Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wamhla ziyi-19 Lwezi 2014

1. Ukuqaliswa Kwezinhlelo Zikahulumeni Eziqavile

1.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kwe-Operation Phakisa 2: Uhlelo Lokukhuliswa Kwesibalo Semitholampilo kanye Nokulungiswa Kwayo. Lo mklamo ulandela ezithendeni ze-Operation Phakisa 1 eyabe igxile ekuletheni isimo esizokwenza izilwandle zaseNingizimu Afrika zidlale indima ebonakalayo emnothweni wakuleli. I-Operation Phakisa 2 ihlose ukwenza ngcono izinga losizo lwezempilo oluhlinzekwa yiMitholampilo eyizi-3 500, kufaka phakathi imitholampilo kahulumeni kanye neZizinda Zezempilo Zomphakathi. Imiphumela elindelekile kulokhu ibandakanya ukuguqulwa kwemitholampilo ekhona njengamanje kanye neZizinda Zezempilo Zomphakathi zibe yizikhungo ezihlinzeka ngosizo oluseqophelweni eliphezulu, ezizosetshenziswa yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ngenxa yosizo oluphuma phambili olutholakala kuzona.

1.2. IKhabhinethi iyabahalalisela labo abadle umhlanganiso emcimbini we-Batho Pele Excellence Awards, owabe ubanjwe mhla ziyi-14 Lwezi 2014. Lo mcimbi wokuklonyeliswa kwalabo abadle umhlanganiso uqinisa ukusebenza ngokuzimisela nangobuhlakani futhi uhlonipha labo abenza umsebenzi oncomekayo emkhakheni wezemisebenzi kahulumeni.

1.3. IKhabhinethi yakuphawula ukuthi uNgqongqoshe Wezemidlalo Nokungcebeleka, uFikile Mbalula, uzosingatha uMcimbi Wokuklonyeliswa Kwalabo Abavelele Kwezemidlalo eNingizimu Afrika, wonyaka wezi-2014 e-Sandton Convention Centre mhla zingama-30 Lwezi 2014. IKhabhinethi iyabakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika abazifelayo ngezemidlalo ukuthi babe yingxenye yalo mcimbi ngokuthi bavotele lowo abambona njengoMdlali Ovelele Kulo nyaka. Ulwazi oluphathelene nalo mcimbi luyatholakala ku-www.sasportsawards.com.

1.4. IKhabhinethi ihalalisela amaqembu esizwe ezemidlalo iBafana Bafana, amaBhokobhoko kanye nama-Proteas (iqembu lekhilikithi) ngokundizisela phezulu ifulegi lesizwe ngomdlalo wabo oncomekayo ngempelasonto edlule futhi ngalokho benze ukuthi iNingizimu Afrika iziqhenye. Kuyinto encomekayo kakhulu ukumenyezelwa kukaMnu AB de Villiers njengoMdlali Wonyaka woMkhandlu Wezekhilikithi Emhlabeni  emkhakheni weMidlalo Yamazwe Ngamazwe Yosuku Olulodwa (i-ODI), ngokushaya imigijimo ye-ODI eyizi-7 000.

1.5. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kohlelo lwamabhasi asheshayo olubizwa nge-A Re Yeng Bus Rapid Transport (i-BRT) eTshwane, oluqale ukusebenza ngoMsombuluko mhla ziyi-17 Lwezi 2014. Uhlelo lwe-A Re Yeng, njengezinye izinhlelo ze-BRT ezweni lonkana, luyingxenye yenethiwekhi yezokuthuthwa komphakathi ebalulekile ezokwenza ngcono izimpilo zabagibeli ngokubahlinzeka ngamabhasi asheshayo, aphephile, angambi eqolo futhi anethezekile. Ukusungulwa kwalezi zinhlelo zokuthutha abagibeli kuyingxenye yohlelo lukahulumeni lokwakhiwa nokwethulwa kwengqalasizinda, okuhloswe ngayo ukuthuthukisa ingqalasizinda esezingeni lomhlaba eNingizimu Afrika, futhi kusenjalo kuvulwe namathuba omsebenzi.

