Isitatimende somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu mhla zi-3 kuMandulo 2025

A.    Ezisematheni

1.    Umnotho 
1.1.    Uhlelo Lukazwelonke Lokuthuthwa Kwempahla Ngezitimela
1.1.1.    IKhabhinethi lisamukele ngezandla ezimhlophe isimemezelo esenziwe wuPhiko Lwabakwa-Transnet Olulawula Ingqalasizinda Yezitimela (okuwuphiko olungaphansi kwe-Transnet) mayelana nezinkampani ezintsha ezizoqhuba umsebenzi wokuthutha ngezitimela, phecelezi, ama-Train Operating Companies (ama-TOC). Lesi sigameko esikhulukazi kuMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla nokuqaliswa kweNqubomgomo Yezezitimela yaseNingizimu Afrika siqopha iqophelo eliyingqophamlando osekufinyelelwe kulona ekuqhubekiseleni phambili izinguquko ezinohlonze ezihlonziwe eziyisihluthulelo esimqoka sokuvula ukuthuthukiswa komnotho. 
1.1.2.    Ukufinyelela kwezinye izinkampani ezingaphandle kwe-Transnet ohlelweni lokuthutha ngezitimela kuzophucula ukusetshenziswa kwalolu hlelo futhi ngalokho-ke kukhulise ukusebenza kohlelo lwezitimela ngobunyoninco; kunciphise izindleko zohlelo lokuthutha ngezitimela ngokubandakanya izinkampani ezengeziwe eziqhuba lo msebenzi; kukhulise ingenisomali ezofaka isandla kutshalomali oluzofakwa emsebenzini wokulungisa nokwenza uhlelo lokuthutha ngezitimela lube ngolwesimanjemanje; futhi kuncishiswe nezindleko zangaphandle zokuthuthwa kwempahla, futhi ngalokho-ke kubekwe uhlelo lwezitimela esimweni esingcono sokuncintisana. 
1.1.3.    Ukwabiwa kwemizila yokuqala, ezofinyelela kwimizila engama-41 kanye nemigudu eyisithupha (6) uma sekukonke, kuzoma ngale ndlela elandelayo:
(a)    Umgudu Wasenyakatho: izinkampani ezintsha eziyisithupha, imizila eyi-15 yokuthutha amalahle kanye nensimbi engagqwali (chrome).
(b)    Umgudu Wetshensimbi (Iron Ore): inkampani entsha eyodwa, umzila owodwa wokuthutha itshensimbi.
(c)    Umgudu WaseKapa: izinkampani ezintsha ezimbili, imizila emibili yokuthutha insimbi emnyama esetshenziselwa ukwenza izingilazi, phecelezi, imanganizi.
(d)    Umgudu Wasenyakatho-mpumalanga: izinkampani ezintsha eziyisithupha, imizila eyi-16 yokuthutha amalahle, insimbi engagqwali, imagnethayithi, uphethiloli, iziqukathi.
(e)    Umgudu Omaphakathi: inkampani entsha eyodwa, imizila emibili yokuthutha amalahle, iziqukathi (imanganizi).
(f)    Umgudu Weziqukathi: izinkampani ezintsha ezine, imizila emihlanu yokuthutha iziqukathi, amalahle, ushukela.
1.1.4    Uphiko Lwabakwa-Transnet Olulawula Ingqalasizinda Yezitimela, phecelezi, i-Transnet Rail Infrastructure Manager (i-TRIM) ilinganisela ekutheni izinkampani ezintsha eziqhuba umsebenzi wezitimela, ama-Train Operating Companies (ama-TOC) zizothwala amathani empahla angeziwe ayizigidi ezingama-20 ngonyaka kusukela ngonyakamali wezi-2026/27. Lokhu kuzokwengeza phezu komthamo wempahla obikezelwa yi-Transnet Freight Rail (i-TFR) futhi kufake isandla kumgomo azibekele wona uhulumeni wokuthi uma kufika owezi-2029 impahla ethuthwa ngezitimela ibe seyikhuphuke ngamathani ayizigidi ezingama-250.
1.1.5    Lokhu-ke kuphinde futhi kube yingxenye yenqubekelaphambili eyenziwa ngu-Transnet ukuze abe yibhizinisi elisebenza kahle nangobunyoninco.

