekelo waba ngumthetho.
2.2. Ukwethulwa komkhosi wokugubha iminyaka engama-30 wokukhumbula ukwamukelwa nokusayinwa koMthethosisekelo waba ngumthetho kuzokwenzeka mhla zi-2 kuNdasa 2026 e-Apartheid Museum. Lo mkhosi uyithuba lethu sonke lokuqinisekisa ukuthi intando yeningi yethu kanye nenkululeko yethu kusalokhu kunamandla.
2.3. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokuhlonipha indlela yokuphila yokuzibophezela kwesizwe ngokubambisana kwintando yeningi yomthethosisekelo, amalungelo abantu kanye nenkululeko, ukubusa komthetho, kanye nokuhlonipha igalelo lamaqhawe namaqhawekazi omzabalazo enkululekweni yethu kanye nentando yeningi labantu.

3. Ukusingathwa kweNgqungquthela Kazwelonke Yokuqala Yezokuthutha

3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweNgqungquthela Kazwelonke Yokuqala Yezokuthutha kusukela mhla ziyi-16 kuya ziyi-18 kuNdasa eGoli, eGallagher Estate.
3.2. Ingqungquthela izohlanganisa umkhakha wezokuthutha waseNingizimu Afrika ukuze kuxazululwe izinselelo futhi kuqhanyukwe nezixazululo. Ingqungquthela kulindeleke ukuthi ihehe izihambeli ezingama-750 ezivela eNingizimu Afrika, iNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika, kanye namanye amazwe omhlaba.
3.3. Ingqungquthela ihlose ukwakha umbono owodwa endimeni yezokuthutha ekuthuthukisweni komnotho wezenhlalo eNingizimu Afrika, inxenxe ababambiqhaza ohlelweni olufanayo lwezokuthutha. Izophinde ikhuthaze ukwabelana ngolwazi, isebenzise ucwaningo lwamazwe ngamazwe nolakuleli lizwe, futhi ihlole ubuchwepheshe bezokuthutha obusha kanye nezixazululo zedijithali ukuthuthukisa ukusebenza kanye nokuncintisana kohlelo lwezokuthutha lwezwe.

11. Usuku Lombutho Wezempi

11.1. UMongameli uCyril Ramaphosa njengoMkhuzi Omkhulu woMbutsho Wezokuvikela eNingizimu Afrika wethule inkulumo ngoSuku Lombutho Wezempoi kuMasipala Wesifunda saseVhembe ngomhla wama-21 kuNhlolanja 2026.
11.2. Usuku Lombutho Wezempi lugujwa minyaka yonke ukukhumbula ukucwila kwe-SS Mendi, nokuhlonipha wonke amasotsha azinikela kakhulu ngesikhathi esebenzela iRiphabhulikhi ngaphandle kwemingcele yethu kanye nemisebenzi yangaphakathi kuleli lizwe. Luwusuku lokuhlonipha isibindi salabo abangamasotsha, futhi abasebenza ukuvikela isizwe sethu nabantu baso.
11.3. IKhabhinethi lihlanganyela noMongameli uCyril Ramaphosa ekuhlonipheni amalungu eNative Labour Corps ashona ngesikhathi kucwila i-SS Mendi ngomhla wama-21 kuNhlolanja 1917 ngesikhathi seMpi Yomhlaba Yokuqala. Ubuqhawe babo, ukungalwa kanye nokubumbana kwabo lapho bebhekene nokufa kuyaphindaphindeka ngokuhamba kwesikhathi, futhi isibindi sabo nomoya wabo kuyaqhubeka nokusikhuthaza namuhla.

E. Imiyalezo

1. Amazwi enduduzo

1.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini yalaba:
1.1.1. Isishoshovu samalungelo abantu kanye neqhawe lomzabalazo elalilwa nobandlululo, uMfundisi uDkt. Jesse Louis Jackson Sr. INingizimu Afrika ilahlekelwe ngumhlobo onamandla. Inkumbulo kaMfundisi uJackson isuka endabeni yethu yenkululeko futhi wayephakathi kwalabo abazwakalisa ukumelana nobandlululo ngesikhathi lapho abaningi babekushaya indiva. Ngowezi-2013, iNingizimu Afrika yentando yeningi labantu, yamuhlonipha ngeNational Order of the Companions of O.R. Tambo yeSiliva.
1.1.2. UDkt. John Bolana, uMbhishobhi wesihlanu weBantu Church of Christ (iBandla Lika Krestu LaBantu) owayeyinceku elandela imigomo nenesihawu kubantu kanye nebandla eNingizimu Afrika kanye nesifunda se-SADC. Wasebenza njengenjulalwazi kanye nomeluleki omkhulu wabantu abaningi kuleli zwe. Wayehlala ekhuthaza ubunye, isithunzi, ubuholi obuqotho kanye nokubumbana komphakathi, ethola inhlonipho yabantu abavela kuyo yonke imikhakha yempilo.
1.1.3. UHosi uDkt. Phylia Tinyiko N’wamitwa II, umholi, iqhawekazi kanye nendodakazi enhle yase-Afrika owayenomsebenzi omuhle njengomfundisi futhi wayengumgqugquzeli wezepolitiki onolwazi. Wayengumkhulumeli onamandla wamalungelo abesifazane kanye nezwi elinamandla lokulwa nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile futhi muva nje wamukela isimemo sokuba yilungu leThimba Labantu Abahlonihlwayo, eliphathiswe ukuhola nokweluleka ngeNgxoxo Kazwelonke.
1.1.4. Isazi senkathi ezayo, uClem Sunter, umsebenzi wakhe osihloko sithi “High Road, Low Road scenario” waphonsela iNingizimu Afrika inselele yokubhekana nemiphumela yezinqumo zayo zezepolitiki nezomnotho. Umsebenzi wakhe wanikeza izwe uhlaka lokucabanga ngekusasa elingcono ngesikhathi lapho lelo kusasa lalinganasiqiniseko.
1.1.5. ULeila Shahid, isazi sezombusazwe nesishoshovu sasePalestina esizalelwe eLebhanon, owaqopha umlando njengenxusa lokuqala lesifazane lasePalestine. Ngokusebenza kwakhe okuvelele kwi-PLO nakuPalestine Authority e-Ireland, eNetherlands, naseFrance, waba ngomunye wabantu abahlonishwayo uma bekhuluma ngokuzibusa kwamaPalestina emhlabeni.

2. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhla laba:
2.1. AmaProteas ngokudlulela esigabeni seSuper Eight seNdebe Yomhlaba Yabesilisa ye-ICC T20, eNdiya naseSri Lanka. Sibafisela okuhle emzamweni wabo wokuzibekisela indawo emidlalweni eyandulela eyamanqamu.
2.2. Amakholwa enkolo yobuKhristu namaSulumane njengoba begubha iLenti neRamadan. IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli uRamaphosa ekubafiseleni okuhle.

Imibuzo:
ibamba loMqondisi-Jikelele
Nomonde Mnukwa

Share this page

Similar categories to explore