2.  Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi yakwamukela ukuqaliswa kohlelo olubanzi lokuqinisekisa ukuthotshelwa kwezinqubomgomo kanye nemithethonqubo ekhona njengamanje yokuhlomulisa abantu bakuleli ngokuthi kukhuthazwe ukuthengwa kwezimpahla ezakhiwe kuleli lizwe. Lokhu kubandakanya nenqubo yokuqinisekisa ukuhambelana kwezinqubomgomo ukuze kubuyekezwe futhi kuqiniswe uMthetho Wohlaka Lwenqubomgomo Yokuthengwa Kwempahla Kubantu Ababencishwe Amathuba Phambilini, ngalokho kudluliselwe uHlelo Lokuthuthukiswa Kokuncintisana Kubahlinzeki Bempahla kuzo zonke iziNkampani Zombuso ezidlala indima ebaluleke kakhulu, futhi kuqiniswe nemithethonqubo yeminyango (ikakhulu usomqulu wezezimayini) ukuze kugqugquzelwe ukuthengwa kwempahla eyakhiwe kuleli.

Leli yithuluzi elinamandla lokugqugquzela ukusungulwa kwezimboni, okuyinto ezophucula ukuncintisana ezimbonini zakuleli kanye namakhono ezobuchwepheshe, kukhushulwe nesibalo sezimpahla ezithunyelwa emazweni angaphandle futhi kufinyelelwe kwelinye iqophelo lokufukulwa kwabantu abamnyama kwezomnotho.

2.2. IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi oluphathelene neNgqungquthela KaMongameli Yohulumeni Bendawo, futhi yamukela noHlelo Lohulumeni Bendawo  Olugqugquzela Ukuthi Kubuyelwe Emasisweni, okuwuhlelo olwakhelwe phezu komkhakha wohulumeni basekhaya osukumela phezulu, onakekelayo futhi ophendulayo. Uhlelo Olugqugquzela Ukuthi Kubuyelwe Emasisweni luzogxila emsebenzini wokuhlela kanye nemisebenzi eyenziwa yibo bonke omasipala mayelana nokuhlinzekwa kwezidingongqngi zomasipala ngendlela efanele kanye nokuxhumana nabahlali ngendlela eqhubekayo. Injongo yalokhu ukungagcini nje ngokuba nenhloso yokwenza okuthile, kodwa kumele kufinyezwe imikhono kusetshenzwe.

Ukwenziwa ngcono kwendlela okusetshenzwa ngayo komasipala kuzophucula izimo abaphila ngaphansi kwazo bonke abantu baseNingizimu Afrika abathembele komasipala abasebenza ngendlela egculisayo, ukuze nabo bakwazi ukuphila izimpilo ezinesizotha nesithunzi.

Kusukela ngowe-1994, ohulumeni basekhaya bayisizinda esiyisisekelo sokuhlinzekwa kwezidingongqangi.

Nakuba sekubonakale inqubekelaphambili eyingqophamlando ekuhlinzekweni kwabantu ngamanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle kanye nemfucuza emazingeni ohulumeni basekhaya, kumele kulezo zindawo lapho kusabonakala khona ukugqoza kokuhlinzekwa kwezidingongqangi sibeke abantu kanye nezimfuno zabo phambili. Lokhu kudinga ukuthi siyishiye phansi indlela yakudala yokuhlinzeka abantu ngezidingongqangi ngaphandle kokubabandakanya kwizinqumo eziphathelene nezidingo zabo, kodwa siqalise isikompilo lokusebenzisa imigomo ye-Batho Pele kanye nokusebenzela imiphakathi. Okusemqoka kakhulu kule ndlela entsha yokusebenza wuhlelo lokubika kanye nokuphendula ngomsebenzi owenziwe kanye nendlela owenziwe ngayo.

2.3. IKhabhinethi yakwamukela ukuthunyelwa koMbiko WeNingizimu Afrika Okhishwa Njalo Emva Kweminyaka Emibili Ohlinzeka Ngolwazi Lwakamuva Mayelana Nokuncishiswa Kwentuthu Engcolisa Umoya, kubandakanya nencwajana Yokugcina yowezi-2000-2010 Yoluhla Lukazwelonke Oluqukethe Imininingwane Ephathelene Nokukhiqizwa Kwentuthu Engcolisa Umoya (i-GHG), kwiNgqungquthela YeNhlangano Yezizwe Yohlaka Lwezokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC). Lo mbiko uhlinzeka ngemininingwane efingqiwe kanye nokuhlaziywa kwesimo seNingizimu Afrika mayelana nokukhiqizwa kweNtuthu Engcolisa Umoya kanye nezinto ezibalulekile ezihola ukuphuculwa kwesimo sokukhiqizwa kwentuthu engcolile. Umbiko uhlinzeka futhi ngemininingwane ebanzi yezinyathelo zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu njengengxenye yoguquko olubheke emnothweni okhiqiza ikhabhoni encane.