1.2    Utshalomali Olusha Ezimayini 

1.2.1    IKhabhinethi likwamukele ngezandla ezimhlophe ukuvulwa komklamo i-Qala Shallows okwenziwe yi-West Wits Mining Ltd eSigodini Sezimayini sase-Witwatersrand okuwumklamo okufakwe kuwona utshalomali oluyizigidi ezingama-90 zamaDola aseMelika. Lena yimayini yegolide yokuqala yaseNingizimu Afrika evuliwe esikhathini esiyiminyaka eyi-15. Lolu tshalomali luyinkomba yokuvuselelwa kokwethenjwa kwamandla emiklamo emisha yegolide futhi kuqinisekisa kabusha iNingizimu Afrika njengezwe elingungqaphambili kwezotshalomali lwezimayini. Njengoba ukukhiqiza kulindeleke ukuba kuqale ngowezi-2026, umnotho waseNingizimu Afrika uzothola ukuthuthuka okukhulu ngokuthi kuvulwe amathuba omsebenzi amasha, kuthuthukiswe amakhono, futhi kuthuthukiswe nomnotho.

1.3    Ukufukulwa kwabesifazane kwezomnotho

1.1.3    IKhabhinethi lilwamukelile ubambiswano olunobuqhinga lomkhakha kahulumeni nomkhakha ozimele oluphakathi koMnyango Wezabesifazane, Intsha Nabantu Abanokukhubazeka, (i-DWYPD) kanye nebhange i-Standard Bank of South Africa. Lolu bambiswano luzothuthukisa ukufukulwa kwabesifazane futhi lubandakanya notshalomali oluyizigidi eziyi-10 zamaDola aseMelika oluzofakwa esikhwameni sokuthuthukisa abesifazane i-African Women Impact Fund. 
1.1.4    I-African Women Impact Fund izokweseka Abalawuli-zikhwama besifazane abanamabhizinisi kwelase-Afrika ngenhloso yokuvala igebe elikhona ekuxhasweni ngezimali eliyizigidigidi ezingama-42 zamaDola aseMelika ababhekene nalo osomabhizinisi besifazane ezwekazini lase-Afrika.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi 
1.    Ukusingathwa komqhudelwano Wendebe Yomhlaba Yekhilikithi ye-ICC yowezi-2027 
1.1.    IKhabhinethi lihlinzekwe ngolwazi lwakamuva mayelana nesinqumo soMkhandlu Wezekhilikithi Wamazwe Ngamazwe, i-International Cricket Council (i-ICC) sokunikeza iNingizimu Afrika amalungelo okusingatha umqhudelwano weNdebe Yomhlaba Yekhilikithi yowezi-2027. Lokhu kuyisiqinisekiso sokubonwa kweNingizimu Afrika ngamazwe omhlaba wonke jikelele njengezwe elikulungele ukusingatha imiqhudelwano ngokunjalo futhi eliyikhaya lezemidlalo kanye nokuzithokozisa.
1.2.    INingizimu Afrika inomlando oncomekayo impela wokusingatha ngempumelelo imicimbi yezemidlalo yamazwe ngamazwe – futhi yasingatha umqhudelwano wokuqala ngqa ukubanjelwa kwelase-Afrika webhola likanobhutshuzwayo ngowezi-2010 kanye neNdebe Yomhlaba Yekhilikithi ngowezi-2001. Le micimbi yezemidlalo yomhlaba wonke yaba yisikhuthazi esinohlonze sokuqaliswa kwemiklamo emikhulukazi yokuthuthukiswa kwengqalasizinda ezweni. 
1.3.    Ngokufanayo, amalungiselelo eNdebe Yomhlaba Yekhilikithi ye-ICC yowezi-2027 azofaka isandla ekuthuthukisweni komnotho wezwe ngokulungiswa nokuthuthukiswa kwengqalasizinda nangokukhulisa ezokuvakasha.

2.    Isiphakamiso seNingizimu Afrika sokusingatha umjaho wezimoto i-Formula One Grand Prix e-Kyalami kusukela ngowezi-2027
2.1.    IKhabhinethi lisigunyazile isicelo Sokwenza Isiphakamiso Sokusingatha i-Formula One Grand Prix e-Kyalami isikhathi esiyiminyaka emithathu (3) kusukela ngowezi-2027. 
2.2.    Isiphakamiso Sokusingatha Umjaho Wezimoto sixhaswe ngezimali ngokuphelele wumkhakha ozimele waseNingizimu Afrika ohlonishwa kakhulu futhi uma siphumelelile sizolekelela ekudaleni amathuba omsebenzi nasekuthuthukiseni umnotho.
2.3.    Ukunikezwa kweNingizimu Afrika ithuba lokwenza isiphakamiso sokusingatha umjaho ohlonishwa kakhulu i-Formula One Grand Prix kukodwa nje kuyisiqinisekiso sokubonwa kweNingizimu Afrika njengezwe elidlala indima enkulu emhlabeni wonke jikelele futhi kuqinisekisa nokwethenjwa kwaleli lizwe.

