A. Ezisematheni
1. Umnotho
1.1. Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esiphakathi (i-MTBPS) sangowezi-2025 sigcizelela ukuzinikela ekukhuleni komnotho
1.1.1. IKhabhinethi lamukele iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi sangowezi-2025 (i-MTBPS) njengengxenye yemizamo kahulumeni eqhubekayo yokukhuthaza ukukhula komnotho, ukudala imisebenzi kanye nokubhekana nezindleko zokuphila.
1.1.2. I-MTBPS imemezele ushintsho lwesilinganiso samandla emali kuya emandleni emali abekiwe angamaphesenti ama-3. Izinzuzo zesilinganiso esiphansi samandla emali zifaka phakathi ukugwema ukwenyuka kwezindleko zokuphila, ukukhuthaza ukuzinza kwamanani emikhiqizo lokho okuzovikela amandla okuthenga, ukwesekwa kokuvikelwa kwemalingena kanye nokuvikelwa kwemali elindolozwayo. Ezingeni eliphezulu lomnotho, inhloso ngukweseka ukutholakala kwezimali ezinkulu kanye nokuthuthukisa uzinzo kwezezimali okuyikona okubalulekile ekuzethembeni kwabatshalizimali nasekukhuleni komnotho. Ithimba loMgcinimafa Kazwelonke/ neBhangengodla elenze isincomo salolu shintsho kwiNqubomgomo Yezezimali, bawucabangile umthelela walolu shintsho futhi iKhabhinethi lelulekiwe ukuthi le iyona ndlela enhle kakhulu izwe engayilandela kulesi sikhathi samanje.
1.1.3. I-MTBPS iphinde igcizelele ukuzinikela kukahulumeni ekwenzeni ngcono ukuhlinzekwa kwezinsizakalo ezibaluleke kakhulu ezifana nezempilo, ezemfundo, kanye nokuvikelwa kwabantulayo ngokubasiza ngezibonelelo zikahulumeni ngesikhathi kuqhutshwa utshalomali kwingqalasizinda yomphakathi efana nezamandla, amanzi nezokuthutha.
1.2. Ucwaningo Lwezabasebenzi Lwekota lubike ngemisebenzi esungulwe ngeKota yesi-3 ngowezi-2025
1.2.1. IKhabhinethi lamukele ukuthi uCwaningo Lwezabasebenzi Lwekota Lwezezibalo eNingizimu Afrika lubike imisebenzi eyizi-248 000 esungulwe ngeKota yesi-3 ngowezi-2025, lokho okunyuse isibalo sabantu abasebenzayo saya ezigidini eziyi-17.1 kanye nokwehla kwenani labantu abangasebenzi ngephesenti eli-1.3 laya kuma-31.9% ekoteni.
1.2.2. IKhabhinethi lijabule kakhulu ngokusungulwa kwemisebenzi emikhakheni ehamba phambili emnothweni, emva kokuthi kusungulwe imisebenzi eminingi emikhakheni yezokwakha, ezinsizakalweni zomphakathi neyokuhweba. Imisebenzi eminingi emkhakheni wezokwakha ihambisana nalokho uhulumeni akubeke eqhulwini kokuthuthukiswa kwengqalasizinda okuhambisana nesabelomali sengqalasizinda samarandi ayisigidintathu esisodwa esamennyezelwa ngeSabelomali sangowezi-2025 kanye ne-MTBPS yangowezi-2025 ephinde yaqinisekiswa.
1.3. Ukufika kwezivakashi eziyizigidi eziyisi-7.6 phakathi kukaMasingana noMandulo wezi-2025
1.3.1. IKhabhinethi lamukele izibalo eziqoshiwe zezivakashi eziyizi-7 634 261 eziphuma kwamanye amazwe phakathi kukaMasingana nomandulo wezi-2025, lokho okubonisa ukwenyuka okuhle kakhulu kwesibalo sesivakashi ngezi-1 108 222 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngowezi-2024 futhi okuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika isahamba phambili ezindaweni ezivakashelwayo emhlabeni.
1.3.2. Izimakethe ezifake isandle ekukhuleni komnotho kube yiMiddle East ngama-58%, i-Europe ikhule ngama-29%, izimakethe ezibalulekile e-Afrika zikhule ngama-28%, iNorth America ngama-22%, i-Asia ngama-11%.
1.4. IBiovac yaseNingizimu Afrika ikhiqiza umgomo weSifo Sohudo – okungokokuqala emlandweni ukuthi kuqhiqizwe umgomo eNingizimu Afrika
1.4.1. IKhabhinethi lihalalisele iBiovac noMnyango Wezempilo noweSayensi, Ubuchwepheshe Nokuqamba Kabusha ngokwethula umgomo wokuqala okhiqizwe eNingizimu Afrika, emlandweni wezwe.
1.4.2. Ikhono leBiovac lokukhiqiza umgomo weSifo Sohudo eNingizimu Afrika libonise ukuthuthuka kweNingizimu Afrika kwezamakhambi okwelapha, isayensi nobuchwepheshe kanye nokuthuthuka sisuka ekupakisheni imigomo efana nomgomo we-BNG kuya ekubeni nenkhono lokukhiqiza umgomo ngokuphelele. Ukusebenzisana kweBiovac noMkhandlu Wocwaningo Lwesayensi kanye ne-CSIR kubonisa ukunxenxwa kwamakhono kahulumeni ukubhekana nezinselele ezibhekene nezwe.
1.4.3. IKhabhinethi liyayithemba iBiovac, kanye nozakwabo, igalelo labo ekuqedeni izifo eNingizimu Afrika nase-Afrika ngokukhiqiza imigomo egxile ezifweni ezibhekene nezwekazi.
2. I-G20
2.1. Sekusele Izinsuku Eziyisishiyagalolunye kanye Nokulungela iNgqungquthela ye-G20
2.1.1. Njengoba sekusele izinsuku eziyisishiyagalolunye (9) kuqale iNgqungquthela Yabaholi be-G20 mhla wama-22 nama-23 kuLwezi 2025, e-NASREC eGoli, iKhabhinethi liqinisekile ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukusingatha iNgqungquthela ye-G20 yokuqala ngempumelelo ezwenikazini i-Afrika.
2.1.2. Uhulumeni ukulungele futhi ukusingatha ezinsukwini ezinhlanu (5), iNgqungquthela ye-G20 Yezenhlalo kusuka mhla we-18 kuya kuma-20 kuLwezi 2025 eBirchwood Hotel and OR Tambo Conference Centre, e-Ekurhuleni.
2.1.3. Selokhu yathatha isihlalo soBumongameli be-G20, iNingizimu Afrika isisingathe imihlangano yokulungiselela eyi-130 okungazange kubikwe zigameko kuyona futhi yasetshenziswa njengethuba lokubonisa ukwahlukana kweZifundazwe nezindawo zezivakashi. Zonke izifundazwe zasingatha imicimbi yokulungiselela i-G20.
2.1.4. Izinhlelo ezinkulu zokuphepha nokuvikelela seNgqungquthela Yabaholi Neyezenhlalo zihlelwa futhi zididiyelwa izinhlaka ezifanele zezokuvikeleka. UMongameli uzoya e-NASREC Precinct ngoLwesihlanu, mhla we-14 kuLwezi 2025 ukuyohlola isimo.
2.1.5. Isithangami sabezindaba ngeSimo Sokulungela i-G20 sizobanjwa ngeSonto, mhla we-16 kuLwezi 2025 ukuze kuqinisekiswe izakhamuzi kanye nababambiqhaza abavela emhlabeni jikelele ngeNingizimimu Afrika, kufaka phakathi nempumelelo ezuziwe kusukela izwe lathatha isihlalo soBumongameli be-G20 ngoLwezi 2024.
3. Ezamandla
3.1. IKhabhinethi lamukele isimemezelo esithi uMlawuli Wenuzi Kuzwelonke usegunyaze ukwelula kwelayisensi yeKoeberg Unit 2 ngeminyaka engama-20, evumela ukuthi iqhubeke isebenze kuze kube mhla wesi-9 kuLwezi 2045. Lokhu kuyimpumelelo eqinisa ukutholakala kwezamandla eNingizimu Afrika kwesikhathi eside futhi kubonisa ukuzinikela kuka-Eskom kwimigomo yokuphepha kwenuzi okusezingeni lomhlaba.