Lezi zinyathelo zibandakanya ukuhlinzekwa kwencazelo yemiphumela okuhloswe ukuthi ifezekiswe yokuncishiswa kwentuthu engcolisa umoya; ukugqugquzela ukusungulwa kwezindlela ezintsha zokusebenza kanye nokutshalwa kwezimali kwimiklamo yokukhiqiza amandla kagesi ovuselelekayo; ukukhuthaza ukongiwa kukagesi; ukusungula isizinda sikazwelonke okuzofakwa kusona lonke ulwazi oluqoqiwe oluphathelene nentuthu engcolisa umoya; kanye namanye amathuluzi anjengeNtela Yekhabhoni. Futhi lokhu kuyingxenye yesibopho seNingizimu Afrika sokubikela amazwe omhlaba ngaphansi kweNgqungquthela YeNhlangano Yezizwe Yohlaka Lwezokuguquguquka Kwesimo Sezulu (UNFCCC).

2.4. IKhabhinethi yakwamukela ukusungulwa kwethimba elibandakanya iminyango ehlukahlukene ngaphansi kweQoqo Lezokubambisana Namazwe Omhlaba, Ezokuhwebelana kanye Nezokuvikeleka, elijutshwe ukuthi liqaphe ukuqaliswa kokusebenza kweSivumelwano Sokugqugquzela Ukuhwebelana seNhlangano Yezokuhwebelana Emhlabeni (i-WTO).

INingizimu Afrika ime ephuzwini lokuthi izosebenzisana namanye amazwe ase-Afrika ukuqinisekisa ukuthi ukwamukelwa kanye nokuqaliswa kweSivumelwano Sokugqugquzela Ukuhwebelana asiwaphoqeleli amazwe ase-Afrika ukuthi amukele izibopho angeke akwazi ukuzifezekisa bese ngalokho ezithola esethathelwa izinyathelo zomthetho ngenxa yokuphula isivumelwano. Nakuba iNingizimu Afrika isazibophezele kwizingxoxo zamazwe ahlukahlukene ngaphansi koMzuliswano wase-Doha, iphuzu esime phezu kwalo ukuthi kumele kutholakale umphumela ozosivumela ukuthi sisungule izinqubomgomo zethu ngaphandle kokugxambukela kwamanye amazwe, ezizosekela ukuthuthukiswa kwezimboni nokuvulwa kwamathuba omsebenzi okuyizinto ezingumongo wezinjongo ezibekwe ngokucacile oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe.

INingizimu Afrika isikugcizelele ukubaluleka kokusetshenziswa kwezindlela ezibandakanya wonke amazwe ngokuphelele emsebenzini we-WTO njengezindlela ezifanelekile zokuletha imiphumela elinganayo ehambelana nezimfuno zawo wonke amaLungu.

2.5. IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi lwakamuva mayelana neSivumelwano Sokuhwebelana Ngaphandle Kokukhokhiswa Intela Yokuthunyelwa Kwempahla Sombimbi Lwezifunda Ezintathu (i-TFTA) sokusungulwa kweMakethe Eyodwa Yamazwe Asempumalanga kanye Neningizimu ye-Afrika – Umphakathi Wamazwe Asempumalanga ye-Afrika – uMphakathi Wokuthuthukiswa Kwamazwe Aseningizimu ye-Afrika (i-COMESA-EAC-SADC) futhi yalamukela iphuzu eme phezu kwalo iNingizimu Afrika mayelana ne-TFTA. Uhlelo loMbimbi Lwezifunda Ezintathu ngumklamo obalulekile wamazwe ase-Afrika okuhloswe ngawo ukugqugquzela ukwehla kwezindleko kanye nokutholakala kwenzuzo ethe xaxa ngenxa yokukhushulwa komthamo womkhiqizo, ukukhuthaza ukuncintisana, ukusetshenziswa kwemikhiqizo ehlukahlukene ukuze kukhuliswe umnotho, ukugqugquzelwa kohlelo lokukhiqizwa okuphelele kwempahla esifundeni, ukuhwebelana kwamazwe esifunda nokutshalwa kwezimali kanye nengqalasizinda ebandakanya amazwe ahlukahlukene.

INingizimu Afrika ibamba iqhaza ezingxoxweni njengengxenye ye-Southern African Customs Union (i-SACU) ebamba iqhaza njengenhlangano eyodwa   yombimbi lwamazwe ahlukahlukene. Umbimbi Lwezifunda Ezintathu lunesamba somkhiqizo ophelele oyitriliyoni e-1.2 yamadola aseMelika futhi lunezakhamuzi ezilinganiselwa kubantu abayizigidi ezingama-626 uma sebehlangene, okumele cishe ngaphezudlwana kancane nje kwesigamu sesibalo esiphelele sabantu base-Afrika kanye nomnotho. Ukudidiyelwa kwesifunda ngenhloso yokusungula izimakethe ezinkudlwana ukuze kukhuliswe umnotho ngesivinini futhi ngendlela esimeme e-Afrika kuyisinyathelo esinohlonze sokuqeda ukhondolo lwenqubo yobukoloniyali yezimakethe zase-Afrika ezincane futhi eziyinhlakanhlaka.

2.6. IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi mayelana neziphakamiso zeNgqungquthela ye-G20 eyabe ibanjelwe e-Brisbane zokuthi kusungulwe indlela enohlonze, ebandakanya wonke amazwe futhi esebenza kahle yokulawula umkhakha wezezimali. Lokhu kuzoholela ekuletheni uzinzo oluqhubekayo esimweni sezimali kanye nokuqina kohlelo lwezezimali emhlabeni wonke kanye nangaphakathi kuleli. Kulandela iNkinga Yezezimali Emhlabeni yowezi-2008, abaholi bamazwe e-G20 bazibophezela ekuletheni izinguquko ezibalulekile ohlelweni lwezezimali emhlabeni. Izinjongo zabo kwabe kungukuthola isizathu esaholela ekutheni kube nenkinga yokufadalala komnotho emhlabeni, futhi kusungulwe nemithombo yezezimali ephephile futhi eqinile ezokwazi ukubhekana kangcono nezidingo zomnotho wokukhiqizwa kwempahla nezinsizakalo.

Kule minyaka emihlanu edlule, amazwe e-G20 abegxile ekutholeni ikhambi lenkinga eyaholela ekufadalaleni komnotho, ngokuthi kuqiniswe amazinga amazwe ngamazwe okwakha izikhungo zezimali eziqinile kanye nezimakethe ezinohlonze. Ingqungquthela yase-Brisbane yaphothula isigaba sokuqala sokuletha uguquko kwezezimali, futhi kusukela manje kuya phambili iBhodi Yokuqinisekisa Uzinzo Kwezezimali isizoshaya ngolunye unyawo njengoba seyizogxila ekunciphiseni umthelela wobungozi obusha futhi obuguquguqukayo njalo. INingizimu Afrika izoqhubeka nokubamba iqhaza kwiBhodi Yokuqinisekisa Uzinzo Kwezezimali kanye nezinye izigcawu ezilawulayo ezihlobene nale Bhodi ezenza umsebenzi wokugqugquzela uhlelo olusekelwe phezu kokwethembana nokubambisana kwamazwe, okuyinto esemqoka ukuqinisekisa ukuba khona kohlelo lwezezimali oluvulekile emhlabeni oluzokwazi ukufezekisa injongo ye-G20 yokukhula komnotho ngendlela eqinile, esimeme futhi elinganayo.

2.7. IKhabhinethi yazamukela futhi yazigunyaza izinqumo ezathathwa emhlanganweni woMkhandlu KaMongameli Ohlanganisayo (i-PCC) owawubanjwe mhla ziyi-18 Ndasa 2014, ngenjongo yokuthi ziqalise ukusebenza.

Izinqumo ezibalulekile zibandakanya lezi ezilandelayo:

(a) ukulinganiswa nokuqaliswa koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) ukuze kubonakale inqubekelaphambili eseyenziwe emkhakheni wohulumeni basekhaya ekuqalisweni kokusebenza kwe-NDP. Iminyango kahulumeni kazwelonke, iKhomishana Kazwelonke Yokuhlela kanye nezifundazwe kumele baqinisekise ukuthi izinhlelo zomasipala ziyahambelana ne-NDP kanye nezinye izinhlelo zikazwelonke; 
(b) ukubhekelela izidingo zokuhlinzeka ngezinsizakusebenza ezanele namakhono ezinhlakeni zontathu zikahulumeni ukuze kulekelelwe omasipala ukuthi bakwazi ukufezekisa umsebenzi abathweswe wona; 
(c) ukusebenza ngesivinini ekuletheni ohulumeni basekhaya abaqinisekisa ukulethwa koguquko kanye nokubhekana nezithiyo eziphathelene nokufezekiswa kokuphathwa komasipala ngendlela efanelekile futhi ngokulinganayo, futhi kubhekwane nezinselelo ezibangelwa wukwakhiwa kwamadolobha ngokohlelo lokucwasana okwenziwa ngezikhathi zobandlululo.

2.8. IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi mayelana namalungiselelo oKhetho Lomasipala lowezi-2016 futhi yakwamukela ukusungulwa kweThimba Longqongqoshe Abahlukahlukene kanye neThimba Elijutshwe Ukwenza Umsebenzi Ophathelene Nokhetho Lomasipala. Futhi yakwamukela ukuthunyelwa ePhalamende kwesichibiyelo soMthetho woHulumeni Basekhaya: Izinhlaka Zomasipala, 1998, (uMthetho Nombolo 117 we-1998), ukuze kuhlinzekelwe ukuthi uMongameli (esikhathi esedlule lokhu bekwenziwa nguNgqongqoshe) anqume usuku okuzobanjwa ngalo ukhetho lwemikhandlu yonke yomasipala. Ukhetho lomasipala lowezi-2016 kuzoba wukhetho lwehlandla lesine kusukela kwasungulwa umbuso wentando yabantu futhi ukwenziwa kwamalungiselelo kusenesikhathi esanele ngaphambi kosuku lokhetho kuzokwenza ukuthi lolu khetho lube yimpumelelo enkulu njengoba kwenzekile nasesikhathini esedlule.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi yakwamukela ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Umthetho Wezobugebengu (Amacala Ezocansi kanye Nezindaba Ezihlobene Nalokho), 2014. Lo Mthethosivivinywa wenzelwe ukuthi ubhekane nezinqumo ezimbili ezahlukene ezikhishwe yiNkantolo YoMthethosisekelo, ngokuchibiyela lezo zigaba ezithintekile zoMthetho Wezobugebengu (Amacala Ezocansi kanye Nezindaba Ezihlobene Nalokho), 2007, ukuze kulungiswe isimo esikhona njengamanje sokungahambelani phakathi kwalo Mthetho noMthethosisekelo. Injongo enkulu yesigaba se-15 kanye nesigaba se-16 soMthetho, okuwukuvikela izingane ezisengcupheni yokuxhashazwa ngabantu abadala ngokocansi, aziyithinti lezi zichibiyelo ezihlongozwayo.

Izichibiyelo ezihlongozwayo ezizokwenziwa kwisigaba sama-50 kanye nesama-51 zoMthetho kuhloswe ngazo ukuqalisa ukusebenza komgomo wokuthi kubekwe izidingo zezingane eqhulwini kuzo zonke izindaba eziphathelene nezingane.

3.2. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindaba Eziphathelene Nokwahlulela, 2014. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela imithetho eminingana elawulwa nguMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, ukuze kubhekwane nezinselelo eziphathelene nokwenziwa komsebenzi wezobulungiswa, ngenhloso yokuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kulo mkhakha kanye nokuphendula ngendlela efanele.

3.3. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende kohlaka loMthethosivivinywa Wokuchibiyela Umthetho Wezamabhange, 2014. Isichibiyelo soMthetho Wezamabhange, 1990, (uMthetho Nombolo 94 we-1990) siphucula ukulawulwa kwamabhange ukuze kwenziwe umkhakha wezezimali uphephe kakhulu kunakuqala futhi kuvikelwe nabantu abafaka izimali zabo emabhange. Ukuze kuqinisekiswe ukuba khona kohlelo lwezamabhange oluphusile kusemqoka kakhulu ukuthi umsebenzi wokulawula nokuqapha amabhange usekelwe phezu kwamazinga nezindlela zokusebenza eziphumelelayo zamazwe ngamazwe.

Lo mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuphucula amandla omlawuli webhange ngenkathi lingaphansi kohlelo lokulawulelwa izindaba zalo ngendlela yokuhluleka kwalo ukwenza umsebenzi walo ngendlela efanele:

(a) ngokuhlinzeka ngendlela ehlukile engasetshenziswa ukuvuselelwa kwebhange ngaphakathi kwenkampani ekhona ngaleso sikhathi;
(b) ngokulawula inqubo yokudluliselwa komsebenzi webhange noma ingxenye yomsebenzi webhange enkampanini ezongena ezicathulweni zebhange elibhekene nezinkinga ngokulandela isigaba sama-54 soMthetho Wezamabhange; kanye
(c) nokulawula inqubo yokuqalisa komlawuli lezi zinyathelo ezibhalwe ngenhla.

4. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Ezisematheni

4.1. IKhabhinethi iyakuncoma ukubambisana phakathi kukahulumeni, umkhakha wezomphakathi, kanye nezifundiswa ekugqugquzeleni imfundo yabantu abasha kanye nokuthuthukiswa kwabo, okuholele ekwethulweni kwe-Thusanani Foundation okwenziwe nguMongameli Jacob Zuma. Le nhlangano engenzi nzuzo eholwa ngabantu abasha izovala igebe lolwazi elikhona phakathi kwabafundi bamabanga aphakeme ezindaweni zasemakhaya kanye nozakwabo abasemedolobheni, okuyinto ezophucula umsebenzi wabafundi ezikoleni. Kunemifundaze emibili ezokwethulwa, okuyi-Pixley ka Isaka Seme Scholarship Fund kanye ne-Johnstone Mfanafuthi Makhatini International Scholarship Fund.

4.2. IKhabhinethi ikuthakasele ukufika kuleli kwezidumbu zabantu baseNingizimu Afrika abashona ngenkathi kubhidlika isakhiwo e-Lagos, kwelase-Nigeria mhla ziyi-12 Mandulo 2014.

IKhabhinethi iyakuncoma ukusebenza ngokuzikhandla kwalabo abebeyingxenye yohlelo lokubuyiswa kwemizimba yabashonile futhi ibonga iyanconcoza ngobambiswano esilutholile kwizikhulu zaseNigeria lokusheshisa inqubo yokubuyiswa kwezidumbu nakuba bekunezingqinamba eziningi.

Uhulumeni uyaqhubeka nokusekela imindeni ethintekile futhi unethemba lokuthi lokhu kuzoyilekelela ukuthi ikwamukele lokhu okuyivelele. Siyizoqinisa imizamo yethu yokuqinisekisa ukuthi izidumbu zabantu baseNingizimu Afrika  abayi-11 ezingakahlonzwa kwelaseNigeria, zilethwa kuleli ngokushesha. IKhabhinethi idlulisa amazwi okubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokubambana kwabo ngezandla ngalesi sikhathi esinzima.

IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini ka-Dennis Furhri odlule emhlabeni ngenkathi eyingxenye yethimba ebelijutshwe ukuyolanda izidumbu zabantu baseNingizimu Afrika abashona ngenkathi kubhidlika isakhiwo sendlu yesonto kwelaseNigeria mhla ziyi-12 Mandulo 2014. INingizimu Afrika ilahlekelwe yisisebenzi sikahulumeni ebesisebenza ngokuzinikela nokuzimisela.

4.3. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqokwa kwethimba elizimele elizophenya izinsolo zezenzo zobugebengu okuthiwa benziwe yizikhulu zoPhiko Lwezokuqoqwa Kwentela lwaseNingizimu Afrika, ezisebenzela lolu phiko njengamanje kanye nalezo ebeziqashwe kulolu phiko esikhathini esedlule futhi inxusa amalungu omphakathi ukuthi anikeze leli thimba ithuba lokusebenza ngaphandle kokuphazanyiswa ukuze likwazi ukuphothula uphenyo lwalo.

Lokhu okuqhubekayo kulolu phiko akumele kwenze abantu bakhohlwe yirekhodi elihle le-SARS njengenkampani yomphakathi eyisibonelo esihle, eqinisekisayo ukuthi leli lizwe linazo izimali zokubhekana nemisebenzi yalo ehlukahlukene yezomnotho kanye neyenhlalo yomphakathi.

4.4. IKhabhinethi iyawamukela umhlangano phakathi kwebhodi yeNkampani Yezamabhanoyi YaseNingizimu Afrika (i-SAA) noNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni u-Lynne Brown kanye noNgqongqoshe Wezezimali uNhlanhla Nene ngenhloso yokubhunga ngendlela ebheke phambili kule nkampani yezamabhanoyi futhi ilindele ukuthi lolu hlelo lokungenelela lukhiqize izithelo eziphathekayo kule nhlangano kazwelonke ethwala abagibeli, ukuze ibuyiselwe emgudwini ozokwenza ukuthi ikwazi ukwenza inzuzo futhi iphathwe ngendlela efanele.

4.5. IKhabhinethi izoqinisa impendulo yoMgcinimafa Kazwelonke mayelana nesinqumo senkampani yakwa-Moody sokwehlisa isilinganiso sezinga leNingizimu Afrika lokufaneleka ukubolekwa imali sifinyelele ku-“Baa2 / P-2” sisuka ku-“Baa1 / P-2” kanye nokubuyekeza  umbono wesimo sesikhathi esimaphakathi sokubolekwa kwezimali sisuka kwesizinzile siya kwesingesihle, okuyimpendulo yokuthi lokhu kwenzeke ngesikhathi sokukhula komnotho ngenyawo lonwabu.

IKhabhinethi ithanda ukugcizelela ukuthi uHlaka Lwesikhathi Esimaphakathi selubeke eqhulwini izinhlelo zokukhulisa umnotho, njengemiklamo emikhulukazi yezokuthutha ngezitimela, ezamandla kanye namachweba ngenhloso yokugqugquzela ukutshalwa kwezimali. Esikhathini esimaphakathi kuzogxilwa futhi ekusheshisweni kwezinguquko eseziqalisiwe njengamanje futhi ezizoba nomthelela wokusekela ukukhula komnotho.

4.6. IKhabhinethi ishaqekile futhi idumele ngokuziphatha kabi kwamanye amalungu eNdlu Yesigungu Sikazwelonke esikhathini esifushane esedlule. Ukuziphatha okunjalo kuphambene nesikompilo lomzabalazo wethu futhi kubuyisela emuva indima esesiyihambile kule Minyaka Yenkululeko Engama-20.

Isithunzi sePhalamende njengesikhungo sentando yabantu kumele sivikelwe futhi sibhekwe ngamehlo okhozi ngamalungu wonke ePhalamende. Izenzo zokungaziphathi kahle ziphazamisa ithuba lokuphendula kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi ziphazamisa umsebenzi wePhalamende wokugcina nokuhlonipha amagugu kanye nemigomo evikelwe nguMthethosisekelo.

5. Imicimbi ezayo

5.1. UMongameli Jacob Zuma uzokwethamela izingxoxo zeKhomishana Yelizwe LaseBotswana kanye NelaseNingizimu Afrika (i-BNC) eGaborone, kwelaseBotswana mhla zingama-20 Lwezi 2014.  I-BNC iyaqhubeka nokuhlinzeka ngethuba lokuphucula ubudlelwano nokubambisana phakathi kwalawa mazwe amabili.

5.2. UMongameli Zuma uzokwamukela uMongameli wase-Palestine u-Mahmoud Abbas ePitoli kusukela mhla zingama-26 kuze kube ngumhla zingama-27 Lwezi 2014. Lolu hambo luzokwakha ubudlelwano obunohlonze futhi obunobungani phakathi kweNingizimu Afrika kanye ne-Palestine, obasungulelwa phezu komzabalazo wenkululeko. Lezi zingxoxo zamazwe amabili zizogxila ebudlelwaneni obukhona phakathi kweNingizimu Afrika ne-Palestine, neNqubo Yokuletha Ukuthula Noxolo e-Middle East kanye nokuthi iNingizimu Afrika izokusiza kanjani kumzabalazo wase-Palestine wenkululeko kanye nokulwela uzimele geqe.

5.3. Iphini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa lizokwethamela iNgqungquthela Yesibili Yamazwe Ase-Afrika ne-Turkey ezobanjelwa eMalabo, kwelase-Equatorial Guinea mhla zingama-21 Lwezi 2014. Inhloso yale Ngqungquthela ukuhlola inqubekelaphambili eyenziwe “wuHlelo Lokuqaliswa Ngokuhlangayela Kobambiswano Phakathi Kwamazwe Ase-Afrika kanye ne-Turkey lowezi 2010-2014”. Lolu bambiswano lufaka isandla kwintuthuko ye-Afrika ngaphakathi kwezinjongo ezibekwe yi-Ajenda Yenhlangano Yobumbano Lwamazwe Ase-Afrika yowezi-2063.

IPhini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa, njengosihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezengculazi WaseNingizimu Afrika (SANAC), lizoqopha uSuku Lomhlaba Lwezengculazi mhlalu-1 Zibandlela 2014 e-Virginia, e-Lejweleputswa, esifundazweni saseFreyistata ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuqedwa Ngokuphelele Kokukhishwa Inyumbazane kanye Nokucwasana”. INingizimu Afrika seyenze inqubekelaphambili enkulu ekusebenzeleni ukufezekiswa kwezinjongo zoHlelo Lukazwelonke Lwengculazi Negciwane Layo, Nesifo Sofuba kanye Nezifo Zocansi lowe-2012 – 2016. Ngelishwa ukukhishwa inyumbazane kanye nokucwasana kuyaqhubeka nokuphazamisa ukuqaliswa ngempumelelo kwalolu hlelo futhi sekuholelele ekutheni babe yingcosana abantu abasebenzisa izinsizakalo zokuvimbela igciwane lesandulela ngculazi.

IKhabhinethi inxusa yonke imiphakathi ukuthi ibasekele, ibanakekele futhi ibamukele labo abaphila negciwane lesandulela ngculazi nengculazi. Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi baye ocansini ngendlela ephephile; bahlolelwe igciwane lesandulela ngculazi okungenani kanye ngonyaka ukuze bakwazi ukwenza izinqumo eziphusile mayelana nezinyathelo zokuvimbela igciwane lesandulelangculazi, ukwelashwa, ukunakekelwa kanye nokwesekwa; futhi ukuze amadoda kanye nabafana basebenzise izinsizakalo zokusokwa kwabesilisa ezikhungweni zezempilo.

5.4. UMnyango Wezemvelo uzobamba iqhaza kwiNgqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza (i-COP) yehlandla lama-20 kanye neNgqunguthela Yamazwe Abambe Iqhaza yehlandla le-10, ezodlala indima yokuba nguMhlangano Wamazwe Asayinda Isivumelwano Sase-Kyoto (i-CPM10), ezobanjelwa eLima, kwelase-Peru kusukela mhla lu-1 kuze kube ngumhla ziyi-12 Zibandlela 2014. Ingqungquthela yase-Lima Yokuguquguquka Kwesimo Sezulu ibaluleke kakhulu ekuphothulweni ngempumelelo kwezingxoxo ezizoholela kwisivumelwano sowezi-2015. Iphuzu iNingizimu Afrika ezokhulumela phezu kwalo kulezi zingxoxo lihambelana nezimfuno zaleli lizwe kanye noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe.

5.5. UMnyango Wezobuciko Namasiko kanye noMnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka uzosingatha umcimbi wehlandla lwesibili woSuku Luka-Nelson Mandela Lwezemidlalo Namasiko ozobanjelwa eziNdlini Zombuso, eTshwane mhla zingama-22 Lwezi 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: MASIBUMBANE: Indoda Eyodwa, Isizwe Esisodwa, Umgubho Owodwa.

IKhabhinethi iyabakhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza emidlalweni kawonkewonke kanye nemicimbi yezamasiko, ngoba lokhu kokubili kunamandla okubumbanisa bonke abantu baseNingizimu Afrika. Futhi lo mcimbi uhlinzeka ngethuba lokuthokozela amagugu kaMongameli Waphambilini u-Nelson Mandela kanye nokucabanga ngezindlela zokuqhubekisela phambili ukhondolo lwakhe.

5.6. IKhabhinethi ikuphawulile ukugujwa kweziNsuku Eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Oluqondiswe Kwabesifazane Nezingane okuzobe kuqopha umgubho weminyaka eyi-16 kwasungulwa lo mkhankaso, kusukela mhla zingama-25 kuLwezi kuze kube ngumhla ziyi-10 kuZibandlela. Ingqikithi yalo nyaka ithi “Nami ngifuna ukuba yingxenye yalokhu, Sisonke Siqhubekisa iNingizimu Afrika Engenalo Udlame”. Ngaphansi kwale ngqikithi, umkhankaso wezi-2014 kuhloswe ngawo ukuqhubeka nokuqwashisa abantu mayelana nokuvikelwa kwabesifazane nezingane. Futhi le ngqikithi izogxila kakhulu ekugqugquzeleni amadoda njengabantu okubanjiswene nabo kulo mkhankaso wokunqanda lesi sihlava.

6. Abaqashiwe

IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo:

6.1. Mnu Thobile Maxin Lamati njengoMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wezabasebenzi.

6.2. Nksz Nthabiseng Bernadette Makhatha njengePhini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezindlela Zokwenza kanye Namazinga, kwiSikhungo Sezezibalo eNingizimu Afrika.

6.3. Amalungu Angeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu eBhodi Yophiko Olulwisana Nokuphulwa Kwemithetho Yomgwaqo.

a) Nksz Nomini Elizabeth Rapoo (oqokwe kabusha futhi onguSihlalo),
b) Nksz Nomusa Zethu Qunta;
c) Slz Tebogo Job Mokgoro;
d) Mnu Bryan Shuan Chaplog;
e) Mnu Benedict Matinise; kanye no
f) Adv. Xolisile Khanyile.

6.4. Mnu Lefadi Lucas Makibinyane njengoMphathi Omkhulu we-Amatola Water.

6.5. Ibhodi Yabaqondisi ye-South African Special Risk Insurance Association (SASRIA) Limited.

a) Mnu Mohamed Adam Samie (oqokwe kabusha futhi onguSihlalo);
b) Mnu Ranti Mothapo (iPhini LikaSihlalo; kanye no
c) Mnu Stephanus Hermanus Schoeman.

Imibuzo: Mnu Donald Liphoko
Umakhalekhukhwini: 082 901 0766

Share this page

Similar categories to explore