3.    Uhlaka Lwenqubomgomo Yezinsizakalo Zokweseka Nokufukamela kanye Nokuthuthukisa Amabhizinisi (i-IBDS)
3.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koHlaka Lwenqubomgomo ye-IBDS ukuze umphakathi uphawule ngalo. Lokhu kuholwa nguMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ukuze kuhlinzekwe ngezinguquko zokulawula uhlelo lonkana lwamabhizinisi amancane ngokuthi kucaciswe izindima zababambiqhaza abahlukahlukene kanye nokugqugquzela ukuhanjelaniswa kahle kwezinhlelo ezenziwayo. 
3.2.    Lokhu kuyingxenye yoHlelongqangi Lukazwelonke Oludidiyelwe Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane olubanzi, olusebenza njengohlaka oluqondisayo oluqondiswe kubo bonke ababambiqhaza ababandakanyekayo ekusheshiseni ukukhuliswa kwamaBhizinisi Amancanyana, Amancane Namaphakathi Ngobukhulu (ama-MSME) ngokusebenzisa izinhlelo, imikhiqizo kanye nezinsizakalo ezikalekayo. Izinjongo zalokho ezibalulekile zibandakanya ukuthuthukisa ikhwalithi namazinga ezinsizakalo zokuthuthukiswa kwamabhizinisi, kuqinisekiswe ukuthi ama-MSME akuthola kangcono ukwesekwa ikakhulukazi emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, futhi kukhuthazwe ukuthuthukiswa kwezindlelakusebenza ezintsha kanye nokusungulwa kwamabhizinisi. 
3.3.    Uhlaka lubeka ukucathuliswa nokufukanyelwa kwamabhizinisi enkabeni yokuthuthukiswa kwama-MSME kanye nokwesekwa kwamabhizinisi amancane. Abafukameli bamabhizinisi asafufusa badlala indima ebalulekile ekukhuthazeni ukukhula kwamabhizinisi asanda kusungulwa ngokuwahlinzeka ngokwesekwa okuhlelekile, izinsiza kanye nesimo esikahle esivumela ukusimama kwebhizinisi.

4.    Iqhingasu Lokuthuthwa Kwempahla Ngamabhanoyi eliqondene neNingizimu Afrika 

4.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kweQhingasu Lokuthuthwa Kwempahla Ngamabhanoyi eliqondene neNingizimu Afrika ukuze umphakathi uphawule ngalo. 
4.2.    Iqhingasu kuhloswe ngalo ukubhekana nezinselelo ezikhona njengamanje ezinjengemigudu yokuthuthwa kwempahla enhlakanhlaka kanye nemigoqo ephakeme evimbela ukungena kwempahla futhi kuhloswe ngalo ukwenza ngcono ukuncintisana kanye nokuxhunyaniswa kwengqalasizinda nezinye izimakethe. Ngaphezu kwalokho, iqhingasu lizohlomulisa izinkampani ezithumela impahla emazweni angaphandle, izinkampani ezingenisa impahla evela kwamanye amazwe kuleli kanye nezinkampani zokuthuthwa kwempahla, ngokuthi kukhuthazwe ukukhula komnotho futhi kwenziwe lula ukuhwebelana kwamazwe ngamazwe ngokusebenzisa uhlelo lokuthuthwa kwempahla ngamabhanoyi oludidiyelwe kakhudlwana.

5.    Ukungenelela kukahulumeni kazwelonke kuMasipala Wendawo wase-Ditsobotla 
5.1.    IKhabhinethi lihlinzekwe ngolwazi lwakamuva mayelana nesimo sikaMasipala Wendawo wase-Ditsobotla esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.
5.2.    Ukuze kubuyiswe uzinzo kulo masipala, iKhabhinethi seligunyaze ukuthi i-Ditsobotla ifakwe ngaphansi kwesandla somlawuli ngokwesigaba 139 (7) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996. Lokhu kungenelela kwenziwa ngokuhambisana noMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomasipala wezi-2003.
5.3.    Kuzoqaliswa uHlelo Lokubuyisela Isimo Kwesifanelekile oluzoqhutshwa ngaphansi kwesandla soMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko kanye noMgcinimafa Kazwelonke. Ngaphezu kwalokho, uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko uzoxhumanisa izinhlaka Zobudlelwano phakathi Kohulumeni ukuze kwenziwe lula ukubuyisela imisebenzi yokuphatha esimweni esifanelekile ngenhloso yokulekelela umasipala ekwenzeni imisebenzi namagunya akhe asemthethweni. Futhi iThimba Eliqhuba Umsebenzi Ngokuhlanganyela lizogxila ezenzweni zobugebengu ezibambe umasipala ngobhongwane.

C.    Imithethosivivinywa
1.    Umthethosivivinywa Wesikhungo Sezemfundo Samajaji saseNingizimu Afrika (i-SAJEI)  
1.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa we-SAJEI ukuze kuqhutshekwe nokucutshungulwa kwawo. Inhlosongqangi yoMthethosivivinywa ukuchibiyela uMthetho we-SAJEI wezi-2008 okhona njengamanje, ngenhloso yokufezekisa ukuhlelwa kabusha okudingekayo kohlelo lokuphatha lweSikhungo. 
1.2.    Lo Mthetho wasungula iSikhungo ukuze kuhlinzekwe amajaji nezimantshi ngemfundo nokuqeqeshwa ngenhloso yokukhuthaza ukuzimela, ukungachemi kanye nokusebenza kahle kwezinkantolo. Ukuhlelwa kabusha okuhlosiwe kubandakanya ukuqashwa kweNhloko Yesikhungo (Dean) kanye nokucacisa mayelana nokuqashwa nokusebenza koMqondisi Wesikhungo.

2.    UMthethosivivinywa Wokukhishwa Kwelayisensi Yebhizinisi, wezi-2025 
2.1.    IKhabhinethi likucubungulile futhi lakugunyaza ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokukhishwa Kwelasiyensi Yebhizinisi ukuze umphakathi uphawule ngawo. 
2.2.    Inhloso yoMthethosivivinywa ukuchibiyela uMthetho Wezamabhizinisi we-1991, futhi izichibiyelo zihlose ukusungula uhlaka olungolwesimanjemanje futhi olusebenza kahle lokukhishwa kwamalayisensi ebhizinisi olukhuthaza ukukhula komnotho nokulawula ngobunyoninco, futhi oluvikela ukubamba iqhaza kwabantu baseNingizimu Afrika abasemkhakheni ongahlelekile.

D.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.

1.    Mnu Burton Vincent Cambell oqashwe njengePhini loMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezokuthuthukiswa Kwezokungcebeleka Nokugqugquzelwa Kwezemidlalo ngaphansi koMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Nezamasiko.
2.    Nkz Lorraine Naidoo oqashwe njengeSikhulu Esiphezulu Ophikweni Lokuphathwa Komsebenzi Wokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo ngaphansi koMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda. 
3.    Mnu Dennis Mqadi oqashwe njengo-CEO we-South African Maritime Safety Authority. 
4.    Mnu Shonisani Munzhedzi (owelulelwe inkontileka) njengoMphathi Omkhulu we-South African National Biodiversity Institute (i-SANBI).

5.    Abaphathi Abakhulu Bezifunda beSikhungo Sezibonelelo Zikahulumeni SaseNingizimu Afrika (i-SASSA) 
a.    Nkz Mmapula Constance Pheeha (Limpopo) 
b.    Nkz Karabelo Ellie Mojanaga (Nyakatho Kapa) 
c.    Nkz Nkele Ntlhe (Freyistata)

6.    Abaqondisi Abangebona Abaphathi be-Public Investment Corporation (PIC) SOC Limited: 
a.    Nkz Dorothy Kobe;
b.    Mnu Stephen Boikanyo;
c.    Nkz Rethabile Nkosi; 
d.    Mnu Mpumelelo Maseko;
e.    Dkt Mugwena Maluleke (ummeleli we-SADTU futhi oqokwe kabusha);
f.    Nkz Lindiwe Motshwane (ummeleli we-SADTU);
g.    Mnu Matimba Shiburi (ummeleli we-PSA);
h.    Nkz Lerato Makwetla (ummeleli we-GEPF);
i.    Nkz Nosiphiwo Balfour (ummeleli we-GEPF); kanye
j.    noNkz Lindy Bodewig (ummeleli kaMgcinimafa Kazwelonke).

7.    Abaqondisi Abangebona Abaphathi beBhodi Lokuthuthukiswa Komhlaba Nezolimo (leBhange Lomhlaba):
a.    Slz Johann Frederick Kirsten (oqokwe kabusha);
b.    Nkz Egashnee Pillay (oqokwe kabusha);
c.    Mnu Mabotha Arthur Moloto;
d.    Nkz Phumzile Hazel Maseko;
e.    Nkz Simthandile Ford;
f.    Nkz TF Matlala;
g.    Mnu Mcebisi Skwatsha; kanye
h.    noNkz Xikongomelo Maluleke.

8.    Amalungu eBhodi le-Productivity South Africa (Productivity SA): 
a.    Nkz Zola Baba Tshefu (uSihlalo);
b.    Nkz Beverly Jack (ummeleli wamaBhizinisi Ahlelekile);
c.    Mnu Gilly Dlamini (ummeleli wamaBhizinisi Ahlelekile);
d.    Mnu Godfrey M. Selematsela (ummeleli wamaBhizinisi Ahlelekile);
e.    Mnu Thabo Mmoneri (ummeleli wamaBhizinisi Ahlelekile);
f.    Nkz Sinah M.R. Mosehla (ummeleli we-DTIC); kanye 
g.    noNkz Nolukholo F. N. Sigaba (ummeleli we-DEL).

E.    Ezakamuva kwiKhabhinethi
1.    Isigaba Sesibili (2) se-Lesotho Highlands Water Project
1.1.    IKhabhinethi lihlinzekwe ngolwazi lwakamuva mayelana nenqubekela phambili esiyenziwe ekuqalisweni kweSigaba sesi-2 somklamo wamanzi i-Lesotho Highlands Water Project. Lo mklamo, uma usuphothuliwe, uzoqinisekisa ukutholakala kwamanzi anele esifundazweni sase-Gauteng.
1.2.    Kulinganiselwa ekutheni ukuphothulwa komklamo kuzoba sekupheleni kowezi-2029 njengoba sekunenqubekelaphambili esiyenziwe kukho kokubili iDamu lase-Polihali kanye Nakwithanela Lokudlulisa Amanzi i-Polihali-Katse Tunnel. 
1.3.    Ukuqoqwa nokugcinwa kwamanzi kuleli damu kulindeleke ukuthi kuqale ngowezi-2028 ngenhloso yokubeka uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle esimweni sokuba ukwazi ukuvumela i-Rand Water ukuthi iqale ukudonsa amanzi angeziwe oHlelweni Lomfula i-Vaal ukuze kuthi kufika owezi-2028 babe sebephakelwa ngamanzi omasipala base-Gauteng.

2.    I-G20
2.1.    IKhabhinethi lihlinzekwe ngolwazi lwakamuva mayelana namalungiselelo e-G20 futhi likwamukelile ukwethulwa kweThimba Longoti le-G20 Elijutshwe Ukwenza Umsebenzi, nguMongameli u-Cyril Ramaphosa. IThimba Longoti le-G20 lizocubungula ngokujulile ukungalingani okukhona maqondana nomcebo emazweni omhlaba kanye nomthelela walokhu ekukhuleni komnotho, ububha kanye nensebenziswano yamazwe ngamazwe. Lesi sinyathelo okungesokuqala ngqa salolu hlobo kwi-G20 sihambisana nesibophezelo seNingizimu Afrika sokusebenzisa isikhundla sayo njengoMongameli we-G20 ekubhekaneni nezinkinga ezithinta amazwe anengenisomali ephansi, okuyizinkinga ezinjengokungalingani okudlondlobalayo kanye nomthwalo wezikweletu zikahulumeni ophakeme abhekene nawo. IThimba Longoti le-G20 lizokwethula umbiko walo wokuqala ngqa mayelana nokungalingani okukhona emazweni omhlaba, kubaholi bamazwe e-G20 eNgqungqutheleni Yabaholi ye-G20 ezobanjelwa eNingizimu Afrika ngoLwezi 2025. 
2.2.    Seluqalile ushikishi olubheke kwiNgqungquthela Yabaholi be-G20. INingizimu Afrika iyaqhubeka nokusingatha nokulawula imihlangano yokulungiselela ingqungquthela kanye nokwamukela izitatimende ezisemthethweni zamaThimba ahlukahlukene Ajutshwe Ukwenza Imisebenzi Ethile nezamaqenjana asungulelwe ukufezekisa izinjongo ezithile. Kulamaviki ambadlwana edlule kubanjwe imihlangano elandelayo yokulungiselela iNgqungquthela ye-G20:
2.2.1.    Umhlangano Wesithupha Wethimba Longoti Bezempilo obanjwe nge-inthanethi kusukela mhla lu-1 – 2 kuMandulo 2025 okwaxoxiswana kuwona ngokuqiniswa kwezinhlelo zezempilo emhlabeni wonke kanye nokulungiselela izinselelo zangomuso.
2.2.2.    Umhlangano Wesithathu Wethimba Lesi-2 Elibhekele Ukutholakala Kokudla Okwanele wabanjwa kusukela mhla lu-1 – 3 kuMandulo 2025 kwelase-Egypt ukudingida imiphumela-ngqangi yeThimba le-G20 Elibhekele Ukutholakala Kokudla Okwanele futhi kwaxoxiswana nangeSitatimende soNgqongqoshe mayelana nokutholakala kokudla okwanele emhlabeni wonke jikelele, okulindeleke ukuthi samukelwe ngokusemthethweni eMhlanganweni woNgqongqoshe be-G20 ozobanjelwa eNingizimu Afrika mhla ziyi-19 kuMandulo 2025.

3.    Umhlangano woNgqongqoshe Bezamabhizinisi Amancane Namaphakathi Ngobukhulu (ama-SME) 
3.1.    IKhabhinethi lithole umbiko ngomhlangano woNgqongqoshe owaba yimpumelelo okwaxoxiswana kuwona ngama-SME Omhlaba Wonke owabanjwa ngokubambisana nesikhungo sokuhwebelana kwamazwe ngamazwe, i-International Trade Centre (i-ITC) kanye ne-StartUp20 eGoli mhla zingama-21 kuya kumhla zingama-24 kuNtulikazi 2025. Umhlangano waba yisigcawu esibalulekile sokukhuthaza ubambiswano nokubeka i-ajenda yokusebenzisana okuhloswe ngayo ukukhuthaza amaBhizinisi Amancane Namaphakathi Ngobukhulu ukuba aqhubekele phambili kwingomuso elisimeme, elibandakanya umuntu wonke futhi elichumile.
3.2.    Izingxoxo zabe zigxile ezindikimbeni ezibalulekile ezinjengokuthuthukiswa kokufinyelela kuxhasomali, ukugqugquzelwa koguquko lwedijithali kanye nokuletha izinguquko ezigxile emnothweni ongayinukubezi imvelo emkhakheni wama-SME. Lo mcimbi waheha ababambiqhaza abangama-750 abavela emazweni angama-66 (oNgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe angama-52).

4.    Imiphumela yeNgqungquthela Yotshalomali Lwamanzi yase-Afrika Yokuqala Ngqa Ebibanjelwe eKapa kusukela mhla ziyi-13 kuya kumhla ziyi-15 kuNcwaba 2025
4.1.    IKhabhinethi lihlinzekwe ngolwazi lwakamuva mayelana nemiphumela yeNgqungquthela Yotshalomali Lwamanzi yase-Afrika Yokuqala Ngqa ebibanjelwe eKapa kusukela mhla ziyi-13 kuya kumhla ziyi-15 kuNcwaba 2025, eyavulwa ngokusemthethweni nguMongameli u-Cyril Ramaphosa. Beyibanjwe ngokwesekwa nokugunyazwa yiNgqungquthela Yenhlangano Yamazwe ase-Afrika kanye neThimba Elisezingeni Eliphakeme Elibhekele Utshalomali Lwamanzi Oluqondene ne-Afrika. Ingqungquthela yabonisa imiklamo yamanzi nokuthuthwa kwendle engama-80 exhasekayo ngezimali emabhange evela emazweni angama-38, kubandakanya nengama-36 evela eNingizimu Afrika. Umphumela obalulekile wale ngqungquthela kwaba wukwethulwa kwe-Global Outlook Council on Water Investment, okuwumklamo owuKhondolo lwe-G20 okuhloswe ngawo ukukhulisa utshalomali phakathi kwamazwe ngamazwe. Ingqungquthela ithole izibophezelo zotshalomali olubalelwa kwizigidigidi eziyi-12 zamaDola aseMelika, okubonisa inqubekelaphambili enkulu impela ephokophele ekuvaleni igebe elikhona lotshalomali lwamanzi lwaminyaka yonke lwe-Afrika oludingekayo oluyizigidigidi ezingama-30 zamaDola aseMelika.
4.2.    Ingqungquthela ihambisana kakhulu nezinto ezibekwe eqhulwini kuleli ezivezwe ngokucacile kwi-MTDP, kwi-NDP kanye nakwiNhlosombono ye-AU Yezamanzi futhi imiphumela yengqungquthela iqinisa kakhudlwana ubuholi beNingizimu Afrika ekubumbeni ukutholakala kwamanzi anele kanye nokuthuthukiswa kwengqalasizinda ezwekazini.

5.    Inyanga Yemisebenzi Kahulumeni Edidiyelwe (i-IPSM)
5.1.    IKhabhinethi lihlinzekwe ngolwazi lwakamuva mayelana nokuqaliswa kohlelo lukahulumeni wonkana, futhi oluzoqhubeka unyaka wonke, lowezi-2025 kuya kowezi-2026 lokuGxila Emisebenzini Kahulumeni Edidiyelwe, oluzokwethulwa ngoMandulo 2025 njengenkundla ehlelekile yokuqhubekisela phambili ukusebenza ngobungcweti kanye nokwethenjwa kukahulumeni ngumphakathi. 
5.2.    Uhlelo Lwemisebenzi Kahulumeni Edidiyelwe lusebenza njengenkundla yokwazisa kanye nokubonisa ukusebenza komkhakha kahulumeni ngobunyoninco kanye nokuhlonipha abasebenzi bakahulumeni abasebenzela isizwe ngokuzigqaja nangobunyoninco. Lubungazwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukwenza Umkhakha Wemisebenzi Kahulumeni Usebenze Ngobungcweti ukuze Kwakhiwe futhi Kubuyiswe Ukwethenjwa Kukahulumeni”.
5.3.    Lolu hlelo lusekelwe phezu kwezinsika zamasu ezinhlanu ezibandakanya ukubonakala kweziPhathimandla emiphakathini, ukusukumela phezulu, ukusebenza ngobungcweti nokuziphatha okuhle kwabasebenzi bakahulumeni, ukwethenjwa kukahulumeni kanye nokubamba iqhaza kwezakhamuzi.
5.4.    IKhabhinethi likwesekile futhi nokusungulwa kweSithangami Sobudlelwano Phakathi Kohulumeni esizolawula imisebenzi yekhalenda yaminyaka yonke ye-IPSM futhi sigqugquzele ukubambisana phakathi kweminyango kahulumeni.

F.    Imicimbi Ezayo
6.    Ukuvakashela kukaMongameli Esifundazweni saseNyakatho-Ntshonalanga
6.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa kanye neKhabhinethi bazoba nohambo lokuvakashela esifundazweni saseNyakatho-Ntshonalanga ngoLwesihlanu mhla ziyi-12 kuMandulo 2025, e-Rustenburg. Ukuvakasha kukaMongameli kuyingxenye yemizamo yakhe yokuqinisa ukwesekwa kohulumeni bezifundazwe futhi kwenziwe ngcono ukusebenza ngendlela ehambelanayo njengomzamo wokuvula amathuba okukhulisa umnotho wesifundazwe futhi kwenziwe ngcono nokuhlinzekwa kwezidingongqangi. Lolu kuzobe kuwuhambo lwesihlanu lwalolu hlobo lokuvakashela uMkhandlu Weziphathimandla wesifundazwe.

7.    Ukuvakashela kwePhini likaMongameli u-Paul Mashatile eNtshonalanga Kapa ngenhloso yokuyohlola ukusebenza
7.1.    IPhini likaMongameli u-Paul Mashatile lizovakashela esifundazweni saseNtshonalanga Kapa kusukela mhla zizi-4 kuya kumhla ziyisi-6 kuMandulo 2025 kwisiFunda i-Overberg ukuyobonisa imizamo kahulumeni yokusheshisa uHlelo Lokulethwa Kwezinguquko Kwezomhlaba. IPhini likaMongameli lizohola futhi nomkhankaso Wamadolobha Namadolobhana Ahlanzekile elokishini laseZwelihle, kuMasipala Wendawo i-Overstrand, njengengxenye yokukhuthaza izindawo zasemadolobheni nezasemakhaya ezihlanzekile, ezinempilo nezisimeme.

8.    INgqungquthela yaseNingizimu Afrika Yokubuyekezwa Kokukhululwa Kweziboshwa Ngoshwele Ngaphambi Kwesikhathi Esinqunyiwe
8.1.    UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo uzosingatha iNgqungquthela yaseNingizimu Afrika Yokubuyekezwa Kokukhululwa Kweziboshwa Ngoshwele Ngaphambi Kwesikhathi Esinqunyiwe mhla zingama-22 namhla zingama-23 kuMandulo 2025 ePitoli. 
8.2.    Ingqungquthela izobanjwa ngeViki Lokuhlunyeleliswa Kwezimilo, eligxile kwindima yomnyango ekuhlumeleliseni izimilo nasekubuyiseleni emuva emphakathini izaphulamthetho. Ingqungquthela izohlanganisa ndawonye ongoti, abasebenzi abaqeqeshiwe kulo mkhakha kanye nababambiqhaza lapho kuzobhungwa khona ngezimpumelelo, izinselelo kanye nezimo zakamuva ezikhona ohlelweni lukashwele weziboshwa.

  • 9.    Imibungazo Kazwelonke
    9.1.    Le micimbi elandelayo izogujwa ngenyanga kaMandulo: iNyanga Yamagugu, iNyanga Yezokuvakasha, uSuku Lukazwelonke Lwesikhumbuzo Lwe-SAPS kanye neNyanga Yemisebenzi Kahulumeni Edidiyelwe.
    9.2.    Maqondana nemigubho yeNyanga Yamagugu, iNingizimu Afrika ihlonipha futhi ibungaze usikompilo olucebile, amagugu kanye namasiko esizwe sethu esihlukahlukene. Isiqubulo salo nyaka sithi “Masibuke Izikhungo zethu Zamagugu Ngeso Elihlukile Ukulungiselela Isikhathi Esisha”. IPhini likaMongameli u-Paul Mashatile kulindeleke ukuba ahole umgubho osemthethweni weNyanga Yamagugu ozoba mhla zingama-24 kuMandulo 2025 e-Bridgton Stadium e-Oudtshoorn, esifundazweni saseNtshonalanga Kapa.
    9.3.    INyanga Yezokuvakasha izogujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ezokuvakasha kanye Nezokuvakasha Ezisimeme", esibungaza usikompilo lweNingizimu Afrika olucebile, amagugu kanye nakho konke umuntu ahlangabezana nakho kwezokuvakasha. INyanga Yezokuvakasha iqhakambisa ukubaluleka kwale mboni ekufukulweni kwemiphakathi nasekudaleni amathuba omsebenzi. Futhi iphinde ikhuthaze abantu baseNingizimu Afrika ukuba bavakashe ngaphakathi kuleli futhi bazizwele futhi bazibonele ngokwabo konke okuhlinzekwa yizwe lethu (#Sho’t Left).
    9.4.    USuku Lukazwelonke Lwesikhumbuzo Lwe-SAPS lubungazwa ngosuku lwangeSonto lokuqala enyangeni kaMandulo minyaka yonke ngenkathi isizwe sithulela isigqoko amadoda nabesifazane boMbutho Wamaphoyisa waseNingizimu Afrika abalahlekelwa yizimpilo zabo besemsebenzini – abasale enkundleni ngenkathi besebenzela futhi bevikela abantu baseNingizimu Afrika. IKhabhinethi linxusa wonke umuntu ukuba awasekele amaphoyisa ngenkathi eqhubeka nsuku zonke enza umsebenzi onzima wokuqinisekisa iNingizimu Afrika ephephile nengenabo ubugebengu. 
    G.    Imiyalezo
    1.    Amazwi enduduzo
    IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nemindeni yalaba:
     
  • USihlalo Waphambilini we-NCOP futhi obeyiNxusa lakuleli kwelase-Kenya, uMnu Mninwa Johannes Mahlangu obeteketiswa ngelika "MJ" futhi obengomunye waMalungu ePhalamende okuqala aqokelwa ePhalamende ngowe-1994. Wabe eyingxenye yeqembu elabhala umthethosisekelo futhi ngaphezu kwalokho ubeyimele kahle kakhulu iNingizimu Afrika emazweni angaphandle. 
  •  UTshidi Madia, obeyintatheli nomsakazi odume kakhulu, obeyisibonelo esihle sobuqotho futhi ebonisa ukuhluzeka komqondo kwakushoyo nakwenzayo. Abantu bebengawuvali umlomo ngobuntateli bakhe obusekelwe kwizimiso eziqinile, ukuzinikela kwakhe eqinisweni, ukungakhethi iphela emasini, ukubika ngendlela enembayo kanye nokuba ngumuntu ozifelayo ngezwe lakhe.
  • Umlingisikazi obedume kakhulu futhi engumgogodla nensika yokulandiswa kwezindaba eNingizimu Afrika, uNandi Nyembe, obeteketiswa ngelika-Mam’ Nandi, obesebe ngumlingisi iminyaka eyevile emashumini amahlanu.
  • Inkakha yomculo we-jazz u-‘Bra’ Stompie Manana ocilongo lakhe belithwele umgqumo wenhliziyo yabantu baseNingizimu Afrika kusuka ezitaladini zase-Sophiatown kuyofinyelela eziteji zomhlaba futhi owaba ngomunye wabadlali becilongo abahlonishwayo.
  • Lowo owabe eyisishoshovu esalwisana nobandlululo futhi engumeluleki wezokuvikelela waphambilini ka-Nelson Mandela, uMnu Neil de Beer owafaka isandla esikhulu impela emlandweni nakwezombangazwe zezwe lethu ngezindima ezihlukahlukene azidlala ezinhlakeni eziningana.
  • Usomabhizinisi futhi ongumsunguli kabhiya wodumo wokuqala ngqa ophiswe ngumuntu ompisholo ngokuzimela i-Soweto Gold Beer, uMnu Ndumiso Madlala.

2.    Amazwi okuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela laba okuhle kodwa:

  • U-Akani Simbine ngokuphuma isibili emjahweni webanga elingama-100m kowamanqamu we-Diamond League wezi-2025 e-Zurich.
  • U-Jo-Ane du Plessis ngokuphuma isithathu eMqhudelwaneni Wabesifazane Wokujikijela Ijavelini kowamanqamu we-Diamond League wezi-2025 e-Zurich.
  • U-Thriston Lawrence ngokudla umhlanganiso emqhudelwaneni wegalofu i-Omega European Masters Golf Tournament e-Switzerland osekungokwesibili eminyakeni emine.
  • Iqembu lamaBhokobhoko Labesifazane ngokufinyelela esigabeni sama-quarterfinal eNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo okokuqala ngqa emlandweni walo, futhi iKhabhinethi libafisela okuhle kodwa njengoba bezotholana phezulu ne-France ngeSonto mhla ziyisi-7 kuMandulo 2025.
  • Ama-Scorpion Kings ngokuphumelela ukuthengisa wonke amathikithi okungena ekhonsathini lawo lomculo i-“Betway Presents Scorpion kings live with friends” (i-Betway Ikwethulela ama-Scorpion Kings Nabangani Bukhoma) mhla zingama-29 kuNcwaba, elaqopha umlando ngokuheha abalandeli abayizi-50 000.

Sikhishwe: uPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Imibuzo: Nkz Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore