Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla lu-1 kuNtulikazi 2026

A. Ezisematheni
1. Indlela Ephelele Yokubhekana Nokufuduka eNingizimu Afrika
1.1 IKhabhinethi lidlulise ukubonga kwayo kubantu baseNingizimu Afrika abahlanganyele emibhikishweni enokuthula yokulwa nokufudukaokungekho emthethweni futhi yancoma noPhiko Lukazwelonkelwezokusebenza Ngokubambisana Nezobunhloli (i-NatJOINTS) ngokuphoqelela imibhikisho enokuthula mhla zingama-30 kuNhlangulana 2026.
 
1.2 IKhabhinethi liphinde lancoma umsebenzi weKomidi ElihlanganisaONgqongqoshe ngaphansi kobuholi bukaNgqongqosheWezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, uNkz.Mmamoloko Kubayi, ngomsebenzi omuhle kakhulu ekuqaliswenikweNdlela Ephelele yokulawula ukufuduka njengoba kwamenyezelwanguMongameli Ramaphosa mhla ziyisi-7 kuNhlangulana 2026.
 
1.3 IKhabhinethi laziswe ngokwakamuva mayelana nokuqaliswa kwezinsikaezinhlanu zeNdlela Ephelele, inqubekela-phambili yayo ngaphansikwensika yokuqinisa umthetho yenze lokhu okulandelayo:
1.3.1 Ukwanda kokuhlolwa kwabasebenzi ezinkampanini ezisolwangokuqasha abantu bakwamanye amazwe abangenawo amaphepha, ngokuholwa ngamaPhini oNgqongqoshe EzokuqashwaNezabasebenzi, (uMnu. Jomo Sibiya), uMnyango Wezasekhaya(uMnu. Njabulo Nzuza) kanye Namaphoyisa (uDkt. Polly Boshielo).
 
1.3.2 Ukuqinisekisa ukuxoshwa okuhlelekile nokusemthethweningokuvuselelwa kabusha kweNkantolo Ebhekele Ukufuduka eThekwini(eyasebenza ekucubunguleni ukuxoshwa okwakuqhutshwaeSherwood, eThekwini), iNkantolo Yokufuduka e-OR Tambo International Airport, kanye nokuvuselelwa kabusha kwenkantoloeLindela Repatriation Centre eKrugersdorp.
 
1.3.3 Ukunyakaza ngokushesha ukusiza imizamo yokubuyiselwa kwabantuemazweni abo ukuqinisekisa ukubuyiselwa kwabantu okuhlelekilenokuhloniphekile. Lokhu kuholele ekutheni i-IMC imise ngokusheshaisikhungo sokubuyiselwa kwabantu eMusina ukuze kube lulaukusebenza ngaphansi kwezimo ezinesithunzi nezinobuntu. Ngalokhu, iKhabhinethi lidlulisele ukubonga kwayo ezinhlanganweni ezingenzinzuzo ezifana neGift of the Givers, i-Ashraful Aid, kanye neMahlaselaFoundation.
 
1.3.4 Kusukela ngomhla wesi-7 kuNhlangulana 2026, iZiphathimandlaEzilawula Imingcele (i-BMA) ibambe abantu abaningi abafudukangokungekho emthethweni abazama ukungena ezweningokungemthetho, okuhlanganisa abokufika abangenawo amaphepha, abantu abangafuneki kanye nokwenqatshelwa kwabantu ngenxayamaphepha okuvakasha angalandeli imithetho.
 
1.3.5 I-NATJOINTS ichaze kabanzi ngamacala obugebengu avulelweubugebengu obuhlanganisa ukuphazamiseka komphakathi kanyenokugqugquzela udlame avuliwe, abasolwa ababoshiwe, kanyenamacala aphambi kwezinkantolo kanye nalawo aphenywayo.
 
1.4 NgoLwesine, mhla wesi-02 kuNtulikazi 2026, amanye amalungu e-IMC ahlole indawo ethile emngceleni waseLimpopo seZimbabwe ukuzeaqonde kabanzi ngomsebenzi we-IMC wokuthuthukisa ingqalasizindaemingceleni.
 
2. Umsebenzi Oncomekayo weBafana Bafana KweyeNdebe Yomhlabaye-FIFA yezi-2026
2.1 IKhabhinethi lihlanganyele nesizwe sonke ekuhalaliseleni iBafana Bafana ngokudlala kahle kakhulu eNdebeni Yomhlaba ye-FIFA yezi-2026, nalapho iqembu lidlulele eMzulisaneni Wamazwe angama-32 okokuqala selokhu iNingizimu Afrika yaqala ukudlala eNdebeniYomhlaba ngowe-1998.
 
2.2 IBafana Bafana iphinde yabonisa ibhola elihlaba umxhwele ngesikhathiibhekene neCanada emzuliswaneni wama-32 lapho yahlulwa khonangokudabukisayo ngegoli elifakwe esikhathini esengeziwe. Isizwesethu siyaziqhenya kakhulu ngabafana bethu ababonise ukuthibangamelana namaqembu ahamba phambili emhlabeni.
 
2.3 Siyabonga, Ningizimu Afrika, ngokwamukela kwenu ngenhliziyoemhlophe aBafana bethu (iBafana Bafana).

Umnotho:  
1. INingizimu Afrika Ibonise Ukwenza Kangcono OkuphawulekayoEzingeni Lokuncintisana Lomhlaba Wonke

1.1 IKhabhinethi lamukele ukwenza kangcono kweNingizimu Afrika ekuncintisaneni komhlaba wonke njengoba kuboniswe eNcwadiniYonyaka Yokuncintisana (i-WCY) yezi-2026 esibeka endaweniyama-54 uma kuqhathaniswa nendawo yama-64 ngowezi-2025.
 
1.2 Umbiko wakhishwa ngoNhlangulana 2026 yi-Institute for Management Development (i-IMD) ngokubambisana neProductivity SA nowavezaukwenza kangcono kweNingizimu Afrika ngokuya phambilingokwamaphuzu eziyi-10 kusukela endaweni yayoyangaphambilini.
 
1.3 Indawo engcono ekuyo ikhushulwa yinqubekela-phambiliekusebenzeni kahle kukahulumeni, ukuzethemba kwamabhizinisiokukhulayo kanye nokuphathwa kwengqalasizinda okuthuthukisiwe, okugcizelela umthelela wezinguquko eziqhubekayo zokuqinisaukusebenza komnotho kanye nokubusa.
 
2. Ingqungquthela Yengqalasizinda YaseNingizimu Afrika IqinisaUmkhankaso Wotshalomali Lomphakathi
2.1 IKhabhinethi lincome ukusingathwa ngempumelelo kweNgqungquthelaYengqalasizinda YaseNingizimu Afrika kanye Nombukiso kusukelamhla ziyisi-9 kuya mhla ziyi-11 kuNhlangulana 2026 eGallagherConvention Centre eGoli okuhlinzeke ngenkundla ebalulekileyokuthuthukisa ubudlelwano, ukugqugquzela utshalomali kanyenokusheshisa ukuqaliswa kwemiklamo yengqalasizinda ebalulekile.
 
2.2 Izingxoxo zigxile ekwandiseni ubudlelwano Phakathi kukahulumeninomkhakha ozimele, ukuthuthukisa amanethiwekhi ezokuthuthwakwempahla, kanye nokuqinisa ingqalasizinda yezokuthutha, amanzi, kanye neyedijithali ukuze kwesekwe ukukhula komnothokanye nentuthuko. Lezi zinhlelo zengqalasizinda zingumphumelawezithembiso ezamenyezelwa nguMongameli uCyril Ramaphosa eNkulumweni Yesimo Sezwe yowezi-2026, eyacacisa uhleloolukhulu lokukhula komnotho okuholwa yingqalasizinda, olunezingqalasizinda zomphakathi ezingaphezu kwesigidintathu esi-R1 esikhathini esimaphakathi.

Ubudlelwane Bamazwe Ngamazwe
1. INgqungquthela ye-SACU: Ukuqinisa Ukuhlanganiswa Kwesifunda
1.1 IKhabhinethi lincome impumelelo yeNgqungquthela yesi-9 yeSouthernAfrican Customs Union (i-SACU) yeZinhloko Zombuso nomaoHulumeni ngomhla wama-26 kuNhlangulana 2026.

1.2 Umphumela omkhulu weNgqungquthela futhi ngokuhambisana nendlelaebizwa ngokuthi iRe-Imagined SACU, amazwe angamalungu aphindeaqinisekisa ukuzibophezela kwawo kwi-SACU njengenjini yokuqhubaukuhlanganiswa komnotho wesifunda, ukuhlukahluka kwezimbonikanye nomnotho, ukwandiswa kokuhweba nokutshalwa kwezimalingaphakathi kwesifunda, ukuhambelanisa inqubomgomo kanyenokuthuthuka komnotho osimeme. Ukuthuthukiswa kwezimbonikusalokhu kunguMmongo we-ajenda yentuthuko ye-SACU.
 
2. Ukugcina ubudlelwano obuhle neShayina
2.1 IPhini likaMongameli uPaul Mashatile liphethe uhambo olubeyimpumelelo lokusebenza eShayina kusukela mhla zingama-20 kuya mhla zingama-26 kuNhlangulana 2026, oluhlose ukuqinisaubudlelwano bezomnotho nokwandisa amathuba okutshalwakwezimali kanye nokubambisana kwezimboni. Ngesikhathisokuvakasha, uphinde wabamba umhlangano Phakathi kwezinhlangothi zombili noMhlonishwa uMnu. Han Zheng, iPhinilikaMongameli weRiphabhulikhi YaseShayina, ukudingidangezindaba ezithinta womabili amazwe futhi kuqiniswe amaxhamakwezomnotho phakathi kwala mazwe womabili.
 
2.2 Ngesikhathi sokuvakasha, iPhini likaMongameli uMashatile ube yingxenye yeFourth China International Supply Chain Expo, laphoaqinisekise khona ukuthi iNingizimu Afrika iseyintuba engenela e-Afrika ye-Sub-Sahara kwezohwebo, ukutshalwa kwezimali kanyenokubambisana kwezimboni. Ubudlelwano obuqinisiwe kulindelekeukuthi budonse utshalomali olwengeziwe, lwandise amathubaamabhizinisi kuleli lizwe futhi lweseke ukukhula komnothookubandakanya wonke umuntu okudala imisebenzi.
 
A. Izinqumo zeKhabhinethi
1. Uhlaka Lwenqubomgomo Yamasheya Kawoyela
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kohlaka LwenqubomgomoYamasheya Kawoyela ukuze umphakathi uphawule ngalo.
 
1.2. Le nqubomgomo ihlose ukuqinisekisa ukungapheli kukawoyelaeNingizimu Afrika nokunciphisa umthelela wezomnotho ezinkingenizokuthunyelwa kukawoyela. Ilandela ucwaningo olubanziolwagunyazwa uhulumeni ngowezi-2024 mayelana namasheyakawoyela ezweni, oluhlonze izindawo ezidinga ukunakwa, okuhlanganisa nesidingo sokuqinisa izinhlelo zokugcina amasheyanokwandisa amakhono okucwenga uwoyela kuleli lizwe.
 
1.3. Le nqubomgomo iphakamisa imodeli exubile yokugcina amasheyalapho iNkampani Kawoyela Kazwelonke yaseNingizimu Afrika (i-SANPC) izogcina khona izinqolobane zikawoyela ezilingananezinsuku ezingama-60 zikawoyela ongenayo ongahluziwe kanyenemikhiqizo kawoyela ehluziwe, kanye nokwenyuka kancanekancane ezinsukwini ezingama-90 esikhathini eside. Le nqubomgomo izosiza ekuqinisekiseni ukuthi uwoyela awuphelikuzwelonke, ithuthukise ukuqina ngokumelene nezinkingazokuhlinzekwa kukawoyela emhlabeni kanye nokweseka ukukhulakomnotho okusimeme.
 
2. Uhlaka Oluhlanganisiwe Lokusiza Umphakathi
2.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Oluhlanganisiwe Lokusiza Umphakathi(i-ISFF) njengethuluzi lenqubomgomo kazwelonke elibophezelayolokulinganisa nokufaka ngaphakathi ukuxoxisana nomphakathiekulethweni kwengqalasizinda kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, izinhlangano zikahulumeni kanye nababambiqhazaekuthuthukisweni kwengqalasizinda.
 
2.2. Uhlaka kuhloswe ngalo ukubhekana nemibhikisho yomphakathi, ukuphazamiseka kwemiklamo, ukucekelwa phansi kwempahla, ukubambezeleka kanye nezingozi zokuphepha ngokukhuthazaukubamba iqhaza komphakathi okuhlelekile kuze kuphele umklamowengqalasizinda, ngaleyo ndlela kuqiniswe ukwethembanakomphakathi, ubumbano lomphakathi kanye nokuvikelwakotshalomali lwengqalasizinda.
 
2.3. I-ISFF yethula indlela yobungcweti nehlelekile yokusiza umphakathi, okuhlanganisa ukugunyazwa kwabaQondisi Bezenhlalo, izinhlelozokubusa ezicacile, ukuqapha nokuhlola okuqinile, kanye nendlelaebhekele ubungozi yokulawula ubungozi obuhlobene nomphakathi.
 
3. Umbiko wezimali weThimba LoNgqongqoshe elibhekele isayensi, ubuchwepheshe kanye nokusungula izinto ezintsha (i-STI)
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukukhishwa koMbiko Wezimali Zesayensi, Ubuchwepheshe kanye Nokusungula Izinto Ezintsha ukuzeumphakathi uphawule ngawo.
 
3.2. Umbiko ugcizelela isidingo sokuba iNingizimu Afrika igwemeukuthembela kakhulu ekuxhasweni ngemali ngamanye amazwekanye nokwakha amandla oxhasomali kuleli lizwe ukuzekuncishiswe ubungozi obungaba khona ezinhlelweni zocwaningozezwe ukuze kuvikelwe ubugugu besayensi baseNingizimu Afrika.
 
4. Ukuqinisekiswa kweSivumelwano seMboni seNhlanganoYokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC)
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa kweSivumelwano seMboni se-SADC ePhalamende ukuze siqinisekiswe. Lesi Sivumelwanosiyisivumelwano sesifunda esibophayo ngokomthetho okuhloswengaso ukusungula isisekelo sezimboni esihlukahlukene, esisha futhiesincintisanayo emhlabeni wonke kulo lonke elaseNingizimu Afrika. Umgomo waso ukukhuthaza ukukhula komnotho okusimemenokubandakanya wonke umuntu.
 
4.2. Ukuqinisekiswa kwalesi Sivumelwano yiNingizimu Afrika kuzobanegalelo ekutheni sisebenze njengoba sifaka isandla ekugxileniekuthuthukisweni komnotho wesifunda kanye nezimboni futhisikhuthaza ukuguquka kusuka ekuthunyelweni kwemikhiqizoenjengoba injalo kwamanye amazwe kuya ekuthunyelwenikwamanye amazwe kwemikhiqizo esiyenziwe esenaninieliphezulu.
 
5. Ukuqinisekiswa kweSivumelwano SokulondolozwaNokusetshenziswa Okusimeme Kokuhlukahluka KwezintoEziphilayo Zasolwandle Ezindaweni Ezingale KwezigunyaziweKuzwelonke
5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa kweSivumelwano SokulondolozwaNokusetshenziswa Okusimeme Kokuhlukahluka Kwezinto EziphilayoZasolwandle Ezindaweni Ezingale Kwezigunyaziwe Kuzwelonke (Isivumelwano se-BBNJ) ePhalamende ukuze siqinisekiswe. Esiphinde saziwe nangokuthi iSivumelwano EsiphezuluSezasolwandle, lesi Sivumelwano siyithuluzi elibophayoelisemthethweni loMhlabuhlangene elenzelwe ukukhuthazaukulondolozwa nokusetshenziswa okusimeme kwezinto eziphilayozasolwandle emanzini omhlaba wonke.
 
5.2. INingizimu Afrika idlale indima ebalulekile ekuxoxisaneningeSivumelwano ngaphansi kweSivumelwano Sezizwe EzihlangeneSomthetho Wolwandle. Isivumelwano se-BBNJ kulindeleke ukuthisiqinise ukuphathwa kolwandle emhlabeni wonke ngokuthuthukisaukubambisana kwamazwe ngamazwe ekuvikelweninasekuphathweni okusimeme kwezinsiza zasolwandle emanziniemhlabeni wonke.
 
B. Imithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho YokuphathwaKwemvelo Kazwelonke (i-NEMLA), wezi-2026
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa we-NEMLA, wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchitshiyelwa koMthetho WokuphathwaKwemvelo Kazwelonke, we-1998 (uMthetho we-107 we-1998), ukuze kuqiniswe ukuthotshelwa kwemithetho yemvelo kanyenokuphoqelelwa kwayo ngokunika amandla abahloli bezemveloukuthi bakhiphe izaziso zokuthobela imithetho futhi banike amandlaomasipala ukuthi bakhiphe iziqondiso zokwephulwa kwemithethoyemvelo.
 
1.2. Lo Mthethosivivinywa uphinde wethule uhlelo lwenhlawulokwezokuphatha emthethweni kazwelonke wezemvelowaseNingizimu Afrika. Lokhu kuzohambisana nezinhlawulozobugebengu ezikhona ngokunikeza enye indlela yokushushiswakobugebengu ngokwephulwa kwemithetho yemvelo okungatheni, okuvumela ukuphoqelelwa okusebenzayo ngenkathi kugwenywaukubambezeleka kanye nobungozi obuhlobene nezinqubozobugebengu.
 
2. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukubhaliswa KwamatayitelaNgobuchwepheshe be-Elekthronikhi kanye NezindlelaZokubhalisa
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa WokuchibiyelaUkubhaliswa Kwamatayitela Ngobuchwepheshe be-Elekthronikhikanye Nezindlela Zokubhalisa ePhalamende.

UMthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthethoWokubhaliswa Kwamatayitela Ngobuchwepheshe be-Elekthronikhi(uMthetho we-19 wezi-2019), uMthetho WokubhaliswaKwamatayitela (uMthetho wama-47 we-1937) kanye noMthethoWokubhaliswa Kwamatayitela Anobunikazi Obuhlukanisiwe(uMthetho wama-95 we-1986) ukuze kwenziwe uhlakalwezomthetho olulawula ukubhaliswa kwezincwadi kanye nezindlelazokubhalisa zibe ezesimanje.

2.2. UMthethosivivinywa uqhubekisela phambili izinhloso zomnotho wawowonke umuntu kanye nokuphepha okuthuthukisiwe kobunikazibomhlaba. Lezi zichibiyelo eziphakanyisiwe zinobungcweti kakhulufuthi kuhloswe ngazo ukuqinisa ukuvikeleka kwetayitelanokuthuthukisa ukuphathwa kwamalungelo omhlaba kanyenempahla ukuze kuzuze abanikazi bomhlaba kanye nabanikazibamalungelo.
 
C. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Izilinganiso Zobunhloli Zikazwelonke (i-NIE) zowezi-2026/7, IzintoEzibalulekile Zobunhloli Zikazwelonke (ama-NIP) kanye nohlelolokuqalisa lwe-NIE
1.1 IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokuthi uMkhandlu KazwelonkeWezokuvikeleka wezi-2026/7 ugunyaze iZilinganiso ZobunhloliZikazwelonke, izinto eziseqhulwini zobunhloli zikazwelonke futhiwacubungula uhlelo lokuqalisa izilinganiso zobunhloli zikazwelonke.
 
1.2 IKhabhinethi liphawulile ukuthi izinhlaka zobunhloli zikazwelonkeziyaqhubeka nokwenza umehluko ekuqalisweni kweZilinganisoZobunhloli Zikazwelonke.
 
1.3 Ngokuphathelene nezinto eziseqhulwini ezingale kwemiyaleloyezinhlaka Zobunhloli Zikazwelonke, iKhabhinethi licubunguleuhlelo lokuqalisa kwe-NIE olugcizelela, phakathi kokunye:
1.3.1 Ukuhlolwa kwabasebenzi okuqinisiwe ukuqinisekisa ukuthitshelwakwemithetho yezabasebenzi yaseNingizimu Afrika,
 
1.3.2 Imithetho eqinile yezomnotho wendawo ukuqinisekisa ukubambaiqhaza kanye nobunikazi obuvuna izakhamuzi ngokuhambisananesigaba sama-22 soMthethosisekelo, ngokugcizelela ekulawulwenikwezitolo eziyiziphaza, amanye amabhizinisi amancanenangakahleleki ukuqinisekisa ubunikazi nokubamba iqhazaokunenjongo kwezakhamuzi.
 
1.3.3 Ukwaneliseka kwezamandla ukuze kutholakale ezamandlanokuqinisekisa ukungapheli kokudla ngokubheka imithomboyaseNingizimu Afrika.
 
1.3.4 Ukushintsha kwesimo sezulu kanye nokuqina okuhlanganisanokubhekana ne-El Niño enkulu.
 
1.4 Ngesikhathi esifanele, nangeseluleko sezinhlaka zoBunhloliKuzwelonke, uNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uzokhiphaiZilinganiso Zikazwelonke Zobunhloli nezinto Eziseqhulwini zowezi-2020-2021.
 
2. Iphuzu Lokweluleka leKhomishini Yezinsizakalo Zikahulumenimayelana nokubamba iqhaza kwabasebenzi bakahulumeniemaqenjini ocwaningo lwamaqembu ezepolitiki kanye nokunyeukuxoxisana okuhlobene nalo.
2.1 IKhabhinethi liliphawulile iPhuzu Lokweluleka le-PSC mayelananokubamba iqhaza kwabasebenzi bakahulumeni emaqenjiniocwaningo lwamaqembu ezepolitiki kanye nokunye ukuxoxisanaokuhlobene nalo futhi yanxusa i-PSC ukuthi ixoxisane kabanzingazo zonke izindlela zokweseka amalungu ePhalamendeukulungiselela amaqembu ocwaningo.
 
2.2 Ukwabiwa kwamandla kwezepolitiki eNingizimu Afrika kusekelweohlelweni lokumelwa okulinganayo kwamaqembu ezepolitikinjengoba iPhalamende lihlelwe ngezinguyazana zamaqembu. Izinguyazana zamaqembu zibe sezizihlela ngendlela evumelaukusebenza kwawo kahle - amanye amaqembu ahlela izinguyazanazazo emaqenjini ocwaningo.
 
2.3 Ukucabanga okungeyikho ngePhuzu Lokweluleka ukuthi izikhulueziphezulu zihlanganyela emaqenjini ocwaningo ngokwemiyaleloyoNgqongqoshe noma amaPhini oNgqongqoshe.
 
2.4 Izikhulu eziphezulu ziyamenywa futhi kufanele zihlanganyeleemaqenjini ocwaningo ukuze zinikeze ulwazi lobuchwephesheoluzonika amandla amalungu ePhalamende ukuze engamelekangcono futhi akwazi ukwenza iSigungu siziphendulele.
 
2.5 IKhabhinethi livumile ukusebenza ngendlela yeClearing House ukuzelisebenze ngoMhlahlandlela wokubamba iqhaza kwezikhulueziphezulu kumaQembu Ocwaningo kanye nendlela ehlobenenamaqembu ezepolitiki.
 
3. Izinguquko Zamabhizinisi Kahulumeni (ama-SOE)
3.1 IKhabhinethi lithole umbiko wenqubekela-phambili mayelananokuqaliswa kwezinguquko ezihlose ukuqinisa amabhizinisikahulumeni (ama-SOE) ukuqinisekisa ukuthi afanelekile ukufezaizinhloso zawo.
 
3.2 Inqubekela-phambili eqhubekayo ekuqhubekiseni ukuqaliswa kohlelolokuguqulwa kwama-SOE, ifaka phakathi izinhlelo ezibalulekileezigxile ekuqiniseni ukubusa, ukuthuthukisa ukusimama kanyenokwandisa ukuzibophezela kuwo wonke ama-SOE. Isinyatheloesibalulekile uMthethosivivinywaa Kazwelonke WamabhizinisiKahulumeni, ohlinzeka ngokusungulwa kwenhlanganoehlanganisiwe ukuze ihlanganise izinguquko zama-SOE, ihambelanise imikhuba yokuphatha kanye namaholo, iphindeyeseke ukusebenza okuthuthukisiwe kuwo wonke ama-SOE.
 
3.3 Ngohlaka Lokuqapha Ukusebenza kwama-SOE, ukusebenzakwamabhizinisi angaphansi kweShejuli 2 yama-72, iShejuli 3A kanye neShejuli 3B kwahlolwa ngonyaka wezimali wezi-2025/26. Ukuhlolwa kuhlonze izinselele eziningana zokubusa ezidingaukungenelela okuqondiwe.
 
3.4 Uhlaka luhlala luyithuluzi elibalulekile lokuqinisa ukwengamela, ukuthuthukisa ukubusa kanye nokuthuthukisa ukusebenzakwebhizinisi kuwo wonke amaBhizinisi Kahulumeni (ama-SOE) ngokuhlola ukuhlela, ukubika kanye nezinqubo zokuphathaukusebenza.
 
3.5 Ukugcwalisela lezi zinguquko kuyinqubo yokulungisa nokushintshaama-SOE, okwakhelwe phezu komsebenzi woMkhandluKaMongameli Wezinkampani Zikahulumeni, owaletha izincomozawo kuMongameli ngoMbasa 2024.
 
4. Umklamo Wokuqinisekisa Ukufinyelela EkwesekweniNgokwemfundo nezinsizakalo Kubantwana Nentsha Ephila Nokukhubazeka eNingizimu Afrika
4.1 IKhabhinethi liyiphawulile imibiko emibili eyenziwe nguMnyangoWezabesifazane, Intsha Nabantu Abaphila Nokukhubazeka, ehlolaigebe phakathi kwezinqubomgomo zemfundo ehlanganisa wonkeumuntu zaseNingizimu Afrika kanye nokwenzekayo ngempelaezinganeni nasentsheni ephila nokukhubazeka. Lo mklamo, owenzeke phakathi kukaMfumfu 2022 noNdasa 2024, wawuhlanganisa umbiko wokuhlola kanye nombiko wocwaningoohlola izinsizakalo zokweseka imfundo ezikhona futhi yatholaukungenelela okusebenzayo ukuthuthukisa imiphumela yokufundanokufundisa. IKhabhinethi liphinde laqinisekisa ukuzibophezelakweNingizimu Afrika ekwakheni uhlelo olulodwa lwemfundooluhlanganisa abantu bonke olunakekela izidingo zezinganenentsha ephila nokukhubazeka.
 
4.2 Izincomo ezibalulekile zifaka phakathi ukuguqula umthethowezemfundo noma ukumemezela imithethonqubo ngokuhambisananoMthetho Wezikole zaseNingizimu Afrika ukuze kuqinisekisweilungelo lemfundo elinganayo, imfundo esezingeni elilinganayoyezingane nentsha ephila nokukhubazeka. Imibiko iphindeiphakamise ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme zethule izifundozemfundo ehlanganisa wonke umuntu kanye nezidingoezikhethekile eziphoqelekile zokuqeqeshwa kwabafundi ukuze babe othisha. Imibiko emibili iyatholakala ku-www.dwypd.gov.za
 
5. Izincomo zeKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana (i-TRC)
5.1 IKhabhinethi lathola futhi lacubungula isibuyekezo saminyaka yonkeesagunyazwa yiPhalamende mayelana nokuqaliswa kwezincomoze-TRC. NgoNhlangualana 2003, iPhalamende lagunyazaukukhokhwa kwezinxephezelo kubantu abahlonzwe yi-TRCnjengezisulu. Lokhu kwakuhlanganisa inkokhelo ekhokhwa kanyeeyizi-R30 000, izinzuzo zezokwelashwa kanye nezinye izinhlobozosizo lwenhlalo, izimpawu nezikhumbuzo, kanye nokuvuselelwakomphakathi njengengxenye yokupholisa amanxeba esikhathiesidlule.
 
5.2 IKhabhinethi liyiphawulile inqubekela-phambili ekuqalisweni kwalezizinyathelo, okuhlanganisa nokumenyezelwa nguMongamelikwemithethonqubo elawula ukukhokhwa kwezinxaphezeloezikhokhwa kanye kumuntu nomuntu; ukumbiwa kwesidumbu, ukungcwatshwa kabusha kanye nokungcwatshwa kwezisulu; usizolwemfundo eyisisekelo; usizo lwemfundo ephakemenokuqeqeshwa; kanye nosizo lwezindlu. Imithethonqubo ebhalwephansi ephathelene nempilo kanye nokuvuselelwa komphakathiisezigabeni ezahlukene zokuphothulwa.
 
5.3 Ngaphezu kwalokho, abayizi-17 455 kwabayizi-21 676 abahlonzwe yi-TRC abafake izicelo zokunxeshezelwa komuntu ngamunye batholeisibonelelo sabo esiyizi-R30 000. Inani eliphelele elikhokhelwelezizinxephezelo licishe libe yizigidi ezingama-R500. Ukuqinisekisaukuthi bonke abazuzi abafanelekile bathola ukwesekwa okufanele, ngomhla wesi-9 kuNhlangulana 2026, kwakhishwa isazisokuSomqulu kaHulumeni sibiza izisulu ezihlonzwe yi-TRC, nomaizihlobo zazo eziseduze, ezingakafaki izicelo zezinxephezelo ukubazize ngaphambili zifune isinxephezelo sazo esikhishwa kanyekuphela esiyizi-R30 000.
 
D. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwaokufanele:
1. Dkt. Tshepo Mokoka njengoMphathi Omkhulu weCentral Energy Fund.
2. Nkz. Lindokuhle Nzoyi njengoMphathi Omkhulu we-Amatola Water
3. Dkt. Michael Masiapato njengoKhomishani weZiphathimandla EzilawulaImingcele (ukwelulwa kwesikhathi).
4. Dkt. Musa Furumele njengoPhambili Omele iNingizimu Afrika kwiLesothoHighlands Water Commission noNkz. Nelly Dineo Ndumo njengelinyeilunga elimele iNingizmu Afrika.
5. Ukuqashwa kukaSihlalo nelunga leBhodi leNational Lotteries Commission:
a. Mnu. King Tembinkosi Bonakele (uSihlalo); kanye
b. noNkz. Mpho Sonia Mosing 
6. Ukubekwa kweBhodi lamalunga oMkhandlu Wezempilo NokuphephaEzimayini
a. Mnu. David Msiza (uSihlalo);
b. Mnu. Xolile Mbonambi (uMnyango Wezezimbiwa NemithomboKawoyela);
c. Dkt. Dipalesa Mokoboto (DMPR);
d. Mnu. Mthokozisi A. Zondi (DMPR);
e. Mnu. Ndivhudza Mahwasane (DMPR);
f. Nkz Naledi Tsipane (NUM);
g. Nkz. Melanie Roy (NUMSA);
h. Mnu. Nico Van Rooyen (UASA);
i. Mnu. Johan du Toit Boning (Solidarity);
j. Mnu. Joshua Thabang Setlhake (AMCU);
k. Mnu. Dushendra Naidoo (uMkhandlu Wezezimbiwa eNingizimu Afrika);
l. Dkt. Amu Modau (Vadante Resources);
m. Mnu. TW Sepetla (Harmony Gold);
n. Mnu. Ronaldt Mafoko (Overlooked Group);
o. Nkz. Letisha van den Berg (ASPASA)
p. Nkz. Constance Kekana (elinye ilungu);
q. Mnu. Thabo Ngwenya (elinye ilungu);
r. Mnu. Masibulele Naki (elinye ilungu) (NUM)
s. Mnu. Enock Manyoni (elinye ilungu); (NUMSA)
t. Mnu. Johnny White (elinye ilungu); (UASA)
u. Mnu. Jacobus Johannes De Wet Blaauw (elinye ilungu); (Solidarity)
v. Mnu. D. Gabriel Nkosi (elinye ilungu); (AMCU)
w. Dkt. Thuthula Balfour (elinye ilungu); (uMkhandlu WezezimbiwaeNingizimu Afrika)
x. Mnu. Modise Ronald Mothlamme (elinye ilungu) (Harmony Gold)
y. Dkt. Kelvin Naidoo (elinye ilungu) (Vlaterra Platinum)

E. Imicimbi Ezayo
1. Inyanga kaMandela
1.1 INingizimu Afrika izogubha iNyanga kaMandela ngoNtulikazi ngaphansikwengqikithi ethi ‘Kusesezandleni zethu ukulwa nobumpofunokungalingani’. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimuAfrika ukuba banikele ngesikhathi sabo kanye nemizamo yabongeNyanga kaMandela kanye nangoSuku Lomhlaba WonkelukaNelson Mandela ngomhla we-18 kuNtulikazi 2026, ukusizaekwakheni iNingizimu Afrika esebenzela abantu baseNingizimu Afrika.

2. Inyanga Kazwelonke Yesayensi
2.1 Untulikazi uyiNyanga Kazwelonke Yesayensi, ezokwethulwa ngomhlawesi-4 kuNtulikazi 2026 eVaal University of Technology Southern Gauteng Science and Technology Park eSebokeng ngaphansikwesihloko esithi “Isayensi, Ubuchwepheshe kanye NokusungulaIzinto Ezintsha kungokwawo wonke umuntu”.
 
2.2 Lo mgubho wesayensi wenyanga yonke uhlose ukwakha umphakathionolwazi lwesayensi ongakha imibono ezimele ngesayensi, ubuchwepheshe kanye nokusungula izinto ezintsha. Uhloseukukhuthaza umphakathi onethemba ngesayensi, ososayensi, kanyenezikhungo zesayensi.

F. Imiyalezo
1. Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kubangani nomndeni walabaabalandelayo:
• Iqhawe lomvulo wejazz laseNingizimu Afrika u-Abdullah Ibrahim, owayengomunye wabantu abanethonya elikhulu kujazz yomhlabawonke, owayenomsebenzi omangalisayo iminyaka engaphezukwamashumi ayisikhombisa. Uzokhunjulwa njengomunye wabaculiabadumile kakhulu ezweni kanye namanxusa amasiko.

• Izakhamuzi ezimbili zaseMozambique kanye noyedwa waseMalawiabalahlekelwe yizimpilo zabo ezinsukwini zokuqala zemibhikishoyokulwa nokufuduka okungengo emthethweni.
 
2. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle kodwa laba abalandelayo:
• UNgqongqoshe Wezemisebenzi Nezabasebenzi, uNomakhosazanaMeth ngokukhethwa kwakhe njengePhini likaSihlalo weQembuLabaqashi namaQembu Ezabasebenzi eNhlanganweniYezabasebenzi Yomhlaba Wonke (i-ILO) ngomhla wama12 kuNhlangulana 2026.
 
• UKagiso Rabada, ngokwenza kahle kusizini ye-Indian Premier League yezi-2026, lapho abonakala njengebowler ehamba phambilifuthi ewina iPurple Cap.
 
• Umdlali wekhilikithi waseNingizimu Afrika uTemba Bavuma oqokwephakathi kwabadlali Abahamba Phambili be-TIME100ngowezi-2026, okungukuhlonishwa yi-TIME Magazine eshicilelwaumhlaba wonke.
 
• UBayanda Walaza, ngokunqoba iMen's 100m e-Ostrava Golden Spike eCzechia, eshaya intambo ngemizuzwana eyisi-9.94 enzaezibukwayo.
 
• U-Akani Simbine ngokuwina umjaho wamadoda we-100m emidlalweni ye-FBK eNetherlands ngesikhathi semizuzwana eyi-10.08
 
• UPrudence Sekgodiso ngokuba ngowesifazane wokuqalawaseNingizimu Afrika ukuwina indondo yegolide kwiWorld Athletics Indoor Championships, kulandela ukunqoba kwakhe okuqopheumlando eNanjing, eShayina.
 
• Iqembu lamaProteas labesifazane ngokuphakamisela ifulegilaseNingizimu Afrika phezulu nangokudlulela kwimidlalo endulelaeyamanqamu kwiNdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-T20, ukuqinakwabo, ukuzimisela kanye nokusebenza kahle emqhudelwaneniwonke, ngisho sebehlulwe yiNgilandi ngoLwesine, mhla wesi-02 kuNtulikazi 2026.
 
• Abadlali beJunior Springboks ngokuhlula i-Uruguay ngo-104 - 7 emdlalweni wabo wokuqala weWorld Rugby Junior World Championship eGeorgia.
 
• UBradley Nkoana, ngokujoyina ikilabhu ekhethekile kakhulu ngokubangumdlali waseNingizimu Afrika we-12 ukuqopha umlandongokweqa izithiyo ngemizuzwana eyi-10 ku-100m.
 
• UGeorge Kusche noGerda Steyn ngokuwina iComrades Marathonyamadoda nabesifazane yowezi-2026 ngokulandelana. UKuscheuqede "ukugijima okukhuphukelayo" waqopha umlando ngkwephulairekhodi elingu-05:15:56, kwathi uSteyn wathola isicoco sakhesesihlanu ngerekhodi lokugijima ekukhuphukeleni ngo-05:44:53.

IKhabhinethi libonga igalelo labadlali bezemidlalo baseNingizimu Afrika abaqhubeka nokumela isizwe, besikhumbuza ukuthi abamnyamanabamhlophe, ISIZWE ESISODWA, ESIBUMBENE NGOKWEHLUKANA KWETHU.

Sikhishwe ngokumela iKhabhinethi ngu:

UNgqongqoshe eHhovisi LikaMongameli, uNkz. Khumbudzo Ntshavheni

Imibuzo:
Uphiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Xhumana: Nkz. Nomonde Mnukwa, iBamba loMqondisi-Jikelele
Usuku:  3 kuNtulikazi 2026
Ucingo: 083 653 7485    
www.gcis.gov.za; www.gov.za

Share this page

Similar categories to explore