Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla we-12 kuNdasa 2025

A.    Ezisematheni

1.    Umnotho

1.1.    ISabelomali Sikazwelonke sowezi-2025 

1.1.1.    IKhabhinethi lamukele iSabelomali Sikazwelonke okuhloswe ngaso ukuhambelanisa uhlaka lwezimali lwaseNingizimu Afrika, oluxhasa ngezimali izinto ezibekwe eqhulwini kuHulumeni Wehlandla Lesikhombisa, njengokusho kukaMhlonishwa, uMongameli u-Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula iNkulumo Ngesimo Sezwe ngesikhathi kuncishiswa lokho okudingakalayo ukuze kutholwe uxhaso okuthinta kakhulu abahluphekayo namakhaya anemalingena ephakathi. 
1.1.2.    Ukufakwa kwemali engaphezu kwe-R1 trillion ekuthuthukisweni kwengqalasizinda kwi-MTEF, ukusungula enye indlela yokuxhasa ngezimali ingqalasizinda ngokusebenzisa isikweledu kanye nokwethula amathuba okufaka izicelo zemisebenzi yenkontileka eSikhungweni Sesabelomali sengqalasizinda kubonisa ukuzinikela ekukhuliseni umnotho ngokulandela uhlelo oluqinile lokwakha ingqalasizinda ngesikhathi kwenziwa ngcono ukulethwa kwezidingonqangi. 
1.1.3.    Izindlela zokusebenzisana nomkhakha ozimele, njengoba kumenyezeliwe kwiSabelomali – eziyingxenye yezinguquko ze-Operation Vulindlela emikhakheni yezamandla, ezokuthutha kanye nokuhanjiswa kwempahla – zibonisa ukuzinikela kukahulumeni ekusheshiseni utshalomali lomkhakha ozimele nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu. 
1.1.4.    Ukuvuma umphumela wokunyuka kwentela, iSabelomali sihlinzeka izindlela zokunciphisa ukwenyuka kwentela ezifana nalezi:
1.1.4.1.    Ayizukwenyuka intela kaphethiloli.
1.1.4.2.    Ngenxa yokwehla kwamandla emali izibonelelo zenhlalo, izibonelelo zabadala nezabantu abaphila nokukhubazeka zizokwenyuka ngo-R130 kuya kwizi-R2 315 ngowezi-2025.
1.1.4.3.    Kuzoxhaswa ngezimali i-Ejensi Yezitimela Zabagibeli eNingizimu Afrika ukuze kuzothuthukiswa ezokuthuthwa kwabagibeli ngezitimela, okuzonciphisa imali yasemakhaya echithwa ngezindleko zokugibela.  
1.1.5.    Okukhulu kakhulu, ukwenyuka kwentela kuzoxhasa ukusimama kwaleli lizwe, ngokugcina imisebenzi yothisha abayizi-11 000, imisebenzi yabasebezi bezempilo abayizi-9 300, imisebenzi yodokotela basemphakathini abayizi-8 000 futhi kuzosiza ezinye izingane eziyizi-700 000 (ezineminyaka emine yobudala) ukuthi zisheshe zingene ezikhungweni zasenkulisa (i-ECD), okuyisisekelo semfundo efanele abayidingayo ohambeni lwemfundo eyimpumelelo.  

1.2.    Ukukhula Komnotho

1.2.1.    Ukwenyuka ngo-0.6% ekoteni yesine (i-GDP) kowezi-2024 kukhombisa ukuvuka emnothweni wonkana, njengoba imikhakha yezolimo, ezezimali, uhwebo namakhaya ikhulile ekoteni yokugcina yonyaka. 
1.2.2.    Imboni yezolimo iphinde yenyuka ngo-17.2%, okwenyuse ukukhula kwe-GDP ngephuzu elingu-0.4 lephesenti. Imboni yezezimali, eyokuthengiswa kwezindlu namabhizinisi ikhule amakota ayisishiyagalombili elandelana, nezikhungo zezimali, imisebenzi yabadayisi bezindlu nezinye izinsizakalo zamanye amabhizinisi zifake igalelo elikhulu ekukhuleni komnotho.
1.2.3.    IKhabhinethi liyethemba ukuthi ukwenyuka kwentela kanye nesivinini sokulethwa kwezinguquko zomnotho, ukuthuthukiswa kokuhanjiswa kwezidingonqangi namakhono kahulumeni, kanye nokubandakanywa komkhakha ozimele, kuzokhuthaza ukukhula komnotho ngowezi-2025 nangale.

1.3.    Utshalomali 

1.3.1.    IKhabhinethi lamukele isimemezelo esenziwe yi-Microsoft South Africa sotshalomali lwezigidigidi ezi-R5.4 kwingqalasizinda yobuhlakani mbumbulu (i-AI) kuleli lizwe. Lolu tshalomali luzoqinisa isikhundla seNingizimu Afrika njengesikhungo se-AI esihamba phambili ezwenikazini lase-Afrika futhi lwakhela phezu kotshalomali lwezigidigidi ezingama-R20.4 lwe-Microsoft South Africa eminyakeni emithathu eyedlule.
1.3.2.    I-Microsoft South Africa iphinde yamemezela indima yayo ekuthuthukisweni kwezokufundwa kwedijithali eNingizimu Afrika ngokuthi ikhokhele izitifiketi 
zabantu abayizi-50 000 zamakhono edijithali afuneka kakhulu.
1.3.3.    Ekuthuthukiseni igama lethu kwezotshalomali, abakhiqizi bezimoto baseNdiya i-Mahindra basayine isivumelwano sokusebenzisana neNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) sokubheka ukuthi kungenzeka yini ukwakhiwa kwesikhungo sokukhiqiza izimoto kuleli lizwe. I-Mahindra isivele inesikhungo sokwakha izimoto ezehlukene ze-Pik Up eThekwini esiqhutshwa yi-AIH Logistics, kamuva-nje besibungaza ukukhiqizwa lapha ekhaya kwemoto yezi-25 000 ye-Pik Up. 
1.3.4.    IKhabhinethi likhumbuze bonke abantu baseNingizimu Afrika njengabanini bamasheya kwi-South Africa Incorporated (i-SA Inc.) ngalokho abakufunayo ekukhangiseni izwe lethu njengendawo yokuletha kuyo utshalomali emhlabeni oncintisanayo. Kufanele siqhubeke sikhulume ngazwi linye silwele izwe lethu, igugu lethu kanye nomthethosisekelo wentando yeningi labantu.

2.    Ubudlelwano Namazwe Omhlaba 

2.1.    Isikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli beQembu Lamazwe Angamashumi Amabili (i-G20)

2.1.1.    Njengengxenye yesikhundla soBumongameli be-G20, iNingizimu Afrika isingathe ngempumelelo imihlangano elandelayo yamathimba e-G20 ngokuphela kukaNhlolanja naphakathi kwale nyanga: 
2.1.1.1.    Umhlangano weThimba le-G20 Lezocwaningo Nokuqamba Kabusha (i-RIWG), obubanjwe eNyuvesi yaseFreyistata e-Mangaung kusukela mhla wama-23 kuya kuma-25 kuNhlolanja 2025, kudingidwe ukuthi bangasebenzisa kanjani ucwaningo nokuqamba kabusha ukuxazulula izinselele ezibhekene nomhlaba, nokugqugquzela isayensi nobuchwepheshe. Baphinde badingida ngezinto ezibekwe eqhulwini kulo nyaka, okuyilezi: 
(a)    Okokuqala Okuseqhulwini: Ukuqamba Kabusha Okuzoletha Intuthuko; 
(b)    Okwesibili Okuseqhulwini: Ukwahlukana Kwezilwane Nezitshalo Eziphilayo Okuzoletha Intuthuko Esimeme; kanye
(c)    Okwesithathu Okuseqhulwini: Ukwehlukana, Ukulingana, Ukubandakanywa, kanye Nokufinyelela kwiSayensi, Ubuchwepheshe Nokuqamba Kabusha.
2.1.1.2.    UMhlangano wokuqala weThimba Elilwisana Nenkohlakalo (eKapa, mhla wesi-3 kuya kowesi-5 kuNdasa 2025) lapho kudingidwe khona izindlela zokwenza ngcono ukuqaliswa kwezindlela zomthetho zokulwa nenkohlakalo. Lo mhlangano ube lithuba lokuthi abayingxenye yawo bakhe uhlelo kanye nezihloko ezizodingidwa esikhathini esizayo, nokukhuthaza ukuxoxisana nokusebenzisana okuzoqinisa amaqhinga okulwa nenkohlakalo. Kulo mhlangano, ababambe iqhaza badingide futhi bavumelana ngalezi zinto ezimbalwa eziseqhulwini: 
(a) Okokuqala Okuseqhulwini: Ukuqinisa Ubuqotho Emkhakheni Kahulumeni; 
(b) Okwesibili Okuseqhulwini: Ukwenyusa Ukubuyiswa Kwempahla; 
(c) Okwesithathu Okuseqhulwini: Ukubandakanywa kwawo wonke umuntu; 
(d) Okwesine Okuseqhulwini: Ukuvikelwa Kwezingede. 
2.1.1.4.    UMhlangano Wokuqala Wethimba Lezolimo, obubanjwe nge-inthanethi mhla wesi-3 kuya kowesi-4 kuNdasa 2025, kwadingidwa izindaba ezibalulekile ezithinta ezolimo emhlabeni jikelele futhi kwavunyelwana ngezinto ezizobekwa eqhulwini kulo nyaka. Okuyilezi: 
(a)    Okokuqala Okuseqhulwini: Ukugqugquzela ukubandakanywa kwawo wonke umuntu ezimakethe nokuqinisekisa ukuthi ukudla akupheli; 
(b)    Okwesibili Okuseqhulwini: Ukuthuthukisa intsha nabesifazane abasezinhlelweni zokulima ukudla; 
(c)    Okwesithathu Okuseqhulwini: Ukuqinisa ukuqamba kabusha nokudluliswa kobuchwepheshe;
(d)    Okwesine Okuseqhulwini: Ukwakha isimo sezulu esiqinile esizosimamisa ezolimo.
2.1.1.5.    UMhlangano Wokuqala Wethimba Lezokuvakasha obubanjwe nge-inthanethi mhla wesi-5 kuNdasa 2025 kudingidwe ngokuthi ezokuvakasha zingasetshenziswa kanjani ukushintsha izimpilo zabantu, imiphakathi nomhlaba. Baphinde baxoxisana futhi bavumelana ngokuthi babhekane nezinto ezine ezibekwe eqhulwini kulo nyaka, okuyilezi: 
(a)    Okokuqala Okuseqhulwini: I-AI Nokuqamba Kabusha Okusebenzela abantu okuzothuthukisa Ukuqalwa Kwezokuvakasha nama-SMME; 
(b)    Okwesibili Okuseqhulwini: Ukuxhasa ngezimali Notshalomali lwezokuvakasha Okuzothuthukisa Ukulingana futhi Kugqugquzele Intuthuko Esimeme; 
(c)    Okwesithathu Okuseqhulwini: Ukuxhumana Ngokwezomoya Ukuze Kuzohambeka Kalula; 
(d)    Okwesine Okuseqhulwini: Ukuqinisa Ukuthuthukiswa Kwezokuvakasha Okubandakanya Wonke Umuntu Nokusimeme.
2.1.1.6.    Umhlangano Wokuqala Wethimba Elibhekele Ukunciphisa Ubungozi Benhlekelele obubanjwe nge-inthanethi mhla wesi-5 kuNdasa 2025 kwadingidwa ukusheshiswa kwezixwayiso ezisheshayo kuzozonke izinhlelo, okuyilokho okubalulekile okubekwe yiNhlangano Yezizwe Ezibumbene kanye nokuqinisekisa ukuqaliswa koHlaka lwase-Sendai Lokunciphisa Ubungozi Benhlekelele lwangowezi-2015-2030. INingizimu Afrika lo mhlangano iwuthatha njengeforamu ebalulekile yamazwe ngamazwe yokuqhuba uhlelo lomsebenzi owodwa wokwakha amandla, ukuqinisa ukusebenzisana, kanye nokuqhuba umkhankaso odingekayo wokugwema ukusabalala noma ukwanda kobungozi.  Emhlanganweni kuvunyelenwe ngalezi zinto eziseqhulwini ezilandelayo: 
(a)    Okokuqala Okuseqhulwini: Ukuxazulula izinkinga Zokungalingani Nokunciphisa Ubuthakathaka; 
(b)    Okwesibili Okuseqhulwini: Ukufakwa Kwezindlela Zokuthumela Izexwayiso Emhlabeni Jikelele Kusenesikhathi; 
(c)    Okwesithathu Okuseqhulwini: Ingqalasizinda Emelana Nenhlekelele; 
(d)    Okwesine Okuseqhulwini: Uxhasomali Lokunciphisa Ubungozi Benhlekelele;
(e)    Okwesihlanu Okuseqhulwini: Ukuvuka, Ukulungiswa Nokwakha Kabusha Emva Kwenhlekelele;
(f)    Okwesithupha Okuseqhulwini: Izindlela Zokuphatha Ezigcina Imvelo ze-DRR noma zokuthola iZisombululo Ezihambelana Nemvelo. 
2.1.1.7.    UMhlangano Wokuqala Wethimba Eliqinisekisa Ukuthi Ukudla Akupheli owawubanjwe mhla wesi-5 kuNdasa 2025 kwadingidwa izinqubomgomo nezinhlelo zokwenza ngcono izindlela zokuqinisekisa ukuthi ukudla akupheli. Ababambiqhaza bavumelana ukwakha uhlelo lokutholakala kokudla oluqinile, oluneqiniso futhi olusimeme. Baphinde bazinikela ekuxazululeni izinselele ezihamba phambili ezifana nemigoqo kwezohwebo, ukuxhaswa kokukhiqizwa kokudla kanye nomphumela wokuguquguquka kwesimo sezulu ezitolo ezithumela ukudla. Ezinye zezinto eziseqhulwini okuvunyelenwe ngazo yilezi ezilandelayo: 
(a)    Okokuqala Okuseqhulwini: Izinqubomgomo eziqinile eziqinisekisa ukuthi ukudla akupheli; 
(b)    Okwesibili Okuseqhulwini: Amanani okudla angaguquki; 
(c)    Okwesithathu Okuseqhulwini: Imithethonqubo nezimiso ezicacile;
(d)    Okwesine Okuseqhulwini: UHlelo lwe-G20 oluqinisekisa Ukuthi Ukudla Akupheli; 
(e)    Okwesihlanu Okuseqhulwini: Ukugunyaza kukaNgqongqoshe nokuqalisa.
2.1.1.8.    UHlelo Lwe-G20 Lokusiza Umphakathi obeluqhutshwa eNyuvesi yase-Venda e-Thohoyandou mhla wesi-7 kuNdasa 2025 bekuhloswe ngalo ukuqinisa izingxoxo nomphakathi kanye nokuba yingxenye kulesi sikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli be-G20. Umhlangano usetshenziswe ukugqugquzela abantu bakuleli lizwe ukuthi bazibandakanye ekwamukeleni izivakashi zethu ezweni lethu njengoba siqhubeka nokusingatha imihlangano ezingxenyeni ezehlukene zezwe, kanye nokugqugquzela isiko labo namagugu. Abantu baseNingizimu Afrika baphinde bagqugquzelwa ukuthi baxoxe izindaba ezinhle ngezwe labo. 
2.1.2.    Imihlangano elandelayo yamathimba e-G20 izobanjwa kuze kuphele uNdasa 2025: 
2.1.2.1    UMhlangano Wokuqala Wethimba Elibhekele Ukukhula Komnotho Obandakanya Wonke Umuntu, Ukuthuthukiswa Kwezimboni, Ukusungulwa kwemisebenzi, Nokunciphisa Ukungalingani: mhla we-17 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
2.1.2.2    UMhlangano Wokuqala Wethimba Lezohwebo Notshalomali: mhla we-18 kuya kuma-20 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi. 
2.1.2.3    Ithimba Lesibili Lezempilo: mhla wama-26 kuya kuma-28 kuNdasa 2025 – eThekwini.
2.1.2.4    UMhlangano Wokuqala Wethimba Elibhekele Isimo Sezulu Nokusimama Kwemvelo: mhla wama-25 kuya kuma-28 kuNdasa 2025 – nge-inthanethi.
2.1.3    Imininingwane ngale mihlangano eyehlukahlukene ye-G20 kanye nemiphumela yayo ingatholakala ku: www.g20.org NOMA www.g20.org.za

2.2    Usizo lwabantu base-Palestine

2.2.2    IKhabhinethi liyakugxeka ukunqaba kwe-Israel ukuthi ivumele usizo lwabantu e-Gaza Strip kanye nokuvala kwayo imingcele ngesikhathi lapho abantu base-Gaza bebhekene nobunzima obukhulu futhi bedinga ngokuphuthuma ukudla, uphahla lokukhosela nezinto zokwelapha.
2.2.3    Lesi senzo singukuqhubeka kwe-Israel ukusebenzisa indlala njengesikhali sempi kulo mkhankaso oqhubekayo walokhu inkantolo Yobulungiswa Yamazwe Ngamazwe ekuthathe njengokuthi kungenzeka kube yicala lokubhubhisa abantu base-Palestine. 
2.2.4    IKhabhinethi ligcizelela ikhwelo laleli lizwe emhlabeni jikelele lokuthi i-Israel iphendule futhi iqinisekise ukuthunyelwa kosizo ngokuphepha, ngokungavinjwa futhi nangokungaphazamiseki kuzozonke izindawo zase-Gaza Strip.

3.    Ubugebengu

3.1.    Ukwamukelwa Kwesinqumo Senkantolo yaseMalawi Sokunikezela ngo-Shepherd no-Mary Bushiri

3.1.1.    IKhabhinethi lamukele isinqumo seNkantolo kaMantshi yeseMalawi sokuthi u-Shepherd no-Mary Bushiri banikezelwe eNingizimu Afrika ukuze bezobhekana nenkantolo ngamacala obugebengu ehlukahlukene ababekwe wona kufaka phakathi ukudlwengula, ukwephula uMthetho Wokweluleka Ngezezimali Nezinsizakalo Zokulamula, wezi-2002 (Umthetho wama-37 wezi-2002), uMthetho Wamabhange, we-1990 (Umthetho wama-94 we-1990), uMthetho Wokufudukiswa Kwabantu, wezi-2002 (Umthetho we-13 wezi-2002) kanye nokwephula imibandela yebheyili yabo.
3.1.2.    Lesi sinqumo sibonisa ukuthi akekho namunye ongabalekela umthetho futhi kuqinisekisa ukuzimela komthetho, ukusebenzisana kwamazwe ngamazwe kanye nokwethembana phakathi kwezikhungo zomthetho zaseNingizimu Afrika nezaseMalawi. 
3.1.3.    Siyazi ukuthi abakwa-Bushiri bafuna ukudlulisa icala. Noma kunjalo, siyazethemba ukuthi sinobufakazi obuqinile ngabo. 
3.1.4.    INingizimu Afrika isikulungele ukusebenzisana ne-INTERPOL ukuphothula amalungiselelo okubadlulisela futhi balethwe eNingizimu Afrika ukuze bezoma enkantolo.

4.    Isimo esibi Sezulu

4.1.    Izimvula ezinkulu zakamuva zibulale abantu abaningi, zashiya abaningi dengwane, yacekela phansi amakhaya nengqalasizinda KwaZulu-Natali. 
4.2.    Umthelela wezimo ezimbi zesimo sezulu KwaZulu-Natali usuthathwe njengesimo senhlekelele kuzwelonke ukuze umnyango wesifundazwe Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko bezonxenxa zonke izinhlaka zikahulumeni ukuthi zize nosizo, oluzonciphisa imithelela yenhlekelele emiphakathini.
4.3.    Uhulumeni uyaqhubeka nokusiza izisulu ezikhahlanyezwe yizikhukhula noMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu usubeke izigidi ezi-R100 eziya KwaZulu-Natali ezizosiza ngokubhekana nomonakalo oshiywe yizikhukhula.  
4.4.    IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele ngaso sonke isikhathi uma isimo sezulu sisibi. Izimvula ezinkulu ziletha ubungozi bezikhukhula, ikakhulukazi ezindaweni ezisemehlelweni, amabhuloho nemigwaqo. 
4.5.    Uma kuba nezimvula ezinkulu, imiphakathi iyanxuswa ukuba igweme imigwaqo enezikhukhula futhi balalele izexwayiso ezindabeni, emsakazweni kanye namakhasi kahulumeni ezinkundleni zokuxhumana ukuze bezothola ezakamuva ngezixwayiso ngesikhathi.

B.    Ezakamuva kwiKhabhinethi

1.       Ukuvikelwa Nokuthuthukiswa kweMiholo Emincane Kuzwelonke (i-NMW)

1.1.    IKhabhinethi lithole laphinde lacubungula umbiko woMnyango Wezemisebenzi Nezabasebenzi ngenqubekelaphambili esiyenziwe ukuvikela nokuthuthukisa i-NMW. 
1.2.    UMthetho we-NMW, wezi-2018 (Umthetho wesi-9 wezi-2018), owashaywa ngoLwezi 2018, wavula indlela ekunciphiseni ukungalingani kwamaholo kanye negebe lemiholo, futhi uyaqhubeka nokuvikela abasebenzi abahola kancane kuleli lizwe. 
1.3.    Kusuka mhla lu-1 kuNdasa 2025, i-NMW yenyuka ngo-4% kusuka ku-R27.58 yaya ku-R28.79 ngehora. Lokhu kwenyuka kuhloswe ngakho ukusiza ngokwezomnotho abasebenzi abayizigidi eziyisithupha abahola ngokomlinganiselo we-NMW.

2.    Ukugqugquzela Ukufunda Emabangeni Aphansi

2.1.    IKhabhinethi lidlulise ukweseka kwalo ukuhlelwa kabusha komkhakha weMfundo Eyisisekelo ekugqugquzeleni ukufunda emabangeni aphansi. 
2.2.    NgoMasingana 2025, uMnyango Wemfundo Eyisisekelo wamemezela futhi wabungaza imiphumela emihle kakhulu yokuphasa kumatikuletsheni ngama-87.4%. Kodwa-ke, esikhathini esiyinyanga ngaphambi kwalokhu, umnyango wakhipha imiphumela yokuhlolwa ephuma ocwaningweni olwehlukene kathathu olwabonisa ukuthi cishe ama-80% abantwana baseNingizimu Afrika abakwazi ukufundela ukuthola umqondo, kunoma yiluphi ulimi eminyakeni eyishumi (10) yobudala. 
2.3.    Ukuxazulula le nkinga uNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo uqalise izinhlelo zokuhlela kabusha ezizobandakanya lezi zinyathelo ezilandelayo: 
2.3.1.     Ukufinyelela ndawo zonke kwi-ECD esemgangathweni ngokuthi kubhaliswe ngobuningi izikhungo ze-ECD, kuqinisekiswe ukuthi umntwana ngamunye uthola ukuxhaswa, kwesekwe izikhungo ze-ECD ngezinsiza zokufunda nokufundisa, kanye nokusiza othisha basezinkulisa ukuthi bathole iziqu zobuthishela. Uxhasomali lalokhu selufakiwe kwiSabelomali Sikazwelonke sowezi-2025. 
2.3.2.     Ukubuyekeza izimiso nezindinganiso zokwengeza izikhala zothisha abazofundisa emabangeni aphansi.
2.3.3.     UMfundaze we-Funza Lushaka uzohlelwa kabusha ukubeka phambili abafundi abafisa ukufundisa emabangeni aphansi.
2.4.    Lokhu kuhlela kabusha kuzoqinisa ukufunda nokufundisa emabangeni aphansi futhi kuthuthukise amakhono ezibalo kubafundi, futhi kuzoqinisekisa ukuthi bayakwazi ukubhekana nezifundo ezinzima ezifana neZibalo, iSayensi, i-Accounting ne-Economics, phakathi kwezinye.

3.    Ukuphehlwa Kukagesi 

3.1.    IKhabhinethi lithole umbiko ngomsebenzi owenziwa yi-Eskom yokwenza ngcono ukuphehlwa kukagesi nokuletha uzinzo kwigridi kazwelonke ukuze kuzogwenywa izigameko zokucimakonga. 
3.2.    Emva kokubuya kukagesi ophehlwayo ongaphezu kwamamegawathi angama-300 kanye nokulungiswa kweziphehlimandla, ukucimakonga kumisiwe ngehora le-10:00 ngeSonto, mhla wesi-9 kuNdasa 2025. Ukusebenza ngelahle eSiteshini saseKusile kusemazingeni afanele ngoba wonke amayunithi ayengasebenzi kusukela mhla wesi-7 kuNdasa manje aseyasebenza futhi ne-Koeberg Unit 2 yaphinde yalungiswa yasebenza kahle kakhulu.
3.3.    Ukuphehlwa kukagesi sekukonke kusukela ngesikhathi sasehlobo ngowezi-2024 kubonise ukuba ngcono futhi kunozinzo, okuholele ekutheni sibe nezinsuku ezingama-98% ngaphandle kokucimakonga. I-Eskom isalokhu izimisele ukuhlala isesimeni esihle esikhathini esisele sasehlobo.

C.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    Ukusingathwa kweNgqungquthela Yezamanzi Nokuthuthwa Kwendle 

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweNgqugquthela Yezamanzi Nokuthuthwa Kwendle mhla wama-27 kuya kuma-28 kuNdasa 2025 e-Gauteng. 
1.2.    Lo mcimbi uthathwa njengolandelela iNgqungquthela Yezamanzi eyayibanjwe ngoMasingana 2024, eyayihlanganise zonke izikhulu zezamanzi ukuze kuzodingidwa ngezinselele ezibhekene nalo mkhakha, kulandela ukukhishwa koMbiko Wokuthunyelwa Kwamanzi (i-Drops Reports). 
1.3.    Kule ngqungquthela kwasungulwa uHlelo Lokusebenza oluzobhekana nalezi zinkinga, futhi le ngqungquthela izoveza ithuba lokuhlola inqubekelaphambili esiyenziwe kuphinde kubhekwe ezinye izinyathelo ezidingekayo.
1.4.    Imiphumela elindelekile kwiNgqungquthela ukuthi kufinyelelwe esivumelwaneni esizoqinisekisa ukuthi amanzi awapheli eNingizimu Afrika, inqubekelaphambili ezinyathelweni ezingakafezwa okwakuvunyelenwe ngazo kwiNgqungquthela Yezamanzi yezi-2024 kanye nezinyathelo ezidingekayo ukwenza ngcono ukutholakala kwamanzi kanye nohlelo olusha lokusebenza olubuyekeziwe. 
1.5.    IKhabhinethi lizivumile izinselele zokutholakala kwamanzi ezibhekene naleli lizwe futhi lagcizelela ukuzinikela kwalo ekuqinisekiseni ukuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika uyafinyelela ezinsizakalweni zamanzi ahlanzekile, aphephile nezinsizakalo zokuthuthwa kwendle.

2.     UMbiko Wezwe Wesikhathi seSibili, Sesithathu neseSine seSivumelwano se-UN esimayelana namalungelo abantu abaphila nokukhubazeka (i-UNCRPD). 

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthi uMnyango Wabesifazane, Intsha Nabantu Abaphila Nokukhubazeka ulethe umbiko wesikhathi sesi-2,3 ne-4 we-UNCRPD kwi-UN. Umbiko unikeza okwakamuva ngenqubekelaphambili esiyenziwe iNingizimu Afrika ekuvikeleni amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka. 
2.2.    IKhabhinethi ligunyaze uMbiko Wezwe Oyisisekelo ngokuQaliswa kwe-UNCRPD ngowezi-2013 futhi umbiko wahanjiswa kamuva ngowezi-2014.
2.3.    Lo mbiko ohlanganisiwe wenqubekelaphambili ubonisa umsebenzi owenziwe nguhulumeni ekuqaliseni uMthetho Odingidwayo omayelana naMalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka. Ugqamisa izinguquko zenqubomgomo nomthethonqubo, kanye nezinyathelo ezithathiwe ukuvikela nokugqugquzela amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka.  Umbiko ucacisa ngemizamo eyenziwe kwezemfundo, ukuqwashisa, ezempilo, izinsizakalo zenhlalo, ukufinyelela kubulungiswa kanye nokuqashwa kwabantu abaphila nokukhubazeka. Umbiko uzoshicilelwa kwiwebhusayithi ethi: www.gov.za

D.    Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.

1.    Mnu. Neil Jansen njengePhini loMqondisi-Jikelele: Kwezokuphathwa Nokuthuthukiswa Kwabasebenzi eMnyangweni Wezasekhaya. 

2.    Ukuqashwa kwamalungu ebhodi lase-Alexkor 
(a)       Nkz. Dineo P. Peta (usihlalo);
(b)        Nkz. Hilary A. Swartbooi;
(c)        Slz. Trevor G. Fowler;
(d)        Nkz. Shinduvi Zitha; 
(e)        Nkz. Bongi Ngxishe;
(f)        Dkt. Jonty Tshipa;
(g)        Mnu. Nico Patrick Swart; kanye
(h)        noMnu. Freddy Raseote.

E.    Imicimbi Ezayo

1.    INgqungquthela Yokuqala yoHlelo Lukazwelonke Lokuqamba Kabusha

1.1    INgqugquthela Yokuqala yoHlelo Lukazwelonke Lokuqamba Kabusha izobanjwa kusukela mhla we-13 kuya kowe-14 kuNdasa 2025 ngenhloso yokudingida ngamakhono eNingizimu Afrika esayensi, ubuchwepheshe nokuqamba kabusha ngendlela ebandakanya wonke umuntu. 
1.2    Le ngqunguqthela ihlanganisa imikhandlu yesayensi, izikhungo zemfundo ephakeme, iminyango kahulumeni, umkhakha wezamabhizinisi kanye nezabasebenzi ukuze kuzodingidwa ngeqhaza elingadlalwa yileli lizwe manje nangesikhathi esizayo oHlelweni Lukazwelonke Lokuqamba Kabusha. Kuzokwethulwa izincomo ngezinyathelo ezingathathwa ukusheshisa ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho yawo wonke umuntu nesimeme ukuze kuzohlomula bonke abantu baseNingizimu Afrika.

2.    INgqungquthela yesi-8 yeNingizimu Afrika ne-European Union (i-EU)

2.1    INgqungquthela yesi-8 yeNingizimu Afrika ne-EU izoba seKapa (namuhla) mhla we-13 kuNdasa 2025, futhi izoholwa ngokubambisana ngosihlalo abanguMongameli u-Cyril Ramaphosa, uMongameli woMkhandlu wase-Europe, uMnu. António Luís Santos da Costa, noMongameli weKhomishini yase-Europe, uDkt. Ursula von der Leyen ngenhloso yokuqinisa amaxhama phakathi kweNingizimu Afrika ne-EU.
2.2    Kule ngqungquthela kuzodingidwa izindaba zokuhweba notshalomali, kanye nokusebenzisana nobudlelwano obuhle phakathi kweNingizimu Afrika ne-EU. 
2.3    Le ngqungquthela kulindeleke ukuthi iveze izindlela ezihlanganisiwe zokubhekana nezinselele zesifunda nezomhlaba, okufaka phakathi ukuguquguquka kwesimo sezulu, ukungavikeleki kwabantu, ukuthula, ukuvikeleka nokuletha uzinzo, ukuguqukela kwezamandla ahlanzekile, kanye nokuguquka kwezikhungo zokubuswa komhlaba.
2.4    Le ngqungquthela izophinde iqinisekise ukwesekwa kweNingizimu Afrika esikhundleni soBumongameli be-G20 kanye nezinto ezibeke eqhulwini, kufaka phakathi isiqubulo esithi Ubumbano, ukulingana Nokusimama.

F.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa 

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

  • U-Dylan Naidoo ngokuba ngowokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukuwina i-SA Open, okungeminye yemincintiswano emidala yegalofu. Ukunqoba kwakhe kumvulele isikhala emincintiswaneni ye-July's Open Championship ezoba se-Royal Portrush.
  • UNcazelo Mlilo ngokuqokwa emikhakheni emibili ye-Women Changing the World Awards. Le miklomelo ihlonipha abesifazane emhlabeni jikele abenza umsebenzi oncomekayo ekuguquleni izimpilo zabantu.
  • Umphakathi wamaSulumane njengoba bebungaza inyanga engcwele ye-Ramadan.
  • UMnu. Patrice Motsepe ngokuphinde aqokwe njengoMongameli we-CAF. Igalelo lakhe ekuthuthukisweni kwebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika nase-Afrika liyaqhubeka nokusenza sizigqaje. 

2.    Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo:

  • Abagibeli abangama-31 abashone ezingozini ezintathu ezehlukene zamabhasi phakathi kwe-Reddersburg ne-Smithfield eFreyistata; ku-N2 North, ngaseMandeni, KwaZulu-Natali naku-R21 Ekurhuleni, e-Gauteng.
  • Abantwana abane basesikoleni samabanga aphansi abashone engozini yomgwaqo ku-N12 e-Daveyton, Ekurhuleni, e-Gauteng.
  • Obekade eyingede nesishoshovu sezobulili u-Pamela Mabini obemele abesifazane ababhekene ne-GBV futhi waqinisekisa ukuthi ababhebhezeli be-GBV babhekana nomthetho.
  • U-Crystal-Donna Roberts, umlingisi waseNingizimu Afrika nomethuli wezinhlelo obehamba phambili emibukisweni efana ne-The Endless River ne-Krotoa, waphinde wavela ku-Arendsvlei, Swartwater ne-7de Laan.
  • UDkt. Gomolemo Mokae, isishoshovu ebesilwisana nobandlululo namalungelo abantu abamnyama, udokotela kanye nombhali wezincwadi obengumgqugquzeli wezilimi zase-Afrika. Wathola umklomelo wezilimi eziningi ovela kwiBhodi Lezilimi eNingizimu Afrika ngokugqugquzela ukusetshenziswa kwezilimi zendabuko ezincwadini zaseNingizimu Afrika.
  • UMnu. Athol Fugard,  umlingisi owaziwa emhlabeni, umbhali wamanoveli nemidlalo owahlonishwa kuleli lizwe nasemhlabeni ngegalelo lakhe emidlalweni yeshashalazi. Ngowezi-2001, wafakwa kwi-American Theatre Hall of Fame waphinde wathola ukuhlonishwa nge-Order of Ikhamanga yaseNingizimu Afrika ngowezi-2005.
  • U-Ebenhaezer Dibakwane, usomahlaya owawina izindondo, umlingisi nombhali.
  • U-Khomotso Jacob Makwetla, umkhulumeli wokuthuthukiswa kwamabhizinisi abantu abamnyama. Owaphinde waba negalelo ekuthuthukisweni kwebhola likanobhutshuzwayo nesibhakela kuleli lizwe.

Sikhishwe: uPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Imibuzo: Nkz Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore