Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wesi-6 kuNhlaba 2026

A. Ezisematheni

1. Ezempilo

1.1. INingizimu Afrika iyaqhubeka nokukhombisa ubuchwepheshe bezokwelapha nesayensi obusezingeni lomhlaba ngendlela ephethe ngayo izigameko zeHantavirus.

1.1.1. IKhabhinethi lihalalisele iSikhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithelelanayo (i-NICD) ngezinga layo lobuchwepheshe ekuxilongeni abantu ababili abahaqwe yiHantavirus engakapheli amahora angama-24 iziguli zingenisiswe esibhedlela esiseGauteng.

1.1.2. IKhabhinethi laziswe kafushane ngezimo eziholele ekutheni iziguli ezineHantavirus zingeniswe esibhedlela saseNingizimu Afrika zisuka emkhunjini wokuncebeleka i-MV Hondius.

1.1.3. IKhabhinethi liphinde lahalalisela uMnyango Wezempilo ngesivinini kanye nokusebenza kahle ekuthungatheni abantu abasondelene neziguli ezineHantavirus ngaphambi kokuba zitholakale ukuthi zinegciwane.

1.1.4. IKhabhinethi lifisa ukwehlisa itwetwe lokwesabela okunye ukuqubuka kwesifo ngenxa yokusabalala kwamagundane kwabanye omasipala, ososayensi basiqinisekisile ukuthi iHantavirus ayitholakali kumagundane aseNingizimu Afrika noma ezwekazini i-Afrika.

1.1 Uxhasomali lwezigidigidi eziyi-R1.5 lweBiovac luthuthukisa ukukhiqizwa kwemigomo eNingizimu Afrika

1.1.1 IKhabhinethi lamukele uxhasomali lwezigidigidi ezi-R1.5 phakathi kweBiovac ne-European Investment Bank (i-EIB) Group ukusungula isikhungo sokuqala sase-Afrika sokukhiqiza imijovo yokugoma eminingi.

1.1.2 Lesi sikhungo, okuhlelwe ukuthi siphothulwe ngowezi-2028, sizokhiqiza imigomo ephuzwayo yekholera, futhi kamuva sisabalale sikhiqize imigomo yesifo sovendle, inyumoniya, kanye ne-meningitis. Uma sesisebenza ngokugcwele, isikhungo sizoba namandla okukhiqiza imithamo efinyelela kwizigidi ezingama-40 minyaka yonke, okuqinisa kakhulu amandla ezempilo e-Afrika kanye nokuqinisekisa ukuthunyelwa kwemigomo.

1.1.3 Kulindeleke ukuthi lo mklamo udale imisebenzi yamakhono engaphezu kwama-340 kanye neminye imisebenzi ebalelwa kwizi-7 000, ngesikhathi ukhuthaza ukuguqukela kwezobuchwepheshe, ukusungula izinto ezintsha kanye nokuqina kwezempilo kwesikhathi eside kulo lonke izwekazi.

1.2 ISifo Samatele

1.2.1 IKhabhinethi lamukele inqubekela-phambili ohlelweni lokugoma nosekugonywe inani lezinkomo eziyizigidi ezi-2.59 ezigonyelwe iSifo Samatele (i-FMD) kuze kube manje.

1.2.2 IKhabhinethi likuphawulile ukufika kwemithamo eyizigidi ezimbili zomgomo we-FMD ovela eTürkiye, njengengxenye yesigaba sokuqala se-oda lomthamo wezigidi eziyisithupha. UMnyango Wezolimo usabalalisa imigomo ezifundazweni usebenzisa imodeli yokwabiwa okuqondiwe, okusekelwe kwisayensi nebhekela ubungozi izilwane ezikubo kanye nedatha yabantu.

1.2.3 Eminye imigomo eyizigidi ezinhlanu athengwe e-Argentina ngohlelo lwe-Onderstepoort Biological Products.

2. Umnotho

2.1 Uhulumeni uyaqhubeka nokungenelela ukuze anciphise izindleko eziphezulu zentengo kaphethiloli

2.1.1 IKhabhinethi liyaqhubeka nokungenelela ukunciphisa izindleko eziphezulu zentengo kaphethiloli ngenxa yempi eqhubekayo yase-US/Israel e-Iran ephinde yathinta isifunda saseGulf.

2.1.2 IKhabhinethi leseke uxhasomali lwezigidigidi eziyi-R17.2 lwentela kaphethiloli njengoba kumenyezelwe nguNgqongqoshe Wezezimali oluzosetshenziswa esikhathini sezinyanga ezintathu (3) kusukela ngoMbasa kuya kuNhlangulana wezi-2026 futhi iThimba LoNgqongqoshe liyaqhubeka nokuhlola ezinye izindlela zokungenelela ukuze kuncishiswe umthelela wokuntuleka kukaphethiloli nomanyolo emhlabeni wonke kubantu baseNingizimu Afrika.

2.1.3 IKhabhinethi liyalele uNgqongqoshe Wezimbiwa Nemithombo Kaphethiloli ngokwesekwa nguNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana ukuthi bahlele indlela ye-SADC yokuqinisekisa ukungapheli kukaphethiloli nomanyolo esifundeni.

3. Ubudlelwano Namazwe Omhlaba

3.1 Impumelelo ebonakalayo ngaphansi kweSigaba seSibili seLesotho Highlands Water Project - Senqu Bridge

3.1.1 Ukwethulwa kweSenqu Bridge eMokhotlong eMbusweni waseLesotho, kubonisa impumelelo ngaphansi kweSigaba seSibili seLesotho Highlands Water Project. Ibhuloho elisha lizoqinisekisa ukufinyelela okungaphazamiseki eMokhotlong, eSani Pass, nasezindaweni ezizungezile.

3.1.2 Lo mklamo ube negalelo elikhulu ekuthuthukisweni komnotho waseLesotho, lapho iNingizimu Afrika yakha amakhulu amakhilomitha emigwaqo ukuze kuthuthukiswe ukufinyelela ezindaweni zamadamu akude futhi unikeze izinkokhelo ezingaba yizigidigidi ezi-R3,8 ngonyaka esikhwameni sezwe ngaphansi kweLesotho Highlands Water Project.

3.1.3 ILesotho Highlands Water Project iqinisekisa ukuthi iGauteng ithola amanzi amaningi ngohlelo lweVaal Water ngesikhathi iLesotho ikhiqiza ugesi wamanzi futhi yeseka ukuhlinzekwa kwamanzi ahlanzekile, ukunisela, ukudoba, kanye nokukhuthaza ezokuvakasha.

3.2 Uhambo Lokusebenza LwaseSpain Luqinisekisa ubudlelwano bokusebenzisana

3.2.1 IKhabhinethi lamukele ukuvakashela kukaMongameli uCyril Ramaphosa okusemthethweni okube yimpumelelo eSpain, okuholele ezibophezeleni kwizigidigidi ezingaphezu kwezi-€2.1 ezizosetshenziswa ekuguqukeleni emandleni acocekile eNingizimu Afrika emikhakheni yehayidrojini ecocekile, izimoto zikagesi, amandla avuselelekayo kanye nengqalasizinda yegridi.

3.2.2 Ngowezi-2025, sekukonke ukuhwebelana phakathi kweNingizimu Afrika neSpain kufinyelele cishe kwizigidigidi ezi-€2.8, kwathi ukuthekeliswa kwempahla eSpain kwakhuphuka kwaya kwizigidigidi ezi-€1.3. Ngaphezu kwalokho, izinkampani zaseSpain ezingaphezu kwe-150 okwamanje zisebenza eNingizimu Afrika, zeseka imisebenzi engaphezu kwezi-20,000 emikhakheni esukela kwezamandla avuselelekayo kanye nengqalasizinda kuya kwizinsizakalo zezezimali, ubuchwepheshe kanye nezokuvakasha.

4. Ezokuphepha Nokuvikeleka

4.1 Izinselele Kwezokufuduka

4.1.1 IKhabhinethi ligxeke ukusatshalaliswa kwamavidiyo nezithombe mbumbulu ekuthiwa zibonisa ukuhlaselwa kwabantu bakwamanye amazwe eNingizimu Afrika. Amavidiyo nezithombe mbumbulu aziyona nje kuphela umbombayi, kodwa kuhloswe ngazo ukwehlisa isithunzi negama elihle laseNingizimu Afrika emhlabeni wonke futhi kuphazamise ukuphishekela kweNingizimu Afrika uhlelo olungcono lwase-Afrika.

4.1.2 Abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokubhikishela inkinga yabantu abangena kuleli lizwe ngokungemthetho okuqhubekayo, kodwa udlame oluhlobene naleyo mibhikisho esikhathini esidlule alwamukeleki futhi abomthetho kumele babhekane nabagqugquzeli balolo dlame.

4.1.3 IKhabhinethi ligxeke imizamo yosomathuba yokuguqula ukukhathazeka kwangempela kwabantu baseNingizimu Afrika mayelana nokuntuleka kwemisebenzi okuphezulu, kanye namathuba ezomnotho angekho ngokuthi bagqugquzele abantu baseNingizimu Afrika ukuba baphazamise izwe okuhlanganisa nokukhuthaza ukuhlaselwa kwabantu bakwamanye amazwe kanye nokulwa ngokobuhlanga.

4.1.4 IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukuthi uyaqhubeka umsebenzi wokubhekana nenkinga yokungena kwabantu kuleli lizwe ngokungemthetho okuhlanganisa ukuqinisa ukulawulwa kwemingcele yi-BMA, ukusheshisa ukubuyiselwa kwabantu emazweni abo, ukubhekana nobugebengu obenziwa abantu bangaphandle, nokuvikela imisebenzi namathuba abantu baseNingizimu Afrika.

4.1.5 Mayelana namathuba abantu baseNingizimu Afrika, iKhabhinethi liyalele uMnyango Wezemisebenzi Nezabasebenzi ukuthi uqinise ukuhlolwa kwezindawo zokusebenza ukuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho yokuqashwa kuyo yonke imikhakha esengcupheni njengeyokuphathwa kwezivakashi, amapulazi, ezokuthutha ngamaloli, kanye nokwakha phakathi kwezinye.

4.1.6 IKhabhinethi liphinde layalela omasipala ukuthi baqinisekise ukuphoqelelwa kwemithetho yomasipala, kubekwe phambili imithetho yokuhweba. Abantu baseNingizimu Afrika kumele futhi badlale indima yabo ngokugwema ukuqashisa ngamalayisensi abo ebhizinisini.

4.1.7 Esigabeni senqubomgomo, UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe Ngokufuduka ubhekana nezinkinga ngemithetho yamanje yokufuduka, ngokwethula izimiso zokuphepha emiyelana nezwe lokuqala eliphephile, ukususa izikhungo zokwamukela ababaleki eziseduze nomngcele, kanye nesigatshana sokuvumela iMinyango efanele ukuthi ikhethe ukuhwebelana okuthile, imisebenzi, kanye namabhizinisi ezoba ngeyabantu baseNingizimu Afrika kanye nababaleki kuphela.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe Wohulumeni Basekhaya wangowezi-2026

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kusomqulu koMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe Wohulumeni Basekhaya ukuze umphakathi ubonisane ngawo. UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe uyingxenye yezinguquko zohulumeni basekhaya zokulungisa ohulumeni basekhaya ukuthi bakhe uhlelo lohulumeni basekhaya lwesimanje, olufanelekela injongo nolukwazi ukuletha izinsizakalo ngendlela eqhubekayo.

1.2. Ukubuyekezwa koMthetho Odingidwayo kwaqalwa ukuqinisekisa ukuthi uhlaka lwenqubomgomo yohulumeni basekhaya luhlala lusabela ezimweni zamanje ezenzekayo zentuthuko eguquguqukayo, ezomnotho, nezemvelo. Izingxenye okugxilwe kakhulu ezihlonziwe indlela yokusebenza komasipala, ubuholi bezepolitiki kanye nokuziphendulela, ukuxhumanisa ohulumeni, ukubandakanyeka kwezakhamuzi, izinguquko zezimali, kanye nobuholi bendabuko.

1.3. UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe usebenzisa indlela yokuqalisa elandelana ngokwezigaba ukuqinisekisa ushintsho oluhambisanayo noluqhubekayo ekuguqulweni kohulumeni basekhaya. Umthetho odingidwayo uqaphelisisa ukuthi imizamo yokuguqula yangaphambilini ivame ukwehluleka esigabeni sokuqaliswa, ngenxa yokunganaki okwanele ekulandeleni nasekuphathweni koguquko. Njengesinyathelo esiphambili soguquko, UMthetho Odingidwayo Osahlongozwa uphakamisa ukusungulwa kweSigungu Sokuphatha Uguquko Lohulumeni Basekhaya esinqunyelwe isikhathi.

2. Iqhingasu Lesikhathi Eside Lokuguqulwa Kombutho we-SANDF

2.1. IKhabhinethi ligunyaze iQhingasu Lesikhathi Eside Lokuguqulwa Kombutho kanye Nomqondo Wohlelo lwe-SANDF kanye nemibhalo yayo eyeseka iNqubomgomo Yeqhingasu.

2.2. Ngemva kwamashumi eminyaka oxhasomali oluncane, izinkundla ezindala kanye nokuthuthukiswa kwemisebenzi ngaphandle kwezinsiza, i-SANDF isungule iqhingasu lokuthuthukisa umbutho elihlelwe ngokwemigomo echazwe ohlelweni "Lohambo Lokuzuza Okukhulu"

2.3. Iqhingasu lixhumanisa ukuvuselelwa kwezokuvikela nentuthuko kaZwelonke kube ngeyesimanje, ukuletha uzinzo esifundeni, kanye nokukhula komnotho ukuze kwakhiwe uMbutho Wezokuvikela onamandla, olungele isikhathi esizayo nokwazi ukubhekana nezinselele zakuleli lizwe zamanje kanye nobungozi besikhathi eside.

3. Iminyaka engama-70 Yomzabalazo Nokunika Amandla Abesifazane: INKOMBA YOKUNIKEZWA KWAMANDLA KWABESIFAZANE KWEZENHLALO NOMNOTHO

3.1. Njengengxenye yokuzibophezela ekunikeni amandla abesifazane njengoba izwe ligubha iminyaka engama-70 kusukela ngeMashi Yabesifazane yowe-1956, iKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kweNkomba Yokunikezwa Abesifazane Amandla Kwezenhlalo-mnotho njengesilinganiso sonyaka sokulinganisa nokulandelela inqubekela-phambili ekucijisweni kwabesifazane kwezenhlalo-mnotho ngokuhamba kwesikhathi.

3.2. INkomba ibhekana nokungabikho kwesilinganiso esiphelele, esisodwa sokunika amandla abesifazane kwezenhlalo-mnotho kanye nokubamba iqhaza ezinhlakeni ezithatha izinqumo eNingizimu Afrika. Emphakathini, iNkomba izogxila kwezempilo nakwezemfundo, kwezomnotho, iNkomba izogxila emakethe yezabasebenzi kanye nezinsizakusebenza, bese kuthi kwezokuthathwa kwezinqumo, iNkomba izogxila ekuthatheni izinqumo kuhulumeni nasemkhakheni ozimele.

3.3. Isilinganiso esiphansi seNkomba Yokunika Amandla Abesifazane Kwezenhlalo-mnotho sibonisa ukuthi ukuthathwa kwezinqumo emkhakheni kahulumeni kubhekwa njengento ethola amaphuzu aphezulu ngokwezinga lokuthuthukiswa kwabesifazane ngesikhathi izinga lemakethe yezabasebenzi kanye nezinsiza libonisa amaphuzu aphansi kakhulu. Isilinganiso esiphansi sibonisa izinkampani ezinabanikazi abangabesifazane, isabelo sabesifazane abangaBaphathi Abakhulu ezinkampanini ezisohlwini lwe-JSE, ukufinyelela emalini ebolekwayo, kanye nokuqashwa emisebenzini enamakhono aphezulu.

4. Iminyaka engama-70 Yomzabalazo Nokunika Amandla Abesifazane: UMBIKO WESITHUPHA WESIKHATHI SOKUQALISWA KWESIVUMELWANO SOKUQEDWA KWAZO ZONKE IZINHLOBO ZOKUCWASA ABESIFAZANE

4.1. IKhabhinethi ligunyaze Umbiko Wesithupha WaseNingizimu Afrika Wesikhathi sokuqaliswa kweSivumelwano Sokuqeda Zonke Izinhlobo Zokucwaswa Kwabesifazane (i-CEDAW).

4.2. Umbiko unikeza inqubekela-phambili eyenziwe yiNingizimu Afrika ekuqiniseni umthethosisekelo, inqubomgomo yezomthetho kanye nohlaka lwezikhungo zokulingana ngokobulili, ukunika amandla abesifazane kanye nokulingana. Inqubekela-phambili ibandakanya:

  • Ukuqaliswa Kohlelo Lokubhekana Nezobulili, Ukuhlelwa Kwesabelomali, Ukuqapha, Ukuhlola kanye Nohlaka Locwaningomabhuku
  • Uhlelo Lweqhingasu Lukazwelonke lwe-GBVF lwezi-2019,
  • Izinhlelo zokunika amandla ezomnotho,
  • Ukufakwa kobulili emkhakheni kahulumeni kanye nokumelwa kwabesifazane ebuholini nasekuthathweni kwezinqumo.

4.3 Naphezu kwenqubekela-phambili ebonakalayo, iNingizimu Afrika isabhekene nezinselele eziqhubekayo zesakhiwo kanye nokuqaliswa kwawo ezibandakanya ukuntuleka kwemisebenzi kwabesifazane okuphezulu, isihlava sodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabesifazane, ukusetshenziswa kabi kwemihlomulo yezemfundo ukuthi kudaleke imisebenzi, kanye nokubandakanywa kobulili bonke emkhakheni ozimele.

C. Ezakamuva kwiKhabhinethi

1. Ukulungisa Ohulumeni Basekhaya: UMBIKO WENQUBEKELA-PHAMBILI WEKOTA YESI-2 YONYAKA WEZIMALI WEZI-2025/26 NGOKUQALISWA KWEZINHLELO ZOKUBUYISELA IMALI ZOMASIPALA NGAPHANSI KOKUNGENELELA KUKAZWELONKE

1.1 IKhabhinethi laziswe ngokwakamuva mayelana nokuqaliswa kweZinhlelo Zokubuyisa Izimali (ama-FRP) komasipala abane (4) ababekwe ngaphansi kohlelo lokungenelela kuzwelonke ngokweSigaba 139 (7) soMthethosisekelo, okungumasipala wendawo iLekwa, i-Enoch Mgijima kanye neDitsobotla, kanye noMasipala Omkhulu waseMangaung. Inqubekela-phambili ekuqaliseni ama-FRP ukuze kuqinisekiswe ukuphothulwa komsebenzi wezezimali nokulethwa kwezinsizakalo kwalaba masipala ibe yimbi kakhulu, ngaphandle kweDitsobotla.

1.2 IKhabhinethi likuphawulile ukuthi kwabanye omasipala abathathu (3), ukuqaliswa kwe-FRP kumile eSigabeni 1 obekufanele ngabe siqediwe zingakapheli izinyanga eziyi-12 kusukela i-FRP igunyaziwe. Izinto ezikhathaza kakhulu ukungaqaliswa kwemisebenzi enomthelela wezezimali, ukuthuthuka okuncane kwizinkomba zezimali kanye nezilinganiso, kanye nokulawula okungasebenzi kahle kwizinkomba zokusetshenziswa kwemali okuholela ekuthuthukisweni okuncane kokulethwa kwezinsizakalo.

1.3 IKhabhinethi ligunyaze ukugcinwa komasipala abane ngaphansi kokungenelela kukazwelonke ngokweSigaba 139 (7) esihambisana neSigaba 139 (5)(a) soMthethosisekelo. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi kusungulwe izinyathelo zokuphoqa omasipala abasenkingeni yezezimali ukuba bangene eziVumelwaneni Zama-ejensi Aletha Izinsizakalo zezinkampani ezifana ne-Eskom ukuze zithathe izintambo zokuthunyelwa kukagesi kanye nokuqoqwa kwemali engenayo.

2. Ukuqokwa kweNdawo Yezomnotho Ekhethekile yeFetakgomo Tubaze ehlongozwayo, eSifundazweni saseLimpopo

2.1 IKhabhinethi lihlolisise futhi leseka inhloso kaNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni kanye Nokuncintisana yokuqoka iNdawo Yezomnotho Ekhethekile yeFetakgomo Tubaze ehlongozwayo (i-FTSEZ) etholakala eSifundeni saseSekhukhune eSifundazweni saseLimpopo.

2.2 I-FTSEZ iyingxenye yoHlelo Lwentuthuko LwaseLimpopo oluhlose ukukhuthaza ukuthuthukiswa kwezimboni, ukukhuthaza ukukhula komnotho, kanye nokwakha amathuba emisebenzi ngokuheha utshalomali emikhakheni yezimayini, inzuzo yezimbiwa, ezamandla, ezolimo kanye nezimoto. I-FTSEZ izoqaliswa ngokwezigaba ezintathu.

3. Amathuba Ezomnotho Angaba Khona eNingizimu Afrika Ngenkundla Yokuhwebelana Mahhala Ezwekazini Lase-Afrika

3.1 IKhabhinethi laziswe ngamathuba ezomnotho angaba khona eNingizimu Afrika kanye nezwekazi lonkana nge-AfCFTA. I-AfCFTA yakha enye yemakethe eyodwa enkulukazi emhlabeni enabantu abangaphezu kwezigidigidi ezi-1.3 kanye ne-GDP ehlanganisiwe edlula izigidintatu ezi-US$3.4.

3.2 Isivumelwano se-AfCFTA esibanzi sethula amathuba amaqhinga okuvula amandla ezomnotho, ukwandisa izimakethe zokuthekelisa impahla kwamanye amazwe, ukwandisa izimboni, ukukhuthaza utshalomali, kanye nokukhuthaza ukukhula komnotho okusimeme.

3.3 Selokhu iNingizimu Afrika yethula ukuhweba ngaphansi kwemibandela ye-AfCFTA kusukela ngoMasingana 2024 kuya kuNhlolanja 2026, ukuhweba kukhuphuke kwaya kwizigidigidi ezi-R2.6 okuhlanganisa imikhiqizo eyahlukahlukene efana nemishini yezimayini, izinto zikagesi, ukudla, izingubo, ipulasitiki kanye nemishini kagesi.

4. Ukuhlinzekwa Kwamanzi Ahlanzekile eHammanskraal

4.1 IKhabhinethi lithole umbiko wenqubekela-phambili ngoMklamo Wamanzi Ahlanzekile eHammanskraal oqhutshwa yiMagalies Water ngaphansi koMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle kanye neDolobha laseTshwane. Uma sewuqediwe, umklamo uzohlinzeka ngamanzi ahlanzekile emindenini engaba yizi-47 550, nokuzosiza izakhamuzi ezilinganiselwa kwizi-180 679.

4.2 IKhabhinethi likuphawulile ukuthi zonke izingxenye ezine ohlangothini lomklamo olwethulwa ngaphansi kweMagalies Water zakhiwe futhi zahlolisiswa, okwenza uhlelo lokusebenza lukwazi ukukhiqiza amanzi afinyelela kuma-50 ML ngosuku.

4.3 UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uzohlola umklamo kamuva kuleli sonto futhi aqinisekise ukuthi iDolobha laseTshwane liqapha imisebenzi esele ukuqinisekisa ukutholwa kwamanzi ngokuphelele emiphakathini yaseHamanskraal.

4.4 UMnyango uphinde watshela iKhabhinethi ngenqubekela-phambili ngokuvula imiklamo yamanzi evaliwe kanye nesimo sesikweletu sikamasipala kumabhodi amanzi, okubeka engcupheni enkulu ukutholakala kwamanzi kanye nokusebenza kahle kwezezimali kwala mabhodi. Ulwazi olugcwele ngalokhu luzokhishwa emva kweWaterCom.

5. Ukuhlinzekwa kukagesi kusalokhu kungeke kuphele futhi ukucishwa kukagesi sekuzoba yinto yesikhathi esidlule.

5.1 IKhabhinethi lamukele iWinter Electricity Outlook eyethulwe yi-Eskom, ekhombisile ukuthi ukucimakonga kukagesi akunakwenzeka phakathi kukaMbasa noNcwaba, okubonisa ushintsho olukhulu ohambweni lwezamandla lwesizwe sethu.

5.2 IKhabhinethi liphinde lamukela inqubekela-phambili ekubhekaneni nokucinywa kukagesi njengoba amakhasimende ayizi-352 968 engasathinteki ukucinywa kukagesi ngezikhathi ezimatasa. Ukucinywa kukagesi sekumisiwe eNyakatho Kapa naseNtshonalanga Kapa, kanti izifundazwe ezinhlanu (5) ezilandelayo kulindeleke ukuthi kumiswe ukucinywa kukagesi ngowezi-2026 kanti iGauteng ne-KZN kuphela ezizoqeda izinselelo zazo zokucinywa kukagesi ngowezi-2027.

D. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wezingane, wezi-2026

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wezingane wezi-2026 ePhalamende.

1.2. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wezingane uhlose ukwenza lula izinhlelo nemithethonqubo yokuthuthukiswa kwezingane ezazinganakiwe ngaphansi kweSahluko 5 soMthetho yiziphathimandla ezahlukene kumthethonqubo ohlanganisiwe we-ECD ngaphansi kweSahluko 6 soMthethosivivinywa Wokuchibiyela obuyekeziwe ngaphansi kwesibopho soMnyango Wezemfundo Eyisisekelo kuphela. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela wethula inqubo eyodwa yokubhalisa izikhungo ze-ECD kanye neqoqo elilodwa leMigomo Nezindinganiso zoHlelo lwe-ECD.

2. UMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela Ezamandla Enuzi, wezi-2025

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela Ezamandla Enuzi wezi-2025 ukuze umphakathi ubonisane ngawo.

2.2. UMthethosivivinywa Ohlongozwayo uchibiyela uMthetho Wezamandla Enuzi we-1999 ohlinzeka ngohlaka lwezomthetho lokubamba iqhaza kweNingizimu Afrika ekuhwebeni kwamazwe ngamazwe ngezinto zenuzi kanye nobuchwepheshe

2.3. UMthethosivivinywa ubhekana negebe lomthetho elivulwe ukuthuthukiswa komhlaba wonke kanye nakuleli lizwe kwezenuzi ngokuvuselela uhlu lwamagama asetshenziswayo, ukuhambelanisa uMthetho nezindinganiso zomhlaba wonke, kanye nokuqinisa ukwengamela izinto zenuzi, izimpahla, kanye nemisebenzi ehlobene nayo kulo lonke uchungechunge lwemboni.

3. Umthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Yokwakha Kazwelonke kanye Nezindinganiso Zokwakha, wezi-2026

3.1. IKhabhinethi ligunyaze uMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Yokwakha Kazwelonke kanye Nezindinganiso Zokwakha wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Inhloso yoMthethosivivinywa ohlongozwayo ukukhuthaza ukufana emthethweni ngaphakathi komasipala nokuqinisekisa izindlela zokwakha eziphephile ngokulandela isayensi yokwakha enamandla, umsebenzi omuhle, kanye nezinto zokwakha ezisezingeni eliphezulu.

3.2. UMthethosivivinywa uphendula izikhalazo mayelana nezinselele ezihlobene nokusetshenziswa ngendlela engafani kanye nokuchazwa koMthetho.

D. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanele.

  1. Mnu. Otsile Maseng njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) weNational Credit Regulator.
  2. Nkz. Linda Seroka njenge-CEO ye-Export Credit Insurance Corporation of South Africa.
  3. Mnu. Marcus Selepe njenge-CEO yeLimpopo-Olifants Catchment Management Agency.
  4. Ukubekwa kwabaqondisi beBhodi leLepelle Northern Water.

a. Dkt. Ndweleni Fredirick Mphephu (uSihlalo nophinde wabekwa);

b. Mnu. Motalane Dewet Monakedi (iPhini likaSihlalo);

c. Nkz. Ayesha Hamad Laher;

d. Nkz. Christine Morongoe Ramphele;

e. Mnu. Makone Mack Magoele;

f. Nkz. Tsakane Zwane;

g. Nkz. Stephinah Mudau;

h. Ummeli Lufuno Tokyo Nevondwe;

i. Slz. Tebogo Mashifana;

j. Slz. Mabel Mphahlele-Makgwane; kanye

k. noMnu. Ashley Latchu.

  1. Ukubekwa kwabaqondisi beBhodi leNational Water Resource Infrastructure Agency

a. Mnu. Ramateu Johannes Monyokolo (uSihlalo);

b. Nkz. Precious Nompumelelo Sibiya (iPhini likaSihlalo);

c. Nkz. Barbara Schreiner;

d. Mnu. Simphiwe Khondlo;

e. Mnu. Gregory Nigel Joseph White;

f. Mnu. Nicholas van Rensburg Rabie; kanye

g. Nkz. Mankone Mabataung Ntsaba.

  1. Ukubekwa kweBhodi Elengamele iBreede-Olifants Catchment Management Agency

a. Mnu. Bongani Mnisi (uSihlalo);

b. Nkz. Marli Slabber (iPhini likaSihlalo);

c. Nkz. Eurica Scholtz;

d. Mnu. Trevor Abrahams;

e. Slz. Jakobus Andries du Plessis;

f. Nkz. Natasha Davis – Wolmarans;

g. Mnu. Jan Pienaar;

h. Mnu. Kobus Nicolas Steenkamp;

i. Nkz. Hlobisile Mbali Mngadi; kanye

j. noNkz. Tswarelo Gratitude Mokoena.

  1. Ukubekwa kweBhodi leState Information Technology Agency

a. Slz. Stella Bvuma (uSihlalo);

b. Ummeli Colin Weapond;

c. Nkz. Zimbini Hill;

d. Nkz. Siphumelele Dlungwane;

e. Mnu. Rendani Ramabulana;

f. Nkz. Nalini Maharaj;

g. Mnu. Protas Phili;

h. Mnu. Willie Vukela (omele i-DPSA); kanye

i. noMnu. William Mathebula (omele uMgcinimafa kaZwelonke).

  1. UMkhandlu Wenyonyana Yezokuxhumana Yamazwe Ngamazwe (i-ITU)

a) IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika ingenele ukukhethwa kabusha kwi-ITU yeSifunda D (i-Afrika) esikhathini sangowezi-2027-2030. Ukhetho luzobanjelwa eNgqungqutheleni ye-ITU Plenipotentiary kusukela mhla ziyisi-9 kuya mhla zingama-27 kuLwezi 2026. Ukuba khona kweNingizimu Afrika eMkhandlwini we-ITU, kanye nezinye izizwe zase-Afrika, kuqinisekisa izwi elinamandla lezwekazi ekubusweni kwe-ICT yamazwe ngamazwe.

E. Imicimbi Nezingqungquthela

9. Ingqungquthela Yezokuvakasha yase-Afrika

a) Ingqungquthela Yezokuvakasha yase-Afrika yangowezi-2026 izobanjwa kusuka mhla ziyi-11 kuya ziyi-14 kuNhlaba 2026 e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (e-Durban ICC) KwaZulu-Natali.

b) INgqungquthela izosingathwa ngesikhathi lapho kube nezinga eliphezulu labavakashi bamazwe ngamazwe abafikayo. NgoNdasa kulo nyaka izivakashi eziyizi-911 962 zikhethe ukuvakashela iNingizimu Afrika, okuwukwenyuka okungu-12,5% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngowezi-2025.

c) Lokhu kulandela isikhathi sokuvakasha esaqopha umlando ngowezi-2025 esaba nabavakashi abayizigidi eziyi-10.5 abafikayo. Kusukela ngoMasingana kuya kuNdasa 2026, iNingizimu Afrika isivele inabavakashi abafikayo abayizi-2 910 029.

d) Odabeni olufanayo iNingizimu Afrika iqinise isimo sayo njengesikhungo sezindiza esihamba phambili e-Afrika ngemuva kocwaningo lwezokuphepha olwenziwe yi-International Civil Aviation Organisation, i-ejensi ekhethekile yezezindiza yeNhlangano Yezizwe Ezibumbene.

10. UMkhankaso Wengqophamlano Yenkululeko

a) Lo nyaka uluphawu lochungechunge lwempumelelo yohambo lwentando yeningi labantu lwaseNingizimu Afrika ezobungazwa ngoMkhankaso Wengqophamlando Yenkululeko, ozokwethulwa eZindlini Zombuso ngoNhlaba 2026 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sihlonipha Umlando. Siletha Ikusasa.”

b) Le ngqophamlando ifaka phakathi iminyaka engama-30 yokwamukelwa koMthethosisekelo; iminyaka engama-50 yombhikisho wentsha ngowe-1976; iminyaka engama-70 yomkhankaso wokulwa nomthetho wokuphathwa kwamapasi; kanye neminyaka engama-60 yokususwa ngendluzula eDistrict Six.

c) Sezizonke, lezi zikhathi ezibalulekile zibonisa indlela ende ehanjiwe ekufuneni intando yeningi labantu nenkululeko, ngesikhathi zisikhumbuza ukuthi, naphezu kwenqubekela-phambili ebonakalayo, uhambo luyaqhubeka kulesi sizukulwane.

11. Ingqungquthela Yesibili YaseNingizimu Afrika Yengqalasizinda Notshalomali Lwezindawo Zomnotho Ezikhethekile Zomhlaba

a) IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweNgqungquthela Yesibili Yesibili YaseNingizimu Afrika Yengqalasizinda Notshalomali Lwezindawo Zomnotho Ezikhethekile Zomhlaba kusuka mhla ziyi-16 kuya ziyi-17 kuNtulikazi 2026 KwaZulu-Natali.

b) Le Ngqungquthela izohlanganisa abatshalizimali bendawo nabamazwe ngamazwe abasezingeni eliphezulu futhi isebenze njengenkundla lapho kuphakanyiswa khona imibono nezixazululo ezintsha ukuze kube lula futhi kwakhiwe Izindawo Zomnotho Ezikhethekile eziphilayo kanye nokuqinisekisa ukutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika.

c) INingizimu Afrika iqoke ama-SEZ ayishumi nambili (12) anama-SEZ ayisishiyagalolunye (9) asebenzayo njengamanje kanye nama-SEZ asebenzayo amukela abatshalizimali abangama-224 abeza notshalomali olulinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R31.7 kanye nemisebenzi eyizi-28,821 esunguliwe.

12. INyanga Yokuvikelwa Kwezingane

a) INyanga Yokuvikela Izingane igujwa minyaka yonke ukuze kuqwashiswe ngamalungelo ezingane kanye nesidingo sokuzivikela ekulimaleni. Ngalesi sikhathi, iminyango kahulumeni ebalulekile kanye nezinsizakalo zokuvikela izingane nezinhlangano zomphakathi ezahlukahlukene zizoqinisa imizamo yokunxenxa yonke imikhakha yomphakathi ukuthi kuvikelwe izingane, kubhekanwe nezinkinga zomphakathi eziqhubekayo futhi kuqiniswe izindawo ezidinga intuthuko kanye nokungenelela.

b) IKhabhinethi linxusa wonke amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane ukuvikela amalungelo ezingane, abeke phambili inhlalakahle yazo futhi aseke intuthuko yazo ngokuphelele.

13. INyanga ye-Afrika

a) INingizimu Afrika izohlanganyela nezwekazi ekubungazeni iNyanga ye-Afrika kanye noSuku lwe-Afrika mhla zingama-25 kuNhlaba 2026. Le nyanga iyithuba lokuthuthukisa ubunye, ukujulisa ukuhlanganiswa kwesifunda kanye nokuqinisekisa ikusasa elihlanganyelwe lase-Afrika. Lesi sikhathi sibiza ukuthi sizindle futhi sibungaze ubuthina obucebile, ifa kanye nokubonakalisa amasiko ethu. Siphinde sibize ukuthi wonke ama-Afrika asebenze ngokubambisana ekuqhubekiseni intuthuko kanye nenqubekela-phambili yezwekazi.

b) Njengoba sibungaza iNyanga ye-Afrika, sibungaza impumelelo yethu sibe sibheke inqubekela-phambili esiyenziwe ekufezekiseni umbono woHlelo Wobumbano lwama-Afrika wezi-2063 ukuze sibe ne-Afrika ebumbene nechumayo.

14. ULwesihlanu Webhola

IKhabhinethi linxusa isizwe ukuthi seseke iBafana Bafana endleleni yayo eya kwiNdebe Yomhlaba ye-FIFA yezi-2026 ngokugqoka okuluhlaza nokugolide ngoLwezihlanu ukuze kugqugquzelwe umoya wesizwe kanye nokuzigqaja.

F. Izimemezelo

1. Imiklomelo Kazwelonke KaMongameli Yama-MSME Nemifelandawonye

1.1 UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ubuyekeze iMiklomelo Kazwelonke KaMongameli Yama-MSME Nemifelandawonye ukuze ifake isigaba sesifundazwe kanye nezigaba zemikhakha ethile ukuze kuthuthukiswe ukuqashelwa, ukubandakanywa, kanye nomthelela wazo.

1.2 Isigaba sesifundazwe seMiklomelo ebuyekeziwe siqala ngoNtulikazi kanti imikhakha ebuyekeziwe yilena:

a. I-MSME Yonyaka Emkhakheni Wezolimo

b. I-MSME Yonyaka Yezinsizakalo Zezezimali

c. I-MSME Yonyaka Emnothweni Wedijithali, Ubuchwepheshe, Nokusungula Izinto Ezintsha

d. I-MSME Yonyaka Yomkhakha Wokukhiqiza

e. I-MSME Yonyana Yomnotho Ococekile

f. I-MSME Yonyaka Eholwa Yintsha

g. I-MSME Yonyaka Eholwa Yisifazane

h. Ama-MSME Onyaka Aphethwe Abantu Abaphila Nokukhubazeka

i. Umfelandawonye Wonyaka

2. Ukhetho Lohulumeni Basekhaya Lowezi-2026

2.1 Njengoba uMongameli Ramaphosa esememezele uKhetho Lohulumeni Basekhaya lwangomhla wesi-4 kuLwezi 2026, iKhabhinethi linxusa bonke abavoti abafanelekile ukuba babhalisele ukuvota noma bavuselele imininingwane yabo besebenzisa iphothali esemthethweni ye-IEC eku-inthanethi – https://registertovote.elections.org.za esebenza ubusuku nemini nsuku zonke. Izakhamuzi zingavakashela nehhovisi le-IEC lendawo ukuze zibhalisele ukuvota futhi labo abafake izicelo zomazisi bayakhunjuzwa ukuthi bazilande eMnyangweni Wezasekhaya.

2.2 Ngaphandle kwalokho, izakhamuzi zingabhalisa ngempelasonto kazwelonke yokubhalisa abavoti ngomhla wama-20 nonomhla wama-21 kuNhlangulana 2026, eziteshini zokuvota lapho bezofuna ukuvotela khona ngosuku lokhetho.

H. Imiyalezo

1. Amazwi enduduzo

IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba:

a. UCynthia Shange, iqhawe elihlonishwayo lamasiko, obe negalelo elikhulu kumafilimu nakumabonakude eNingizimu Afrika, wathola izindondo ezihlonishwayo, okuhlanganisa neLifetime Achievement Awards, ngokubonga igalelo lakhe embonini yezokuncebeleka kuleli lizwe.

b. U-Albert Mazibuko, owasungula iqembu elidumile iLadysmith Black Mambazo, eliwine amaGrammy Awards amahlanu futhi lavela ecwecweni likaPaul Simon elidumile lowe-1986 iGraceland.

c. Iqhawe elidumile lomculo we-opera laseNingizimu Afrika, uMimi Coertse, owayengomunye wabamele amasiko aseNingizimu Afrika futhi ephakathi kwamaphimbo e-opera abungazwayo ezweni. Wagqugquzela izizukulwane zabaculi, abalingisi, kanye namaciko asemasha futhi ifa lakhe lizoqhubeka nokubumba umculo namasiko aseNingizimu Afrika ezizukulwaneni ezizayo.

d. UMengameli wamaJaji osethathe umhlalaphansi u-Achmat Naeem Jappie oshone eneminyaka engama-70. Wasebenza njengePhini likaMongameli wamaJaji kwathi kamuva waba nguMongameli wamaJaji eNkantolo Ephakeme yaKwaZulu-Natali, waphinde wasebenza njengeBamba leJaji leNkantolo Yomthethosisekelo kanye naseNkantolo Yabasebenzi Yokudlulisa Amacala.

e. U-MMC Thumeka Bikwana, u-MMC wezinsizakalo kumasipala wesifunda iChris Hani, esithole ukuthi wabulawa ngomhla wesi-6 kuNhlaba 2026.

2. Ukuhalalisa

INingizimu Afrika inamabhishi amahle kakhulu emhlabeni

a. INingizimu Afrika iyaqhubeka nokuba yindawo ethandwa kakhulu yezokuvakasha emhlabeni wonke njengoba uMbiko Womhlaba Wonke Wamabhishi wezi-2026 okhishwe yisazi sokuhambela amazwe ngamazwe iTravelbag uthole ukuthi amabhishi amabili akuleli lizwe asohlwini lomhlaba wonke oluhlonishwa kakhulu.

b. IBoulders Beach eKapa ithathwa ngokusemthethweni njengebhishi elihamba phambili emhlabeni wonke, ilandelwa eduze yiCape of Good Hope Beach endaweni yesibili. Ukuqokwa kwawo kugcizelela ukukhanga kwamagugu ethu emvelo kumazwe ngamazwe kanye namandla omkhakha wethu wezokuvakasha.

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

  • UDkt. Naledi Pandor ngokuqokwa kwakhe njengoShansela weNelson Mandela University. Isishoshovu esidumile, isazi kanye nomsebenzi kahulumeni, uDkt. Pandor ubonise ukuzinikela kwezemfundo okusize ekwakheni isimo sentando yeningi labantu kanye nezenhlalo eNingizimu Afrika.
  • AmaBlitzboks, ngokunqoba isicoco sawo sokuqala seHong Kong Sevens ngemuva kokunqoba i-Argentina ngama-35-7 kowamanqamu eKai Tak Stadium.
  • Amaqembu erelay yamadoda aseNingizimu Afrika ngokunqoba izindondo zesiliva kowamanqamu wamadoda we-4x100m kanye ne-4x400m kumaWorld Athletics Relays eGaborone.

Imibuzo:
UPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Ungathinta: Nkz. Nomonde Mnukwa, iBamba loMqondisi-Jikelele
Umakhalekhukhwini: 083 6537485
www.gcis.gov.za; www.gov.za

#GovZAUpdates

Share this page

Similar categories to explore