3.2. IKhabhinethi liphinde lamukela isimemezelo soMlawuli Kazwelonke Wezamandla eNingizimu Afrika (i-NERSA) sokubhaliswa kwezikhungo eziyi-181 zokuphehlwa kwamandla amasha ngekota yesibili yonyakamali wezi-2025/26.
3.3. Lezi zikhungo zibonisa Amandla ahlanganyelwe e-1 401 MW kanye notshalomali olulinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R30.78.
4. Ezamazwe Ngamazwe
4.1. INingizimu Afrika Ibeke uSihlalo Wezikhashana we-SADC eNgqungqutheleni Enkulu Yezinhloko Zamazwe e-SADC.
4.1.1. IKhabhinethi laziswe ngomphumela weNgqungquthela Enkulu Yezinhloko Zamazwe e-SADC ebibanjwe mhla wesi-7 kuLwezi 2025 kanye nokubekwa kweNingizimu Afrika njengoSihlalo Wesikhashana we-SADC kuze kuba nguNcwaba 2026 eNgqungqutheleni.
4.1.2. Isikhundla seNingizimu Afrika sokuba uSihlalo Wesikhashana we-SADC kuze kube nguNcwaba 2026 futhi izoqhubeka nohlelo lweMadagascar “lokThuthukiswa Kwezimboni, Ukuguqulwa Kwezolimo, kanye Nokuguqulwa Kwezamandla okuzoletha i-SADC Enamandla” njengoba lwamukelwa yi-SADC.
4.1.3. INingizimu Afrika iba nguSihlalo wesikhashana emva kokuhoxa kweMadagascar esikhundleni sikaSihlalo ukuze igxile ekuletheni uzinzo ezweni labo kulandela imibhikisho yakamuva yemiphakathi.
4.1.4. I-SADC ihalalisele uMhlonishwa uSlz. Arthur Peter Mutharika, uMongameli waseRepublic of Malawi; uMhlonishwa uDkt. Patrick Herminie, uMongameli waseRepublic of Seychelles; kanye noMhlonishwakazi uDkt. Samia Suluhu Hassan, uMongameli wase-United Republic of Tanzania, ngokhetho lwabo lwakamuva emazweni abo.
4.1.5. I-SADC idlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe abathandiweyo babo ngesikhathi semibhikisho eyenzeke eRepublic of Madagascar ngoMandulo, nakamuva e-United Republic of Tanzania.
4.2. Ukudluliselwa Kwabasolwa: Ukusebenza Kobulungiswa eNingizimu Afrika
4.2.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngenqubekela-phambili mayelana nezicelo zeNingizimu Afrika Zokudluliselwa Kwabasolwa baseBotswana naseMalawi.
4.2.2. IKhabhinethi liqinisekise umgomo wokuthi wonke umuntu osolwa ngamacala obugebengu kufanele abekane nomthetho eNingizimu Afrika futhi aphendule ngokuhambisana nomthetho futhi uMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo uzinikele ekudluliseni phambili isinqumo senkantolo yaseMalawi ngoMnu. Bushiri.
B. Izinqumo zeKhabhinethi
1. Ukuchitshiyelwa kweNqubomgomo Yokumelwa Kombuso Ngokomthetho
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuchitshiyelwa kweNqubomgomo Yokumelwa Kombuso Ngokomthetho. Inhloso yalesi sichibiyelo ukuvumela ukuhlinzekwa ukumelwa ngokomthetho kwabasebenzi bakaHulumeni, kufaka phakathi abasebenzi bakahulumeni baphambilini, amalungu amajaji kanye namalungu esigungu esiphezulu, kulandela ukusebenza kanye nokwenza imisebenzi yawo emandleni abo.
1.2. Isichibiyelo sizofaka phakathi abasebenzi bakaHulumeni, amalungu amajaji, kanye namalungu esigungu esiphezulu uma bebizwa ukuthi bazosiza kwiKhomishana Ephenyayo, kulandela imisebenzi yabo njengabasebenzi bakahulumeni, amalungu amajaji kanye namalungu esigungu esiphezulu.
2. INingizimu Afrika iveza inhloso yayo Yokufaka Isicelo Semidlalo Yama-Olimpiki ngowezi-2036 noma ngowezi-2040
2.1. IKhabhinethi ligunyaze iNingizimu Afrika ukuba ingenele iZingxoxo Eziqhubekayo ne-IOC njengengxenye yenhloso yayo yokufaka isicelo seMidlalo Ye-Olimpiki ngowezi-2036 noma ngowezi-2040. Izingxoxo eziqhubekayo ne-IOC zibonisa ukubonisana kuqala ngenhloso yeNingizimu Afrika yokufaka isicelo samalungelo okusingatha iMidlalo ye-Olympic ne-Paralympic ngowezi-2026 noma ngowezi-2040.
2.2. IKhabhinethi linesiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukusingatha ama-Olimpiki ngokubheka ingqalasizinda yeNingizimu Afrika ekhona.
3. UHlelo Lokulwa Nokusebenza Kwezingane Lwesihlanu (i-CLPA) lweNingizimu Afrika lowezi-2025 kuya kowezi-2029
3.1. IKhabhinethi ligunyaze i-CLPA yeSihlanu, esebenza njengohlaka lwezwe lokulwa nokusebenza kwezingane. I-CLPA ingumzamo oholwa nguhulumeni okuhloswe ngawo ukuqinisa umthetho kanye nokuthotshelwa kwawo, ukuqwashisa umphakathi kanye nokubheka imizamo nomphakathi yokweseka izingane ezithintwe ngukusetshenziswa kwezingane. Ngokwakhela phezu kwalokho esikufunde ezigabeni ezedlule, isigaba sesihlanu sihlose ukuthuthukisa izingenelelo ezididiyelwe neziqonde ngqo, ngokugxila kakhulu ekutholeni kusasenesikhathi kanye nokweseka izingane ezisengcupheni nezithintekayo.
4. Ukubekwa kwesimo sokunakekelwa kwePebble Bed Modular Reactor (i-PBMR)
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukubekwa kwesimo sokunakekelwa kwePebble Bed Modular Reactor ukuvumela iNingizimu Afrika ukuthi iqhubeke ithuthukise ubuchwepheshe be-PBMR.
4.2. Lesi sinqumo sizothuthukisa inhloso yeNingizimu Afrika yokubamba iqhaza esikhathini sikawoyela wenuzi kanye nokubeka izwe ekutheni likwazi ukudlala indima ekusungulweni kweSmall Modular Reactor Technology.
4.3. IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukudluliselwa kwenkampani yePebble Bed Modular Reactor isuka kwa-Eskom iya kwa-NECSA.
C. IMithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wobuholi Bomdabu BamaKhoi-San
1.1. IKhambinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wobuholi Bomdabu BamaKhoi-San, wezi-2025 ePhalamende. UMthethosivivinywa uphendula isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo owabeka ukuthi uMthetho Wobuhloli Bomdabu bamaKhoi-San wangowezi-2019 awusebenzi, ngenxa yokuthi umphakathi awubandakanyekanga ngokuphelele ngesikhathi udluliselwa ePhalamende.
1.2. Ngowezi-2024, iKhabhinethi lagunyaza ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuholi Bomdabu BamaKhoi-San obuyekeziwe, wezi-2024 ukuze umphakathi uzophawula ngawo. UMthethosivivinywa obuyekeziwe uzonika iPhalamende ithuba lokulandela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo. UMthetho Wobuholi Bomdabu WamaKhoi-San wezi-2019 ungene esikhaleni soMthetho Wobuholi Bomdabu wamaKhoi-San wezi-2003.
D. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolisiswa okufanele.
1. Mnu. Mashwahle Joseph Diphofa njengoMqondisi Jikelele (u-DG) kuMnyango Wezindaba Zendabubo (ukuvuselelwa kwenkontileka).
2. Ukubekwa kwabaQondisi Abangebona Abaphathi ababili baseLand Bank
i. Mnu. Basil Mpumelelo Maseko; kanye
ii. noNkz. Siphumelele Balungile Dlungwane.
3. Ukubekwa futhi kwaBaqondisi Abangabona Abaphathi ababili beBhodi leDevelopment Bank of Southern Africa
iii. Mnu. Kenneth Willy Brown; kanye
iv. noNkz. Dinao Modirwadi Lerutle.
4. Ukubekwa kwamalungu eSouth African National Energy Development Institute (i-SANEDI)
i. Mnu. Sicelo Goodwill Xulu (uSihlalo)
ii. Nkz. Nonkosi Koranteng (iPhini likaSihlalo)
iii. Slz. Anastassios Pouris, kanye
iv. noNkz. Octavia Matshidiso Matloa
E. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Uxhasomali Losozimayini Abancane (i-JMEF)
1.1. IKhabhnethi laziswe ngokuqhubekayo ngomsebenzi we-JMEF, kubandakanya inqubekela-phambili ngokukhokhwa kwezimali zokuqala kanye nezinhlelo zokuguqula i-JMEF ibe yisikhwama soxhasomali esizimele. IKhabhinethi ligunyaze i-JMEF ngowezi-2022 ukweseka amabhizinisi ozosimayini abancane ekutheni aqhube imisebenzi okuthola izinto ezintsha. Ngaleso sikhathi, isikhwama besibekelwe ukuheha okungenani ama-5% ezindleko zokwenza izinto ezintsha eNingizimu Afrika.
1.2. Selokhu sasungulwa, isikhwama sesisungulwe izinhlaka zokubusa saphinde sethula iWindow 1 ebhekele izimbiwa ezibalulekile ezifana necopper, inickel, igraphite, ilithium kanye nohlobo lwezinsimbi ezingajwayelekile. Ngelesi sikhathi, izicelo eziyi-119 ezenza izigidigidi eziR3.7 zoxhasomali zafakwa. Kulezi zicelo, ezingama-46 zazifanelekile, zibonisa intshisekelo yabatshalizimali kanye nekhono lotshalomali.
2. Inqubekela-phambili ngokuqaliswa kwenye indlela yoxhasomali lokuthuthukisa nokunyusa isizinda sikagezi kuzwelonke
2.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngenqubekela-phambili ngokuqaliswa kwenye indlela yoxhasomali lokuthuthukiswa nokunyusa isizinda sikagesi kuzwelonke, kubandakanya nokusungulwa kwe-Independent Transmission Project Office (i-ITPO) ngaphakathi kwi-Independent Power Producers Office. NgoZibandlela wezi-2023, iKhabhinethi lagunyaza uHlelo lwe-ITP ukuvumela ukubandakanywa komkhakha ozimele ekuthuthukisweni, ukuxhaswa ngezimali, ukwakhiwa, kanye nokusebenza kwengqalasizinda yokuthumela ugesi entsha ngaphansi kohlaka lokulawula olwenza izinto obala.
2.2. Kwenziwe inqubekela-phambili enkulu ekusebenziseni ezinye izindlela zoxhasomali zokwandisa ukudluliselwa kukagesi, ikakhulukazi maqondana nokwenza isimondawo esivumela ama- Independent Transmission Projects.
2.3. ISigaba 1 soHlelo lwe-ITP kulindeleke ukuthi sivule izintambo zokuhambisa ugesi eziyi-1 164km kanye nomthamo owengeziwe wesiteshi esincane. Ukuxoxisana kukahulumeni nabatshalizimali sekuqinisekise intshisekelo yemakethe eqinile yokubamba iqhaza ekwenyuseni ukuthunyelwa kukagesi eNingizimu Afrika kanye nohlelo lokuthuthukisa. Ukushicilelwa kusomqulu kwemithethonqubo yokuthunyelwa kukagesi esahlongozwa kanye noMyalelo kaNgqongqoshe kuyingxenye yale nqubekela-phambili.
3. Umbiko ngemiphumela yesivumelwane sokusebenzisana kwamazwe amabili seNhlangano Yabakhiqizi Bedayimane e-Afrika (i-ADPA) nohambo oluya eRepublic of Botswana
3.1. IKhabhinethi lithole umbiko ngemiphumela yokuvakashela eBotswana obekuhlose ukukhuthaza iBotswana ukuthi ibe ilungu leNhlangano Yabakhiqizi Bedayimane e-Afrika (i-ADPA).
3.2. I-ADPA yasungulelwa ukukhuthaza ukusebenzisana phakathi kwamazwe ase-Afrika akhiqiza idayimane, ukuhambelanisa izinhlaka zomthetho, kanye nokuqinisa ukubumbana kwabo ekusebenzeni embonini yedayimane yomhlaba. Yize ingumkhiqizi omkhulukazi wedayimane e-Afrika, iBotswana ikhethe ukuhlala ingangeni kwi-ADPA selokhu yasungulwa ngowezi-2006.
3.3. Emva kokuvakasha kukaNgqongqoshe uMantashe, iBotswana, ngokomgomo ivumile ukuba yingxenye yeADPA futhi yacela ukuthi iNingizimu Afrika isebenzisane noMabhalane we-ADPA ukuthi ibambe iqhaza njengomqaphi. Lolu hambo luqinisekise ukubdlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neBotswana, nokuthi izwe ngalinye lingahlomula kanjani kwelinye ezimayini kanye nasekuthuthukisweni kwezwekazi.
4. Izivumelwano Zama-ejensi Zokuthunyelwa Kukagesi (i-DDA) nokusebenzisana no-Eskom
4.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane nge-DDA futhi leseka ukuqaliswa kwayo. I-DDA inkontileka lapho u-Eskom eba yi-ejensi ethatha yonke imisebenzi kamasipala yokuthumela ugesi, kubandakanya ukunakekela, ukulungisa okuphukile, kanye nokuqoqwa kwezimali.
4.2. Lokhu kuhloswe ngakho ukubhekana nezinkinga ezifana nesikweledu sikamasipala kanye nokungalethwa kwezidingongqangi, okuhlose ukwenza ngcono ukwethembeka kanye nokusiza omasipala bakwazi ukulawula iminyango yabo kagesi futhi.
4.3. Lezi zivumelwano ziyizindlela ezibalulekile zokuvuselela kabusha ezezimali, ukwenza ngcono ukubuyiswa kwezimali kanye nokuletha uzinzo ezinsizakalweni zikagesi kubobonke omasipala njengengxenye yegunya loMnyango Wezamandla Nogesi lokuqinisekisa ukuthunyelwa kukagesi okuthembekile, okusobala nokusimeme embonini.
F. Imicimbi Ezayo
1.1 INyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abanokukhubazeka
1.1.1 Izwe lizobungaza iNyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abanokukhubazeka (i-DRAM) kusuka mhla wesi-3 kuLwezi kuya ngowesi-3 kuZibandlela ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sisungula Ukusebenzisa Kwemikhakha Eyahlukene ukuze sizoba Nomphakathi Obandakayo Abanokukhubazeka.” Inyanga izoqala ngoSuku Lukazwelonke Nelomhlaba Lwabantu Abanokukhubazeka mhla wesi-3 kuZibandlela — iKhabhinethi lihlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika ekukhuthazeni ukuqwashisa, ukubandakanywa, kanye nokulingana.
1.1.2 Uhulumeni uyaqhubeka nokuthuthukisa ukuqaliswa koMthteho Odingidwayo Ngamalungelo Abantu Abanokukhubazeka, nokuqinisekisa ukuzinikela kwakhe ekwakheni umphakathi obandakanyayo lapho bonke abantu abanokukhubazeka bathokozela amalungelo alinganayo, isithunzi, kanye nokubamba iqhaza okusho okuthile.
1.1.3 Ngesikhathi kwenziwe inqubekela-phambili enkulu ekuthuthukiseni amalungelo abantu abanokukhubazeka, iKhabhinethi licela yonke imikhakha yomphakathi ukuthi idlale indima yawo ekususeni yonke imigoqo kanye nokuqinisekisa ukufinyelela okulinganyo kwabantu abanokukhubazeka.
2. Letsema! INingizimu Afrika iyabumbana Ukuqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane
2.1 Njengoba sibheke eMkhankasweni Wezinsuku eziyi-16 Wokulwa Nodlame Olubhekiswe kwabesifazane Nezingane waminyaka yonke, uzobanjwa kusukela mhla wama-25 kuLwezi kuya mhla we-10 kuZibandlela 2025 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Letsema: Amadoda, Abafazi, Abafana, Amantombazane basebenza ngokubambisana ukuqeda Udlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)”. IKhabhinethi likhathazeke kakhulu ngokuthi yize ikhona imizamo kahulumeni, imiphakathi, amabhizinisi nemiphakathi yokulwa nalesi sihlava, iNingizimu Afrika isaqhubeka nokubhekana nezibalo eziphezulu ze-GBVF.
2.2 Njengendlela yokubhekana namazinga aphezulu e-GBVF, uhulumeni ngoMbasa kulo nyaka wethula uHlelo Lwezinsuku Ezingama-90 Lokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF) ukuqinisekisa izindlela ezisheshayo zokulwa ne-GBVF nokusheshisa ukuqaliswa koHlelo Lweqhingasu Lukazwelonke lwe-GBVF.
2.3 Uhlelo Lwezinsuku ezingama-90 olwaluholwa iKlasta ye-JCPS lwasebenza ngezingenelelo eziphuthumayo nezaba nomthelela ukunciphisa amazinga e-GBVF ezweni. Lokhu kubandakanya ukusungulwa kabusha kweKomidi Longqongqoshe (i-IMC) ukuqinisekisa ukusebenzisana ekuqalisweni koHlelo Lweqhingasu Lukazwelonke lwe-GBVF.
3. INgqungquthela Kazwelonke Yezokwakha
3.1 INgqungquthela Kazwelonke Yezokwakha izobanjwa mhla we-13 nowe-14 kuLwezi 2025 eGauteng, ngokusingathwa nguMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda (i-DPWI) ngokubambisana neBhodi Lokuthuthukiswa Kwemboni Yezokwakha (i-CIDB).
3.2 Ingqungquthela izogxila ezoxazululweni zokusheshisa imiklamo yezokwakha, kanye nokuqiniswa ukuvikeleka kwezindawo zokwakha, ukuhambelanisa izindlela zokuthengwa kwempahla, ukwenza ngcono izindlela zokubika, kanye nokuqinisa ukusebenzisana phakathi komkhakha kahulumeni nozimele.
G. Imiyalezo
1. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi anduduzo kubangani nomndeni ka:
- Nkz. Ntombazana Botha, iqhawe lomzabalazo nePhini Likangqongqoshe Wezobuciko Namasiko laphambilini.
2. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
- Nkk. Joyce Pitso, Mnu. Mosotho Moepya ozosebenza njengelungu eliphelele kanye neJaji uDhaya Pilla uzosebenza njengelungu elisebenza ngezikhathi ezithile kwiKhomishini Yezokhetho yaseNingizimu Afrika. IKhabhinethi lihalalisele uMnu. Mosotho Moepya esikhundleni sakhe sokuba usihlalo weKhomishini.
- Nkz. Botseetse Kgaphola, ngokwethwesa isicoco sikaZime waseNingizimu Afrika Onokukhubazeka.
- IQembu Likazwelonke Likanobhutshuzwayo labangaphansi kwe-17 - Amajimbos, ababe yiqembu lokuqala eNingizimu Afrika eminyakeni yabo ukuqhubekela phambili emiqhudelwaneni ye-Fifa U-17 World Cup.
- AmaBhokobhoko ngokuhamba phambili emdlalweni wabo wesibili weQuilter Nations Series ngokunqoba iFrance ngama-32 – 17.
- Ukapteni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi, ngeTest cap yakhe ye-100. Ube ngumdlali wesishiyagalolunye emlandweni wamaBhokobhoko ukuthola iTest cap ye-100. Uhambo lwakhe lungubufakazi bokusebenza kanzima nokuzimisela.
- Intatheli yeNhlangano Yezokusakaza eNingizimu Afrika yamazwe ngamazwe, uSherwin Bryce-Pease kanye nomthwebuli wevidiyo u-Aaron Berbrick, ngokuqokwa njengabawine igolide leRicardo Ortega Memorial Prize yi-United Nations Correspondents Association.
- Mnu. Dan Marokane, uMphathi Omkhulu we-Eskom, ngokukhethwa ukuba yiSunday Times Business Leader of the Year 2025 emcimbini weSunday Times Top 100 Companies Awards.
- INigeria ngokuphuma ohlwini lweFinancial Action Task Force (i-FATF) ilandela ezinyathelweni zokuphuma kweNingizimu Afrika. Lokhu kuyisinyathelo esihle ezwenikazini i-Afrika njengoba kunika i-Afrika ukwethembeka ezimakethe zezimali zomhlaba, kunciphisa izindleko zokuhweba futhi kuqinisa ukuzethemba kwabatshalizimali.
Imibuzo:
Mnu. Sandile Nene
iBamba loMkhulumeni kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 712 2316

